Skip to content

INHLIZIYO ENHLE YAMUKELA KONKE

Ukubuyisana nomuntu akukhona ukuthetha amacala, kodwa ukuya kumuntu ufike uthi: “Muntu kaNkulunkulu, uma kukhona engakona ngakho, ngicela ukuthi ungithethelele, nami ngiyakuthethelela ngowangona ngakho.”

Isihlabelelo 2.
1.Ngisize, ngisize Nkosi yami,
Ngoluthando lobuntwana
Olungafiyo.
 
Chorus: Amein, amein Nkosi yami.
 
2.Ngincede, ngincede Nkosi yami
Ngincede ekufeni
Nkosi yami.
Chorus.
 
3.Ngazise, ngazise izizwe zonke
Ngoluthando lobuntwana
Olungafiyo.
​Chorus.
 
4.Nama bandla, nama bandla asezulwini.
NgoJesu uMkhululi
Ongafiyo.
​Chorus.
 
1.Abase Korinte bokuqala isahluko 13 verse 1-3. “Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo,
 
2.Noma nginokuprofethi, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke, ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando angiyinto yalutho.
 
3.Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
 
4.Uthando luyabekezela, lumnene, alunamhawu, aluzigabisi, aluzi khukhumezi, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alinama gqubu, alithokozi ngokungalungile, kepha lithokozela iqiniso” Amein.
 
5.Noma ngake ngshumayela ngalentshumayelo, kodwa ngibona ibalulekile ukuyiphinda ngoba iyakha. Lentshumayelo ikhuluma ngothando, ukuthi uthando luyinto emi kanjani.
 
6.Kodwa ngibona sengathi umbhali weswela igama okufanele alisebenzise esikhundleni sothando, ngoba uthando kulenkulumo alusho yona lento ekhulunywa ngumphostoli, inkinga esinayo kelentshumayelo yomprofethi ukuthi umphostoli akachazi ukuthi ukhuluma nganhloboni yothando.
 
7. Kukhona uthando oluphakathi komuntu wesilisa nowesifazane, kukhona uthando lokuthanda abantwana bakho, nothando lokuhlale usiza abantu, njalo njalo. Kodwa lolo luthando luyaphela! Ngokwami kwakufanele ukuthi athi kodwa ngingenayo inhliziyo enhle, noma emnene, bese exhuma lapho ke.
 
8.Uthi ke umphostoli noma nginokuprofethi ngiqonda izimfihlakalo zabantu, nginokukholwa ngangokuba ngingadiliza izintaba, kodwa ngingenayo inhliziyo enhle, konke lokho akusizi ngalutho.
 
9.Noma ngingabela abampofu konke enginakho, nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenayo inhliziyo enhle, konke lokho akungisizi ngalutho.
 
10.Uyaqhubekeka uMphostoli uthi ‘inhliziyo enhle iyabekezela, imnene, ayina mhawu, ayizigabisi, ayizi khukhumezi, ayizifuneli okwayo, ayicunuki, ayinama gqubu, ayithokozi ngokungalungile, kepha ithokozela iqiniso.
 
11. Awukwazi ukuthi unenhliziyo enhle ube nomona, ube namagqubu, ube nomhawu, ube nokuzi khukhumeza, usheshe ucunuke!
 
12.Ngikhula ngangiwumumtu othanda kakhulu ukufunda iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha; ngangithi ngidla ngibe ngifunda.
 
13.kodwa ngelinye ilanga umama weza kimi, wabe esethi: “Mtanami ngaso sonke isikhathi ngikubona ufunda iBhayibheli, ufunda nesihlabelelo, uyakuthanda yini ukukholwa? Ngathi mina, “Ngiyakuthanda mama.”
 
14.Wayesethi: “Kodwa ngenke ungene ezulwilini.” Ngathi mina: “Ngani mama?” Wathi: “Uthukuthela kalula, futhi ungasheshi uxole! Umuntu onjalo usuke enenhliziyo embi.
 
15.Wathi uBaba iLanga umuntu onenhliziyo embi akangeni ezulwini. Manje nawe noma ukuthanda ukukholwa, kodwa inhlizyo yakho iyokwenza ungakwazi ukungena ezulwini!”
 
16.Ngethuka kakhulu, ngase ngithi: “Mama, ngoba ngidaliwe nje, kufanele ngenzenjani?” Njengoba umama wayesho ngangingenayo neze inhliziyo enhle, ngicunuka kalula, futhi ukuthukuthela kwami kungasheshi kwedlule kimi!
 
17.Wathi umama: “Akekho umuntu odalwe ukuba aphile ngesono. Ngaso sonke isikhathi uma uya esiguqweni, ubofike ucele kuNkulunkulu, uthi: “Nkosi ngicela ukuba ungiphe inhliziyo enhle, ungiphe ukuba ngingasheshe ngicunuke.
 
18.Ungiphe ukuhlakanipha kwasezulwini, ngikwazi ukwahlukanisa okuhle nokubi, ungikhumbule ngosuku lokwehlukana kwenyama nomphefumulo.”
 
19.Nempela ekuthandazeni kwami ngangihlale ngicela njengokufundiswa ngumama, kwazise ukuthandaza kwakuyinto yakwethu.
 
20.Kwenzeka isimanga, ngathi ngibona kwakuphela isonto, amasonto amabili, amathathu, ayisithupha, kuze kuphele unyaka ngingakaze ngithukuthele, kuthi uma ngike ngathukuthela ngishawe likhanda elibi, bese ngisheshe ngikwedlulisa ukuthukuthela, ngesaba lelikhanda; kanti uNkulunkulu uyangelapha!
 
21.Ngelinye ilanga umngani wami wathengelwa ngabazali bakhe isipho engingasakhumbuli ukuthi kwakusipho sini. Ngazithola sengigula kakhulu. Ngase ngizwa izwi likhuluma nami sengathi likhuluma enhliziweni, lathi:
 
22.“Awunalutho, into nje uphethwe umona, unomona!” Ngashawa yiloluya luvalo olwangishaya mhla ngitshelwa umama ukuthi nginenhliziyo embi!
 
23.Ngathi ngomcabango: “Hawu, kanti nginomona?” Ekuthandazeni kwami ngase ngicela kuNkulunkulu ukuthi aqede umona enhliziweni yami.
 
24.Njengoba ngangingasa thukutheli, kanjalo, kancane kancane, ngezwa uma umuntu ethole into ngingaphatheki kabi. Kwedlulela kulokho, ngithe ngizwa, kwathi uma umuntu ethole into, nami ngifikelwe ukujabula njengaye. Kwaphela nya ukuthi ngibe nenhliziyo yokucasuka, waphela nya umona. Ngathi ngikhula ngase ngaziwa njengomuntu onenhliziyo enhle, kanjalo nasesikoleni, noma sengisebenza.
 
25.Ngakhula kanjalo nje ngaze ngaba mdala! Kodwa lenhliziyo elungile ngayicela, ekuqaleni ngangingenayo, ngafundiswa ngumama ukuthi noma yisiphi isono onaso, ubosiceba kuNkulunkulu, ucele ukuba sisuke kuwe! Uma leso sono sikuhlupha, uhlale usiceba kuNkulunkulu, ekugcineni sophela!
 
26.Inkinga esinayo ukuthi sihlale sikhuluma ngokuthi kufanele siyeke izono sigcine umthetho kaNkulunkulu, kodwa inhliziyo embi asikhulumi ngayo, yize iningi lethu sinenhliziyo embi kakhulu; kanti Inhliziyo embi ikwenzisa zonke izinto eziphambene nomthetho kaNkulunkulu.
 
27.Ngeshwa noma abantu sebekholwa, inhliziyo embi ayisuki kubo. Noma umuntu eba nasikhundla sini sokukholwa esontweni, kodwa inhliziyo embi ingasuki kuye.
 
28.Futhi siyayiziba inhliziyo embi, kanti iyona okuthi usukholiwe, umenzela konke okuhle uNkulunkulu, bese inhliziyo ikusa ekulahlweni, ngenxa yokubuswa inhliziyo embi, inhliziyo enamagqubu, inhliziyo enamona!
 
29.Ngeshwa uma unenhliziyo embi zwukwazi ukuzibona, uyaye uhlale ukhomba abanye abantu, kanti uhlale wembethwe inhliziyo embi, kodwa ungaziboni. ##
 
30.Umuntu onamagqubu isikhathi esiningi akaziboni ukuthi unamagqubu; umuntu ononya akaziboni ukuthi unonya, kanjalo nomuntu onomona akaziboni ukuthi unomona!
 
31.Unenhlanhla umuntu okwazi ukubona iziphambeko zakhe; umuntu okwazi ukubona ukuthi nginenkinga yokuba nomona, nginenkinga yokuba nonya, nginenkinga yokuziqhenya, yokuzikhukhumeza!
 
32.Abakwazi abantu ukuba bekubone lokho, noma unakho awukwazi ukukubona. Nami angizange ngiyibone inkinga enginayo, kodwa ngaba nenhlanhla yokuthi ngitshelwe umzali wami ngisemncane.
 
33.Ngangisemncane kakhulu, kodwa umzali wami wangifundisa ukuthi noma ngikuthanda ukukholwa, kodwa le nhliziyo yami izongivimbela ukungena ezulwini, ngoba uNkukulunkulu ufuna abantu abanenhliziyo enhle.
 
34.UBaba iLanga wake wakhuluma ngoSathane, wathi uSathane kwakuyiNgelosi enhle kakhulu, futhi ehlakaniphe kakhulu, nasezulwini enesikhundla esikhulu kunazo zonke ezinye izingelosi.
 
35.Uthi ke uBaba, inkinga kaSathane yayiyinye, ukuthi wayengenalo uthando, ezithanda yena kuphela; engenayo enye into oyithandayo.
 
36.Lenhliziyo yayimenza asole noma yini engathinti yena, esola ngisho uNkulunkulu. Wafaka umoya nasezingelosini ukuthi nazo zimsole uNkulunkulu.
 
37.Umoya WOKUZIFUNELA OKWAKHO usukela lapho, umuntu afune into ongamfanele, kodwa ebone ukuthi nguye emfanele. Umoya wokuthi uhlale ufuna isikhundla okungayiso esakho usukela lapho!
 
38.Uma unenhliziyo embi uba namagqubu, ube nenhliziyo engaxoli, inhliziyo eyenza ukuthi uma uke wathukutheliswa ngumuntu, ungaxoli. Noma ngabe ukugxobe ngephutha, ngenke usaxola, uyolokhu uthi: “Lomuntu angenke ngimxolele, wangigxoba!”
 
39.Umuntu ongaxoli noma sekungenela umuntu wesithathu ecela ukuba anihlanganise ukuze nixolelane, kepha wena unqabe, uthi akuze lo enixabane naye azozixolisela.
 
40.Kodwa umthetho kaNkulunkulu uthi ungayi esidlweni unomuntu eningakhulumisani naye!
 
41.Umuntu onamagqubu uyokwenqaba lokho ngoba ubona ukuthi uma ilungiswa lendaba akasezukwazi ukuba nomuntu amzondayo. Inhliziyo yakhe ithokoziswa ukuba nomuntu amzondayo.
 
42.Kodwa kungumtheto wokukholwa ukuthi uma kusenomuntu oxabene naye, ungasamukeli isidlo ningakaxolelani naye!
 
43.Qala ngokuyo lungisa indaba yakho nalomuntu. Uma ke yena engafuni ukuxola, isono sakhe leso. Kodwa ngokomthetho wokukholwa umuntu akasemukeli isidlo enomuntu ongakhulumisani naye.
 
44.Lapha ekhaya ekuqaleni sasise mukela isidlo, kodwa yabuye yathi ingelosi lesi sidlo esisamukelayo asivumelekile, ngoba kukhona abantu abaya esidlweni benamagqubu nabanye abantu. Yathi ukwemukela isidlo uxabene nomunye umuntu kungcolisa sonke isidlo, yagcina ngokusiyekisa!
 
45.Uma kunomuntu omaziyo ukuthi kunomuntu abangezwani naye, noma engabeka sizathu sini, akusho lutho konke lokho ezulwini, okusalayo ukuthi uthi uNkulunkulu kumele ukuthi ngaphambi kokwamukela isidlo kumele ubuyisane nomuntu eningezwani naye!
 
46.Manazaretha yibani munye
Nizothandwa nguJehova
Ningahlali nehlukana
Nizolahlwa nguJehova.
Thandanani nibe munye
Nizothandwa nguJehova.
 
47.Kodwa okubalulekile ukuthi noma imuphi umuntu ongezwani naye okulelibandla kufanele ukuthi ubuyisane naye.
 
48.Ukubuyisana nomuntu akukhona ukuthetha amacala, kodwa ukuya kumuntu ufike uthi: “Muntu kaNkulunkulu, uma kukhona engakona ngakho, ngicela ukuthi ungithethelele, nami ngiyakuthethelela ngowangona ngakho.”
 
49.Noma ngabe lowo muntu akakushongo lokho, kodwa uma uye kumuntu wathi ‘ngicela ukuthi lento siyedlulise, uyobe usebenze umsebenzi omkhulu ezulwini, ngoba uNkulunkulu akazihlanganisi nabantu abaxabene, uJehova uzihlanganisa nabantu abathandanayo!
 
50.Ngiyazi ukuthi uma ngingase ngibuze ukuthi izinhliziyo zenu zimi kanjani, angazi ukuthi phakathi kwenu ukhona yini ongathi mina umuntu esaxabana sesayilungisa indaba yethu. Bancane kakhulu abangase bakusho lokho.
 
51.Akugcini ngokuthi sibe nezitha nabantu abangaphandle, ngisho la esontweni, kunabantu esingakhulumisani nabo sisodwa!
 
52.Ungaxabana nomuntu ngesizathu esithile, kodwa uma kufika owesithathu enilamula, uma unenhliziyo embi uyale xolonqaba, ngoba unenhliziyo embi, unenhliziyo engaxoli! Kodwa lenhliziyo yakho ngelinye ilanga iyoba isitha kuwe!
 
53.Umphostoli uthi inhliziyo enhle iyabekezela, imnene, inhliziyo enhle ayinamhawu, ayizigabisi, ayizikhukhumezi, ayizifuneli okwayo, ayicunuki, ayinamagqubu, ayithokozi ngokungalungile, kepha ithokozela iqiniso.
 
54.Sonke kufanele singagcini ngokuyifunda lentshumayelo, kodwa sikwenze eselulekwa ngakho, sikulwele ukuthi lezi zinto ezibalwe lapha zisuke kithi esingamaNazaretha kaNkulunkulu!
 
55.Uthi uMphostoli noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenayo inhliziyo enhle, angiyinto yalutho.
 
56.Noma ngikwazi ukuprofetha, noma ngikwazi ukuqonda imfihlakalo yomuntu, noma ngikwazi ukuthi nginikele ngesidumbu sami ukuba sishiswe, konke lokho akusizi lutho uma nginenhliziyo embi, ngoba kuthi ukwenzile konke lokho, kodwa ngenxa yenhliziyo yakho embi, ezulwini ungemukeleki!
 
57.Kukhona lento okuthiwa unya, unya inhliziyo eyaye yenyanye yonke into ngaphandle kwesizathu, ube nenhliziyo ezigqajayo, uzazi wena nje, ube ngumuntu ongafuni ukusiza omunye umuntu noma ngani, ngisho umuntu wakini ungazihlanganisi naye uma efuna usizo!
 
58.Uma ubona umuntu ehluphekile, uyamhleka, awunalo nakancane usizo, awunaye unembeza othi siza omunye umuntu, ufuna kusizwe wena kuphela!
 
59.Ubuswa inhliziyo enonya, inhliziyo yakho ayimudabukeli omunye umuntu, noma usondele kangakanani nawe!
 
60.Uthi uBaba iLanga, kuyenzeka ukuthi umuntu etholakale engenasono, etholakale ukuthi akakaze enze into embi kumuntu, kodwa kuthi uma ezulwini sekufunwa inhliziyo yakhe, bese kutholakala inamabibi, inamagqubu, inenzondo, inomona, inayo yonke into embi.
 
61.Kodwa ungakaze ngalomona wakho wenze into embi, ngalamagqubu akho ungakaze wenze lutho olubi, kodwa ngenxa yokuthi enhliziyweni yakho kukhona amagqubu, enhliziyeni yakho kukhona unya, kutholakale ukuthi awukwazi ukungena ezulwini, ngoba noma ungazange ngalomona wenza okubi, kodwa inhliziyo yakho yenza izinto eziningi ezimbi; unemidlizo kaSathane!
 
62.UYeshua uthi uma uke wabuka owesifazane wamkhanukela, noma ungalalanga naye, kodwa ezulwini kubhalwa ukuthi usuphingile naye! Ubojwayela ukuzifundisa ukuba nenhliziyo ekwazi ukuzikhuza, inhliyo ekholiwe, ngoba ezulwini uyalahlwa ngokuhlale ucabanga izinto ezimbi!
 
63.Ezulwini uyalahlwa ngesono osenze ngenhliziyo, kodwa ungasenzanga ngomzimba wakho. Kukhona ukona ngenhliziyo, bese kwelizayo kutholakale unenhliziyo enamabibi unezinto ezimbi ohlale uzicabanga, yize ungazenzanga, ezulwini kuthiwe lomuntu ubenenhliziyo embi kakhulu, ngakho ke akakwazi ukuhlanganyela nabangcwele!
 
64.Noma ngalenhliziyo embi yakho ungazange wathakatha muntu, kodwa kutholakale unenhliziyo ethakathayo, wenqatshelwe ukungena ezulwini!
 
65.Leli yivangeli labantu abakholwayo, labantu abahamba ngomkhondo wezimemezelo zezwi likaJehova, kodwa uma unenhliziyo embi, konke lokho kungase kungakusizi ngalutho!
 
66.Lesi sono senhliziyo sitholakala ngisho kubantu abanezikhundla ezinkulu enkonzweni, kodwa kutholakale ukuthi lomgcotshwa unenhliziyo embi, omunye uyathakatha, omunye ngumdlwenguli!
 
66.Omunye asungule ibandla, kanti ngalelibandla wenzela ukuthi esondeze abantu besifazane eduze kwakhe ukuze enze imikhuba nabo!
 
67.Engakhethi, noma umuntu wesifazane uganile, noma uyintombi noma uyingane, elale naye, kodwa engumfundisi; unenhliziyo embi, unenhliziyo ezifunela okwayo!
 
68.Nasemsebenzini kukhona lento okuthiwa umona, okuthiwa umhawu, umuntu uma enomona, akafuni ukubona omunye umuntu eba ngcono kunaye.
 
69.Yonke into ifanele yena, noma omunye umuntu uthole isikhundla, lesi sikhundla abone ukuthi bekufanele sitholwe nguye!
 
70.Noma ngabe omunye umuntu uthole imoto, ngibone ukuthi lemoto bekufanele itholwe yimi! Umona awunendaba, noma uyikholwa, ukholwa nawo, noma ngabe ungumholi webandla, umona ukhula nawe!
 
71.Njengoba ngiwumholi nje, kufanele ngibheke izimoto ukuthi lomuntu akafanele ebe nemoto eyedlula eyami, ngoba ungaphansi kwami, ngikwenze lokho ngiyisitsha esihle sikaNkulunkulu, kodwa umona awunendaba nalokho!
 
72.Ileyonto edinga ukuba ikhulunywe kubantu abangamakholwa, ngoba awungeni ezulwini unamagqubu, ungafuni ukuthi uxole, awukwazi ukuthi ungene ezulwini unonya!
 
73.Ithi ingelosi, lapha kufanele senze lokho okuthandwa uNkulunkulu, ngoba njengoba silapha nje, sifuna ukuya ezulwini.
 
74.Uma sifuna ukuya ezulwini, asizifundise ukwenza izinto ezithandwa uNkulunkulu. Singafani namanye amakholwa, singafani namanye amaNazaretha, yonke into yalapha ayiqonde!
 
75.Ungathi usufake ingubo emhlophe, kodwa kutholakale enhliziyweni yakho unamagqubu. Kungathi sewufake ingubo emhlophe kutholakale enhliziyweni yakho unonya, unomona!
 
76.Ngakho kufanele ukuthi uma sifuna ukuba sibengcwele, singabangcwele ngokuthi sigcine nje imithetho ebonwa ngabantu, kodwa akesibheke inhliziyo yethu ngamunye, asibe ngabantu abanganawo amaqgubu, abantu abanganawo umona, abantu abanganalo unya, abantu abanganaso isikhwele, konke esikwenzayo kuhlale kuthokozisa uMdali wethu!
 
77.Singenzi lokhu esikwenzile, okwenze ingelosi igcine ithi asingasithathi isidlo, ngoba siya esidlweni singahlambulekananga!
 
INkosi ibusise lokho enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *