Skip to content

NGUMTHETHO KAJEHOVA KUPHELA OBUSA UMNAZARETHA

UShembe lapha eSouth Afrika wavusa ibandla likaJehova kwa-Israel elasungulwa nguMoshe, laqhutshwa ngabaprofethi, lase liqedwa ngamaRoma ngamaCreeds!

Angikholwa ukuthi kulesi sikhathi samanje likhona ibandla elihamba ngokwezimiso zikaJehova njengebandla lamaNazaretha, ikakhulu amaNazaretha kaNkulunkulu!

Isihlabelelo 238.
1.Nkosi Thixo unomusa
Yamukela abantu bakho
Abadala nabancane
Bayakhala phambi kwakho.
 
2.Iyafuna inhliziyo
Yen’ Thixo ophilayo
Umphefumulo wabo bonke
Ukhumbule ezulwini.
 
3.Bheka Baba ngomusa wakho
Yizwa umthandazo wethu
Singcolile singaboni
Wena wedwa uyingcwele.
 
4.Wena Nkosi unamandla
Geza inhliziyo yethu
Wena Nkosi ungumlilo
Mawuqed’izono zethu.
 
5.Namuhla usikhumbule thina
Emazweni akithi sonke
Mayenziwe’ intando yakho
Pheu kwalenyama yonke.
 
6.Namhla sibuyela kuwe
Thina nabantwana bethu
Siyilifa lakho wedwa
Singakhonzi izitha zethu.
 
1.Uma sikhuluma ngebandla lamaNazaretha kulesi sikhathi sisho inkolo eyasungulwa ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye). Kodwa eBhayibhelini kuyiZenzo 24:5 ibandla lamaNazaretha lisho iNazarene Sect eyayiholwa ngu Yahusha.
 
2.NjengobuKrestu, ubuNazaretha sekuyinkolo, ngoba ngaphansi kwakho sekunamabandla amaningi alandela izimfundiso zokukholwa njengokufundisa kukaShembe.
 
3.UbuNazaretha kungukuqhubeka kwenkolo kaYahuah njengoba yayiqhutshwa yisizwe sakwa-Israel kusukela kuMoshe kuze kufike kuYahusha nabafundi bakhe. Kodwa ngeshwa lenkolo kaYahuah abantu abaningi abayazi ngoba abezizwe bayiqeda!
 
4.Namuhla ngifisa ukucacisa ngebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu nalo elingaphansi kobuNazaretha njengenkolo eyasungulwa nguBabamkhulu!
 
5.NgoSeptember 2006 kwafika ingelosi kithi sinomfundisikazi umaNxumalo eyazichaza ngokuthi igama layo nguHlaleleni.
 
6.Ukufika kwale ngelosi angikufihlanga, ngakuveza kubafundisi ababengiphethe, okwakungumfundisi uButhelezi nomfundisi uKhumalo. Ngambikela noBaba uThingo ngale ngelosi, noma ngaleso sikhathi ngangingakazi lutho ngesimo sayo!
 
7.Sahlala nale ngelosi kwaze kwayophela u 2009, kwathi ngo mhla ka 4 January 2010, yafika kimi isizongitshela ukuthi ithunywe nguShembe iNkosi iLanga, uthi angiphume ebandleni laseBuhleni, bese ngimakhela ibandla likaJehova.
 
8.Kuleli bandla ngifundise abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova ngisusela eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha; ngibuye ngithathele nasezi ntshumayelweni zakhe umprofethi efundisa amaNazaretha.
 
9.Lokhu kukhuluma kwangidida, ngabe sengiyibuza ingelosi ukuthi ngimtshele yini umholi wami uBaba uThingo ngalokhu kukhuluma efika nakho?
 
10.Yathi ingelosi, cha, uBaba uThingo uzotshelwa nguye uBaba iLanga ngoba nguye othe angiphume ebandleni laseBuhleni.
 
11.Ngaze ngaphuma ebandleni laseBuhleni mhla ka 30 September 2010. Mhla ngiphuma eBuhleni ngaya ephepheni nasemsakazweni ngiyochaza ukuthi sengiyaphuma ebandleni laseBuhleni; ngachaza nokuthi ngikhishwe ingelosi eyathi ithunywe nguye uShembe othi angiphume eBuhleni!
 
12.Kwathi abantu abaningi besamangele, umholi waseBuhleni, ngaleso sikhathi okwakungu Baba uThingo, wabiza omama beNkosi iLanga ababeseBuhleni, wabatshela ukuthi njengoba ngiphuma nje eBuhleni, ngikhishwa iNkosi iLanga.
 
13.Ukwazi ukuthi omama beNkosi iLanga batshelwe uThingo ukuthi ngikhishwa uBaba iLanga eBuhleni, sashayelwa ucingo yindodakazi yayo iNkosi iLanga isitshela ukuthi onina kade bebizwe uBaba uThingo wafike wakhuluma nabo ngalenkulumo!
 
14.Akugcinanga lapho, uBaba uThingo wabuye wathuma umvangeli uZwane enkonzweni ukuthi atshele ibandla lamaNazaretha ukuthi lingangihlukumezi ngoba ngikhishwe ebandleni iNkosi iLanga.
 
15.Ngokuzwa lenkulumo kaBaba uThingo, amaNazaretha ayesephindele eBuhleni abuya abuyela eNCG ngoba esezwe ukuthi iNkosi uThingo ayixabene nokushiya kwami eBuhleni!
 
16.Ngokungidedela ngesihle kukaBaba uThingo, kwafakazela inkulumo yengelosi yokuthi nguye uBaba iLanga ozotshela uThuingo ukuthi nguye othe angiphume eBuhleni!
 
17.Kodwa yize kungamaNazaretha aseBuhleni abe esetshela thina ngokwakhulunywa uThingo ngokuphuma kwami eBuhleni, kodwa manje sekuyiwo ahamba phambili ukuthi mina ngiyihlubuka kuleli bandla, ngisefana nomfundisi uMnqayi nomfundisi uMzobe nabo abahlubuka kuleli bandla lamaNazaretha.
18.Ngenxa yenkulumo yoThingo, amalungu amaningi ebandla laseBuhleni akazange angihlasele kuleso sikhathi, kodwa baqala ukungihlasela sebenomholi omusha, sebethi ngiyiphekula.
 
19.Bangizondela ikakhulu ngoba ngifakazele ummeli uButhelezi ukuthi yilona uThingo olwabeka uMsebe ukuba ahole ibandla! Lokho ngangikwazi kahle ngaphambi kokuhamba kwaBaba uThingo emhlabeni.
 
20.Inkinga yamalunga alelibandla ukuthi uma uke wakhuluma into bona abaphambene nayo, uba ngonamanga, uthukwe ngazo zonke izinhlamba, kungakhathaleki ukuthi into oyishoyo iliqiniso kangakanani.
 
21.Sengiphumile eBuhleni angizange ngizimele kusekhona uThingo. Ingelosi yathi ngingawufaki umjiva wobuholi, futhi ngingahlali esihlalweni sobuholi kusekhona uBaba uThingo, yize sengiphumile eBuhleni.
 
22.Ngabe ke sengifaka umjiva wabafundisi abangakagcotshwa, futhi angaze ngahlala esihlalweni sobuholi enkonzweni.
 
23.Kunezintshumayelo ezikuma video engazenza sengiphumile eBuhleni, kodwa ngifake umjiva omhlophe njengaba fundisi abangaka gcotshwa, futhi ngishumayela ngiguqile. Konke lokho ngakwenziswa yingelosi ngoba ithi angihloniphe uBaba uThingo!
 
24.Onke amaNazaretha amadala ayazi ukuthi sengiphumile eBuhleni, ingelosi yathi ubudlelwane beNCG noBuhleni bufana nobudlelwane phakathi kwe ANC neCOSATU.
 
25.Yathi ingelosi iCOSATU izimele, inomengameli wayo, kodwa futhi ingamadlela-ndawonye ne ANC. Ingelosi yathi noma iCOSATU ingamadlela-ndawonye neANC, kodwa ICOSATU iyakwazi ukuqondisa i-ANC uma isiphuma endleleni.
 
26.Lenkulumo yengelosi ngokufanisa lelibandla ne ANC ne COSATU yenziwa elikhulu ihlaya libandla laseKuphakameni. Kodwa ibandla laseBuhleni libukeka selikhohliwe ilenkulumo, mina sengiliphekula elahlubuka eBuhleni.
 
27.Nabebengazi, kumele namuhla bekwazi ukuthi mina angikaze ngihlubuke eBuhleni, kodwa ngakhishwa nguye uShembe kulengxenye yebandla!
 
28.Inkulumo yokuthi ngahlubuka eBuhleni ililumbo, isafana nale eyayyi hlambalaza umprofethi ngamanye amaKrstu athi uBabamkhulu wafa kade ezibophele ngezimpaphe ezama ukundiza!
 
29.Njengoba sengichazile, ingelosi yathi ngenke ngigcotshelwe ukuhola lelibandla kusekhona uBaba uThingo, ngoba noma sengiphumile eBuhleni, kodwa ngisengaphansi kwakhe uBaba uThingo.
 
30.Ekuqaleni kwaMarch 2011 ingelosi yathi kumele kube nomcimbi wokuba ibandla iNCG lingemukele njengomholi walo. Thina sabe sesiqoka ukuba lomcimbi ube mhla ka 3 April 2011.
 
31.Kuthe nje sekusele amasonto mhlawumbe amabili umcimbi uqale, yabuya futhi ingelosi, yabe isithi akukwazi ukuthi lomcimbi wenziwe mhla ka 3 April 2011, ngoba ngalolo lusuku kobe kunomcimi ongemuhle ezulwini.
 
32.Asazanga ukuthi kusho ukuthini lokho, kodwa umcimbi sase siwubekela umhla ka 27 March 2011.
 
33.Ngolwesihlanu ebusuku mhla ka 26 March 2011, kuzosa kube lisabatha, sathi sibona kwase kufika futhi lengelosi isithi izongigcoba nomfundisikazi umaNxumalo njengomholi webandla.
 
34.Saba nokudideka ukuthi sengizogcotshwa kanjani ukuhola ibandla njengoba uBaba uThingo esaphila?
 
35.Kodwa ekuseni ngoMsombuluko mhla ka 28 March 2011 sathola umyalezo wokuthi uBaba uThingo usedlulile emhlabeni.
 
36.Kwathi sisashaqiswe yilokho, sayibona ingelosi isiphambi kwethu, yabe isithi: “Seniyabona ke ukuthi bengiqonde ukuthini uma ngithi ngesonto elizayo kuzobe kunomcimbi ongemuhle ezulwini; benizoba nomcimbi kanjani kuhambe umholi wenu?”
 
37.Yabe ingelosi isiguqa ibheka phezulu ikhuluma kwasakuthandaza ithi: “Nkosi, ngiyabonga ukuthi ummsebenzi obungithume wona ufezeke kahle. Abasemhlabeni sebengaqhubeka nokwenza okwasemhlabeni!”
 
38.Ubufakazi obusobala ukuthi noma mina ngaphuma ethempelini laseBuhleni mhla ka 30 September 2010 ngenxa yalaba bafundisi ababengizingela, kodwa ngaqala ukuhola ibandla laseNCG kusukela mhla ka 26 March 2011, uThingo lona lwahamba emhlabeni hla ka 28 March 2011.
 
39.Kwathi kushaya umhla ka 3 April 2011, kungakabekwa mholi eBuhleni, mina ngokwasezulwini ngabe sengigcotshelwe ubuholi obuphelele bebandla lamaNazaretha elaliholwa nguBabamkhulu!
 
40.Mhla ngizogcothwa ngangingazi lutho, kodwa sabona ngokufika nje kwengelosi ebusuku isistshela ukuthi isizosigcoba!
 
41.Mina ngangingazi lutho ngokuthi uBaba uThingo uyohamba nini emhlabeni, kodwa ingelosi yayithe ngokwazi ukuhola ibandla uBaba uThingo engasekho emhlabeni!
 
42.Manje kuso sonke lesi simo engisichazayo, futhi esingamaqiniso omlando, ukuphuma kwami eBuhleni akukwazi ukufaniswa nokuhlubuka kwabafundisi abahlubuka kumprofethi base bezivulela amabandla abo!
 
43.Isenzo samaNazaretha ngokugcotshwa komholi kuyadabukisa, ngoba uNkulunkulu ufike esho into, bese bona bemphikisa, bekhande eyabo!
 
44.NgikuTRC, ngabuzwa nguBhishop Tutu ukuthi njengoba kuleli bandla kuyaye kuthi uma kusuka uShembe, kuhlale uShembe, ngabe lokho kusho ukuthi lelibandla liyifa lakwaShembe?
 
45.Ngamphendula ngathi akuqalisi ngoShembe ukuba uNkulunkulu akhethe indlu eyodwa ukuba ibe yindlu yabapristi.
 
46.UJehova wakhetha uMoshe nomfowabo u-Aroni kanye nodadewabo uMirriam ukuba babe ngaba profethi kwa-Israel; futhi wakhetha indlu yabaLevi ukuba kube yiyo yodwa indlu yabapristi kwa-Israel. Wathi umbhishobhi: “Cha uyangehlula!”
 
47.Manje ngoba kulesi sikhathi samanje imina ohola ibandla lamaNazaretha onke ngokwasezulwini, amaNazaretha abe esengihlasela ngengakusho kubhisho Tutu, bathi njengoba kwasho mina ukuthi ukuhola ibandla lamaNazaretha luzalo yinto ekhona nasezulwini, manje kungani bese liholwa yimi ngingasiye owakwaShembe?
 
48.Lapha amaNazaretha nabakwaShembe bayaye bacaphune umthandazo womprofethi esezohamba emhlabeni lapho ethi: “Vus’ omunye endlini yami ahole abantu bakho…”
 
49.Ngoba kwakuphoqwa ukuba kuybe ngumuntu wakwaShembe oba ngumholi webandla, umthandazo othi “vusa omunye” wahunyushwa ngokuthi “vusa abanye!” ngenkathi uBaba ekhuluma ngo”vusa omunye”: kuyaziwa ukuthi wayeqondise kuyinkosi iLanga.
 
50.Umama wayegane kwaMpanza, uthe eseyoshada wase uyashona umkhwenyana wakhe. UBaba iLanga wabe useyambiza umama, wafika wathi kuye: “Ngenke uphinde uyogana kwaMpanza.” Umama wabuyela kwaShembe.
 
51.Kodwa ngelinye ilanga iNkosi iLanga yambiza umama, yabe isithi: Kuzofanele ubuyele kwaMpanza.” Umama wabe esethi: “Kodwa Baba wathi angisophinde ngiyogana kwaMpanza?”
 
52.UBaba wamphendula ngokuthi: “Ukuthi awusophinde uyogana kwaMpanza kwasho mina, nokuthi futhi buyela kwaMpanza kusho mina!” Umama wabuyela kogana kwaMpanza!
 
53.UNkulunkulu uyasikhipha isibusiso abuye asigodle uma obe naso engasawugcini umthetho kaJehova, wena bese ufana nomprofethi uJona, owathi kuNkulunkulu: “Awusababhubhisi ngani laba bantu ngoba uthe uzobabhubhisa?” bese uma kulokhu okwashiwo nguNkulunkulu ekuqaleni!
 
54.UJehova wabusisa indlu kaLevi, wathi iyona eyozala abapristi. Kodwa emva kwesikhathi amadodana ompristi omkhulu u-Eli ona kuNkulunkulu, uJehova wabe useyasihoxisa leso sibusiso!
 
55.Ku 1Samueli 2:22-25 umpristi omkhulu wakwa-Israel ofana noShembe kulelibandla uzwakala esola amadodanna akhe ethi: “Ngiyezwa ngemisebenzi yenu emibi kubantu bonke.
 
56.Uma umuntu ona kumuntu uNkulunkulu uyomehlulela, kodwa uma umuntu ona kuJehova ngubani oyokumnxusela na?”
 
57.Ngokungafuni ukugcina umthetho kaJehova, ku1Sauel 2:27-30 uJehova uthi: “Angithi ngazibonakalisa kuyindlu kuyihlo beseseGibhithe, ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israel ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-althare lami, ashise impepho, embathe ingubo yamahlombe phambi kwami, ngiyayinika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantu bakwa-Israel.
 
58.Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami enginiyale ngawo endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israel yabantu bami na?
 
59.Ngakho ke uJehova uNkulunkulu Ka-Israel uthi: “NGASHO NOKUSHO UKUTHI INDLU YAKHO NENDLU KAYIHLO YOHAMBA PHAMBI KWAMI KUZE KUBE PHAKADE; KEPHA MANJE UJEHOVA UTHI: MAKUBE KUDE NAMI, NGOKUBA ABANGI DUMISAYO NGIYOBADUMISA, ABANGE DELELAYO BAYAKWEYISWA.”
 
60.UNkulunkulu ubupristi wabe ekubeke endlini kaLevi, njengoba nakuleli bandla ubupristi mhlawumbe babuse ndlini yakwaShembe.
61.Kodwa ngokona kwamadodana ka-Eli, elala namantombazana endaweni engcwele, uJehova wabususa ubupristi kulama dodana, wabe esebeka u-mprofethi uSamuel owayengelutho!
 
62.Nakuye umprofethi, kwathi uma amadodana akhe engaziphathi kahle, uJehova wabephuca ukuba ngabeHluleli, wase ebeka uSaul ukuba abe yinkosi yakwa-Israel.
 
63.Naku Sawuli owagcina eyinkosi kwaJuda, kwathi uma uma engaziphathi kahle, uJehova wamephuca ubukhosi nenzalo yakhe, wabe esebeka inkosi uDavide ukuba iphathe isizwe sakwa-Israel.
 
64.Kuleli bandla lamaNazaretha amadodana akwaShembe abe eziphatha njengamadodana ka-Eli. Ngaphandle kokuxhaphaza amakhosazana enkonzweni, cishe iningi labo laliziphuzela utshwala, bengayingeni indaba yokukholwa.
 
65.Yayibabusa kakhulu indaba yokuthi ngoba bezalwa nguShembe bona noma bengenzani ababa naso isono, noma sebefile ngenke bahlulelwe.
 
66.Omunye umfana wakwaShembe engangejwayelene naye, nowayeyisigangi kakhulu, wathi kimi: “Nisenkingeni nina Mpanza ngoba nisahlalelwe ukwahlulelwa, kodwa thina ngenke sahlulelwe, ngoba ezulwini kukithi!”
 
67.Lomuntu owayekhuluma lembudane wayemdala nakimi. Ngase ngiyabona ukuthi wenza zonke lezi zinto eziphambene nokukholwa ngoba ethi yena angenke ahlulelwe!
 
68.Isimo samadodana akwaShembe siyefana nesamadodana ka-Eli, kodwa bona bayaye bakuqhwage ngisho kuNkulunkulu ukuhola ibandla, yize bengakaze bazihluphe ngokukholwa!
 
69.Namanye amaNazaretha ayakukholelwa ukuthi uma ungowakwaShembe ngesibongo, kufanele uhole ibandla, kungakhathaleki noma wake waba likholwa nangelilodwa ilanga! Yikho ke amaNazaretha ayaye ehamba ethungatha laba bantwana ezipotini, bese bebenza abaholi!
 
70.Noma umuntu engaba ngowakwaShembe, kodwa uma ethathwe esipotini wenziwa umholi, kuvele kuzisho ukuthi kuvele kwathathwa ingunguluzi kwathiwa ingumfundisi!
 
71.Ibandla lamaNazaretha libandla likaMenzi wezulu nomhlaba, wabhala kanjalo uShembe kuyiTestamente lamaNazaretha elibizwa ngokuthi ZIHLABELELO ZAMANAZARETHA.
 
72.Kuvesi 3 womthandazo wesabatha uShembe wasibhala phansi isisekelo salenkonzo mhla ethi: “MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKUKLWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.”
 
73.UShembe lapha eSouth Afrika wavusa ibandla likaJehova kwa-Israel elasungulwa nguMoshe, laqhutshwa ngabaprofethi, lase liqedwa ngamaRoma ngamaCreeds!
 
74.Angikholwa ukuthi kulesi sikhathi samanje likhona ibandla elihamba ngokwezimiso zikaJehova njengebandla lamaNazaretha, ikakhulu amaNazaretha kaNkulunkulu!
 
75.Ngiyafisa ukuchaza indlela eyiyo yokugcina umthetho kaNkulunkulu, ngoba ziningi izinto ezingayikho ezishiwo ilabo ababalekela ukugcina umthetho kaNkulunkulu.
 
76.Umthetho kaNkulunkulu ugcinelwa ukuthi ngawo sidumise uNkulunkulu, hhayi ukuthi ukuwugcina kube nomphumela oletha usizi noma ukufa!
 
77.Kunomthetho othi asidumise uJehova ngokungasebenzi ngesabatha. Kodwa uma ufica imbongolo yakho isodakeni ngeSabatha, kumele uyikhiphe odakeni, ngoba ukungayikhiphi kunomphumela wakuba isabatha libe nomphumela wosizi kanye nokufa kwembongolo. UJehova ke akakwazi ukudunyiswa ngento ezoba nomphumela wosizi!
 
78.Kunemithetho kaNkulunkulu engasakwazi ukugcineka ngenxa yokuthi isimo esikuso senza ukuba ungagcineki bese laba abalwa nokugcinwa komthetho benze sengathi lokhu kudalwa ukungawugcini lowo mthetho!
 
79.Umthetho kaJehova wafika kubantwana bakwa-Israel bendawonye ehlane, ngakho umthetho obabekele ibanga elithile lokuhamba ngesabatha wawusagcineka, kodwa ngesikhathi abantwana bakwa-Israel sebenemizi ehlukene, ukuya kuSinagoge kwakulibanga, ngakho umthetho wokuhamba ibanga elithile ngesabatha ungebe usakwazi ukugcineka!
 
80.Miningi kakhulu imithetho enjalo, ukungawugcini okungasho ukuthi wehluleka ukugcina umthetho kaNkulunkulu, kodwa ukuthi akusenzeki noma kuba nomphumela ongahlosiwe nguNkulunkulu.
 
iNkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *