Skip to content

INYANGAYEZULU NGUMPROFETHI KAJEHOVA

Uthi-ke uBaba iNyangayezulu “Niyasazi isibusiso? Ngasithola mina kuShembe; ngangingayanga esikoleni ngalelolanga, ngizihlalele ekhaya, kanti uShembe uyangibuka esendlini yakhe eSimothi.

Wangibiza, ngangena endlini ekhona uMfundisi uMbatha, wathi angiguqe, ngaguqa phambi kwakhe, wabeka isandla phezu kwami wathi:

“UNkulunkulu akubusise, yonke imibani yezulu iyophelela kuwe, uma izulu liduma kakhulu ulikhuza, liyophela!” Ngaphuma lapho ngahamba.

Isihlabelelo 233.
1.Thixo wami dwala lami
Wena ungikhohlwa ngani
Ngiyalila imihla yonke
Ngokuhlushwa yisitha sami.
 
2.Abahluphi bami bona
Bayangizingela njalo
Bayasho imihla yonke
Bathi uphi uThixo wakho.
 
3.Yini mphefumulo wami
Wena udumaleleni
Methembe uThixo wakho
Ayikho enye inqaba.
 
4.Namhla Nkosi ngiyabonga
Ungivumele ngize kuwe
Ngiyazendlala phambi kwakho
Kuleyindawo eyingcwele.
 
5.Makube yiphunga elimnandi
Kuwe wedwa onguMdali
Ukukudumisa kwami
Phezu kwalentaba yakho.
 
6.Yebo Nkosi mangihlume
Ngibe ngoxhakathileyo
Mangithele izithelo
Zona ezithandwa nguwe.
 
1.UBaba iNyangayezulu wazalwa mhla ka 25 September 1906, wahamba emhlabeni mhla ka 25 September 1995. Wazalelwa eNtabazwe e Free State, wahamba emhlabeni eBuhleni eKZN.
 
2.WAfunda imfundo ephakeme eManzimtoti, wasuka lapho waya eForthare, lapho owaphothula khona izifundo zobuthishela. Esenguthisha wafundisa eManzimtoti nasezikoleni eziningi ngisho emaXhoseni.
 
3.Kulentshumayelo siqondise ukubonisa ukuthi iNyangayezulu yayingumprofethi kaJehova, hhayi ngezimangalisa owayezenza, ngoba namuhla isilinganiso sokuthi umuntu ungumprofethi ngoba ekwazi ukwenza izimangaliso, kanti onke amaSatanist, nonkulunkulu abanjalo benza zonke izinhlobo zezimangaliso.
 
4.Esikhathini esiphambili kusekhona umprofethi, oFata ababili abamhlophe basemaRomeni bafika ngesithuthuthu eKuphakameni, bafike bathi: “Shembe sicela usinike oyedwa wamadodana akho siyomfundisa, sizokwakhela indlu enkulu eyisitezi, sikunike nemali eningi, ngeke uhlupheke ngoba konke okudingayo siyokunika khona.”
 
5.UBabamkhulu wabe esebaphendula-ke laboFata basemaRomeni, ethi: “Oh bantabami, nizongenza ngidelele, ngabe lezi zingane ezami yini?
 
6.Cha, AKUZONA EZAMI, ZACELWA KUNKULUNKULU NGAMAKHOSI AKWAZULU ALELE OTHULINI LOMHLABA. BATHANDAZA KUJEHOVA UKUBA ABUYISE IZWE LABO ESELIZICUCU, LABA BANTWANA BAYOLIQOQA IZWE LIBUYELE ESIMWENI ESIHLE, NGAKHO KE ABASIBO ABAMI.”
 
7.Emva kokuba laba belungu behlulekile ukuba uBabamkhulu abanikeze omunye wabantwana bakhe ukuba beyomfundisa, uthi ke unkosazana uPhumzile owayexoxa lendaba:
 
8.“Emva kwaleyongxoxo uShembe wasibiza sonke ukuba size eMosethemba, okuyindlu yamakhosazana, wasibikela ngenkulumo okade enayo nalaba belungu ababehamba ngesithuthuthu, wasitshela ukuthi batheni nanokuthi yena uphendule wathini, wase ebuza ukuthi ukufundisa abantwana bami kuyanisinda yini, ngoba laba bantwana bangamakhosi enu?”
 
9.Ngamanye amazwi uthi uBabamkhulu laba bantwana ababili bayanisinda yini ukuthi nibafundise ngoba bangamakhosi enu. Angazi noma niyayizwa yini leyonkulumo?
 
10.Kumele labantwana ababili bafundiswe ngamaNazaretha njengoba bengamakhosi amaNazaretha, bengafundiswa ngamaRoma!
 
11.UBabamkhulu wayenza lolusiko olwenziwa kwaZulu, ukuthi uma inkosikazi izozala inkosi, yona iyaye ilotsholwe yisizwe. Kwaqala lapho ukuthi laba bantwana ababili baziwe ngokuthi ngamakhosi amaNazaretha.
 
12.Uthi-ke uBabamkhulu laba bantwana bangamakhosi enu, manje bayanisinda yini ukuthi nibafundise? Athi amaNazaretha hhayi abasisindi, kwase kukhishwa umnikelo oqondene nokufundisa laba bafana ababili, uBaba iLanga noBaba iNyangayezulu.
 
13.KumaRoma uthena uBabamkhulu laba bantwana akubona abami, bacelwa kuNkulunkulu, ukuze ngabo kubuyiswe izwe lwakwaZulu. Ngakho-ke mina angikwazi ukuthi ngininikeze imvume yokuthi laba bantwana befundiswe yini, ngoba ngabantwana bakaNkulunkulu!
 
14.Kusho uBabamkhulu, akakhulumanga ngoBaba iLanga yedwa, kodwa wakhuluma ngabantwana ababili!
 
15.UNONGILISHA MDLULI ekhuluma eqondise kuBaba iNyangayezulu uthi: “Igama elithi yi Nyangayezulu lisho ukuthi ‘umnikazi wezulu.” Ngezulu sichaza izulu elidumayo, ithunder!
 
16.Uthi-ke uNongilishi. “Ngelinye ilanga kwafika indoda eKuphakameni yabika kuShembe uBabamkhulu ukuthi umuzi wayo ushawe umbani, wayesethi uBabamkhulu: “Hamba uye esitolo, eKuphakameni, uzofica abafana ababili, khuluma nomncane ngoba nguye ophethe imibani eyisikhombisa.
 
17.Lendoda yaya esitolo esiseKuphakameni, kodwa yamangala ukuthi laba bafana basebancane. Yafika le ndoda esitolo yayisithi: “Ngithunywe uBaba wenu komncane, ngizobika ukuthi umbani ushaye umuzi wami, ngitsheliwe ukuthi omncane unemibani eyisikhombisa.”
 
18.INyangayezulu yakhipha iduku ngesandla ekhukhwini lakhe walinikeza le ndoda. Wathi: ‘Hamba, ungakhulumi namuntu endleleni uze ufike ekhaya lakho, ekhaya ulichome iduku endaweni ethize, umbani ngeke uphinde udlalele emzini wakho!” Nempela umbani awuphindanga wadlalelela emzini walendoda!
 
19.Ngangikhona-ke mhla uBaba iNyangayezulu esichazela indaba yokuthi lemibani eyisikhombisa isibusiso sayo wasithola kanjani kuBabamkhulu.
 
20.Uthi-ke uBaba iNyangayezulu “Niyasazi isibusiso? Ngasithola mina kuShembe; ngangingayanga esikoleni ngalelolanga, ngizihlalele ekhaya, kanti uShembe uyangibuka esendlini yakhe eSimothi.
 
21.Wangibiza, ngangena endlini ekhona uMfundisi uMbatha, wathi angiguqe, ngaguqa phambi kwakhe, wabeka isandla phezu kwami wathi:
 
22.“UNkulunkulu akubusise, yonke imibani yezulu iyophelela kuwe, uma izulu liduma kakhulu ulikhuza, liyophela!” Ngaphuma lapho ngahamba.
 
23.Lendaba yokuthi uBaba iNyangayezulu nguyena ophethe izulu nemibani yalo, thina e-NCG saqala sayizwa ngoNkosazana uHlaleleni. Kodwa mina ngangivele sengazi kancane ngayo, ngoba ngamuzwa uBaba iNyangayezulu eshumayela ngakho enkonzweni.
 
24.Kodwa angikwazanga ukuthi kusho ukuthini. nokho ingelosi yasichazela, yathi njalo uma kuduma izulu, noma kungolwesihlanu, sibona ukuthi lingase line, liphazamise inkonzo, anonikela NICELE KUYINYANGAYEZULU UKUBA ANINIKE INKONZO, NGOBA NGUYE OPHETHE IZULU.
 
25.Njalo ke ngolwesihlanu siyaye sicele kuyiNkosi yamaNazaretha, iNyangayezulu ukuba isiphe isabatha.
 
26.AmaNazaretha ase NCG ayakwazi lokho, nokuthi mhlawumbe kusukela ngo 2010 kukabili noma kathathu lapho izulu lake lana ngesikhathi senkonzo yesabatha.
 
27.Kwala ngisho imvula itshengisa u-100%, livele liguqubale, uma sekungena inkonzo livele lise eNqobizitha, kodwa libe lina kwenye indawo!
 
28.Kanjalo, nokuvikeleka ekushaweni umbani wezulu thina sikucela kuyiNyangayezulu.
 
29.Siyakwenza lokhu ngokufundiswa ingelosi, kodwa kwangimangalisa uma sengithola ukuthi nangesikhathi sikaBabamkhulu, wathi uBabamkhulu yiNyangayezulu enikwe amandla okuvimba izulu!
 
30.Kodwa kukhona into engingayikhohlwa eyenzeka ngesikhathi sikaBaba iNyangayezulu. Angizukusho ukuthi yayenziwa nguye, Kodwa yenzeka ngesikhathi sakhe, ngangimantshi eMbumbulu cishe kwakungu 1985 ngiyimantshi eMbumbulu.
 
31.Kwathi ebusuku ngihleli ngabona sekungena umama esasisonta naye ehamba nendodana yakhe, indodana ngangingayazi. Wayesethi lo mama ‘nansi indodana yami ngiyibone isifika nje layekhaya, yabulala umuntu yabaleka, ngiyibone isifika. Manje ngithi angiyilethe kuwe.’
 
32.Ngase ngiyambuza lo mfana ukuthi ngempela wambulala umuntu? Wathi lo mfana ‘yebo’. ‘Wambulalelani umuntu? Wathi lo mfana: “Sasiphuza utshwala, sisaphuza, ngathi ngiyasukuma utshwala base buyachitheka.
 
33.Wase eyasukuma lo mfana engithuka wathi ‘ngiyisiphukuphuku ngifana noShembe (uBabamkhulu) owathi uzama ukundiza wafa.’
 
34.Uthi-ke lo mfana: “Ngakhipha umese ngamugwaza wafa khona lapho ngase ngiyabaleka; sekuphele 6 months ngabaleka.”
 
35.Eyi ngathi le ndaba ngizoyithini ngoba ilikhuni lento, angazi ngenzenjani. Ngase ngithi uBaba iNyangayezulu ukhona, unomhlangano eBuhleni. Hamba uye kuye ufike umxoxele lendaba, mina ngiyokwenza lokho afike uBaba wathi angikwenze.
 
36.Nangampela lo mfana wase eyahamba eya eBuhleni, wafike wakhuluma kuBaba iNyangayezulu wakhuluma njengoba ngikhuluma nje.
 
37.Wathi ‘Baba ngizobika ukuthi ngabulala umuntu ngabaleka-ke ngibalekela amaphoyisa.’ Lo mfana wayezalwa amaNazaretha, kodwa esephuza (utshwala).
 
38.Uthi: “Ngithe-ke uma ngithi ngiyasukuma kwawa utshwala wase eyangithuka wathi ‘ngiyisiphukuphuku, ngifana noShembe lo owathi uyandiza wafa! Wathukuthela uBaba iNyangayezulu wabe esethi: “Hamba uye emaphoyiseni uyozibika, angeke uboshwe, ngoba loyo muntu usesihogweni’
 
39.Ngathi ngimbona lo mfana wayefika la e-office, wangifica nginoMshushi, wabe esethi: “Baba sengiya emaphoyiseni ukuyozibika!”
 
40.Ngathi mina kwenzenjani? Wathi ‘Hhayi ngiphuma kuBaba (INyangayezulu). UBaba uthena angizibike emaphoyiseni ngoba lo muntu engimbulele usesihogweni’
 
41.Manje lo Mshushisi akayilo i-Nazaretha, ngathi mina ngenhliziyo, ‘eyi la bantu abangama fanatics bayahlupha lo muntu bekufanele lento engitshele yona ngingedwa, hhayi ukuthi engitshele nginomshushisi.
 
42.Washo-ke wakhuluma lo mfana, wakhuluma kimi nginalomshushisi. Wathi ‘sengiyahamba-ke Baba sengiya emaphoyiseni’
 
43.Uthe uma ephuma lo mfana, kanti lo Mshushisi usefile ukuhleka, Uthe uma esephumile, wathi lo mshushisi:
 
44.‘Uthini lo, uthi ngeke eboshwe ebulele umuntu, uShembe uthe ngeke aboshwe ngoba lo muntu ambulele usesihogweni? Waye sethi lomshushisi: “Ayi sizoke sibone phela!” Ngabona ukuthi ngisenkingeni ke la.
 
45.Wahamba lo mfana waya emaphoyiseni, afike amaphoyisa amubopha. Esembophile, amvalela esitokisini, kodwa edokodweni base bebhala ukuthi akakhiphe R100 ibheyili. Ngithe ngimbona lomfana ngakusasa esebhokisini phambi kwami, amaphoyisa amnike ibheyile ka R100.
 
46.Ngathi mina Kanjani!’ ungabulala umuntu ubaleke, bese uzonikezwa ngamaphoyisa ibheyili ka R100 ungayi celanga nasenkantolo, lento yenzeke kanjani?
 
47.Ngaleso sikhathi kwakuthi uma ngabe umuntu ebulele umuntu eqale enkantolo encane ukusho noma uyalivuma noma uyaliphika icala.
 
48.Lomfana walivuma icala, wavuma konke okumele akuvume ukuze kuthiwe uyalivuma icala,uthi: ‘Sasiphuza utshwala, ngathi ngiyasukuma kwawa utshwala ugologo’ wase eyangithuka lo muntu ethi ‘ngiyisilima, ngiyisiphukuphuku ngifana noShembe owathi uyandiza wafa’
 
49.Angithi lo muntu ukhuluma kimi ngiyimantshi, kodwa futhi ngiyaziwa ukuthi ngingumNazaretha. Lapha kugcwele izifundiswa zaseManzimtoti.
 
50.Bonke abantu bangibuka, befuna ukubona ukuthi izothini imantshi.
 
51.Lomfana e-office ufike wakhuluma nami, manje sekuyimina futhi engiphethe lelicala. Lase liyathathwa idokodo lisiwa ku mshushisi omkhulu okuyena onqumayo ukuthi icala kufanele liyothethwa kuphi.
 
52.Lahamba lelicala, ngalibona lihamba libuye libuye idokodo, mhlambe kwaze kwaba zikhathi ezintathu.
 
53.Kwathi okwesine ngambona umshushisi esukuma enkantolo, wayesethi ‘your worship I decline to prosecute the accused.’
 
53.Ngathula ngambheka ngathi: ‘What are you saying?’ Wathi ‘umshushiswa omkhulu wenqabile ukuba umboshwa ashushiswe’
 
54.Angizange ngambuza lutho umshushisi sise nkantolo, ngavele ngathi inkantolo ake ime isikhashana’ ngase umshushisi ngimbizela e-office lami. Ngafike ngathi ‘Angikuzwa ukuthi uthini, umshushisi omkhulu ulichithe kanjani icala ngoba umboshwa ubelivumile?
 
55.Umshushisi wahleka kancane, wabe esethi: “Ingani iloShembe wakho!” Wayekusho lokho ngoba azi ukuthi bekusho yena ukuthi uzoke abone ukuthi uShembe uzokwenza kanjani ukuthi lomfana engaboshwa. Kodwa mina angiphikanga kani!
 
56.Ngase ngithi mina: “Ngiyezwa ukuthi uthi iloShembe wami, kodwa kwenzeke kanjani?
 
57.Uthi-ke umshushisi “Heyi kwenzeke into eyisimangaliso, iPost-mortem report ithena lo muntu owafa wagaywa imoto ekhanda, lahlakazeka ikhanda.
 
58.Kodwa i-statement salo muntu sithi lo muntu lona ugwaziwe enhliziyweni wafa, futhi akakuphikile lokho. Kodwa i-Post mortem report ithi umufi wagaywa imoto ekhandaI”
 
59.Umshushisi omkhulu usibuyisile lesi statement se-Post mortem report, wathi angamshushisa kanjani ummangalelwa isitatimende sakhe sithi umufi wagwazwa enhliziweni, kodwa i-Post-mortem report ithi wagaywa imoto?
 
60.Kwathiwa isidumbu asimbululwe sisiwe e-Gale-street kwenziwe Post-mortem entsha. Wathi udokotela ‘la kunezidumbu eziningi kabi, manje akakwazi ukwenza iPost mortem kabusha.
 
61.Kwakukade kuthiwe lama-particulars akusiwo awalomuntu ofile, kwathiwa udokotela akahambe ayoyilungisa lento.
 
62.Kodwa wathi udokotela angikwazi ukuyilungisa lento ngoba kunezidumbu eziningi kabi ezilapha kwa Gale Street.
 
63.Nalo mufi sekuphele six months nabo bonke la bantu abalana bangcwatshwa, wathi udokotela akazi ukuthi manjena uzosithathaphi isidumbu ngoba akasazi.’
 
64.Uthi-ke umshushisi, uma ungazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi kuphambane ama post-mortem reports, kodwa amagama eqondile, ngaleyondleka-ke angikwazi ukuthi ngiqhubeke nalelicala.
 
65. Waphuma kanjalo lo mfana njengoba eshilo uBaba iNyangayezulu wathi ‘hamba uye emaphoyiseni uyozibika khona, ngoba lowo muntu uthuke uMoya oNgcwele, usesihogweni, awukwazi ukuboshelwa umuntu osesihogweni.’
 
66.Wayehlekile umshushisi, kodwa kwagcina lapho kusho khona iNyangayezulu, waphuma lomfana. Noma lomfana wayesewahlubuka enkonzweni, kodwa lesi sigameko samenza ukuthi eyeke utshwala ebuyele enkonzweni.
 
67.Ngamshiya eMbumbulu eseyiNazaretha, eseyinkosana ngokugcwele, ebonga ukuphuma emlonyeni wengwenya!
 
68.Manjena-ke angeke ngisho ukuthi lesi simanga senziwa iNyangayezulu, kodwa njengomprofethi kaJehova, iNyangayezulu yazi ukuthi ngokuthuka uBabamkhulu, lomufi kugcine kuphi ngaye, nokuthi lomfana angenke ezulwini aboshelwe ukubulala umuntu olahliwe!
 
INkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *