Skip to content

MASIZISOLE KUJEHOVA

Lokhu kukholwa bantwana baseKuphakameni iNgelosi yakuchaza, yathi lapha kusesikoleni sokufundela ukungena ezulwini. Lokhu kukholwa bantwana baseKuphakameni kwehlukile, uma ngisho njena ngichaza ukuthi singamaNazaretha kaNkulunkulu, ukwehluka kwethu kulapho.

Ngoba thina sifundiswe iNkolo yokuba sifune uJehova, sifune ubuso bakhe, sifundiswe ukuthi sigcine umthetho kaNkulunkulu.

Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza mhlaka 19 July 2025 ekuseni, eNqobizitha.
Isihlabelelo 227.
 
1 Nkosi Baba ngiyakuthanda
Kepha wena ufihliwe,
Awubonakali kimi
Noma mina ngifisayo.
 
2 Lowomfula uphi wona
Enginga geza kuwo,
Kuzosuka isisila
Ngibe muhle ngiphelele.
 
3 Ngiyakwembatha ezinjani
Nxa uhambela kimi,
Afunyanwa kuziphi izintaba
Amakha athandwa nguwe.
 
4 Loluthando lujulile
Lunamandla njengokufa
Lumnandi enhliziyweni
Noma wena ufihliwe.
 
5 Iminyaka eminingi
Bengihlezi emnyameni
Wangithanda wena Nkosi
Kwafika ukukhanya.
 
6 Woza Nkosi masinyane
Ukweqhaba kuphelile,
Woza wena othandwayo
Namhla mina ngingowakho.
 
1.Ngiphinde ngikhethe iNkosi yaseKuphakameni, ngibonge ukuthunywa, ukuthunywa, uma uthunywa, uyitshele ukuthi uthunywa ngoba nakhu mhlawumbe uyazi noma uthembekile, kanti konke akufuneki kube ukucabanga, kufuneka kube ukwazi kwakho ukuthi uthembekile phambi kwaNkulunkulu.
 
2.Ngiwumuntu onobungcwele, kungifanele lokhu ngoba ngiyazazi mina ngedwa ukuthi unyawo lwami luhamba lugcinephi, ngiyazi ukuthi ngisabela uma ngibizwa ubani.
 
3.Ngithike bantwana baseKuphakameni khona ukuthunywa, kuyakwenza ukuthi ngelinye ilanga mhlawumbe uzithole usuxoshwa, uxoshwa uNkulunkulu ngoba usuthe uma ushayela inqola yakhe, wase uyishayela ngendlela yakho, wase uyaphuma kulomugqa uNkulunkulu akubekele ukuthi uhambe ngawo.
 
4.Ngithike bantwana baseKuphakameni isihloko sithi MASIZISOLE KUKEJEHOVA ngoba sonile phambi kobuso bakhe.
 
5.Akekho umuntu ongaphakamisa isandla njengoba silapha endlini athi mina angone lutho phambi kwaNkulunkulu, athi yena noma ethandaza akasho ukuthi Nkosi ngicela ukuthi ungithethelele.
 
6.Lowo muntu uma ekhona akukho emthethweni ukuthi abe lapha endlini ngoba lapha kukhona abantu abazofunda ukuthi yini into eyenza umuntu ukuthi angene ezulwini, kungenwa kanjani ezulwini, yini into okufanele iyekwe umuntu osuke ekholwa, kufanele ayekeni ukuze angene ezulwini.
 
7.Kuhleli abantu abathe uma bebuthwa ileli lizwi laba butha bebabi njengami nje, sigcwele izibi, abeze lapha ukuba bazothintithwa zona, okungadingeki futhi ukuthi uma sebethintithiwe, baphinde bahambe bayolanda ezinye izibi.
 
8.Kuze abantu abazothi Nkosi sithethelele, sonile phambi kwakho njengoba bona obabamkhulu bethu phambi kwakho, siyinzilo yabo, nathi sihamba emkhondweni yabo ngoba sikhohlisiwe.
 
9.Manjena bantwana baseKuphakameni uma ekhona yena ongathi uma ekhuleka athi Nkosi ngicela ungithethelele, ohambe kahle kusukelwa ekuzalweni kwakhe, ongasoleki ndawo phambi kwaJehova, owenzekahle konke.
 
10.Ngiyakuphinda ukuthi akakufanele ukuthi ahlanganyele nathi, usefanele ukuthi azihlalele endlini, ngoba awukwazi ukungena esikoleni osewafunda waqeda, uma usuphasile, uqhubekela kuleso ugcine e-University, akukhoke okunye okudlulela e-University, sewukudlulela ekufeni, ayisekho enye indawo ongadlulela kuyo.
 
11.Akekho umuntu ongathi ephasle, aqede ayongena endlini lapho ekufundiswa khona kodwa yena engazile ukuzofunda, eseqedile.
 
12.Ngisho kanjalo ke bantwana baseKuphakameni, ngikhulumela phansi kwesihloko sencwadi esiyinikiwe namuhla ukuba sifunde yona, sibuyele kuNkulunkulu.
 
13.Incwadi ka Ezra 9 verse 5-7.
14.(5 )“Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami, 6 ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.
 
15. (7) Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni, nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.”
 
16.Ngithike bantwana baseKuphakameni, masizisole kuNkulunkulu, angazi ukuthi Phakathi kwethu, noma siyakwenza yini lokhu okushiwo ilo muntu kaNkulunkulu ukuthi uma ngabe sonile, sesihambile endleleni okungeyona eyakhe, namacala nje enzakalayo uma kuyinyanga yomhlangano.
 
17.Uma ngabe usuphambukile, kuyakufikela yini ukuthi uNkulunkulu uJehova, uMenzi wakho uyakubuka. Kuyakufikela yini lokhu okwakufikela lo muntu kokuthi manje wavuka ebusuku, wathatha ijazi lakhe elaliklebhukile.
 
18.Kuthi waguqa ngamadolo welulela izandla zakhe kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi Nkulunkulu wami, nginamahloni. Ngiyakhophoza, ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu Zandile phezu kwamakhanda ethu.
 
19.Namacala ethu akhulile, kuze kube sezulwini. Uthike lo muntu kusukela ezinhlungwini zawobaba kuze kube namuhla, sinecala elikhulu ngenxa yezono zethu, saze sanikelwa, sanikelwa thina namakhosi ethu, naba Priest bethu ezandleni zamakhosi abezizwe, enkembeni nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemhlonini obuso njenganamuhla.
 
20.Ngithike bantwana baseKuphakameni kulokhu kukholwa esikubo namhlanjena, ingoma kaShembe ithi bengihlezi ebumnyameni, kwafika ukukhanya, ithi wangithanda wena Nkosi kwase kuyafika ukukhanya.
 
21.Uma sekufikile ukukhanya, wenzanjani, ukukhanya ukugcina umthetho kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu usekukhanyisele ukuthi ukhona, sekukhanye kuwe ukuthi uNkulunkulu ukhona.
 
22.Kodwake akupheleli lapho, kufuneka ukuthi wena bese kukhanyile bese ubeka indlebe, ukuthi Nkulunkulu usuzikhanyisile kimi, kodwa yinye into afuna ukuthi ngiyenze.
 
23.Miningike imithetho uNkulunkulu ayibekile ngabaprofethi bakhe nasemanduloke, akekho umuntu ongathi uswele umthetho kaNkulunkulu, kukhulunywa ngawo incwadi icishe iphele ukuthi yini into okufuneka uyenze uma ukholwa.
 
24.Lokhu kukholwa bantwana baseKuphakameni iNgelosi yakuchaza, yathi lapha kusesikoleni sokufundela ukungena ezulwini. Lokhu kukholwa bantwana baseKuphakameni kwehlukile, uma ngisho njena ngichaza ukuthi singamaNazaretha kaNkulunkulu, ukwehluka kwethu kulapho.
 
25.Ngoba thina sifundiswe iNkolo yokuba sifune uJehova, sifune ubuso bakhe, sifundiswe ukuthi sigcine umthetho kaNkulunkulu.
 
26.UShembe wabhala bantwana baseKuphakameni wabhala yonke imithetho, eminye ebeyifundwa, uthike uShembe “Bongani uJehova maNazaretha nezizukulwane zenu” aphinde athi “Ufanele ukubongwa ngamaNazaretha nezizukulwana zawo”
 
27.Lokho kusho akubacaceli abanye abantu abeza kulokhu kukholwa, akubacaceli bantwana baseKuphakameni, uma ngikhuluma kanje ngikhuluma ngebandla lonke lamaNazaretha ukuze umuntu kumkhanyele ukuthi sisho ngani ukuthi sihluke ngani thina esingamaNazaretha kaNkulunkulu.
 
28.Into esihluke ngayo sihluke ngokuthi sidumisa uJehova yedwa, akekho umuntu ongangena lapha nobukhulu bakhe abese efuna ukususa emgqeni wokudumisa uJehova, bese ethi naye asimdumadumise eceleni, naye abonakale ukuthi naye, noma uJehova emkhulu, naye mkhulu. Noma mkhudlwana naye kunalaba bantu.
 
29.3Bantwana baseKuphakameni lokhu kukhuluma kukhulunywa ingelosi, ikhuluma ngento eyayihlale ibona yenzeka ebandleni lamaNazaretha, ukuthi kuye kube khona izikhulu ezihlonishwayo, ezithi uma zingena ngeSabatha, nazo zingene nobukhulu bazo, zize zihambe phambi komuntu ohola lelobandla.
 
30.Kodwa uShembe uthi Bongani uJehova maNazaretha ngezizukulwane zenu, uthike ufanele ukubongwa ngamaNazaretha nezizukulwane zawo ngoba umusa wakhe uhlezi phakade.
 
31.Akasho ukuthi Bongani uJehova maNazaretha kanye nezikhulu zomhlaba, akufanelanga ukuthi uma sibona abantu ebese siyesaba ukugcina umthetho esabhalelwa wona, ebese siyagudluka, sesibona okunye kwala emhlabeni.
 
32.Uma umuntu eyiNkosi, uyiNkosi yesizwe leso ayiNkosi yaso, kodwa iNkosi yamaNazaretha nguJehova. AmaNazaretha asho uJehova uma ethi uyingcwele, lelizwi elithi uyiNgcwele, kushiwo kumuntu osuke ebekiwe Phakathi kwamaNazaretha, kuthiwe uyingcwele Jehova ngoba usuthumelele umuntu ukuthi azositshela, azosifundisa ngaye, akushiwo kulona.
 
33.3Kushiwo kumholi kuphela, akekho omunye umuntu okufanelwe adunyiswe amaNazaretha, noma ngabe ungakanani, noma ngabe igama lakhe kuthiwa umagumbi omane, umagumbi omane kwakhe, hhayi Phakathi kwebandla lamaNazaretha, amaNazaretha angaphansi kwenkolo kaJehova, uShembe wawafundisa ukuthi adumise uJehova.
 
34.Washo nokuthi awesabe uJehova, akekhop omunye umuntu owabalwa uShembe, umsunguli walelibandla akazange abale muntu ukuthi akodunyiswa, ngisho naye akazibalanga.
 
35.Ngalokhoke maNazaretha, ithi iNkosi sikhulume ngelento singayibukeli kude, ngoba lilokhu liphuma ilanga liphinde lishona, lidla isikhathi, lidla iminyaka yokuphila.
 
36.Nathi kuyohamba kuhambe, akekho umuntu ababekhona, njengoba sasikhona ngezikhathi seNkosi iNyangayezulu, akekho umuntu owayecabanga ukuthi ngelinye ilanga uBaba iNyangayezulu uyosithela kwenye indawo. Besikhona nayizolo eNkosini uThingo, akekho umuntu owayethi uma embona uBaba acabange ukuthi ngelinye ilanga, kuyothiwa akasekho.
 
37.3Ngisho ukuthi nayo iNkosi iNyangayezulu, yehlelwa ihlazo, lowa muzi yawakhela ukuthi kudunyiswe uJehova, yehlelwa ihlazo nayo ngoba lokhu eyayikuqondile akusenzeki.
 
38.Ngithike bangcwele ngeke sibukele kude ngoba nakhona kwaqala kwaba kuhle. Mhlawumbe nalapha kohamba kuhambe, bese beyafika abantu abakhulu, bese bengena nobukhulu babo endlini kaJehova, bese bengena nezihlalo zabo ezihlobile.
 
39.Nibamukele ukuthi bazokhonza, kodwa ningabakhonzi, nibachazele ukuthi njengoba nibuthene nje lapha endlini nizokhonza uJehova, oyinhloko yebendla ngaleso sikhathi asho ukuthi njengoba silapha, singabantu abadumisa uJehova nabafuna indlela yokuya ezulwini, angakufihli ukuthi UShembe wasebhalela phansi ukuthi asesabe uJehova, njengoba silapha sesaba yena uJehova.
 
40.Ngithike bantwana baseKuphakameni ningavumi ukuba ibandla lo muntu, ningavumi, noma bengangena bebakhulu kanjani, noma ngabe bathi ibo abadala lelizulu nomhlaba, ningavumi, ningaphumi endleleni enayinikezwa uShembe.
 
41.Lezincwadi, ningayeki ukuyifunda lena ekade ifundwa Ilona okade ehlabelela, ekade efunda umthandazo, inomyalezo ongema ngisho phambi kwenkantolo. Ngisho sekuthiwa uboshiwe kuthiwe awuvumanga ukuhlonipha umuntu omkhulu engena la. Ukumhlonipha ukumnikeza indawo, indawo efanele, kodwa hhayi ukumdumisa.
 
42.Ngithike bantwana baseKuphakameni ithi iNgelosi, iyabuyela, iyasho ukuthi ungabothi uma ubona Umlilo ushisa kamakhelwane, ungawucishi ngoba mawusuka kamakhelwane uzoshiswa kwakho ngoba nihlangene nomakhelwane, izindlu zenu, zithintene.
 
43.Ngalokho bantwana baseKuphakameni kuwusizi okwenzeka kulezinsuku, munye umuntu, ungabona izinkumbi zamaNazaretha, kodwa abababili abaziholayo, uNkulunkulu ugcoba abe munye ukuthi ahole lawomaNazaretha asephendukile.
 
44.Kuyicalake bantwana baseKuphakameni ukuthi Phakathi ethempelini bese kubonakala kufike umuntu omkhulu, lo muntu omkhulu ebese ezoba mkhulu Phakathi ethempelini, ebese ezoba mkhulu futhi lapha ebandleni lamaNazaretha.
 
45.Nayizolo bebefika abantu abakhulu, kodwa asikaze sibabone bengena neNkosi yamaNazaretha ethempelini, umuntu ubefika, inkonzo ingene noma uBaba angene kuqala, futhi asinaye umuntu owayefika inkonzo ingakangeni.
 
46.Kodwa noma ngabe ufikile, wayegcinwa endaweni ethile, bakhona abafundisi, uzothi uBaba uma eshilo ukuthi kunomuntu omkhulu la, uBaba useyamemezela asikakafiki leso sivakashi, utshela amakholwa ukuthi kukhona umuntu ola ovakashile omkhulu.
 
47.Akakaze akhuzelwe ingcwele, lokhu esikubona namuhla kuyahlola, akakaze akhuzelwe ingcwele umuntu, akakaze umuntu akhuzelwe ingcwele, akhuzelelwe ubukhulu bakwabo.
 
48.Asikaze sibone indoda yokuhamba ingena noShembe ngoba ihamba nomuntu omkhulu, ihamba ngezicathulo ihamba emva komuntu omkhulu, iyongena esangweni elingena uShembe, asikaze sikubone lokho.
 
49.Uma kuwukuthi labo bantu basathi Bongani uJehova maNazaretha, ithi iNgelosi asikakuyeka ukukhuluma, siyoyeka mhlazane baphumela eshashalazini, ukuthi abasahlanganise lutho, abasaziphathi lezincwadi, abasasho ukuthi ufanelwe ukubongwa ngamaNazaretha.
 
50.Kodwa njengoba besasho, asizukuthula, lowa muzi, wakhiwa yithi ngoba uBaba ethi kuyodunyiselwa kuwo uNkulunkulu, hhayi izikhulu omhlaba, isigqoko lesi esithwalwa ngoShembe, awukwaze umbone nje umuntu noma ingane mhlawumbe yakwaShembe ikanjena ithwele lesi sigqoko ithi ingeyakwa Shembe. Yebo khona bekuyisigqoko esigqokwa inoma ubani emhlabeni.
 
51.Kodwa lapha eKuphakameni uBaba, noma ungabuka ithombe zonke, uyababona labo Shembe begqoke lezigqoko, kwase kuhloniphwa lokho. Akekho umholi okufanele aboshwe, aboshwe isikhulu esiza nobukhulu bakwabo, aboshelwe ukuthi angasithwali isigqoko, ngoba kuthiwa akakwazi ukusithwala, asithwale phambi komuntu omkhulu.
 
52.Ubani omkhulu? uShembe wasifundisa ukuthi uJehova kuphela okufanele simdumise, wasifundisa ukuthi sihloniphe kodwa asikaze sikubone, asikuwaqamba amanga, sithi ameni kulento eyanzakalayo lapha.
 
53.Kodwa namhlanjena uma uthi uyabuka ngoba phela izinto lezi zochwepheshe, zigcwele umhlaba wonke, bayafaka abantwana lapha sibone, asikaze sakubona noma kungathiwa abakhulume abantu ebebekhona izolo, nababekhona nakuBaba iLanga, kuthiwe abakhulume, bake bayibona yini lento.
 
54.Nakhona asikaze sibone iNkosi yesizwe imbatha umjiva ofana nokaShembe, uShembe wawakhipha amajazi amakhosi akholwa kulelibandla, wawanikeza amajazi amhlophe kuphela.
 
55.Namhlanjena kunezikhulu ezigqoka njengoShembe, kodwa awuzazi ukuthi kanjani, kodwa lona ohola ibandla lamaNazaretha, angeke akuthinte okwalapha yana, noma ngingasho khona, kunani khona mangishilo ukuthi eNdlunkulu, kanti kunani uma ngehlelwa ngamaqiniso.
 
56.Kukhona izindawo angangeni kuzo eNdlunkulu ngoba behlonipha umthetho wamakhosi amadala, behlonipha abalele, kodwa manje lona obekiwe ngokwenkolo, kungani yena azokuvinjwa ukwenza into eyenziwayo ngabaholi, kufanele ukuthi ahlale egqoke isigqoko, ngoba manje kuthiwa akufanele ukuthi asibeke ekhanda ngoba uhamba nomuntu omkhulu, emkhulu ebe esuswe yini ezigodlweni zakubo eze ezoba mkhulu lana.
 
57.Uma kuwukuthike uyilunga lebandla, akagqoki ngani ingubo yamakhosi ayinikezwa uShembe owaqala lokhu kukholwa akayigqoki ngani.
 
58.Pho ungenelani esangweni, ungena kanjani umuntu, thina maNazaretha ngeSabatha endaweni kaNkulunkulu, sithi umuntu ngoba sisuke thina sihlalele ukuzokhonza uJehova, sisuke sigqolozele uNkulunkulu ukuthi akangene uBaba wethu, azosinikeza umthetho, azosigqugquzela ukuthi singawulahli umthetho kaNkulunkulu, sisuke singalindele ukubona umuntu.
 
59.Uma kukhona umuntu omkhulu, akayoba mkhulu kwakhe lapho abekwa khona, noma bengalwa nathi izinceku zakhona ezenza lento, kodwa ngelinye ilanga bayokusikhumbula.
 
60.Ngoba uma umuntu efikile, nake namubonaphi umuntu engena nesihlalo sakhe, size sihlophe Phakathi ethempelini, sekunezihlalo ezimbili, ngubani manje umholi.
 
61.Lesi esihleli umholi sona, asisihle njengalesiya, lesiyana sihlotshiswe sase sagaxwa isikhumba sengwe, isihlalo sasendlonkulu, isihlalo sasendlonkulu singenelani ethempelini ngoba isihlalo esihlala umholi singena sikhona.
 
62.Kanti uma uzile lapho oze khona, usuke ungezile yini ukuthi uzotshelwa ngabantu bakhona ukuthi hlala kanjani, nokuthi ngena kanjani, ungeza nobukhulu bakho?
 
63.Bese kuthi lona obekwe phambi kwabantu engabonakali, ngithike bantwana baseKuphakameni angisho ukuthi ngithini, kodwa kulowamuzi, wakhelwa ukudumisa uJehova.
 
64.Ngiwufakazi wokuthi uShembe wathi asosaba uJehova nabantwana bethu nezizukulwana zethu, angikaze ngizwe kulelibandla ngikhulele kulo, angikaze ngizwe kuthiwe bayede ethempelini, ubayede munye kulelibandla uJehova kuphela.
 
65.Yikho lokhu umholi webandla kuthi uma sekuphele inkonzo, ebese eyaguqa, yikho ethi uma efika lapha ePulipiti ebese eyasisusa lesisigqoko ebese etshela uJehova ukuthi Nkosi sengikhona Phakathi kwabantu bakho.
 
66.Manje uma kukuthi sekunezihlalo ezimbili, ziyahlola ebandleni lamaNazaretha, nayizolo bebefika abantu abakhulu, kodwa le ndaba yalesiya sihlalo, bayoyibona isho ukuthini.
 
67.Lo Baba uma ubheka kwamanye amaSabatha, lo Baba uyavela evele ehamba emva koNyazi, kodwa kwesinye isikhathi uma sekuyongena umbone esedlula esehamba phambili, ebese amaNazaretha ekhuza ingcwele, ngicabanga ukuthi asuke ebone isithunzi somholi engazi ukuthi uzofike amshaye ngehlombe ebese ehamba phambili lo.
 
68.Lufike lume lapho eluma khona, ngibone iNkosazana ikhumula izicathulo, kodwa angimboni lo baba yena ezikhumula izicathulo, angimuboni yena ekhumula izicathulo kodwa ungena ebandleni athi ukhonza kulo.
 
69.Ithi nje iNgelosi le ngubo eyani lena efana neyomholi, iqale yafika yagcina lapha enhla kwamadolo, usenenyeke manje, ilokhu yehla nje kancane kancane. Uma ezokhonza kwakufanele bamthungele umNazaretha owashiwo uMqali walelibandla, kwakungafanele bamthungele oshiwo uye.
 
70.Ngoba akazile ukuzosho kulelibandla, kulelibandla akekho umuntu oqhamuka azosho athi yena ucela into ethile enjengeyomholi. Kuchaza ukuthini lokho?
 
72.Ngibuza ukuthi lo mholi uyogona isigqoko kuze kube kunini esigonele isikhulu esiza nobukhulu bakwabo, sekuthiwa ameni uyingcwele, bese kuthiwa bayede ndabezitha, bese kugedeza umuntu obongelayo, bese kugedeza nowasondlonkulu ngapha, endaweni kaNkulunkulu.
 
73.Uma isilo singubayede, kanti sisuswe yini ezigodlweni zikayise, la esingubayede khona, emabuthweni. Sisuswe yini emabuthweni uma sesizoba ubayede phezu komholi, phezu kwaNkulunkulu, phezu kwaJehova esanikwa yena ukuthi simdumise, sekufanele kuphinde kube khona okunye icwezana elibekwe eceleni, sekuyicala uma kungashiwongo.
 
74.Sekumane kube khona imikhosi emibili ethempelini, sekubakhona ababongelela umholi, bese kuba khona ababongela isilo, bazosibongelela lapho okunjani khona ngoba bekuphelele uma kubongelwa lona ophethe ibandla, ubongelelwa kunjani khona, ubongelelwa lapho kwenzenjani khona.
 
75.Engaba mkhulu kanjani ngisho uShembe engekho mkhulu, ethi Bongani uJehova, isihlabelelo asiphethe siyamnikeza i-direction ukuthi amaNazaretha ukuba khona kwawo, inhloso yakhona kwakukuthi akudunyiswe uJehova aphinde amesabe wona nezizukulwane zawo.
 
76.Ususwa yini ezigodlweni zakhe, ususwa yini ezigodlweni zikayise lapho efanelwe ukuthi abe ubayede ofanelekile, ngoba akafanelekile laphaya, akakwazi ukuthi abe ubayede ethempelini likaJehova, uBayede munye ebandleni lamaNazaretha. nguNkulunkulu, nguJehova owadala izulu nomhlaba.
 
77.Ungenelani kanye nomholi, 
ungenalani, khona akangeni ngani lapho ekungena khona amkhosi ngoba likhona isango lamakhosi, akangeni lapho ekungena khona amanye amakhosi.
 
78.Ngikhuluma bantwana baseKuphakameni, isho njalo iNgelosi, ithi mawuthula uthi akushi kwami, kusha kwamakhelwane, ngelinye ilanga kuyosha kwakho.
 
79.Wathi uShembe, nisifele isithembiso enasethenjiswayo, ningalahli iqiniso ngoba nithenga ukuphila kwesikhashana.
 
80.Njengoba nginguMfundisikazi, nginalo ilungelo, eligcwele, elingasona isicagogwana sokuba ngihlabe lento ngiba ngingema phambi kwenkantolo, ngisho ngithi bengikhona izolo, akwenziwa lokhu.
 
81.Ngithi noma ngabe asisekho lapha kodwa singamaNazaretha sonke, uma ngabe nje besalapha kulowamuzi owakhiwa iNyangayezulu ukuthi kudunyiswa uJehova, ngeke sithule iNgelosi isikusolile lokho, ukuthi niyabona yini ukuthi kuyonakala.
 
82.Kungenzeka bantwana baseKuphakameni ukuthi kukhona abantwana, abantwana baseNdlunkulu, bengiye ngibabone futhi ngalesi sikhathi ngikhona. Abantwana absendlunkulu abanye, ingxenye yabo uyaye uzifundele wena ukuthi bezela ukuzokholwa lapha, ikakhulukazi abasoSuthi.
 
83.Engikholwa ukuthi kungenzeka ukuthi uma ngabe iqiniso belisekhona emhlabeni, ubekhona oyovela ukuth umholi uyakhohliswa, kukhona abantu abasondela kuye, bethi hhayi nkosi yamakhosi ngoba khona ingonyama, ingonyama ngoba inkulu, ayikwazi ukungena kuleliyasango.
 
84.Inkulu kuphi? Yebo vele inkulu, inkulu kuphi, inkulu ngeSabatha? uShembe engemkhulu, ethi kithi asesabe uJehova, ubani lona ozoba mkhulu ethempelini likaJehova, sewuze nesihlalo, uma ungasibona isihlalo sakhe, ungavele ususe umholi kulesiyana, uyombeka kulesiya ngendlele esiyiyo.
 
85.Ngithike bangcwele, ngiyasola, noma bangasho bathi ungena ngani lo mfazi le ndaba, ngingena ngoBaba iNyangayezulu, noma bengangisola, ngibiza ukuthi usisaphi isihlalo, lapho angaphethe khona.
 
86.Okwesibili umbuzo wami uthi isilo kanti sona sisuke singezanga yini ukuzokhonza, yini singangeni esangweni lamakhosi, kanti kwakunani uma simbethe ijazi elimhlophe njengamkhosi amanye.
 
87.Bese ngisho bangcwele ukuthi kuyadabukisa ukuthi akekho umuntu ovutha Umlilo endlunkulu, akekho umuntu obasela isizwe ukuba sifudumale, kodwa manje, angazi noma ngisho kahle yini uma ngithi oNgangezwe lakhe usethathe isihlalo lapho esingesakhona wayosifaka ebandleni lamaNazaretha angasiye umholi wawo.
 
88.Njengoba nje ehlale ethithibalisa umholi, sekufanele athithibale, njengoba kuthiwa bayede wena wendlovu, kuthiwa mkhulu kunaye.
 
89.Minake njengomama owuMfundisikazi, noMama ohlale evukwa amaqiniso, ngithi cha, ngeSabatha uNyazi lukhulu kunayo ingonyama ngoba uNyazi lumele uJehova uma ngabe lusekuJehova. Uma lungena nje lapha ethempelini, uma ingena ingonyama lapha, ingena izokhonza, kufanele ingene izigoqile njengecansi, ukuze ibone yizwe ukuthi izokhonza, ingonyama ifundise nesizwe sayo ukuthi ngeSabatha, iSabatha bantu nonke, nina enimesabayo uJehova.
 
90.Ingonyama angikaze ngayizwa ifundisa isizwe ngeSabatha, ingonyama yenza umcimbi ngeSabatha, yize isithena iyiNazaretha, ingonyama yenza umcimbi ngeSabatha, kodwa bese ifuna ukuhamba phambi komholi, isingeneke manje nesihlalo sayo.
 
91.Buphi ubungcwele, buphi ubungcwele? Ngithi mina uShembe owaqala lokhu kukholwa, uma ufunda indaba yakhe ukhala izinyembezi, kodwa kukho konke lokho uShembe wazigoqa waba ngaphansi ngisho kwentuthwane, wathi abantu abesabe uJehova.
 
92.Wafundisa iminyaka yakhe yokuphila yonke, efundidsa abantu ukuthi abesabe uJehova, owakuphike manje lo Shembe owathi okosatshwa nengonyama, kugedeze umuntu ethempelini, egedezele umuntu, ebongwe, ubongani ngoba uzokhonza phela namhlanje.
 
93.Kufanele ukuthi ngoba useyakholwa, abatshele abantu bakhe ukuthi cha, njengoba ngilapha nje namhla ngiyokholwa, ngalokho angikwazi ukuthi ngibe ingonyama ngeSabatha, ngizocela kuNkulunkulu ukuthi angisekele.
 
94.UBayede munye namuhla, ngulona engiyomkhonza, uma ingonyama isinguBayede, kushuthi phela iyona manje esekuyiyo laphaya, kushuthi nalo uNyazi selungaphansi kwalo, nebandle lonke lamaNazaretha.
 
95.Siyaphi isihlalo, sixoshwa yini endlunkulu, sixoshwa yini, uma ngabe engazanga naso, wona lamaNazaretha anikeza ingonyama lesisihlalo esihle kangaka, ayikeza ukuthi kube njani.
 
96.Kanti ingonyama ayizile yini ukuzokhonza, izoba uBayede, izoba ingonyama Phakathi ethempelini, iyingonyama yesizwe samaZulu, ayisiyo ingonyama yamazulu, ngeSabatha silapha sizokhonza ingonyama yezulu.
 
97.Akekho umuntu makholwa ekufanele, noma ngabe singasekho, ningayivumeli iNkosi efuna ukungena, efuna ukuthi abantu balahlekelwe ulayini wokukhonza uJehova, bese bekhonza yona.
 
98.Uma engafuni ukuba umntwana kaNkulunkulu ngosuku olulodwa ngeSabatha, akashenxe, ashaye uphindela emumva. Uma engakuvumi lokho, ibandla alimshaye ngevoti lokungamethembi.
 
99.Ngisho ukuthike bangcwele, inkonzo yanamhlanjena, imayelana nokuthi uShembe wathi akusatshwe uJehova. Njengoba ngifunda le ncwadi bantwana baseKuphakameni iyangifakazela ukuthi njengoba silapha, lo muntu okhuluma lapha ukhuluma ngoJehova, uthi ngiyakhophozela, ngiyesaba, angifanele nokuphakamisela izandla zami kuwe, akasho ukuthi ingonyama.
 
100.Manjeke, nathi sinjengalomuntu, siyibandla elinjengalomuntu elikhuluma lapha, nathi sisho njalo, sithi siyesaba nokuphakamisa izandla phambi kwakho Nkosi yamakhosi, asinabo oJehova ababili, manje nakusasa, naphakade.
 
101.Inkosi ibusise enikuzwile.
UKUNANELA KUKA-BABA UMELUSI.
 
102.Isikhathi esining, bengiwumqondisi (Director) emnyangweni wamakhosi, laphana kukhona into ebizwa ngokuthiwa i-protocol, i-protocol ichaza ukuthi yonke into kufanele ihambe ngendlela, uma kunomhlangano, kufanele ukuthi uthole i-protocol.
 
103.I-protocol isho ukuthi uma kunomhlangano wePhalamende, abantu abazohlala eduze, Phakathi nendawo, i-team noma i-president, emva kwe-president kube ama Ministers, njalo njalo, njalo kuze kuyogcina phansi, bese kuthi ekugcineni kube abantu bonke. That is a protocol okufanele uyilandele, okufanele ukuthi uyazi.
 
104.Uma ngabe ePhalamende njengakwaZulu kuzoba khona iNgonyama, njengoba ingonyama iyaye ivule iphalamende, i-protocol next to ingonyama kuba abantwana, abantwana bonke, sekungathi-ke emva kwabantwana bese kuza o-MEC nani, kodwa abantu abazohlala eduze kwengonyama abantwana, that’s a protocol.
 
105.Nasesontweni, uma ngabe kusesontweni, lento eyenzeka eBuhleni idalwa ukuthi umholi akazi luthi, nabaseduze kwakhe abazi lutho. Esontweni umuntu obaphambili uMfundisi osePulpiti, bese eduze kwakhe kube abafundisi, kube abavangeli, ekugcineni kube ibandla, yonke indawo.
 
106.Ngelinye ilanga siselinda noBaba iNyangayezulu, sabizwa enkonzweni e-Anglican Church, yayinkulu nje, kunethende elikhulu. Uma sifika lapha enkonzweni ye-Anglican Church, safica kune stage kunabefundisi abaningi bezinye izinkonzo, kodwa kunoMfundisi uZulu, u-Bishop Zulu we-Anglican Church, kuyena bese kuba abafundisi bonke eduze kwakhe, bese ingonyama ihlala laphana phansi njengoba nihleli nje, bese kuba abafundisi bonke laphana e-stage
 
107.Sihamba noBaba iNyangayezulu, sithe uma sifika laphana uBaba iNyangayezulu weza e-stage as uMfundisi omkhulu, wahlala eduze kwamfundisi we-Anglican Church. Ingonyama ihlezi laphana phansi, ukuthi yona ihleli phambili, kodwa phansi, ayikho e-stage.
 
108.Ngayibuka lento, ngathi hawu ingonyama kanti uma isesontweni layo ihlala laphana phansi, ingonyama, kukhona futhi uBaba iNyangayezulu, siseLinda, yafika ingonyama esontweni, bafike abafundisi bayibekela isihlalo kwi Pulpit, yahlala noBaba iNyangayezulu.
 
109.Angithi la e-Pulpiti kuhlala umholi nelati, manje kwatholakala ukuthi ilati alisakwazi ukuhlala la ngoba la ekuhlala khona ilati kukhona ingonyama, lase libekwa ngapha ngemumva.
 
110.Yathi uma ifika iNyangayezulu, yakhipha u-R10, wawusemkhuluke uR10 ngaleso sikhathi yanikela, yaguqa, yanikela, yathi sekonakele, manjena sekufanele ukuthi ngime ngaphambi kwelati likaJehova.
 
111.Kwabuzakala ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ingonyama izohlaliswa ePulpiti, ngoba ePulpiti kuhlala umholi nelati kuphela, akekho umuntu ongahlala la ePulpit, ngisho umuntu, nangu nje uMfundisikazi ngeke azohlala la ePulpiti.
 
112.Manje lento eyenzeka eBuhleni, i-wrong ngendlela eyisimanga, i-wrong ngokwasezulwini, i-wrong ngokwasemhlabeni. Ayikwazi ingonyama ukuba nkulu enkonzweni, nje, in general ngisho ngabe bekungekho eKuphakameni, ngisho ngabe bekungayilo ibandla lamaNazaretha, akekho umuntu omkhulu kuyoyonke indawo.
 
113.Ingonyama iba nkulu la ekusuke kubizwe yona yodwa, bese ikakwa ngabantwana, kodwa enkonzweni umholi omkhulu, ekakwe abafundisi. Akekho umuntu, even in future you must never do it akekho umuntu lapha ongaphambi kwabafundisi.
 
114.Thina ingelosi isitshele lokho, yathi ngisho ebandleni lamaNazaretha, ku-wrong ukuthi kufike kube khona uShembe, bese kuhlala amakhosi, ngisho ngabe angamaNazaretha.
 
115.Yathi amakhosi kufanele ahlale eceleni, ayi ngaphambi kwabafundisi, noma isikhulu esingakanani, asihlale eceleni, hhayi ngaphambi kwabafundisi. Ngoba abafundisi abantu abangcwele, uNkulunkulu okwazi ukuhlala eduze kwabo, ngoba uMfundisi ngeke eze enkonzweni evuka ekamelweni endlini yakhe.
 
116.UMfundisi njengoba kuwumhlangano nje, ulindile, kodwa iNkosi, noma ngabe iyiNaretha abanendaba nalokho, bazi ukuthi ngiyiNkosi nje kanti ayikho iNkosi emthethweni kaNkulunkulu, ayikho.
 
117.Manjenake, lento eyenzeka eBuhleni iyinkinga ukuthi umuntu engafike abe umholi webandla, ebese enikeza umuntu, ngoba nakhu kuthiwe uyi premier, ebese kuba uyena oba umholi phezu kwakhe.
 
118.1By nature, akukwazi ukuthi enkonzweni kushiwo uBayede, ngoba uBayede enkonzweni uNkulunkulu kuphela, awukwazi ukuthi enkonzweni kube khona uBayede, akukwazi ukuthi enkonzweni ube ubayede, akukwazi ukuthi enkonzweni ingonyama ibe nkulu ngaphezu komphathi wenkonzo by nature, hhay ukuthi mhlawumbe ngoba kunjani kunjani.
 
119.Ngisho ngoba I have been a director yamakhosi, ngiyobona lento yenzeka phambi kwami, ngiyibonile lento yenzeka phambi kwami, njalo uma kwenzeka umhlangano bese kuyofunwa i-protocol ukuthi uma ngabe kusephalamende fanele abantu behlaliswe kanjani, uma ngabe kuzoba khona ingonyama, kufanele abantu behlaliswe kanjani.
 
120.Ngoba awukwazi ukuthi ePhalamende bese ingonyama iba nkulu ephalamende, kodwa uma kuwusuku lwayo, izoba nkulu, ngoba usuku lwayo, next to ingonyama akuzukuhlala ama ministers, kuzohlala abantwana.
 
121.Manje what is happening there indicate ukuthi lo muntu obaholayo nalabantu abaseduze kwakhe, abazi lutho, abazi luthi, angiyazi leyanto ukuthi kwenzekani laphana.
 
122.Bathuka uNkulunkulu, bazithuka bona, lento i-wrong ngendlela eyisimangaliso. Bathuka uNkulunkulu, bayithuka bona.
 
123.Le ngubo ebomvu abayifakile kuqala ngoba sekukhona uNyazi ukuthi isilo sifake ingubo ebomvu, isilo saba khona kusekhona iNyangayezulu, besifika laphana eKuphakameni.
 
124.Kodwa ayikaze iyifake, futhi asikho nesidingo sokufaka ingubo emhlophe ngoba asikholiwe, awukwazi ukuvunulisa umuntu ngengubo emhlophe.
 
125.Ukuthi nje uma kungena kufika umuntu la, sesizomfakisa ingubo emhlophe, laphana eBuhleni manje, ubona bonke abantu, zonke izimbungulu zigcwele laphana, ukuthi nje uma kufika umuntu nje omkhulu usefakwa ingubo emhlophe.
 
126.Ingubo emhlophe ifakwa umuntu ophenduke waba iNazaretha, neNkosi ngaphambi kokuba ifake ingubo emhlophe kufanele ibhajadiswe, igcine umthetho wobuNazaretha.
 
127.Awukwazi ukuthi ungathi nje, ngoba mangingavakashelwa ingonyama, bese ngifakisa ingubo emhlophe, ngingayinikeza ihawu, nginikeze yonke into, kodwa not ingubo emhlophe. Let alone ingubo yomholi bese kuba umholi ohamba ngemumva, angiqondi kwenzakalani ebandleni lamaNazaretha.
 
128.Kuhle ukuthi uMfundisikazi uyayikhuluma lento ngoba ingelosi isikhulume kaningi lento ngoba i-wrong, i-wrong ngokwasezulwini, i-wrong ngokwase mhlabeni.
 
129.Inkosi ibusise lokho enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *