Skip to content

KONKE KUYIZE LEZE

Sinezimpilo ezimbili, kukhona impilo esiyiphila la emhlabeni, bese kuba khona impilo esiyiphila sesise zulwini.

Kodwa isiwula sibonakala ngoba sikhathalela impilo yasemhlabeni kuphela! Isiwula-ke leso!

Noma umuntu engahlakanipha kangakanani, kodwa uyisiwula ngoba akanaso isibuko sekusasa lempilo yakhe.

ISIHLABELELO 195
1.Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo,
Ngokhululwa ngilibone
Wenhliziyo yami.
 
2 Ngokwenama kangaka nani
Uma ngilibona lelo lizwe,
Engilithnda ngingalibonanga
Wenhliziyo yami.
 
3 Wenhliziyo yami
Unga mdeli uJehova,
Ulidwala lenhliziyo yami
Ungumthunzi wokuphephela.
 
4 Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Wenhliziyo yami.
 
5 Wenhliziyo yami
Unamathele kuJehova
Selikhalile elokuqala
Sengilindele elisibili.
 
KONKE KUYIZE LEZE.
 
1.AmaHubo 31:6-8: “Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova.
 
2.Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.”
 
3.AmaHubo 27:3-6 “Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba.
 
4.Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami, ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.
 
5.Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwethende lakhe, angiphakamisele edwaleni.
 
6.Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba ethendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.” Amein.
 
7.Esizweni sakwa-Israel kwakukhona insizwa eyagcina isiyinkosi kulesi sizwe. Igama lalensizwa kwakunguDavide!
 
8.UDavide wayeyiNkosi ehlakaniphe kakhulu, enayo yonke into, enamakhosikazi amaningi, izinkomo ziningi nezindlu ezinkulu, ecebile kakhulu!
 
9.Kodwa futhi ayikho iNkosi kwa-Israel eyayesaba uNkulunkulu njengoDavide. Abantu abaningi uma bekholwa, abazi ukuthi bakholelwani.
 
10.Kodwa uDavide wayazi ukuthi ukholelwani, yize eyiNkosi enayo yonke into, kodwa ayikho into uDavide ayeyesaba futhi eyikhonza njengoNkulunkulu!
 
11.UDavide waba uMprofethi ngokukholwa, hhayi ngoba wayewumprofethi ngempela, kodwa ukukholwa kwakhe kwagcina kumenza waba uMprofethi, wagcina ekhuluma noNkulunkulu ngokwakhe.
 
12.Njengoba silapha ayikho into engaba ingozi njengokuthi ukukholwa kwethu kube ilento ebizwa ngokuthiwa i-fanatism.
 
13.I-fanatism ukukholwa okukhulu kodwa okungenamqondo. Akholwe kakhulu umuntu, kodwa engazi ukuthi lokhu kukholwa kwakhe kusukaphi kubhekephi, lowo muntu-ke kuthiwa yi-fanatic!
 
14.Isikhathi esiningi uma ukhuluma nalowo muntu, akakulaleli ukuthi uthini ngoba vele usuke engahlakaniphile, isikhathi esiningi ucabanga ngenhliziyo, inhliziyo-ke isebenza ngemizwa, naye ucabanga ngemizwa, hhayi ngenqondo.
 
15.Ngingajabula kabi uma ngingahola ibandlal labantu abangacabangi ngemizwa, kodwa abacabanga ngenqondo, ngoba isikhathi esiningi ukucabanga ngemizwa akukuyisi ezulwini, umuntu ezulwini uyiswa ukucabanga ngenqondo; akwazi ukuthi lento isukaphi igcinephi.
 
16.Uma ungazi ukuthi ukukholwa kwakho kusukaphi kugcinephi, kusho ukuthi uwumuntu okholwa ngenhliziyo, uwumuntu ongahlubuka noma isiphi isikhathi, ngoba awukholwa ngokuqonda, kodwa ukholwe ngemizwa, awunakho ukuqonda ukuthi lento engiyikholwayo inobuqiniso obungakanani.
 
17.Into yokuqala okufanele uyiqonde, ukuthi ukukholwa kwakho kunobuqiniso obungakani, lokhu kukholwa kuphephe kangakanani, kuyiphephise kangakanani impilo yami ngila emhlabeni noma sengifile.
 
18.Uma ngingenakho lokho kuqonda kokuthi ukukholwa kwami kuliqiniso elingakanani, nokuthi kuyiphephise kangakanani impilo yami ngisesemhlabeni noma sengifile, ngisenkingeni!
 
19.Sinezimpilo ezimbili, kukhona impilo esiyiphila la emhlabeni, bese kuba khona impilo esiyiphila sesise zulwini.
 
20.Kodwa isiwula sibonakala ngoba sikhathalela impilo yasemhlabeni kuphela! Isiwula-ke leso!
 
21.Noma umuntu engahlakanipha kangakanani, kodwa uyisiwula ngoba akanaso isibuko sekusasa lempilo yakhe.
 
22.Impilo yala emhlabeni kufanele ukuthi uma uyesekela, uyesekele ngento eyiyo; impilo ezoqhamuka emva kwale kufanele ukuthi uma uyilungisela uyilungisele ngento eyiyo.
 
23.Baningi abantu eBhayibhelini okuyaye kuthiwe babehlakaniphile, kodwa mina ngithi umuntu owayehlakaniphe kakhulu uDavide, ngoba konke ukuhlakanipha kwakhe wakubhala phansi, siyakubona!
 
24.Sinaye umuntu okwathi engadinge lutho, enamakhosikazi amaningi, imfuyo eningi, nomcebo omkhulu, kodwa konke lokho kuceba owakubeka eceleni, isikhathi sakhe esiningi esichitha ngokukhonza uJehova!
 
25.Kodwa namhlanjena zonke iziphukuphuku ezihlakaniphile, njengoba zingazile nje esontweni, zicabanga ukuthi kukhona izinto ezinkulu ezinazo kunokufuna uJehova!
 
26.Isiwula esinemoto, sifundile, sahlonipheka, sibona ukuthi isikhathi esinaso asizikhukhumeze noma sizijabulise ngalezo zinto, asinaso isikhathi sokukhonza uJehova!
 
27.Kodwa uDavide eyiNkosi ecebile, isikhathi sakhe sonke wayesichitha ngokukhonza uNkulunkulu, efundisa abantu ngoNkulunkulu!
 
28.Uthi lapha: “Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngethemba uJehova, ngizakwethaba ngijabule ngomusa wakhe, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami, awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi”
 
29.UDavide utshengisa ukuthi isisekelo sempilo yomuntu ohlakaniphile ukukhonza uJehova eselapha emhlabeni.
 
30.Kodwa abantu abaningi bazi ukuthi kufanele bafune uNkulunkulu ngoba besezinkingeni, abamfuni ukuba bemkhonze, bamfuna ukuba asize bona. Abantu abanaso isithombe seqiniso ngoNkulunkulu! Abanaso isithombe esiyiso sempilo abayidingayo beselapha emhlabeni, noma sebedlule emhlabeni.
 
31.Lokho okuyikho, bakubona kukude nabo, okukude nokungekho bakubone kuseduze!
 
32.Usho njalo uBaba iLanga, uthi lezi zinto esibona engathi zikhona, azikho, kodwa lezi esibona sengathi azikho, izona ezikhona.
 
33.Ithi iNkosi uSolomoni, konke kuyize leze, ukuzijabulisa kwala emhlabeni kuyize leze, ukufuna umcebo wala emhlabeni kuyize leze, kodwa iqiniso lento ekhona into yasezulwini, ngoba yona ayedluli, ngoba ikhona emhlabeni nasezulwini!
 
34.Ngaphambili ngake ngakhuluma ngokuthi besihleli nomvangeli uSithole. Wayehleli lapha, seza naye la emhlanganweni, ngangi memukelisa isidlo khona lapha kumhlangano ka January, sasikade sisina naye khona lapha emhlanganweni.
 
35.Kodwa uphi manje, akasekho? Ngabe usephelile? Cha, uphele emehlweni ethu, kodwa usabonwa ngabanamehlo asezulwini. Ayikho into engukufa kumuntu, okufayo kuphela umzimba wasemhlabeni.
 
36.Yasho njalo iNgelosi kithi, yathi nina lento enithi umzimba wenu, ayikho, ifana ne overall, okukhona ilokhu eningakuboni, ikho-ke okuyikho, kodwa lokhu enithi niyikhona, akukho, kuyinto eyi overall, kuzohamba kuhambe kukhathale, kubole, kuphele.
 
37.Yathi kodwa umzimba wakho lo oya kuNkulunkulu uyohlala unjalo, iwona ohamba nawo, iwona ovela phambi kwaNkulunkulu, akukho lokhu okuzobola kubekwe emgodini kudliwe zimpethu.
 
38.Ngathi umzimba kaSthole uhleli emakhazeni, kodwa ezinyangeni ezimbalwa ezizayo uzobe ubolile, njengoba usubolile nje, usewadliwa zimpethu nezintuthwane. Kodwa uJehova uzokwahlulela umphefumulo wakhe ongafiyo!
 
39.Manjena-ke ngilinganisa ngoSithole ukuze sibone ukuthi lento engikhuluma ngayo iseduze kakhulu nathi.
 
40.Kodwa umzimba wakhe wangampela, lo ingelosi ebisitshela ngawo, angeke udliwe zimpethu, kodwa ukuthi uzophila kanjani, uzohlulelwa ngokwempilo ebeyiphila esekulomzimba wenyama!
 
41.Kodwa sikhumbule ukuthi impilo kaSithole manje isinguna phakade! Wayesemncane, mhlawumbe eno 
 
45 years elapha emhlabeni, esabala iminyaka osazoyiphila, kanti ubala iminyaka esele ngaphambi kukodlula emhlabeni.
 
42.Uma ngabe engazange wenza kahle la emhlabeni useyohlupheka kuze kube phakade, kodwa uma enze kahle emhlabeni useyobusa ingunaphakade.
 
43.Uma ungakwazi ukuyicabanga lento engiyikhulumayo, uyisiwula, uma ucabanga ukuthi uze lapha ukuzofuna ukuphila, ungayicabangi lento engiyikhulumayo, uyisiwula.
 
44.Kodwa uDavide wayengenjalo, UDavide wayenayo yonke into, wayeshiya abafazi bakhe, eshiye izinkomo zakhe nezingane zakhe, kodwa njalo ekushoneni kwelanga eyokhuluma noNkulunkulu, ona njengabo bonke abantu, kodwa abuye athi: “Nkosi ngonile!”
 
45.Usho njalo UShembe, uthi, ngiyalithanda ngokulizwa lelo lizwe elizayo, ngokhululwa ngokulibona wenhliziyo yami. Lelo lizwe elizayo esilithanda ngokulizwa, uSithole sewalibona, umuntu obenathi usesezulwini!
 
46.Thina sisathi siyalithanda ngokulizwa, kodwa uSithole uselibonile lelo lizwe elizayo; ukuthi ulibone lamjabulisa noma alimjabulisi, asazi, kodwa eqinisweni usefikile kulo!
 
47.Njengoba sihleli asazi ukuthi ubani ophambi komunye, kodwa sonke sisendleleni, sonke njengoba silapha nje siyahamba, siya ezulwini!
 
48.Sonke siyahamba, inkinga ukuthi akakho owaziyo ukuthi ubani ophambi komunye, nokuthi mingaki iminyaka ngaphambi kokuhamba komuntu nomuntu!
 
49.Usho njalo uShembe, uthi ngiyalithanda ngokulizwa lelolizwi elizayo ngokhululwa ngokulibona wenhliziyo yami.
 
50.Lithande izwe elizayo, kodwa ngeke ulithande izwe elizayo uma ungamkhonzanga uJehova. Yiba nesisekelo sokukholwa!
 
51.Into yokuqala okufanele ube nayo ukuze ungene ezulwini ukungabi nabanye onkulunkulu, uNkulunkulu wakho ebe munye, kube uJehova kuphela. Yinto yokuqala leyo!
 
52.Lelizulu esiya kulona alingenwa uma uNkulunkulu umxube nabanye onkulunkulu! UNkulunkulu wakho akube nguJehova kuphela!
 
53.Ulele, uvuka, uhluphekile; ubusa, noma usengozini enjani; noma unesitha esingakanani, yazi ukuthi konke kubikwa kuNkulunkulu kuphela! UJehova akabe ngubaba wakho, ngumama wakho, ngumfowenu ngudadewenu! akabe yizinto zonke kuwe!
 
54.Ngani, ngoba uphila, ufile, yena ungumngani oseduze kwasenyameni nasemphefumulweni wakho, abazali bakho nabangani bakho abangesenamandla okukusiza, kodwa yena uhlale eseduze kwakho!
 
55.Uma usumazi uJehova, yazi ukuthi yini uNkulunkulu ayithandayo, yini ongayithandi! Kumele wazi ukuthi yini engizothi uma ngiyenza uBaba wami okunguJehova, aphatheke kabi, yini engizothi uma ngingayenzi uJehova ajabhe! Lesi simo esenzeka kubazali bakho ngawe, nakuNkulunkulu wakho siba njalo!
 
56.Uma uba nomunye uNkulunkulu ungaphansi kwaJehova, kumele wazi ukuthi uNkulunkulu akakuthandi ukukubona usesonweni.
 
57.Kukhona umehluko phakathi kokuhlubuka uNkulunkulu nokwenza isono! Sonke siyazenza izono, kodwa ukuhlubuka uNkulunkulu kusho enye into. Uma ngabe ukhonza omunye uNkulunkulu umhlanganisa noJehova, uNkulunkulu uthi umhlubukile, bese uyakuzonda!
 
58.Ku Exodus 20 verse 3-6 uNkulunkulu uthi:“Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokuse zulwini ngaphezulu, nowokuse mhlabeni, nowoku semanzini; ungazi khothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho ngingu Nkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isi zukulwane sesi thathu nese sine sabangi zondayo,”
 
59.Kusho uNkulunkulu! Angikaze ngizwe abantu bethi uNkulunkulu uyamzonda umuntu ongawugcini umthetho wakhe, ethi uyisitha sakhe.
 
60.Kodwa lokhu kukhuluma kusemthethweni elishumi, okusho ukuthi uma ungakwenzi, uyisitha sikaNkulunkulu, uma uNkulunkulu ekujezisa uze ajezise isizukulwane sesithathu nesesine sakho!
 
61.Ngakho-ke njengoba ungawugcini umthetho wakhe, uyakuzonda uzokushaya aze ashaye ngisho izingane zakho, eshaye nezingane zabantwana bakho.
 
62.Ekushayela nje isono sokuthi wena umkhonze nabanye onkulunkulu, umhlanganise nabanye onkulunkulu!
 
63.Uyaqhubeka uNkulunkulu uthi: “Ngibenzela umusa abayizi nkulungwane abangi thandayo, bagcine imiyalelo yami.” Isimanga lesi!
 
64.Lokhu kukhuluma kuyaphambana nemfundiso yamanye amabandla; yize nabo bethi bagcina imiyalo elishumi.
 
65.Athi amakholwa asisenasono thina, izono zethu zihlanziwe, kodwa lapha uNkulunkulu uthi usenesono ngisho esenziwa ngokhokho bakho!
 
66.UShembe wasifundisa ukuthi uJehova uthi sithwele izono zobabamkhulu, zoDingane noSenzangakhona.
 
67.Lokho kwashiwo nguNkulunkulu, akunakujikiswa ngomunye umuntu. Futhi umphumela wokuthi sithwele izono zokhokho bethu siyawubona, esingakuboni ukuthi asisenasono!
 
68.Ukube siyazi ngabe sifuna indlela yokususa izono zokhokho bethu. Kodwa ngenxa yokuthi ngokuchitha inkolo kaJehova, abamhlophe basifundisa ukuthi asisenasono, sisalokhu sisathwele izono zokhokho bethu!
 
69.Yonke lemfundiso yezangoma nabahlolayo ayaziwa ezulwini, kodwa isono somzali nokhokho wakho sisanamathele kuwe!
 
70.Lapha sicacisa ukuthi ukuze sithandwe uNkulunkulu yini eyokuqala okumele siyenze? Asihlukane namasiko aphambana nomthetho kaNkulunkulu, silandele amasiko kaNkulunkulu ngokugcwele. Asinayo indlela emfishane kulokho! Uma ufuna ukuphelela kuNkulunkulu, yenza konke okuthandwa nguNkulunkulu!
 
70.Usho njalo uDavide, uthi kumamaHubo 27:4: “Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami.”
 
71.Bangaki kithi abake bathi, ngicela Nkosi ukuba ngihlale endlini yakho izinsuku zonke zokuphila kwami?
 
72.Uzohlala kanjani endlini kaJehova kodwa ngelinye ilanga uyatholakala usumise imbuzi laphana emsamu usubiza oyihlomkhulu?
 
73.Uhleli kanjani endlini kaJehova, kodwa uyatholakala emsamo usubika koyihlomkhulu usizi lwakho.
 
74.Ukuhlala endlini kaJehova kusho enye into, akusho ukuthi kukhona indlu kaJehova ozoyibona usemhlabeni, bese ungena kuyo.
 
75.Ukuhlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho kusho ukuphila impilo yasezulwini uselapha emhlabeni!
I
Nkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *