Bantabami, omubi usebenza ngezangoma nabo bonke abavuma ukuba yizimbongolo zemimoya engcolileyo, ngokuba umthombo wayo ngu Sathane.
Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela, ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu. Xwayani iZangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu
Isihlabelelo 143.
1.Ukukholwa kwethu
Kulobu buNazaretha
Kuyilidwa elibushelelezi
Lehlula abaningi.
2.Wena uyathanda ukusilandela
Lapho siyakhona
Uboqala uthenge isibindi
Lapho siyakhona.
3.Indlela incinyane
Inamatshe inameva
Ihanjwa ngabambalwa
Lapha siyakhona.
4.Imbala unaso isibindi
Sokuhamba ngaleyo ndlela
Ilidwala elibushelelezi
Lehlula abaningi.
5.Wozani maqhawe
Hlabani umkhosi
Niwavile amagwala
Hlomani ngamandla.
1.Ngijwayele ukuchaza ukuthi ukuthi “Shembe” ligama lomprofethi noMqaliwendlela elafika kuyisemkhulu uNhliziyo ngesibonakaliso uShembe engakazalwa.
2.Kukhona ukukhuluma okuthi ngokwenkolo yomdabu ayikho into eyinkolo, kodwa kunesimo esibizwa nge Traditional Spiritualism, esehlukile enkolweni eyafika nabezizwe.
3.Angazike noma ibandla lamaNazaretha lakhiwe ngesingakubiza ngenkolo noma ngeSpiritualism. Kodwa engikwaziyo ukuthi uNkulunkulu wafika kuShembe esezinkomeni eneminyaka cishe engu 12, uShembe engakazi lutho ngobuKrestu, futhi engakaze alibone
iBhayibheli.
4.Isikwata owayehlala naso enkopholo sasicabanga ukuthi ungenwa ngumoya wobungoma. Babeze besho ukuthi lomfana uzoba isangoma esikhulu.
5.Angizukuphinda umlando wokuthi kwenzekani kuShembe aze agcine engumholi wenkolo, ngoba lokho
kade ngangikuchaza.
UShembe esehlangene noYahuwya walithola iBhayibheli, lelibandla wabe eselakhela kuyisisekelo sokukhonza uYehova ngokugcina imithetho yakhe ekuyiTorah.
7.Lesi sisekelo uShembe wasibhala phansi kuvesi 3 womthandazo weSabatha mhla ethi: “MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE UJEHOVA OWANILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE
KUTHIXO WEMIKHOSI.”
8.Kuvesi 11 womthandazo wesabatha uShembe wakugcizelela ukuhlale sinamathele ekukholweni mhla
ethi: “KHUMBULAKE UKUTHI NAMUHLA WENZE ISIVUMELWANE NOJEHOVA UNKULUNKULU
WAKHO SOKUTHI UYAKUHLALA ENDLINI KAJEHOVA KUZE KUBE SEKUPHELENI KWEZINSUKU ZAKHO.” UShembe ukubhale phansi ukuthi uNkulunkulu wethu nguJehova.
9.Kodwa namuhla intshumayelo yami ibhekene nalabopastor bamaKrestu, abanye abathi bayinkosi yabaprofethi asebengihlasela ngobuNazaretha.
10.Yini lamaKrestu ayaziyo ngobuNazaretha njengenkolo, yini abayaziyo ngemisebenzi yami kuyinkolo yobuNazaretha?
11.Mhla ngiqala ukubhala izincwadi ngobuNazaretha, ngabhala incwadi ethi “uShembe nobuNazaretha.” U-
anti uKekane owayekhule nomama weza kimi, wabe esethi:
12.“Saze safezeka isiprofetho sikaBabamkhulu ngisaphila. Mhla uBabamkhulu ethenga umama wakho wathi kubantwana oyobazala koba nomntwana okothi engesiye owakwaShembe ngesibongo, kodwa abe noMoya kaShembe. Ngakho ke kumele ukwazi ukuthi wena ungumntwana oyisisebenzi sikaShembe, lokhu okwenzayo ugcwalisa isiprofetho sikaBabamkhulu.”
13.Ngelinye ilanga ngabuza kuyingelosi ukuthi kungani mina ngingesiye owakwaShembe kuthiwe angihole ibandla
lamaNazaretha?
14.Yathi ingelosi: “Lelibandla lamaNazaretha liselisha kwafika izithunywa zasezulwini kuBabamkhulu, zabe sezithi: “Lelibandla lizohamba lihambe liphele, kodwa loqedwa yinzalo yakho. Manje uyokuvimba kanjani lokho?”
15.Ithi ingelosi uBabamkhulu wabe esekhomba umama, esethi: “Ngicela uJehova angibusisele lentandane yami ukuze kuthi enzalweni yayo kube nomntwana oyothi engesiye owakwaShembe ngesibongo, kodwa abe noMoya kaShembe. Ezulwini ke nguwena okhethwe ukulwela lelibandla likaJehova kuzo zonke izinkinga elibhekana nazo!”
16.Ngo 1992 ngathi ngisebenza eMadadeni ngiyimantshi khona, ngabona sekufika abafundisi abathathu; umfundisi uMthethwa, uMathonsi noMgabhi. Bathi bathunywe iNyangayezulu ukuzongibiza.
17.Ngaya eBuhleni, uShembe wangibizela endlini nginomnewethu umfundisi uMpanza. Wabe esethi: “Nakhu enginibizela ukuzonitshela khona: ‘UKUWA NOKUVUKA KWALELIBANDLA LAMANAZARETHA UNKULUNKULU UYOKUBUZA KINI NOBABILI, SENGIQEDILE KE!”
18.Lapha ngivezela lamaKrestu ukuthi ukusebenzela kwami ibandla lamaNazaretha akuvelanga kimi, kodwa ngathunywa nguye uShembe ukuba ngikwenze!
19. Ngimncane, cishe ngifunda uStd 3, ephusheni ngabona incwadi enkulu engaphezu kweBhayibheli; kuyo kubhalwe ukuthi “IBHAYIBHELI LAMANAZARETHA”.
20.Ngajabula kakhulu, ngathi “Hawu namaNazaretha
aseneBhaybheli!” Kwase kuvela ilizwi engingazi ukuthi
kwakukhuluma bani, lathi: “MUSA UKUJABULA, NGOBA LELIBHAYIBHELI LOBHALWA NGUWE!”
21.Angazanga ukuthi lokho kusho ukuthini. Kodwa manje izintshumayelo zami ezibhalwe phansi seziyimiqulu engamakhasi edlulile ku 4000, ngoba kusukela ngo 2010 alikaze libe khona iSabatha lapho ngingashumayeli khona. Leliphupho ngeBhayibheli lamaNazaretha selifezekile, sekusele ukuba leliBhayibheli silihlanganise!
22.Mhla ka 4 January 2010 kwafika ingelosi yaguqa phambi kwami, yabe isithi: “Ngithunywa nguShembe iNkosi iLanga kuwe, uthi phuma ebandleni laseBuhleni, bese umakhela ibandla likaJehova.
23.Kulelibandla uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, ususele eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha; uthathele nasezimfundisweni zikaBabamkhulu efundisa amaNazaretha.”
24.Ngiphuma eBuhleni ngamemezela emsakazweni nasephepheni, ngachaza ukuthi ngikhishwe nguShembe iNkosi ilanga.
25.UBaba uThingo wathumela kumaNazaretha ukuthi engangihlukumezi, wabiza no mama beNkosi iLanga, wabatshela ukuthi ngithunywe iNkosi iLanga ukuthi ngiphume eBuhleni ngiyakhele ibandla!
26.Kuze kube namuhla ngisanamathele kulokho engakuthunywa, ukuba ngifundise abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova! Ngakho ke lenkulumo yalomKrestu yokuthi ngaphuma ngo back-door eBuhleni angiyazi ukuthi ichaza ukuthini!
27.Mhla ka 26 March 2011, ingelosi izongigcoba, yangembathisa umjiva, yabe isithi lomjiva akusiwo owokungigcoba njengomholi, kodwa ithi iNkosi iLanga ugqokiswa yiyo ukukubonga kuwo wonke umsebenzi owenze impilo yakho yonke uvikela uShembe nobuNazaretha! Kodwa namuhla usuzovuselela inkolo yaJehova njengoba yafundiswa nguBabamkhulu!
28.Ukuthi ukuwa nokuvuka kwalelibandla UNKULUNKULU UYOKUBUZA KIMI, nokuthi, UTHI UBABA ILANGA ANGIPHUME EBUHLENI NGIMAKHELE IBANDLA LIKAjEHOVA, IMIYALEZO EYAFIKA KIMI EMINI NGINGALELE. Ibandla lamaNazaretha ke libandla elasungulwa nguBabamkhulu nelihamba ngokwezimiso zikaJehova, akulona ibandla lomndeni wakwaShembe!
29.Ukuwa kwebandla akusho khona ukuphela kwabalandeli bebandla, kodwa kusho ukuhlubuka kwamakholwa kuNkulunkulu!
30.Kade ngangisebenzela ibandla
lamaNazaretha. Ngo 1985 ngaya emsakazweni, ngaphumela eshashalazini, ngifuna amaKrestu achaze ngokuzama kukaShembe ukundiza aze afe.
31.AmaKrestu ayegcwele iholo, kodwa akakho owake wayifakaza lembudane yokukhuluma! Namuhla awusakuzwa lokho kukhuluma!
32.Ngo 1992 ngathola isimemo esingimemela ukomela ibandla lamaNazaretha ePitoli kuyi INTERFAITH CONFERENCE.
33.Njengoba lelibandla lalingaphansi kobuKrestu, ngacela kuBaba iNyangayezulu ukuba ngilikhiphe ngaphansi kwenkolo yobuKrestu.
34.Wathi uma uBaba engibuza ukuthi ngizokwenzelani lokho, ngathi ngifuna ukuba sichaze ngoShembe nenkolo yobuNazaretha ngaphandle kokuphazanyiswa ngamaKrestu. UShembe wabe useyangivumela.
35.Ngifika kuyi Conference, amaKrestu angiphikisa ethi ubuNazaretha kungaphansi kwabo, inkolo yoMdabu ithi iyona ubuNazaretha obungaphansi kwayo. amaMoslems namaJuda abe esethi akuchaze mina.
36.Ngabe sengithi inkolo yoMdabu yakhelwe phezu kwezwi labantu, kanti ubuNazaretha bakhelwe phezu kweZwi lezulu.
37.Noma lezinkolo zinoNkulunkulu oyedwa, kodwa amaKrestu umholi wawo nguJesu, kanti amaNazaretha umholi wawo nguShembe.
38.Umhlangano wabe usuthi uyeneliswa zizathu engizibekayo zokuba ibandla lamaNazaretha lizimele njengenkolo ngokwalo.
39.Emva kwalokho yimina futhi engaya emsakazweni ngocela i-slot lapho ibandla lamaNazaretha lizoshumayela ngokuzimela. Lesi slot ngasibiza ngokuthi USHEMBE NOBUNAZARETHA.
40.Ngo 1996 ibandla lamaNazaretha limenywe ku TRC ukuzochaza ngokuhlukunyezwa kwalo nguhulumeni nezimishini ngezikhathi zobandlululo, ngahamba ngedwa kuTRC, abanye abagcotshwa benqaba ukungiphelekezela.
41.Ibandla nebandla lalimelwe ngabantu abangu 12, kodwa mina ngangingedwa ngimele lonke ibandla lamaNazaretha!
42.Sengikhulumile, kwasukuma usihlalo weTRC wavuma ukuthi uShembe wathukwa kuthiwa wazama ukundiza, wafa. Wabe esethi lomfundisi ngifike ibandla lamaKrestu ngilicelele intethelelo kumholi webandla lamaNazaretha!
43.Imina engaqala ngokushumayela ngihlabelela ngoShembe nobuNazaretha, ngichaza ngomlando kaMqaliwendlela. Ngabhala izincwadi eziningi ngoShembe nobuNazaretha; enye incwadi ngiyibhale ngesingisi.
44.Ngihambele yonke imfundo ephakeme eKZN ngichaza ngoShembe nobuNazaretha. eWits ngangihlala ngiba nephepha lapho engangichaza kuyizifundiswa zezenkolo ezivela emazweni ahlukene, ngichaza ngemfundiso-nkolo ykaShembe nobuNazaretha!
45.Manje ke laba baprofethi-ndini bamaKrestu bazini ngobuNazaretha, bazini ngemisebenzi yami ngisebenzela lelibandla lamaNazareytha?
46.Namuhla sekungamaKrestu asekwazi ukusola mina uma ngibuyisa amaNazaretha ekuhlubukeni kwawo uNkulunkulu? Yini amaKrestu ayaziyo ngenkolo yobuNazaretha?
47.Ngo 1925 uMprofethi wakhuluma kanje ngezangoma lezi esezifuwe eBuhleni:
48.“Bantabami, omubi usebenza ngezangoma nabo bonke abavuma ukuba yizimbongolo zemimoya engcolileyo, ngokuba umthombo wayo ngu Sathane.
48.Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela, ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu. Xwayani iZangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu.
49.Ningasingenisi iSangoma ngamasango emizini yenu, nalapha eKuphakameni nakuyo yonke imizi ka Nkulunkulu nize ningasingenisi, ningaganiselani neZangoma bantabami, ningemukeli lutho esandlenisaso.
50.NOMA IMUPHI UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE ngandlela zonke, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama eyaliwe eZulwini, yabuya ngaye lowo ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni, ngokuba isebenzela ukuthobisa uJehova.
51.Bantabami uma nike nangenisa iSangoma, naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho! Ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.
52.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.
53.Uma nike nasingenisa bantabami, niyobenibubulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu!
54.Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalo.lolo suku nangenisa isitha sakhe Phakathi kwendlu yakhe eyingcwele, nadla naso, naphuza naso!
55.Ngalolo suku uyophela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne sangoma enisingenise endlini ka Jehova, ukuba nixoshe uJehova ngaso, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona isangoma.
56.Khona ngalolo suku abantwana benu bayongenwa imimoya engcolileyo ewukufa, kuthi labo abayenqabayo ibehlisele okubi, abanye ibabulale, ngokuba niyobe senimxoshile uJehova phakathi kwenu!” Amein!
57.Enkonzweni eyayingo 1927 uMprofethi wakhuluma kanje ngokuhlabela amadlozi: ‘Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.
58.Bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.” Amen!
59.Ukuchitha izangoma nokuchitha ukuhlabela abafile, umprofethi ukuthathe eBhayibhelini, kuLevi 20:27, lapho uJehova ethi:
60.“Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi noma ngumoya wokubhula uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe; nakumaHubo 106:28-29 lapho kuthi:
60.“Bazihlanganisa no Bhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo, bamcunula uJehova ngezenzo zabo..”
61.Njengamanje umholi waseBuhleni umemezela ukuthi yena ungunkulunkulu! Asikho isono esifana nokuthi uzibize ngoNkulunkulu! Kodwa kunamaKrestu athi asingakukhuzi lokho!
62.EBuhleni basonta nezangoma ngokusobala, ezinye zingabagcotshwa, ziphethe izwi leNkosi; EBuhleni amadlozi ahlatshelwa ngokusemthethweni, kodwa lokho amaKrestu athi asingakukhuzi!
63.Mina ngathunywa nguShembe ukuqondisa lelibandla likaJehova, manje ngalokho sengihlaselwa ngamaKrestu? Ngamanye amazwi laba bafundisi bamaKrestu bathi lokhu kuhlubuka kwamaNazaretha angingakukhuzi?
64.Uthi uBabamkhulu uma sike savumela isangoma ukuba singene phakathi kwethu, SOBE SIKUBULELE UBUNAZARETHA, SOBE SIMXOSHILE UNKULUNKULU PHAKATHI KWETHU!
65.Bathi ke labaprofethi nabo pastor bamaKrestu angingayikhuzi yonke lemikhuba eyenzeka ebandleni lamaNazaretha, yize ngathunywa nguye uShembe ukuthi ngibheke ukuthi ubuNazaretha abuwi!
66.Ngiyacela ukuba amanye amaKrestu ebakhuze laba baprofethi-mbumbulu bengagcwanekeli kimi, ngoba ngiyabona bane-agenda yokuqeda ngobuNazaretha, kodwa benza sengathi bakungakulaba baholi bamaNazaretha abaphume ukubhubhisa ibandla likaJehova!
67.Kwasho ingelosi esekhona uBaba uThingo ukuthi ngigcine ngoBaba uThingo ukukhothamela umholi wakwaShembe, ngoba noma bengabaholi emhlabeni, kodwa abaziwa ezulwini!
68.Mina konke engikushoyo angikususeli ekhanda lami, ngiyaliwe ukuthi ngenzeni, ngingenzeni !
iNkosi ibusise izwi layo!