Izinkolo namabandla kumele ziqonde ukuthi UNKULUNKULU MUNYE, IBANDLA LIKANKULUNKULU LINYE UMBUSO WEZULU MUNYE; NOMBANDELA WOKUNGENA EZULWINI MUNYE, SINGENA EZULWINI NGOKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!
Isihlabelelo 103.
1.Sivumele wena Nkosi
Isichaka sakho
Sishumayele izwi lakho
Ezizweni zonke.
2.Zibheke endleleni
Zonke lezo zizwe
Zilindele leyo nqola
Yalelo lizwi lakho.
3.Sivumele wena Nkosi
Isithunywa sakho
Sishumayewe izwi lakho
Ngalowo Moya wakho.
4.Sithumele wedwa Nkosi
Leso sichaka sakho
Sibuthele sigcwalise
Ngalowo musa wakho.
5.Sihambise izwi lakho
Ezizweni zonke
Zivuke zikulandele
WeMsindisiisi wazo.
UNKULUNKULU UFUNANI KITHI.
1.AmaHubo 107: 10-12. “Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, beboshiwe osizini nasensimbini, ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesi delele iseluleko soPhezukonke. Wathobisa izinhliziyo zabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.”
2.Kuhle ukuthandwa nguNkulunkulu, kepha futhi kuyingozi, ngoba uNkulunkulu ukuthandela ukuba umsebenzele. Uma ungasawenzi umsebenzi okuthume wona, uyakubulala, abulale nomphefumulo wakho!
3.Ngake ngakuveza ukuthi ngo January 2005, ngihlala oLundi, ngabona kufika ingane izongicela ukuba ngifike komunye umuzi wamaNazaretha. Ngase ngiya-ke kulomuzi.
4.Uma ngifika kuwo kwase kukhuluma umuntu ongumoya kumakoti walomuzi.
5.Uthi lomuntu: “Mvangeli weNkosi, mina ngingusibanibani owayengu Mshumayeli kaBabamkhulu, (esho uMprofethi).
6.Ngingukhokho walomntwana engikhuluma kuye. Kulomntwana kuhleli osibanibani nosibanibani, kodwa ngithe akebebuyele eceleni ngoba kunento engifuna ukuyikhuluma nawe.
7.Ngalalela-ke. Uthi lomuntu; “Njengoba ngilapha nje ngisuka emhlanganweni eNhlangakazi ngize kuwe ngoba ngikhathazekile ngawe.
8.Manje kunabantu abafuna ukukubulala, kodwa kulaba bantu kunomzukulu wami.
9.Kodwa wena akukho muntu ongakubulala kalula, ngoba uNkulunkulu uyakuthanda, wena uyathandwa eZulwini!
10.Nokho nginovalo lokuthi uma kungase kwenzeke ngephutha ufe ngesandla somzukulu wami, ngizoxoshwa eZulwini, ngoba wena uNkulunkulu uyakuthanda!”
11.Lomuntu wakhuluma izinto eziningi, kodwa kukho konke lomuntu ongumoya owakukhuluma, ngabamba igama elilodwa elithi; “WENA UYATHANDWA EZULWINI, UNKULUNKULU UYAKUTHANDA!”
12.Akekho-ke umuntu ongaku thandi ukuthandwa, ikakhulukazi ukuthandwa nguNkulunkulu!
13.Ngo-2007 kwaba nokukhuluma okucishe kufane nokwalomuntu ongumoya owayekhulume ngo-2005.
14.Kwakufike umuntu esasicabanga ukuthi ngumuntu nje ofana nathi, kanti naye ngumuntu ongumoya, yiNgelosi.
15.Uthi-ke lomuntu; “Ngithunywe kuwe nguShembe uBaba iLanga, uBaba ukhathazekile ngawe; uthi angizokubheka ngoba kunabantu abafuna ukukubulala.”
16.Ngangibazi laba bantu, kodwa okwangidida yilokhu kuthunywa kweNgelosi ukuzongibheka, ngoba baningi abantu abanezitha, kodwa akukaze kususwe ingelosi ezulwini ukuzovikela lowo muntu!
17.Ngelinye ilanga ingelosi yaluchaza kabanzi loluthando lwasezulwini engilokhu ngaziswa ngalo!
18.Ithi: “Ungakujabuleli kangako ukuthandwa nguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uma ekuthanda usuke efuna umezenzele umsebenzi othile, uma ungasawenzi lomsebenzi bese uyakujezisa!
19.Ungakabi bikho kulelizwe ezulwini wakhethwa ukuba ube ngumpristi kaJehova, ushumayele izwi lakhe. Kodwa uma lokho owakuthunywa ukuba ukwenze, ungasakufezi, uNkulunkulu uzokujezisa!” Amein!
20.Ingelosi iyisithunywa saseZulwini, uma isemhlabeni isuke ithuywe nguNkulunkulu ukuletha umyalezo othile kithi.
21.Kodwa ngokwemvelo yayo ingelosi ayikwazi ukuxhumana nanoma ngubani, ngaphandle kwalowo esuke ithunywe kuye.
22.NoNkulunkulu uza emhlabeni ngomuntu oyedwa njengoba wenza njalo nangesikhathi ethuma uMoshe kuFaro. Weza ngaye kuma-Israel!
23.Ukuba siyayiqonda indaba kaNkulunkulu ngabe sonke sinomcabango owodwa, wokulwela ukuthi ngosuku lokuphela kwethu emhlabeni, singene ezulwini!
24.Ngeshwa ingqondo ayikwazi ukubhekana nalamaqiniso.
25.Njengamanje isikhathi sethu siphelile emhlabeni, kodwa esikhundleni sokufuna umbuso wezulu thina silokhu siphikisana ngezinto ezosigcinisa ekulahlweni!
Njengomntwana osesikoleni, ngabe kuyo yonke impilo sifuna amasu okungena ezulwini!
26.Kodwa omubi uphume ngezinkani, ufundisa abantu ukuthi uNkulunkulu akekho, okukhona yilemimoya ebabusayo!
27.Uma uNkulunkulu engekho, kwenzeka kanjani ukuthi kufike kithi ingelosi izosifundisa ngalo Nkulunkulu owafikela kuMoshe, wakhipha abantwana bakwa-Israel ebugqilini? Ilowo-ke uNkulunkulu wethu!
28.LoNkulunkulu kithi uthume ingelosi, yeza physically ukuzosifundisa indlela eyiyo yokumkhonza! Manje sesizoyeka esikubona phambi kwethu bese sihehwa imicabango yabantu?
29.KunamaKrestu athi le ingelosi yakwaShembe engahlangene nabo, bona banoJesu; kanti amanye ama Nazaretha athi akukho ngilosi la, ukuthi nje uMpanza yisihlakaniphi. Uma bekuyingelosi ibizoza kuShembe!
30.Kodwa iqniso liyaziveza ngokwalo ukuthi YITHINA ESIHAMBA NENGELOSI!
31.Lengelosi ayinaku bangisani nonkulunkulu ababekwe ngabantu, ngoba izoqondisa indaba yokuya kulelo zulu uShembe osimemele kulo!
32.INGELOSI AYIZOFUNDISA NGOKUKHONZA UYESHUA NOMA USHEMBE, KODWA UKUZOFAKAZISA UKUTHI LABA BAYIZITHUNYWA ZASEZULWINI EZIZO VUSELELA UMTHETHO KAJEHOVA OWALETHWA KITHI NGUMOSHE!
33.Izinkolo namabandla kumele ziqonde ukuthi UNKULUNKULU MUNYE, IBANDLA LIKANKULUNKULU LINYE UMBUSO WEZULU MUNYE; NOMBANDELA WOKUNGENA EZULWINI MUNYE, SINGENA EZULWINI NGOKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!
34.YILEYO MFUNDISO-NKOLO YASEZULWINI INGELOSI EYILETHE KUMAKRESTU NAKUMA NAZARETHA!
35.Lapha emhlabeni sinezinkolo nezinkolelo eziningi ezakhiwa ngamaBandla ethu, kodwa lezi zinkolo azinamfundiso engenisa umuntu eZulwini, okukhulu kuzo ukuzakhela onkulunkulu bazo!
36.Zonke izimfundiso esinazo ziyaligwema iqiniso elithi UMA UMUNTU ESEFILE NGOKWENYAMA UMPHEFUMULO WAKHE WAMUKELEKA EMBUSWENI WEZULU UMA UBEGCINA UMTHETHO ZIKAJEHOVA ESELAPHA EMHLABENI NJENGOKWEZI MFUNDISO ZIKAYESHUA NOSHEMBE!
37.Lapha asikhulumi ngezinkolo eziphika ubukhona bukaNkulunkulu wethu uYahua nezithi iBhayibheli labhalwa ngabamhlophe, ngakho ke asingakufundi okubhalwe kulo!
38.Zonke izithunywa zasezulwini zinemfundiso eyodwa, ethi: SONGENA EMBUSWENI WEZULU NGOKUGCINA UMTHETHO KAYAH OWAWULETHA KITHI NGOMOSHE OSENCWADINI YOMTHETHO ITORAH!
39.IBhayibheli yincwadi kaNkulunkulu; ukuthi abezizwe baliphendula kanjani ukufeza izinhloso zabo, kodwa lona liyizwi likaNkulunkulu!
40.Ebandleni lamanazaretha kaNkulunkulu ingelosi yafike yasifundisa ngomthetho kaNkulunkulu owalethwa kithi nguMoshe, waqhutshwa ngabaprofethi; kulesi sikhathi samanje ovuselelwe nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
41.Ngamanye amazwi kuyisisekelo saleli bandla sokukholwa imfundiso ukukholwa ngokulandela imfundiso kaYeshua ekuMathewu 5:17-19, novesi 3-4 womthandazo weSabatha!
42.Ingelosi yakuchitha ukuthi uJesu noShembe uBabamkhulu banguNkulunkulu, yathi BAYIZI THUNYWA ZIKA NKULUNKULU! ILESO-KE ISISEKELO SE NCG SOKUKHOLWA!
43.Ngiphonsela inselelo noma imuphi umuntu olikholwa othi leli vangeli elifike nengelosi liphambene nomthetho kaNkulunkulu njengoba wafundiswa nguMoshe! Osho njalo akachaze ukuthi kanjani?
44.Ingelosi yehla ezulwini yazohlala nathi, isifundisa ukuthi lapha emhlabeni uNkulunkulu ufuna sikholwe kanjani ukuze uJehova abe nguBaba wethu, nokuthi sisese mhlabeni siziphathe kanjani ukuze singene ezulwini.
45.Thina siyazi ukuthi sihamba noNkulunkulu, futhi siyazi nokuthi uma sedlula lapha emhlabeni sizoya ezulwini, ngoba uBabamkhulu, iLanga neNgelosi basibonisile indlela eyiyo neyemukelekile ezulwini!
46.Yonke imithetho kaNkulunkulu eyalethwa kubantu nguMoshe, yafundiswa ngabaprofethi, ingelosi ihlale phansi nathi yayivuselela. Nathi sase siyayilandela!
47.Ngakho ke siyazi ukuthi kwamanje sihamba noNkulunkulu, kanjalo futhi, ekufeni kwethu thina asiyi ethuneni, kodwa imimoya yethu iyosuka lapha emhlabeni iqonde ezulwini!
48.Uma unikwa umsebenzi, uyazi ukuthi uwenzile noma awuwenzanga, ngakho ke ujeziselwa into nawe oyaziyo ukuthi awuyenzanga.
49.Mina ngokwazi kwami ngibatshele bonke lelizwi elifikile kubo ukuthi uNkulunkulu kumele simkhonze kanjani.
50.Ingelosi uma ihleli nawe ithatha isimo somuntu, kodwa zibe khona izimpawu zokuthi akusiye umuntu wakulomhlaba lo; NGOBA AYINANINA, AYINAYISE, AYINAKUQALA NOKUPHELA KWEZINSUKU.
51.INGUMUNTU ONOMYALEZO OVELA NGQO KUNKULUNKULU! INGUMUNTU ONGABUKEKA EMNCANE KODWA OMDALA KUNO-ADAM NO-EVA!
52.Ngithi-ke ukuphika iBhayibheli kungukuphika uNkulunkulu, ngoba wonke umyalezo kaNkulunkulu useBhayibhelini!
53.Ingelosi ifika kithi ingaphethe ncwadi, kodwa yonke imibhalo yeBhayibheli iyavela esandleni sayo.
54.Uma iBhayibheli kungasiyo incwadi kaNkulunkulu, kungani imibhalo yalo ivele esandleni sengelosi; isifundiselani ngemibhalo engaveli kuNkulunkulu?
55.BONKE ABANTU ABAFUNA UKUYA EZULWINI BALIFUNDE IBHAYIBHELI; KODWA BALIFUNDE NGOKUCOPHELELA, NGOBA OKUNYE UKUKHULUMA KUKA NKULUNKULU SEKWAKHISHWA EBHAYIBHELINI, OKUNYE KWAHLANEKEZELWA NGEZINDLELA EZININGI!
56.Ngelinye ilanga ingelosi ithi; “Izulu linye, nombandela wokungena eZulwini munye, yikho uShembe wakubhala phansi ukuthi isisekelo sokukholwa ngumthetho kaNkulunkulu owawuloba ngeNceku yakhe uMose.
57.Bonke abaProfethi abathunywe nguNkulunkulu bafike bafundise ngezimfundiso zikaMoshe.
58.AmaBandla amaningi azakhela izinkolo zawo egameni lenkolo kaJehova, kodwa lezi zinkolo azimngenisi umuntu eZulwini, ngoba zinezi mfundiso zokukholwa eziphambene nezimfundiso zika Nkulunkulu ezalethwa emhlabeni ngabaprofethi.’
59.EZulwini awungeni ngokwenqubo yeBandla lakho, kodwa ungena ngokugcina umthetho kaNkulunkulu kuphela, ngoba iZulu akulona elamaBandla ethu, kodwa ngelikaNkulunkulu.
60.Umbandela wokungena eZulwini usekutheni ubuyilandela yini imigomo yokukholwa ebekwe nguNkulunkulu kusukela waletha inkolo emhlabeni ngoMoshe.”
61.Awungeni ezulwini ngokuthi ubungumKrestu, noma ubungumNazaretha.
62.Ithikithi lokungena ezulwini ukuhamba ngezimiso zikaJehova ezafundiswa nguMoshe nabaprofethi abamlandelayo!
63.Ngakho asikho isidingo sayo yonke lempikiswana kwabafuna ukuya ezulwini!
64.AmaKrestu acabanga ukuthi akholiwe ngoba ehlale ebiza igama likaJesu, noma ehlale ehlabelela ngoJesu, bese bethi bakholiwe ke.
65.Kanti kunamaNazaretha athi ukukholwa ukubhajadiswa ebandleni lamaNazaretha eliholwa ngamadodana akwaShembe!
66.Ukuthi lawo madodana akholwa ngempela yini, abazihluphi ngalokho! Okubalulekile isibongo!
67.Uma kunomKrestu noma umNazaretha ocabanga knje, uyisiwula esigxiza amathe!
68.Iyaqhubeka ingelosi ithi: Awukwazi eZulwini ukufika uthi; eBandleni lami bengivunyelwe ukudla ingulube, ngakho angingene eZulwini nengulube (Levi 11:7).
69.Angikwazi ezulwini ukufike ngithi eBandleni lami asiligcini iSabatha, ngakho angingene eZulwini ngokwenqubo yeBandla lami (Eksodusi 20:8-11).
70.EBandleni siyasonta nezangoma, sivumelekile ukubhula nokubhulelwa, ngakho-ke angingene eZulwini ngokwenqubo yeBandla lami (Levi 19:31; no 20:27; Dutoronomi 18:9-14).
71.EBandleni lami bavumelekile abantu abalalana benobulili obufanayo, ngakho-ke angingene eZulwini ngokwenqubo yeBandla lami (Levi 20:13).
72.IBandla lami belivuma ngiphuce ikhanda, ngifake amabhulukwe, ngipende imilomo, ngigcwalise ama-tatoo emzimbeni, ngakho angingene eZulwini nazo zonke lezi zinto othe uNkulunkulu ziyisinengiso kuye. (Numeri 6:5; Levi 19:27-28; no 21:5; Dutoronomi 14:1-2; no 22:5).
73.Bonke abantu bacabanga ukuthi bazongena ezulwini ngokwezimfundiso zabantu!
74.Uthi-ke lomuntu waseZulwini; “IZulu alisoze laphoqwa ukwamukela izenzo eziyisinengiso kuNkulunkulu, ngoba nje abantu becabanga ukuthi uNkulunkulu kukhona okuzomlahlekela uma engenisa abangcwele bodwa ezulwini!
75.UNkulunkulu uyawubhubhisa wonke umhlaba ashiye umuntu oyedwa omkhonza ngokweqiniso, njengoba wenza nangesikhathi sikaNowa.”
76.Njengoba ngikhuluma nje leso sikhathi sokubhujiswa komhlaba sesifuikile!
77.Uyaqhubeka lomuntu waseZulwini unthi: “UNkulunkulu akaze aphoqe muntu ukuba amkhonze, kodwa yibo abantu okwathi uma benziwa izigqili eGibhithe base bemcela ukuba ehle ezulwini ezobakhululu! (Eksodusi 3:7-8.)
78.Uma uJehova esehlile ukuzobakhulula abantu bakhe esandleni sikaFaro, kwaba nesivumelwano esabhalwa phansi ukuthi uNkulunkulu useyohlala enguYise wabo bonke abakhonzayo, ebavikela kuzo zonke izingozi.
79.KUDutoronomi 4-23-24 uJehova uthi: “Qaphelani funa nikhohlwe yisivumelwano uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.
80.Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu!”
81.UNkulunkulu wakufakazisa ukugcina isethembiso sakhe ngakho konke owabenzela khona abakwa-Israeli ebakhipha eGibhithe eze eyofika nabo eKhenani.
82.Ukukhonza uNkulunkulu kusiza wena, uzikhethela wena ukuphila impilo yaseZulwini noma ukuphila impilo yasekulahlweni.
83.IZulu alisoze laswela abantu abazokhonza uNkulunkulu ngokweqiniso, ngoba nje thina esisemhlabeni simhlubukile uJehova.
84.Sesenza sengathi saphoqwa ukukholwa, kanti sathatha lesi sivumelwano ngothando ngoba sibone ukubaluleka kokuba ngaphansi kwaNkulunkulu.
85.Ingelosi yabuye yakhuluma kabanzi ngenkinga yokufa. Ithi-ke iNgelosi; “Kuyo yonke into eniyenzayo ningakhohlwa uhambo lwenu lokugcina.
86.Anohlale ninikela nicela kuNkulunkulu ukuba aniphe amandla okunqoba ithuna. Ngoba ayikho into engakunqobela ithuna ngaphandle komnikelo wakho owukhipha umphefumulo usahlangene nenyama.
87.Umuntu ofile akakwazi ukunikela, akakwazi ukuthandaza, akakwazi ukukhuluma nabasemhlabeni, futhi akakwazi ukukhuluma noNkulunkulu. Onke amathuba anjalo asekini enisaphila ngokwenyama!
88.Mbongeni uJehova nisenethuba lokukwenza lokho, ngoba uma uhlale unikelela uhambo lwakho uselapha emhlabeni, NGOSUKU LOKUGCINA UMNIKELO WAKHO YIWO OYOKUFUNA ETHUNENI; NOMA UKUSIPHI ISIGODI SOSAIZI!
89.Uyaqhubeka lomuntu wasezulwini uthi: “Alikho ijele elifana nejele lokunqotshwa yithuna. Lamajele alapha emhlabeni ayinto engekho, ngoba izihlobo zenu eziboshiwe ziyagqoka, ziyadla.
90.Ziyageza, ziyakwazi ukusola impatho eziphethwe ngayo emajele! Nani niyaya emajele nozibona, niziphathele nokudla, nizicelele nakuNkulunkulu ukuba azikhulule ekuboshweni kwazo.’
91.Kepha nize ningafisi ukuboshwa nguNkulunkulu; ningafisi futhi ukubona Nkulunkulu ejezisa isoni, ngoba nohlubuka nithi uNkulunkulu unonya, uNkulunkulu uyefana noSathane!!!”
92.Ithi-ke iNgelosi; “Kunejele elinzima kakhulu, lapho oyaye ufe, kodwa umphefumulo wakho wenqatshelwe ukusuka esidunjini sakho.
93.Ekufeni ufane nomuntu okwi-coma, ubone, futhi uzwe bonke ubuhlungu bento eyenziwa emzimbeni wakho.’
94.Noma isidumbu sakho sihlinzwa, uzwe bonke ubuhlungu bokuhlinzwa. Noma ungcwatshwa, uzwe ugqitshwa ngenhlabathi, ukhale kakhulu ucela ukungagqitshwa!
95.Kodwa abasemhlabeni bengasakuzwa ukukhala kwakho, bengasenandaba nawe; sebekhalela beduduza abaphilayo, bebafunela nokudla. Engasekho ocabanga usizi wena osubhekene nalo ethuneni!’
96.Ethuneni uhlala wedwa, isidumbu sakho sibola uzwa, izimpethu nezintuthwane zikudle uzwa!” Asikho isimo esinzima njengokulahlwa nguNkulunkulu usufile!
97.Uthi-ke lomuntu waseZulwini; “Abantu abaningi uma kufika ukufa bayakhala kakhulu, bapaquze, kodwa bagcine ngokuthula.
98.Bese nithi nina sephumule ezinhlungwini, kanti kwabanye kuthule isidumbu, uhambo lomphefumulo luselude kakhulu, yilapho esazokuzwa ukukhala nokugedla amazinyo! Ayikho into enzima njengokuthi isidumbu sesifile bese umphefumulo ubhekana nethuna!
99.Kodwa abasemhlabeni basuke bengasenendaba nawe, ngaphandle uma ube nenhlanhla yokukhunjulwa ngokunikelelwa izihlobo eziyaziyo indaba kaNkulunkuu.
100.Awaziwa ezulwini, ngoba emhlabeni ubuzikhonza wena, ungugombela kwesakho, ukhonze ukubusa nokukhonzwa okungaveli kuNkulunkulu, uyinkosi yenhliziyo yakho!”
101.Ithi-ke ingelosi; “Lolusizi nonke nisazodlula kulo; yikho-ke ngithi ukuba niyazi ukuthi nibhekene nani ekufeni, ngabe niyaziyeka enizithandayo, ngoba yonke lemishikashika yenu iyize leze!
102.Ubusiswe lowo okothi ekufeni kwakhe umphefumulo uye kuNkulunkulu! Ukufa akunasicebi, akunampofana, akunankosi, akunanceku!’
‘103.Ekufeni wehlulelwa yimisebenzi yakho, yiyo eyokubuza ukuthi umkhonze kanjani uNkulunkulu usesemhlabeni; ukwenzile yini owathi uNkulunkulu kwenze, ukuyekile yini owathi uNkulunkulu kuyeke?
104.Ulilalele yini izwi labaProfethi elithi umuntu nomuntu akadumise uJehova ngemisebenzi emihle?’
105.Bangaki abake bazihluphe ngokuzibuza ukuthi; ‘Nkosi, ekwehlukaneni kwenyama nompefumulo, ngokwedlula yini esigodini sosizi lokufa, lapho abaningi bemisiwe, belindele umhla wokuphela, ukukhala nokugedla amazinyo?”
106.Uthi-ke lomuntu waseZulwini; “Impilo yasemhlabeni ilusuku olulodwa nje, uma iqhathaniswa nezigidi zeminyaka enisazoziphila senisemoyeni.
107.Kodwa lempilo elusuku olulodwa niyisebenzisa ukuhlubuka uNkulunkulu, niyazakha, niyazidumisa nikhonza nabanye onkulunkulu!
108.Uma ukhohlwa wusizi lokufa, uyisiwula, ngoba ukhohlwa yinto ezofika kuwe uthanda noma ungathandi!
109.Ngabe uNkulunkulu ufunani kithi? Ufuna sihambe ngokwesivumelwano esasenza naye entabeni iHerobhe, ufuna ukuba singamhlubuki, singasuki emiyalweni yakhe!
INkosi ibusise iZwi layo.