Skip to content

AKUSIYO YONKE INKOLO EPHEFUMULELWE UNKULUNKULU

AmaNazaretha kubhaliwe ngawo kuma Dead Sea Scrolls. Ayebizwa ngokuthi angabalondolozi

boMthetho, abaprofethi kanye noMesiya.” Kodwa- ke amagama anjengobuKrestu namaKrestu awazange aqoshwe njengalokhu lalingekho ihlelo elinjalo eNkolweni kaMoshe.

Isihlabelelo 180.
 
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
 
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini
 
3.Lincisha abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalomhlaba
Lalingakabi bikh olona.
 
1.Kulesi sikhathi samanje kuvame ukuba nempikiswane ekutheni imuphi Umprofethi owayeyindodana kaMaria noJosefa nowayebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu phakathi kukaYahusha Hamashiach noJesu Krestu?
 
2.UYahusha ligama lesiHebheru elisengelakhe uYeshua osolimini lwe-Aramaic. I-Aramaic yabe isigqame kakhulu phakathi kwabantu bakwaJuda ngenkathi ingelosi uGabriel imemezela ukuthatshathwa nokuzalwa kukaMesiya.
 
3.Akufihliwe kuNew Testament ukuthi uJesu Krestu wayengumJuda ezalwa nguMaria noJosefa. Kodwa impikiswana isegameni ukuthi uYahusha noma uJesu!
 
4.Ngicabanga ukuthi ngingowokuqala ukuveza
ezintshumayelweni zami ukuthi umprofethi owabe engumJuda abazali bakhe kunguMaria noJosefa, igama lakhe kwakunguYahusha, hhayi uJesu!
 
5.Kuleyo ntshumayelo yami ngathola ukuphikiseka okukhulu, kuthiwa igama lendodana kaMaria noJosefa
kwakunguJesu.
 
6.Kodwa emva kwesikhathi abaningi bagcina bevuma ukuthi impela indodana kaMaria noJosefa kwakunguYahusha, kodwa leligama lagcina ngokuhunyushelwa olimini lwesiGriki noma iLatin kwagcina sekuthiwa ngu Jesus!
 
7.Isizathu sokuba ngifune ucaciswe lomlando ukuthi uYahusha wayengumHebheru, engumJuda, engaphansi kwenkolo kaMoshe, (iMosaic Faith) okuyinkolo thina
maNazaretha esingaphansi kwayo!
 
8.Umprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye) wakubhala phansi, wakwenza isisekelo sebandla lamaNazaretha ukuthi leli bandla lingaphansi kwenkolo kaMose. Uthi ke umprofethi:
 
9.“MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE
NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE UJEHOVA OWANILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.”
 
10.Emva kwalokho ngaveza ukuthi amaJuda ayeyizitha ezinkulu zamaGriki namaRoma njengoba kuvela eNcwadini kaMaccabees.
 
11.Ngakuveza ukuthi ngo 70 A.D. kwaba nempi phakathi kwamaJuda namaRoma, nokuthi amaRoma agcina ngokuwanqoba amaJuda.
 
12.Emva kokusungula inkolo yobuKrestu, ngo 325 A.D., uConstantine wayichitha ngamaCreeds inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaMoshe. Lama Creeds ahamba kanje:
 
13.ISIVUMO SENKOLO YOBUKRESTU SIKA
CONSTANTINE. “Ngiyawala onke amasiko, nemikhuba, nemithetho, nezinkwa ezingenamvubelo kanye nemihlatshelo
yamawundlu yamaHebheru kanye nayo yonke
imikhosi yamaHebheru, nayo yonke eminye imikhosi yamaHebheru, imihlatshelo nemikhuleko,
 
14.nezifiso, nokuhlambuluka, nokungcweliswa,
nokuzila; namaSabatha, nezinkoloze, namahubo
kanye neziqubulo, namaSinagoge, konke impela
okungokwamaJuda, wonke uMthetho, nemigubho kanye namasiko.
 
15.Uma emva kwalokhu ngizofisa ukuphika bese
ngibuyela kwinkoloze yamaJuda, noma ngitholakale ngidla namaJuda, noma ngidla amadili kanye nawo,makunamathele kimi ukuqhaqhazela kukaKhayinikanye nochoko lukaGehazi, kanjalo nezijeziso engisho mina uqobo ukuthi zingifanele.”
(YiSivumo seSonto lase Constantinople, kusukela nge 4th century A.D.)
 
16.Ngaphandle kwe Creed eqeda ngenkolo
yamaHebheru kwabuye kwaba ne Creed eyabe
igcizelela ngokuqedwa komthetho nemikhosi kaJehova kubantu abangamaKrestu, bese esikhundleni begcine amasiko nemikhosi yamaRoma. Le Creed ihamba
kanje:
 
17.UKUQEDWA KWEMIKHOSI NEMIHLANGANO
KAYAHUAH:
Lesi kwabe kuyiSivumo seNkolo esabhalwa emva
kweSivumo saseConstantinople sango 325 A.D.
ngenhloso yokwehlukanisa inkolo entsha naleyo
yamaJuda: sihamba kanje:
 
18.“Ngiyawemukela amasiko, nemikhuba,
nemithetho, kanye nemikhosi yamaRoma,
nemihlatshelo, nemithandazo, nokuhlambuluka
ngamanzi, ukungcweliswa nguMpristi oMkhulu
waseRoma.
 
19.Ukuncenga emimoyeni, imikhosi, noNkulunkulu weLanga weSabatha Elisha (uSuku Lelanga), uSuku lweSonto lokukhonza uJesu, uSuku lweNkosi olubuye lwaziwe ngoSuku lukaBhali (njengalokhu
uBhali eyiNkosi, kanjalo noJesu uyiNkosi).
 
20.Zonke iziqubulo ezintsha nokugcinwa
kwamaholidi amaKrestu, nakho konke ukudla
neziphuzo zamaRoma. Ngamanye amazwi,
ngemukela impela konke okungokwamaRoma,
yonke imithetho emisha (ukwephula iMithetho
neMiyalo ka Yahuah), imikhuba namasiko,
noKhisimusi; nama-Easter, konke kwaseRoma,
kanye neNkolo entsha yaseRoma engubuKrestu”.
 
21.Ngaphandle kwale Creed, kwabuye kwaba ne Creed eyakhelwe ukuqeda ngeSabatha bese ivusa iSonto. LeCreed ihamba kanje:
 
22.UKUCHITHWA KWESABATHA.
“AmaKrestu ngeke enze ubuJuda avilaphe
ngoMgqibelo, kodwa ayosebenza ngalolo suku;
kodwa ayohlonipha uSuku lweNkosi futhi,
njengamaKrestu, ngeke asebenze ngalolo suku uma kungenzeka. Uma kodwa betholakala benza
ubuJuda bayokhishwa inyumbazana bese
behlukaniswa noKrestu.”
 
23.UMkhandlu waseLawodikheya, 365 A.D.
 
Njengoba sihlale sichaza, ibandla likaYahusha lalibizwa ngokuthi ngamaNazaretha (the Nazarenes).
 
24.Kodwa enkolweni yobuKrestu babengawafuni
amaNazaretha ngoba kwakulibandla elakhelwe phezu kwenkolo yamaHebheru, ngakho ke amaKrestu ehlale elwela ukuba liphele!
 
25.Yikho nje ngaphandle kweZenzo 24:5 kungavezwa ukuthi ibandla likaYahusha kwakungamaNazaretha.
 
26.Le Creed echitha ibandla lamaNazarene ihamba kanje: ISIVUMO SENKOLO SOKUQEDA NYA NGAMANAZARETHA.
 
27.Manje sizoke sibuke lama hlubuka, labo abazibiza
ngamaNazaretha. Imvama bangamaJuda, hhayi futhi okunye!
 
28.Abasebenzisi nje kuphela iTestamente Elisha,
kodwa baphinde basebenzise ngandlela thile
iTestamente Elidala lamaJuda; ngoba abazenqabi izincwadi zeTORAH, abaprofethi kanye nemibhalo …
 
29.okuyikho ke bemukelwa phakathi kwamaJuda
angehlukile ngalutho kumaNazaretha, bevuma
zonke izimfundiso ezimayelana nezimiso ezikwi
TORAH namasiko amaJuda, ngaphandle kokuthi nje bayakholelwa nakuMesiya …
 
30.Le Creed iyakucacisa ukuthi amaKrestu akavunyelwe
ukufunda iTestamente Elidala, kuhlanganisa nazo zonke izincwadi ezikuyiTestament Elidala!
 
31.Ngokusobala ayivunyelwe imfundiso yokukholwa
okwalethwa nguYahuah, njengoba naye ekhishiwe
kuyiTestamente Elisha!
 
32.”Ashumayela ukuthi kukhona nje unkulunkulu
oyedwa nenNdodana yakhe uYahusha. Kodwa
bafundile impela olimini lwesiHebheru; ngokuba,
njengamaJuda, afunda wonke uMthetho [ITORAH],
bese kuba abaProfethi …
 
33.Ehlukile kumaJuda ngoba nje bakholelwa
kuMesiya, baphinde behluke kumaKrestu ngoba
kuze kube namuhla bazibophezele emikhubeni
yamaJuda, njengokusoka, neSabatha, neminye
imikhosi.”
UMTHOMBO: Jerome – Epiphanius; Panarion 29.
 
34.Ngokusobala amaKrestu akavunyelwe ukuba
azihlanganise namikhosi yamaHebheru, okuyimikhosi
kaJehova, kodwa kufanele agubhe imikhosi yamaRoma!
 
35.Umbuzo ke uthi njengoba amaRoma, ayeyizitha ezingaka zamaJuda, babuye bahlangana nini
ngokwenkolo?
 
36.Ku-Izenzo 24:5 kuthi: “Ngokuba lendoda
siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi
kwaba Juda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo
lamaNazaretha.”
 
37.Kodwa kuyo yonke imfundiso yobuKrestu kuyaye kuthiwe uJesu noPaul babeyizinhloko zenkolo yobuKrestu. Pho kwakufihlelwani ukuthi uPaul wayeyinhlonko yebandla lamaNazaretha, hhayi lamaKrestu?
 
38.Ekwenzeni kwami ucwaningo, ngathola ukuthi
okuseqinisweni kwakungeyena yedwa uPaul
owayengumholi webandla lamaNazaretha, kodwa noYahusha wayengumholi webandla lamaNazaretha.
 
39.Encwadini yakhe ethi, THE NAZARENE:
BETRAYED, BEATEN, BEGOTTEN, uRav Sha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ihlelo lamaNazaretha lasungulwa uMprofethi omkhulu, uJohane onguMbhaphathizi, owanikwa wuYahuah “iNdlela yeNsindiso.”
 
40.Umsebenzi kaJohane kwakungukufundisa
aphinde acije uMesiya emsebenzini woMpristi
oMkhulu nokumfundisa “INdlela.”
 
41.Ngakho-ke siyazi ukuthi uYahusha wathatha lo msebenzi wobuHoli bamaNazaretha engasekho
uJohane.
 
42.UJakobe Olungileyo wabe esethatha lo msebenzi engasekho umnewabo uYahusha, wahola amaNazaretha.
 
43.USha’ul uMpostoli wabe esethatha lo msebenzi emva okuhamba kukaJakobe emhlabeni, eba umholi ononhlonze kakhulu wamaNazaretha emlandweni
(edlulwa kuphela uYahusha).
 
44.Futhi siyazi ukuthi wonke “uMholi
wamaNazaretha” wayengokhishwe inyumbazana, engavikelwe wumthetho wezwe futhi bahlangabezana nokufa okusheshayo ngenxa yokusebenza kulesiya sikhundla.”
 
45.Lapho echaza ngama Dead Sea Scrolls afakaza ngokuthi ibandla elaziwa ngokuthi ngelikaYeshua kuma- Israeli kwakungamaNazaretha, uRav Sha’ul uthi:
 
46.“Ama Dead Sea Scrolls atholokala ngo 1947 kuya ku 1956 eduze koGwadule lwakwaJuda iQumran.
 
47.Le yimibhalo yasendulo ecacisa ngomlando
wamaYisra’el, ikakhulu indlu kaJuda, amasiko kanye nemibhalo yakuqala yeBhayibheli lamaHebheru.
 
48.”Aqale atholwa wumelusi owafika emgedeni
owabe unezinkamba ezazinama scrolls ngasogwini olusenyakathontshonalanga noLwandle lukaSawoti.
 
49.Ukutholakala kwalama scrolls kwaholela
ekumbiweni kwama sites awu 11, okwaveza
imibhalo yesandla yesiHebheru nembalwa ye-
Aramaic kanye neyesiGriki.
 
50.Isikhathi sokubhalwa kwalama scrolls sisukela
eminyakeni yawo 3rd century B.C., okuyenza ibe
midala kunayo yonke imibhalo yeBhayibheli leli
esinalo.
 
51.Kukholakala ukuthi lama scrolls abhalwa yihlelo lamaJuda elabe laziwa ngelama Essenes ayehlala eQumran.
 
52.Lo mphakathi kucatshangwa ukuthi ube khona kusukela ngo 100 B.C. kuya ku 68 A.D., ngesikhathi seThempeli lesibili okwabe kuyisikhathi esibalulekileyo sezinguquko emlandweni wamaJuda
wezenkolo nezombusazwe.
 
53.Ama Dead Sea Scrolls athathwa ngokuthi
ayifagugu elikhulu elatholwa ngolwazi lokumba
lwemihla ka20th century.
 
54.Lama scrolls asebe wusizo olukhulu
ezifundisweni ngoba asecacise ngokukhiqizwa
kweBhayibheli lesiHebheru osekucije ulwazi
lwezifundiswa loku qhathanisa phakathi kwama
scrolls nemibalo yeBhayibheli ebhalwe emva
kokutholakala kwawo.
 
55.Lokhu sekwenze kwaba lula ukuqinisekisa
nokulondoloza imibhalo yeBhayibheli esukela
ezikhathini zasendulo.
 
56.Ama Dead Sea Scrolls akagcini nje ngokucacisa ngezindaba zenkolo ngaphansi kwenkolo yamaJuda, kodwa aphinde acije indlela esiqonda ngayo ukuvela kwalokho abezizwe abakubiza ngobuKrestu.
 
57.Ukuthokala kwawo sekube nomthelela omkhulu ekufundweni kweBhayibheli lapho ke ephinda ecija indlela esiqonda ngayo isikhathi elabhalwa ngaso.
 
58“AmaNazaretha kubhaliwe ngawo kuma Dead Sea Scrolls. Ayebizwa ngokuthi angabalondolozi
boMthetho, abaprofethi kanye noMesiya.” Kodwa- ke amagama anjengobuKrestu namaKrestu awazange aqoshwe njengalokhu lalingekho ihlelo elinjalo eNkolweni kaMoshe.
 
59.Amahlelo ayegqame kunawo onke phakathi
kwamaJuda kwakungabaFarisi nabaSadusi kanye
nama-Essenes. UMprofethi uJohane,
uMbhaphathizi, wasungula ihlelo lamaNazaretha.
 
60.Njengalokhu ubuKrestu bungaphathwa
nokuphathwa nje kuma Dead Sea Scrolls, okufanele kuthathwe ngokuthi angumthombo weqiniso wolwazi, bavela nini futhi kanjani ukuze bube khona lobu buKrestu?
 
61.Kungani butholakala kuphela kulokhu okubizwa nge Church History uma babukhona ngempela ngalesi sikhathi okukhulunyhwa ngaso lapha? Bayidingada kangakanani ngemplela le ndaba engaka abefundisi kanye nezifundiswa ze theology nje ngobuningi bazo? Bake bakucabange yini ukucela inselelo lokho okuyizimfundiso eziyizisekelo yenkolo yobuKrestu?
 
62.Kuyo yonke lemibhalo evezwa ngabamhlophe
abanye abangamaKrestu, kusala kunombuzo okumele ucaciswe ukuthi uYahusha wake waba senkolweni yamaRoma, okungubuKrestu kanjani, noma abezizwe bayasiqhwaga loMsindisi wethu njengoba kungumkhuba wabo ukuthi konke okuhle nokuyisibusiso sephucwa
khona bese kuba ngokwabo?
 
63.Pho uma ngabe uYahusha engakaze abe nguJesus, kwenzeka kanjani ukuthi amaKrestu abe nomlando kaJesu ofana ncamashi nokaYahusha?
 
64.Njengoba sesishilo, uYahusha kwakungumprofethi esizweni samaHebheru, ezalwa nguMaria noJosefa. Wazalwa ngo 6 A.D, wabethelwa esiphambanweni ngo
33 A.D.
 
65.Engasekho, cishe ngo 55 A.D abalandeli bakhe bashumayela ngaye nakwabezizwe, phakathi kwabo okwakukhona namaRoma.
 
66.Kodwa kusukela ku 66 A.D kwakuba nezimpi
phakathi kwaRoma namaJuda, okwathi ngo 70 A.D amaJuda anqotshwa.
 
67.Kusukela lapho amaJuda abazigqila zamaRoma, amanye abalekela e-Afrika. Kungakho kunezwe eWest Afrika elibizwa ngoku INEGROLAND ngoba kulapho okwathi uma ebaleka amaJuda afika azinza khona.
 
68.UHlelo lweSilo selulucishe ngobuqili obukhulu lonke ulwazi obelukwi internet obelucacisa mayelana nobukhona bezinye izizwe zamaHebheru, ezinjengoNafetali, u-Isakare kanye noZebuloni, ezabe zakhe lapho nangaphambi kokuchithwa kweThempeli
Lesibili laseJerusalema.
 
69.Njengoba sesikuvezile, encwadini yakhe ethi FROM BABYLON TO TIMBUKTU, uprofesa Windsor uchaze kahle ukuthi kwenzekani emva kokuba amaJuda
enqotshwe ngamaRoma!
 
70.Kusukela amaJuda ehluliwe, amaRoma
awahlukumeza kakhulu amaJuda, njengoba kuvela encwadini kaprofesa Windsor.
 
71.Kodwa kusukela sekubusa uConstantine kwaba nama Creeds ngawo okwakuqedwa inkolo yamaJuda!
 
72.Uthi ke uDr Kotze njengamaJuda, amaRoma ayefuna ukuba nawo abe noMsindisi, kodwa hhayi umsindisi ongavela esizweni samaJuda, ngoba amaJuda abe eyizitha zabo.
 
73.Kodwa ngalesi sikhathi amaJuda ayesevele
anqotshwa, nenkolo yabo abasayigcina, bekwenza lokho ngokuntshontsha.
 
74.AmaRoma abe esenza umsindisi wawo oyisithixo aqala ambiza ngeLatin ngokuthi u-IESUS, okwathi eminyakeni yo 17th century, sekunohlamvu u “J”, kwase kuthiwa ngu “Jesus” ngesiNgisi!
 
75.Ekhasini 62 lencwadi ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Koster uyafakaza ukuthi uJesu akaze abe khona, kodwa wasungulwa ngamaRoma ngoba efuna owabo umsindisi.
 
76.UKoster uthi: “Abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi lo ongumJuda. Babewenyanya amaJuda, bemenyanya futhi noNkulunkulu weTestamente Elidala. Ngakho-ke, kwancanyelwa umsindisi osamGriki.”
 
77.Lesi sicaphuno esingenhla sicacisa kahle ukuthi akakaze abe khona umuntu obizwa ngo’Jesu’ kusukela ngenkathi yokubhalwa kwama Dead Sea Scrolls kuze kube yi 3rd century A.D.
 
78.Lo ‘Jesu’ uyisakhiwo sabezizwe; wakhelwa
esisekelweni seNkolo yeMfihlakalo yaseBabylon,
izinganekwane zamaGriki namaRoma kanye
nezindatshana ezilotshiweyo ezebiwe kuleyo
yamaHebheru.
 
79.Kuyacaca ke ukuthi inkolo yabezizwe ebizwa
ngobuKrestu ayihlangene nhlobo noYahuah nesizwe samaHebheru.
80.Iyingxubevange yemibhalo ehambe yebiwa nje, injulabuchopho yama Gnostics kanye nezinganekwane zamaGriki namaRoma asendulo!
 
81.Ubufakazi obusobala bokuthi uJesu akaze abekhona emhlabeni, ngonyaka ka 1492 A.D., uPapa u-Alexander VI wavula umncintiswano wokutomula iciko lemifanekiso elabe liyogcina selidwebe umfanekiso kaJesu ewususela kuCesare Borgia.
 
82.Phakathi kwamaciko aseNtaliyane abamba iqhaza kulowo mncintiswano kwabe kungoLeonardo da Vinci noMichelangelo Buonarroti, okungamaciko ayedume kakhulu emihleni yeRenaissance.
 
83.Njengalokhu omabili lama ciko ayaziwa kahle,
kwaqubuka umncintiswano phakathi kwawo ukuze kubonakale ukuthi ubani owabe engayithatha kangcono inhliziyo kaPapa ngokwenza umfanekiso omusha
wendodana kaPapa owabe ungakhohlisa umhlaba, ukuze ukholwe ukuthi uCesare wabe enguJesu.
 
84.Ngakho-ke, iningi lemifanekiso eveza uJesu
obonakala engowase-Europe, le esiyibona
emifanekisweni ependiweyo namuhla emasontweni nasezitolo zamaKrestu, empeleni ingeka Cesare Borgia, hhayi uMesiya.
 
85.Kodwa lama-artist akagcinanga lapho, kepha
kwabuye kwapendwa bonke abantu abamnyama
beBhayibheli, benziwa baba mhlophe, kuyengwa
umhlaba wonke mayelana nokuthi aBantu beNcwadi ngempela babenjani.
 
86.Ngokuhamba kwesikhathi le mifanekiso yamanga yangena yagxila emiqondweni yoquqaba, kangangoba indaba yokuthi uMesiya umnyama sekuyi yona esizwakala ingamanga!
 
87.Njengesizwe esimnyama, okubaluleke kakhulu
namuhla ukubhekisisa isimo sayo yonke lenkolo
yobuKrestu.
 
88.Okumele sizibuze khona ukuthi ngabe uNkulunkulu wethu nguYahua noma nguBaal?
 
89.AmaCreeds omsunguli wenkolo yobuKrestu,
uConstantine, onke ayayichitha inkolo kaYahua,
okuyinkolo yamaJuda.
 
90.Ngama Creeds ubuKrestu buyalichitha iSabatha likaYahua bese bumisa iSonto likaBaal; liyachithwa lonke iTestamente elidala nemikhosi kaYahua bese kumiswa iTestamente Elisha ubuKrestu obuhamba namasiko kanye nemikhosi yamaRoma!
 
91.Kuthiwa amaKrestu angenzi ubuJuda ngokugcina isabatha, kodwa akagcine iSonto ngoba ngalo amaKrestu abhekeke ukuba adumise uJesu.
 
92.Batshelwa ukuthi uma uBhali ekhonzwa ngoba eyiNkosi, kanjalo ke noJesu makakhonzwe ngoba naye uyiNkosi!
 
93.Ngakho-ke, njalo uma amaKrestuephakamisa
uJeshu, asuke eziphakamisela uBhali nje obelokhu ekhonzwa ngamaRoma njalo ngamaSonto.
DC94.Le yiNkolombumbulu yeLanga, okungumqondo ovela eNkolweni yeMfihlakalo yaseBabylon! Lo uTammuz, indodana ezelwe yodwa kaNimrod noSemiramisz. Sithola umqondo ofana nawo lo ebuKrestwini, akunjalo?
 
95.Le Creed ikubeka ngokusobala ukuthi akukaze kubekhona ubudlelwane phakathi kwamaRoma namaHebheru, njengoba vele ngokomlando kungakaze kube khona!
 
96.Umbuzo ke ngothi njengoba uYahusha wabe eliJuda, waphenduka kanjani wabe eseba senkolweni yamaRoma, eseba nguJesu?
 
97.Kungani ungaba bikho umlando kaYahusha eshiya inkolo owayengaphansi kwayo, okuyinkolo kaMose, bese eba senkolweni kaConstantine, ebe eyisitha samaRoma, aze ashintshwe igama abe nguJesu?
 
98.Kusobala ukuthi lento esiyifundiswayo yokuthi
uYahusha wake waba senkolweni yobuKrestu, wase eba ngu Jesus, senziwa izilima ngokukholiswa ngento okusobala ukuthi ayikaze yenzeke!
 
99.Amaphuzu angenhla akhombisa kahle ukuthi
siyengwe kanjani ukuba silaxaze uYahuah wethu
noMthetho waKhe bese semukela ngobukhulu ubuwula lenganekwane yabelungu esungulwe abantu absemhlabeni!!
 
100.Kunesidididi esikhulu mayelana nolwazi kulolu daba esidinga ukubhekisiswa yizazi zemfundiso-nkolo yamaKrestu ngoba kungathi kulokhu kunombuzo mayelana nokuthi ngabe umuntu kufanele akhonze bani phakathi kukaNkulunkulu wamaKrestu nalo wamaHebheru ogama laKhe linguYahuah!
 
101.Inqubo yokukholwa kuYahuah ukugcina uMthetho wakhe njengoba sawufundiswa nguMoshe, kodwa amaCreeds enkolo yobuKrestu athi lahla yonke inqubo yokukholwa ku Yahua bese ulandela inqubo yokukholwa kuBhali, uchithe iSabatha likaYahua bese ugcina iSonto likaBhali!
 
102.Nakhu ke okufike kudide kumaKrestu, uma
eshumayela, ehlabelela, ethandaza, konke lokhu
bakwenza ngokubiza igama likaYahua!
 
103.Sebekwenzile konke lokhu ngezindebe zomlomo, bese kugcina lapho, kepha ngezenzo bagcina onke amaCreeds ka Constantine achitha inkolo yamaHebheru! Nabo bayayichitha inkolo yamaJuda!
 
104.Inqubo yokukholwa kwamaKrestu ukungaphili ngaphansi komthetho kaYahua. Lokhu kungukulandela iCreed ethi abachithe yonke iTorah, bese belandela inqubo yokukhonza uBhali!
 
105.Lokhu kubonakala kahle uma amaKrestu echitha iSabatha likaJehova bese egcina iSonto likaBaal!
 
106.Siyaye sikhohliswe ke ngokufakaza ngemibhalo yeBhayibheli, kodwa amaCreeds abakhona ngo 325 A.D., kanti iNew Testament ihlanganiswe eminyakeni yo 4 th kuya ko 5th century A.D., kudala amaCreeds aba khona! Yonke inqubo yokukholwa kwamaKrestu ikumaCreeds!
 
107.Ngicabanga ukuthi manje abantu abamnyama sebevuthwe ngokwanele engqondweni ukuvuma
ukuhlale bekhohliswa ngabamhlophe!
 
108.Okuseqinisweni ubuKrestu bulandela inkolo kaBaal, kodwa evunuliswe ngo Yahua! Inqubo yokukholwa kwenkolo kaYahua kuchithiwe enkolweni yobuKrestu; kodwa iningi labalandeli bayo abakuboni lokho!
 
109.Njengamanje kunomprofethi kaYahua, uSister Celestial, osenkolweni yobuKrestu. Mina ngizilandela zonke izimfundiso ngokukholwa neziprofetho
zalomprofethikazi.
 
110.Ukuba amaKrestu ayazi ngabe ayamlalela futhi ayazithatha izimfundiso zalomprofethikazi, ngoba kusasa zizobasindisa elufeni nasekulahlweni kwelizayo!
 
111.USister Celestial usekusho kaningi ukuthi ezulwini ayikho into eyiTestament Elidala nelisha, ngoba umthetho kaNkulunkulu munye, yilo esawufundiswa
nguMose nabaprofethi abamlandelayo.
 
112.Kodwa amaKrestu amaningi ahlalela ukumthuka
ngayo yonke inhlamba lomprofethi kaJehova.
 
113.Engingakusho kubo ukuthi usuku lokwahlulela
selufikile, ukukhala nokugedla amazinye
sekusemnyango kubo!
 
114.Uma ufuna ukwazi ukuthi uNkulunkulu ukhonzwa kanjani, nokuthi kuzokwenzekani kusasa, lalela
izimfundiso neziprofetho zika Sister Celestial!
 
INkosi ibusise iZwi laYo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *