Skip to content

UMEHLUKO PHAKATHI KOKUKHOLWA NOKUQONDA

Ngathola ukuthi ngesikhathi sisahamba noYahuah, isizwe sakwa-Israel asizange sehlulwa yinoma yisiphi isizwe!

Kodwa sesise zweni likaKhanani saqala ukumhlubuka uYah ngokungasahambi ngokwesi vumelwana ababesenze noYahua!

Isihlabelelo 181.
 
1.Phakama kuPhakama
Ngegama leNkosi
Zivuse zonke izizwe zakithi
Zisesebuthongweni
Ngegama leNkosi
Zivukele kuwe
WeKuphakama.
 
2.Sinosizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane
Asinamkhululi
Ngaphandle kwakhe
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
 
3.Usidele ngani
Nkosi kangaka?
Buyela kithi
Usithethelele
Obaba bethu
Bona abasekho
Sithwele ke thina
Izono zabo.
 
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siyavuma
Ebusweni bakho.
Singabaka bani
Uma silahlwa nguwe
Buyela kithi
Nkosi yoxolo.
 
1.UHoseya 4:6: “Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi. Njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumpristi wami.
 
2.Ukhohliwe ngumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakuba khohlwa abantwana bakho. Amien!”
 
3.Eminyakeni ephambili ingelosi yake yathi kimi: “Angazi noma uyazi yini ukuthi amaHebheru isizwe esimnyama, wena nje uzalwa endlini kaJuda.Amein!”
 
4.Lokhu kukhuluma kwangethusa kakhulu, kodwa ke awukwazi ukuthi uma ingelosi ikutshela into ulokhu uba nemibuzo, uyaye wamukele lokho okutshelwayo.
 
5.Ngangazi ukuthi ingelosi ikhuluma iqiniso, kodwa engangingakwazi ukuthi leliqiniso ngingalidlulisa kanjani kubantu, ngoba kuliqiniso nami elingididayo!
 
6.Kodwa ngabe senginquma ukuthi angenze ucwaningo olunzulu ngalokhu kukhuluma, ukuze ngikwazi ukukhuma into abantu abazoyizwa.
 
7.Kodwa ngase ngiyabona ukuthi bese kufike isikhathi sokuthi livele leli qiniso, ngoba ngathola le sekuyi ndaba okukhulunywa ngayo kufacebook nakumavideo ehlukene.
 
8.Ngokushesha ngathola sekunezi ncwadi eziningi ezichaza lenkulumo engiyitshelwe yingelosi.
 
9.Ukuthi singama Hebheru kwakuchaza izinto eziningi esingakaze sizihluphe ngokuzibheka.
 
10.Lokhu kwakusho ukuthi uma amaHebheru kuyisizwe esimnyama, noYeshua oliJuda ungumuntu omnyama.
 
11.Ocwaningweni lwami, ngathola ukuthi impela ngokomlando uYeshua ngumuntu omnyama!
 
12.Ngaqala ke ukufunda kabanzi ngomlando wamaJuda kusukela kuMoshe ekhipha isizwe sakhe eGibhithe.
 
13.Ngafunda nangezindlela eziningi uYahuah owazisebenzisa ukunqoba izizwe ezazihlasela u-Israel.
 
14.Ngathola ukuthi ngesikhathi sisahamba noYahuah, isizwe sakwa-Israel asizange sehlulwa yinoma yisiphi isizwe!
 
15.Kodwa sesise zweni likaKhanani saqala ukumhlubuka uYah ngokungasahambi ngokwesi vumelwana ababesenze noYahua!
 
16.KuDuteronomi 28, uYahuah wayefungile ukuthi uyohlale enguyise wethu uma singamhlubukanga.
 
17.KuDuteronomi 28:6-10 uYah uthi kuma-Israel: “UYAKUBUSISWA EKUNGENENI KWAKHO, UBUSISWE NASEKU PHUMENI KWAKHO.
 
18.IZITHA ZAKHO EZIKUVUKELAYO UYAHUAH UYOZENZA UKUBA ZEHLULWE PHAMBI KWAKHO, ZIYAKUZA KUWE ZIVELA ENDAWENI EYODWA, KODWA ZIYOBALEKA NGEZINDLELA EZIYISIKHOMBISA.
 
19.UJEHOVA UYOYALA ISIBUSISO SIBE PHEZU KWAKHO, EZI NQOLOBANENI ZAKHO, NAKUKHO KONKE OKWENZAYO. UYAHUAH UYO YALA ISIBUSISO SIBE PHEZU KWAKHO KUKHO KONKE OKWENZAYO!
 
20.UYAH UYAKUKU BUSISA UBE YISIZWE ESINGCWELE KUYE NJENGOBA WAFUNGA KUWE, UMA UGCINA IMIYALO KAYAHUAH, UHAMBA EZINDLELENI ZAKHE!
 
21.BONKE ABANTU BOMHLABA BAYOKUKU BONA UKUTHI UBIZWE NGEGAMA LIKA YAH, BAKWESABE!
 
22.Kodwa kusukela kuvesi 15, uYahuah uthi UMA UNGALALELI IZWI LIKAYAHUAH, UNGAQIKELELI UKUGCINA YONKE IMIYALO YAKHE NEZIMISO ZAKHE, ZONKE LEZI ZIQALEKISO ZIYO KWEHLELA, ZIKUSIBEKELE.
 
23.UYOQALEKISWA EMZINI UQALEKISWE NASENSIMINI. UYOQALEKISWA EKUNGENENI NASEKUPHUMENI KWAKHO.
 
24.UJEHOVA UYOKWEHLISELA KUWE ISIQALEKISO SOKUDIDEKA NOKUSOLWA KUKHO KONKE OYOKWENZA UZE UBHUJISWE, NGENXA YOBUBI BEZENZO ZAKHO, NGOKUBA UNGISHIYILE.
 
25.UJEHOVA UYOKWENZA IZITHA ZAKHO ZIKUNQOBE, UYAKUZI HLASELA NGANDLELANYE, UBALEKE NGEZI NDLELA EZIYISI KHOMBISA.Amein!
 
25.Sebemhlubukile uYah, abantwana bakwa-Israel bahlakazeka baba yimibuso emibili, owakwa-Israel enyakatho nowakwaJuda eningizimu.
 
26.Kodwa abezizwe basheshe bawunqoba umbuso wakwa-Israel, lesi sizwe sathunjwa yizizwe eziningi emva kokususwa enyakatho.
 
27.Umbuso wakwaJuda wabusa iminyaka engaphezu kwa 150 umbuso wakwa-Israel sewaphela, yikho ekugcineni iTestamente Elidala likhuluma ngombuso wakwaJuda.
 
28.UYeshua Ha’MaShiach kwakungu mprofethi wokugcina kwa-Israel, ezalwa nguMaria noJosefa cishe ngo 6 kuya ku 4 B.C., engaphansi kwenkolo yamaHebheru. Wabethelwa yiwo amaJuda cishe ngo 33 A.D.
 
29.Cishe kusukela ku 55 kuya ku 66 A.D., abafundi bakaYeshua abasebe bizwa ngokuthi bangaba Postoli, baphuma eJerusalema b\hamba beshumayela ivangeli likaYah njengoba babefundiswe nguYeshua.
 
30.Ubufakazi bokuthi abapostoli babengaphansi kwenkolo kaMoshe, ku-Izenzo 28:23-24 kuthi:
“Sebe mmisele usuku, baya kuPaul endlini ngobuningi, waba cacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMoshe nakuba profethi.”
 
31.Kodwa kusukela ku 66 A.D. kwakunezimpi zamaRoma namaJuda, okwathi ngo 70 A.D., nombuso wakwaJuda wagcina ngokunqotshwa yisizwe samaRoma esasiholwa uJenene uTitus indodana kaVespasian owayenguMbusi waseRoma kusukela ngo 69 kuya ku 79 A.D.
 
32.Kulesi sigameko sokunqotshwa kwamaJuda, kwabhidlizwa ithempeli, kwabulawa amaJuda acela esigidini, kwaze kwebiwa ingcebo yethempeli, nezibani eziyisikhombisa kanye nezincwadi ezazigcinwe khona ethempelini.
 
33.Lawo asinda kuleso sibhicongo senkemba kaTitus ahudulelwa ezimakethe zezigqila, ahlakazelwa kwamanye amazwe ase-Europe, ikakhulu iSpain nePortugal, kodwa amanye abaleka aze ayozinza eningizimu neSahara Desert, la sithi khona manje kuseWest Afrika.
 
34.Izwe azinza kulo lake labizwa ngeNegroland ngokwama map amadala, ngaphambi kokuvela kwama map amasha adwetshwa emva kwe Conference yabamhlophe yase Berlin eyabanjwa ngo 1884 kuya 1885 A.D.
 
35.Ukuthi abamnyama ngama ‘Negro’ i-nickname esezilimini iSpanish ne Portuguese esho into emnyama, kodwa leli gama lisukela kwelithi ‘niger’ eliyi Latin.
 
36.Ngokuhamba kwesikhathi amanye amaJuda abuye afudukela enkabeni naseningizimu nezwekazi lase- Afrika. Lesi sigameko osomlando basibiza nge ‘Bantu Migrations’.
 
37.La maJuda abezizwe bawabiza ngokuthi ngama ‘Bantu’. Sonke sasibizwa ngamaBantu, kufihlwa ukuthi singamaHebheru, ngoba imfundiso-ze yayisithi amaHebheru yisizwe esimhlophe!
 
38.Emva kweminyaka eminingi, la maHebheru ayese Negroland, akhe phakathi kwenzalo kaHam, abuye aphila impilo yokuzingelwa nokwenziwa izigqila yinzalo ka-Ishmaeli, ama-Arab enkolo yobuSulumane (Islam).
 
39.Lokhu kwenzeka iminyaka ecishe ibe amakhulu ayisikhombisa kuya enkulungwaneni ngaphambi kokufika kwamaPortuguese ezofuna abantu ayengabenza izigqila kwi ‘New World’ eyabe seyitholwe abamhlophe.
 
40.Kwathi uma amaPortuguese ebuza kuma-Arab ukuthi angabatholaphi kuleli zwe abantu angababamba ayobenza izigqila, ama-Arab athi wona avame ukuthumba aBantu beNcwadi (People of the Book).
 
41.INegroland kwaba isizinda lapho kwakutholakala khona amaNegro ayedayiswa kwamanye amazwe ahlukehlukene, kubalwa ne-America kuleso sigameko esaziwa ngele Trans-Atlantic Slave Trade.
 
42.Lapha singabalula iGoree Island, buqamama nje neDakar, eSenegal, eyabe inomnyango ophumela okokugcina olwandle, i’Door of No Return’ la kwakusuke kumi khona umkhumbi wokuthatha izigqila ezisuke zingeke zisabuyela e-Afrika (Bheka incwadi ka Profesa Rudolph ethi: FROM BABYLON TO TIMBUKTU).
 
43.Kusukela amaHebheru enqotshiwe ngamaRoma, abapostoli abaningi nabalandeli bevangeli likaYeshua babulawa.
 
44.Ngo 313 A.D., uMbusi wesizwe samaRoma, uConstantine the Great, washaya umthetho wokupheza ukuhlupha abalandeli bakaYeshua, wathi aku bekezelelwane ngokwe zenkolo; lowo mthetho waziwa ngele Edict of Milan. Ilombusi owasungula inkolo yobuKrestu ngo 325 A.D., kodwa khona lapho inkolo yamaHebheru wabuye wayiqeda ngama Creeds.
 
45.LoMkhandlu wase Nicaea wabakhela umsindisi ogama lakhe ngu-IESUS ngeLatin, abe ngu-IESOUS ngesiGriki, okuyiyo indodana ezelwe yodwa enkolweni yelanga, iMystery Religion of Babylon. Le ndodana kwi-English yagcina isingu ‘Jesus’.
 
46.Kodwa ngonyaka ka 1492, emihleni ye-Italian Renaissance, uConstantine engasekho emhlabeni, enye inhloko yeBandla lamaRoma, uPope Alexander the Sixth, wathi akudwetshwe isithombe somfana wakhe, uCesare Borgia.
 
47.Esesidwebile lesi sithombe uLeonardo da Vinci, lo Pope wasenquma ukuthi sekuyi lesi sithombe UJESUS CHRIST.
 
48.Ngalesi sikhathi inkolo kaMoshe yayisiqediwe, noYeshua Ha’Mashiach ingasakhulunywa indaba yakhe, kanti noYahuah kwase kuthiwa uyisithixo nje samaHebheru!
 
49.Lenkolo yabaHedeni iMystery Religion of Babylon, esiyakhiwe ngesimo nempilo kaYeshua Ha’Mashiach, yabe isiba nonkulunkulu omthathu emunye, uNimrod, okungunkulunkulu welanga, uSemiramis, unkosikazi kankulunkulu welanga (owayebuye azibize ngeNdlovukazi yeZulu), noTammuz, indodana kankulunkulu welanga ezelwe yodwa.
 
50.UJesu umele uTammuz; yikho kuthiwa “yindodana ezelwe yodwa.”
 
51.Ubufakazi balokhu bucaciswe kahle encwadini ka Dr C.J. Koster ethi: COME OUT OF HER MY PEOPLE, lapho khona lomKrestu ehlaba khona amanye amaKrestu ngokukhonza unkulunkulu welanga. Bheka nencwadi kaMfundisi u-Alexander Hislop ethi: THE TWO BABYLONS.’
 
52.Noma uDr Koster engumKrestu, futhi engumfundisi ukucacise kahle ukuthi uJesu isithixo esakhiwa ngabezizwe, okungafanele amaKrestu afuna iqiniso lokukholwa asilandele!
 
53.Kulencwadi uDr Koster uthi: “Abezizwe babemfuna uMsindisi, kodwa hhayi oliJuda, ngoba babewazonda amaJuda, bezonda noNkulunkulu wawo oku-Old Testament, (okunguYahua) base bezakhela umsindsisi wabo onjengesizwe sabo, ongumGriki.(uJesu Krestu).”
 
54.Kulomlando omfishane ngenkolo nobuzwe bethu, sehlukanisa phakathi kweqiniso lomlando elitholakala nasezi ncwadini, kanye namalumbo ayizinganekwane esizakhelwe ngabezizwe ngeqiniso lomlando wenkolo yethu neyabo!
 
55.Siyazi ukuthi yaba khona inkosi KwaZulu ebizwa ngokuthi uShaka; siyazi ukuthi yazalwa nini, yakhothama nini. Kanti futhi sinazo izinganekwane ngobu khona kwama zimuzimu.
 
56.Kusemlandweni osezincwadini ukuthi waba khona umprofethi ogama lakhe nguYeshua Ha’Mashiach; wayengowesizwe samaJuda, wazalwa ngu Maria noJosefa phakathi kuka 6 kuya ku 4 A.D., wabethelwa yiwo amaJuda ngegunya likaPontiyu Pilatu ngo 33 A.D.
 
58.Sifisa ke amaKrestu aveze umlando kaJesu Krestu okuthiwa yiNdodana kaNkulunkulu.
 
57.Lomlando kaJesu bengawu hlanganisi nokaYeshua owayengu mprofethi kaYahuah.
 
58.Uma wake waba khona uJesu Krestu, wayengowasiphi isizwe, wazalwa nini, ezalwa ibaphi abazali?
 
59.Uma sithi uJesu Krestu ekuqaleni wayengumJuda igama lakhe kunguYeshua Ha’Mashiach, ngubani owashintsha igama wabe esethi nguJesu Krestu, ekwenzelani lokho, futhi ekwenza ngasiphi isikhathi?
 
60.Sengiku tholile ukuthi umprofethi wokugcina esizweni samaJuda kwakunguYeshua, ngenza inkonzo, kodwa ngabhekana namaKrestu amaningi ethi ngidukisa abantu, bathi uYeshua akaze abe khona!
 
61.Kodwa sebetholile ukuthi uYeshua waba khona, base bejika bethi ukuthi “Jesus” ligama lesi Griki elahunyushwa lisuselwa egameni lesiHebheru.
 
62.Kodwa kuze kube manje akakho ongakutshela ukuthi leligama lahushushwa nini, lihunyushwa ngubani, elisuselani kusiHebheru ngoba amaRoma abe seyiqedile ngamaCreeds inkolo yamaHebheru?
 
63.Nokho sesinabo ubufakazi nango Dr Koster ukuthi amaRoma ayichitha inkolo yama Hebheru, bamchitha uNkulunkulu wamaHebheru oseTestamenteni Elidala.
 
64.Ukuthatha umlando kaYeshua Ha’Mashiach uthi ngokaJesu Krestu, yize uJesu Krestu engakaze abe khona, kunguku ntshontshwa komsebenzi womuntu, ngeSingisi okubizwa ngokuthi i-PLAGIARISM!
 
65.Kunakho konke sinawo amaCreeds amaRoma aveza ukuthi lenkolo kaYah yachithwa kanjani yinkolo yobuKrestu. Kafuphi lama Creeds athi:
 
66.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingenamvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngamaHebheru.
 
67.Ngichitha nayo yonke imikhosi yamaHebheru, iminikelo, imithandazo, injongo, ukuzila, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
 
68.Imikhosi yokweshwama, amaSabatha, nenkoleloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
 
69.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kulenkoleloze yamaJuda.”
70.Uma kulama Creeds kukhulunywa ngenkolo yamaHebheru kushiwo inkolo kaMoshe.
 
71.Njengoba sesikuveze kaningi, amaJuda isizwe esimnyama, ngisho iDNA iyakufakaza ukuthi amaJuda ngamaNegro noma amaBantu, hhayi amaJuda amhlophe asethathe iJerusalema ngohheshe!
 
72.Kuyinto engakholeki ukuthi kunabantu abamnyama abafundile, kodwa abakholelwa ukuthi lamaJuda amhlophe asaqhwaga iJerusalema, ayinzalo ka-Israel eyalandwa ngu Yahuah eGibhithe!
 
73.Okumangalisayo ukuthi umlando wama Ashkenazi Jews ubhalwe phansi, kodwa kunezifundiswa ezimnyama, ezinye ezingo Dokotela benkolo, oprofesa benkolo, amajaji nabaholi bamaqembu ezepolitiki abakholwa ukuthi lama-Ashkenazi Jews angabantwana baka-Israel!
 
74.Noma uSister Celestial ebachazela ukuthi uYah uthini ngalama Juda-mbumbulu aqhwage iJerusalema, kodwa bona babambelele kulobu buqili bamaJuda-mbumbulu uYah ozowa bhubhisa kungekudala!
 
75.Eminyakeni ye Renaissance uPope Alexander the Sixth akagcinanga ngokwakhela amaKrestu uJesu omhlophe, kodwa kungumlando ukuthi abamhlophe bapenda abamnyama abaseBhayibhelini babenza isizwe esimhlophe, ukwakha isithombe sokuthi iBhayibheli likhuluma ngabamhlophe!
 
76.Abezizwe bathumba umhlaba wethu, bathumba inkolo yethu, bathumba ingqondo yethu, baze bathumba noNkulunkulu wethu!
 
77.Namuhla sesikhonza unkulunkulu omthathu emunye, silandela inkolo yelanga (Cult of the Sun)! Sithi uSol Invictus uyinkosi nomsindisi wethu!
 
78.Ngo 1965 uMongameli waseGibhithe uGamal Abdel Nasser wathi: “Angikwazi ukuhlonipha lamaJuda amhlophe akwa-Israel, ngoba alishiya iGibhithe engabantu abamnyama, manje babuya sebemhlophe, ngoba vele laba asebethi bangamaJuda ama Caucasians.”
 
79.Kuyaye kumangalise ukubona abamnyama abafundile, kodwa okubukeka bengayazi lenkulumo yalomongameli waseGibhithe, ngoba bengasafuni kuvezwe ukuthi amaJuda amhlophe ngama fake Jews!
 
80.Lokho kwenziwe ngoDokotela bezenkolo, abayizinkotha-ngqoko zabamhlophe, okuyibona okufanele ngabe baqondisa isizwe esimnyama ngomlando wenkolo yethu!
 
81.Kuzo zonke izifundiswa ezimnyama enkolweni yobuKrestu, zikuhlanganisa kuphi ubuKrestu nenkolo yamaHebheru, ngaphandle kokuthi ubuKrestu yikhona obaqeda ngenkolo kaMoshe?
 
82.Sicela izifundiswa enkolweni yobuKrestu zisicacisele kulokhu: Phakathi kukaYeshua Ha’Mashiach noJesu Krestu, ubani owaba khona emhlabeni?
 
83.Uma bethi kwaba khona uJesu Krestu, basichazele ukuthi uJesu waba khona ngasiphi isikhathi, ezalwa ngubani, kusiphi isizwe? Futhi leligama lavelaphi njengalokhu uhlamvu u’J’ engekho kwi-Aramaic nakuso isiHebheru?
 
84.Uma owaba khona kwaba nguYeshua, wajika kanjani, nini waba nguJesu? Ubani owahumushela igama elithi Yeshua walisa esiGrikini nakwi Latin, laze lagcina kwi-English sekuthiwa u’Jesus’ (onguJesu esiZulwini)?
 
85.Njengoba uYeshua wahamba emhlabeni ngo 33 A.D.
engumHebheru, waba uYeshua iminyaka engaphezu kuka 100 edlulile emhlabeni, imuphi lonyaka owashintshwa ngawo waba nguJesu?
 
86.Njengoba isizwe samaRoma sasiyizitha ezinkulu kumaJuda, kwenzeka kanjani ukuthi amaRoma amukele uYeshua ongumJuda ukuba abe ngumsindisi wawo, kodwa achithe uYahuah onguNkulunkulu wamaHebheru?
 
87.AmaKrestu amnyama kumele azi ukuthi nakuyiTestamente elisha kunezi mfundiso eziningi ezingu mkokotelo okuthiwa zafundiswa nguYeshua, kanti ngamanga!
 
88.Imfundiso enkulu engamanga yile eku Mathewu 28 lapho kuthiwa uJesu wathi asibhabhadiswe egameni likaYise, neleNdodana neloMoya ongcwele!
 
89.Enkolweni kaMoshe uYeshua owayenga phansi kwayo, inoNkulunkulu oyedwa, ayikho into engunkulunkulu omthathu emunye!
 
90.Ithi ingelosi lomthathwemunye unenhloso yokususa abantu kuNkulunkulu oyedwa ukuze silandele unkulunkulu waseBabylon singaboni!
 
91.UYeshua wayengaphansi kwenkolo kaYahuah; wayengasoze aphikise uNkulunkulu owazisholo yena ukuthi UNGUNKULUNKULU OYEDWA, igama lakhe ngu YAHUAH, bese ephenduka eba NGUMTHATHWEMUNYE, okungu nkulunkulu wase Babylon.
 
92.Ithi ke ingelosi: “Senikhululekile manje, ningabe nisaqhubeka ke nokwenza izinto eziphambene nokukholwa ngokwenkolo kaMoshe, okuyikhona kukholwa okuzoniyisa ezulwini!”
 
93.Ingelosi yaku shintsha ukubhabhadisa, yathi uma sibhabhadisa asothi: “SIBANIBANI UYABHAJADISWA EGAMENI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WETHU,
UMDALI WEZULU NOMHLABA!” Ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu sesibhabhadisa kanjalo ke!
 
94.Kuningi ukuhlubuka uYah esikwenze singaboni, ngenxa yokwamukela izimfundiso zabezizwe eziphambene nomthetho kaNkulunkulu; enye imfundiso esobala esiyichithile UKUNGCINA ISABATHA, nokunye okuningi!
 
95.Onke amaKrestu afuna ukuya ezulwini akezinuke amakhwapha, azibuze ukuthi lenkolo abayilandelayo kuseyiyo yini esayi lethelwa ngoMoshe, yaqhutshwa nguYeshua Ha’Mashiach?
 
96.Kumele wonke amaKrestu alandele izimfundiso zika Sister Celestial ngokukholwa, ngoba okwanamuhla uYah uthume lomprofethikazi ukuba azoqondisa inkolo ukuze abantu baphephe ekubhujisweni okubahlalele!
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *