Skip to content

THINA SIKHONZA UJEHOVA. UNKULUNKULU WETHU KUPHELA

Thina sikhuluma ngaloNkulunkulu owaletha kithi uMthethosisekelo wokukholwa entabeni yaseSinayi, owathi sokumkhonza ngokugcina lomthetho wakhe!

Thina maNazaretha sikholwa yiloNkulunkulu owasichazela kahle kuDutoronomi 28 ukuthi uma simhlubuka, uyosiyekela ezitheni zethu zisigqilaze.

Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile ngezwi lakho.
 
2.Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na
ngivumeleNkosi ngibatshele
basinde ngezwi lakho.
 
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
 
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanza
Zenziwa mhlophe.
 
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayokulibona
Lelo lizwe elizayo.
THINA SIKHONZA UJEHOVA UNKULUNKULU WETHU.
 
1.Incwadi yeZaga 1:22-33: “kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli nithokoziswa ukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?
 
2.Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani ma nginithululela okusemoyeni wami nginazisa amazwi ami.
 
3.Ngimemezile, nenqaba, ngininike isandla sami, kodwa anizange ninake.
 
4.Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga konke ukusola kwami.
 
5.Ngakho ke ngiyonihleka usulu ngenkathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.
 
6.Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelele yenu ifika njengesi vunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela.
 
7.KHONA BAYAKUNGIBIZA, KODWA ANGIYIKUPHENDULA, BAYAKUNGIFUNISISA, KODWA NGENKE BANGIFUMANE, NGENXA YOKUBA BAZONDA ULWAZI, BAKHETHA UKUNGAMESABI UJEHOVA!
 
8.Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami. Ngakho ke bazovuna lokho abakutshalile, basuthiswe izithelo zobuqili babo.
 
9.Ukweduka kwabanganangqondo
kuyakuba bulala, nokudebe sela kweziwula kuyozibhubhisa; kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi novalo lokwehlelwa ngokubi. Amein!”
 
10.Lencwadi esayinikwa yingelosi iyefana nencwadi ka-Eksodusi 20: 5-6 lapho uJehova ethi: “Mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi boyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo; kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalo yami.”
 
11.Njengoba sebeba ningi onkulunkulu okukhulunywa ngabo lapha ezinkundleni zokuxhumana, kulentshumayelo sizochaza uNkulunkulu esingaphansi kwakhe njengamaNazaretha.
 
12.Kulobu buNazaretha sikhuluma ngoNkulunkulu oyedwa, uMdali wezulu nomhlaba, loNkulunkulu owadala u-Adam no-Eva, kusuka lapho waba nguNkulunkulu kaNowa, wabhubhisa izoni ngozamcolo.
 
13.Sikhuluma ngoNkulunkulu ka-Abraham, okunguyena owasinika uphawu lwakhe ngokuthi bonke abesilisa bakhe basoke.
 
14.Emva kwa-Abraham loNkulunkulu wazibonakalisa kuMoshe, ngaye owasikhipha eGibhithe wasiwelisa ulwandle, wahamba nathi iminyaka engamashumi amane; ehlane wasondla ngemana evela ezulwini, wasilwela kuzo zonke izizwe ezazisihlasela.
 
15.Thina sikhuluma ngaloNkulunkulu owaletha kithi uMthethosisekelo wokukholwa entabeni ysaseSnayi, owathi sokumkhonza ngokugcina lomthetho wakhe!
 
16.Thina maNazaretha sikholwa yiloNkulunkulu owasichazela kahle kuDutoronomi 28 ukuthi uma simhlubuka, uyosiyekela ezitheni zethu zisigqilaze.
 
17.Sikhuluma ngalo Nkulunkulu onomusa, obuye athethelele, nowasethembisa ukuthi noma samhlubuka, kodwa uyobuye asithethelele izono zethu!
 
18.Sikhuluma ngaloNkulunkulu emva kaMoshe owathumela kithi abaprofethi abaningi bakwa-Israel, kanye noYeshua, kodwa abezizwe abayiqeda lenkolo yethu.
 
19.Kodwa ekugcineni leli vangeli uJehova walivusa ngomprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), nokuthe amaNazaretha asemhlubukile uJehova, wathumela kithi ingelosi ukuzosisimamisa! Amein!
 
20.Kubalulekile ukuthi inkolo kaJehova eyavuselelwa nguShembe sihlale siyiqondisa, ngoba kusobala ukuthi sebebaningi onkulunkulu osekukhulunywa ngabo thina esingafundiswanga lutho ngabo!
 
21.kuyihlabelelo 28 uShembe waprofetha ngaso, kodwa njengamanje lesi siprofetho sibukeka sesifezeka!
 
22.Uthi ke uShembe: “Uyeza uyeza umhla wokuphela, uyakuma phambi kwakho noma ungathandi; amagquma nemimango ayolelezeka.Wemhlaba uyozi fihlaphi nazo zonke lezo zoni, balekani zidindi uyeza uJehova!”
 
23.Ku-Amose 8:11-14 uJehova uthi: “Ziyeza izinsuku lapho ngiyakuthumela indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa, hhayi eyokomela amanzi, kodwa indlala yokuzwa amazwi kaJehova.
 
24.Ngalolo lusuku izintombi ezinhle nezinsizwa eziqinile ziyakuwa ngenxa yokoma.
 
25.Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: “Ngokuphila konkulunkulu bakho Dani, nokuthi: “Ngokuphila kwendlela kaBheriSheba, bayokuwa bengaphinde bavuke. Amein!”
 
26.Nangale nkulumo uJehova usibikela ukuthi kuza isikhathi lapho inkolo izophela khona, abantu bazakhele onkulunkulu babo, njengoba sekwenzeka nje!
 
27.Kulesi sikhathi samanje abantu abaningi abanendaba nokukholwa. Esikutholayo ukwenza uNkulunkulu noma iBhayibheli inhlekisa, kubuye kubhuqwe ngoNkulunkulu!
 
28.lesi simo sizokwenza intsha ikhule ingazi lutho ngokubaluleka kokukholwa ngoba noNkulunkulu usefaniswa nazo zonke izithixo zomhlaba!
 
29.Lomoya wokungamesabi uNkulunkulu wavela neSatanism, nayo eyalethwa kithi ngabezizwe ngoba ngayo beqonde ukuqeda ngoNkulunkulu wethu!
 
30.Njengoba ngihlale ngichaza, mina ngiyinzalo yobuNazaretha. Umama wayeyintandana wabe ese- adoptwa ngumprofethi, u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
 
31.Cishe ngo August 2006 kwafika ingelosi kithi, ekuqaleni esasithi ngumuntu nje ofana nathi, yabe isichaza ukuthi ithunywe kimi.
 
32.Kodwa mhla ka 4 January 2010 lengelosi yafika nomyalezo wokuthi ithunywe nguShembe uBaba iLanga ukuthi ingitshele ngiphume ebandleni lami, eBuhleni, bese ngimakhela ibandla, kulo engizofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, ngithathele ezimfundisweni zomprofethi u-Isaya Shembe efundisa amaNazaretha.
 
33.Nganikwa iBhayibheli nezihlabelelo zama Nazaretha okwathiwa yizona ncwadi ezizongilekelela ekufundiseni ngokukhonza uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba!
 
34.Lokhu ngikuchazela ukuba abantu bazi ukuthi njengamanje ibandla i-NCG alikho ngaphansi kwamabandla akwaShembe aholwa ngamadodana akhona; futhi lelibandla alikho ngaphansi kobuKrestu, lizimele nje!
 
35.silibandla eliqhuba ngokwenquba yokukholwa okwethulwa kithi uShembe uBabamkhulu!
 
36.UbuKrestu kunezimfundiso eziningi ongenke uziqonde ukuthi zimi kanjani, yingakho ke kumele thina sizichaze ukuthi kukuphi lapho lelibandla lihlangana khona nobuKresstu?
 
37.Ngokuqonda kwami ubuKrestu buhlangana nobu Nazaretha ekugcineni umthetho kaJehova owawulethwa kithi ngoMoshe; ngikhuluma ngamaKrestu alandela izimfundiso zikaYahusha!
 
38.Entshumayeleni yami edlule ngike ngakuveza ukuthi bengino mngani waseJamaica ongumKrestu.
 
39.Angisakhumbuli kahle ukuthi saba ngabangani kanjani.
 
40.Njengomngani wami, ngabe sengimlalelisa izintshumayelo neziprofetho ngeJamaica ezazivezwa nguSister Celestial, nokuthi ngenxa yezono zabo uNkulunkulu iJamaica uzoyibhubhisa ngamanzi.
 
41.Kodwa ngadumala uma ngithola ukuthi lomngani wami akafuni nakuzwa ngo Sister Celestial; njengamaKrestu amaningi, lomprofethikazi ubizwa ngazo zonke izinhlamba kuthiwe ungumprofethi wamanga!
 
42.Ngamchazela lomngani wami ukuthi lo ngumprofethi kaJehova, konke akukhulumayo mina ngiyazi ukuthi kuvela ezulwini, nokuthi kumele bayeke yonke lemikhuba abayenzayo, babuyele kuNkulunkulu.
 
43.Kodwa ngathola ukuthi ngichitha isikhathi sami, ngoba lomuntu kuyambusa ukuthi uSister Celestial ungumprofethi wamanga!
 
44.Kodwa kwathi kungakapheli ngisho izinyanga ezimbili iJamaica yahlaselwa zikhukhula njengoba eshilo uSister Celestial.
 
45.Ngaphoqeka ukuthi ngimbhalele i-whatsup ngimkhumbuze ngakho konke engamyala ngakho, njengoba namanje bebaningi abazobhubha sibabuka ngoba bengafuni ukubhekana neqiniso elivela ezulwini!
 
46.Kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu awukho umehluko phakathi kwalo nezimfundiso zika Sister Celestial ekugcizeleleni ukugcinwa komthetho kaJehova.
 
47.Noma sathi sizalwa wabe engasekho umprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), kodwa ingelosi yayikhona, futhi uShembe lelibandla waliqhuba ngendlela ibandla likaJehova ngesikhathi sikaMoshe elaliqhutshwa ngayo!
 
48.UShembe waze wasibhala phansi isisekelo salelibandla, lapho kuvesi 3 woMthandazo weSabatha ethi:
“MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINA IMITHETHO YAKHE ANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.”
 
49.KULESI SISEKELO USHEMBE UCAPHUNE INCWADI KAMALAKI 4:4 LAPHO UJEHOVA ETHI: KHUMBULA UMTHETHO KAMOSE INCEKU YAMI OYIZIMISO NEZAHLULELO, ENGAMYALA NGAZO U-ISRAEL WONKANA EHEROBHE.”
 
50.Kusho uJehova ukuthi njengama-Israel, asigcine umthetho wakhe owawuletha kithi ngenceku yakhe uMoshe eHerobhe.
51.INTO YOKUQALA OKUMELE AMANAZARETHA NAMAKRESTU AYAZI UKUTHI MINA NGATHUNYWA EZULWINI UKUTHI NGIBUYISE ABANTU ESIMWENI ESIYISO SOKUKHONZA UJEHOVA! NGINGUMPRISTI KAJEHOVA!
 
52.EKUTHUNYWENI KWAMI NGANIKWA I-‘MANDATE’ YOKUTHI NGISHUMAYELE KANJANI!
 
53.Lemfundiso ngomthetho kaMoshe yayingaqali ngoShembe, kodwa noYeshua wakhuluma wagcizelela ngayo kuMathewu 5:17-18 lapho ethi:
 
54.NINGASHO UKUTHI NGIZOCHITHA UMTHETHO NABAPROFETHI. ANGIZELANGA UKUZOCHITHA, KODWA NGIZE UKUZOGCWALISA.
 
55.NGOBA NGIQINISILE NGITHI KINI, KUYOKWEDLULA IZULU NOMHLABA, KODWA AKUSOZE KWEDLULE NALINYE IGAMA NASICASHANA SOMTHETHO KUZE KUFEZEKE KONKE.
 
56.NGAKHO OWEQA OWODWA KULEMIYALELO EMINCINYANE, AFUNDISE ABANTU KANJALO, UYAKUTHIWA OMNCINYANE EMBUSWENI WEZULU.
 
57.KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU.”
 
58.IBANDLA LIKA YAHUSHA NELIKASHEMBE OMABILI ABUSWA INQUBO EYODWA YOKUKHOLWA, ETHI ASIGCINE UMTHETHO KANKULUNKULU OWAWUSHIYA EHEROBHE ENCEKWINI YAKHE UMOSHE.
 
59.Mina ke angitshelwanga lutho ngobuKrestu noma ngobuNazaretha, angitshelwanga lutho ngokukhonza uJesu noma uShembe, kodwa lezi zithunywa zasezulwini zasifundisa ukuthi sikhonze uJehova kuphela!
 
60.Kumavesi 28-32 esabatha uShembe uthi: (UJEHOVA) WASIBUYISELA KUYE EKWEDUKENI KWETHU NGALAWA MAZWI ESABATHA. YISABATHA BANTU NONKE NINA ENIMESABAYO UJEHOVA NINA NABANTWANA BENU; GCINANI UMTHETHO WESABATHA, NGOKUBA KUYINTOKOZO ENKULU KUNKULUNKULU UKUGCINA ISABATHA!
 
61.MINA (Shembe) ngiyanincenga maNazaretha ngegama leNkosi uJehova, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu bantwana baka Senzangakhona.
 
62.Ekunincengeni kwami ngegama leNkosi uJehova, gcinani isabatha likaJehova, lingumkhosi kaJehova oyingcwele!
 
63.Lalelani izwi likaJehova, ukulalela izwi likaJehova kuhle ulilalele ulenze, ungalaleli nje ungenzi, gcinani ke iSabatha likaJehova!”
 
64.Wonke umuntu oneqiniso ekukholweni uyazibonela ukuthi uShembe amaNazaretha wawafundisa ukuthi adumise uJehova, agcine imithetho kaJehova! Akaze akhulume lutho ngokudunyiswa kwakhe!
 
65.Kuvesi 16 womthandazo wokulala uShembe uthi: Ngezinsuku zonke zokuphila kwakho, uma ulala ubomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho, uThixo wakho.
 
66.Ngosuku lwenhlupheko umbize uyakukulalela, uyakuza akusindise uma uyendlala ngezikhathi zonke inhliziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.”
 
67.AmaKrestu angadidwa yilaboShembe asebangonkulunkulu, umprofethi waqhuba ivangeli likaJehova njengoba walishiya kuyinceku yakhe uMoshe!
 
68.Ingelosi uHlaleleni no sister Celestial ngathola ukuthi banevangeli elilodwa, elifundisa ukuthi asibuyele kuJehova ngokugcina imithetho yakhe!
 
69.Njengoba ngikhuluma indaba kaNkulunkulu angikhulumi ngento engiyikholwayo, kodwa ngento engiyaziyo, ngoba uma uNkulunkulu ekuthuma akakufihleli lutho, ukunika ulwazi lokuthi ukhulume kubantu into oyaziyo!
 
70.UShembe umprofethi akasifihlelanga lutho ekukholweni kwethu, kodwa wasichazela konke nangohambo lwethu uma isidumbu sehlukana nomphefumulo.
 
71.Ngelinye ilanga uShembe eshumayela uthi: “Nginifisela nonke maNazaretha ukuba ningabe nisona, NINGABE NISAWUPHULA UMTHETHO KAJEHOVA, LO EBENGININIKA WONA KUSUKELA NGINIBHABHADISILE. NINGABE NISAVUMA UKUDUKISWA!
 
72.Lapho nginibizela khona bantabami kuhle kakhulu, uma ungase uye khona, ngenke usavuma ukubuya.
 
73.Anotshela iNkosi uma isifikile ukuthi ngathi ize ingalibali ukuhlukanisa izindlela zalapha siya khona. Noma kugcotshwa abafundisi nibafundise lokho.
 
74.Kuza isikhathi lapho abantu baseKuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe. Lapho bobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
 
75.Ngaleyo nkathi bayobe bengasalikhathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho.
 
76.Ngalezo zinsuku bayo debesela ukugcina umthetho, lo okuyiwo okuthiwe angiwuvuselele.
 
77.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake lapha ebandleni.
 
78.UKUKHOLWA KWALAPHA UKUGCINA UMTHETHO. NGATHI YESABANI USUKU OLWESABEKAYO, MHLA KUWE KUFIKA UMHLA WOKUPHELA.
79.AMAGQUMA NEZINTABA KUYOLELEZEKA, AKANGENI OGAMA LAKHE LINGALOTSHIWE.
 
80.UYOHAMBA UWEDWA UYA EKWENAMENI, UYIHLO NONYOKO NABAFOWENU ABAYOKUZA LAPHO NXA BENGAZI LUNGISELANGA UKUNGENA KULOMUZI ESIYA KUWO. OTHANDA UKUZA LAPHO THINA SINGABA KHONA, AKATHABATHE ISIPHAMBANO, AFELE ISETHEMBISO.
 
81.IGAMA LALOWO MUZI ISEKUPHAKAMENI, UMUZI WEKHETHELO OKHAZIMULA NGAPHEZU KWEZINKANYISO ZONKE EZISEMKHATHINI, NEZEZANDLA ZABANTU. KUHLE LAPHO SINIHOLELA KHONA!
 
82.PHELELANI KUJEHOVA, UYABATHANDA ABAMTHANDAYO, UBALUNGISELELA INDAWO PHAMBI KWESIHLALO SAKHE SOBUKHOSI.
 
83.UBENZELA UKUNGALAMBI NOKUNGONI, UBAPHA UMUSA WAKHE.
 
84.NABO BAHLALA BEMDUMISA NGEZIGUBHU NOKUSINA, BEHLABELELA NGENJABULO.
 
85.UTHOKOZWAYO WENABA NGABO, UKWENAMA KOMSINDISI KUHLALA NABO PHAKADE, ABASENAKHO UKUFA!
 
86.UMTHETHO UYISIHLENGO SOMPHEFUMULO BANTABAMI. HHAYI NOMA IMUPHI, KUPHELA LO INCEKU YAKHE ENINIKA WONA.
 
87.UYINDLELA YOKUHAMBA EYA LAPHO KUNGEKHO KHONA UBUMNYAMA NENZONDO. NENDLALA NAMAKHAZA, KUPHELA INKAZIMULO ENGENAKUFIPHALA, NGUJEHOVA YEDWA INKOSI YEZULU!
 
88.NIBAPHE ABAZELWE NABAYOZALWA, NIBANIKE LELIFA LINGALAHLEKI, UKUBA NABO BANGENE EMZINI OYINGCWELE, KUJEHOVA INKOSI ENAMANDLA.
 
89.NGUYE YEDWA OMILE NOYISIBANI EZULWINI LENU BAKHETHWA BENKOSI.
 
90.NXA USUYA KHONA, UYODLULA EMAHLANE NAKUMAHLATHI ESABEKAYO. ANEZELELESI NABAPHANGI; NABAHUHI ABAHUHAYO, ABANDISA IMIBUSO YABO YOKULAHLWA.
 
91.ABANYE IMINYAKA ENGAMASHUMI AMATHATHU IYAPHELA BEHLULEKA UKUPHUMA KULAMAHLATHI, NGOBA BADELELA IZWI LIKATHIXO; BASESEBU MNYAMENI.
 
92.UMA USUDLULILE KULAMA HLATHI, UYOPHUMELA KWA NKANANKANA, KWASIKHOVA SIKHAL’MINI., EZINTABENI ZAKWALAMBATHWAYO, KWA MTHIMUNYE OKUTHIWA ISIKHOMAKHOMA.
 
93.BANTABAMI, KULEYO NDAWO LIHLALA LICWATHILE, LIBALELE, ABANINGI AKUDLULEKI ESIKHOMAKHOMENI.
 
94.LELI LIZWI ELISHUNYAYELWAYO LAPHA EKUPHAKAMENI LIYINKEMBA EYOKUSIZA EKUPHUNGENI ABAQAMEKELI BAKHO.
 
95.LIYOBA UMPHAKO FUTHI KULAMAHLANE OSIZI OYOHAMBA KUWO.
 
96.UYOTHI SEWEDLULE KULEYO NDAWO, UYOFICA ISIZIBA NGAPHAMBILI, IPARATOMI. UYOBE USULIWELILE IHUZE, UMFULA OMKHULU OKHETHA ABAWELI.
 
97.NISIZE UMA KUHAMBA UMUNTU, NIMENZELE IMBALI UKUBA ENGABHAJWA EPARATOMI’
 
98.LENKONZO NIYENZE EMVA KWEZINSUKU EZIYISIKHOMBISA, UKUBA BEZE ABAHLANGABEZI,
 
99.BAMFUNE UMA EDUKILE OYISIHAMBI. THANDANI IZWE ELIZAYO.
 
100.ABANINGI BAMINZISWA YILESI SIZIBA ABASUKE BEZIHLAMBA KUSO.
 
101.SIYIMPILO YOKUQALA OYITHOLA USUNYUKELA EZINTABENI ZOKWENAMA. KWAMSINDISI UYINALA KWABAMKHONZA NGEQINISO.
 
102.MANINGI AMAZULU, NEZIHOGO ZIKHONA, ZININGI. KODWA NINA NINENHLANHLA YOKUYALELWA INDLELA YOKUYA EZULWINI LIKAJEHOVA NISELAPHA EMHLABENI.
 
103.LELI ZULU UJEHOVA OKULO ALIFANI NAMANYE AMAZULU, LIYAKHANYA, AMANYE AMAZULU AMNYAMA, AYAVUZA, ANENDLALA, ANAYO YONKE INHLOBO YOKUHLUPHEKA! Amein!
 
104.Uma ucubungula zonke izihlabelelo nemithandazo eyabhalwa nguShembe, umyalezo wakhe uthi asidumise uJehova ngokugcina imithetho yakhe’ njengoba naku lentshumayelo echaza lokho. Ngaso sonke isikhathi uShembe wayedumisa futhi efundisa ngokugcina umthetho kaJehova.
 
105.Pho kuqhamukaphi ukuthi uShembe wake wathi unguNkulunkulu? Lolu ulimu lamahlubuka.
 
1.Nkosi ngiphe amandla
Ngiphe amandla
Nkosi ngiphe amandla
Okunqob’sathane.
 
2.Ezulwini kuyayiwa
Kuyayiwa
Ezulwini kuyayiwa
Kodwa kuya abangcwele.
 
3.Ubungcwele buqala lapha
Buqala lapha
Ubungcwele buqala lapha
Khona lapha emhlabeni.
 
4.Ubungcwele buyasetshenzela
Buyasetshenzelwa
Ubungcwele buyasetshenzelwa
Ukuze’ngene ezulwini.
 
5.Emuva asisayi
Emuva asisayi
Emuva asisayi
Sesiya phambili.
 
6.Ukukholwa kwami kung’sebenzele
Kuyang’sebenzela
Ukukholwa kwami kuyang’sebenzela
Yikho lokhu ngiphumelela.
Leli ichorus esalifundiswa yingelosi.
 
iNkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *