Ukuba njengoJehova kusho ukuphila impilo yasezulwini, impilo ekwenyanyayo ukwenza into eyisono kuJehova!
Yini isono? Isono inoma isiphi isenzo esiphambana noma esiphikisa lokho okushiwo nguNkulunkulu.
Isihlabelelo 141.
1.Abangazazi lezi zindaba
Anibatshelanga ngani
Babethanda ukuzizwa lezi zindaba
Anibatshelanga ngani.
Chorus: Bayokhala ngani zihlobo zabo
Anibatshelanga ngani.
2.Musa ukuzisola kwabaningi
Akunyembezi zalutho
Baphunyukiwe ngumvuzo
Anibatshelanga ngani.
Chorus.
3.Sizizwile lezi zindaba
Bayosinda abaningi
Umvuzo wamukelwa
Ngabakhuluma lezi zindaba.
Chorus.
4.Baduduzwa ngumvuzo woxolo
Bamenywa ngabanye
Bamenyelwa kulowo mshado
Wendodana yesintu.
Chorus.
1.ULevi 20:26. “Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele. Nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.”
2.Lelivesi lingukhiye kuwo wonke umuntu onokukholwa kweqiniso. Ukuthi uze uthi uyakholwa ngempela kumele ube ngumuntu ofana noJehova!
3.Umuntu ufana kanjani noJehova? Ukufana noJehova akusho ukuthi iba nesimo sikaJehova, ngoba akakho umuntu onjalo, asimazi nokuthi unasimo sini uNkulunkulu!
4.Kodwa ukufana noJehova kusho ukuphila impilo ethandwa nguJehova, ukuba nempilo eyamukelekile kuJehova, eyenza uJehova aziqhenye ngendlela ophila ngayo!
5.Ukuba njengoJehova kusho ukuphila impilo yasezulwini, impilo ekwenyanyayo ukwenza into eyisono kuJehova!
6.Yini isono? Isono inoma isiphi isenzo esiphambana noma esiphikisa lokho okushiwo nguNkulunkulu.
7.Umuntu othanda isono ngumuntu othanda ukwenza lokho okuphikisa okufunwa nguNkulunkulu!
8.Thina asimazi uNkulunkulu, ngakho ke asazi ukuthi yini oyifunayo, yini ongayifuni.
9.Kodwa uJehova unezithunywa zakhe, ngazo esiyaye sazi ukuthi uJehova uyisimo esinjani, uthandani, yini ongayithandiyo.
10.Njengenzalo yesizwe sika-Israel ngoMoshe nabaprofethi abamlandelayo, siyazazi zonke izinto uNkulunkulu ozithandayo nongazithandiyo. Thina ke siyaye sizame ukulandela lokho okuthandwa nguNkulunkulu.
11.Kulesi sikhathi samanje baningi abantu abayaye bathi bangama kholwa, abanye bethi bangaba profethi; kodwa kuthina umprofethi ngumuntu owedlulisa umlayezo kaNkulunkulu ngalokho othi uJehova asikwenze, noma lokho othi asingakwenzi!
Intando kaNkulunkulu ilokho uMoshe nabamprofethi abamlandelayo othi uYahua uyajabula ukusibona sikwenza.
12.UShembe umprofethi wathi noma ngokucabanga kwethu singathi sehlukile ezilwaneni noma ezihlahleni, kodwa kuNkulunkulu siyefana.
13.Isilwane kanye nesihlahla siyakuzwa ubuhlungu njengawe; sicabanga futhi siyakuzwa ubuhlungu njengawe!
14.Njengabantwana bamaNazaretha, sifundiswe kabanzi ukuthi noma isiphi isilwane, noma into engaphefumuli, uyiphathe kahle, ngoba uma ungayiphathi kahle, iyakumangalela, bese uJehova uyakujezisa ngonya olwenze esilwaneni noma kwenye into.
15.Noma ziningi izibonelo ezifakaza lokhu engikuchazayo, kodwa ngifisa ukuchaza ngesigameko engasilandela ngaze ngathola ubuqiniso baso, nokuthi lesi sigameko sisifundisani ekukholweni kwethu.
16.Ngisemhlanganweni wesikhumbuzo sikaBaba mkhulu, kwafakaza ikhehla. Lentshumayelo yaleli khehla yangithatha, kodwa ngase ngifuna ukwazi kabanzi ngobuqiniso bayo.
17.Kwathi ngo 1985 ngisebenza enkantolo eMbumbulu, ngathatha imoto ngase ngiya emzini walelikhehla oseduze kwase ndaweni yase Sikhaleni.
18.Leli kwabe sekulikhehla eliphakathi kweminyaka eko 80 kuya ku 90, kodwa liqinile.
19.Lelikhehla lalibizwa ngalesi sigameko elase hlelayo, uMadliwayi ngwenya Ndunakazi.
20.Ngifika emzini walo, lelikhehla langithatha laya nami echibini iCubhu lapho lesi sigameko esenzeka khona; lafike lahlala phansi nami eduze kwalapho ingwenya yalibamba khona.
21.Uma engixoxela uthi uMandliwa yingwenya: “KwakuliSabatha ekuseni ngo 9, kungena inkonzo yesabatha, abazali bethu sebesenkonzweni.
22.Sathatha izinkomo sayobhukuda ngazo kuleli chibi; izinkomo sazifaka emanzini sase sibamba imisila yazo, ngoba Kwaku shona.
23.Zathi ziyangena izinkomo, seziphakathi, zavele zajika ngokushesha zibaleka, kanti zibona ingwenya iza kuzo.
24.Lenkomo engangibambelele eshobobeni layo, ngoba yayisinayi, yazilandela lezi ezinye izinkomo, mina ngeza emva kwayo ngibambe eshobeni layo. Yathi uma ifika kuyo, ingwenya yafike yabamba mina.
25.Abanye abafana bakhala bebona ingwenya ingibamba, bagijima baya ethempelini lapho okwakukhona khona abazali bethu. Bafike enkonzweni balubika udaba bekhala!
26.Lapha enkonzweni kwakunenkosi uMagemegeme Dube. Inkosi yathi akuqhutshekwe nenkonzo ize ivalwe Yabe isiphuma enkonzweni inkosi isisiya endlini yayo eseduze nomuzi iGibisila, yafike yaguqa, yabe isimemeza kakhulu, yathi:
27.“Shembe, wathi kugcwele isizwe lomuzi uwakha eduze komfula ukuvimba izingwenya eseziqede abantu kulendawo, kodwa namuhla ingwenya isibambe umntwana wom Nazaretha, kuyisabatha. Ngizothini mina esizweni sami?”
28.Uthi ke uMadliwayingwenya: “Ingwenya yangibamba ngezinzipho zayo emahlombe.” Wabe esekhumula iyembe engibonisa amanxeba lapho yayimbambe khona.
29.Wabe esethi: “Yahamba nami ichibi lonke, yagcina isingena ngaphansi kwamazi. Kodwa ngakwazi ukuphefumulo noma sengingaphansi kwamazi.”
30.Lelichibi likhulu kakhulu, mhlawumbe amakilomitha ambalwa ukude nobubanzi ngoba ugcina ungasaboni kahle ukuthi lisukaphi ligcinephi.
31.Uthi-ke: “Ngathi sengingaphansi kwamanzi, ngezwa iphunga elimnandi, ngezwa ukuthi liphunga laseKuphakameni leli.
32.Khona lapho ngaphansi kwamanzi, ngabona umuzi waseGibisile, lo oseduze kwechibi.
33.Kodwa ngawubona usuvela ngaphansi echibini. Khona khona kulomuzi ngabona sekuvela uBabamkhulu, waqonda kulengwenya eyayilokhu ingibambile. Wafike wakhuluma nayo ngolimi engangingaluzwa.
34.Wathi esekhulumile nayo, yabe isibuyela nami lapho ekade ihamba khona. Yamba nami izungeza ichibi lonke, kulokhu kusukela ngesikhathi sika 9 ekuseni, sekuyoshona ilanga.
35.Yabuye yashona futhi phansi. Ngesikhathi isishona phansi, waqhamuka futhi uBabamkhulu ngaphansi kwamanzi, wavela esethukuthele kakhulu amehlo esebomvu, wafika wayikhomba ekhuluma nayo ngolaka, kodwa yona ithule imlalele.
36.Eqeda ukukhuluma nayo, Yasuka yayibuyela ngaphezu kwamanzi isalokhu ingibambile, igibele phezu kwami! Yasuka yaqonda lapho okwakukhona khona abantu.
37.Ngaqala ukubabona abantu abaningi begcwele ngaphandle kwechibi, abanye bekhala. Ingwenya yavele yaqonda ngqo esixukwini sabantu, bayibona, bekhala, babona nokuthi isalokhu ingibambile, iza nami kubo.
38.Ngaleso sikhathi kwase kuyoshona ilanga. Yafike yama eduze kwabo, kodwa bangakwazi ukufika lapho imi khona, ngoba kwakushona.
39.Yathi isuka yayiya lapho kungashoni khona, yafike yangijikijele ngaphandle, yabe isibaleka ingena echibini.
40.Bagijima beza kimi, bangithola ngisaphila, ngaphandle kwamanxeba ayese mhlane.
41.Ngabe sengithathwa ngisiwa ekhaya, ngoba ngaleso sikhathi izibhedlela zazingakabi bikho.
42.Ngakusasa izinkumbi zabantu zazifika zizongibona, zizobona lesi simanga somfana ohlale ngaphansi kwamanzi nengwenya kusukela ekuseni kwaze kwaba ngo 4 kuya ku5 ntambama, ephila!
43.Ngenkathi ngilele endlini ngangiphethwe ngamanxeba engwenya asemahlombe ami, kodwa kuqhamuke abantu abangangezimpukane emkhathini khona endlini, bafike bahlale emanxebeni ami, bese ayaphola ngaso leso sikhathi.
44.Kodwa uma kungena abantu bebanga umsindo, laba bantu abangangezi mpukane basuke kwakundiza emanxebeni, bese ngizwa ubuhlungu bamanxeba.
45.Ngaze ngacela ukuthi uma abantu bengena endlini bengawubangi umsindo ukuze laba bantu basezulwini abahlala ezilondeni bengathikamezeki bese besuka kimi ngoba ubuhlungu bamanxeba buyanqamuka uma behleli emanxebeni!
46.Akuphelanga isonto, ngazibona sengipholile, ngipholiswa yilaba bantu abangange zimpukane. Emva kwalesi sigameko sokusinda kwami, ngabe sengiyiswa kuBabamkhulu.
47.Wafike wathi uBabamkhulu angenke ngisheshe ngife, ngizohlala emhlabeni ngishumayela ngalesi simanga sokusinda kwami, ngoze ngizolandwa nguye ngesikhathi sakhe; nguye oyofike ezongilanda!
48.Uthi ke uMadliwayingwenya: “UBabamkhulu wayefike wacela indawo yokwakha umuzi wakhe eduze kwechibi iCubhu, yenqaba inkosi uMagemegeme Dube, yathi uBabamkhulu akakwazi ukwakha eduze kwalelichibi ngoba izinggwenya sezibaqedile abantu kulendawo.
49.Wathi uBabamkhulu ‘ngokwakha kwami lomuzi ngizovika zona izingwenya; akakho umuntu oyobuye adliwe yingwenya kuleli lizwe.’
50.Lokho uBabamkhulu wakusho phambi kwesizwe sakwaDube nesingakholiwe. Manje kwase kuba yisimanga uma ingwenya isiqala ngokubamba ingane yom Nazaretha kuyisabatha!”
51.Uyaqhubeka uMadliwayingwenya uthi: “UBabamkhulu wakhisa inkosi uMagemegeme indlu emzini wayo, wabe esethi:
52.“Lendlu iyisiguqo sakho, noma yini embi eyenzeka ezweni lakho, uyothi uma ungena kulendlu uthandaza ungimemeza, ngiyokuzwa nomaphi lapho ngikhona, bese ngiza ngikusindise!
53.Yikho ke okwenza ukuthi uma kufika lesi sigameko sokubanjwa komfana yingwenya, inkosi uMagemegeme iqhubeke nenkonzo, emva kwalokho bese iya kuleli qhugwane ifike kulo ibize uShembe uBabamkhulu!
54.Kuthiwa uBabamkhulu wayesenkonzweni eNhlangakazi, waphenduka khona enkonzweni wathi:“Nansi inkosi yakwaDube ingimemeza, kukhona okubi osekwenzekile esizweni sakwaDube!”
55.Ameni, amein, amein
Amein, amein, amein.
Inhlaba umuthi wasendle
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Ezinhliziweni zabaningi.
56.Amein, amein, amein
Amein, amein amein.
Iboza imuthi wezintaba
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Ezinhliziweni zabaningi.
57.Amein amein, amein
Amein, amein amein.
Bawushiya sewuvele
Lowo muzi okhazimulayo
Bahlelela emuva
Uyifa lamaqhawe
Amein, amein, amein
Hlomani wemaqhawe
Izithelo zokholo
Bekezelani noma kunjalo
Kungenwa kanzima.
Amein amein, amein
Amein, amen amein.
Nesango lakhona lincane
Alingenwa nemithwalo
Shiya phansi leyo mithwalo
Alingenwa nemithwalo.
58.Lapha sikhuluma ngendaba yomuntu owembethwe nguMoya kaNkulunkulu njengoShembe uBabamkhulu, ukuthi akukho okuyaye kuhlule Yena!
59.Nokuthi uma uNkulunkulu ekuthuma emhlabeni kubantu bakhe, ukunika wonke amandla, njengoba washo u-Elisha ku-Eliya, wathi ‘ngicela ukuba uMoya wakho uphindwe kabili kimi!
59.NoMoya kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi wawuhlala kuShembe, njengoba namanje uMoya kaShembe uhlala kulabo uNkulunkulu abamkhonza ngeqiniso!
60.AmaNazaretha, ikakhulu la akwaShembe, ayakuthanda ukukhuluma ngezimangaliso zikaShembe, bese bethi lezi zimangaliso zichaza ukuthi uShembe nguNkulunkulu.
61.Kodwa uma sekuza kuyizimfundiso zikaShembe ngokugcina umthetho kaNkulunkulu, konke lokho bavele abaningi bekulahle le’, uma kuthi ababe yizangoma, babe yizangoma, uma kuthi abahlabele amadlozi, baphuze utshwala, benze lokho okuthi abakwenza, ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba balenze inhlekisa emhlabeni!
62.Sengathi sonke njengoba singamaNazaretha kaNkulunkulu, singaba yiwo nangezenzo, sibe ngabantwana bangaNkulunkulu, sesabe ukwenza isono, sibe ngabantwana abamesabayo uNkulunkulu!
63.Njengoba esho uBabamkhulu, asilwele ukuba sibe ngabakhethiwe, singavumi ukuya kwabalahliwe noma sesiwubonile umuzi okhazimulayo!
64.Usho njalo uShembe, uthi ukukhethwa nguNkulunkulu yifa lamaqhawe ezulu. Abangakhethiwe umuzi ongcwele bawushiya sewuvele, bevele behlele emuva!
65.Uthi uBaba iLanga izinja zaya kuNkulunkulu zokhononda ngokuthi zona azivunyelwa ngani ukuthi zingene ezulwini?
66.Wathi uNkulunkulu kungenxa yokuthi izinja azidalelwe ukuthi zingene ezulwini. Zathi izinja nazo ziyafuna ukungena ezulwini.
67.UNkulunkulu wasezivumela ukuba nazo zingene ezulwini. Ngosuku oluthile kwaba usuku lwazo lokungena ezulwini.
68.Kwathi uma kushaya isikhathi, amasango ezulu avulwa kakakhulu, zonke zaphangelana ukongena ezulwini.
69.Kodwa kwathi ezinye sezingene, kwaqhamuka inyamazane, ezinye zakhohlwa yindaba yezulu zaxosha inyamazane eyayinqamula phambi kwazo.
70.Kwathi nelezo ebesezingene, zajika phakathi ezulwini, zaphuma zaxosha inyamazane.
71.Ekugcineni zonke izinja zazithola sezikhohliwe yindaba yezulu, sezibanga inyamazane. Uthi uNkulunkulu: “Benginitshelile ukuthi nina anidalelwanga ukungena ezulwini!”
72.Uthi ke uShembe, abanye abantu noma ungabashumayeza kanjani ngendaba yombuso wezulu, abayingeni leyo, bakhetha le eya ekulahlwweni; bahlehlele emuva ngoba lomuzi uyifa lamaqhaqwe!
73.Akukho ntshumayelo ongayinika umuntu ongakufuni ukukholwa, bese ekholwa. Ukungayemukeli indlela yokukholwa kubantu abaningi yinto ongenke uyenze lutho, ngoba ukuhlubuka uNkulunkulu isimo sabo sasemandulo. UYeshua uthi:
74.“Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani lapho ethi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami, kodwa bengikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.”
75.Bonke abantu bayasho ngomlomo ukuthi bayamkhonza uJehova, bashumayele ngaye ezinkonzweni bembabaza amandla akhe, uthando lwakho nomusa wakhe.
76.Behlabelela nangaye, kodwa uma sekuza ekugcineni imithetho yakhe, bahlehlele emuva!
77.Kanjalo nama Nazaretha ungawezwa ethi uShembe uNkulunkulu, bemdumisa ngayo yonke indlela, kodwa uma sekufanele balandele izimfundiso zakhe, abayingeni indaba yakhe.
78.Bamkhonza nje ngomlomo. Kodwa uYeshua kuJohane 14:15 uthi: “Uma ningithanda niyakugcina imiyalo yami.”
79.Sonke asibonise ukumthanda uNkulunkulu ngokugcina imiyalo yakhe!
INkosi ibusise izwi layo.