Skip to content

ONKE AMAKHOLWA AKABUYELE KUJEHOVA YEDWA

Uthi lomuntu wasezulwini, akakho umuntu owake wathunywa nguNkulunkulu wangaba yisitha sabantu, ngoba basuke befuna ukuba ubatshele okuthandwa yibo, hhayi okuthunywe nguNkulunkulu kubo.

ONKE AMAKHOLWA AKABUYELE KUJEHOVA YEDWA.
 
1.Imini yesabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: Onke amakholwa akabuyele kuJehova yedwa.
 
2.UHezekeli 3:16-19: “Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israel, ngakho uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
 
3.Uma ngithi komubi: “Uyakufa nokufa, bese ungamxwayisi endleleni yakhe embi ukuba umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
 
4.Kepha wena uma umxwayisile omubi, kodwa akaze akuyeka ububi bakhe, nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho. Amein!”
 
5.Uma uNkulunkulu ekuthuma ukuba ubuyise abantu endleleni yakhe, abantu abakwemukeli obatshela khona, kunalokho bavele balwe nawe ngezindlela eziningi, abanye bazame nokukubulala.
 
6.Kodwa yena uNkulunkulu usuke ebheke ukuba wenze lokho akutshela khona, ukuthi leso simo siyingozi engakanani kuwe, indaba yakho leyo.
 
7.Lamavesi engiwafundile ngawanikwa yingelosi, ingitshela ukuthi uma uNkulunkulu ekuthuma awukwazi ukuba nezaba zokuthi kungani ungewenze umsebenzi akuthuma wona.
 
8.Uthi lomuntu wasezulwini, akakho umuntu owake wathunywa nguNkulunkulu wangaba yisitha sabantu, ngoba basuke befuna ukuba ubatshele okuthandwa yibo, hhayi okuthunywe nguNkulunkulu kubo.
 
9.Njengoba sizwa kulencwadi, uNkulunkulu akakuncengi, kodwa ubheke ukuba wenze lokho osekuthume khona, engenandaba nokuthi abantu balwa kanjani nawe!
 
10.KuHezekeli 2:3-6 uJehova uthi: “Ndodana yomuntu ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israel, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi.
 
11.Wena ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma afana nameva kuwe, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo!
 
12.Uyokhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva akusho lutho, ngokuba bangabahlubuki. Vula umlomo wakho udle engikunika khona! Amein!”
 
13.Lesi simo umprofethi uHezekiya owayebhekene naso, zonke izithunywa zikaNkulunkulu ziyabhekana naso. KuJeremiya 6:16-20 uJehova uthi:
 
14.“Yimani ezindleleni nibone, nibuze ngemikhondo yasendulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, 15. niyaku fumana ukuphumulo kwemiphefumulo yenu. Kepha bathi, asiyikuhamba kuyo.
 
16.Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngathi lalelani ukukhala kwecilongo, kepha bathi, asiyikulalela.
 
17.Ngalokho zwanini nina zizwe, wazi wena bandla ukuthi kuzokwenzekalani kubo!
 
18.Yizwa wena mhlaba, bheka ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile!”
 
19.Leso simo izithunywa zikaNkulunkulu ezazibhekene naso, namanje nathi sisabhekene nalokho kuthukwa ngazo zonke izinhlamba; kodwa asikwazi ukuhlehla, ngoba uthi uShembe:
 
20.“Besethweswe thina iNkosi ijokwa lemiphefumulo yethu, savuma salethwala, singephinde silethule. Lingukuphila kwemiphefumulo yethu, liyindlela yemiphefumulo yethu, noma siphila noma sifa singephinde silethule.”
 
21.Njengoba ngikhuluma indaba kaNkulunkulu nje, ngithukwa ngazo zonke izinhlaba, kodwa ngethemba yena uNkulunkulu ongithumile, njengoba esho ku-Isaya 54:17 ethi:
 
22.“Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakuluvimba lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokumelwa kwazo okuvela kimi.”
 
23.Ukuthi ngingumlindi kaNkulunkulu ngikuqonda kahle. Ngo 2005, ngathola ucingo engangibizwa nguMthandazi ezweni lakwaMthethwa, naye onguMthethwa.
 
24.Uma ngifika ekhaya lakhe, wabe esethi uthunywe yiNkosi iLanga kimi, ithi angiziphathe kahle ngoba ngingumholi wamaNazaretha.”
 
25.Angaqonda ukuthi lenkulumo ichaza ukuthini, kodwa lokhu kukhuluma ngafike ngakutshela umnewethu umfundisi uMpanza.
 
26.Wabe esethi umnewethu singayivezeli muntu lenkulumo ngoba asazi ukuthi isho ukuthini.
 
27.Kwathi ngawo u-2005 ngaya futhi kulomthandazi ngiyombuza enye into eqondene nalokhu kukhuluma.
 
28.Sathi sisahlala nje phansi, uMthethwa wabe esethi: “Asiguqe, nakhu kungena ingilosi.” Sabe sesiguqa, kodwa mina ngingayiboni lengelosi.
 
29.Lengelosi yafike yakhuluma okuningi okufanayo nalokhu okwakukade kukhulunywe nguMthethwa.
 
30.NgoJune 2006 kwafika futhi ingelosi, engingazi noma kwakuseyiyo yini le eyafika ngikwaMthethwa, yona yahlala nathi kuze kube manje!
 
31.Ngo 2010 yafike yakhuluma lamazwi akhulunywa nguMthethwa ngo 2005; yathi uthi uShembe uBaba iLanga angiphume ebandleni lami, bese ngimakhela ibandla likaJehova. Kulelibandla ngibuyisele abantu endleleni eyiyo yokukhonza uJehova.
 
32.Ekushumayeleni kwami ngithathele ezimfundisweni zeBhayibheli nasezihlabelelo zamaNazaretha, ngilandele nasezi ntshumayelweni zika Babamkhulu.
 
33.Kodwa ngenkathi ngiphuma kuleli bandla uMthethwa ngamshiya kulo esengumvangeli; angazi noma usaphila yini.
 
34.Ngalenkulumo ngiqondisa lamanga ayaye avele kwamanye amaNazaretha ukuthi ngashiya ebandleni lami ngoba ngangifuna isikhundla sokuhola ibandla!
 
35.Uma abantu bekuzonda bavele bekwakhele onke amalumbo, bezama ukukususa emsebenzini kaNkulunkulu!
 
36.Kusukela ingelosi ifikile ngo 2006 ngamtshela uBaba uThingo ngobukhona balengelosi, ngoba ngangingayiqondi inhloso yayo. Ngabatshela bonke abafundisi ababengiphethe ukuthi ekhaya ngifikelwa yingelosi.
 
37. kwathi sekungu 2010 ngamazisa nomfundisi owabe esengiphethe ngalengilosi efike ihlale nathi.
 
38.Nebandla lase Pinetown salitshela, ngoba lengelosi yayisiyenza umsebenzi omningi ngenkathi uBaba uThingo esebambekile!
 
39.Uthi ke uNkulunkulu uma ekuthuma ukuthi utshele omubi ukuduka kwakhe, bese wena ungakwenzi lokho, uyamjezisa lowo owonile, kodwa igazi lokona kwakhe alibuze kuwe!
 
40.Leyo indlela uNkulunkulu osebenza ngayo noma kubani omthumile, nami ingelosi yafike yangivulela lencwadi, yangeluleka ukuthi kumele ngazi ukuthi uma ngingasa kwenzi engiku thunyiwe, uNkulunkulu uzongibeka icala.
 
41.Mhla ka 26 March 2011 yafika futhi lengelosi eNqobizitha isizongi gcoba ubupristi. Yafunda incwadi ka Zakaria 3:1-6 lapho umprofethi uZakaria echaza ngesibonakaliso owaba naso ngompristi omkhulu, ogama lakhe nguJoshua, owayemi phambi kwengelosi embethe izingubo ezingcolile.
 
42.Lencwadi ithi: “Ingelosi yabe isithi kwaba bemi phambi kwayo: ‘Mkhumuleni uJoshua izingubo ezingcolileyo.” Yaqondisa kuyena, yathi: “Bheka ngidedisile kuwe ububi bakho, ngiyokwembathisa ezobukhosi.”
 
43.Yabe isithi mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathise izingubo ingelosi kaJehova isemi phambi kwakhe.
 
44.Ingelosi kaJehova yagomela yathi: “Usho kanje uJehova sebawoti uthi: “Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami.
 
45.Ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha!
 
46.Yaqhubeka yathi: “Ake uzwe Joshua, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, bhekani ngiyakuveza inceku yami uHlumela…..
 
47.Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshua kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa, ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo. Usho uJehova Sebawoti! Amein!”
 
48.Kwathi isifunde lencwadi ingelosi, yabe isithi kimi: “Kumele uqonde ukuthi lo Joshua umprofethi uZakaria owaba nesibonakaliso ngaye, kwakunguwena.
 
49.Usukhunyuliwe izingubo ezingcolile, wathethelelwa zonke iziphambeko zakho. Yabe isingigqokisa umjiva wompristi omkhulu, isingifaka isigqoko esimnyama ekhanda njengoba kubhaliwe eBhayibhelini.
 
50.Yaphinda yathi: “Leso sibonakaliso sikaZakaria namuhla siyafezeka ngawe. Yazi ukuthi konke okubhalwe kulencwadi sekuphezu kwakho! Amein!”
 
51.Lencwadi ingelosi ihlale ingikhumbuza ngayo ukuthi ngingulowo mpristi kaJehova uZakaria owaba nesi bonakaliso ngaye; ngakho ngingavumi ukusatshiswa ngabantu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu!
 
52.Kodwa ibandla lamaNazaretha lihlale lingithuka lithi ngifake izingubo nesigqoko sikaShembe, ngakho ke ngizenza uShembe!
 
53.Kodwa yonke imijiva efakwa nguShembe kanye nesigqoko, iyimijiva eBhayibhelini ebekelwe ukugqokwa ngabapristi abakhulu!
 
54.Angazi ke noma ukuze amaNazaretha abone ukuthi ngingumpristi kaJehova ngempela, bafuna ngigcotshwe yibo yini ubupristi?
 
55.Sesihlale nengelosi iminyaka engaphezu kweshumi nesihlanu. Ngaso sonke isikhathi isifundisa ngoNkulunkulu nombuso wezulu.
 
56.Njengoba ku-Eksodusi 23:20, uYahua abantwana bakwa-Israel wabathumela ingelosi, nakithi lokho usekwenzile!
 
57.Abantu abafuna ukukholwa kweqiniso, bengaba ngamaNazaretha, noma bakuyiphi inkonzo, ngiyanxusa ukuba bezolalela izwi loPhezukonke, ngoba akukho lapho okwamanje okunengelosi kaYahua evela ezulwini ukufundisa abantu ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu!
 
58.Mina ngakhulela ebandleni lamaNazaretha, ngaso sonke isikhathi ngangishumayela ngoShembe, kodwa kwafika yena uShembe kimi, wathi: “Ngiyabonga wonke umsebenzi owenzile ukumela uShembe nebandla lamaNazaretha.
 
59.Kodwa manje USUTHUNYWA UKUBA USHUMAYELE NGOYAHUAH, UFUNDISE ABANTU NGOKUGCINWA KOMTHETHO KAYAH!
 
60.USUYOFUNDISA ABANTU UKUTHI BONKE ABAPROFETHI, KUHLANGANISA NOSHEMBE, UMHLABA BAWUFUNDISA KANJANI NGOKUKHONZA UYAHUAH UNKUGCINA IMITHETHO YAKHE!
 
61.Kulesi sikhathi UYAH uthumele umprofethikazi uSister Celestial ukuba abuyisele bonke abantu endleleni kaNkuluinkulu.
 
62.Mina ngaso sonke isikhathi ngiyazilalela izintshumayelo neziprofetho zikaShembe noSister Celestial, ngoba ngiyazi ukuthi kulesi sikhathi yibona abayiLizwi loPhezukonke!
 
63.Njengamanje ukuzwa ukuthi uYah uthini ngalesi sizwe sanamuhla, uyokuthola kumprofethikazi uSister Celestial!
 
64.Njengoba sihlala nengelosi singama Nazaretha, sengiyazi ukuthi ngokwasezulwini awukho umehluko phakathi kobuNazaretha nobuKrestu, uma nje sonke silandela izimfundiso zikaMoshe ezavuswa nguShembe!
 
65.Sesihlale nengelosi kusukela ngo 2010 isifundisa ngokukholwa okwamukeleke ezulwini; ukukholwa okuzokubonisa umbuso wezulu kunye!
 
66.Kodwa uNkulunkulu uthuma isithunywa sakhe ukuba sigcizelele kuleso sono esidlangile kuleyo ndawo! Indlela ama-Americans amhlubuke ngayo uJehova ayifani nokwenza kwalapha eSouth Afrika.
 
67.UNkulunkulu usekusho kaningi ngo Sister Celestial ukuthi e-Afrika, ikakhulukazi eSouth Afrika, isono esikhulu sabo UKUTHWALA!
 
68.Abantu bathwalela ukuceba, uma bengabafundisi bathwalela ukuba namabandla amakhulu ukuze bacebe, babuye bazidumise kuthiwa bangunkulunkulu!
 
69.Ngumuntu obuswa ngumoya we Beast system kuphela ongazilinganisa noNkulunkulu, ukuthi umuntu ubuswa yinhloboni yomoya, umfunda kuyizenzo nasolimini lwakhe!
 
70.Uthi ke uSister Celestial, uthi uYah lomoya wokuthwala uyabusa kakhulu kubafundisi eSouth Afrika!
 
71.Indlela uSister Celestial ochaza ngayo imikhuba yabantu abathwalela ukuceba nodumo lwezimangaliso, iyethusa kakhulu!
 
72.Abanye babulala amalunga ebandla bewagqibe epulpit khona esontweni! Angazi-ke ukuthi umuntu obuswa ngumoya weBeast system ushunyayezwa kanjani!
 
73.Konke ukukholwa kuJehova kune sisekelo esisodwa, okungukuhamba ngezimiso zakhe njengoba zisesemithethweni elishumi.
 
74.Ngaphandle kokuhlale ufunda iBhayibheli, ngenke uze wazi ukuthi ukukholwa kuyini, futhi kumi kanjani!
 
75.Uma uthi ungumlandeli kaYAH, funda iTestamente Elidala, okuyilona eliphethe yonke imithetho kaYah nezimfundiso zabo bonke abaprofethi.
 
76.Namanje u Yah ngo Sister Celestial, uthi asibuyele kuyo yonke imithetho owayinika uMoshe, yafundiswa ngabaprofethi!
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *