Skip to content

UMBUSO WASEMHLABENI UNGAWULINGANISI NOMBUSO WEZULU

Ngaso sonke isikhathi sibheke ukuthi ukuhamba kwethu kusamjabulisa yini uNkulunkulu kanye nomprofethi, singazenzeli noma yini ebukela phansi uJehova noBabamkhulu! Kulelibandla akakho umuntu ongalinganiswa noNkulunkulu noma ngabe mkhulu kangakanani!

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sanamuhla sithi umbuso wezulu awulingani nombuso wasemhlabeni.
 
2.Ngaphambi kokuba sigxile kulesi sihloko, kumele ngichaze ukuthi mina ngingaphansi kwebandla lamaNazaretha. Yini ibandla lamaNazaretha?
 
3.Ibandla lamaNazaretha inkolo kaJehova eyehlela emhlabeni esizweni sakwa-Israel ngenceku yakhe uMose, kwase kuthi lapha KwaZulu, eNingizimu ne-Afrika, yavuselelwa inceku kaJehova umprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye.)
 
4.Into yokuqala okumele siyazi ukuthi ubuNazaretha inkolo kaMenzi wezulu nomhlaba, ogama lakhe nguJehova. Lokho uShembe wakubhala phansi, wabuye wakwenza isisekelo salenkolo kuvesi 3 woMthandazo weSabatha uma ethi:
 
5.“MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE NIGCINE IMITHETHO YAKHE UJEHOVA OWASILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWETHU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI!”
 
6.Imithetho kaJehova iyisisekelo salenkolo kaJehova, uma lemithetho uyeqa noma ngandlelani, wenza isono. Umthetho wokuqala kulenkolo ukuthi uNkulunkulu wethu munye, nguJehova; ngakho ke thina esingaphansi kwalenkolo sibhekeke ukuba sikhonze yena yedwa ngokugcina imithetho yakhe.
 
7.Kukhona ke amakholwa angafuni ukukholwa ngokulandela imithetho kaJehova njengoba ibhaliwe, kodwa abakholwa ngemizwa, bese beba nevangeli lokuthi sonke ukuze sithi sikholiwe kumele silandele imizwa yabo yokukholwa, hhayi inqubo yokukholwa njengoba ibhaliwe eBhayibhelini.
 
8.Lenkinga yokukholwa ngemizwa iyatholakala kwamanye amaNazaretha, kanjalo nakwamanye amabandla.
 
9.Kunabantu lapha emhlabeni ongacabanga ukuthi ngamakholwa, kanti bakholwa ngemizwa yodwa, ngaphandle kwalokho abazi lutho ngokukholwa!
 
10.Elinye ikholwa lithe kimi: “Lobaba ukholiwe, kodwa sekusele ukuba amukele uJesu njengoNkulunkulu wakhe.” Inkulumo ecishe ibenjalo nje!
 
11.Lomuntu uthi ukukholwa kwami akubonakale ngokuphikisa izimfundiso zikaNkulunkulu kanye nezikaYahusha ukuthi uNkulunkulu munye, igama lakhe nguJehova! Uthi ke yena angithi uYahusha onguNkulunkulu, yize lemfundiso iphikiswa nguye uYahusha!
 
12.Kusukela kuGenesisi kuze kufike kuyiSambulo, uNkulunkulu esimkhonzayo munye, ngu Jehova, akakho futhi omunye!
 
13.Ku-Isaya 43:10-11 uJehova ukubeke kwacaca ukuthi akakho uNkulunkulu okhona nowake waba khona noyobuye abe khona ngaphandle kwakhe.
 
14.Wazichaza yena ukuthi igama lakhe nguYehova; wathi akakho uMsindisi ngaphandle kwakhe!
 
15.Manje leli kholwa lonkulunkulu eselingitshela ngaye ngaphandle kwaJehova, angimazi ukuthi uvelaphi?
 
16.KuJohane 17:3 uYahusha uthi: “Futhi lokhu kungukuphila okuphakade, ukuthi bazi wena Nkulunkulu oyedwa weqiniso, noJesu Krestu OMTHUMILEYO.”
 
17.KuJohane 20:17 kuthi: “UJesu wathi kuye: ‘Ungangibambi ngokuba angikenyuki ngize kuBaba, kepha iya kubafowethu uthi kubo, ngiyenyuka ngiya kuBaba wami, noBaba wenu, kuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.”
 
18.Lithi ke lelikholwa angithi uYahusha nguye uNkulunkulu, ngimphikise uYahusha kulokhu yena osifundisa khona!
 
19.KuJohane 5:30 uYahusha uthi: “Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa INTANDO YONGITHUMILEYO.”
 
20.KuJohane 6:38 uYahusha uthi: “Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa IINTANDO YALOWO ONGITHUMILEYO.”
 
21.KuJohane 7:28-29 uYahusha uthi: “Niyangazi mina, futhi niyazi ukuthi ngivelaphi. Kepha angizizelanga mina, kodwa LOWO ONGITHUMILEYO UQINISILE, ENINGAMAZIYO NINA.”
 
22.Kuzo zonke izintshumayelo zika Yahusha, yena ufakaza ngokuthi uthunywe nguJehova. Manje uma sengikholwa ukuthi uYahusha unguNkulunkulu, lokho ngizobe ngikususa kuliphi ivangeli likaYahusha eliphikisa lokho okushiwo ngu Yahuah?
 
23.Lemfundiso yomubi ephumele ukudukisa abantu ngokuthi uYahusha nguNkulunkulu iyatholakala nakumaNazaretha ngokuthi uShembe nguNkulunkulu!
 
24.Ngesinye isikhathi uShembe eshumayela uthi: “Kuza isikhathi lapho amaNazaretha azowuchitha umthetho kaJehova, LO ENGITHUNYWE UKUBA NGIWUVUSELELE!”
 
25.Kuchazwe nguye uShembe ukuthi wathunywa ukuzovuselela umthetho kaJehova! Manje uma sesithi uShembe nguNkulunkulu, uNkulunkulu uthunywa kanjani, ethunywa ngubani?
 
26.Encwadini kaHezekeli 3:17-19, uJehova ebhekise ku Hezekeli uthi: “Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israeli, ngakho ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
 
27.Uma ngithi komubi uyakufa nokufa, bese ungamxwayisi endleleni yakhe embi, ukuba umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngolibiza esandleni sakho.
 
28.Kepha wena uma umxwayisile omubi, kodwa awaze wabuyeka ububi bakhe, nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho. Amein!”
 
29.Njengasesikhathini sakwa-Israel, namanje uNkulunkulu uyamthuma umuntu phakathi kwabantu ukuba ngaye abuyise inkolo noma umthetho wakhe, kodwa abantu balwe naye, bamthuke ngazo zonke izinhlamba!
 
30.Kodwa uthi uJehova labo bantu ungabesabi, wena wedlulise umyalezo kaNkulunkulu njengokuthunywa kwakho!
 
31.Empilweni yami ngangingakaze ngithukwe noma ngeyiswe ngumuntu! Angikaze ngishawe ngumuntu, futhi angikaze ngimshaye umuntu; nengane yami angikaze ngiyishaye; angazi ukuthi umuntu ushawa kanjani!
 
32.Nasesikoleni angikaze ngishawe ngingedwa, noma sengikhulile ngisebenza, angikaze ngithethiswe icala, noma ngisolwe nanoma ngani! Ukusolwa nje yinto engangingayazi empilweni yami!
 
33.Futhi mina empilweni yami angikaze ngibaleke, noma ngicashele into ethuize; angazi ukuthi ngaphandle kokugijima ngingabe ngibalekela ntoni?
 
34.Kodwa ngaqala ukuthukwa ngabantu nayizingane mhla ngithunywa ezulwini ukuthi ngikhulume indaba kaNkulunkulu!
 
35.Njengamanje sengimdala, ngiyimpunga, kodwa angazi ukuthi zingakanani izinhlamba engikuthukwa ngazo ngamakholwa nabantwana bawo!
 
36.Ngokwemvelo ngingumuntu ohloniphekile, kodwa kwathi uma uNkulunkulu engithuma kumaNazaretha, kwaphela ngaleso sikhathi ukuhlonipheka kwami!
 
37.Ayikho into elikhuni njengokuthunywa nguNkulunkulu, ngoba uma abantu sebekuthuka, kuba sengathi akaboni!
 
38.Mina ezulwini ngathunyelwa ingelosi ukuba ingifundise konke okumele ngikwedlulise kubantu ukuqondisa ibandla likaJehova, ngoba ngokwemvelo yayo, ingelosi ayikwazi ukuzikhulumela yona kubantu!
 
39.Ezulwini kubhekeke ukuba nami ngiyihloniphe ingelosi ethunywe kimi, ekushoyo ngikwedlulise kubantu njengoba kunjalo!
 
40.Ku-Eksodusi 21:22, uNkulunkulu uthi kuMose: “Lengelosi ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyikuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba IGAMA LAMI LIKUYO.
 
41.Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, wenza konke ekutshela khona, NGIYOBAZONDA ABAKUZONDAYO, NGIBE YISITHA SEZITHA ZAKHO!”
 
42.Uma ngedlulisa umyalezo wengelosi kubantu, bese abanye bengithuka ngoba bengafuni ukuthatha abatshelwa khona, abokwazi ukuthi bathuka uNkulunkulu! Uthi uNkulunkulu ABAYIZITHA ZAMI, BAZI FUTHI UKUTHI BAYIZITHA ZIKAJEHOVA!
 
43.Kukho konke esikwenza kulelibandla kumele sihlale sazi ukuthi leli libandla ngelikaMenzi wezulu nomhlaba.
 
44.Ekhasini 81 kuya ku 82 lencwadi ka-Advocate Mnyandu esihloko sithi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI IlANGA, uBaba iLanga uthi:
 
45.“Manje ngiyathanda ukunikhumbuza ukuthi uNkulunkulu uyayenza into enhle njengale yenu, kodwa usuke engayenzeli abantu. UbuNazaretha lobu uNkulunkulu akakwenzelanga abantu, wazenzela yena.
 
46.Sisho njalo isihlabelelo sithi: “Idwala elihle lamaNazaretha owazikhethela lona uJehova ngokulithanda kwakhe.
 
47.Into yakhe le, akusiyo futhi into kaShembe, kumbe yamadodana ami, noma yabafowethu, noma yabafundisi basekuphakameni, ngekaNkulunkulu!
 
48.Ngithi anobhasobha ningaphunyukwa inhlanhla yasezulwini ebeniphiwe yona ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zenu.
 
49.Lisho njalo izwi encwadini kaJuda ivesi lesihlanu, lithi: “Ngiyathanda ukunikhumbuza, noma benazi, ukuthi iNkosi uma isibagezile abantu yabenza babangcwele, babahle njengani nje, bathi uma sebeqala ukwenza okubi, yababhubhisa! Ayaze yanaka umsebenzi omkhulu ewenzile ibageza. Amein!”
 
50.Iningi lamaNazaretha selimhlubukile uJehova, ayisalandelwa inqubo yokukholwa njengoba sayifundiswa nguMqaliwendlela, futhi akakho nobukeka enendaba nalokho!
 
51.Njengoba isho iNkosi iLanga, akusiyo into elikhuni ukuba uJehova avule umhlaba asibhubhise sonke uma senza ibandla lakhe inhlekisa emhlabeni!
 
52.Ngaso sonke isikhathi sibheke ukuthi ukuhamba kwethu kusamjabulisa yini uNkulunkulu kanye nomprofethi, singazenzeli noma yini ebukela phansi uJehova noBabamkhulu!
 
53.Kulelibandla akakho umuntu ongalinganiswa noNkulunkulu noma ngabe mkhulu kangakanani!
 
54.Ngomunye unyaka sasiseLinda, uBaba iNyangayezulu wamenywa enkonzweni yomkhuleko eyayiseNdlunkulu. Wabe esethatha mina nabafundisi cishe ababili.
 
55.Uma sifika kulenkonzo, uBaba wabe eseyiswa estage lapho okwakuhleli khona abafundisi. Nengonyama yayikhona, kodwa yona ihleli phansi nebandla, ngaphandle kokuthi esayo isihlalo sasehlukile.
 
56.Kodwa kulesi simo kwaba khona into engiyifundayo engatholakali uma ingonyama isebandleni lamaNazaretha.
 
57.Noma ngingasakhumbuli noma lokhu kwenzeka ngasemuva noma ngaphambi kokuvakashelwa yiyo ingonyama, kodwa kwathi ingonyama isivakashele ngeSabatha, abefundisi bathatha isihlalo sayo basibeka epulpit, yahlala epulpit neNyangayezulu.
 
58.Ngenxa yokuthi lepulpit yayincane, kwaphoqeleka ukuba ilati libuyiselwe ngemuva kweNkosi iNyangayezulu.
 
59.Kwathi sekuvalwe inkonzo, nengonyama ingasekho, uShembe wakhipha u R10 wathi uyahlawula kuNkulunkulu, ngoba usehlale wafulathela ilati!
 
60.UBaba wabe esesola kakhulu abafundisi, ebuza ukuthi bakwenzeke kanjani ukuthi ingonyama ihlaliswe epulpit nomholi webandla, kwake kwenzekaphi ukuthi enkonzweni kube nomuntu ohlala nompristi epulpit?
 
61.ENgilandi kunebandla leKing, kodwa akukwazi ukuthi kungathi ngoba iking isenkonzweni, bese ifakiswa imijiva yobhishobhi, iyohlaliswa epulpit! Yonke indawo ine protocol yakhona yokuhlala!
 
62.Kodwa namuhla okwenzeka ebandleni lamaNazaretha kuyashaqisa. Kutholakala ingonyama ibongelwa yimbongi endaweni kaNkulunkulu, ifakwa umjiva womholi, iyohlaliswa epulpit nompristi omkhulu wesonto! Awusekho umehluko phakathi kwebandla likaJehova nombuso wasemhlabeni!
 
63.Ithi ke ingelosi asiwukhuze lomkhuba ukuze uma uJehova eselwa, singathelwa ngamachaphazelo, sekubuzakala ukuthi sathula sathini uNkulunkulu ezodelelwa endaweni yakhe?
 
64.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Uma ubona umlilo uza kumakhelwano wakho, noma niyizitha, ungayeka yini ukomcimisa, kodwa wazi ukuthi ekushiseni umuzi womakhelwane wakho, lomlilo ungase udlulele kuwe?”
 
65.Uma uthunywa ukuba ubuyise abantu ekwedukeni, bese ungakwenzi lokho ngoba uthi bazokuhlasela, uJehova uyobajezisa ngokona kwabo, kodwa igazi lesono sabo uNkulunkulu uyolibuza kuwe.
 
66.Ithi ke ingelosi: “Bakhuze, noma bengakulaleli, kodwa wena uyobe uwukhululile umphefumulo wakho!”
 
67.Lento eyenzeka ebandleni likaJehova ibukela phansi uNkulunkulu. Noma umuntu engaba mkhulu kangakanani emhlabeni, kodwa akakwazi ubukhulu kwakhe ukuza nakho enkonzweni.
 
68.Ingonyama yayimenywa ebandleni lama Moslems, kodwa uma ifika khona izikhumule izicathulo. Kodwa kulelibandla ingena nezicathulo! Ibukela phansi ibandla lika Jehova!
 
69.Uma ubuholi bebandla bungayisukumeli lento, kukhulu okusina kubajeqeza!
 
INkosi ibusise izwi layo!
 
Le nkonzo iyatholakala naku YouTube Channel othi: Rev Mpanza NCG.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *