Siyazi ukuthi zonke izimfundiso ngokugcina iSabatha zingumthetho ngoba ziyinkulumo ebhalwe ngokuqondile ‘i-direct speech’ azidingi kuhunyushwa ngoba aziyiso isingathekiso, futhi awukho omunye umqondo eziwakhayo!
Isihlabelelo 119.
1.Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
2.Thina siyamthanda lo
Onokusindisa
Sophelela sonke kuJehova
Onokusindisa.
3.Wena uyamdinga lo
Onokusindisa
Kuphela kwakhe uJehova
Onokusindisa.
4.Alikho nelinye igama
Esingasinda ngalo;
Kuphela igama likaJehova
Esingasinda ngalo.
5.Asina zihlangu
Esinga vika ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingavika ngalo.
6.Asinazi khali
Esingalwa ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingalwa ngalo.
1.Incwadi ka-Eksodusi19:20-22 no- Eksodusi 20:1-6: “UJehova wehlela esiqongweni sentaba iSnayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.
2.UJehova wathi kuye: “Yehla uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uJehova, ngokuba iningi liyobhubha.
3.Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova ababhubhise.
4.UNkulunkulu wakhuluma wonke lamazwi wathi: “NginguJehova uNkulunkulu owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila. Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
5.Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zanoma yini olusezulwini, noma olusemhlabeni, noma olusemanzini.
6.Ungazikhothameli ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo.
7.Kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalo yami. Amein!”
8.Empilweni yami ngangingazi ukuthi kukhona abantu bamzondayo uNkulunkulu, ngicabanga ukuthi lokho kusho ukwehlulwa nje yisono, bese kuphela lapho.
9.Kodwa manje sengiyazi ukuthi bakhona abantu abayizitha ngempela zikaNkulunkulu, futhi abangakufihli lokho ngoba bayaku fundisa ukuthi asimlahle loNkulunkulu kaMoshe, uJehova!
10.E-University ngenza isifundo okuthiwa yi-Intepretation of Statutes, okuyiso esingisiza kakhulu ukukwazi ukuhlaziya uMthethosisekelo wasezulwini!
11.Ngicabanga ukuthi ngaphambi kokuba nginikezwe umsebenzi wokuhola ibandla, uJehova wangilungiselela lesi simo.
12.Ingelosi eyafika kithi ngo 2006 yazichaza ukuthi igama layo uHlaleleni. Kwathi ngo 2010 uma ingichazela ukuthi ngithunywa ukuba ngiphume eBuhleni, bese ngihola ibandla elizokhonza uJehova yedwa, ngabuza kuyo ukuthi ngikwenze kanjani lokho ngoba angisiye owakwaShembe?
13.Ingelosi yangiphendula ngolaka yathi: “Ngenkathi iNyangayezulu ithi ukuwa nokuvuka kwebandla lamaNazaretha uNkulunkulu uyokubuza kuwe, awumbuzanga ngani ukuthi lokho kokwenzeka kanjani ngoba babekhona oNyathikazi noSolomuzi bakwaShembe, kodwa kwangakhonjwa bona?”
14.Yabe isithi: “UShembe akashongo ukuthi hola ibandla lakwaShembe, kepha uthe HOLA IBANDLA LIKAJEHOVA.”
15.Namuhla ke ngiphumela obala ukwazisa wonke amakholwa ukuthi ibandla lama Nazaretha kaNkulunkulu alikho ngaphansi kwebandla lama Nazaretha eliholwa ngamadodana akwaShembe, kanjalo futhi, lelibandla alikho ngaphansi kwenkolo yobuKrestu buka Constantine.
16.LELI YIBANDLA LIKAMENZI WEZULU NOMHLABA, lokho sizokuchaza kabanzi.
17.Ngachazelwa ukuthi ngithunywa UKUVUSA IBANDLA LIKAJEHOVA ABASEMHLABENI ESEBALIQEDA.
18.Njengamanje akekho ama Nazaretha afundisa ngoJehova ngaphandle kokuthi uJehova bagcina ngokufunda ngaye ezihlabelelweni zama Nazaretha ezavela noBabamkhulu!
19.Angisawaphathi ke amaKrestu, ngoba ngisho encwadini yabo IGAMA LIKAJEHOVA NOMA UYAHUWA selachithwa ngisho emibhalweni yabo, okuyiTestamente Elisha.
20.Kulesi sikhathi samanje yilelibandla lama Nazaretha kaNkulunkulu kuphela elihamba ngokwezimiso zikaJehova uNkulunkulu wethu!
21.INCG okuseli bandla eligcina umthetho kaJehova owafundiswa yibo bonke abaprofethi kuze kufike kumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye) ukuthi asibuyele kuJehova!
22.Onke amabandla akhona, ngisho amaNazaretha imbala, njengamanje asekuveze obala ukuthi akasayingeni indaba yokukholwa ngokugcina umthetho kaJehova!
23.Kodwa ibandla lama Nazaretha kaNkulunkulu, linjenge bandla elaliholwa nguMoshe ngesikhathi sakwa-Israel.
24.Kwa-Israel uNkulunkulu wayenika uMoshe yonke imithetho yakhe bese uMoshe umthetho kaJehova ewedlulisela ebandleni.
25.Nakulelibandla lama Nazaretha kaNkulunkulu kunjalo, yonke indlela yokukhonza uNkulunkulu ingelosi iyedlulisa kithi, bese kuthi esikufundiswa yingelosi thina sikwedlulise ebandleni.
26.Awukho umthetho kaNkulunkulu omdala ezulwini, kusagcinwa iSabatha njengoba kwakwenziwa kwa-Israel, akushintshe lutho!
27.Kulelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba ingelosi ifike yagcizelela imithetho kaMoshe nezimfundiso zabaprofethi ezavuswa nguShembe, thina esithunywe ukuba sizigcizelele kulabo abasathanda ukukhonza uJehova!
28.Kulesi sihloko esithi: “KANTI KUMAKHOLWA ONKULUNKULU BANGAKI,” sibuka izinto ezenziwa ngabantu abayaye bethi bangamakholwa, okungama Nazaretha namaKrestu, kodwa ngayo yonke indlela zibe zibonisa ukumhlubuka uNkulunkulu!
29.Ukugcwalisa owakusho kuMose uJehova, ngomlomo womprofethi u-Isaya ku-Isaya 43:10-11 uJehova uthi: “Ningofakazi bami nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye.
30.Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akakho oyokwenziwa ngasemuva kwami. Mina,Mina nginguJehova, ngaphambi kwami akekho uMsindisi!”
31.Kodwa amaKrestu athi uJesu nguNkulunkulu, amaNazaretha akwaShembe athi uShembe nguNkulunkulu!
32.Bayamphikisa uJehova uma ethi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe, nokuthi singabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe.
33.Noma ezulwini kungehla ingelosi enkulu, uGabriel, ize emhlabeni, asikwazi ukuthi sithi inguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu nguJehova kuphela!
34.Asikwazi ukuba ngamakholwa oNkulunkulu ababili, uJehova noJesu noma noShembe, ngoba umthetho esawemukela entabeni yaseSinayi uyakuphika lokho!
35.UJehova wathi ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Kodwa thina sesiyamphikisa kulokho!
36.Ilizwi likaNkulunkulu lithi UKUKHOLWA KUJEHOVA UKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWAYILETHA EMHLABENI NGOMOSE! Uma sisakholiwe asikwazi ukuchitha okushiwo ngoNkulunkulu!
37.Kodwa uma abantu bewuchitha umthetho kaNkulunkulu, baqhamuka nemibuzo eminingi, ngoba befuna izizathu abazowuchitha ngazo!
38.Kwamanye amabandla obuKrestu abantu bayafundiswa ukuthi bawuchithe kanjani umthetho kaNkulunkulu!
39.Lesi senzo singikhumbuza enye inkulumo eyake yakhulunywa ngelinye iMoslem ngenkinga yenkolo yobuKrestu. Lithi ke leli Moslem:
40.“The problem with many Christians is that they are trained to understand the opposite of what they read in their own book!”
41.Inkinga yamaKrestu ukuthi baqeqeshwe ukuba baqonde okuphambene nalokhu abakufunda encwadini yabo, okuliBhayibheli!
42.Ngenxa yokuthi isizwe esimnyama asinalwazi lokuthi iBhayibheli isikhathi esiningi likhuluma ngenkolo yama Hebheru, okuyinkolo yethu, amabandla ezimishini abatshela noma yini echitha inkolo kaJehova, bese abantu benqekuzisa amakhanda bevumela lezi zimpisi ezembethe ingubo yemvu!
43.Abantu bakithi bayawulahliswa umthetho kaJehova, bethathe lokhu abakufundiswa zimishini!
44.Sizonikeza isibonelo ngeSabatha: Ku-Eksodusi 20:8-10 uJehova lo sonke esithi siyamkhonza uthi:
45.“Khumbula usuku lweSabatha ulungcwelise. Uyosebenza izinsuku eziyisithupha uwenze wonke umsebenzi wakho.
46.Kepha usuku lwesikhombisa LUYISABATHA LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, AWUYIKWENZA MSEBENZI NGALO, WENA NENDODANA YAKHO, NENDODAKAZI YAKHO, INCEKU YAKHO, INCEKUKAZI YAKHO, NOMFOKAZI OGOGOBELE EMZINI WAKHO.”
47.Ku-Eksodusi 35:1-3 kuthi: “UMose walihlanganisa lonke ibandla lakwa-Israel wathi kulo: “Ilokhu uJehova aniyala ngakho ukuba nikwenze:
48.“Niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesi khombisa niyokuba neSabatha likaJehova elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo, uyobulawa! NINGABASI UMLILO EMAKHAYA ENU NGOSUKU LWESABATHA.”
49.Ku-Eksodusi 31:16-17 kuthi: “Ngakho ke abantu bakwa-Israel boligcina iSabatha izizukulwane ngezizukulwane NJENGESI VUMELWANE SAPHAKADE.
50.LIWUPHAWU LWAPHAKADE PHAKATHI KWAMI(JEHOVA) NABANTU BAKWA-ISRAEL, LOKUTHI UJEHOVA WADALA IZULU NOMHLABA NGEZINSUKU EZIYISITHUPHA, WAPHUMULA NGOSUKU LWESIKHOMBISA, WALUBUSISA.”
51.Zonke lezi zincwadi engizicaphunile zingumthetho kaNkulunkulu ongadingi mpikiswana! Wonke umuntu uyalifunda iBhayibheli elinezincwadi eziningi ezikhuluma ngeSabatha, kodwa namanje uthola kunempikiswana ngokugcina iSabatha!
52.Siyazi ukuthi zonke izimfundiso ngokugcina iSabatha zingumthetho ngoba ziyinkulumo ebhalwe ngokuqondile ‘i-direct speech’ azidingi kuhunyushwa ngoba aziyiso isingathekiso, futhi awukho omunye umqondo eziwakhayo!
53.Kuyi- interpretation of statutes usuke ufundiswa ngokuthi inkulumo uma ikhulunywa noma ibhaliwe, kumele uthole umqondo wayo; wazi futhi ukuthi umuntu oshaya umthetho othile akanakuziphikisa!
54.Uma uhumusha umthetho, kumele ubheke inhloso yowubhalile; awukwazi ukushaya umthetho ongezwakali ukuthi ngawo uqonde ukuthini.
55.Kanjalo nomthetho kaNkulunkulu ubekelwe ukugcinwa yiwo wonke amakholwa, kodwa abangenwe ngumoya wokuhlubuka, bahlale benemibuzo engekho!
56.Ngaleyo ndlela wonke umuntu uyazi ukuthi wathi uNkulunkulu asimkhonze ngkugcina isabatha, nokuthi isijeziso sokungaligcini isabatha ukubulawa! Lo ngumthetho kaNkulunkulu oqondile!
57.Kodwa ngoba asisabuswa umthetho wezwe eliphethwe ngomthetho kaJehova, isijeziso ususithola ngokungalingeni izulu!
58.Ekuchitheni umthetho kaJehova kumaNazaretha kubi kakhulu, ngoba ngeSabatha bafunda okunye, uma bewuqeda umthandazo incwadi bayilaxaze le, bese beqhuba ivangeli labo eliphikisa khona lokhu abakade bekufunda!
59.AmaKrestu amaningi akayazi kahle inqubo yokukholwa ngoba lenkolo yobuKrestu bazalelwe kuyo vele inenhlosa yokusikhipha kuJehova!
60.Esehamba emhlabeni uBabamkhulu ethandaza uthi: “Nkosi, ngitshele uma ngihamba lapha emhlabeni, laba bantu bazosala babe yini emva kwami?
61.Akuyikungena utshwala eKuphakameni; akuyikungena ugwayi eKuphakameni, akuyikungena izingulube na?
62.Abayikugcwala yini onondindwa eKuphakameni, abayikugcwala yini abathakathi eKuphakameni.
63.Aliyikuphulwa yini iSabatha, abayikuyilahla yini lemvunulo engibanike yona.
64.Lokhu kusina engibafundise khona akuyoba yinto yokusina izidakwa na?”
65.Yonke lemikhuba uShembe oyibalayo ukuthi ayingenzeki, isiyenzeka.
66.Namuhla ibandla laseBuhleni lisonta nezangoma, iningi lamalunga seliyakuphuza utshwala, mhlawumbe sebeyazidla nezingulube!
67.Okubi kakhulu, kwamanye amaNazaretha imigidi sekuyinto yokudlala izidakwa!
68.Sekunezinsizwa nezintombi zamaNazaretha ezihamba zisinela abantu emgwaqeni. Izinsizwa zitholakala zisina ziqimbile noma zembethe amavesti, zibophe amaduku ezithweni.
69.Umgidi wamaNazaretha nengoma izinto ezimbili ezinga hlangani. Umgidi umkhosi wasezulwini okungadlalwa ngawo ngoba ubukelwa ngabasezulwini!
70.Abantu abenza zonke lezi zinto akungakho ukuthi behlulwa yisono, kodwa ngokusobala bavukela uJehova ngoba sebenomunye unkulunkulu!
71.Ukuthi singazi hlanganisi nezangoma ngumthetho kaNkulunkulu okuLevi 20:27, nakwezinye izincwadi.
72.Akugcini lapho, noShembe uBabamkhulu wakhuluma kabanzi ukuthi singalokothi sizihlanganise nezangoma singamaNazaretha!
73.Kodwa namuhla amaNazaretha akwaShembe aseba yizangoma, lokhu kwenziwe ngisho ngabagcotshwa!
74.Kuliwa noJehova noBabamkhulu, ngoba nabo sebethi banonkulunkulu!
75.Ukuthi singawa hlabeli amadlozi ngumthetho kaNkulunkulu. KumaHubo 106:28-29 kuthi:
76.“Bazihlanganisa no Bali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo, bamcunula uJehova ngezenzo zabo. Kwabhoboka isifo phakathi kwabo.”
77.Uma uJehova efike eshaye umthetho, ethumele izithunywa zakhe ukuzofundisa ngalomthetho, bese lomthetho kaJehova uchithwa ngamaNazaretha ngoba bethi sebenonkulunkulu wabo, kodwa UBabamkhulu uthi ALIKHO ELINYE IGAMA ESINGASINDA NGALO, KUPHELA IGAMA LIKAJEHOVA!
78.Awukwazi ukukhonza amakhosi amabili ngasikhathi sinye; ngakho bonke abantu asebelandela izimfundiso zomunye unkulunkulu ngaphandle kuka Jehova, sebeno nkulunkulu wabo, hhayi uJehova!
79.KumaKrestu unkulunkulu wabo omkhulu ngumpostoli uPaul, ngoba bayazichitha izimfundiso zikaMoshe nezikaYeshua, belandele izimfundiso zompostoli uPaul ezichitha umthetho kaJehova
80.AmaNazaretha akwaShembe unkulunkulu wawo uShembe, awaseBuhleni akakufihlile ukuthi unkulunkulu wawo uNyazi, akekho ngaphansi kwaBabamkhulu, akekho ngaphansi kwaJehova!
81.Abantu abaningi bayaye bezibize ngamaKrestu, ngomlomo bethi bangaphansi kwaJesu, kodwa ngokwenza bebe bengaphansi kompostoli uPaul!
82.Bese uyadideka ukuthi lomuntu usho kanjani ukuthi ungumKrestu kodwa ekwazi ukuchitha umthetho kaKrestu ngokusobala, njengokugcina iSabatha, ukugunda ikhanda, nokuningi owathi uJesu bengakwenzi?
83.UYeshua eshumayela uthi: “Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani lapho ethi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze, bafundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu.”
84.Cishe lonke iBhayibheli likhuluma ngomyalo weSabatha, lisho ngisho isijeziso umuntu oyosithola uma engaligcini isabatha.
85.Ngakho akufanele ngabe kusekhona impikiswana yokuthi kufanele yini ligcinwe isabatha.
86.Kodwa amaKrestu amaningi akaligcini iSabatha, uma ubuza ukuthi kungani, yilowo nalowo ukutshela ngowakutshelwa ngumfundisi wakhe, ngoba akakwazi ukucaphuna okushiwo nguNkulunkulu ukuthi singaligcini iSabatha.
87.Kodwa bona laba bantu abangaligcini isabatha, abadla ingulube, ubezwa bezincoma bethi bona basindisiwe, bangabantwana bakaNkulunkulu, besola amanye amaKrestu ngokukholwa, kodwa ngokuhamba ngokwezimiso zikaJehova, bafana bonke!
88.Ibandla likaJehova ngeloMdali wezulu nomhlaba, lafika phakathi kwethu ngenceku yakhe uMoshe.
89.Ngakho ke uma ukholwa kulo, lokho kubonise ngokugcina imithetho kaMoshe!
90.KuMathewu 7:21-23 uJesu uthi noma ungahlale uthi Nkosi, Nkosi, kodwa uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, ekufeni kwakho, usuphambi kwakhe, uYeshua uyothi: “Angikwazi, suka kimi wena Menzi wobubi!”
91.Lelivesi elithi uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu uYeshua uyokuxosha phambi kwakhe, ethi akakwazi, alifundwa emabandleni, yize lingukhiye wokungena ezulwini!
92.Kanjalo nevangeli elikuMathewu 5:19, elithi uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, ubuye ufundise abantu ukuthi abangawugcini umthetho kaNkulunkulu ngenke wamukeleke ezulwini, ngumyalo kaYeshua ongafundelwa abantu!
93.Ivangeli elikhulu ngelokudumisa uYeshua ngomlomo, kuhlatshelelwe, kudanswe ngaye, umuntu akhulume aze ajuluke ebe manzi, kodwa akugodle lokhu okwashiwo nguYahusha, ukuthi akadunyiswe ngokugcina umyalelo owabafundisa wona othi akugcinwe umthetho kaMoshe!
94.Ukhiye wokukholwa okuzokuku ngenisa ezulwini ukugcina IMIYALO KA YAHUSHA.
95.Lokhu uYahusha ukusho ezindaweni eziningi. kuJohane 14:15 uYahusha uthi: “Uma ningithanda niyakugcina IMIYALO YAMI.
96.Ebandleni lamaNazaretha sinomsunguli walo umprofethi u-Isaya Shembe, esimbiza ngoMqaliwendlela noma uBabamkhulu.
97.Emva kwakhe kube nabaholi abaningi bakwaShembe, kodwa abanye abangasayilandeli inqubo yokukholwa esayinikwa nguShembe.
98.Uma abalandeli babo sebelahle umthetho ka Nkulunkulu, kuphenduka kube abaholi babo onkulunkulu, ukuze kuthi uma behlubuka bese bethi:
99.“Hhayi thina uShembe wasivumela ukwenza lokhu. Uma bethi ‘UShembe” basho umholi wabo, hhayi uMqaliwendlela.
100.Abanye bethi: “UBaba iLanga wasivumela ukuba siwahlabele amadlozi.
101.Ngalokhu bechaza ukuthi uBaba iLaga usengaphezu kwaBabamkhulu noNkulunkulu!
102.Noma ngabe uBaba iLanga wavuma, kodwa nguye uBaba iLanga owathi akukho muntu kulelibandla ongashaya umthetho ophambana nokaBabamkhulu, ngisho yena uqobo!
103.Ekuqaleni sithe sesiyazi qhelelanisa nama Nazaretha akwaShembe kanye namaKrestu, ngoba lamabandla asenabanye onkulunkulu kunoJehova, asezinkolo ezifanayo nje neBhudasm kanye ne Hindusm!
104.AmaKrestu akhonza uJesu no Paul, kodwa okuseqinisweni nguPaul ohamba phambili ngoba emabandleni abo balandela imithetho kaPaul!
105.AmaNazaretha aseBuhleni akhonza uNyazi, abakwamanye amabandla abacacisi, kodwa nabo abakufihlile ukuthi bakhonza uShembe yedwa, uJehova akasabalwa!
106.Kithi kwafika ingelosi ihamba ngezinyawo, yathi: “NGITHUNYWA NGU SHEMBE UBABA ILANGA, UTHI MAKHELE IBANDLA ELIZOKHONZA UJEHOVA, UTHATHELE EBHAYIBHELI, EZIHLABELELWENI ZAMA NAZARETHA NASEZI NTSHUMAYELWENI ZOMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE EFUNDISA AMANAZARETHA NGOKUKHONZA UJEHOVA.”
107.Ngakho akufanele ukuthi thina esikhonza uJehova yedwa sizihlanganise nezinkolo ezino nkulunkulu abafana nabeBhudas, kanye ne Hindusm, okungabanye onkulunkulu!
108.Lezi zinkolo ngokukhuluma nangokwenza sezamhlubuka uJehova zazakhela onkulunkulu bazo ezingaba fundiswanga nguJehova.
109.Ngakho aziwona amaNazaretha, ngoba amaNazaretha libandla likaMenzi wezulu nomhlaba elikhonza uJehova ngokugcina imithetho yakhe!
110.Njengebandla elikhonza uJehova neligcina imithetho yakhe, kumele siziqhelelanise nalamabandla asenabanye onkulunkulu!
***********************************
1.Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke
Sohlabelela sibatshele bonke
Sisindisiwe thina.
2.Sokwenambatha sanele
Intokozo yovuyo
Yokwembathwa ngalabo
Abanethemba lokusindiswa.
3.Sisindisiwe thina
Manazaretha sonke
Sophuza sanele
Ngaphezu kwentaba.
4.Sisindiwe thina
MaNazaretha sonke
Sokwembatha sanele
Leyontokozo yovuyo.
iNkosi ibusise izwi layo.