Uthi uBaba iLanga: “ZONKE IZINTO ZIYOKWEDLULA, KODWA AYIKHO INTO EZOBANHLE NJENGOBU NAZARETHA EMHLABENI.”
Lapha uShembe wayeqondise kumaNazaretha ahamba ngomthetho kaJehova njengoba wawehlisela kithi ngoMoshe!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi:IBhayibheli loMoya ongcwele.
2.Ngelinye ilanga ingelosi iseluleka ithi: Abamnyama besaphila abayenzi iWill echaza ukuthi emva kokufa kwabo bafuna ifa labo lihambe kanjani.
3.Nawe kubalulekile ukuthi ube nomlando kanye neWill yaleli bandla ngoba ungasekho akakho omunye oyokwenza kangcono lokho.”
4.Namuhla-ke ngizochaza ngomlando nesimo salelibandla okwathiwa angilihole, okungama Nazaretha kaNkulunkulu.
5.Ngo 2005 ngisebenza oLundi ngacelwa nguMthandazi uMthethwa osengumvangeli eBuhleni, ukuthi ngifike kuye ngoba unomyalezo ngami.
6.Sengisemzini wakhe, wabe esethi kufike iNkosi iLanga kuye, yathi akangitshele ngiziphathe kahle ngoba ngingumholi webandla lamaNazaretha.
7.Ngathi uma ngibuza ukuthi kusho kuthini lokho, wathi naye akazi, kodwa wedlulisa umyalezo!
8.Loludaba ngalubikela umnewethu umfundisi uMpanza, yena wangeluleka ukuthi lokhu kukhuluma singakuvezi kumuntu ngoba asazi ukuthi kusho ukuthini.
9.Kwathi ngawo lowo nyaka ka 2005, ngathola ucingo luvela kuyintombazana engingayazi, eyathi inguNobesuthu Nxumalo, yathi mina nginomakoti engamlobolelwa ngubaba uMthandeni Mpanza ngisemncane; lomakoti ngudadewabo. Manje uMthandeni usebuyile, uthi ufuna lomakoti owakulobolela yena nishade naye! Nalobaba uMthandeni Mpanza angimazi!
10.Lentombazane yayichaza lento, yavele yangidumisa ikhanda lento, kanti ngangisadidwe yilenkulumo kamvangeli uMthethwa othi ikhulunywe yiNkosi iLanga!
11.Ngase ngibuyela kulomthandazi uMthethwa ngiyofuna incazelo ngalokhu kukhuluma kwalentombazane ethi ingeyaseMpumalanga Province?
12.Ngathi ngihlala nje phansi ngingakachazi lutho ngengize ngakho, nginoMthethwa, ngingakachazi lutho, uMthethwa wathi: “Asiguqe, nakhu kungena ingelosi!” Saguqa, kodwa mina angayibona lengelosi.
13.Wabe esethi:“Ithi ingelosi loludaba oze ukuzobuza ngalo, lomuntu ozobuza ngaye impela ngumkakho lowo, wafika emhlabeni eze kuwe.
14.Kodwa futhi akusiye umuntu lo, ezulwini kwaphendulwa ingelosi elisosha yenziwa umuntu wesifazane ukuze izokwelekelela kulomsebenzi othi uBaba iLanga uphathe.”
15.Ngaphuma kwaMthethwa seliduma kakhulu ikhanda ngalento ekhulunywa lapha.
16.Wabuye wabuyela kimi futhi uNobesuthu ngaloludaba, ngase ngithi lokhu kukhuluma akakutshele umnewethu umfundisi uMpanza nomfundisi ongiphethe uButhelezi, mina konke ngokuzwa ngabo, ngoba mina angimuzwa ukuthi uthini!
17.Ngagcina sengithola ukuthi abefundisi sebetholene noNobesuthu, bavumelena ngokuthi loludaba kumele lukhulunywe.
18.Mina ngase ngilubika kuBaba uThingo, yena owalunika inkosi uDube ukuthi ayiludingide nabefundisi.
19.Lwadingidwa khona eBuhleni, ekhona no Nobesuthu Nxumalo. Khona eBuhleni ngahlanganisa, ngashada esimweni engingasiqondi!
20.Sashada noMaNxumalo ngo July 2006, ekupheleni kwa-August kwase kufikake ingelosi uqobo lwayo eyazichaza ngokuthi igama layo ngu Hlaleleni. Sobabili sasingamazi uHlaleleni, sazi uNobesuthu.
21.UHlaleleni wayesekhuluma insumansumane, wathi: “UNobesuthu ngenke niphinde nimbone, ngoba uboniswe izinto ezingabonwa ngumuntu wakulomhlaba. Kodwa ningakhathazeki ngoba lapho ozobekhona uzobe enibhekile.”
22.Wabe esethi uHlaleleni engabi bikho umuntu esphinde sikhulume naye ngoNobesuthu!
23.Ngavele ngasangana kakhulu ukuthi uNobesuthu uzoduka kanjani kubantu bakubo bangabuzi ngaye?
24.Kodwa emva kwesikhathi umkhwekazi wami esivakashele, ngase ngibuza ukuthi uNobesuthu ungumtwana wesingaki kubantwana bakhe.
24.Umkhwekazi wavele wangibuka emehlweni, wabe esethi: “Angimazi mina uNobesuthu, ngangiyaye ngizwe nje uSfaphi ekhuluma ngaye.”
25.Sethuka sabhekana emehlweni noMaNxumalo, saxakeka ukuthi ngoba uManxumalo ukhule ephathwa uNobesuthu, azi ukuthi ngudadewabo omdala, manje usethini umkhwekazi uma ethi akamazi uNobesuthu? Kwatholakala ukuthi nami bengimazi uNobesuthu!
26.Sase siyabona ukuthi wayesho ngani uHlaleleni ukuthi singakhulumi namuntu ngoNobesuthu!
27.Kwathi uma sesilandela yonke lento, sase sibona ukuthi kanti noNobesuthu ebesihleli naye bekungasiye umuntu! Angazi noma kwakusenguye uHlaleleni, noma ngenye ingelosi!
28.UNobesuthu nguye owangihlanganisa noMaNxumalo, walungisa amalobolo kanye nomshado, kanti konke lokhu kwenziwa yingelosi!
29.Kwathi sisanda kushada nje, yavele ingelosi uHlaleleni yamthatha uMaNxumalo, yangena naye emfuleni izinsuku
eziyisikhombisa.
30.Ngaphansi kwamanzi uMaNxumalo ingelosi yafike yamshiya kumakhehla ayenezintshebe ezinkulu, achazwa yingelosi ngokuthi ngabaprofethi bakwa-Israel, abasendlini kaJuda!
31.LamaJuda iwona umfundisikazi uMaNxumalo eyamfundisa ngobuNazaretha, ambonisa namakhosi amathathu aseKuphakameni. Le indaba inde ke!
32.UMaNxumalo wathi ephuma emanzini wabe esazi konke ngenkolo kaMoshe obeyifundiswa ilamaJuda owathole emanzini!
31.Lenkulumo ngiyayifinqa ngoba inde kakhulu, kodwa engiqonde ukukuveza ukuthi noma lelibandla ngilihola, kodwa kuncane engikwazi ngalo!
32.Okuseqinisweni kuleli bandla ngathunywa ukuzovusa umlando wenkolo yakwa-Israel!!
33.NoManxumalo ngamnikwa ezulwini, kodwa angazi lutho ngaye; nobungelosi bakhe obaphendulwa owesifazane, yinto engaphezu kokuqonda kwami!
34.Manje ngifisa ukuchaza ngokuthunywa kwami. Ngijwayele ukuchaza ukuthi kwathi ngisemncane, cishe ngangifunda uStd 3, ngase ngibona incwadi enkulu engaphezu kweBhayibheli.
35.Ngathi uma lencwadi ngiyibheka, ngathola ukuthi ibhalwe ukuthi IBHAYIBHELI LAMANAZARETHA.
36.Ngajabula kakhulu, ngaze ngaphimisela ngathi: “Hawu, nama Nazaretha aseneBhayibheli?”
37.Khona lapho kwase kuqhamuka izwi, lathi: “UNGAJABULI, NGOBA LELIBHAYIBHELI LOBHALWA NGUWE.”
38.Leliphupho langihlupha isikhathi eside, ngoba ngangibona ukuthi akusilo iphupho, kodwa kuyinkulumo ethize!
39.Ngakhula ngazi ukuthi kufanele ngibhale iBhayibheli lamaNazaretha. Ngazama izikhathi eziningi ukukwenza lokho, kodwa kwangehlula.
40.Ngo 2010 kwafika lengelosi, uHlaleleni, yathi ithunywe kimi nguShembe iNkosi iLanga, yathi uthi: “ANGIFUNDISE ABANTU INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA, NGITHATHELE EBHAYIBHELINI NASEZIHLABELELWENI ZAMA NAZARETHA, NGIBUYE NGIHLANGANISE ZONKE IZINTSHUMAYELO ZIKA BABAMKHULU EFUNDISA AMA NAZARETHA NGOKU KHONZA UJEHOVA.”
41.Ngaphambi kokufika kwengelosi, sonke isikhathi ngangihlale ngishumayela ngoShembe, kodwa mhla ka 26 March 2011, ingelosi isizongigcoba ukuphatha ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, yathi kimi:
42.“UTHI UBABA ILANGA UYABONGA KUWO WONKE UMSEBENZI OWENZILE ULWELA USHEMBE NOBU NAZARETHA. LOMJIVA OKWEMBESA WONA AKUSIWO OWOKUGCOTSHELWA UKUHOLA IBANDLA, KODWA NGAWO UBABA UKWETHWESA IZIQU ZOBUQHAWE BOKULWELA UBUNAZARETHA.
43.KODWA KUSUKELA MANJE USUZO SEBENZELA UJEHOVA NGOKUFUNDISA BONKE ABANTU INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA, USUSELA EZIMFUNDISWENI ZIKA BABAMKHULU EFUNDISA AMANAZARETHA!”
44.Ingelosi yangifundela incwadi kaZakaria 3:1-8, ekhuluma ngo JOSHUA UMPRISTI OMKHULU INDLELA OWABEKWA NGAYO EMSEBENZINI WOBUPRISTI. (Abathandayo bengayifunda lencwadi)
45.Ithi ke ingelosi kimi: “LoJoshua umpristi kaJehova umprofethi uZakaria owayeboniswa yena kwaku nguwe, lencwadi ikhuluma ngawe.”
46.Ngazi ngalolo lusuku ukuthi ngingumpristi noma umfundisi kaJehova othunyelwe ukuba ngibuyise iBandla likaJehova elavuswa nguBabamkhulu!
47.Ngiyafisa ukuthi namuhla ngicacise ukuthi lezi zintshumayelo engihlale ngizenza, eseziyimiqulu eminingi ebhalwe phansi, yilo leliBhayibheli lamaNazaretha izwi elathi ngolibhala!
48.Leli yiBhayibheli elinamaTestamente amathathu, iTestamente lesiThathu ngeliyimfundiso woMoya ongcwele njengoba kubhaliwe kuJohane 16:8.
49.Ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu (Nazarites Church of God-NCG) kulesi sikhathi ilona kuphela elithunywe ukuvuselela imibhalo ngokukhonza uJehova njengoba yayinjalo kwa-Israel!
50.Lemibhalo, njengaku Koran, ngiyibhala ngiqondiswa yingelosi, kungafani neBhayibheli elinababhali abaningi abanye abehlukana cishe ngaphezu kwenkulungwane yeminyaka; leliBhayibheli libhalwa ngumuntu oyedwa ngesikhathi esisodwa!
51.Ngenxa yokuqondiswa yingelosi, lelibandla yilo lodwa elihamba ngokwezimiso zikaJehova njengoba zaziqhutshwa nguMoshe nabamprofethi abamlandelayo.
52.Into enjalo angenke uyithole kwamanye amaNazaretha nakwezinye izinkolo!
53.Uthi uBaba iLanga: “ZONKE IZINTO ZIYOKWEDLULA, KODWA AYIKHO INTO EZOBANHLE NJENGOBU NAZARETHA EMHLABENI.”
54.Lapha uShembe wayeqondise kumaNazaretha ahamba ngomthetho kaJehova njengoba wawehlisela kithi ngoMoshe!
55.Okokuqala ingelosi yathatha umfundisikazi yamhlanganisa nabaprofethi bakwa-Israel eselapha emhlabeni, wabuya emanzini eseshumayela ngobuNazaretha bukaBabamkhulu!
56.Nami emva kwalokho yafundisa mina ukuthi amaJuda yithina, nokuthi kothi uma sesiyazi indaba kaNkulunkulu sibuyele eJerusalema ukokhonza uYAHUAH njengabantwana bakwa-Israel!
57.Lesi sigameko ngangithi sokwenzeka sengafa, kodwa abantu sebeqalile bakhuluma ngoYAHUAH noYESHUA Ha’Mashiach!
58.Namuhla abantu abaningi sebeyakwemukela ukuthi yithina ama-Israel. Zonke izizwe ezimnyama sezikhuluma ngokuhlubuka kwethu okukuDutoronomi 28!
59.Abantu bazokwazi ukuthi iBhayibheli kwakuyincwadi eyabhalwa ngabamnyama, kodwa ekwehlulweni kwethu, abezizwe bayihlanekezela, isivuna bona!
60.Abaprofethi baseBhayibhelini, kanye noYeshua, kwakungabantu abamnyama abapendwa benziwa abantu abamhlophe.
61.Kuliqiniso lomlando ukuthi uJesu Krestu akaze abe khona emhlabeni, yisithombe esabazwa, kodwa owaba khona kwaba nguYahusha Ha’Mashiach!
62.Ngenkathi abantu bebuyela kuYahuah ngokugcina imithetho yakhe, bazoyichitha imfundiso ekuNew Testament ephikisa imithetho kaYahuah!
63.Lapho ke ngenke usaba khona umehluko phakathi komKrestu nomNazaretha, ngoba sonke sobe sesingama kholwa ekhonza uYahuah!
64.LeliBhayibheli lamaNazaretha esesilibhalile, koba sekuyilo lodwa elinika ubufakazi buka Yahusha ngomsebenzi kaMoya ongcwele.
65.LELIBHAYIBHELI LAMANAZARETHA NGIKHOLWA UKUTHI LOBIZWA NGOKUTHI IBHAYIBHELI LOMOYA ONGCWELE, owakhuluma ngawo uYeshua Ha’Mashiach kuJohane 16:8, lapho ethi: LAPHO ESEFIKILE UMOYA ONGCWELE, UYOKULAMBULELA IZWE UKUTHI LEDUKE KANGAKANANI MAYELANA NESONO, NANGOKULUNGA, NANGOKWA HLULELA.
66.Okokuqala ingelosi yasifundisa ngokuthi isizwe samaJuda yithi, noYahusha kwakungumuntu omnyama. Ngathi uma ngichaza leyonto, ekuqaleni abantu abaningi bangiphikisa.
67.Kodwa namuhla uma ulalela izintshumayelo zika Sister Celestial kanye nabantu abaningi, sebeyakwemukela ukuthi uMesaya wethu u-Yeshua Ha’mashiack, uJehova nguYahuah, kanti uMose nguMoshe, njalo njalo.
68.Esihlabelelweni 208 uShembe uthi: “Thuthuka, Thuthuka buNazaretha, izizwe zomile zifuna ukuphuza kuwe zikholwe zichichime ngezwi lakho!”
69.Abantu abaningi sebeqala ukwazi ukuthi isizwe esimnyama yisona sizwe esidala emhlabeni nokuyisona sizwe sikaNkulunkulu!
70.Ukuthi i-Afrika yaphendulwa yabhekiswa phansi, iGibhithe yayise South Afrika, mina ngaqala ngakuzwa ngeNkosi iLanga, nokuthi oMoshe babelapha eSouth Afrika, sakufundiswa yiNkosi iLanga eyaze yasikhombisa iziza zabo!
71.Ngiyafisa ukusho ukuthi onke amakholwa, kungaba amaNazaretha noma ezinye izinkolo, azi ukuthi azifani naleli bandla likaNkulunkulu ngezinto eziningi!
72.Alikho ibandla elasungulwa yingelosi ngaphandle kwamaNazaretha kaNkulunkulu. Ukuthi ingelosi isuke ezulwini izohlala nabantu, yona uqobo ifundise ukukholwa okufunwa nguNkulunkulu, isimo esinjalo sagcina kwa-Israel, endulo!
73.Onke amabandla akholwa kuYeshua noShembe, okuyizithunywa zikaYahuah, kodwa ngamaNazaretha kaNkulunkulu (iNCG) kuphela afundisa ngokukholwa kuNkulunkulu oyedwa, uYahuah, okunguku kholwa okwalethwa ngu Yahuah kithi ngoMoshe kwaqhutshwa ngabaprofethi bakwa-Israel, bavuselelwa ngumprofethi u-Isaya Shembe!
INkosi ibusise izwi layo!