Skip to content

UMTHETHO KANKULUNKULU AWULAWULWA NGAMASIKO ABANTU

Ngokwase zulwini amaKrestu nama Nazaretha uma begcina umthetho kaNkulunkulu bonke basenkolweni eyodwa engaphansi kwaMoshe, okuyinkolo yasezulwini!

Ngakho ke kumele sikulwele ukuhlanganisa lezi zinkolo ezimbili, ngoba soba ndawonye kwelizayo uma sihamba ngokwezimiso zikaNkulunkulu wethu!

Isihlabelelo 118
1.Lalelani nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhajadiswe
Nize nisindidswe.
 
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amein, haleluya
Balekani nonke zoni.
 
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
 
4.Amein, haleluya
Balekani nonke zoni
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
 
5.Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenaku khululwa.
 
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
IZinyembezi.
 
UMTHETHO KANKULUNKULU AWULINGANI NAMASIKO ABANTU.
 
1.Lentshumayelo iqondiswe kumakholwa akhonza uNkulunkulu oyedwa, uJehova, nonguMdali wezulu nomhlaba! Kungaba ngamaKrestu noma amaNazaretha!
 
2.Ngumuntu ongaphili ekhanda ongaboni ukuthi lesi isikhathi sezinsuku zokugcina. Umprofethikazi uSister Celestial, kusukela ngo 2011 ebikezela ngalesi sikhathi esibhekene naso, esixwayisa nangokuthi asiphenduke sishiye izono!
 
3.Njengenhlali yenza, abantu abalamukeli izwi likaJehova, esikhundleni salokho bayaye bamthuke bamvulele amavesi abamphikisa ngawo, bazenze abazi kangcono kunaye!
 
4.Uma ungumuntu ofuna iqiniso ngendaba kaNkulunkulu, ubolalela izimfundiso zika Sister Celestial, ngoba kulesi sikhathi samanje uNkulunkulu uthume yena kumaKresatu ukuqondisa indaba kaNkulunkulu!
 
5.Izitha zikaJehova ziyamenyanya lomprofethikazi, kodwa abafuna umbuso wezulu usebasize kakhulu!
 
6.Okusalayo ukuthi ngisho ungabaleka uyofika eGhana ku Ebo Noah, kodwa uthi uJehova uzowubhubhisa umhlaba ngoba abantu sebone kakhulu!
 
7.Angazi kuliqiniso elingakanani ukuthi kusukela mhla ka 25 December umhlaba uzobhujiswa ngemvula, kodwa noSister Celestial ufakazile ukuthi njengezikhathi zikaNoah uzobuya uzamcolo!
 
8.Lesi isikhathi sokuba sifune inkolo eyodwa nezosenza samukeleke kuNkulunkulu! Ekukholweni asingalandeli lemfundiso-nkolo yabezizwe eyakhiwe ngobuqili.
 
9.Kuyisimanga ukuthi lenkolo esayifunzwa ngabezizwe, sekuyizo eziyichithayo! Njengamanje e-England sekuvaliwe ubuKrestu. Nakwa-Israel inkolo yobuKrestu seyavalwa!
 
10.Bese uyazibuza ukuthi intoni le esebeyibona kulenkolo ababengayi boni kuqala?
 
11.Ukhiye ekukholweni kuJehova munye, ukugcina umthetho kaNkulunkulu njengoba wawuletha kithi ngoMoshe!
 
12.Ayikho indlela yokukholwa ekuTestamente Elisha eyehlukile kuleyo eseTestamenteni Elidala! No Sister Celestial uhlale ekugcizelela lokho!
 
13.Kwasho uYahusha kuMathewu 7:21-23 ukuthi noma ungambalela yonke imisebenzi emikhulu owawuyenza ngegama lakhe, kodwa uma wawungawugcini umthetho kaJehova owawushiya kuMoshe, ezulwini uYahusha uyokuxosha ethi umubi, uyisitha sikaJehova!
 
14.NakuMathewu 13:41-43 uYahusha uthi ababi izingelosi zobafaka esihogweni, kodwa abalungileyo, abagcina umthetho kaJehova, bayongena embusweni wezulu!
 
15.Angazi noma siyamuzwa yini ukuthi uthini uYahusha? Ekwehlulelweni kukhona abayolahlwa esigodini sosizi, bese kuba khona abayodla umbuso wezulu! Angazike ukuthi wena ungaphi?
 
16.NjengoYahusha, noShembe usifundise ukuba sikholwe ngokugcina imithetho kaJehova owayiletha kithi ngoMoshe.
 
17.Nomprofethikazi uCelestial zonke izinsuku ugqgquzela ukuthi siphenduke sibuyele kuJehova ngokugcina imithetho yakhe.
 
18.Asikho isono uSister Celestial ongakaze asibale! Ngakho uma singamalaleli, sizoziyela 
ngokuthanda kwethu esihogweni!
 
19.Onke amakholwa anenkinga eyodwa, ukuchitha imithetho kaJehova ngezimfundiso zabantu!
 
20.Usho njalo uYahusha kuMarku 7:7-8, uthi: “Kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu, niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”
 
21.Amakholwa kufanele abone ukuthi ivangeli elafika nabezizwe limelene nevangeli esalilethelwa ngabaprofethi bakaJehova!
 
22.Ukungakuboni lokho ukuhamba ebumnyameni, ngoba ufunzwa inkolo-ze yisitha sakho ngenhloso yokubhubhisa ingqondo nomphefumulo wakho!
 
23.Inkolo yethu ile esayilethelwa nguNkulunkulu ngenceku yakhe uMoshe, ayikho futhi enye! Lenkolo esayakhelwa ngama gentiles isiyisa ekubhubheni!
 
24.Inkolo ka Constantine yayichitha inkolo kaJehova, wenza inkolo yesizwe sakhe, nezoqhuba ngokwamasiko obuzwe bakhe! ITestamente Elisha liyithuluzi elisetshenziswa ngabezizwe ukuchitha inkolo kaJehova!
 
25.Umbhalo womfundisi wamaRoma uJerome, ukucacisile ukuthi abalandeli bakaYahusha, okungamaNazareens, bangama hlubuka ngokuvusa inkolo kaJehova eku-Old Testament, kanti uNkulunkulu wakwa-Israel uyisitha sabo.
 
26.IBhayibheli libhalwe ngobukhulu ubuqili ngoba alikuvezi ukuthi uYahusha nabapostoli babese nkolweni kaMoshe, kodwa lokho uze ukuthole uma usufunda incwadi yeZenzo!
 
27.Kodwa lenkolo yabezizwe esikuyo ichitha inqubo yokukholwa esayemukela kuJehova entabeni yaseSnayi!
 
28.UYahusha owayefundisa ngomthetho kaJehova, abezizwe izimfundiso zakhe bazichitha ngompostoli uPaul!
 
29.UYahusha uzondelwa ukuthi ivangeli lakhe livusa izimfundiso zikaMoshe, base bezichitha ngoPaul owabe engumfundi kaYahusha! Umfundi uchitha imfundiso yomholi wakhe, very strange!
 
30.Uma ungakuphika ukuthi uYahusha wayesenkolweni kaMoshe, pho uYahusha wayethini kuMathewu 5:17-19; noMathewu 7:21-23 uma ethi songena ezulwini ngokugcina umthetho kaJehova?
 
31.Uma sithi ukubethelwa kukaYahusha kwakunomphumela wokuthethelelwa kwezono, siwuchaza kanjani uMathewu 13:41-43 lapho uYahusha ethi:
 
32.“INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo ZIBUTHE, ZIKHIPHE EMBUSWENI WAYO KONKE OKUKHUBEKISAYO NABENZI BOBUBI, ZIBAPHONSE ESITHANDWENI SOMLILO, LAPHO KUYAKUBA KHONA UKUKHALA NOKUGEDLA AMAZINYO.
 
33.Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise?”
 
34.Uma sonke sithethelelwe izono, ngabanjani ekufeni kwabo abayophonswa esithandweni somlilo? Kanti lentethelelo ikhetha abanjani?
 
35.Lemfundiso-nkolo yoku thethelelwa kwezono kwakuyi ndlela yokuchitha umthetho kaJehova ngobuqili, begcizelela ukuchithwa komthetho kaJehova ngendlela ecashile eyenza nathi sikwamukele abakwenzayo! Kuhlwile emakhanda ethu!
 
36.Umlando usifundisa ukuthi kwakune ncwadi eyabhalwa ngabapostoli bakaYahusha, iGOSPEL OF THE TWELVE APOSTLES, kodwa amaRoma ayishisa leyo ncwadi!
 
37.Yashiselwani incwadi eyayikhuluma ngoYahusha ibhalwe ngabantu ababehamba naye?
38.Kuyacaca ukuthi babefihla izimfundiso zikaYahusha ngomthetho kaJehova!
 
39.Kuyadabukisa ukuthi noma sifundile, kodwa asiboni ukuthi inkolo yamaRoma eyakhelwa phezu kombuso kaConstantine, yayinenhloso yokunqunda amandla omuntu omnyama!
 
40.Lokho kwenziwe ngendlela yokuthi sikwazi ukufunda kodwa singakwazi ukucabanga! (make them able to read, but not to reason), njengoba kwenzeka nje!
 
41.UDr Kotze uthi amagentiles ayewazonda amaJuda, okungokhokho bethu, bezonda noNkulunkulu wethu oku- Old Testamente, okunguJehova!
 
42.Umbuzo uthi njengoba amagentiles ayemzonda uJehova, pho uYahusha owayevela kuJehova waya kanjani ebandleni eliyisitha sikaYise? Ngabe sichaza ukuthi iNdodana yamhlubuka uYise yajoyina izitha zakhe?
 
43.Abezizwe baqhamuka nesu lika Delile kuSamson, zafuna ukwazi isizathu esingenza uNkulunkulu asuke kithi!
 
44.Zathola ukuthi kumele zisenze simhlubuke uJehova ngokungayigcini imithetho yakhe!
 
45.Nempela ama-Israel aqala ukunqotshwa yizizwe emva kokuhlubuka uJehova!
 
46.Kodwa abezizwe babona kungenele lokho ngoba singabuye sibuyele kuJehova uma sesihluphekile.
 
47.Kodwa into engenza singaphinde sibuyele kuNkulunkulu wethu, ukuba singaqondi ukuthi siyinzalo ka-Israel!
 
48.Yikho ke kunesi profetho esikumaHubo 83:3-4 esithi: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho, bathi wozani sibaqothule, bengaba besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!”
 
49.Yikhona nje abantu bengazi lutho ngoDutoronomu 28, ngoba abazi ukuthi ngokhokho babo abakhululwa nguJehova eGibhithe kuFaro!
 
50.Ukuzama ukuqeda ukuthi yithina abantwana bakaJehova, bakubonisa ngokupenda bonke abantu abamnyama abaseBhayibhelini, babenza abamhlophe; noYeshua umprofethi wethu waqedwa, base bakhe owabo bethi asikhonze yena!
 
51.Abezizwe ayikho into ababelwela ukuyiqeda ngaphezu kweSabatha nokusoka. Kungani abezizwe beyizonda kangaka lemikhosi kaJehova?
 
52.Kungenxa yokuthi lemikhosi iluphawu lwesivumelwane phakathi kwethu noJehova. (Bheka ngokusoka uGenesis 17:6-8 nangesabatha ku-Eksodusi 31:12-14).
 
53.Encwadini kaMaccabees sifunda ukuthi uma abezizwe bekuthola usoke ingane yakho, leyongane babeyi bulala, bese isidumbu sayo besigaxa entanyeni kanina sibolele kuye, naye enganikwa ukudla aze afe.
 
54.Leyo kwakuyindlela yokuthi um-Israel engakucabangi ukusoka ingane yakhe ngoba ngalokho uvusa isivumelwano sabantwana bakwa-Israel noJehova esizokwenza uJehova abuyele kubo.
 
55.Kanjalo nasekugcineni iSabatha, kuwo wonke amaCreeds iSabatha laliba neyalo iCreed, ebulawa kabuhlungu amaJuda atholwa egcina iSabatha!
56.Kanjalo negama lebandla likaYahusha, amaNazareens, noma amaNazaretha nalo lachithwa, esikhundleni salo kwaba ngubuKrestu!
 
57.Incwadi yabalandeli bakaYahusha, IGOSPEL OF THE NAZAREENS, yahlelwa kabusha yabe isibizwa ngoMATHEWU base behlanekezela izinto eziningi kuleli vangeli labalandeli bakaYahusha!
 
58.Ngalencazelo ngizama ukukhanyisela isizwe sakithi ukuthi ubuzwe nenkolo yethu yahlakazwa kanjani ngabezizwe, nokuthi okuseqinisweni inkolo esikuyo yasungulelwa ukuchitha inkolo kaJehova ngobuqili obuyisimangaliso!
 
59.Ngokwase zulwini amaKrestu nama Nazaretha uma begcina umthetho kaNkulunkulu bonke basenkolweni eyodwa engaphansi kwaMoshe, okuyinkolo yasezulwini!
 
60.Ngakho ke kumele sikulwele ukuhlanganisa lezi zinkolo ezimbili, ngoba soba ndawonye kwelizayo uma sihamba ngokwezimiso zikaNkulunkulu wethu!
 
61.Uma umthetho uthi asigcine iSabatha, sisoke, singagundi amakhanda ethu, singayidli ingulube, nokunye okuningi, asenze okushiwo nguJehova!
 
62.Noma kungavela ingelosi ekhazimulayo emkhathini, kodwa ayikwazi ukusisusa emthethweni kaJehova!
 
63.Ngaso sonke isikhathi mina ngilandela iziprofetho nezintshumayelo zika Sister Celestial, ngoba unomyalezo kaNkulunkulu wethu, angibuki ukuthi ungumKrestu!
 
64.Yasho njalo ingelosi kimi, yathi kuyo yonke into oyenzayo ubofuna ukwazi ukuthi ngomlomo wabaprofethi uNkulunkulu ufundiseni?
 
65.Yikho nje sihlala ezihlalweni enkonzweni noma amaNazaretha esithukela lokho. Silandela imithetho kaNkulunkulu, hhayi imibono yabantu!
 
66.Ingelosi yabuza ukuthi ukhona yini umthetho kaNkulunkulu othi singahlali ezihlalweni enkonzweni? Kwatholakala ukuthi awukho!
 
67.Isihloko salenkonzo sithi umthetho kaNkulunkulu awulawulwa ngamasiko abantu.
 
68.KuLevi 18:30 uJehova uthi: “Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba NINGENZI NALINYE LALAWO MASIKO ANENGEKAYO, AYENZIWA NGAPHAMBI KWENU, NINGAZINGCOLISI NGAWO, NGINGUJEHOVA UNKULUNKULU WENU.
 
69.Kanti kuMarku 7:7-8 uYahusha uthi: “Kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu, niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”
 
70.Ukukholwa akuwachithi amasiko ethu. Kodwa lelo nalelo siko kumele lingaphambani nomthetho kaNkulunkulu, ngoba kumuntu olikholwa umthetho kaNkulunkulu ungaphezu kwamasiko ethu.
 
71.Ukunikeza isibonelo, kulusiko lakwaZulu ukuphuza utshwala, ukuhlabela amadlozi, nokuyobhula ezangomeni; ngisho ukuba yisangoma kusesikweni.
 
72.Kodwa uNkulunkulu akamvumeli umNazaretha ukuba aphuze utshwala, akasivumeli njengamakholwa ukuba siyobhula, noma sibe yizangoma.
 
73.Awukwazike ke ukuthi bese uthi uma wenza into ephambene nomthetho kaNkulunkulu uvike ngokuthi ulandela usiko lwakho.
 
74.Uma umuntu esehlubukile umuzwa ngoba kuthi uma umkhumbuza ngomthetho kaNkulunkulu, bese evika ngokuthi wenza usiko. Alikho isiko kumuntu okholiwe elingachitha umthetho kaNkulunkulu !
 
75.Ngike ngezwa amanye amaNazaretha ethi uma umncwabo ungeSabatha kufanele uye kulowo mncwabo, kodwa kuphela ungakudli ukudla okushisayo.
 
76.Kwase kuyacaca ukuthi lomuntu noma ethi ungumNazaretha, kodwa akazi lutho ngalento oyikhulumayo!
 
77.Okuseqinisweni awukho umthetho othi ungakudli ukudla okushisayo ngesabatha, kodwa umthetho uthi ungasebenzi ngesabatha, ungawubasi umlilo ngesabatha.
 
78.Awukwazi ke ukulandela umthetho kaNkulunkulu ngokombono wakho othi ikuphi nakuphi okungamele ngikwenze!
 
79.Kuyamangalisa ukuzwa umuntu othi ulikholwa, ofunda iBhayibheli, efanisa iSabatha nezinye izinsuku! Ku-Eksodusi 20:8-9 uNkulunkulu uthi: “Khumbula usuku lwesabatha ULUNGCWELISE!
 
80.UNkulunkulu akakhulumanga ngokukhonza, kodwa uthi iSabatha alibe liholidi kithi, singasebenzi ngalo, silungcwelise, ngakho lelivangeli likampostoli uMbatha liwukuhlubula abantu kuNkulunkulu! Isabatha ngokweBhayibheli lingelinganiswe nalusuku!
 
81.Ngaphambili ngake ngabuzwa ngenye inkosi, yathi: “Njengoba ningayi emingcwabeni ngesabatha, uma nina senifelwe, abasonta ngesonto bona kufanele ngani bengcwabe amaNazaretha?”
 
82.Ngathi mina: “Nkosi, ningenza lokho enithanda ukukwenza, kodwa kungumthetho kaNkulunkulu ukuthi singa sebenzi ngeSabatha, ngakho ke asikwazi ukwephuliswa ngabantu umthetho kaNkulunkulu!”
 
83.Ku Hezekeli 2:4-7 uJehova wathi kumprofethi uHezekeli: “Bangabantu abanenkani nenhliziyo elikhuni, ngiyakuthuma kubo.
 
84.Uyakuthi kubo: “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi, noma ngabe bayalalela, noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umprofethi phakathi kwabo.
 
85.Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindu ehlubukayo.
 
86.Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela, noma bawashaya indiva ngoba bangabahlubuki.
 
87.Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlhubukayo njengalendlu ehlubukayo, vula umlomo wakho, udle engikunika khona.” Amein!
 
88.Njengoba ngikhuluma phambi kwenu ngiyisisebenzi sikaNkulunkulu. Angingenwanga ugqozi, kodwa ngathunywa ezulwini ukuba ngiqondise ibandla likaJehova.
 
89.Ngakho akukho muntu engizomesaba ukumela lokho engithunywe ukukwenza!
 
90.Kunamabandla amaNazaretha asemhlubukile uJehova kanye nabaholi babo.
 
91.Ayikho into eyingozi njengokuhlubuka komholi webandla ngoba lonke lelobandla usuke eselise esihogweni; ngoba lizwa yena!
 
92.Kungukungaphili ekhanda ukubiza umuntu ngoNkulunkulu; nokuzibiza ngoNkulunkulu, kusuke kukhona okungahambi kahle ekhanda lakho!
 
93.Asikho isono esibi ezulwini njengoku hlambalaza uNkulunkulu ngokuzikhomba wena uthi unguNkulunkulu!
 
94.Lesi senzo singikhumbuza amazwi ashiwo yingelosi yathi: “Emva kwaBaba uThingo kuzovela oShembe abaningi, abanye bazohola ibandla bengakaze bakholwe kwasekuzalweni kwabo; kodwa bolihola lelibandla ngegunya lesibongo.” Yabe isithi:
 
95.“Njengo kusho kweNkosi iLanga, funani uShembe womoya, ngoba yena ngenke amhlubuke uNkulunkulu, angenke akudukise lokhu kukholwa kwaseZulwini.
 
96.Yaqhuba yathi: “Ingani nanka amaKrestu ayakholwa, kodwa akekho uJesu phambi kwawo, nina nizohlulwa yini ukuthi nilandele uShembe ofana noJesu, uShembe osezulwini?”
 
97.Kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu sifundisa ngezimfundiso zomprofethi njengoba sasizifundiswa yiNkosi iLanga! Ngakho ke akulula ukuthi sihlubuke kuNkulunkulu!
 
98.Kukhona umkhuba owenziwa ngamakholwa ahlubukile, kungaba ngamaKrestu kube ngamaNazaretha, afuna ukuphikisa umthetho womsunguli wenkolo, kumbe kaNkulunkulu ngezimfundiso zabaholi abeze emva kwakhe! Ayikho into enjalo!
 
99. Awukwazi ukuphikisa umthetho kaNkulunkulu noma kaMoshe ngezimfundiso zikaPaul. Kanjalo nakuma Nazaretha, awukwazi ukuphikisa umthetho kaShembe uBabamkhulu ngentshumayelo yanoma imuphi umholi oze emva kwakhe. Lokho kwacaciswa yiNkosi iLanga ezintshumayelweni zayo eziningi!
 
100.Akakho umuntu ongachitha umthetho kaNkulunku nanoma ngubani oze emva kwaMoshe, uma nje ethi ungaphansi kwenkolo kaJehova.
 
101.Kodwa amaKrestu ayayi chitha imithetho eminingi kaMoshe ngo Paul, bethi “kodwa uPaul wathi!”
 
102.Njengoba sesichazile, abezizwe basenzisa lokho ngoba befuna ukusebenzisa thina ukuchitha umthetho kaNkulunkulu wethu!
 
103.Kuyisicelo sami ukuthi noma imuphi umuntu othi ungaphansi kwaJehova, angawulahli umthetho kaNkulunkulu ngezimfundiso zikaPaul, nanoma ngezamuphi umuntu othi naye ungumprofethi kumbe ethi unguNkulunkulu!
 
104.Sonke asilandele izimfundiso zikaMoshe uma sifuna ukuya ezulwini. Asimfundisise uMathewu 5:17-19 noMathewu 7:21-23!
 
105.Uthi uBaba iLanga ibandla lamaNazaretha ngelikaShembe ongabonwa nowaliqalayo lelibandla, okungumprofethi u-ISaya Shembe.
 
106.Ngelinye ilanga ithi ingelosi: “UBaba iLanga mkhulu kakhulu ezulwini, kodwa lapha emhlabeni ningamlinganisi noBabamkhulu ngoba niyodida abantu.
 
107.UNkulunkulu wathuma umprofethi ukuzophemba lelibandla lama Nazaretha, ngelakhe, ngakho akekho umholi ongalingana noBabamkhulu ebandleni lama Nazaretha!
 
108.Kungukweyisa uBabamkhulu uma efike athi asingawahlabeli amadlozi, bese kuvela abaholi bakwaShembe belethe izintshumayelo zeNkosi iLanga, bethi iNkosi iLanga iyamphikisa uBabamkhulu.
 
109.Lemfundiso yokwenza iNkosi iLanga ibe ngaphezu kwaBabamkhulu iyabusa ebandleni laseKuphakameni.
 
110.Ukwedelela uNkulunkulu lokho, ngoba ukuthi singawahlabeli amadlozi akuvelanga kuBabamkhulu, kodwa ngaphandle kwezincwadi eziningi, kumaHubo 106:28-29 kuthi: “Bazihlanganisa noBali Peyoni, badla okuhlatshelwe abafileyo. Bamcunula uJehova ngezenzo zabo, kwabhoboka isifo phakathi kwabo.”
 
111.Umuntu ohlubukile umbona ngezenzo, kungakhathaleki ukuthi yena uzicabanga ukuthi uyini!
 
112.OkwaseBuhleni ke akusakhulumeki, ngoba noma ungathi uqondisani uthelekelwa ngezinhlamba.
 
113.Kodwa leliya bandla limhlubukile uJehova noBabamkhulu ngokusobala, ngangokuthi ayikho into yokukukholwa ongabe usayitshela amalunga aleli bandla ngoba ahlubuke nomholi walo!
 
114.Kodwa uyeza umhla wokuphela, uzokuma phambi kwethu noma umuntu engathandi!
Inkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *