Uma uShembe ethi “sophuza kulelotshe lasentabeni yaseSinayi,’ uchaza ukuthi sophiliswa yimithetho kaMose owayemukela entabeni yaseSnayi!
Ngiphilile namaKrestu iminyaka eminingi, ngiya nasezi nkonzweni zawo, kodwa angikaze ngimuzwe umKrestu ekhuluma ngemithetho esayemukela entabeni yaseSnayi. Imfundiso enjalo ayikho enkolweni yobuKrestu.
Isihlabelelo 200
1.Lithi izwi likaSimakade
Kunina bantu bakhe
Ningasebenzi ngeSabatha
Nina bantu bakhe.
2.Lalelani izwi lakhe
Elikubantu bonke
Ligcineni iSabatha
Nina bantu nonke.
3.Odumaza iSabatha
Makafe nokufa
Lalelani bantu bakhe
Gcinani iSabatha.
4.Waphumula uMenzi wethu
Ngalo leli Sabatha
Nathi masiphumule
Ngalo leli Sabatha.
5.Osebenza ngeSabatha
Makafe nokufa
Ningasebenzi bantu bakhe
Ngaleli sabatha.
6.iSabatha lingumuzi
wokuphumula iNkosi
Ningasebenzi bahloniphi
Ngalo leli Sabatha.
7.Kuyintwenhle ukuhlonipha
Imini yeNkiosi
Hloniphani bantu bakhe
Imini yeSabatha.
1.UBUNGCWELE NOKUSINDISWA KUNEZIMO EZINGAFANI.
Incwadi kaLevi 20:26: “Zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingu Jehova uNkulunkulu wenu. Amein!”
2.INkolo enoNkulunkulu oyedwa uJehova, yafikela esizweni samaHebheru emva kokuba uJehova esikhulule eGibhithe kuFaro.
3.Njengoba lencwadi esiyifundile isho, wathi uJehova abahlale abantu bengcwele, lokho okusho ukuthi abahlale beyisizwe esinamathele kuJehova ngokugcina umthetho wakhe.
4.Ukuba ngcwele ukuhamba ngokwezimiso zikaJehova, okunguku gcina umthetho kaJehova. Leligama lalisebenza kakhulu enkolweni kaMoshe, yikho nje silithola kakhulu ku-Old Testament!
5.Ngo 70 A.D amaRoma asinqoba isizwe samaHebheru, kwase kuthi ngo 325 A.D kwaba nombusi wamaRoma owaba nemithetho eyayichitha inkolo yamaHebheru. Akuchithwanga kuphela inkolo, kodwa namagama asenkolweni yamaHebheru ayechithwa bese emelwa ngamagama asenkolweni yobuKrestu.
6.Nanka ambalwa aqedwa: Igama lamaNazareens laqedwa, kwase kuba ngama Christians (Bheka Izenzo 24:5). Isabatha laqedwa kwase kuba liSonto; iphasika laqedwa kwase kuba ama-Easters, namanye amaningi.
7.Negama elithi ‘ubungcwele’ laqedwa kwase kukhulunywa ngokusindiswa. Inkinga enginayo ngokusindiswa ukuthi liyigama elisebenza kakhulu enkolweni yobuKrestu, kodwa angilazi ukuthi lisho ukuthini, ngoba nabali sebenzisayo angikaze ngibezwe belichaza.
8.Ngisafunda eHigh School ngajoyina i-Student Christian Movement (SCM) ngaze ngagcina ngingusihlalo wayo. Bonke abangani bami kwakungabantwana abasindisiwe ngaphandle kwami enganginga sindisiwe.
9.Umngane wami omkhulu nowaye esindisiwe kwakungu Derrick Sibisi owagcina engumfundisi ebandleni elaziwa ngokuthi kuKwaSizabantu. Lomfana wayengikhonzile kakhulu!
10.Ngelinye ilanga lomfana uthi kimi: “Mpanza, wena unokukholwa okujule kakhulu kunathi sonke, kodwa osekusele nje ukuthi usindiswe!”
11.Ngase ngimbuza ngithi: “Umuntu usindiswa kanjani?” Wayesethi, hhayi kulula, ukuvele uye phambili enkonzweni bese umemezela ukuthi usungosindisiwe.”
12.Ngathi ‘O!’ kodwa ngayicabanga lento ekhulunywa ngumngani wami ukuthi kanti ichazani? Ngokuthi usukume nje utshele abantu ukuthi usindisiwe, ususindisiwe njalo?
13.UShembe ke esihlabelelweni sakhe uthi: SINDISIWE THINA MANAZARETHA SONKE, SOHLABELELA SIBATSHELA SITHI SISINDISIWE THINA.
14.Kodwa noma ngokuhlabelela kungezwakala sengathi yikho lokhu okwakushiwo nguSibisi, kodwa akunjalo! Akulona usiko lwama Nazaretha ukuthi aqhoshe ngokuthi usindisiwe, ngoba lolo lulimi alukho enkolweni kaMoshe, okuyiyona nkolo thina maNazaretha esiyilandelayo.
15.Ebandleni lama Nazaretha sikhuluma ngobugcwele, ukuthi umuntu akabe ngcwele. Ukuba ngcwele ukuphila impilo yasezulwini, impilo yomuntu ongasenzi isono.
16.Ngiyazi safundiswa ukuthi akakho umuntu ongenaso isono, kodwa okuseqinisweni ukhona umuntu ongana sono, nawe ungazenza ukuba ungabi naso isono, ngoba isono isenzo esiphambene nomthetho kaNkulunkulu!
17.Uthi ke uShembe kunamba 5 walengoma: SISINDISIWE THINA MANAZARETHA SONKE, SOPHUZA KULELOTSHE LASENTABENI YASESNAYI.
18.Uma uShembe ethi “sophuza kulelotshe lasentabeni yaseSnayi,’ uchaza ukuthi sophiliswa yimithetho kaMose owayemukela entabeni yaseSnayi!
19.Ngiphilile namaKrestu iminyaka eminingi, ngiya nasezi nkonzweni zawo, kodwa angikaze ngimuzwe umKrestu ekhuluma ngemithetho esayemukela entabeni yaseSnayi. Imfundiso enjalo ayikho enkolweni yobuKrestu.
20.Kodwa ngoba ibandla lamaNazaretha inkolo yalo yembethwe imithetho kaJehova, igama likaMose nelentaba iSnayi lihlale lisolimini lwabo!
21.Ngokobu Nazaretha uma sithi ‘sisindisiwe’ sisuke sichaza ukuthi ‘singcwele, siphila impilo yokuhlala endlini kaJehova yonke impilo yethu, asisezi isono, singabangcwele.
22.Njengoba ngishilo, angazike ukuthi uma amaKrestu ethi asindisiwe asuke esho ukuthini. Bayaye bethi sebehlukene nezono. Kodwa ke angazi ukuthi umuntu ongaligcini isabatha, odla ingulube, usuke ehlukene nesono kanjani?
23.Isono ukungawugcini umthetho kaNkulunkulu? Awukwazi ke ukuzikhethela ukuthi imuphi umthetho kaNkulunkulu ozowugcina nongazukuwugcina? Ngiyedlula lapho.
24.Ngesonto eledlule ngike ngezwa enye insizwa ethi ngiyakwaZwane nengicabanga ukuthi iyinyanga noma iyisangoma ekhulume into engithinte kakhulu. Lensizwa ithi:
25.Umlaphi wendabuko akasonti, isangoma asisonti, kumanje kunomhlangano omkhulu eThekwini (Lo mhlangano ubumhlaka 20 Nov 2025, ubizwe yi South African Church Defenders).
26.Abavikeli besonto bazobhunga bahlangane ukuthi abantu okungafanele babe sesontweni, okumele babe sezigodlweni nasezindumbeni, bakhishwa kanjani esontweni, nezinye izinto eziphazamisayo.
27.Mina nawe, ngenxa yokuthi sinemimoya le engangeni esontweni, imimoya yendabuko, imimoya yemvelo, ithi-ke lento thina asihambe siyohlala le emahlathini simbe imithi, asihambe siye le ezimpophomeni, asihambe siye le ezintabeni siyophakamisa izinto esiziphakamisayo.
28.Asingasuki ezintabeni nasema hlathini nasezindumbeni siyophazamisa abantu emasontweni, ngoba siphazamisa ukuthula manje kubantu abasebenza ngoMoya Oyingcwele, abadinge mandawu mandiki, laba bantu abalapha emasontweni, bazidingela nje uMoya Oyingcwele kuphela, manje uGaligi awungazami ukuzimpintsha e-Olintshini.
29.Uma umthetho wokusonta uthi umuntu osebenzisa idlozi nobhula imihlola akangasondeli esontweni, konke lokho kuyisinengiso kuNkulunkulu, angisibonike isidingo sokuthi umuntu aqinise ikhanda aphoqe, kuze kubanjwe imihlangano impela kubanjelwe abelaphi bendabuko ukuthi bafunani esontweni? Musani ukuzophazamisa abafundisi.
30.Abantu abasebenza esontweni, abafundisi nabazalwane, ibandla nabazalwane, uma ufuna ukuzinikela esontweni, ayigezweke imimoya yamandiki namandawo, amakhosi, othokoza, iphume phezu komzimba womuntu kanye nezithunywa.
30.Bese kusala umoya owodwa, lo okuthiwa uMoya Oyingcwele kuphela, iyona ndlela yokuthi wamukeleke esontweni, ngoba uma kuzongena izinyanga, nizosuka ningene nezinyamazane, ningene nezintelezi, lokhu okungafunakali esontweni.
31.Amanzi angcwele kuphela asebenza esontweni, i-Holy Water, nizothi nisuka nibe nifuna ukukhokhisa abantu, nifune ama one on one esontweni, nifune ama consultation, nihlole emasontweni, nifune yonke lento; nani nani, niqhube ukuthi nina niyabethela emasontweni, lokhu okungasebenzi emasontweni.
32.Manje siyacela ukuthi asibahloniphe abafundisi nabantu abasindisiwe, nenkolo yabo ethinta ukusindiswa nokwamukela iNkosi uJesu.
33.Abalaphi bendabuko, abaqhubeke benze lokhu ababizelwe khona nalapho okuwumsebenzi obagulisayo, ukulapha abantu nesimo senu sendabuko.
34.Amahlathi amangaka engabe nigawula imithi nimbe izimpande, nilapha abantu abagulayo, niphilisa abantu, nifuna ukuzophazamisa abafundisi emasontweni.
35.Kuze kubanjwe nje imihlangano emikhulu, kubanjelwa abantu abadunyelwa amakhanda abangazazi nokuthi bayini, angeke sikwazi ukuthi sibe amakhombo.
36.Eyi bafwethu siyacela ukuthi abantu bahlale ezikhundleni zabo, abantu abadinge all in one la, isangoma yisangoma, inyanga yinyanga, umfundisi ngumfundisi, udokotela ngudokotela, abantu abangalokhu bezama ukuzenza ama all in one lana, phumani emasontweni!” Amein!
37.Okwanamuhla angiqondile ukuphawula kakhulu ngalenkulumo kaMangethe, ngaphandle kokuthi mina ngiyabonga kakhulu Mangethe ngalenkulumo yakho ebonisa ukujula kangaka komuntu oyaye athathwe ngokuthi akalutho.
38.Ayikho into engihlukumeza njengokuthi amaNazaretha azi kahle ukuthi umthetho wobuNazaretha uyenqaba ukuba sizihlanganise nezangoma, uthole sekunama Nazaretha athwasa aze abe ngogobela!
39.Uma umuntu oyisangoma ethandwe nguNkulunkulu wangenwa nguMoya ongcwele, uyakushiya ubungoma aphenduke akholwe.
40.Ngesikhathi somprofethi Kwaku nesangoma sakwa Nkwanyana, uNdebeqheke, eNdulinde, esasaziwa yonke indawo ngamandla aso okubhula nokwelapha.
41.Kwakunomfana owalethwa kuso egula kakhulu, kodwa lesi sangoma lomfana savele samgaxa ehlombe sahamba naye saye sayofika eThembalimbe, kwaMthethwa eduze kwaseDondotha.
42.Sathi sifika eThembalimbe, okwakungumuzi kaShembe, safika sahlala ngaphandle silokhu sibhonga. Akwazeka ukuthi kwenzenjani? UShembe waphuma endlini waya kuso. Wathi uma eqhamuka sabhonga kakhulu sizibhuquza phansi.
43.UBabamkhulu wabe esethi akufunwe ubisi oluningi lulethwe kuye. Lwathi uma selufikile ubisi, wavele uShembe lesi sangoma wasigeza yena ngalolubisi. Eseqedile wathi asithathwe siyiswe emanzini sobhajadiswa.
44.Nempela lesi sangoma sabhajadiswa, kuthe sesibuyiswa kuBabamkhulu, wabe esethi: “WENA AWUSEYISO ISANGOMA, KODWA USUNGU MSHUMAYELI WAMI. UNGABE USAWUPHATHA UMUTHI, UYOSINDISA ABANTU NGOMOYA ONGCWELE.”
45.LESI SANGOMA SATHI SIFIKA EMZINI WASO KWANKWANYANA SABE SESINGUM NAZARETHA, SESINGU MSHUMAYELI ENDULINDE. LOMFANA ESASIFIKE NAYE WAPHILA KHONA LAPHO.
46.SESINGU MSHUMAYELI SABA NAMANDLA AYISI MANGALISO OKUTHANDAZELA ABANTU BAPHILE, KODWA UMOYA WOBUNGOMA UNGASEKHO KUSO!
47.EsengumNazaretha, uNkwanyana wayelikhehla elisina kakhulu, lisina namakhehla akwamJadu besina noBabamkhulu
48.Umshumayeli uNkwanyana esegula, wayaleza ukuthi uma esedlule emhlabeni, ebekwe ethuneni, bengaligqibi, ithuna lakhe logqitshwa ngabasezulwini!
49.Nempela umshumayeli uNkwanyana eseshonile, wathathwa wayobekwa ethuneni elaselimbiwe, abantu base bema kude bebheka okuzokwenzeka.
50.Kwavele kwehla inhlabathi ekade imbiwa, yaligqiba ithuna abantu bebuka, kodwa benga baboni bantu abaligqibayo lelithuna. Kwaba isimangaliso esenzeka phambi kwabantu!
51.Lomshumayeli uNkwanyana kwakunguyise wabakhokheli abathathu, ababili ababengamawele, baziwa ngokuthi IWELE ELIMNYAMA NEWELE ELIBOMVU ngoba yize zonke izingane zika Nkwanyana zazimnyama, kodwa LELI WELE LALIBOMVU. (Sobuye siyixoxe indaba yalo).
52.Umkhokheli umamNkwanyana wangibizela emzini wakhe ngaphambi kokuba edlule emhlabeni, wazongixoxela zonke izindaba ngezimangaliso zikayise; wayesethi lezi zindaba ngizibhale phansi ukuze zibe ngumlando kaShembe ongapheli.
53.Lendaba ngiyayifinqa ngoba bengingaqonde kukhuluma ngayo namuhla, ngobuye ngikhume kahle ngayo!
54.Enkonzweni edlule ngikhulume kabanzi ngezimpikiswane ezihlale zibakhona ngokuthi kufanele yini sigcine umthetho kaNkulunkulu njengoba ubhaliwe eBhayibhelini.
55.Ngathi uJehova ukubeke ngokusobala ku-Eksodusi 20:3 ukuthi uma uthatha isifungo sokukholwa kuye, akumele ube nomunye uNkulunkulu ngaphandle kwaNkulunkulu onguJehova!
56.Ku-Isaya 43:10-11 uJehova usho kahle ukuthi nguye yedwa obizwa ngoNkulunkulu, ngaphambi nangemuva kwakhe akaze abe khona uNkulunkulu!
57.Ngakho umuntu othi kukhona omunye uNkulunkulu ngaphandle kwaJehova, usuke eyichitha imfundiso kaJehova ethi nguye yedwa obizwa ngoNkulunkulu. Umuntu othi khona omunye unkulunkulu ngaphandle kwaJehova usuke engayikho thina esiyikho!
58.KuyiZenzo 12:21-23 ingelosi kaJehova yambulala uHerod ngoba abantu bethe unguNkulunkulu. Akushongo yena ukuthi unguNkulunkulu, kodwa kwasho abantu, kepha ingelosi yabulala lo osedunyiswa njengoNkulunkulu!
59.Lithi ke izwi: “Ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo, wafa wadliwa zimpethu khona lapho.
60.UYahusha kuJohane 17:2-5 uthi: “Njengokuba iNdodana UYIPHE AMANDLA PHEZU KWABANTU BONKE, UKUZE BONKE OYIPHE BONA IBAPHE UKUPHILA OKUPHAKADE.
61.Ukuphila okuphakade yilokhu: UKUBA BAZI WENA WEDWA NKULUNKULU OQINISILEYO, NOMTHUMILEYO UJESU KRESTU. NGIWUFEZILE UMSEBENZI ONGITHUME WONA UKUBA NGIWENZE. MANJE NGIKHAZIMULISE WENA BABA!”
62.Ziningi izinkulumo zikaYeshua lapho echaza ukuthi Yena uyisithunywa sikaNkulunkulu. KuJohane 5:43-44 uyaphinda uYeshuya uthi: “NGIZE EGAMENI LIKABABA, KEPHA ANINGEMUKELI, KODWA UMA KUZA OMUNYE EZIZELA EGAMENI LAKHE, LOWO NIYAMEMUKELA.
63.PHO NINGAKHOLWA KANJANI NISADUMISANA NODWA, NINGALUFUNI UDUMO OLUVELA KUNKULUNKULU OKUNGUYE YEDWA NA?”
64.Angazi ukuthi yini abantu abayifunayo, ngoba ngokusobala labo abathi uJesu unguNkulunkulu, noma ulingana noNkulunkulu, abasho yena loYeshua owabikezelwa yingelosi, wazalwa nguMaria noJosefa; kodwa basho ‘OMUNYE UJESU’, lo okanye nabo!
65.Ngoba labo baphikisa inkulumo ekhulunywa nguNkulunkulu nefakazelwa nguyena uYeshua ephambi kwabo!
66.Basungule inkolo yabo yePOLITHEISM, okusho ukuthi inkolo enonkulunkulu abaningi, kodwa becashe ngegama likaJesu wasezulwini.
67.Ukhona uJesu noma uYeshua wasezulwini noJesu wasemhlabeni; ukhona uShembe wasezulwini noShembe wasemhlabeni!
68.UJesu noShembe basezulwini basifundisa ngesystem yokukholwa enoNkulunkulu oyedwa, uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba, onguJehova, bese kuthi uJesu noShembe abakhiwe ngabantu basifundise ngereligous system enonkulunkulu abaningi abafana neHindusm kanye neBhudasm.
69.Ngithe ke iNazarite Church of God iyazikhipha kulezi zinkolo ezifana namaNazaretha aholwa ngamadodana akwaShembe kanye nalamaKrestu ka Constatine, ngoba lezi zinkolo zine system of Faith ebizwa ngokuthi iPolitheism, kodwa zicashe ngaphansi kwenkolo kaYeshua nekaShembe enoNkulunkulu oyedwa, okuyi monotheism.
70.Inkolo esizihlanganisa nayo i-Islam, ngoba bayinkolo enoNkulunkulu oyedwa ngolimi lwabo obizwa ngo-Allah, bese kuba ngumprofethi ka-Allah, umprofethi uMahomed!
71.Akudingi ukuthi ulokhu uphikisana nalaba bantu abamhlubukile uJehova, kodwa ngobuqili abalokhu bethi balandela uJesu, nalama Nazaretha alokhu ethi angaphansi kwaShembe umprofethi, kodwa beyinkolo yoMdabu ekhonza amadlozi nayizangoma!
72.Kuyi strategy esidala nesaziwayo ukuthi uma ufuna ukuyiqeda i-organisation noma ngeyani, uboqala ungene ngaphakathi kwayo uzenze ohamba nabo, bese konke abakukho ukuhlikiza usungaphakathi!
73.Inkolo kaConstantine yenze njalo uma iqeda inkolo yamaHebheru, baqala bazenza inkolo eyodwa neMosaic Faith, base iMosai Faith sebeyichitha ngama Creeds sebengaphakathi!
74.AmaKrestu esehlangene nama Nazaretha, amaKrestu ka Constantine balichitha ngama Cannons isabatha, ngoba liyisi vumelwano sikaJehova namaHebheru.
75.I-Council of Lacea eyaba ngo 4th century, okungu Cannon 29 ifundeka kanje: “Christians must not Judaize by resting on Sabbath. You must work on that Day, rather honoring the Lords Day.”
76.Ngijwayele ukuzwa amanye amaKrestu ehlasela ama-7 Day Adventists, bethi libandla le Beast system. Angazi lutho olutheni nge Seven Day Adventist, kodwa engikwaziyo ukuthi cishe yilo lodwa enkolweni yobuKrestu elilandela umthetho kaNkulunkulu ngokugcina iSabatha.
77.Lelibandla lingadikibali ngezinhlamba ezivela kwamanye amaKrestu ngalo, no Sister Celestial uhlale ethukwa, nathi maNazaretha kaNkulunkulu amaNazaretha akwaShembe aphila ngokusithuka.; kodwa ngenke sivume ukulahliswa nguSathane ukukholwa!
78.Kanjalo kumaNazaretha, ukuze baqede ngenkolo yomprofethi uBabamkhulu, bathe sebenga phakathi base beyichitha yonke inqubo yokukholwa esasiyifundiswe nguShembe; oyilandelayo uyaye athukwe kuthiwa uyiphekula!
79.Yini okungaphikiswana ngayo ngoba uYeshua uzichaze kahle ukuthi uyisithunywa sikaJehova ONGUNKULUNKULU OYEDWA?
80.Sonke siyazi ukuthi unkulunkulu omthathwemunye i-religious system yaseBhabhilon, manje thina bandla likaJehova elisuselwa entabeni yaseSnayi sihlanganaphi ne nezinkolo ezine nqubo yokukholwa kwaseBhabhilon?
81.Ebandleni lama Nazaretha ke khona kubi kakhulu, ngoba uShembe wakwenza kwaba yisisekelo salelibandla ukuthi sikholwe kuNkulunkulu onguJehova kuphela.
82.Kuyo yonke imithathanzo yakhe ubhale ukuthi BANDLA LIKAMENZI WEZULU NOMHLABA. Kuvesi 3 womthandazo weSabathi uShembe uthi: “MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUMENZI WEZULU NOMHLABA.”
83.Ibandla lamaNazaretha ngokwezimfundiso zomprofethi likholwa kuNkulunkulu oyedwa, uJehova! Uma emva kwakhe sekunabaholi abalikhiphayo lelibandla endleni kaJehova, umprofethi akanacala kulokhu kuhlubuka kwabo uJehova!
84.Yikho ngikubeke kwacaca ngentshumayelo edlule ukuthi njengama Nazaretha kaNkulunkulu, siyazi qhelelanisa kulama Nazaretha akwaShembe.
85.Kwaku mhla ka 4 January 2010, ekuseni mhla sibona sekune ngelosi phambi kwethu. Yabe isithi: “NGITHUNYWA NGUSHEMBE UBABA ILANGA KUWE, UTHI PHUMA EBANDLENI LASEBUHLENI, BESE UMAKHELA IBANDLA KULO OZOFUNDISA UKUTHI UJEHOVA UKHONZWA KANJANI.”
86.Kuyi ‘mandate’ engayemukela ezulwini ukuthi ngifundise bonke abantu NGALONKULUNKULU WETHU OWAFIKA NOMOSHE!
Abantu abangamemukele uJehova abakucacise kahle lokho, bengaba phakathi kwethu kanti bazimpisi ezembethe izikhumba zezimvu!
Chorus.
Ubungcwele buqala lapha
Buqala lapha
Ubungcwele buqala lapha
Khona lapha emhlabeni.
Ubungcwele buyasetshenzelwa
Buyasetshenzelwa
Ubungcwele buyasetshenzelwa
Ukuz’ ngene ezulwini.
INkosi ibusise enikuzwile.