Skip to content

ISIMO SENQUBO YOBUNAZARETHA

YileliBandla kuphela lapho uJehova ayaye azizwe ehlonipheke khona; ngakho zonke izinto enizenzayo anokwazi ukuthi anibo abenu, uJehova uhloba ngani, njengoba esho uShembe ethi uJehova useze wahloba ngobuNazaretha kathathu kumazulu onke unyaka umunye!

Isihlabelelo 130.
 
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinda ngokugcina.
 
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
 
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
 
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha lelo lizwi
Zisinde zonke izizwe.
 
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina lelo lizwi
Zosinda zonke izizwe.
 
1.Johane 16:12-13. “Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale. Kepha esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso.
 
2.Abantu abaxhumana noNkulunkulu ngabaprofethi, bese bona bethatha imiyalezo yakhe beyiletha kithi. Angenke ngizibaleke ke izingelosi, ngoba vele zona zihlala naye uNkulunkulu.
 
3.Ngenkathi uMoshe elethe inqubo yokukholwa, akazibalanga zonke izinto, njengoba uNkulunkulu engashongo lutho ngombuso wezulu, kodwa ubukhona bombuso wezulu nesihogo saze sakufundiswa nguYeshua.
 
4.Asizwa ukuthi noYeshua wake wakhuluma ngokuthi uma umuntu esefile engathethelelwa izono ngokunikelelwa, kodwa lokho enkolweni yobuNazaretha sakufundiswa nguShembe.
 
5.Ngenkathi uShembe eshumayela kwazulu okunye wakweqa ngenxa yokuthi kwakunamasiko esizwe, amakhosi ayezolwa uma engasalandelwa.
 
6.Okuningi size sakuvezelwa yingelosi, ngoba yona ithunyelwe ukusabalalisa leli vangeli kuzo zonke izizwe.
 
7.Namuhla ngifisa ukuveza inqubo yobuNazaretha efike yacaciswa yingelosi, kodwa ebesingayilandeli kahle.
 
8.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Umprofethi wayethunyelwe emakhosini, kodwa eminye imithetho eyizibe ngoba ebona ukuthi amakhosi azomhlukumeza athi uzoqeda usiko lulu.
 
9.Manje ubuNazaretha sekuhlale KwaZulu iminyaka edlulile ekhulwini ngakho lesi sekuyisikhathi sokuba kwenatshiselwe ezizweni zonke njengokuchaza kwezinye zezihlabelelo.
 
10.Uthi ke lomuntu wasezulwini. “Mina angisiye owakwaZulu ngoba anginabuzwe balapha emhlabeni, kodwa ngithunywe ukuvuselela umthetho kaNkulunkulu!
 
11.Namuhla ngifisa ukucacisa ngezinto eziningi amaNazaretha azenzayo kodwa eziphambene nobuNazaretha. Okokuqala ngizocacisa phakathi kwamadili kaNkulunkulu namadili abantu.
 
12.Kusihlabelelo 239 uShembe uthi: “Amadili akho Thixo anguMoya omuhle awudeli umphefumulo okulambeleyo.”
 
13.UBaba iLanga ekuqaleni kwesihlabelelo uthi: “Lezi zihlabelelo zimiselwe ukusebenza uma kuyinkonzo engcwele, nemigidi kanye nemikhosi kaNkulunkulu.”
 
14.Ngalemfundiso uShembe uthi kukhona imikhosi yabantu nemikhosi kaNkulunkulu; kukhona amadili abantu namadili kaNkulunkulu. Wonke lomthetho ebesiwunyathela singanakile, ingelosi ifike yawuvuselela!
 
15.Ngelinye ilanga iNgelosi yacacisa ngamadili esivame ukuwahambela njengeBandla lamaNazaretha. Uthi-ke lomuntu wasezulwini:
 
16.“IBandla lamaNazaretha liyiBandla likaMenzi weZulu noMhlaba uJehova ahloba ngalo, kodwa onke amaBandla asemhlabeni akayilandela inqubo yokukholwa okulandelwa ezulwini, amhlubukile uJehova ngakho konke ukwenza kwawo!
 
17.YileliBandla kuphela lapho uJehova ayaye azizwe ehlonipheke khona; ngakho zonke izinto enizenzayo anokwazi ukuthi anibo abenu, uJehova uhloba ngani, njengoba esho uShembe ethi uJehova useze wahloba ngobuNazaretha kathathu kumazulu onke unyaka umunye!
 
18.Njengoba uYeshua wathi umbuso kaJehova awube semhlabeni, nentando yakhe yenziwe emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini, kulesi sikhathi samanje kuseyi nina lapha emhlabeni ukudumisa kwenu okusamukeleka!
 
19.Uyaqhubeka uNkosazane uthi: “Uma unguMnazaretha uthatha ingubo yakho emhlophe uyifaka, kugijima iNgelosi ize kuwe, ngoba kwaziwa ukuthi njengoba uthatha ingubo emhlophe nje, usuyodumisa uJehova.
 
20.Noma uthatha ihawu lakho, eZulwini kukhishwa isithunywa ngaso leso sikhathi, ngoba kwaziwa ukuthi njengoba uthatha ihawu lakho nje uyosinela uJehova.”
 
21.Yabe isibuza iNkosazane ithi: “Nakufundiswa ubani ukuthi umNazaretha uyawahambela amadili abantu, nokuthi iBandla likaMenzi weZulu noMhlaba liyaya emadilini abantu?
 
22.Nakufundiswa ngubani ukuthi umNazaretha uyayifaka ingubo emhlophe, kodwa ngayo engayile ukodumisa uJehova? Kanti ingubo emhlophe ayibekelwe yini ukuba niyigqoke uma nodumisa uJehova kuphela?”
 
23.Yaqhuba ingelosi yathi:“Ayikho into eyaye idumaze uJehova njengokuthi kubonakale amaNazaretha ethatha ingubo yesonto, izigubhu, amacilongo namahawu, ezulwini bese kukhishwa ingelosi ukuthi iphekezele laba bantu, kanti abayile emkhosini kaJehova, bahambela nje amadili abantu!
 
24.Kwesinye isikhathi labo bantu bengesiwo namaNazaretha, nalowo muzi ufuye izinja nezingulube!
 
25.Uma abantu abangamaNazaretha befika emzini womuntu baphekelwa ngubani, kanjani, baphakelwa kuziphi izitsha?
 
26.Uma amaNazaretha esina emzini womuntu owenze umsebenzi wamadlozi, asuke esinela bani?
 
27.Kwenzeka kanjani ukuthi kuthathwe iBandla likaJehova liyosinela amadlozi; ngenkathi iBandla likaJehova likhishelwe izithebe zenyama yemizi yabantu, ingelosi ehamba naleli bandla kumele yenze njani?
 
28.Uma seniyiqedile inyama, senibonga nithopha izinyanya zalomuzi, zibongwa libandla lamaNazaretha, uJehova nabasezulwini kumele uJehova lelo bandla alibusise athini? Abusise isono?
 
29.Uma kulomuzi okuze kuwo amaNazaretha, ezulwini kuze kwakhishwa ingelosi, iyafica kulomuzi alikho idili likaJehova, kodwa ifica kunamadili abantu okugaywe kuwo notshwala, kwenziwa yonke into engahambisani nokukholwa, lengelosi enihamba nayo kumele uma ibuyela eZulwini ifike ithule mbiko muni ngani?”
 
30.Uthi-ke uNkosazane: “Niyazi ukuthi kwenzekani, iNgelosi iyathukuthela, ibone ukuthi kudlalwa ngayo, bese iyadikila ihambe, bese ibhala icala! Lelo thempeli ngeke libuye lilunge. Nolokhu nithi ninoNkulunkulu, kanti uNkulunkulu kudala wahamba kini!”
 
31.Yaqhuba ingelosi yathi: “Kusukela namuhla ningaphinde nihambele amadili emizi yabantu njengeBandla.
 
32.Ngisho umuntu engaba umNazaretha, uma kunomsebezi owenzayo uyomema izihlobo zakhe, kodwa hhayi iBandla!
 
33.Nina noya emzini womuntu ngoba niyothandaza, futhi akuvumelekile ukuthi uma nothandazela umuntu bese nidla ukudla kwalapho benothandaza khona.
 
34.Nina nihlanganyela edilini likaThixo elinguMoya omuhle; idili lenu isidlo seNkosi, noma inyama yempepho ehlatshwa emhlanganweni.”
 
35.Ngaphambili kwakungacacile ukuthi umuntu ongumNazaretha uyazila yini noma qha. Kodwa ingelosi yafike yakuqondisa lokhu; yakhuluma ngokuzila komuntu ongumNazaretha.
 
36.Kodwa sasivele sazi ukuthi asivunyelwe ukuthi ngoba kufiwe bese sifaka emkhonweni izigqebhezana ezimnyama, noma kuthi ngoba kufiwe sitholakale sesigunde amakhanda singamaNazaretha!
 
37.Ithi ke ingelosi: “UJehova wasinika ingubo yasezulwini, esimkhonza siyigqokile, umNazaretha. KuSambulo 4: 4: kuthi: “Isihlalo sobukhosi sizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe.”
 
38.Miningi imikhuba eqhamuka namaNazaretha engaziwa ekukholweni, bese ethi ngumthetho wobuNazaretha.
 
39.Ngelinye ilanga uBaba iNyangayezulu uthi: “Nina maNazaretha niyathanda ukuzakhela imithetho yenu bese nithi ngubuNazaretha, kodwa nibe nehluleka ukugcina umthetho kaNkulunkulu!”
 
40.Namuhla sengiye ngizwe amanye amaNazaretha ekhuluma egomela ethi inkukhu kuleli bandla ayidliwa.
 
41.Kodwa mina ngiyinzalo yobuNazaretha, nabazali bami bayinzalo yobuNazaretha kusukela kumprofethi, kithi izinkukhu bezifuyiwe, sizidla.
 
42.Ngenxa yokuthi inkukhu idla konke ukugncola okusegcekeni, umthetho uthi ngaphambi kokuba inkukhu uyidle, igcine ehokweni izinsuku eziyisikhombisa uyipha umbila; emva kwalokho usungayihlabake uyidle.
 
43.Sakhula abazali bethu benza njalo. Lelivangeli elithi ayidliwa inkukhu ngamaNazaretha, lisha!
 
44.Ngike ngezwa enye inkosana kwelinye ibandla lamaNazaretha ithi kuyisono ukufunda umthandazo weSabatha ungalifakile ibheshu! Ngethuka kakhulu, ngoba mina abazali bami bayinzalo yobu Nazaretha kusukela kumprofethi, ubaba wami wayengumvangeli, kodwa waze wahamba emhlabeni ngingakaze ngimbone efake ibheshu!
 
45.Ngisho emgidini ubaba akaze ngimbone egida ngebheshu. Angikaze ngizwe kukhulunywa ngokuya enkonzweni ufake ibheshu.
 
46.Ukufaka ibheshu enkonzweni kwavela muva ibandla selehlukene kabili, sekukhona amaNazaretha aseBuhleni ayefaka amabheshu, namaNazaretha aseKuphakameni ayefaka amabhulukwe. Kodwa kusekhona uBaba iLanga sasifaka amabhulukwe nehembe elimhophe esabathweni.
 
47.Thina eNCG ingelosi yasibuyisela ekufakeni amabhulukwe. Ngisho emgidini asisini ngamabheshu; ngenke usikhohlise ngento esuka ekhanda lakho ngoba ingelosi iyasazisa ngokuyikho nokungayikho.
 
48.Ngangingazi ukuthi amaprons akadliwa ngumNazaretha, ngoba kwawona ngangingawazi. Kodwa eThekwini sifika kuyirestuarent ebhalwe ukuthi “Halaal” sawadla amaprons, ngawathola emnandi.
 
49.Kodwa ingelosi yangena khona eresturant, yafike yasiyekisa ukudla amaprons. Yavula iBhayibheli, yasitshela ukuthi ngomthetho kaNkulunkulu amaprons akadliwa ngumuntu olikholwa! Ngawagcina ngalolo lusuku!
 
50.Ngike ngezwa omunye umholi webandla lama Nazaretha akwaShembe ethi uma usungu mNazaretha kumele uhlabe isilwane ubikele abakini ukuthi usungu mNazaretha.
 
51.Njengoba ngishilo, ngiyinzalo yobuNazaretha, ubaba wahamba emhlabeni esengu mvangeli, awukho umthetho wobuNazaretha othi uma usungumNazaretha kumele ubulale isilwane ubikele abakini! Wathi lomholi uma esho lento amanye amaKrestu afa yinsini!
 
52.Inkinga lemfundiso ayenzi inhlekisa ibandla lakhe, kodwa onke amabandla amaNazaretha kuhlanganisa naye umprofethi!
 
53.Engafike ethi umprofethi asingawahlabeli amadlozi noma abaphansi, singazihlanganisi nabakhuluma nemimoya ngokwethu, kuthi lapho sesikholiwe bese kuthiwa futhi asihlabele abaphansi, sikhulume nabo, kanjani? Zimfundiso zamahlubuka lezo!
 
54.Inqubo elandelwa uma kushone umuntu ilusiko olulandelwa yiwo wonke umuntu ngokwesigodi noma ngokwesifunda. Uma ungawulandeli uthweswa icala yinkosi.
 
55.Lesi simo sabanga ukuthi umprofethi azibekezelele ezinye izinto noma zenqatshiwe ekukholweni.
 
56.Umkhuba wokuzilelwa komuntu ofile awukho ekukholweni. Futhi ayikho imfundiso enjalo eBhayibhelini.
 
57.Usiko lwamakholwa ngumthetho kaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokuhlonipha imithetho yezwe, namakholwa ayaye etholakale esezilile!
 
58.Kodwa uJehova akakaze asinike ingubo yokuzila; futhi awukwazi ukuzilela umuntu ofile phambi kukaJehova! Thina ke sihleli naye uNkulunkulu!
 
59.Yingakho uShembe wenqaba kuthi sizile ngisho ngezigqebhezane ezimnyama engutsheni noma kuthi uma sifelwe sigunde amakhanda! Ngokomthetho umNazaretha akamzeli umuntu!
 
60.Ithi iNgelosi, “Ukufelwa akukwazi ukubukela phansi umthetho kaJehova, futhi awuvunyelwe ukuthi uzile noma ulile uhleli noJehova.”
 
61.Useyabuza-ke lomuntu waseZulwini, uthi: “Inzilo niyifaka kanjani phezu kwengubo kaJehova, niyihlanganisa kanjani inzilo nomNazaretha, ngoba uma umuntu ezilile esekhumula, leyonzilo iyalahlwa?
 
62.UmNazaretha okade ugqokwe nenzilo wona wenziwa njani, ngoba uMnazaretha awulahlwa, awushiswa?”
63.Iyaqhubeka ingelosi ithi, “Lokhu kuzila ningamakholwa kuyabungcolisa ubungcwele!
 
64.Uma umuntu wesifazane ezilile akumele afake ingubo emhlophe, ngoba inzilo akumele ifakwe noMnazaretha, futhi umuntu ozilile akumele eze esontweni, ngoba inzilo ayingeni endlini kaJehova.
 
65.Ngisho ngokosiko, miningi imithetho ebekelwe umuntu ozilile ukuthi izinto ezithize engazenz.Akumele nokuba umuntu ahlale ngaphandle kwethempeli, ngoba ngaphandle kwethempeli kusuke kugcwele izingelosi eningaziboni nina.
 
66.Izingelosi azifuni ukubona umuntu esonta ngaphandle kwethempeli; ngaphandle uma engahlambulukile isikhashana.
 
67.Uma ukuhlala ngaphandle kwethempeli sekuyilapho esonta khona, sekuyicala lokho.”
 
68.Iyaqhubeka iNgelosi ithi: “Uma nithatha umuntu ozilile nizohloba ngaye endaweni kaJehova, nijabulisa uSathane, nijabulisa amadimoni; nizakhela umkhokha wabafelokazi endaweni kaJehova.
 
69.Sekohlale kunabafelokazi ebandleni, ngoba phela nina nihloba ngabo, nihloba ngokufa!”
 
70.Uma umuntu ezilile akahlale ekhaya, bese kuba liBandla elimsela inkonzo ekhaya lakhe. Noma sekuse nkonzweni ekhaya, kodwa engawufaki uMnazaretha nenzilo.”
 
71.Ngakho ke akuvumelekile eBandleni ukuthi umuntu azile isikhathi eside, ngoba awukwazi ukuzilela ukufa uze uyeke ukukhonza uJehova omele umkhonze ngezinsuku zonke!
 
72.Umkhuba wokuthi uma unkosikazi efelwe yindoda bese ezila unyaka wonke, noma ngaphezulu, ayisebenzi ekukholweni.
 
73.Ithi ingelosi: “Uma inkosikazi engumkhokheli isazilile, iphathelwa ngubani amakhosikazi, kanti likhona yini iholidi emsebenzini kaNkulunkulu?
 
74.Ngabe kusho ukuthi ukufa komyeni wakho kubaluleke ngaphanzu kokukhonza uJehova?
 
75.Uma uthi usazilile bese kufa wena, wemukeleka kanjani ezulwini ngoba ufe ungamkhonzi uJehova, useholidini?
 
76.Kuleli bandla umthetho esiwubekelwe ukuthi emva kwezinsuku eziyisikhombisa ufelwe, hlambuluka, ubuyele enkonzweni!”
 
77.INgelosi yabuya yakhuluma ngomngcwabo wamaNazaretha. Ithi: “Uma amaNazaretha eya emngcwabeni woMnazaretha asuke ephelezela ilunga lawo, engayile ukuyozila, abantu okumele bazile abantu bomndeni abasondelene nomufi.”
 
78.Lokhu kuxovwa kwezinto kuyamkhathaza uJehova, ngoba nibukeka ninganalo iqiniso lento eniyenzayo.
 
79.Nihlala ubusuku bonke nisemlindelweni nishumayela ngobuqhawe balomuntu ofile, nihlabelela isihlabelelo 235 esithi, “Ngingumhambi emhlabeni, likhona ikhaya lami”
 
80. Uma lomufi ebemsebenzela uNkulunkulu kuthunywa ingelosi ukuba imhlangabeze iye naye eZulwini lapho obesebenzela khona.
 
81.Njengoba esho nje uShembe, kwisihlabelelo 49 uthi: “Lapho sengiphuma emasangweni aseKuphakameni mangihlobe ngiphelele.”
 
82.Lo kusuke sekungu mshado wakhe wokugcina, amaNazaretha asuke esemshadweni weqhawe labo; ukuthi umuntu okade esebenzela uNkulunkulu uhlangabezwa kanjani eZulwini, ukuchazile lokho uShembe.
 
83.Kwisihlabelelo 124 uthi uShembe, “Ngohlabelela ngentokozo, emzini oyiNgcwele, bajabule abahlangabezi bami, ngokungena kwami. Ngomsinela obongekayo ngingasenamahloni.’
 
84.Kodwa nina enikwenzayo, kuthi ngosuku lomngcwabo, nithwale amaduku niwabhekise emacaleni, nani nibe ngabazilile, kanti akufanele kube njalo.
 
85.Kufanele nigeze kahle, nihlobe kahle ngengubo yesonto, nihlobe ngezinhloko zenu nizifake iminqwazi, nitshengise ukuthi niphekezela iqhawe lenu. Noma ningavunule kodwa niliphekezele ngomgidi iqhawe lenu!’
 
86.Ithi ke ingelosi: ‘Kuyaye kuxake ukuthi umuntu indlela yakhe okade eyisebenzela isobala, bese kuthi uma isidumbu sesikhishwa, bese kuthathwa umuntu ongasiye umNazaretha ezobongela lomuntu ngezibongo zasemhlabeni, esecelelwa nakoyise ukuthi abamemukele, esephathiswa nemikhonzo.”
 
87.Iyabuza ke iNgelosi ithi: “Kanti lomuntu nisuke nimsaphi, nisuke nimusa khona emzini wamaNazaretha lapho siyakhona, noma nisuke nimusa eZulwini lomndeni?
 
88.Niyazi yini ukuthi yonke into osuke uyikhuluma ngomlomo imimoya isuke iyizwa; niyazi yini ukuthi lenkulumo esuke ikhulunywa ilemindeni, iyamhlehlisa uMqondisi osuke ethunywe ukuzohlangabeza lomuntu, umoya wakhe bese uthathwa ilemimoya okade ekhulekelwa kuyo?”
 
89.Ithi iNgelosi: “Zonke izinhlangano uma ziphekezela ilunga lazo ziyalihlobela, pho thina asilihlobeli ngani ilunga lenhlangano yethu uma sesiliphekezelwa liya emzini oyingcwele?”
 
Isihlabelelo 83.
Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke
Sohlabelela sibatshele bonke
Sisindisiwe thina.
 
Sokwembatha sanele
Intokozo yovuyo
Yokwembathwa ngalabo
Abanethemba lokusindiswa.
 
Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke
Sophuza kulelotshe
Lasentabeni yaseSnayi.
 
INkosi ibusise lokho enikuzwileyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *