Uyaqhubeka uMprofethi uthi uJehova uyaye ahlobe ngobuNazaretha kathathu unyaka umunye. Lokhu kuhloba kukaJehova kuchaza imihlangano engcwele amaNazaretha alinda ngayo eba mithathu ngonyaka. Njengoba sesichazile, ubuNazaretha yinkolo yasezulwini, yinkolo kaShembe onguMoya.
1. Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi uShembe onguMoya ongcwele.
Incwadi kaJohane 14:15-17:
2. “Uma ningithanda nogcina imiyalo yami. Ngocela kuBaba ukuba aninike omunye uMduduzi oyohlala nani njalo, onguMoya weqiniso. Abomhlaba bangememukele, ngoba abamboni, kabamazi; kodwa nina niyamazi, ngoba uhlala nani njalo, ukunina.”
3. Kuhlale kunempikiswana ngesimo nokusebenza koMoya ongcwele; nokho kulentshumayelo asizungena kulezi zimpikiswana, kodwa sizobheka ukuthi thina maNazaretha uShembe wasifundisani ngoMoya ongcwele.
4. KuSihlabelelo 58 uMprofethi uthi, ” Lowo (Moya Ongcwele) owasethembisa wona ngoJesu Krestu iNkosi, wathi angenke wasishiya sisodwa uyosithumela uMoya ongcwele. UMoya wakho mawuze Nkosi, ubaphilise abantu bakho.”
5. Lesi yisihlabelelo esihlatshelelwa uma kuthandazelwa abantu. UShembe kulesi sihlabelelo ukubeke ngokusobala ukuthi amaNazaretha aphiliswa nguMoya ongcwele uNkulunkulu owasethembisa wona ngoYahusha, mhla uYahusha ethi, “Ngocela kuBaba ukuba aninike uMduduzi onguMoya ongcwele oyohlala nani njalo; unguMoya weqiniso.”
6. Uthi ke uShembe loMoya ongcwele uYahusha owasethembisa wona ukuthi uyohlala nathi njalo, awube phakathi kwabagulayo ubaphilise.
7. Lena imfundiso-nkolo noma itheology yobuNazaretha eqondile exhumanisa ubuNazaretha bukaShembe noMoya ongcwele owabikezelwa nguYahusha.
Kusihlabelelo 139 uShembe uthi,”Ufikile uMTHOKOZISI,
mlandeleni zizwe nonke,…. Kwathiwa asiyikushiwa sisodwa, mlandeleni simzwile.”
8. Lesi sihlabelelo sikubeka ngokusobala ukuthi uShembe wabe ecaphuna amazwi kaYahusha akuJohane 16:7-15 lapho uYahusha ethi, “Nginitshela iqiniso, ngithi kunilungele ukuba ngimuke, ngoba uma ngingemuki uMduduzi noma uMthokozisi akayikuza kini.
9. Kodwa uma ngimuka ngiyomthumela kini. Kodwa uma efika uyohlalukisa obala ukweduka kwabantu bomhlaba maqondana nokona nokulunga nokwahlulelwa.
10. Bedukile mayelana nokona, ngoba bengakholwa kimi. Bedukile ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningebe futhi nisangibona. Bedukile ngokwahlulelwa njengoba umbusi omubi walomhlaba kudala ehlulelwe.
11. Kuningi ebengisazonitshela khona, kodwa angenke nikumele okwamanje, kodwa uma esefikile lowo onguMoya weqiniso, uyoniholela kulo lonke iqiniso.
12. Akayikuzikhulumela okwakhe, kodwa uyosho lokho akuzwayo, anibikele ngezinto ezizayo. Uyongilethela udumo, ngoba uyothatha lokho engikushoyo anitshele khona.
13. Konke uBaba anakho kungokwami, yingakho nje ngithe uMoya weqiniso uyothatha engikushoyo anitshele khona.”
Kuyishwa ukuthi lenkulumo yokugcina kaYahusha owayechaza ngayo ukuthi kokwenzekani emva kwakhe akukho makholwa ake ehlale phansi ayicubungule. Ziningi izinto othi uYahusha zokwenziwa nguMoya weqiniso oyofika emva kwakhe.
14. Uthi uYahusha uhambe emhlabeni engakakusho konke owayezokusho; kodwa ongakushongo sekochazwa nguMoya weqiniso.
15. Okokuqala uthi uYahusha uMoya weqiniso uyocacisa kahle ukuthi ngokukaNkulunkulu yini isono, ubuye uMoya ongcwele ucacise ukuthi ngokukaNkulunkulu umuntu wehlulelwa kanjani.
UMoya oNgcwele uyobuye uchaze ukuthi ngokukaNkulunkulu ukulunga komuntu kusho ukuthini.
16. Okwesibili uYahusha uthi uMoya weqiniso uyobe uyiSithunywa sikaNkulunkulu, uyisimo somprofehi; uyokhuluma lokho okutshelwa nguNkulunkulu, usibikele ngezinto ezisazokwenzeka.
Okwesithathu uYahusha uthi lesi siThunywa siyolethela uYahusha udumo, ngoba siyothatha izimfundiso zakhe uYahusha sizidlulise kubantu.
17. Bese uYahusha uyachaza ukuthi usho ukuthini ngalokho; uthi ngokufundisa ngemithetho kaNkulunkulu, lesi siThunywa siyobe silethela yena uYahusha udumo, ngoba uYahusha uvumelana nakho konke okushiwo nguNkulunkulu.
18. UYahusha akasitshelanga ukuthi igama laloMoya weqiniso ngubani. Yikho okwenza kube nempikiswana engaka ngokuthi loMoya ongcwele ungubani, noma wangena kubani?
19. Njengoba uShembe ethi Yahusha wayechaza yena, okumele sikuthole ukuthi lokhu owathi uYahusha kokwenziwa nguMoya ongwele uShembe uyakwenza yini. Nokho asizungena kakhulu kulokho okwanamuhla.
20. Ekhasini 263 yencwadi ebhalwe ngu Adv Mnyandu esihloko sithi, ” Izintshumayelo zeNkosi iLanga.” INkosi iLanga ithi:
“Thina baseKuPhakameni sikholwa ukuthi uMoya kaJesu wehlela kuShembe emhlabeni; nanokuthi ngenkathi uShembe ebizwa ezweni lakubo, ekhishwa kuzo zonke izinto ayezithanda, nayezenza, uMoya kaJesu wehlela kuye.
21. Sikholwa nawukuthi wathi uma efika lapha ezweni lakithi wawuthela lo Moya kaJesu, lo Moya oNgcwele, lo Moya owenza abantu bathandane, bangazondani.”
22. Uyaqhubeka uBaba iLanga uthi,”UShembe wathi (esho uMprofethi) “Mina ngiyakholwa kakhulu amazwi eBhayibheli; ngiyakholwa futhi ukuthi uJesu waba ngenyama emhlabeni njengomuntu, kodwa engoka Nkulunkulu.
23. Nguye oyisisekelo semisebenzi engiyiphetheyo, ngoba mina ngisenyameni njengayo iNdodana kaNkulunkulu engingufakazi wayo; yashumayela isesenyameni.
Uma umuntu ekholwa ngamazwi kaJesu, uwalahlelani amazwi abaProfethi?”
24. UShembe wakufakazisa esashumayela ukuthi ukholelwa ezimfundisweni zikaYahusha, nokuthi uMoya kaYahusha wehlela kuye. Uthi ke uShembe, uma umuntu ekholwa ngamazwi kaYahusha, uwalahlelani amazwi abaprofethi?
25. Lapha uShembe wayeqondise kakhulu kumazwi kaYahusha atholakala kuMathewu 5:17-19 lapho uYahusha owakubeka ngokusobala ukuthi akazile ukuzochitha umthetho kaMoshe nezimfundiso zabaprofethi, kodwa ukuzozifeza.
26. Uthi ke uYahusha ngokufundisa ngemithetho kaNkulunkulu uMoya ongcwele uyobe ulethela yena uYahusha udumo, ngoba naye uYahusha uvumelana nakho konke okushiwo nguNkulunkulu.
27. Cishe kubo bonke abaprofethi abake babakhona emva kwaYahusha, nguShembe ofike wavuselela yonke imithetho kaNkulunkulu eyalethwa emhlabeni nguMoshe; wavuselela nezimfundiso zabaprofethi.
28. Sikhuluma ngoMoya ongcwele, onguMoya weqiniso; lapha eKuphakameni loMoya weqiniso ubizwa ngokuthi NGUMOYA KASHEMBE. UMprofethi neNkosi iLanga babevamile ukukhuluma ngoMoya kaShembe.
29. Lokhu ukuthi nguMoya kaShembe kuchaza ukuthi loMoya ongcwele uYahusha owayekhuluma ngawo, lapha eKuphakameni wehlela kuShembe, kuseyilowo Moya owehlela uMprofethi u-Elisha, kodwa yena owawubiza ngokuthi nguMoya woMprofethi u-Eliya.
30. U-Elisha kuMakhosi esibili isahluko 2:9 wacela uMoya ka-Eliya ukuba wehlele kuye; kodwa okuseqinisweni wayecela uMoya kaNkulunkulu owawuku-Eliya, yena wawubiza ngokuthi nguMoya ka-Eliya.
31. Lapha eKuphakameni loMoya wehlela kuShembe, yingakho ubizwa ngokuthi NGUMOYA KASHEMBE. Kodwa kuseyiwo lowo Moya uYahusha owayekhuluma ngawo owehlela abapostoli, nowagcina ngokwehlela onke amakholwa.
32. UBaba iLanga wayevamile ukukhuluma ngoMoya kaShembe, noma ngenhliziyo kaShembe, futhi echaza ukuthi UMOYA KASHEMBE yinto enjani. Ekhasini 118 lwencwadi kaMnyandu iLanga lithi:
33. “Yingakho ngihlale ngisho ngithi funani abefundisi ABANOMOYA KASHEMBE. Noma bebancane ngeminyaka nibafundise, noma bebadala nibafundise; noma ngabafazi nabo bengaba abefundisi. Kodwa nifune abefundisi ABANOMOYA KASHEMBE…..”
34. Kanti ekhasini 167-168 yencwadi kaMnyandu iLanga lithi:
“Indaba kaShembe inkulu kakhulu maNazaretha. Mhlawumbe bayoze bavele abantwana phakathi kwenu abanesibindi nesineke sokuyifunda le ndaba yenu.
35. Phakathi kwethu njengoba sithi singabefundisi, singabashumayeli bakaShembe, akekho onaso isineke, nesikhathi nesibindi sokuhlala phansi ayifunde le ndaba.
36. Ngokwami ukubona sisese bumnyameni, asiboni kahle, asiyizwa kahle lendaba, ngoba uShembe akayibhalanga lendaba yakhe….
Ngakho uma nithandaza ningaboyeka ukucela kuNkulunkulu ukuba aniphe abantwana ABANENHLIZIYO EFANA NOSHEMBE, abanesineke nothando nabanesibindi sokuyifunda lendaba yenu, ngoba izindaba eziningi kuthi kungaphela amashumi amathathu eminyaka zikhathale.
37.Ukukholwa akuqali ukufika emhlabeni njengoba kufikile nje kini. Kodwa kuye kuhambe isikhashana bese kuyakhathala, abantu bese bephelelwa amandla babuyele emuva.”
LoMoya kaShembe iLanga elikhuluma ngawo yiwo uMoya ongcwele, uMoya weqiniso owawukuYahusha, emva kwaYahusha wehlela abafundi bakhe; wehlela nakumakholwa onke. UMoya owenza umuntu enyanye isono, afune ukulunga; uMoya owenza abantu bahlale ngokuthandana!
38. Njengoba esichazele uBaba iLanga, ubuNazaretha yinkolo kaJehova, yinkolo yasezulwini eyaye ifike nabaprofethi emhlabeni. Uthi uMprofethi kusihlabelelo 143:
“Ukukholwa kwethu, kulobu buNazaretha, kuyilidwala elibusheshelezi elehlula abaningi. Wena uyathanda ukusilandela lapho siya khona; uboqala uthenge isibindi (uma ufuna ukuya) lapha siya khona.”
39. Kulesi sihlabelelo uShembe uchaze konke ngokuthi ubuNazaretha kuyinkolo enjani; yinkolo enemithetho elikhuni abantu abaningi ebehlulayo; kodwa uma ufuna ukuya ezulwini kumele uzimisele ngokukholwa kweqiniso..
40. Ukuthi ubuNazaretha kuyinkolo enemfundiso-nkolo emi kanjani, sikuzwa ngaye uMprofethi kusihlabelelo 73 lapho ethi:
“Ngiyakholwa kuYise onamandla onke; kuMdali wezulu nohlaba, nakuMoya ongcwele. Nakuyo iRamente eyincwele yamaNazaretha. Nobudlelwalane babangcwele baseNazaretha.
41. Idwala elihle lamaNazaretha, owazikhethela lona uJehova ngokulithanda kwakhe. Useze wahloba ngabo kathathu, lobu buNazaretha, phambi kwamazulu onke, unyaka umunye.”
Kulelihubo uBaba iLanga uthi uMprofethi wayesinika isivumo senkolo yobuNazaretha. Lesi sivumo sithi sikholwa nguNkulunkulu uYise kaYahusha onguMdali wezulu nomhlaba; sikholwa ukuthi uMoya oyingcwele owacelwa nguYahusha kuJehova wehlela kuShembe; sikholwa ukuthi iBandla lamaNazaretha liyiRamente noma iBandla lasezulwini.
42. Uyaqhubeka uMprofethi uthi uJehova uyaye ahlobe ngobuNazaretha kathathu unyaka umunye. Lokhu kuhloba kukaJehova kuchaza imihlangano engcwele amaNazaretha alinda ngayo eba mithathu ngonyaka. Njengoba sesichazile, ubuNazaretha yinkolo yasezulwini, yinkolo kaShembe onguMoya.
43. Emakhasini 66-67 encwadi kaMnyandu, uBaba iLanga uthi:
“Kodwa uKuPhakama lokhu akusikho okwenu, akusikho futhi okukaShembe lo obonwayo; ngokukukaNkulunkulu, ngokukaShembe oseZulwini, ngokukaShembe owakuqalayo lokhu kuhamba. Uma nikugcina lokhu kuhamba kwaseKuPhakameni lo muzi awuyikuguga. Awuyikuncipha, awuyikubaswela abantu abazoza bezokhonza uNkulunkulu.
44. Kepha lokhu kokwenzeka kuphela uma nikhumbula ukuthi indawo enalo muzi, kanye nalokhu kuhamba eniyikho, AKUNANKOSI EBONWAYO, akusikho okomuntu.”##
NgoKuPhakama uShembe usho ubuNazaretha. UbuNazaretha yinkolo yasezulwini, akusiyo into yomuntu walapha emhlabeni.
45. Okwethu njengabaphathiswa bezwi likaNkulunkulu ukuba sishumayele sifundise abantu ngakho. Ekhasini 221 lencwadi kaMnyandu uBaba iLanga wayichaza kahle lento uma ethi:
“Sizobhubha sonke sihambe emhlabeni, kodwa uShembe (onguMoya oNgcwele) akagugi, akafi futhi. Thina uma sesilele emathuneni, uShembe yena uyobe emusha njalo nje; uyobe elokhu ekhuluma njalo, uyobe eshumayela njalo.
46. Namuhla usakhuluma lapha KwaZulu kuphela; kuza isikhathi lapho ezokhuluma naseNdiya, akhulume e New York, eMelika kubelungu.
47. Ukuba le ncwadi yakhe nayiloba ngabe abelungu bahlale befika bezofuna ukuthi amathambo alo muntu nawabekaphi, ibhantshi ayelembatha nalenzenjani, nocansi ayelala kulo luphi. Bezofuna ukuthi uShembe wabhalaphi, wathini.”
INkosi ibusise izwi layo.
Lentshumayelo iyatholakala ku Facebook othi Rev Mpanza NCG.