Ukuhamba kwalapha eKuphakameni ukuhamba ngenqubo noma ngomthetho kaNkulunkulu. Yonke into yakhona ihamba ngomthetho kaJehova!
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalo mhlaba
Lalingakabi bikho lona.
USHEMBE WAFUNDISANI NGOBUNAZARETHA.
1.Umthandazo wesabatha 3-4. “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMose ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
2.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayiku yamukela imithandazo yenu. Akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.” Amein!
3.Ibandla lamaNazaretha njengokusungulwa kwalo nguMqaliwendlela (umprofethi u-Isaya Shembe: ukuthula kube kuye), linesisekelo salo esiqondile.
4.Isisekelo sobu Nazaretha UKUKHOLWA NGOKUGCINA UMTHETHO KAJEHOVA OWAWULETHA KITHI NGOMOSE. Kafuphi ubuNazaretha bakhelwe phezu kwenqubo yokukholwa okusezincwadini ezinhlanu zokuqala kuyiTestamente Elidala, ezibizwa ngokuthi iTorah!
5.Lezi zincwadi nguGenesisis, u-Eksodusi, uLevi, uNumeri no Dutoronomi. Kafuphi zonke izincwadi zikaMoshe ziyisi sekelo sobu Nazaretha.
6.Ku Dutoronomi 10:12-13 uJehova uNkulunkulu wethu uthi: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, ngaphandle kokuba umesabe uJehova, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze ngayo yonke inhliziyo, nangawo wonke umphefumulo wakho; ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe na?”
7.Ukuze uthi ungum Nazaretha kufanele ube ngumuntu ohamba NGOKWEZIMISO ZIKAJEHOVA OWAZILETHA KITHI NGOMOSE.
8.Uma uthi ungum Nazaretha, kodwa ungawugcini umthetho kaJehova okuyiTorah, awusiye um Nazaretha!
9.Ngaleyo Ndlela ke kubalulekile ukuthi njengebandla elinikwe ukuqondisa umthetho kaJehova, sifundise kabanzi ngenqubo yokukholwa kwebandla likaJehova uNkulunkulu wethu elifike kulesi sikhathi samanje lavuselelwa nguBabamkhulu!
10.Ngikholwa ukuthi kulesi sikhathi sanamuhla alikho ibandla engilaziyo elinenqubo yokukholwa efana nobuNazaretha njengoba kwalethwa kithi ngumprofethi u-Isaya Shembe.
11.Kodwa sesikushilo lokho, abantu abafisa ukuba ngama Nazaretha kumele baqonde ukuthi noma sonke ngegama sisakhuluma ngama Nazaretha, kodwa sekunebandla elingamaNazaretha ngegama nje, kodwa elingasaqhubi ngokwe nqubo yobuNazaretha.
12.Kusukela kuBabamkhulu ubuNazaretha kwakuyinkolo eyodwa eyayiholwa ngumholi oyedwa kwaze kwaba nguShembe wesibili, iNkosi iLanga.
13.Emva kweNkosi iLanga, lelibandla lehlukana kabili, kwaba libandla laseBuhleni elaliholwa ngumfowabo weNkosi iLanga, iNyangayezulu, nebandla laseKuphakameni elaliholwa yindodana yeNkosi iLanga, njengamanje eliholwa ngumzukulu walo iLanga.
14.Ekuhambeni kweNyangayezulu, ibandla laseBuhleni laholwa yindodana yalo, uTHingo, kwathi emva kwayo lase liholwa ngumzukulu wayo iNyangayezulu.
15.Inqubo yokukholwa kwalama bandla, esingathi amabandla akwaShembe, ngoba aholwa yinzalo yakwaShembe, ayisafani nale eyayiholwa ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
16.Ubufakazi bokuthi umprofethi imfundiso-nkolo yakhe yayihamba kanjani kucaciswe kahle encwadini ebizwa ngokuthi yizihlabelelo zamaNazaretha.
17.UShembe waye fundisa ngoNkulunkulu oyedwa, ogama lakhe nguJehova, kanti lamabandla iningi lawo selifundisa ukuthi uNkulunkulu nguye uShembe!
19.Yilowo umehluko omkhulu Phakathi kwamabandla akwaShembe neNCG, ngoba imfundiso yokukholwa okukhipha uJehova nemithetho yakhe esayinikwa nguMose, iphambene nobuNazaretha.
20.Ngo 2010 kithi kwafika ingelosi, yathi ithunywe iNkosi iLanga, uthi asiphume kulama bandla akwaShembe, bese simakhela ibandla kulo esizofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, sisusela eBhayibhelini nasezi hlabelelweni zama Nazaretha.
21.Ilowo umehluko omkhulu nocacile phakathi kwamabandla esibongo sakwaShembe angaphansi kweNazareth Baptist Church neBandla lama Nazaretha kaNkulunkulu elibizwa nge Nazarites Church of God (NCG).
22.INazareth Baptist Church, libandla kulo okunamabandla onke esibongo sakwaShembe.
23.INazareth Baptist Church kumaKrestu ifana neRoman Catholic Church. INazarites Church of God kumaKrestu ifana neLutheran Church.
24.ILutheran Church neCatholic Church ngamabandla ehlukene, kodwa alandela inkolo eyodwa enomholi oyedwa, uJesu Krestu.
25.INazareth Baptist Church ne Nazarites Church of God ngamaBandla ehlukene, kodwa alandela inkolo eyodwa, ubuNazaretha, ngabaphansi komholi oyedwa, umprofethi u-Isaya Shembe.
26.INazarites Church of God yaphuma kuNazareth Baptist Church, kodwa omabili lamabandla ahlangana kumprofethi oyedwa, u-Isaya Shembe ongumsunguli wenkolo yobuNazaretha.
27.Ngokomlando asikho isikhathi lapho umprofethi u-Isaya Shembe owake wasungula khona ibandla lamaNazaretha njengenkolo noma njengebandla.
28.UShembe wayehamba ephilisa abantu ngezindlela eziningi, abuye ashumayele izwi leNkosi, kuthi abantu asebephendukile bese ebahambisa emabandleni aseduze, okwakuzimishini.
29.Izimishini zabe sezibenqaba abantu abaphendulwe nguShembe, bethi uShembe unomhungulo ohungula abantu ngawo.
30.Abalandeli bakaShembe babe sebelandela yena nomaphi lapho ekhona, belala naye ezintabeni. Laba balandeli bakhe uShembe wabe esebabiza ngokuthi ngama Nazaretha, kwagcina sekunebandla lamaNazaretha.
31.Isihlabelelo sokuqala sisikhumbuza izinhlupheko zokuqala uShembe esungula lelibandla. Lesi sihlabelelo sithi: “Nkosi sikelela uBaba, noma ezula ezintabeni, engenayo indawo yakhe, elala emahlathini. Nkosi sikelela uBaba, wena uyisihlangu sakhe noma ezula ezintabeni elala emahlathini.
32.Wena uyisihlangu sakhe noma ezula ezintabeni engenayo indawo yakhe elala emahlathini. Ngomthandazo wezingane uJehova wasilalela sizula ezintabeni silala emahlathini.
33.Zijabhile namuhla izitha zethu, ezazihlakisa ngathi sisazula ezintabeni silala emahlathini. Nanamuhla Nkosi makube njalo, mazijabh’zitha zethu ezazihlekisa ngathi sisalala emahlathini.
34.Nanamuhla Nkosi kusenguwe owawuchitha izitha zethu, sisazula ezintabeni silala emahlathini.”
35.Lonke lelihubo likhuluma ngendaba kaShembe eqala ukusungula ibandla lamaNazaretha, ehlupheka ehamba elala ezintabeni nabalandeli bakhe!
36.Bonke abalandeli bakhe wababiza ngokuthi AMANAZARETHA, ehamba elala evuka nabo, kuthiwa uwuhlanya, noma izimishini zazithi uheha abantu ngoBhulazabuli inkosi yamadimoni, besho ngendlela owayephilisa ngayo abantu!
37.Laqaleka kanjalo ke IBANDLA LAMANAZARETHA. Kodwa igama elithi umNazaretha, ngesingisi okuthiwa ‘Nazarite’ lisuselwa egameni lesiHebheru ‘Nazir’ okusho umuntu impilo yakhe yonke uyinikele kuJehova.(One whose whole life is dedicated to God).
38.Ngokwazi kwami kuyi-Afrika yonke akekho umprofethi owathi uma esungula ibandla waba nesisekelo esibhalwe phansi ukuthi sokhonza uJehova ngokugcina imithetho yakhe owayiletha kithi ngoMose!
39.Kodwa yize uShembe wakubhala phansi lokho, wabuye wakufundisa njengesisekelo salelibandla ukuthi lelibandla isisekelo salo UKUKHONZA UJEHOVA, abantu abaningi bayakugwema lokho, bese bethi le inkolo yamasiko!
40.Kodwa okuseqinisweni, le iyona nkolo ewachithayo amasiko amaningi aphambana nomthetho kaNkulunkulu! Ababhali abaningi bayaye bethi le inkolo yemithetho, LEGALISTIC FAITH!
41.Uma uqala ukholwa kulelibandla, uyaye uphakamise isandla, bese uthi “Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni!” INkosi yaseKuphakameni nguJehova, njengoba kuchaza kusihlabelelo 10:2!
42.Sisaphoqwe uhulumeni wabamhlophe ukuthi konke ukukholwa kwethu kuhambisane nobuKrestu, njengoba sasingaphansi kobuKrestu, sasibhabhadisa egameni likaYise, neleNdodana nelikaMoya ongcwele.
43.Kodwa sesikhululekile, ingelosi yafike yasenqabela ukubhajadiswa emagameni amathathu, yathi enkolweni kaMose, le esingaphansi kwayo, ayikho into engamagama amathathu, kodwa uMoshe wafundisa ngoJehova kuphela oyiNkosi yethu.
44.Ngaleyo Ndlela, thina maNazaretha kaNkulunkulu sibhajadiswa EGAMENI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WETHU, UMDALI WEZULU NOMHLABA.
45.Uma usukhethe iNkosi usulilunga lebandla ngisho ungakabhajadiswa! Lokho kusho ukuthi usungazenza zonke izinto ezenziwa lilunga lebandla!
46.Ukuhamba kwalapha eKuphakameni ukuhamba ngenqubo noma ngomthetho kaNkulunkulu. Yonke into yakhona ihamba ngomthetho kaJehova!
47.Sonke uma singena enkonzweni umuntu uyaguqa, bese ethi “Nkosi, ngena nami kulendawo yakho eyingcwele.” Bese uhlala phansi uthoba.
48.Awubangwa umsindo uma ususenkonzweni. UmNazaretha akavunyelwe ukuba nomoya ebandleni lanaNazaretha.
49.Kuvesi 31 womthandazo wokulala uShembe uthi: “Ekukhulekeni kwakho uyendlale kahle inhliziyo yakho; ungakhuleki nje ngomlomo ungazi ukuthi uthini, futhi ungazi ukuthi ukhuluma nobani. Khuleka ngokwesaba uNkulunkulu wakho.”
50.Umuntu onomoya isikhathi esiningi uma esevukwe ngumoya akakwazi ukuzilawula, yikho noma ethandaza ethatha isikhathi eside, kanti kuleli bandla awukwazi ukuqhubeka nokuthandaza sekuthule abantu, futhi awuqhubeki nokuthandaza ongaphezu kwakho ngesikhundla senkonzo esethule.
51.Awuthandazi ukhala. Uma uthi uthandaza bese uyakhala, uyeke ukuthandaza, ngoba uNkulunkulu akathelwa ngezinyembezi.
52.Enkonzweni kwembathwa ingubo yesonto, ebizwa ngokuthi ngumnazaretha. Umnazaretha uyingubo engcwele nokumele iphathwe ngenhlonipho.
53.Umnazaretha ugqokwa enkonzweni kuphela. Uma ungasekho enkonzweni uyawukhumula. Awubekwa ngaphansi kwenye into; uwubeka ngaphezulu, kube liBhayibheli bese kugcina isihlabelelo.
54.Uma uya ngasese uyawukhumula; awuzikhululi ufake ingubo emhlophe. Kuliphutha ukufaka ingubo emhlophe ezinkantolo nasezitaladini.
55.Ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu ingelosi yasenqabela ukuthi sihambe sihlobe ngamafodo. Noma iliphi ifodo kumele lifakwe engutsheni yesonto kuphela.
56.Njengengubo yokusonta umnazaretha, imvunulo ifakwa uma usemgidini kuphela.
57.Yathi ingelosi uma ubonakala uthatha imvunulo, noma lihawu, kumbe noma iyiphi ingubo yomgidi, ezulwini kuyaye kukhishwe ingelosi ukuba ihambe nawe ngoba kwaziwa ukuthi ngemvunule uyodumisa uNkulunkulu.
58.Uma ngemvunulo usubonakala wenza enye into engaseyikho ukudumisa uJehova, ingelosi ibhala icala! Kulicala elibi ukusebenzisa imvunulo emcimbini ongasiwo umkhosi kaJehova.
59.Awukwazi ukufaka imvunulo emicimbini yasemhlabeni, noma lokho kwenziwa nguwe, noma ngomunye umuntu.
60.Inhlonipho yinto ehamba phambili ebandleni lamaNazaretha. Uma ingelosi ikhuluma nomuntu iyamguqela, kungakhathaleki ukuthi ungubani, ungakanani. Nenkosazana uma ikhuluma nomuntu, kakhulukazi omdala, iyaguqa.
61.Ukukhuluma kwenkosazane iguqile lusiko lwama Nazaretha, ungakhulumi nomuntu omdala umile, ungakhulumi nomyeni wakho umile!
62.Umgidi uyinkonzo engcwele, ngakho ke njalo uma nisemgidini kumele nazi ukuthi nisenkonzweni. Azisinwa izitayela emgidini, lokho kusho ukuthi umgidi kumele ube sesimweni sokusinwa yinoma ngubani ongumNazaretha.
63.Wonke umuntu ongumnazaretha kumele asine emgidini, ngoba awusineli yena umuntu, kodwa usinela uNkulunkulu.
64.Ezulwini uhlatshangezwa ngomgidi, nawe uza ngokusina. Umuntu nomuntu ongumNazaretha kumele abe nehubo lakhe oyongena ngalo ezulwini esehlangabezwe ngabangcwele! Zonke izindlamafa zingena ngokusina ezulwini!
65.Ngohlabelela ngentokozo
Emzini oyingcwele
Bajabule abahlangabezi bami
Ngokungena kwami.
Chorus: Ngiyahamba weGuqabadele
Ngaloluhambo lwakho
Yelula isandla sakho
Ulubusise uhambo lwami.
66.Ngomsinela obongenkayo
Ngingesenamahloni
Phakama Masango
Phakamani singene.
67.Leli kwakulihubo likamama owahlangabezwa ngalo ezulwini. Mhla ka 1 July 1981 ekuseni kwafika izithunywa zasezulwini, amakhosikazi ka 14 evunule, athi akageze agqoke, ngoba emini zizobuya zizomlanda, ngoba uBabamkhulu uthi izithunywa kuthiwa azizomlanda uLandiwe!
68.Thina siyathandwa ezulwini, ngoba uNkulunkulu usibonise izinto ezingabonwa ngumuntu wakulomhlaba!
69.Abantu abayazi ingelosi, iningi abakholwa nokuthi ikhona, yize bekholwa ubukhona bezidalwa zakubo. Kodwa kithi ingelosi ihlala nathi, siyayibona ingelosi ihlabelela, isina phambi kwethu!
70.Lezi zithunywa zasezulwini ezazifika kuBabamkhulu, namuhla ingelosi ifikisa amahubo kithi, isine nathi! Lapho ingelosi isina noma ihlabelela, ivunyelwa ngabasemoyeni singalele, kukhale izigubhu zasezulwini sisemhlabeni!
71.Bantwana baseKuphakameni, ayikho into ekhulula emoyeni njengohlala noNkulunkulu uselapha emhlabeni, ngoba uhlale uhalela izulu, into abantu abayesaba kakhulu!
72.Emgidini kufanele ngaso sonke isikhathi kuhlonishwe umphathi womgidi. Uma usina kumele uhlale usina ngomNazaretha.
73.Ngisho kusemshadweni, kumele kusinwe ngomNazaretha; asiqhudelani ngokusina ngisho kungumshado!
74.Akuvumelekile ukuba uthi uma usina ugoqe umnazaretha. Abanye abafana basina ngegoqe umnazaretha, kanti babonwa yiNkosi iLanga, yabaxosha emgidini, yathi abawukhumule umNazaretha ngoba kusobala ukuthi abawufuni.
75.Kanjalo, emgidini awusini ngehawu elikhulu njengelaso dwendweni, sina ngehawu logidi. uBaba iLanga wamxosha emgidini umuntu owayesina ngehawu lwasodwendweni.
76.Umnazaretha akanazo izibongo zokugiya, futhi akagiyi, ikakhulukazi awukwazi ukugiya ngehawu lomgidi. Uma ufuna ukugiya, sina isigekle; ungasisina isigekle uwedwa!
77.Ngaso sonke isikhathi kuleli bandla kumele kubuse ukuthula nenhlonipho.
78.Awubangwa umsindido emhlanganweni, noma nibizana niyahleba, ngoba emhlanganweni kusuke kunezingelosi.
79.Aluvumelekile uhleko emhlanganweni, futhi ningathethisani emhlanganweni, ningalokothi ningaxabani emhlanganweni.
INKosi ibusise enikuzwile.