Skip to content

UHAMBO LWETHUNA

Izaga 3:31-33: “Ungabi nomhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe, ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.

Isihlabelelo 115.
 
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina abengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
 
2.Abafile ngezwi lakho
Bayosinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
 
3.Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
 
4.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
 
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelozwe elizayo.
 
1.Izaga 3:31-33: “Ungabi nomhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe, ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.
 
2.Ezweni lakwaMthethwa kwake kwaba nesomiso esikhulu, kwaphela amanzi kwafa izinkomo kulo lonke izwe. Inkosi yakwaMthethwa, umhlane, wabe esecela onke amabandla endaweni ukuthi aye entabeni kocelwa imvula. Kodwa still alaze lana izulu.
 
3.Sekuthandazwe kwehlulekwa, umfundisi wenye imishini wathumela enkosini, wathi sebehlulekile, amanzi aphele khona emathangeni ezulu.
 
4.Inkosi uMhlane yayisithuma amadoda ukuthi akaye kuShembe uBabamkhulu, bafike basho ukuthi bavela enkosini uMhlane bazocela imvula.
 
5.Uthike uBabamkhulu: “Niwaphethe yini amajazi? Bathi cha asiwaphethe ngoba phela izulu kade lagcina ukuna.
 
6.Wabesethi: “Phuthumani nibuyele emuva ngoba uma ningaphuthumi kukhona imifula eningeke nisakwazi ukuyiwela.
 
7.Nangempela babuyela emuva. Bathi besuka nje lapho uBabamkhulu wayekhona, lahloma, lavele lashaya imvula enkulu kwagcwala imifula ngaso leso sikhathi bephuma nje kuBabamkhulu; endleleni bafica eminye imifula isigcwele ingasaweleki.
 
8.Kuthe uma kwenzeka lesi sigameko, yathi inkosi yakwaMthethwa: “Nanguke uNkulunkulu othume lendoda engimkhethayo.”
 
9.Emva kwalokho inkosi yakwaMthethwa yagula kakhulu, yabe isithi ayibizelwe uBabamkhulu, ifuna ukumbona ingakafi. Kwaphuma amadoda akwaMthethwa ayobiza uBabamkhulu owayeseMikhayideni, kwaMbonambi eRichards Bay.
 
10.Nempela uBabamkhulu wasuka ngezinyawo eMkhayideni waqonda kwaMthethwa enkosini uMhlane, wayifica isibambekile kakakhulu!
 
11.Uthe efika nje enkosini uShembe, yajabula kakhulu iNkosi, yabe isithi icela ukuba uBabamkhulu ayigone, ngoba sekufike isikhathi sokuba ihambe emhlabeni ingambonanga.
 
12.UBabamkhulu wayithatha inkosi ingasakwazi ukuhamba, kwathi lapho eseyigonile, umphefumulo wenkosi waphumela ezandleni zakhe.
 
13.Kodwa ngaphambi kokuba umphefumulo uphume, inkosi yabiza amadoda endawo, yabe isithi inikela ngezwe layo kuShembe. Ifuna izwe layo libuswe ngomthetho kaShembe. Lelizwe akuseyilo elakwaMthethwa, kodwa inkosi inikela ngalo kuShembe.
 
14.Kusukela ngaleso sikhathi izwe lakwaMthetho laziwa ngokuthi ngelikaShembe. Kulelizwe kwakungabaswa mlilo ngesabatha, kungalinywa ngesabatha, futhi ingafuwa ingulube ezweni lakwaMthethwa.
 
15.Angazi noma sekwashintshwa yini lokho, kodwa mina ngahamba khona kunjalo.
 
16.Inkosi yashiya imkhombile umfana owayezothatha ubukhosi emva kwayo, uJakobe. Lomntwana wenkosi wathathwa yinkosi iLanga engasekho uBabamkhulu, wayiswa ukohlala Ekuphakameni, efunde ekhona.
 
17.Lokho uBaba iLanga ekwenza ngenhloso yokuba lenkosi lelizwe iliphathe ngendlela yobuNazaretha.
 
18.Kwathi lomntwana wenkosi esefunda eKuphakameni, kodwa awaze waziphatha kahle. Waqala waphuza utshwala ekhona ebandleni, waqonywa ngamakhosazane ekhona ebandleni.
 
19.Waqonywa nangomakoti babantu, elala nabo khona enkonzweni, ekwenza lokhu emzini kaNkulunkulu engenandaba namuntu! Wakuthwala kakhulu ukuthi yena uyinkosi, akukho muntu ongamenza utho.
 
20.Wabekwa icala ngabefundisi, kodwa kwatholakala ukuthi umoya wokuhlubuka usuyambusa; wavele wakushaya indiva ukuthethiswa kwakhe, wathi nabo abafundisa bayaqonywa, yini oyenzayo bona abangayenzi!
 
21.Babona abafundisi ukuthi ayisengangabo, udaba baludlulisela kuBaba iLanga.
 
22.INkosi iLanga yambiza lomfana yabe isimthethisa ngalento oyenza indaweni kaNkulunkulu.
 
23.Njengoba lendaba yayixoxwa nguye uBaba iLanga, uthi ngathola ukuthi lomfana noma esenkonzweni, kodwa usehlubukile kakhulu.
 
24.Uthi ke uBaba iLanga kulomfana: “Uma umuntu ona engayithola intethelelo, kodwa uma uzokona endaweni kaNkulunkulu, intethelelo uzoyinikwa ngubani?
 
25.Lemikhuba yakho uboyenza ezweni lakini, hhayi lapha endaweni kaNkulunkulu!
 
26.Kodwa noma ungayenza ezweni lakini, iyohamba ihambe ihluphe wena, ngiyabona ucabanga ukuthi ngalemikhuba yakho uhlupha mina, kanti akunjalo, uzihlupha wena!”
 
27.Kwabonakala ukuthi lomfana umoya wokuhlubuka usumembethe, wangaba nandaba nokutshelwayo, waqhubeka lapho agcine khona!
 
28.Wangabe esayigcina mpela mpela inqubo yokukholwa, waqhubeka waqonywa ngamakhosazana nomakoti babantu.
 
29.Eseyinkosi, uJakobe wake wabhalela uBaba incwadi, wayifaka ngaphansi kwesicabha endlini kaBaba, wathi: “Wena uhambelani ngezicathulo la eKuphakameni?
 
30.Wameyisa uBaba iLanga, esebona ukuthi naye uyalingana naye ngoba useyinkosi.
 
31.Ngaleso sikhathi amakhosi amaningi ayengafundile, kodwa uJakobe efundile, cishe eno standard 9 noma eno efundiswe nguye uBaba iLanga..
 
32.Eseyinkosi waphuza kakhulu yize engumNazaretha. Uthi uBaba iLanga ngelinye ilanga wafika kuye eseMhlathuze edakiwe. UBaba iLanga wambuza wathi: “Hawu, uphuzile, udakiwe? Wangesaba ukuya kuBaba edakiwe!
 
33.UJakobe wayesethi ‘hhayi Baba bengomile.’ Wayesethi uBaba iLanga: “O, unabo utshwala bokuqeda ukoma kwenyama yakho, kodwa unawo yini amanzi okuqeda ukoma komphefumulo?” Wavele wazihlekela nje uJakobe!
 
34.Uthi ke uBaba uma ekhuluma ngalendaba: “Zonke izidakwa uma zidakiwe, noma ungazixwayisa ngani, zivele zihleke zisho noma yini, ngoba azizizwa ukuthi zithini, ngoba umuntu odakiwe uyefana nomuntu ohlanyayo, uhamba ehleka ubala nje!
 
35.Angazi ukuthi umuntu odakiwe uthandaza kanjani, uyawemukela yini uNkulunkulu umthandazo wesidakwa?
 
36.Uma uthandaza udakiwe uNkulunkulu uyakulalela yini, ngoba umuntu odakiwe uyafana nomuntu ohlanyanyo. Imuphi umthandazo ongalalelwa uNkulunkulu uwuthandaza udakiwe?”
 
37.Kulesi sikhathi lomfana wabe eseyinkosi. Esbuyele ezweni lakubo kwaMthethwa, kodwa waqhubeka nokuphuza kakhulu, lobutshwala baze bamgulisa.
 
38.Uthe esegula kakhulu, ngelinye ilanga wabiza abazali bakhe wathi:“Ngithatheni ningiyise kuBaba Ekuphakameni.”
 
39.Abazali bambuza ukuthi uyofunani kuBaba ngoba bemazi ukuthi akasayingeni eyokukholwa, usephila ngotshwala. Kodwa yena waqhubeka nokuthi ufuna ukuya kuBaba!
 
40.Kuthe sebemtholele imoto yokumusa kuBaba, yathi imoto iphuma esangweni bemuse kuBaba iLanga eKuphakameni, wavele waphuma umphefumulo.
 
41.Isihambile inkosi emhlabeni, umngcwabo wabamkhulu ngoba vele wayehola isizwe esikhulu, futhi efundile!
 
42.Uthike uBaba iLanga bathi uma sebefika bezombikela ngomngcwabo, wabuza ukuthi ubunjani umngcwabo walomfana, bathi “Hhayi Baba ubumuhle kakhulu, kukhona nezifundiswa, amakhosi nesizwe sonke.”
 
43.Uthi uBaba ngase ngiyathula, ngabona ukuthi laba bantu abangizwa ukuthi ngithini, bona bababaza ubukhulu bomncwabo wasemhlabeni.
 
44.Kodwa kwaphela mhlawumbe unyaka le nkosi yahamba emhlabeni; kuthe ngelinye ilanga unkosikazi wakhe esebenza elungisela iSabatha, wabona umuntu omude ongumuncwi, enqunu enodaka olulokhu lusuke ekhanda laze layofika ezinyaweni.
 
45.Wathi uma ebona lento lomakoti, wabaleka wayocasha endlini. Esecashile wase uyakhuluma lo muntu ongumuncwi, wathi: “imina umyeni wakho masibanibani, ungangibalekeli!’
 
46.Uthike unkosikazi: “Lelizwi ngelomyeni wami, kodwa umyeni wami samngcwaba emuhle embethe; sambatha ngebhokisi eliphambili, manje liphumaphi loluda olugcwele umzimba wakho, uluthathaphi loluda olulokhu lusukhe ekhanda lwaze kwayoshaya ezinyaweni?
 
47.Uthike umyeni wakhe: Nkosikazi, hamba ungiyele kuBaba iLanga uthi ngicela angithethelele, ngangingazi. Uthi umakoti: “Kanti wenzani le esikwenze waba nje?
 
48.Uthi ke umyeni: “Loludaka lwadalwa yimi, lokhu kuncola okugcwele umzimba wami wonke kwadalwa yimi. Hamba ungicelele intethelelo kuBaba, uthi ngangingazi, manje ngiyahlupheka kakhulu!
 
49.Uthi unkosikazi: “Kanti wenzani? Ithi inkosi: “ ngangingawuhloniphi umzimba wamakhosazana, ngingawuhloniphi umzimba womakoti babantu!”
 
50.UBaba wangitshela ukuthi lemikhuba ngingayenzi eKuphakameni, kodwa futhi noma ngingayenzaphi, iyohamba ihambe ihluphe mina. Manje angazi ukuthi loludaka ngizolwenze njani, ngoba luyanginukela kakhulu!
 
51.Nina nicabanga ukuthi nangingcwaba ngavuka ngaya ezulwini njengoba sihlale sifundiswa, kodwa mina ngisalokhu ngilapho ethuneni enangishiya khona.
 
52.Uma ngithi ngiyaphuma ethuneni wonke umhlaba umnyama, angiboni lutho. Angikuboni eKuphakameni, nezulu esethenjiswa lona angilazi, kumnyama emhlabeni!
 
53.Ngiyaye ngichwayize emnyameni ngihamba ngifuna amanzi, kodwa uma ngifika noma oThukela, ngithola umfula onamanzi amaningi, kodwa uma ngiwathinta, avele ashe ngaso leso sikhathi.
 
54.Ngihamba ngichwayisa ngize ngithole uMhlathuze umfula omkhulu kangaka, kodwa uma ngike ngathinta amanzi, avele eshe ngaso lso sikhathi.
 
55.Nasemfolozi ngiye ngifike khona ngihamba ngifuna amanzi, kodwa ngoke ngiwathinte amanzi, ashe ngaso leso sikhathi!
 
56.Ngiyahlupheka kakhulu, angigezi, angigqoki; izimvula ziphelela kimi, namakhaza aphelela kimi, nelanga liphelela kimi. Lokhu ngahamba emhlabeni, ngihlala ngedwa ethuneni, indlu yami lithuna!
 
57.Nginguhambi emhlabeni
Likhona ikhaya lami
Ngizongena ngenjabulo
Ngokuthandwa yiNkosi yami.
​​Chorus.
 
57.Ngiphe Nkosi amandla akho
Ngizodlula ethuneni.
 
58.Sisondele isikhathi
Ngizodlula elizweni
Nginovalo ngiyesaba
Ngiphe Baba ithemba.
 
59.Ngikhuluma indaba yobunzima bethuna kulabo okuyaye kuthi uma sibakhuza ukuthi izindlela zabo aziqonde, befcabange ukuthi siyazibhedela nje, alikho izulu, asikho isigodi sosizi.
 
60.Lomfana oyinkosi wafika emini kumakoti wakhe, yena wabaleka wazivalela endlini ebona lesi silwane esiphambi kwakhe, kanti ngumyeni wakhe, usesesigodini sosizi, lapho sonke sodlula khona.
 
62.Baningi elizobabamba ithuna! Amaqhalaqhaqhala lizobabamba ithuna!
 
63.Uthi lomntwana ‘lapho engikhona ngiyalamba angidli lutho, angiphuzi lutho, angigezi, noma lina ngiyanetha, ngiyagodola; uma libalele ilanga liyangisahisa! Kodwa wangitshela uBaba ukuthi lempilo yami ngelinye ilanga iyohlupha mina.
 
64.Ngangithi ngiyabusa ngiyinkosi, kanti ngiziqoqela usizi lodwa! Manje ethuneni akukho ukuba yinkosi, akukho ukuba wutho uma lapha emhlabeni ubungamkhonzi uJehova!
 
65.Lomakoti waya kuBaba, wafika wakhala isikhathi eside, engakwazi ukuchaza kuBaba into oyibonile!
 
66.Wathi uBaba iNyangayezulu ungafisi ukubona abantu abafile ukuthi bakuphi, bahleli kanjani; ngoba uyogcina ubone isihlobo sakho esisesihogweni, bese uhlupheke, ugule uze uyofa, ngoba iningi labo basesigodini sosizi!
 
67.Lendaba ngangiyizwa nguye uBaba iLanga, eshumayela. Nenkosi uNtemba wayaye ashumayele ngayo sisenkonzweni kwaMthetho.
 
68.Uthi umfowabo wagcina efika ekhaya ntambama nje ngo 4, efika evutha, bese uNtemba athathe amanzi abusisiwe amthele ngawo, bese uyabaleka.
 
69.Uma ungaziphathi kahle uselapha emhlabeni, usufile, uyothi uma uqhamuka, abantwana bakho babaleke, ngoba uyobe usungumoya omubi!
 
70.Wozani webadingi
Wozani webasweli
Eniswele leyo ngubo
Yokwembesa umphefumulo
Liyakufika lelo langa
Uzodinga umphefumulo.
 
71.Lento ngenkathi ngiyenza yayingijabulisa, kodwa manje isiwusizi,iyanginukela kakhulu; ngidikilwe nangamanzi, angikwazi ukugeza loludaka olugcwele emzimbeni wami.
 
72.Lokhu ngahamba emhlabeni ngihlala ethuneni, ithuna langehlula, angizange ngakwazi ukuphuma kulo, uma ngiphuma ethuneni kuvele kube mnyama umhlaba wonke.
 
73.Lento esasiyifundiswa ngomuzi waseKuphakameni ongcwele, kodwa mina angikaze ngiwubone, ngibona ubumnyama bodwa!
 
74.Njengoba ngifike kuwe, ngiyaqala ukubona lomuzi, ngoba kumnyama emhlabeni. Ngiyaye ngiphume ngihambe ngintwayiza, mhlawumbe ngize ngifice umfula omkhulu uThukela.
 
75.Uma ngithi ngiyagoba ngithi ngifuna ukuphuza noma ngigeze loludaka, umfula uThukela uvele wome ngaso lesosikhathi.
 
76.Kwesinye isikhathi ngize ngiwele uMhlathuze, kodwa ngothi ngiyagoba ngifuna ukuphuza, noma ngifuna ukugeza loludaka, umfula uvele wome ngaso leso sikhathi, ngidikilwe nangamanzi! “
 
77.Kukhona isikhathi lapho izono zethu zizokwenza ukuthi sidikiwe nangamanzi, ungaphuzi ndawo, ungagezi ndawo!
 
78.Omunye umuntu uyaye acabange ukuthi uma sikutshela ngendaba kaNkulunkulu siyazibhedela nje, kodwa kukhona isikhathi lapho ozobona khona ukuthi asidlali, ungasakwazi ukuphindela emumva njengalenkosi, ukuzobika usizi okulo!
 
79.Ishonjaloke inkosi, ithi noma ngithi ngiyaphuza, avele amanzi ashe ngaso leso sikhathi! Noma sengisemfuleni iMfolozi, ngithi ngiyagoba ngiyaphuza, ngithi ngiyageza, avele amanzi ashe ngaso leso sikhathi!
 
80.Ithike lenkosi, ngiyahlupheka kakhulu, ngihlala ngedwa ethuneni, akukho muntu engimbonayo, umhlaba wonke umnyama.
 
81.Kodwa uBaba wangitshela ukuthi njengoba nginakho utshwala bokuphuzisa inyama yami, kodwa nginawo yini amanzi okuphuzisa umphefumulo wami?
 
82.Njengoba nginayo ingubo yokwembesa inyama yami, kodwa nginayo yini ingubo yokwembesa umphefumulo wami?
 
83.Lendaba yayixoxwa yiyo iNkosi iLanga, nenkosi uNtemba wayehlale ekhuluma ngalendaba yomfowabo.
 
84.Uthike uMthethwa kwahamba kwahamba umfowabo wapoka emini, epoke nje ngo 4 ntambama, aqhamuke evutha, afike eme esangwenie evutha.
 
85.Uthi mhla efika emini evutha, ngangena endlini ngathatha ingubo emhlophe namanzi abusisiwe ngaqonda kuye ngafike ngamtheela ngawo, wabaleka.
 
86.Lendaba ngiyikhuluma ngoba inkosi uTemba yayingicelile ukuthi ngiwubhale lomlando wesizwe sakwaMthethwa, kodwa angaze ngasithola isikhathi sokwenza lokho.
 
87.Kodwa kufanele ukuthi abantu bakwaMthethwa bewazi lomlando, bazi nokuthi leliyazwe ngelikaShembe, inkosi yakwaMthethwa yaninkela ngalo kuShembe.
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *