Uyaqhubeka umprofethi, uthi: “Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi.
Ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe. Nabo bahlala bemdumisa ngezigubhu nokusina, behlabelela ngenjabulo.
UThokozwayo wenama ngabo, ukwenama koMsindisi kuhlala nabo phakade, abasenakho ukufa.
Isihlabelelo 118
1.Lalela nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhabhadiswe
Nize nisindiswe.
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amein haleluya
Balekani nonke zoni.
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
4.Amen haleluya
Balekani nonke zoni.
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo
5.Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahleli bekhala
Abasenakukhululwa
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
1.Jeremiya 44:15-19: “Wonke amdoda abe azi ukuthi omkayo bashisela impepho abanye onkulunkulu kanye nabesifazane bonke ababemi lapho, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe ePhathirosi, bamphendula uJeremiya bathi: Izwi olikhulumile kithi egameni likaJehova ASIYIKULILALELA.
2.Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngomlomo yethu.
3.Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasemigwaqeni eJerusalema.
4.Ngokuba sasidla sesutha ukudla, singahlushwa yilutho, kepha selokhu sayeka ukushisela impepho indlovukazi yezulu, nokuyethulela iminikelo yokuphuzwayo seswele konke sibulawa yinkemba nayindlala.
5.Abesifazane bathi kuJeremiya: “Lapho sishisela indlovukazi impepho, siyethulela iminikelo yokuphuzwayo, siyenzela amaqebelengwane anomfanekiso wayo, ucabanga ukuthi lokho esiyethulela khona sasikwenza amadoda ethu engavumanga na?”
6.Kukhona ukukhuluma okuthi ayikho into eyenzekalayo engakaze yenzeke ngaphambili eBhayibhelini.
7.Noma bengiyazi lencwadi ekade ngiyifunda, kodwa ngike ngayizwa isifundwa ngomunye umgcotshwa wakwelinye ibandla kulamabandla akwaShembe.
8.Uthe lomgcotshwa eseyifundile lencwadi, eseyihumusha wabe esethi:“Niyabona ke ukuthi ukuhlabela amadlozi, ukushisela okhokho bethu impepho akunacala, nasendulo abantu babeba shisela okhokho babo impepho?”
9.Kodwa lencwadi ibichaza indlela abantwana bakwa-Israel abameyisa ngayo umprofethi uJeremiya!
10.Angazi noma lomgcotshwa lentshumayelo ubeyishumayelo azi yini ukuthi uthini, ngoba kunabantu abavele bafunde ivesi elilodwa noma amabili eBhayibhelini, bese beshumayela ngalo, bakhulume into engakhulunywa yilencwadi.
11.Kodwa abanye bayaye beyifunda beyizwa ukuthi ithini, kodwa bajike ukukhuluma ngabomu ukuze kusho lokhu okufunwa yibo!
12.Ngokufunda lencwadi, nothe iyakuchaza, lomgcotshwa ubephikisa uNkulunkulu, umprofethi uJeremiya noShembe, ethi amaNazaretha kufanele akwewnze okwenqatshwe nguJehova!
13.Ithi ke lencwadi: “Ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe ePhathirosi, bamphendula uJeremiya bathi: Izwi olikhulumile kithi egameni likaJehova ASIYIKULILALELA.”
14.Ngithe kunomehluko phakathi kokwehlulwa yisono, nokuhlubuka uJehova. Athi ke amakholwa: “Izwi olikhulumile kithi egameni likaJehova ASIYIKULILALELA.”
15.Lamakholwa ayazi ukuthi uJeremiya ukhuluma okutshelwe nguJehova, kodwa bamtshela emehlweni ukuthi ngenke bakwamukela okukhulunywe nguJehova!”
16.Lokhu okwenzeka kwamanye amabandla akwaShembe kuse yikho lokhu kuhlubuka uJehova okwakwenziwa ngabantwana bakwa-Israel kuJeremiya!
17.Nakwamanye amabandla akwaShembe abehluliwe yisono, kodwa balahle uJehova nomprofethi wakhe!
18.Bayazi ukuthi kwasho uBabamkhulu ukuthi singazihlanganisi nezangoma, singawahlabeli amadlozi, singabhuli, singawagundi amakhanda, sigcine isabatha, nokuningi okunjalo.
19.Ukuze achitheke kalula uJehova, bavele bakhombana bodwa, base bethi sekunguye unkulunkulu wabo, sebezolalela umthetho wakhe, hhayi umthetho kaNkulunkulu owethulwa kithi ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
20.Kwase kuba ilonkulunkulu okhandiwe oseshaya umthetho wokuthi ikuphi okuyisono nokungayiso!
21.Njalo uma ngibona okwenzeka kulama bandla akwaShembe, ngiyaye ngikhumbule intshumayelo kaShembe umprofethi mhla ethi:
22.“Kuza isikhathi lapho abantu basekuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe. Lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boshembe.
23.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho.
24.Ngalezo zinsuku bayo debesela ukugcina umthetho kaJehova, lo okuthiwe angiwuvuselele.
25.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake lapha.”
26.Lesi isikhathi uShembe owakhuluma ngaso, lapho amaNazaretha eseyilahle khona indlela kaShembe, lapho bewugxoba khona umthetho kaJehova owathunywa uShembe ukuba awuvuselele.
27.Sekuphase umthetho wezithixo zabo, umthetho wonkulunkulu babo abaphikisa okushiwo nguYahweh ngomlomo kaShembe!
28.Konke lokhu bakusho ngelikhulu iqholo ngoba bethi balibandla elikhulu. Sebekhohliwe ukuthi uShembe kusihlabelelo 143 uthi:
29.Ukukholwa kwethu kulobu buNazaretha kulidwala elibushelelezi elehlula abaningi.
30.Uma uthanda ukusilandela lapho siya khona uboqale uthenge isibindi, ngoba indlela incinyane inamatshe inameva, ihanjwa ngabambalwa, lapho siyakhona. Lendlela ilidwala elibushelelezi elehlula abaningi.
31.Njengoba washo uBabamkhulu kusihlabelelo 219, wathi kwelizalo ufice izinkulungwane nezigidi zamaNazaretha zimi esigodini sosizi, namanje kunjalo, bambalwa abayoya lapha siya khona!
32.Uyaqhubeka umprofethi, uthi: “Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi.
33.Ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe. Nabo bahlala bemdumisa ngezigubhu nokusina, behlabelela ngenjabulo.
34.UThokozwayo wenama ngabo, ukwenama koMsindisi kuhlala nabo phakade, abasenakho ukufa.
35.Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo, bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona.
36.Uyindlela yokuhamba eya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenaku fiphala.
37.Nxa usuya kulelozwe, uyodlula emahlane nakumahlathi esabekayo, anezelelesi nabaphangi, nabahuhi abahuhayo, abandisa imibuso yabo yokulahlwa!
38.Kwabanye iyaphela iminyaka engamashumi amathathu behluleka ukuphuma kulamahlathi, ngoba balidelela izwi likaThixo; namanje basese bumnyameni!
39.Uma usudlulile kulamahlathi, uyophumela kwaNkanankana, kwasikhova sikhala emini, ezintabeni zakwa Lambathwayo, kwaMthimunye, kwa Sikhomakhoma!
40.Bantabami kuleyo ndawo lihlala licwathile, libalele, abaningi akudluleki eSikhomakhomeni.
41.Leli lizwi elishunyayelwayo lapha eKuphakameni, liyinkemba eyokusiza ekuphungeni abahlaseli bakho; futhi liyoba umphako kulamahlane osizi oyohamba kuwo!
42.Uyothi sewedlule kuleyo ndawo, uyofica isiziba, ngaphambili uyofica iParatomi. Uyobe sewuliwelile iHuze umfula omkhulu okhetha abaweli!
43.Nisize uma kuhambe umuntu, nimenzele imbali ukuba angabhajwa eParatomi. Lenkonzo niyenze emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ukuba beze abahlangabezi, bamfune uma edukile oyisihambi! Thandani izwe elizayo!
44.Abaningi baminziswa yilesi siziba abasuke bezihlamba kuso, siyimpilo yokuqala oyithola usunyukela ezintabeni zokwenama, kwaMsindisi-uyinala-kwabamkhonza ngeqiniso!
45.Maningi amazulu, ziningi nezihogo. Kodwa nina ninenhlanhla yokuyalelwa indlela yokuya ezulwini likajehova niselapha emhlabeni.
46.Lelizulu uJehova okulo alifani namanye amazulu, liyakhanya; amanye amazulu amnyama, ayavuza, anendlala, anayo yonke inhlobo yokuhlupheka!” Amen!
47.Lentshumayelo yomprofethi ngiyiqhathanisa nale esasiyichazelwa ngumfundisi uMadlala ngokwakhulunywa yiNkosi iLanga isizohamba emhlabeni. Uthi ke umfundisi uMadlala iNkosi iLanga yakhuluma kanje:
48.“Sasise Kuphakameni, sesijwayele, kukuhle konke; iminyaka eminingi siphila ngezwi; ngokungena nje siphile singathandazelwanga nokuthandazelwa!
49.Kwaku kuhle eKuphakameni ngenxa yenkokhelo, udumo lukaNkulunkulu lulukhulu, SINGACABANGI LUTHO OLUNYE NGAPHANDLE KOKUNGENA EZULWINI! Sasingafisi nawukuthintwa ngumuntu ongakholwa!
50.Kwathi ngonyaka othile iNkosi isikhulile, nami senginguMfundisi, iNkosi yaphatheka kabi kakhulu. Emva kwalenkonzo yaphatheka kabi (yagula) yaze yedlula emhlabeni.
51.Kwakungu July sibuthene eKuphakameni, iNkosi yashumayela ngendaba yokuzithanda, nokuthanda uNkulunkulu. Izibeka izindaba ezinhle zokuhamba kwalapha eKuphakameni.
52.Yakhuluma ngenkathi YOKWANDA KOBUNAZARETHA EMHLABENI WONKE, ithi ayikho into ezobanhle ukwedlula ubuNazaretha emhlabeni.
53.Sajabula kakhulu, ngoba umuntu omnyama wayengelutho ngalezo zinsuku, nobuNazaretha babuyi hlaya, nezimfundiso zazi ningi ezimbi ngakho.
54.Kuthe siseneme, sambona egqungqa uBaba, wakhala, kwabamuncu, kwaba nzima, kwaphela nasozwanini kithi! Asaze sazi ukuthi sizothini, senzeni.
55.Wayivala inkonzo, wasithandazisa. Ngalelo langa umthandazo waba mude kakhulu, unganqamuki.
56.Ngaze ngavula amehlo, ngabona ukuthi iNkosi isisishiye sodwa yaphuma ethempelini. Ngabheka kozakwethu, nabo basebe bhekile. NguMfundisi uKHumalo owathi, Amen! Yavuma inhlangano.
57.Saphuma sambheka uBaba endlini emhlophe, samfica ekhala, amaduku esemaningi; nezingane zingasangeni lapho ayehleli khona.
58.Sakhala nathi, sazilahla phambi kwakhe, sifuna ukuzwa isici nesono sethu. Wehluleka nokusibheka; isikhathi esingange hora singene endlini enosizi, ekhala, esenesilokozane.
59.Wabe esethi: “Nginosizi, inhliziyo yami idabukile, ngiyakwesaba kakhulu okuzokwenzeka emva kwami. Ngibona igazi ligobhoza lapha eKuphakameni. Lomuzi uNkulunkulu uzowushiya, kube ngumhume wabaphangi nezindindwa neziphingi.
60.KUZOSALA ABAFILE, BETHI BAYAPHILA! UZOCHITHEKA LOMUZI! Usizi lukhulu oluzoba khona emva kwami.
61.ABANTU ABEZAYO ABAZOPHENDUKA, NGENKE BALIFUNE IZWI LIKANKULUNKULU, NGENKE BAMLALELE NOZAYO.
62.Emva kwami abantu bayokholwa ngenxa yemali, ngenke balinake izwi loPhezulu. Abanye bazofika nemikhuba yabo, AMASIKO ABO, BAZOKWENZA INDABUKO YABO, LE USHEMBE OWAYICHITHA PHAKATHI KWENU.
63.IZANGOMA ZONGENA NGOKUTHANDA, ZIPHUME NGOKUTHANDA. ABABI BAYOBAKHIPHA ABAHLE LAPHA EKUPHAKAMENI!
64.NGIBONA KUMI IZIMBIZA ZOTSHWALA EMIZINI YENU, NEZANGOMA ZISINA EMIZINI YAMANAZARETHA, NIDLA NILOBOLISA IZINGANE ZENU ABANGAKHOLWA.
65.NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI, BAYOFIKA BAZI, ABAYOVUMA UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
66.BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO, nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!
67.Ngiyanicela, nibafundise abezwayo, nibayeke abangafuni, ISIHLUNGO SIYOZIHLUNGA!
68.Bayonixosha, banikhiphe nasemathempelini enu. Ningavumi noma sekunjalo, NIKUPHIKE ANGAKUSHONGO USHEMBE PHAKATHI KWENU, NIKWENQABE ENGIKWENQABILE!
69.Bayothi gayani utshwala, lumbani amalumbo, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE, BETHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, BETHI NINGAYILAHLI!
70.MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!
71.Yabe isikhala iNkosi, yadabuka, yahlanganisa izandla njengomuntu obalayo.
72.Yasiyala yathi asime emasangweni, sisho okwakushiwo! Noma kungena izinhlangano sifundisane ngendlela kaBabamkhulu!” Amen!
73.Uthi uBaba iLanga:“NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI, BAYOFIKA BAZI, ABAYOVUMA UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
74.BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO, nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!”
75.Njenkoba iNkosi iLanga yasho, ukwanda kwaleli bandla kube ukuphela kokukholwa, kwaba ukuba ukuxoshwa kwaNkulunkulu kithi!
76.Uthi uBaba iLanga: “MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!” Amen!
77.Kodwa laba baholi bakwa-Shembe bafundisa ukuthi iNkosi iLanga inkulu kunoBabamkhulu, inkulu ngisho kuno Yahwe, bephikisa lokhu iNkosi eyakucacisa ngokwayo ukuthi umthetho wokukholwa uphethwe nguBabamkhulu.
78.Bathatha izintshumayelo zenkosi iLanga bazihumushe out of context, ukuze ngazo baphikise uBabamkhulu noJehova!
79.Laba bantwana basetshenziswa nguSathane ukuthobisa uNkulunkulu ebandleni lakhe; bangenwe ngumoya omubi kakhulu!
80.Lamakholwa asenonkulunkulu wawo obavumela ukuba basonte nezangoma, behlabele amadlozi, bephuze utshwala, nokuningi abakwenzayo.
81.LamaNazaretha ayakholwa ukuthi asenonkulunkulu! Lesi senzo asihlukene nesabantwana bakwa-Israel abathatha ithole legolide elakhiwe yizandla zabo, bathi yilona unkulunkulu owabakhipha eGibhithe!
82.Ubulima bokhokho bethu behlela kithi! Sebefundiswe ukuthi laboShembana sebengonkulunkulu!
83.Sengithole esikhulu isililo kwamanye amaNazaretha ngesenzo esenzeka kwamanye alamabandla. Bathi bayabona ukuthi ngenke beye kulelizulu abalifundiswa nguShembe, kuyacaca ukuthi basebenzela isihogo!
84.Omunye ekhala kimi uthi ayikho into ebuhlungu njengokuthi uthi uyokholwa, kanti umuntu okuthiwa ungumholi webandla akuse esihogweni ubuka, kodwa ungazi ukuthi uzophuma kanjani kulesi sihogo, uzifake esihogweni ubuka! Angazi ukuthi ithiwani into enje?
85.Noma ukushumayela kwethu ekuqaleni kwaba yinhlekisa ngoba sishumayela ku facebook, kodwa iqiniso ukuthi njengamanje inkonzo ngenkonzo iba nabalaleli abeza ko 5000 nangaphezulu!
86.Mhlawumbe ngokuhlale ulalela inkonzo ekhuluma ngokukholwa okuyikho, uShembe uyokukhumbula, akungenise embusweni wakhe. iNkonzo yakithi ukwazi ukuyilalela ngisho usenkonzweni ehlale ifundisa ngokuhlabela amadlozi nangokukhonza nezangoma!
87.Labo asebekulezi zinkonzo ngoba bengasazi ukuthi bazophuma kanjani, uShembe abakhumbule, abaphe isu lokuphuma esihogweni abakuso, befune uNkulunkulu ophilayo!
INkosi ibusise izwi layo!