Manje bangcwele kulelibandla leli lasezulwini, sifundiswe kakhulu ngendaba yamaphupho, amaphupho akekho umuntu oyaziyo incazelo yawo, uBaba uMelusi uchaze ukuthi oMubi uyakwazi ukusebenzisa amaphupho azenze umuntu wakini. Manje uBaba uMelusi uthi akufuneki ukuthi uma ngabe uyiNazaretha uvumele ukuthi amaphupho akuphulise umthetho kaNkulunkulu
Intshumayelo kaMfundisi Nkabinde ekuseni mhlaka 15 November 2025 eNqobizitha,
Isihlabelelo 74.
1 Esikushunyayezwayo
Ekuphakameni,
Kubasindisile abaningi
Yizanini nisindiswe.
2 Abangena bejabhile
Baphuma bejabula
Lalelani zizwe nonke
Wozanini nisindiswe.
3 Imbangi yokusa
Yomndeni kaJuda
Ibasindisile abaningi
Wozanini nisindiswe.
4 Tshelani zonke izizwe
Eziphansi kwezulu,
Zizokuzwa nazi izindaba
ZaseKuphakameni.
1.Ngiphinde ngikhethe futhi iNkosi enkulu yaseKuphakameni, lo oguqe lapha, uMfundisi uNkabinde, ngiphuma esifundazweni sase-Free State, eThempelini lase Harrismith ngas’EMakgolokoeng
2.Ngibonge ithuba lokuthi umunwe wasezulwini ungikhombe, ngizakucelake ukuthi uNkulunkulu abe ngakimi, ngingakhulumi okwami, kodwa ngikhulume lokho okuthokozelwa uNkulunkulu.
3.Isihloko salentshumayelo yasekuseni ngeSabatha, sithi uJehova ungumthombo wabo bonke abomele izwi lakhe. Le nkulumo lena bangcwele, inkulumo ebandzi, inkulumo ejulile, inkulumo yabantu abakhethiwe abayikhulumaho, inkulumo yabantwana bakaNkulunkulu, inkulumo abathathe isifungo bathi bazonikela impilo yabo ukukhonza uNkulunkulu.
4.Bangcwele ngizophendula umbuzo othi ngafika kanjani kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, ngicabanga ukuthi le nkulumo le yabangcwele, yeHamente eyingcwele, kwakuyinkulumo yamaNazaretha, kwakuyinkumulo yoMprofethi, njengoba uMprofethi Isaiah Shembe wasebenza kanzima ukusibuyisela, ezama ukukhanyisela abantwana bakaNkulunkulu ukuthi basuke ezindleleni zabo.
5.Manjeke namike, lamazwi lawa angifikela ngingathi ngo 1998/99 ukufuna ukuhlangana nabantwana bakaNkulunkulu abathi uJehova ungumthombo wabo bonke abomele izwi lakhe.
6.Ngingathi kwangifikela ngoba vele mhlawumbe ngangineminyaka ewu 8 noma 9, ngaphawula ngathi uma sengimdala, uma sengikhulile, ngizokhonza la, eNazaretha. Yase iminyaka ihambake ngoba ngikhulele eBergville Kodwa-ke esigodini saseThintwa.
7.Kodwa kwathi ngo 2001 ngivakashele eQwaqwa, kungu June, uGogo wayesenquma ukuthi ngingabe ngisaphindela emumva, kwakungemvakokuba ngishonelwe abazali, manje wayekhathaza ukuthi impatho yami ngeke ibenhle, ikakhulukazi emndenini omkhulu.
8.Manje-ke bangcwele ngahlalake ngo 2001 ngafika kithike eQwaqwa uGogo usonta kolunye uhlelo, ngicabanga ukuthi bangcwele kukhona omunye umholi wakwaShembe owaphuma inxiwa, manjeke namike ngalandela lapho, ekulandeleni kwami, ngaba iNkosana, ngangikhuthele kakhulu kusuka ngo 2001.
9.Bangcwele ekuhambeni kwami, ngisacela ukuthi sike sivule incwadi yeZaga, oyitholayo angifundele yona, IZaga 14 verse 27
27 “Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezingibeni zokufa”
10.Manjeke bangcwele ngenxa yokuthi kuloluhlelo lolu engangiluhamba, angizange ngithole abangcwele, ababekhuluma lamazwi lawa, ngase ngingena ogibeni lokufa njengoba ivezile ikhuluma, ngoba bangcwele imfundisonkolo yalapho kwakukuthi kwenziwa noma inoma yini, umholi wakhona, ingathi wayengabalela kulabangcwele engikhuluma ngabo.
11.Ngobai Sabatha wayengaligcini, kuthiwa wayeke asebenzise amakholwa ukuthi ambasele Umlilo ngeSabatha, uma kubuzakala, kuthiwe hhayi uMprofethi phela wabagcinela, manje asisekho Isidingo sokuthi bangagcina iSabatha.
12.Ziningike bangcwele izigameko ezenzeka ngoba manje-ke ukuhamba kwami lapho kwaba nezinselelo eziningi, ngoba uma ngabe singamakholwa, siyafundiswa kulelibandla likaNkulunkulu ukuthi sibe nentshisekelo nedaba kaNkulunkulu, siwazi umthetho.
13.Manjeke bangcwele, ngenxa yokuthi ukuhamba kwethu kwakungaqondile, emndenini, kwakuke kube khona abantu ababehamba bayohlola, nami ngike ngakubona lokho. Uma bebuya babevamise ukuthi wena uyagula, njengoba ugula, weqa umbhulelo, umbhulelo lowo waweqa ngesikhathi usahlala kini, kahle kahle kwakumbhulelo womkhulu wakho.
14.Ezinye futhi izinkulumo kwaba ukuthi ekhaya, indaba yokubhula iyingozi ngoba ikwenza ukuthi ube ne paranoia ngoba manje kwase kukhulunywa nanokuthi ekhaya kucushiwe, njengoba kucushiwe, kuyovalwa ngehlahla, sasithwetshuliwe.
15.Manje konke lokho kwangiphatha kabi ngoba kwaletha ukudideka, angizange ngikwazi ukuthi ngethembe uNkulunkulu ngenxa yokuthi ngangiswele abantu ababenokukhuluma okuthi uJehova ungumthombo wabo bonke abomele izwi lakhe.
16.Bangcwele kwathi ngo 2006, ekhaya base behlubuka, uma behlubuka, ngasala ngingedwake eNazaretha, ngazabalaza kodwa ngingazi ukuthi, ngingenayo foundation le esenginayo kulelibandla likaNkulunkulu.
17.Bangcwele, manjeke njengoba sekuleliSabatha leli, ukungena ogibeni lokufa kuvamise ukuthi abantu abaningi, omubi ngendlela onamandla ngakhona and futhi uhlobile enjalo. Ngisacela ukuthi, kukhona enye incwadi ethi bahlola kwabanadlozi nabanemimoya.
18.Incwadi ka Isaya 8 verse 19-22
19 Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na? 20 Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.
19.21Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu. 22Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni. Amein.
20.Umbuzo lo uNkulunkulu awubuza abantwana bakhe, bayelani kwabafile, njengoba benoNkulunkulu, behamba noNkulunkulu ophilayo, bayelani. Bangcwele indaba yokungaqondi endleleni kaNkulunkulu iyinkinga kakhulu.
21.Ngiyakhumbula nje ngo 2007/8 ngoba ekhaya base behlubukile eNazaretha, manje babehamba izangoma nezinyanga, manje kwase kwenzekake ukuthi uma befikile bafune ukuthi phela wonke umuntu efakwe izinhlanga, ngase mina nginqaba, uma nginqaba, ngavika nge verse elithi “Ungawuphathi umuthi ngesandla sakho ulikholwa, uyokufa nokufa”
22.Kodwa manje sasingafundiswa ukuthi lelivesi leli silithathela kephi, ngala, wase esebenzake lo muntu wakhona, wasebenza lo muntu, kwase kuba nombono ofika kugogo, angithi nami ngangikholelwa emadlozini, ngizigqaja ngithi ya, leli ibandla lamasiko, ngikholelwa kakhulu kodwa kwakuba khona enye into eyayingihlupha ukuthi, abantu, amaNazaretha ayaye aqhishe uma benikezwe ithuba, bethi mina ngathunywa ugogo noma umkhulu wangibizela kulelibandla leli.
23.Bese mina ngiyadideka ukuthi ngoba mina akekho umuntu wakithi olele, owake wangiyalela ukuthi ngimkhonzele, yayingihlupha kakhulu leyonto leyo.
24.Bangcwele, ngosuku olulandelayo ugogo wavuka engitshelake ukuthi umkhulu walayikhaya uthena uma ngabe ungaqiniswa njengamanye amalunga omndeni, uzolandela umawakho, yangishaqisa kakhulu.
25.Manje bangcwele kulelibandla leli lasezulwini, sifundiswe kakhulu ngendaba yamaphupho, amaphupho akekho umuntu oyaziyo incazelo yawo, uBaba uMelusi uchaze ukuthi oMubi uyakwazi ukusebenzisa amaphupho azenze umuntu wakini.
26.Manje uBaba uMelusi uthi akufuneki ukuthi uma ngabe uyiNazaretha uvumele ukuthi amaphupho akuphulise umthetho kaNkulunkulu, manjeke ngenxa yokuthi bangcwele ngangiswele abantu ababenenkulumo ethi uJehova ungumthombo wabo bonke abaswele izwi lakhe.
27.Bangcwele, nami ngagcina sengivumile manje, ngagcatshwake, uma ngigcatshwa bangcwele, akuzange kube into enhle. Bangcwele, kuthe uma kuhamba, kwase kufikake u-2010 sasiye enkonzweni, manje iyakhulumeka indaba yokuthi ukhona omunye uMfundisi ophuma eBuhleni osungule ibandla, kodwa yakhulumeka idlula ayizange ilandeleke kahle.
28.2Bangcwele kwathi ngo 2011 ngise skolweni e-Western Cape, ngase ngihlangana nentshumayelo lapho uBaba uMelusi wayephethe inkonzo yesikhumbuzo sikaBaba iNyangayezulu, ngalalela ku-Facebook kodwake bangcwele kwashukuthi ukhuluma indaba ehlukile kulena engiyaziyo yobuNazaretha.
29.Ukhuluma ngoNkulunkulu, uyakwazi ukuhlukanisa, kwashukuthi ngangisekudeni, futhi ngimatasa nezinye izinto. Bangcwele, kwahamba kwahamba kwaba unyaka ka 2014/15 lapho, ngoba ngangimuntu okhonze ukufunda kakhulu iphephandaba, ngase ngihlangana ne-Article, kwakunomsindo emva kokuthi uBaba uMelusi wayethule inkonzo oKhozini, ekhuluma ngenkolo yamaRoma, ngabanentshikeselo, ngaze ngangena ku Facebook.
30.Ngabhala-ke igama lebandla ngabonake, ngazuthi kwakuyiwe eNhlangakazi, ngalowo nyaka ngasengihlubukile laphana kuleliyahlelo, ngoba phela phela into eyayingihlukumeza, abantu ababegxeka inkolo yobuNazaretha jikelele, babevamise ukuthi bathi amaNazaretha akhonza umuntu, awakhonzi uNkulunkulu.
31.Ngashiyake, uma ngishiya, ngabona ukuthi lelibandla leli likhuluma ngezindaba ezijulile, ebengingazazi yonke leminyaka, ngangithi ngiyabazi ubuNazaretha.
32.Bangcwele encwadini yeZaga 14 verse 27 ethi ukwesaba uJehova kuwumthombo wokuphila ukuze udede ezindleleni zobubi. Kwathi ngihlubukile bangcwele, nami-ke ngaqala manje ngahamba izangoma nezinyanga, ngenxa yokuthi ngoba phela oMubi uyakwazi ukuthi akhohlise, abambe imiqondo ukuthi kube khona into engasombuleki ukuthi ayi kovalwa ngehlahla kini, unesilwane, unesinyama, unesichitho.
33.Kwakuthiwa kunesilwane ekhaya, isona futhi esasona umsebenzi owawenziwa abantu abazoqinisa ikhaya, maNazaretha uma ngabe uNkulunkulu ungamazi, uzongena ezigibeni zokufa ngoba manje uyosebenzela indaba yokusombulula leyonkinga leyo.
34.Ngithi ngangena esikolweni ngaze ngafika kulesiya sigaba manje sokuthi imadlana engangithola esikoleni ye Bursary, i-scholarship ngiyaxhasa ukuthi kutholakale inyanga, inyanga nenyanga ngixhase nami ngifake isandla, ngingazi bangcwele ngilahleke okokugcinake manje.
35.3Kwahamba kwahamba kwase kuba khona itulo elenziwa abenzi bokubi, ngisacela uMfundisi ake angifundele incwadi ka Isaya 14 verse 12-15
36.12“Yeka ukuwa kwakho ezulwini,khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe. 13Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni
37.kwasenyakatho. 14Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’ 15Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi”
38.Kukhulunywa ngobani la, kukhulunywa ngoMubi, kukhulunywa ngowaxoshwa ezulwini ukuthi uzozenza njengoPhezukonke, utholakala kephi, simkhonza kuphi emadlozini, utholakala kephi, ezangomeni nezinyanga.
39.Isambulo-ke safika nabaholi, kukhona ke isihlabelelo sika 244, ngicela ukuthi ngisifunde, u verse -2.
1 Usathane useyasizonda.
Sinqatshelwe ukumkhonza emsamo.
Usehamba usenzela amadili.
Khona sizobuyela kuye silahlwe.
2 Anqotshiwe amandla akho.
NguJehova iNkosi yethu.
Luphelile udumo lwakho.
Ebesikukhonza ngalo emsamo.
40.Isambulo-ke lesi bangcwele sabaholi, sabantwana bakaNkulunkulu abakhuluma inkulumo ethi uJehova ungumthombo wabo bonke abomele izwi lakhe.
41.Bangcwele oMubi sasimkhonza singanakile, ngoba kuthiwa, ibhayibheli lithi uyikhwezi lokusa, uyakwazi ukuthi aziphendule, uyakwazi ukuthi aphendule noma ubani, wena futhi ngeke umnakeke. Kufana nanokuthi ngoba kukukhona abantu abangayizwisisi indaba yoMubi.
42.Uma kuthiwa, uma uBaba iLanga ethi amaNazaretha anganyatheli emathaveni, emabaleni amathaveni, angangeni ema tavern, engangeni kuma club, engangeni la ekukhandwe khona utshwala, ukuthi lapho kukhona zonke inhlobonhlobo zezono.
43.And lezo zono lezo, uma ungene lapho, abantu abaphila lapho babona abantu abazijabulele, babona abantu abazithokozele, kanti indlela yoMubi yokuqinisekisa ukuthi bavela ohlwini lakhe ukuthi ayongena ngabo Esigodini sosizi.
44.Ngoba omubi kahle kahle akabanakile kangakho, uyazi ukuthi abaligcini iSabatha, baphuza utshwala, bagcina benze izono lezi ezixakile.
45.Kantike bangcwele, kwase kuhamba kwaba u-2014, umfwethu walahlekelwa ifoni, kahle kahle, genxa yokuthi ngase ngisele ngingedwa, yayibaphatha kabi indaba yokuthi mina ngikhonza uNkulunkulu, ngigcina umthetho.
46.Babeba nezinkulumo ukuthi ayi lelibandla lamaNazaretha asilifuni, sengathi lo muntu engaphuma, kuthe uma sengiphumileke, namike ngase ngingena ngibajoyina. Njengoba elahlekelwe ifoni wahamba ke wayobhula, uma ebhula bangcwele, kanti lesi sangoma sizomkhandela amagobongo.
47.Into esayibeka ukuthi sathi unesinyama, isisombululo, ngoba phela angithi usuke ekutshela izindaba zakho bese uyamubuza ukuthi uzakusizakala kanjani, bese ethi ayi ungasebenzisa lokhu nalokhu. Kanti wenzakanjalo bangcwele umfaka umoya.
48.Ngithe ngithi ngisabhekile, ngisesikoleni, ngezwa sekuthiwa lo muntu unesiphiwo, bakhanda itulo-ke ukuthi lo munye ubaba, sabona kutheleka omunye umnomzane esigodlweni, uthi eyi indaba yamadlozi, amadlozi alayikhaya athi lo muntu kufanele ayothwasa, kungenjalo, uyoduka nezwe.
49.Ngoba sasikholelwa phela emadlozini, futhi mina-ke ngangicabanga ukuthi amadlozi angempela, kanti ubugebengu, ubugebengu ngoba lento le kwathi sesikhiphe izimali, sengipatanisile, nganginetoho enganginalo, wahlanganisa, nogogo wahlanganisa, wangena entwaseni waze waphothula. Sase sithi ya, kuncono kulokhu isangoma sisekhaya ngeke sisalokhu sichitha izimali siye ngaphandle.
50.Kanti siyazikhohlisa, kuthe uma eseqedile, sekufanele ukuthi asebenze manje, ayi ugobela umvalile, ayi lo muntu kahle kahle bekufanele ukuthi abe umprofethi ayi isangoma, manje ngenkathi engene entwaseni, ugogo wabuza ugobela wakhe wathi ubani lo omuphe lesisiphiwo lesi.
51.Lo gobela lo wathi ayi ugogo wasendulo wakwaGambu, wathi kodwa uma ngimubona uzisitha ngama dreadlocks, so manje asazi ukuthi imuphi ugogo, nogogo akakwazi ukuthola ukuthi ubani umnikazi womoya.
52.Bangcwele ngagileka kanjaloke ngoba imali yami yahambela amahhala, ngoba manje umsebenzi la engangisebenza khona ngo 2016, kwase kufanele ukuthi manje sengisebenzela nendaba yokuthi lo muntu lo asebenze, kodwa angasebezi, aze afike ngisho e-North West kodwa angasizakali.
53.Kwathi bangcwele ngo 2017 ugogo wase ehlaselwa ukugula esasingakwazi, esasiqala ukukubona, wayehlanza, ahlanze into enganqamuki ubusuku bonke.
54.Eyi ngoba nakhu phela manje umuntu usejwayele indaba yokubhula, kufanele uyobuza phela manje ukuthi ayi akukwazi, ngoba ugogo waphuthunyiswa esibhedlela kwathiwa ayi uphethwe isifo senhliziyo kodwa ukuhlanza lokhu kwakunganqamuki.
55.Ngathatha imali yami ngahamba futhi ngaya eBergville edolobheni, eyi yazi indaba le yokukhonza kakhulu ukubhula noma ukuhlolelwa, iyinkinga ngoba manje uhlolelwa nezinto ezisobala.
56.Ngoba omunye umama mangifika laphana eBergville uthi ayi ugogo wakho uphethwe isifo esingiphethe, uphethwe ama ulcer, ayi angizange ngimkholwe lo, wasuka wathi ayi ugogo akayeke ukuphuza isiphuzo esishoshozelayo, ayeke ukudla okune spice, wathi angomthengela ijinja, kodwa angizange nganeliseka ngenxa yezimo.
57.Ngaqhubeka futhi ngaya kwenye indawo, nalowo wakhuluma into efanayo, wathi no, ugogo kukhona abathakathi ababili abafuna ukumthwebula, wanginikeza amafutha wathi mi, agcotshiswe ngawo.
58.Umuntu nje uma ezwa ekhuluma ngezangoma ezisizanayo uyalalela, sikephi? Ayi sisendaweni ethile, gicela ama phone number. Manjeke kuyinkinga lokho bangcwele, ngahamba loluhambo ngaze ngafika kwesinye isangoma sokugcina-ke manje, 2017/18.
59.Nayeke lo wakhuluma into efanayo, kodwa lona ngambuza, ngoba phela umfwethu wayesethwasile eseqedile, manje naye wavele wakushiya phansi waziphilela impilo yakhe yobumnandi, manje sengiyambuza ukuthi aybo uyokwazi kanjani ukuyoqinisa ngoba kunesangoma lapha ekhaya.
60.Wathi no, ngizanikeza wena ukuthi uyoqinisa, ugcabe, ngakhipha bangcwele, yazi namanje umuntu usanikina ikhanda, kungaphethi, ngendlela umuntu owayeduke ngakhona, edukiswa iloya mndeni loya ozenza oPhezukonke kodwa evunule ngamadlozi, evunule ngezangoma.
61.Bangcwele, ngase ngimbuza, ngasibuza mina lesangoma, ngathi kodwa kuyenzeka abantu baphila ngaphandle kwemithi, sathi ya, nami ngangisindisiwe.
62.Ngaphambi kwalokho bangcwele, ngoba phela isisombululo sasingatholakali manje, angithi ugogo wayegula enganqamuki, kwenzekake bangcwele ukuthi, ngoba isangoma leso ngasitshengiswa umuntu engangisebenza naye, yena waya ehambise izinkinga zakhe, wakhokhiswa R2.5k, mina uma sengifika ufuna u R3.5k.
63.Futhi wayephoqa ukuthi afune ukuthi asebenze ngekhaya, imali seyiphelele ukuthi asebenze ngekhaya kwakuwu R6.5k, ngiyakhumbula ngahamba ngayoboleka kwenye short-term loan company ekhona online, ngafika ngayibala, ngayikhipha yonke, ngambalela yona, 2, 4, 6, ngayihlukanisa, ngathi enye ngizoyiletha inyanga mayiphela, ngoba ngangingakaholi.
64.Kodwa bangcwele ngangilambile, ngilambele inkulumo ethi uJehova ungumthombo wabo bonke abomele izwi lakhe. Ngase nginakake indaba ngoba ekhasini lebandla nga-like, kwathi-ke ngingena ngathola kuma feeds, ngabona ukuthi ngingafundani,
2018, ngabona ukuthi le ntshumayelo ijulile.
65.Ngase ngitshela ugogo ukuthi gogo mina sengiyayeka manje, angisafuni ukuhamba izangoma sengibuyela eNazaretha ngoba ngase ngidlala izintshumayelo zikaBaba uMelusi.
66.Ngiyakhumbula nje kwakukhona enye, lapho eyayikhuluma khona ngabalele ukuthi ingelosi yayithi ngalesi sikhathi sakuqala okhokho babengavumelekile ukuthi bengaya ezulwini babehlala esihlahleni, ezibayeni, emathanjeni.
66.Kwathi-ke ngokufika kukaShembe, ngokufika kukaJehova, labo ababengcwele uNkulunkulu wabakhulula ngalokho, ngamandla, bangena ezulwini, uJehova wase ethatha indawo yabo, wayesethatha umsebenzi wokuthi asivikele sonke.
67.Bangcwele kukhonake enye into oyaye uthi uma uhamba, ngoba phela bayakhohlisa nabantu, uma ugula noma unezinkinga, kuba sengathi uNkulunkulu akekho, uNkulunkulu usiza labo abathandayo.
68.6Ngicela incwadi ka Jeremiya 32 verse 27
“Bheka nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?” Amein.
69.Impela bangcwele yini uNkulunkulu engamehlula ngoba ulapha zonke izifo, uthethelela zonke izono zethu, bangcwele ngathatha isinqumo ngo 2018 ukuthi ngivele ngiyisebenzise le mali, ngiyobona laba bantu abakhuluma ngoNkulunkulu, abakhuluma ngoShembe.
70.Ngathi angithi ngangichitha izimali ezishisiwe, nakulokhu-ke ngizoya, ngeke ngilokhu ngizwa ulubo kubafwethu nodadewethu ukuthi ibandla lase-NCG linjani, ngiymazi na uBaba uMelusi, ngavele nje ngabhala umyalezo, ngabhalela uBaba uMelusi, ngamchazela ngathi Baba bengifisa ukuzovakasha, ngamchazelake.
71.Ngakhwela ibhasi, ngasebenzisa public transport, ngaze ngafika qathatha, kwakusakhonzelwa eWaterfall, ngoba maNazaretha nami ngangifuna ukuthi ngifakaze nami ngithi uJehova ungumthombo wabo bonke abomele izwi lakhe.
72.Impela ngathola impatho enhle, ngayikhetha iNkosi, angizange ngibheke emumva. Ngifundeni selokhu ngifikile lapha bangcwele, kusukela ngo 2018, kuze kube manje. Ngifunde ukuthi indlela kaNkulunkulu ifuna abantu abazimiselayo, ifuna amadelakufa.
73.Ngoba ngathola abantu abantwana bakaNkulunkulu, abangcwele bakaNkulunkulu ababezinikele kuNkulunkulu, abangasatshiswa ngamadlozi ukuthi amadlozi azokufulathela amadlozi, kwasha kwacima, nami ngaba nethemba ukuthi uma ngabe bekwazi ukuba nesibindi, bamele ukholo lwabo ngingahlulwa yini.
74.Bangcwele ngifundile futhi ukuthi into esiyisebenzela kakhulu umoya wethu, ngoba ngicabanga ukuthi ukoma komphefumulo ikhona okwangiholela ukuthi ngizihluphe ngifune Labantu abanokukhuluma okunjena.
75.Bangcwele into engifundile, ukuthi njengoba sihlangene lapha, sizokhonza uNkulunkulu njengoba igama lakhe lase lishabalele ngoba ngifike la kukhulunywa into eyodwa ukuthi kukhonzwa uNkulunkulu uJehova futhi sisesikoleni sifundiswa ngezingathekiso ngoba izinto lezi esazigcina esikoleni, sifundiswa ngenkulumo eqondile.
76.Bangcwele, kumandi ukukhonza uNkulunkulu, kuyisibusiso futhi. Bangcwele uNkulunkulu futhi wazibonakalisa ngesikhathi se-Covid ngoba wazibabaza wathi impela unguNkulunkulu wenyama yonke ngoba sasinda ngengalo yakhe enamandla.
77.Bangcwele ngifundile futhi ukuthi into ebalulekile njengoba singamaNazaretha eyosisiza ukuthi sigcine umthetho kaNkulunkulu, silinde, sinikele, sithandaze.
78.Ukuhlupheka kukhona, noma ngingeke ngilivule ibhayibheli kodwa ukuhlupheka kukhona, kodwa kuncono ngoba sihlupheka kukuthi sikhethe uNkulunkulu ngoba nogogo uma egula, lokhuya kufa lokhuya, ngiyaye ngithathe amafutha abusisiwe namanzi, ngithandaze ngimubone esinda, ngithi ngimyisa kadokotela kodwa impilo yakhe ibe iphephile.
79.Manje bangcwele, abantu bangasidelela basibukele phansi ngoba nakhu abaholi bethu bengasibona abakwa-Shembe, kodwa ngithi uNkulunkulu ukhona Phakathi kwethu, uNkulunkulu ubeke bona phambi kwethu, uNkulunkulu uthume bona phambi kwethu.
80.Sonke siyazi ukuthi ubuNazaretha buphumaphi, ibona abasebenza ubusuku nemini, bevumba imivalo ukuthi izinkomo zingaweqi, ngoba le insimu, banomoya kaMprofethi, Bagade insimu kaNkulunkulu.
81.Ngizocela futhi ukuthi ngiphethe ngencwadi ka-Isaya 43 verse 10-11
“Ningofakazi bami,” usho uJehova, “nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.”
82.Ilelivesi leli esihamba ngalo kulendlela le kaNkulunkulu, konke sikubika kuJehova kuMenzi wazo zonke izinto, kuke kwaba nomunye, layikhaya phela siyafundiswa ukuthi uyakwazi ukumangalela umuntu ngomnikelo.
83.Manje lo zakwethu lo ungebela ifoni, inhliziyo yami yaba buhlungu ngoba manje ngacabanga ngabona ukuthi uye, kodwa ngathi angingamqondi ngoba uzophika ngoba phela umlomo ishoba lokuziphungela.
84.Bangcwele ngafika ngazokwenza isimangalo, ngangakhuluma igama lakhe, impela ngasifaka isimangalo, kwahamba kwahamba ngathi ngithi ngiyamubona lo mbhemu, ngambuza ukuthi windscreen yakho kwenzakaleni ngayo, wathi ayi bengihamba emva kwe truck itshe lasakaza i-windscreen yami.
85.Manje ngikhumbula amazwi omholi ethi ungafisi ukubona uNkulunkulu ejezisa isitha sakho ngoba kwakuyoba i-disaster ukube yadlulela enyameni kodwa ke uNkulunkulu wazibonakalisa.
86.Ngithanda futhi ukubonga bangcwele kuNkulunkulu ukuthi ngo 2018, ngafika lapha ngisebenza nge contract, kodwa kwathi ngingena kulelibandla leli lamaNazaretha kaNkulunkulu ngaqashwa ngokugcwele.
87.Manje-ke izithelo zikhona bangcwele, okwethu ukuthi sizimisele ngaye. Ngalawamazwi ngisacela uNkulunkulu angithethelele la engikhulume kabi khona. \
88.INkosi ibusise izwi layo.