Skip to content

IZWI LEZULU ALIZWAKALE EMHLABENI WONKE

Kafuphi, ivangeli lase le Nazarite Church of God (NCG) liyefana nelomprofethikazi wase USA uSister Celestial, ngaphandle kokuthi mina angiprofethi, kepha ngivuselela imithetho kaJehova owayinika uMose, wafundiswa yibo bonke abaprofethi abamlandela; okuthe usuchithwe inkolo ka Constantine ngama Creeds, lapha eSouth Afrika wavuselelwa nguShembe I!

Isihlabelelo 153.
1.Nanti ilizwi elomemo
Liyamema bonke abantu
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
 
2.Abansundu nabamhlophe
Libamema kwana njalo
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
 
3.Zimpumputhe nani zinyonga
Sabelani niyabizwa
Lolu memo ngolwezulu
Ziyamenywa zonke izizwe.
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
 
1.Ngenxa yokuthi sekunokuphikisana okuningi kokuthi iliphi igama likaJehova okuyilo ngokwesi Hebheru, ezintshumayelweni zami ngizosebenzisa uYahuah, uYah, noma uYehova. KuJesu ngisebenzisa igama likaYahusha (okuyisiHebheru) noma uYeshua (okuyi-Aramaic)!
 
2.Lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu kusukela ekusungulweni kwalo ngo 2010 kuze kube manje izintshumayelo zalo beziba ngesizulu.
 
3.Kodwa kusukela manje, noma lezi zintshumayelo zizobe zibhaliwe ngesiZulu, sezizoba ngesiNgisi.
 
4.Isizathu sokuba zibe yisiNgisi ukuthi kwakuvele kuyinhloso yomprofethi nongumsunguli walelibandla ukuba lelivangeli lihambe umhlaba wonke, njengoba nehubo esikade silihuba linalowo myalezo.
 
5.Ngakho ke kunesidingo sokuba kafuphi nginikeze umlando ngenkolo yomprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), ebizwa ngokuthi UBUNAZARETHA.
 
6.Indlela esizokhuluma ngayo kufanele sibe nolwazi lokuthi asisakhulumi namaZulu odwa, kepha sesikhuluma nomhlaba wonke.
 
7.Umprofethi kulinganiselwa ukuthi wazalwa ngo 1865 kwaZulu esifundankantolo sase Mtshezi(Escourt), kodwa wakhulela eFree State kuyisifundankantolo saseNtabazwe (Harrismith).
 
8.Wafika eNatal, KwaZulu ngo 1910, owaze wahamba emhlabeni mhla ka 2 May 1935 lelibandla lisazinze khona.
 
9.Ngo 1919 umprofethi wamemezela(declaration) abafundisi abane ukuthi uma uNkulunkulu emthatha emhlabeni, koba yibo abayohola ibandla.
 
10.Kwaba ngumfundisi uMnqayi, owabe esekhulile, kube umfundisi uMzobe, naye owabe esekhululile.
 
11.Kwase kuba ngabantwana bakhe ababili, uGalilee Shembe owayeneminyaka engu 15, bese kuba ngu-Amose Shembe owayeneminyaka engu 13 ngaleso sikhathi.
 
12.Lesi simemezelo somprofethi sasiyisiprofetho ngokwaso, ngoba wafike waguqisa umntanakhe uGalilee Shembe ngaphambi kwamfundisi uMnqayi, kwase kuthi owesibili u-Amose Shembe emguqisa phambi kwamfundisi uMzobe.
 
13.Konke lokhu ekwenza phezu kwentaba yaseNhlangakazi phambi kwebandla.
 
14.Wabe esekhuluma eqondisa ebandleni ethi: “Bantabami, ngithunywa nguJehova ukuba ngimgcobele laba bafundisi bakhe abayohola lelibandla uma sekufike isikhathi sokuba mina angithathe bkulomhlaba.”
 
15.Sengihambile, lelibandla loholwa ngumfundisi uMnqayi, kodwa uma umfundisi Mnqayi engaliholanga, loholwa ilomntwana uGalelee.
 
16.Uma kungenjalo liholwe ngumfundisi uMzobe, kodwa uma lomfundisi engaliholanga, loholwa yilomntwana u-Amose.”
 
17.Emva kwesikhathi uShembe wabe esethuma laba befundisi, uMnqayi noMzobe ukuba lelivangeli beyolishumayela ngaphandle kwasekuPhakameni.
 
18.Kodwa ekushumayeleni kwabo abazange besabuya kulelibandla lamaNazaretha, esikhundleni bobabili bazivulela amabandla abo.
 
19.Kwathi uShembe ehamba emhlabeni ngo 1935 kwase kuvele sekusele laba bantwana bakhe ababili ebandleni.
 
20.Njengoba wayevele eshilo umprofethi, ekuhambeni kwakhe ibandla lase liholwa ngumntanakhe uGalile owabe esevele esekhululile eneminyaka engu 30.
 
21.Umfundisi uGalile Shembe lelibandla walihola iminyaka engamashumi amane. Kwathi uma esehambile emhlabeni ngo 1976, kwatholakala ukuthi akayenzanga i-Will, kodwa futhi kwacaca ukuthi wayengenke ayenze ngoba vele uyise wabe ehambe eshilo ukuthi emva kwakhe lelibandla loholwa ngubani.
 
22.Ngo 1976 umfundisi uMzobe noMnqayi base bahamba emhlabeni, neNkosi uGalilee Shembe esengasekho; ngakho ke ibandla lavumelanga ukuthi umuntu osesele kulaba ababekhonjwe ngumprofethi, ngu-Amose Shembe.
 
23.Nempela ekuhambeni kweNkosi uGalile Shembe ibandla laholwa ngu-Amose Shembe, naye owabe esekhulile.
 
24.Ngenxa yokuthi ezinshumayelweni zami lamagama azolokhu evela, umprofethi nomsunguli webandla sizothi uShembe I, iNkosi uGalilee Shembe sithi uShembe II, bese iNkosi u-Amose Shembe sithi uShembe III.
25.Esehambile emhlabeni uShembe II, uShembe III lelibandla walihola cishe izinyanga eziyisithupha lisahlangene, kwase kuqubuka indodana kaShembe II, uLonda Shembe, isithi iyona okufanele ihole leli bandla.
 
26.Kwaba nesimo esifana nokuvukela umbuso, ngoba kuleso siwombe kwaba nodlame olwabulala amakholwa cishe amahlanu.
 
27.Ngenxa yaloludlame olwaseluqubuke eKuphakameni, uShembe III waphuma ekomkhulu waleli bandla, wabe esakha omunye umuzi, eBuhleni.
 
28.Kodwa u 99% webandla walandela uShembe III, ngoba babewazi umlando wokuthi abaholi baleli bandla uShembe I ubabeke kanjani, sekunguye yedwa emva kokuhamba emhlabeni kukaShembe II.
 
29.Kodwa ke kwabe sekusho ukuthi ibandla lamaNazaretha selihlukene kabili; ileli eliholwa ngu Shembe III elinabalandeli abangu 99%, bese kuba neliholwa indodana kaShembe II, uLonda Shembe, elicishe libe ngu 1%.
 
30.Amadodana ka Shembe II amaningi alandela uyise omncane, uShembe III. Umfundisi uLonda Shembe akahlalanga emhlabeni, ngoba cishe wabulawa iminyakana embalwa esengumholi webandla.
 
31.Kodwa ukubulawa kwakhe kungahlangene nombango wesonto, kepha sekuhlangene nepolitiki, ngoba wabulawa i-ANC.
 
32.Ukuthi wabulawa i-ANC kwavezwa umholi weNkatha uMntwana wakwaPhindangene, ne-ANC ayakuphika lokho. Indaba ende ke leyo!
 
33.Emva kwamfundisi uLonda kwaba indodana yakhe umfundisi uVukile Shembe. Ngasohlangothini lukaShembe III, ekuhambeni kwakhe emhlabeni, kwaqubuka amanye amadodana akwaShembe, nawo akubanga ubuholii.
 
34.Njengamanje nje sekunamabandla cishe ayisihlanu, onke aqhamuka emndenini wakwaShembe. Ilowo nalowo ethi, “Imina uShembe!”
 
35.Lomlando ngiwuvezela ukuba kuthi uma sishumayela abalaleli baqonde ukuthi sikhuluma ngebandla elimi kanjani.
 
36.Mina ngiyinzalo yobuNazaretha, umama uLandiwe Dube wayeyintandane, kodwa okwathi uma kufika uShembe I kwaDube, wafike wamthatha umama eneminyaka engu II wamenza umntanakhe.
 
37.Ekuhambeni kukaShembe I emhlabeni ngo 1935, umama wahlala kuShembe II, waze wayogana kwaMpanza esesuka kuShembe II. Mina ngakhulela kuleli bandla, ngaba umshumayeli, ngagcina sengingumvangeli ebandleni.
 
38.NgoJauary 4, 2010 umholi webandla sekungumfundisi uVimbeni Shembe, kwafika ingelosi kimi ihamba ngezinyawo, yathi ithunywe nguShembe 11 ukuthi angiphume ebandleni laseBuhleni, bese ngimakhela ibandla, kulo ngifundise indlela eyiyo yokukhonza uJehova, kodwa ekwenzeni lokho ngilandele izimfundiso zikaShembe 1.
 
39.(Indaba yokufika kwengelosi, namanje esekhona, inde kakhulu, soyichaza ngelinye ilanga).
 
40.Ngaqale angaze ngakwemukela lokhu kukhuluma, kodwa ngaze ngaphuma eBuhleni ngo September 2010, lapho sengibona ukuthi ukuhlala kwami ebandleni laseBuhleni akusamukelekile neze ezulwini.
 
41.Sengiphuma eBuhleni, ngachaza ebandleni ukuthi kwafika kimi ingelosi yanginika umyalezo wokuthi uShembe II uthi angiphume eBuhleni, bese ngimakhela ibandla elizofundisa indlela eyiyo ykukhonza uJehova!
 
42.Ngaya nasephepheni nasemsakazweni ukuchaza lokhu. Nomholi wangaleso sikhathi umfundisi uVimbeni Shembe, wakwemukela lokho, watshela amaNazaretha ukuthi akangangihlukumezi ngoba angiziphumelanga, kodwa ngikhishwe nguShembe II.
 
43.Kodwa ekuhambeni kwakhe emhlabeni, amaNazaretha aqala ukungihlasela ethi ngilihlubuka, noma iphekula, ngisafana nomfundisi uMnqayi nomfundisi uMzobe! Kodwa ke ngaqhubeka ukwenza lokho engikuthunyiwe!
 
44.Kafuphi, ivangeli engalithunywa elithi: ANGIBUYISELE ABANTU ENDLELENI EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA, NGITHATHELE EZIMFUNDISWENI ZOMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE (ukuthula kube kuye) EFUNDISA AMANAZARETHA.
 
45.Kafuphi, ivangeli lase le Nazarite Church of God (NCG) liyefana nelomprofethikazi wase USA uSister Celestial, ngaphandle kokuthi mina angiprofethi, kepha ngivuselela imithetho kaJehova owayinika uMose, wafundiswa yibo bonke abaprofethi abamlandela; okuthe usuchithwe inkolo ka Constantine ngama Creeds, lapha eSouth Afrika wavuselelwa nguShembe I!
 
46.Okungijabulisa kakhulu ukuthi ezulwini kwathunywa ingelosi ngo 2010 ukuba izovuselela ivangeli likaJehova kumaNazaretha, kwathi ngo 2011 uYah wathuma uSister Celestial e-USA ukuba ezovusa ivangeli lakhe kumaKrestu!
 
47.Ekulaleleni kwami uSister Celestial eshumayela, ngathola ukuthi ivangeli lakhe liyefana naleli thina esilinikwa yingelosi.
 
48.Ngejwayele ukufunda izintshumayelo neziprofetho zika Sister Celestial, noma ngingenke ngithi ngizazi zonke, kodwa ngathi ngiqala nje ngilalela lezi zintshumayelo neziprofetho, ngavele ngazi ukuthi lo ngumprofethi kaYah ofana ncimishi nabaprofethi bakwa-Israel.
 
49.AmaNazaretha angihlasele kakhulu ngokushumayela lelivangeli lokubabuyisa ezimfundisweni zomprofethi, kodwa ngiyaye ngithi uma ngibheka izinhlamba nayo yonke indlela amaKrestu amhlasela ngayo uSister Celestial, ngibone sengathi okwami kungcono!
 
50.Kodwa into engijabulisa kakhulu ukuthi uNkulunkulu uyifakazele leNkosazana ngakho konke obeyithuma ukuthi ikukhulume kubantu; njengamanje sekwenzeka njengoba yayichaza! She is vindicated!
 
51.Akakho namuhla ongathi uSister Celestial ungumprofethi wamanga noma ungumprofethi of doom, ngoba konke owakusho kusukela ko 2019 sekwenzeka njengoba wakuthunywa.
 
52.Enkolweni yobuKrestu akakho umuntu engike ngamuzwa ekhuluma amaqiniso asezulwini njengo Sister Celestial.
 
53.Ilomprofethi othe ayikho imfundiso kaYeshua ethi singena ezulwini ngothando, kodwa uthi umuntu ungena ezulwini ngokuyeka izono agcine umthetho kaNkulunkulu njengoba uYah wawunika uMoshe, wafundiswa yibo bonke abaprofethi abamlandela.
 
54.NguSister Celestial ofike wafundisa amaKrestu ukuthi isono ukungawugcini umthetho kaNkulunkulu. AmaKrestu afundisa ngo moral no Ceremonial law, yize eBhayibhelini ingekho into enjalo.
 
55.Kodwa ngokwezimfundiso zikaMoshe ezafike zagcizelelwa nguYeshua umthetho wokuqala ngothi asithande uYah; lokho sikubonise ngokugcina umthetho wakhe.
 
56.Owesibili ngumthetho othi thina sisodwa asihlalisane ngokuthandana, singahlukumezani. 
 
57.Kubhalwe eBhayibhelini ukuthi yomibili lemithetho ibalulekile kuNkulunkulu, uma ungayigcini wenza isono!
 
58.Uthi ke uYah ngalomprofethikazi, ayikho into eyi Old ne New Testament ezulwini. Umthetho kaNkulunkulu obusa wonke umuntu olikholwa, munye, ilo uYah owawunika uMoshe!
 
59.Kodwa yonke lemfundiso kaYah ngalomprofethikazi umhlaba uyishaya indiva, awunendaba nalokhu okumenyezelwa ilomprofethikazi, ukubhubha komhlaba okufana nokwenzeka ngwesikhathi sikaNowa!
 
60.Umehluko omkhulu phakathi komprofethi nomboni ukuthi umprofethi uthi eboniswa okuzayo ngaso leso sikhathi ebe eshumayela etshela abantu into efunwa nengafunwa nguNkulunkulu.
 
61.Kanti laba abathi bangababprofethi, bayakwazi ukubona into esazokwenzeka, ngoba yonke imimoya inaleso simo, nezangoma zinjalo. Kodwa kuthi kungaqhamuka noma imuphi umoya umbonise okusazokwenzeka, bese lowo muntu ethi ungumprofethi.
 
62.Umprofethi isithunywa sikaNkulunkulu uYah osithumela kubantu ukuthi sizobaxwayisa ngesono, ngokuthi uma bengasiyeki isono, kuzokwenzeka lokhu nalokhu.
 
63.Kodwa emlandweni wesintu, abantu abakaze bethuswe ngokushiwo nguNkulunkulu, isithunywa sivele sithukwe sichwenswe sibizwe ngayo yonke into, kodwa ekugcineni uYah ebabhubhise!
 
64.Sinye isizwe nenkosi yaso esathi uma sizwa ukuthi sonile kuNkulunkulu, saphenduka ngaso leso sikhathi sakholwa, sabuye sacella intethelelo kuYah, isizwe nenkosi yaseNineva.
 
65.Noma uYah wabe eselikhiphile izwi lokuthi lesi sizwe uzosibhubhisa, kodwa ngokuphenduka kwaso, uYehova wasithethelela, asabe sisabhubha.
 
66.Abantu abangazi lutho ngoNkulunkulu bazi ukuthi uma uNkulunkulu esesho into akabuye ashintshe; kodwa akunjalo, uNkulunkulu uyasho ukuthi kuzokwenzeka into ethize, bese abuye engayenzi njengoba eshilo.
 
67.UNkulunkulu wathi ngomlomo kaSister Celestial emva kwaBiden umuntu ozohola i-Amerika uKamala Harris.
 
68.Kuthe uma sekuwina uDonald Trump, amakholwa-mbumbulu asizakala, athi: “Kade sasho ukuthi lo ngumprofethi wamanga!”
 
69.Thina esihlala nengelosi sazithulela nje, ngoba ingelosi yayikade yasitshela ukuthi uNkulunkulu uyayisho into eyisiprofetho, abuye ayishintshe; yasivulela izincwadi eziningi eBhayibhelini lapho isiprofetho singabange sisenzeka njengoba uYah wayechazile ngaphambili!
 
70.Engikujabulela kakhulu ukuthi uNkulunkulu ubonisile ngokwakhulunywa nguSister Celestial ukuthi uma exwayisa abantu ukuthi abayeke isono, kodwa bona bemedelele, ubabhubhisa kanjani.
 
71.Lezi zikhukhula ezenzeka eTexas nakwezinye izindawo, uSister Celestial wakhuluma ngazo kusukela kudala, kodwa abantu bangaba nandaba, kunalokho lomprofethikazi kaYah, abantu bamthuka ngazo zonke izinhlamba.
 
72.Kande wamemezela uSister Celestial ukuthi sesifike esikhathini sokugcina, esikhathini sokuthi iningi lethu libhubhe.
 
73.Kodwa abantu abakunakile lokhu okuyikho okushiwo ngu Sister Celestial, kunalokho babheke ukubuya kukaYeshua!
 
74.Uzamcolo owenzeka emandulo, lapho umhlaba wonke wambozwa ngamanzi, uthi uJehova kusazokwenzeka namanje.
 
75.Kodwa abantu banethezekile, abazi nokuthi liudumephi. Yathi ingelosi kithi: “Ungafisi ukubona uNkulunkulu eshaya isoni, ngoba uyogcina usukhuluma okungafanele, uthi: “Hawu, kanti uNkulunkulu unonya olunje!”
 
76.Okuzokwenzeka sibona, kuyenzeka kuye wonke umuntu ongakholwa emva kokufa, kodwa namuhla ukubhubha okubuhlungu kuzokwenzeka phambi kwethu!
 
77.Njengoba abantu sebebhubha nje, sebeqalile bathi: “Asithandazele iTexas, njalo njalo!”
 
78.Mina bese ngithi: “Hawu sebefuna sithandaze ngoba sebebhubha, kodwa izolo lokhu betshelwe ngakho konke lokhu okwenzekayo, umprofethikazi kaJehova bamhleka usulu, manje sebefuna ukuthandaziswa!”
 
79.Yonke i-Amerika izobhubha iphele, abantu bakhona bazophenduka izigqili zazo zonke izizwe i-Amerika ibizibulala. Izonqotshwa iRussia ihlangene neChina, iJapan, iSouth ne North Korea kanye ne-Iran. Konke lokhu kwashiwo nguYah ngomprofethikaze wakhe!
 
80.I-Israeli, njenge-Amerika, izonqotshwa iphele indaba yayo. Uthi uYehova uyothola icala umuntu okothi uma ama-Israel esentunta bese ebanika indawo, ngoba babahlukumeza kakhulu abantu bakhe.
 
81.USister Celestial usekusho kaningi ukuthi lamaJuda akwa-Israel ngamaJuda-mbumbulu, kodwa amaJuda angempela yithini sizwe esimnyama. Nokho abantu abakuzwa lokho!
 
82.KuHoseya 2:17 uYah uthi: “Ngiyosusa amagama oBali emlonyeni wakhe, bengabe besakhunjulwa ngamagama abo.”
 
83.Kanti encwadini kaZefaniya 3:9, uYah uthi: “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.”
 
84.Kusukela ezincwadini zikaMose nabaprofethi abamlandelayo, sinikwe igama elilodwa okumele silidumise, leli igama lika Jehova, noma ngesiHebheru kungu Yehova, noma uYah.
 
85.Nokho kuba isimanga uma sekunezimpikiswana zokuthi uNkulunkulu wethu nonguMdali wezulu nomhlaba, ngubani?
 
86.Kutholakale amanye amakholwa esethi uYeshua nguNkulunkulu, yize wazisholo yena ngomlomo wakhe ukuthi uyisithunywa sikaNkulunkulu. Yikho konke ukuhlubuka lokho!
 
87.Ebandleni lamaNazaretha kubi kakhulu, ngoba abagcini ngokusho kuShembe I ongumprofethi, kodwa bavele bazibekele umholi, lomholi abambekile bese bethi nguye unkulunkulu wabo!
 
88.Yikho ke ingelosi yathi uthi uShembe II angiphume ebandleni laseBuhleni, bese ngisungula ibandla elizogxila ekufundiseni abantu ngendlela eyiyo yokukhonza uYah!
 
89.Namuhla ebandleni lamaNazaretha uma uphikisa ukuthi laba baholi abayibo onkulunkulu, uthukwa ngayo yonke inhlamba, kuthiwa ulihlubuka, uyisitha sebandla.
 
90.Ngike ngezwa omunye kulo lelibandla engihlasela ku tick tock, ethi abantu abasekela ivangeli lami ngabantu abazonda uShembe.
 
91.Angazi ukuthi “ngoShembe” ukhuluma ngobani, ngoba mina ngakhishwa nguShembe II eBuhleni, wathi angifundise abantu ngokukhonza uYehova.
 
92.Manje imuphi loShembe oyisitha sikaYehova, abantu abalalela ivangeli elibuyisela abantu kuYehova baba isitha sikaShembe kanjani?
 
93.Usuke ulahliwe ezulwini uma ungaboni ukuthi, njengoba noSister Celestial ehlale egcizelela, sisezinsukwini zokugcina. Lo umhla wokuphela uShembe I owaprofetha ngawo kuSihlabelelo 28.
94.Yiso lesi sikhathi lapho labo asebaphela amandla ekukholweni, manje asebekhumbula ukuthi ukhona uNkulunkulu!
 
95.Umhla wokuphela usumi phambi kwabo, kodwa baxwayiswa kudala ukuthi uYehova uyisiphephelo kulabo kuphela abamthandayo, abashiya ezomhlaba bagcine umthetho wakhe.
 
96.Njengamanje isikhathi sokuzamazama komhlaba okwaprofethwa nguShembe I emandulo, isintu sihlaselwa iyo yonke inhlobo yemvelo, isibonisa ukuthi ukuhlakanipha kwethu kuyize leze phambi koMdali wezulu nomhlaba!
 
 
97.“Wemhlaba uyozifihlaphi nazo zonke lezo zoni! Balekani zidindi uyeza uYehova!”
 
INkosi busise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *