UYahusha wazisholo ngokwakhe ukuthi Yena uNkulunkulu wayemthumele ezimvini ezilahlekile zakwa-Israel. Nanka amazwi akhe kuMathewu 15:24: Kepha uJesu waphendula wathi:
“Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israeli.”
KuMathewu 10:5-6 uYeshua uthi: “Laba abayi 12 wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe…Kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israel.”
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonk’izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalomhlaba
Lalingakabi bikho lona.
MASIQONDISE UMLANDO WOBUZWE NENKOLO YETHU.
1.AmaHubo 83:3-4: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho. Bathi, wozani sibaqothule bengabe besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisa khunjulwa.Amein!”
2.Ngike ngahlangana nenkulumo yomuntu engingazi noma ungumfundisi, kumbe uyini, kodwa ozibiza ngokuthi uWilliam Yandisah. Lomuntu ukhulume into engishiye ngidideke kakhulu ngenkathi lendaba yakhe eyichaza. Uthi ke uYandisah:
3.“Ngifuna ukucacisa ukuba why ipasika igujwa ngezinsuku ezahlukeneyo. AmaKrestu ayazibuza ukuthi kungani uJesu egujwa ngezinsuku ezahlukene every year?
4.Kungani engagujwa ngosuku owavuka ngalo? Abantu abangakholwa banijongile.
5.Kufanele sibuyele emlandweni, lento siyisusele lapho ivela khona. Okokuqala bazalwane into okumele niyiqonde ukuthi thina singama GENTILES, sasingakholwa kuJesu, sasingakholwa kuNkulunkulu wakwa-Israel.
6.Thina saqala ukukholwa kuNkulunkulu wakwa-Israel mhlazane uJesu wasifela esiphambanweni, kwase kuvulekeka ukuba bonke abantu abazi GENTILES bakholwe, bangene enkolweni kaNkulunkulu ngaphandle komthetho kaMose, ngoba kade sehlukaniswa ngumthetho kaMose.
7.Umthetho kaMose wawungavumi ukuthi umuntu OYIGENTILE akholwe kuNkulunkulu. NguNkulunkulu.
8.UJesu Krestu wabethelwa ngenyanga kaNissan okuyinyanga yamaJuda. Uma silandela i-date uJesu Krestu owabethelwa ngayo kwakungumhla ka 14, kwakungolwesihlanu.
9.Mhla ka 15 kwakuzoba iPasika yamaJuda, amaJuda egubha i-independence yawo from Egypt. Babelandela imithetho namasiko ababewanikwe nguMose. AmaJuda kwakufanele akhumbule ukuthi mhla ka 15 wona akhululwa nguNkulunkulu.
10.Mhlaka 15 ngenkathi amaJuda egubha, uJesu wayengaphansi komhlaba, kusele one day uJesu avuke. Lenyanga uma siqhathanisa nenyanga yethu thina MAGENTILES, iba phakathi kwaMarch no-April.. Amein!”
11.Lenkulumo angiyiqedanga ngoba okuningi okukhulunywa kuyo noma ngingavumelani nakho, kodwa ngizogxila kulokhu okungikhathaze kakhulu ukuthi uYandisah ethi THINA SASINGAMA GENTILES, SAQALA UKUKHOLWA KUNKULUNKULU EMVA KOKUBETHELWA KUKAJESU ESIPHAMBANWENI!
12.Lomuntu uma umlalele kuyezwakala ukuthi ufundile, kodwa efundile, angenke uqonde ukuthi uyithathaphi lembudane oyifundisayo?
13.Njengenhlaliyenza, abantu abakhuluma ngobuKrestu abayivezi iminyaka yomlando walenkolo, ngoba bayazi ukuthi basuke befunza abantu ilumbo!
14.Angazi noma uYandisah uma ethi THINA SASINGAMA GENTILES, uqondise kuthina bantu abamnyama yini? Ngobani ‘othina’?
15.Lenkulumo iyabonisa ukuthi ngo THINA usho abantu abamnyama! Uma kusenomuntu othi thina sake saba ngama gentiles noma abezizwe, ngiyajabha!
16.Kulenkulumo othi uYandisah ingumlando, akehlukanisi phakathi komlando wesizwe nomlando wenkolo, ngoba lezi izinto ezahlukene!
17.Lapha ngizochaza ngomlando wamaHebheru njengesizwe sikaJehova, okuyithi! laba uYandisah osethi singama gentiles!
18.Inzalo kaJakobe ngabantwana bakwa-Israel, abagcina sebebizwa ngamaJuda. No Yahusha Hamashiyack ben Yosef wazalwa ngamaJuda!
19.Ekuqaleni ngachazelwa yingelosi ukuthi isizwe samaJuda yithina. Kodwa ngenxa yokuthi angifuni ukushumayela ngento engingenke ngikwazi ukuyimela, ngabe sengenza ucwaningo ngalendaba, ngaze ngazitholela ngokwami iqiniso layo. Ngaqala lapho ke ukuveza ubuqiniso bobuzwe bethu.
20.Ekushumayeleni kwami, kwavela amaKrestu amaningi angiphikisa, ethi akaze abe khona uYahusha, kodwa owaba khona kwaba nguJesu Krestu.
21.Kuthe uma sekucaca ukuthi ngu Yahusha Hamashiack owabakhona, kwase kuyajika ukukhuluma, sebethi ekuqaleni uJesu waba ngu Yahusha, kuthe uma igama selihunyushelwa ezilimini zabezizwe kwase kuba nguJesu Krestu.
22.Kodwa kuze kube manje akakho ongakuchazela ukuthi njengoba amaRoma namaJuda kwakuyizitha ezinkulu kangaka, futhi uYahusha waze wafa esenkolweni yamaJuda, uYahusha owayeliJuda wagxuma kanjani, nini esuka esizweni sakhe wayoba liRoma ukuze abe ngumKrestu? Phela ubuKrestu inkolo yamaRoma!
23.Manje sekuyacaca ukuthi uYahusha no Jesu abantu abehlukene ngamagama nangobuzwe!
24.Kodwa amaqiniso amakhulu nafihliwe ukuthi uJesu akaze abe khona, kumlando kaJesu Krestu kwantshontshwa (plagiarised) umlando kaYahusha Hamashiack kwase kuthiwa nguye uJesu Krestu!
25.Encwadini yakhe ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Kotze naye ongumKrestu, ukubeke kwacaca lokho lapho ethi:
“ABEZIZWE (okwakungama Roma) BABEMFUNA UMSINDISI, KODWA HHAYI LO ONGUMJUDA, NGOBA BABEWENYANYA AMAJUDA, BEMENYANYA NONKULUNKULU WETESTAMENTE ELIDALA. NGAKHO KE BANCAMELA LOMSINDISI OSAMGRIKI!”
26.AmaRoma babewenyanya amaJuda, bemnyanya noNkulunkulu wakwa-Israel, uJehova, ngalokho ke base bezenzela umsindisi wabo wesizwe sabo! Angazi noma abantu bayakuzwa yini lokho?
27.Ngokusobala uJesu kwakungasiye loMsindisi oliJuda, uYahusha, nowayezalwa nguMaria noJosefa.
28.UYahusha wazalwa phakathi kuka 6-4 B.C, ezalwa ngu Miriam no Yosef, wabethelwa ngo 33 A.D, abafundi bakhe baphuma eJerusalema ukoshumayela ivangeli lakhe ngo 55 A.D.
29.Emva kokwehlulwa kwamaJuda ngamaRoma ezimpini zango 70 A.D, amaJuda amaningi abulawa, asalayo abalekela eWest Afrika, amanye eqa ugwadule aze ayozinza kuMzansi ne-Afrika.
30.AmaJuda abalekela eWest Afrika abezizwe bathi ngamaNegro, indawo akuyo kwathiwa iNegroland!
31.Esezigqila, amaJuda adayiswa emazweni naseziqhingini eziningi. Yiwo la agcwele e-Amerika asaziwa ngama African Americans!
32.AmaHebheru eqa ugwadule aze afika eMzansi ne-Afrika abezizwe bathi ngamaBantu. Lamagama ayegcwalisa isiprofetho ngo-Israel esithi: Bathi, wozani sibaqothule bengaba besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa.”
33.Yikho nje oYandisah bengasa kwazi ukuthi yithina inzalo ka-Israel, yize kunobufakazi ngisho be DNA ukuthi ngamaNegro namaBantu inzalo kaJakobe!
34.Abapostoli baphuma ngo 55 A.D, ukoshumayela ivangeli likaYahusha kwabezizwe, kodwa lagcina ngokuqedwa emva kokunqotshwa kwamaJuda ngo 70 A.D. Abapostoli babengasa kwazi ukushumayela lelivangeli lenkolo kaMoshe eyabe isichithiwe.
35.Umbhali womlando wesizwe samaHebheru uprof. Rudolph R. Windsor encwadini yakhe ethi: FROM BABYLON TO TIMBUKTU KU PAGE 83-84 uwuchaza kahle lomlando wokuhlushwa kwamaJuda emva kokwehlulwa ngamaRoma ngo 70 A.D, lapho ethi:
36.“IMPI KA-ANTIOCHUS YESEKA UMENELAUS, OWAYEHAMBISANA NESIRIYA.
37.AMAJUDA AMANINGI ABULAWA; AMANYE ABALEKELA EZINTABENI NASEGIBHITHE.
38.KWASHAYWA UMTHETHO OWAWENQABELA UKUGCINWA KWEZINSUKU EZINGCWELE, ISABATHA, KANYE NOKUSOKA.
39.UMFANEKISO OBAZIWEYO KAJUPITER WAMISWA ETHEMPELINI ELINGCWELE NGENHLA KWE-ALTARE.
40.KULOMFANEKISO ABANTU BENZA IMIHLATSHELO YEZINGULUBE, ISILWANE ESIYISINENGISO KUMAJUDA.
41.NGENXA YOKUZINGELWA NGEZIZATHU ZENKOLO, UMPRISTI OMKHULU U-ONIAS III OWAYE BEKWE NGOKUSE MTHETHWENI, KANYE NAMANYE AMAJUDA BABALEKELA EMAZWENI ASE-AFRIKA NJENGASE GIBHITHE NASELYBIA.
42.IMBANGELA EYAHOLELA EKUFUDUKENI KWAMAJUDA KWABA YIZIMPI, UKUHLUKUNYEZWA NGOKWENKOLO, KANYE NOHWEBO.
43.LESI SIMO SENZA UKUBA KUGCINE KUNAMA JUDA AFUDUKELA E-AFRIKA.
44.NGONYAKA KA 65 A.D IZIMPI ZAMAROMA NGAPHANSI KUKA JENENE UPOMPEY ZALITHUMBA IJERUSALEMA.
45.NGO 70 A.D. UJENENE UTITUS WAWUQEDA NGENKEMBA UMBUSO WAMAJUDA.
46.NGESIKHATHI SALABA BABUSI, KWENZIWA IZINTO EZININGI EZIBUHLUNGU KULAWO MAJUDA AYESELE EJERUSALEMA.
47.KUSUKELA NGESIKHATHI SIKAPOMPEY KUYA KWESIKA JULIUS CAESAR ALINGANISELWA ESIGIDINI AMAJUDA ABALEKELA E-AFRIKA, EXOSHWA WUKUZINGELWA NOKUGQILAZWA NGAMAROMA.
IZIMAKETHE ZAZIGCWELE IZIGQILA EZINGAMAJUDA AMNYAMA.
48.KU DUTERONOMI 28:64 KUTHI: “UJEHOVA UYOKUHLAKAZELA EZIZWENI ZONKE, KUSUKELA KOLUNYE UHLANGOTHI LOMHLABA KUZE KUFIKE KOLUNYE.
49.UYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BEMITHI NAMATSHE ONGABAZIYO WENA NOKHOKHO BAKHO.”
50.“LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDUTERONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA EMVA KOKUBA ENGAYITHOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
51.IZIZWE EZININGI ZATHUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI, AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA. Amein!”
52.Uthi lo mbhali: “LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDETORONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA EMVA KOKUBA ENGAYI THOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU. (Okuseqinisweni akakho amaJuda amhlophe).
53.Noma kungacacisiwe, kodwa iBhayibheli likhuluma ngamaJuda angokhokho bethu, hhayi lawa asehleli kwa-Israel uYeshua othi bayisinagogue kaSathane!
54.Lapha sikhuluma ngesizwe esimnyama ukuthi emva kwa 70 A.D sahlupheka kanjani sisuka eNorth East Afrika, namuhla abamhlophe esebeyibiza ngeMidle East noma iPalestine.
55.KuDutoronomi 28 uJehova wathi abantwana bakwa-Israel bagcine imithetho yakhe, lena uWilliam Yandisah oseyibiza NGEMITHETHO KAMOSE! nothi yaqedwa ukubethelwa kukaYahusha! KODWA ASAZI UKUTHI UMOSE WAYEYITHATHAPHI IMITHETHO!
56.Njengoba uYahusha wabethelwa ngo 33 A.D, imithetho uJehova owayinika uMoshe entabeni yaseSnayi yaze yachithwa ngamaRoma kusukela ku 325 A.D, emva kokuba amaJuda asanqotshwa kudala!
57.LamaCreeds ka Constantine ahamba kanje: Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngamaHebheru.
58.Ngichitha nayo yonke imikhosi yamaHebheru, iminikelo, imithandazo, ukulinda/ukuzila, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
59.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, nenkoleloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
60.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kulenkoleloze yamaJuda(okuyinkolo kaJehova), noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo, noma ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese kuphikiswana noma kugxekwa inkolo yobuKrestu.
61.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
62.Njengoba kuchazwa ukuthi ngamaCreeds ka Constantine achitha imithetho enkolo kaJehova eku-Old Testamente kusukela ku 325 A.D, asiqondi ke ukuthi imiphi imithetho kaJehova eyachithwa emva kokubethelwa kuka Yahusha okwenzeka ngo 33 A.D?
63.Kwasho yena uYahusha kuMathewu 5:17-19 ukuthi akazile ukuchitha umthetho kaMoshe nezimfundiso zabaprofethi, ngoba KUZE KWEDLULE IZULU NOMHLABA AKUKHO NGISHO ICHASHAZA LOMTHETHO ELOKE LISUSWE, nokuthi ongawugcini umthetho kaMoshe, abuye afundise abantu ukuthi bengawugcini, angenke angene ezulwini.
64.Kwabuye kwashiwo kuphi ukuthi asisekho isidingo sokugcina umthetho kaJah?
65.KuMathewu 7:21-23 uYahusha uthi akubo bonke abathi Nkosi, Nkosi abayobona umbuso wezulu, ngaphandle kwalabo abagcina umthetho kaNkulunkulu.
66.Uthi ke uYahusha, kunabanye abayothi Nkosi, Nkosi, ngangiprofetha ngegama lakho, ngenza izimangaliso ngegama lakho, kodwa ngothi kubo: “Suka kimi wena menzi wobubi angikwazi!”
67.Uyosholani uYahusha ukuthi: “Suka kimi menzi wobubi angikwazi?” uUma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, ungumenzi wobubi!
68.Kodwa o William Yandisa bafunza isizwe sakithi lelilumbo labezizwe lokuthi ngokubethelwa kukaYahusha uNkulunkulu wachitha umthetho wakhe owathi uYahusha uhleli phakade!
69.Mhlawumbe wachithwa nguPaul enkolweni yabezizwe, kodwa akekho umprofethi owake wachitha umthetho kaJehova!
Lemithetho yachithwa ngamaCreeds amaRoma!
70.UYahusha wazisholo ngokwakhe ukuthi Yena uNkulunkulu wayemthumele ezimvini ezilahlekile zakwa-Israel. Nanka amazwi akhe kuMathewu 15:24: Kepha uJesu waphendula wathi:
71.“Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israeli.”
72.KuMathewu 10:5-6 uYeshua uthi: “Laba abayi 12 wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe…Kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israel.”
73.IBhayibheli lithi uYahusha emhlabeni wezela ukuzoqoqa izimvu ezilahlekile zakwa-Israel, njengoba naye engum-Israel! Kodwa uma engasekho abezizwe sebefundiswa ukuthi wafela izono zabantu! Enkolweni kaJehova asinayo imfundiso yokufela izono!
74.Wakushintsha nini uYahusha ukuthi ongawugcini umthetho kaJah ngenke angene ezulwini? (Mathewu 5:19).
75.Ngithe ukuze siwuzwe kahle umlando wethu, kufanele sehlukanise phakathi komlando wesizwe nomlando wenkolo.
76.Manje ke sesingena kumlando wenkolo yakwa-Israel, kodwa asizukugxila emlandweni wenkolo yesizwe samaRoma, okungubuKrestu, ngaphandle kokuqondisa lezo mfundiso ezihlanekezelwe!
77.AmaJuda aqala abizwa ngesizwe samaHebheru, kwase kuthi inzalo kaJakobe yabizwa ngo-Israel, yagcina sekuthiwa ngamaJuda, ngoba kwakusengumbuso wakwaJuda owawusekhona emva kokunqotshwa kombuso wakwa-Israel.
78. UYahusha wazalwa umbuso wakwaJuda usuyi Colony yombuso wamaRoma.
79.Ngesikhathi sikaYeshua amaqembu ayekhona enkolweni yamaJuda ayemathathu, kungaba Farisi, abaSadusi namaNazareens noma amaNazaretha.
80.Kodwa kuyi New Testament akaveziwe amaNazareens ngoba okokuqala uYahusha sekuthiwa wasungula ubuKrestu, okulilumbo!
81.Yebo uJesu waseRome uhlangene nobuKrestu, kodwa hhayi uYahusha okungu mprofethi wesizwe samaHebheru!
82.Ukuthi uYahusha wayengumNazaretha, nokuthi ibandla lakhe kwakungama Nazaretha ukuthola ezincwadini zomlando eziningi esobuye sikuchaze ngesinye isikhathi!
83.Kunombhalo womfundisi wamaRoma uJerome, lapho khona wayelwa nabalandeli bakaYahusha ababesasele, okungamaNazaretha. Lomfundisi kulombhalo uthi:
84.“Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise lababahlubuki abazibiza ngokuthi amaNazaretha (noma ama Nazareens).
85.Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda, ayikho enye into, abasebenzisi i-Testamenti Elisha kuphela kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
86.AmaNazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo. Ngalokho kwenza, baba ngabemukelekile kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona.
87.Basho zonke lezi zinto ezifundiswa emabandleni abo amaJuda, okuhlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah uJesu Krestu,
88.Balandela yonke imithetho yamaJuda nabaprofethi babo, bona okubenza ukuthi behluke kwamanye amaJuda ukuthi nje bayemukela uMessiah, kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.”
89.Lencwadi uJerome owayibhala eminyakeni yo 500 A.D ngiyifinqile, kodwa ifakaza ukuthi abalandeli baka Yahusha, noma sewahamba emhlabeni, kwakungamaNazareens, bengaphansi kwenkolo kaMoshe!
90.AmaNazareens ayekholelwa kuYahusha osebizwa ngoJesu, kodwa futhi beyigcina imithetho kaJehova! Pho iyiphi imithetho kaJehova eyayingalandelwa ngabalandeli bakaYahusha?
91.Waze wafa uYahusha ehamba ngenqubo yobuHebheru, yikho kuMathewu 10:5-6 ethi:
92.Wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe.., kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israel.” Lenkulumo ifakaza ukuthi naye uYahusha wayengaphansi kwenkolo kaJehova abezizwe ababeyibiza ngokuthi inkolo yamaHebheru!
93.Ngaleso sikhathi nabezizwe babenezinkolo zabo. Kodwa ekufeni kukaYahusha, cishe ngo 55 A.D, kulapho ama-Israel aphuma eJerusalema ayoshumayela ivangeli likaYahusha kwabezizwe, kodwa okwagcina ngokuba lishabalaliswe ngamaCreeds!
94.Sekuno Constantine, esanqotshwa amaJuda, amaRoma ayichitha inkolo yamaJuda abe esesungula inkolo yawo ayibiza nge CHRISTIANITY.
95.Okufanele abantu bakithi bakwazi ukuthi iChristianity, okuyinkolo kaConstantine, ayihlangene nenkolo kaJehova okuyi Mosaic Faith nesifundiswa ngayo ku-Old Testament! Kodwa uShembe ovuse ubuNazaretha buka Yahusha!
96.UYahusha Hamashiack ngumprofethi wakwa-Israel ngaphansi kwenkolo kaMoshe, naye owabe eliJuda, eyisitha enkolweni yabezizwe. Njengokusho kuka Dr Kotze abezizwe abamemukelanga uYahusha!
97.Ukuthi uYahusha nguMesaya, kusho ukuthi ngumgcotshwa. Abakwa-Israel abakaze umgcotshwa bambize ngonkulunkulu, futhi ngokwenkolo yamaHebheru ayaziwa imfundiso ethi uYahusha wafela izono zethu!
99.UJesu wavela enkolweni yamaRoma, thina enkolweni kaJehova asimazi umprofethi obizwa ngoNkulunkulu noma ngoMsindisi obizwa ngoJesu. uNkulunkulu wethu munye, igama lakhe nguJehova!
100.Ngakho ke siyakwenqaba lokhu kuxova izinkolo okwenziwa ngu William Yandisah. Uma eshumayela ngobuKrestu, asinankinga nalokho, kodwa sinenkinga yelumbo eselifunzwa ngabezizwe ukuthi singama gentiles, nokuthi uYahusha noJesu ngumuntu oyedwa!
101.Kusemlandweni ukuthi eminyakeni yo 500 A.D, amaRoma apenda bonke abantu bakithi abasemlandweni weBhayibheli babenza baba mhlophe ngoba bakha isithombe sokuthi iBhayibheli likhuluma ngabamhlophe!
102.Manje ke sebesebenzisa abamnyama ukuba bafakaze ngaleli lumbo elithi singama gentiles, kodwa kuyithi isizwe sikaJehova! UWilliam Sandisah akaqonde ukuthi uYahusha kwakungumprofethi kaJehova ongumuntu omnyama, angazi ke ngoJesu!
iNkosi ibusise enikuzwile!