UShembe akazange waba nemfundiso yokuthi uJesu nguNkulunkulu, kumbe ulingana noNkulunkulu, njengoba noJesu engakaze ayikhulume into enjalo. UJesu noShembe bayizithunywa zikaJehova, bangabaprofethi bakaJehova!
Isihlabelelo 153.
1.Nanti ilizwi elomemo
Liymema bonke abantu
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
2.Abansudu nabamhlophe
Libamema kwana njalo
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke bantu.
3.Zimpumputhe nani zinyonga
Sabela niyabizwa
Lolu memo ngolwezulu
Ziyamenywa zonke izizwe
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke bantu.
USHEMBE NGUMPROFETHI KAMDALI WEZULU NOMHLABA.
1.Ngike ngahlangana nenye inkulumo ku tick tock, lapho bekukhuluma khona intombazane ethi inguZuliswa, futhi ethi ingumprofethi.
2.Bengingaqali ukuzwa lentombazane ikhuluma, kodwa ngangingakaze ngihlangane nayo ithuka umprofethi u-Isaya Shembe njengoba ibiyenza.
3.Ukuthi umuntu uyisimo esinjani ulandela ulimi lwakhe lapho ekhuluma.
4.Engikubukayo ukuthi loZuliswa uyazifanela nje namanye ama Nazaretha aseBuhleni; ukhuluma engazizwa ukuthi ukhuluma uthini, njengoba kuzovela kulezi zinkulumo zakhe.
5.Mhlawumbe uZoliswa nabanye abafana naye, kuyadinga ukuba ngibachazele ukuthi uShembe ngubani, ukuze bazi ukuthi loShembe asebemthuka ngumproferthi kaNkulunkulu sonke esafundiswa nguye ukukholwa lweqiniso!
6.Lenkulumo yalontombazane inde, futhi kokunye akaqondakali ukuthi uthini. Ngakho ngiphoqekile ukuba ngiyifinqe.
7.Uma lontombazana eqala lezi zinhlamba zakhe uthi: “Sawubona Sbosh, angimthukanga uShembe, iqiniso, uma uShembe ewuNkulunkulu myekele azilwele.
8.Mina uma nithuka uNkulunkulu wami, ngiya kuNkulunkulu, ngithi Nkulunkulu naba bekuthuka, athi uNkulunkulu wami hamba uyofunda iBhayibheli.
9.Nenziwa yini nina ukuthi uma uShembe ewuNkulunkulu nifune ukumlwela, uNkulunkulu onjani olwelwa abantu, akathukwa uShembe, iqiniso, uyidimoni uShembe, is very demonic guys, lento le eniphethe efuna ukulwa ngani, uNkulunkulu kufanele azilwele.
10.Okuseqinisweni lontombazane akakhulumi ngoShembe, kodwa ukhuluma ngoNyazi, mhlawumbe akakwazi ukwehlukanisa uShembe noNyazi, ngoba yilo olwathi lungunkulunkulu!
11.Kodwa abalandeli balo sebecasha ngoShembe ngoba liyinzalo yakhe. UShembe nguBabamkhulu!
12.Iyaqhubeka lentombazane ithi: “For 3 years ngikhuluma into eyodwa ukuthi uShembe akayena uNkulunkulu, nisho ukuthi for 3 years nihlulwa ukuhlangana nalaya kwaShembe uMgqibelo owodwa, u-14 owodwa, u-17 owodwa, u-16 owodwa, zonke lezi zinto enizenza laphaya ezithakathayo, ezimbi!
13.Inyoka eyodwa eniyibhincayo niyitshele ukuthi weShembe. Izangoma can do better than that.
14.Loya baba lo wakwa Mthembu owashona, wayekhuluma lapha noBhuti Ayanda Msweli, ethi mina uma ungisukela, ngingena la endlini ngikhulume nogogo bami, ngithi gogo nangu engisukela, bangitshele ogogo ukuthi angenzenjani.
15.Yini indaba nina nihlezi niwudlame, akekho noyedwa kunina othi ngiyile kuShembe ngamtshela into oyenzile, wathi uShembe wa! Wa! Wa! Nakhu!
16.Nizobona, akekho, instead inina nje enivutha ulaka, ninolaka nje. Akafiki ngani lo Shembe, uhlulwa imina uShembe ngingedwa, ngiwumuntu.
17.Yini le enzima kangaka kuloShembe wenu uma ewuNkulunkulu, niyabona ukuthi silaphaya emuva, siphindele lapha emuva kwi Bhayibheli, la uNkulunkulu athi ku-Gedion hamba uyobulala leya msamu ka-Bali.
18.UShembe u-Bhali, uShembe ichwane likaBhali aliphakamise emhlabeni ukuze nilikhonze ngezindlela eziphansi.
19.Wathi uNkulunkulu ku Gedion hamba ubulale leyamisamo, bese ulungisa umsamo wami.
20.Lento nina enibiza ngomsamo wamadlozi, ilento le uNkulunkulu owayethi ningakhele umsamu enhlabathini ekhuluma noMose.
21.Lana eniwuthola khona umsamo wenu, nakha umsamu emhlabeni nakhela uSathane, uShembe indodana kaBhali, ichwane lenyoka alinikeza izingane zikaMose amaZulu.
22.Anifuni ukulifunda lonke iBhayibheli, iNkosi uJesu Krestu anifuni ukuyinikeza indawo yokuthi abe indodana kaNkulunkulu, aninayo indodana kaNkulunkulu nina ekufundeni kwenu iBhayibheli, aniliyeki ngani iBhayibheli, uShembe anibhalele elakhe iBhayibheli.
23.Nenziwa yini niqambe amanga anjena, ninamanga too much that’s why, angeke ningenze lutho vele ngoba uShembe uNkulunkulu wamanga, akayena uNkulunkulu uShembe, uSathane nje.
24.UMqaliwendlela, ingakho wazibiza ngoMqaliwendlela, eqala indlela eyaphi, anizibuzi ngani ukuthi eqala indlela eyaphi, eya kwaSathane enikhipha ku Nkulunkulu, lowa Isaya owaKwaKhumalo akayena owakwaShembe.
25.Manje ke usehlasela uBabamkhulu, umhlanganisa nezenzo zoNyazi. Kodwa kuyacaca ukuthi akazi lutho ngalento okhuluma ngayo ngaphandle kokuthuka nje!
26.Loya Nkulunkulu enahlangana naye emgedeni laphaya entabeni phezulu eBuhleni, uNkulunkulu omagquma nezintaba uBhali, uTammuzi lo enimthandazayo, uNkulunkulu wathi angathandazwa, ingakho engafuni ukuvela, kufanele kulwe ninake nijuluke.
27.Mina uNkulunkulu wanginikeza leliBhayibheli wathi amazwi alencwadi angaphumi emlonyeni wakho.
28.Futhi noma ngingahlangana nawe ngeke ungenze lutho, ngoba niyathanda nina ukuthembisana engathi khona into azongenza yona, ayikho into uShembe azongenza yona, ayikho into uSathane azongenza yona, ayikho into uBhali azongenza yona, ayikho into u-Azazela azongenza yona, lo enimkhonzayo wengwe.
29.Nikhonza izingelosi ezaxoshwa ezulwini, bantu bakwaShembe let’s hear it, let me say it categorically, nithandaza uBhali ingelosi eyaxoshwa ezulwini, umhlaba indawo zezingelosi, abantu basemhlabeni bakhiwa bayindalo enobungelosi kubona,
30.Akekho uNkulunkulu okuthiwa uShembe, munye uNkulunkulu emhlabeni ophilayo, no-Allah naye, namasulumane nawo, ingakho nithandana namaSulumane ngoba nonke nikhonza uSathane njengamaSulumane neQuran.
31.Manje ke usehlasela amasulumane, engingazi ukuthi angenaphi kulelibandla laseBuhleni?
32.Wawasizake wona uMohammed wawabhalela elawo ibhuku, fundani iQuran ngoba nina namasulumane ningabandawonye ningabakaSathane esihogweni namadlozi enu.” Amein!
33.Kubalulekile ukuthi ube nolwazi oluphelele ngento oyihlaselayo. Kodwa futhi asikho isizathu sokuthuka into ngoba ungakholelwa kuyo!
34.Ungavele usuke uthuke enye inkolo ngoba nakhu wena ungekho kuyo, ngaphandle uma uyisilima esicabanga ukuthi sihlakaniphile, njengoba ngibuka ilomprofethi-mbumbulu ohlomekayo!
35.Ngiwenzile ngajula umlando ngoShembe uBabamkhulu, ngaze ngabhala izincwadi eziningi ngomlando wakhe as a person, kanye nowenkolo yobuNazaretha.
36.Ngahambela ama-University amaningi
ngihlanganisa yonke inhlobo yezifundiswa zenkolo, ngichaza ngenkolo kaShembe.
37.Akekho owake wakwazi ukungiphikisa, ngoba ubuNazaretha njengenkolo kaJehova igxile emthethweni kaNkulunkulu ngokuphelele njengoba sayifundiswa nguMose!
38.Futhi njengamanje ayikho inkolo elandela izimfundiso zeBhayibheli njengalenkolo.
39.Kodwa lapha angikhulumi ngebandla laseBuhleni nomholi walo, ngoba uzisholo yena ukuthi ungunkulunkulu!
40.Kuliqiniso ukuthi uMzazela, okungukhokho kaShembe, wasuka emaHlabathini engowakwa Khumalo, kodwa esendleleni kwafika izwi lathi uma esefika eNtabamhlophe azibize ngoShembe. Igama elithi “Shembe” liyefana eBhayibheli nelithi “Israel.”
41.Umndeni wakwaShembe ususeNtabamhlophe, ekuzalweni kwamprofethi, uyisemkhulu uNhliziyo wamqamba wathi ‘nguShembe’, uyise wathi ‘nguMdliwamafa’, ngoba kwakunguye yedwa umfana. UShembe ligama lomprofetthi!
42.Kwasho amaNazaretha ukuthi umprofethi nguMqaliwendlela, ngoba engumsunguli wobuNazaretha!
43.Uyise womprofethi, uMakise esuka eNtabamhlophe wakha emapulazini aseFree State, eHarrismith, okulapho uShembe wakhulela khona.
44.UShembe wayengafundile, futhi nomndeni wakhe ungakholwe ndawo.
45.Wakhula ehlala nesikwata enkompholo, elusa imfuyo yomlungu, engazi lutho ngobuKrestu, futhi engakaze alibone iBhayibheli.
46.UShembe cishe wayeneminyaka engu 12 kufika izwi likaNkulunkulu kuye entabeni elusile. Into yokuqala leli lizwi elamfundisa yona UKUTHANDAZA!
47.Esebonwa entabeni ehlale ethandaza, enye intombazane eyayisebenza ekhishini yamtshengisa iBhayibheli, yamchazela ukuthi lencwadi iqukethe izindaba zikaNkulunkulu.
48.Wayeseba nesifiso sokwazi okuqukethwe yilencwadi, ekuqhathanisa nalelizwi eliyaye lifike kuye entabeni lithi linguJehova uNkulunkulu wakhe!
49.Ngobunye ubusuku waba sesibonakalisweni, wazibona efundiswa iBhayibheli, lase lithi izwi akavuke eyofuna iBhayibheli komunye umuzi wamaWeseli.
50.Waya kulomuzi, bamnika iBhayibheli, kodwa bamangaliswa ukuthi ekwazi ukulifunda, yize engakaze abe sesikoleni!
51.AmaWeseli athatheka ngoShembe, base beya naye enkonzweni yamaWeseli, bafike bachazela umfundisi womlungu ngesimanga salomfana othunywe nguNkulunkulu kubo ukuba bamnike iBhayibheli.
52.Kwathi esanda kufika eWeseli, umfundisi womlungu wabe esethi akaphathe inkonzo. Wathi uyasukuma uyahlabelela, abantu bavukwa ngamadimoni abanye baphuma ngama windi bebaleka.
53.Wabona umfundisi womlungu ukuthi lomfana unoMoya kaNkulunkulu, kodwa wangenwa umona, wabona ukuthi lomfana uzokwenza ibandla limhlubuke.
54.Wabe lomfundisi esembiza uShembe, esethi engabe eseza enkonzweni, kodwa ehambe eyoshumayela amaqaba ezintabeni, ngoba laba sebaphenduka!
55.Abona amaWeseli ukuthi umfundisi unomona, ajabha, kodwa abasho lutho! Wagcina ke uShembe ukuza eWeseli.
56.Kusukela ngaleso sikhathi ziningi izimangaliso ezenzeka ngoShembe, kodwa esingazukukhuluma ngazo lapha.
57.Esekhulile uShembe, izwi likaJehova lamshiyisa wonke umuzi wakhe namakhosikazi amane, wahamba ezintabeni eshumayela, ephilisa abantu.
58.Ekushumayeleni kwakhe, wabuya wahlangana nebandla lamaWeseli, wabe eseshumayela nezinsizwa zakulelibandla.
59.Kwathi sekufanele ebhajadiswe eWeseli, kwafika ingelosi yathi akabatshele bembhabhadise emanzini njengoJesu.
60.Wathi uyabatshela lokho abefundisi, benqaba, base bethi akayofuna ibandla elibhabhadisa emanzini.
61.Wabe useyaphuma eWeseli, esethola iNative Baptist Church, yona eyayibhabhadisa ngokucwilisa emanzini. Wabhajadiswa ke kuleli bandla ngo 1906.
62.UShembe iBhayibheli wayelazi ngekhanda njengamaMoslems azi iKoeran! Noma esefihlwa ekuhambeni kwakhe, leliBhayibheli owayengehlukani nalo, labekwa eduze kwesidumbu sakhe.
63.Esekulelibandla kwafika futhi izwi, lathi engangeni nezicathulo enkonzweni; wakwenza lokho.
64.Umfundisi wambuza ukuthi uzikhumulelani izicathulo uma engene enkonzweni, wathi uShembe kusho izwi leNkosi.
65.Lomfundisi wamkhulula ukuba enze lokho okutshelwa izwi leNkosi noma esebandleni! Ngalesi sikhathi wabe esegcotshwe njengo mvangeli eBaptist Church.
66.Eminyakeni yo 1910, kwafika futhi izwi lathi akaye eMpumalanga, lisho eNatal. Lathi ‘sohlangana khona.’
67.Mhla ka 10 March 1910 uShembe wasuka eFree State, eHarrismith, wafikela eThekwini eMsizini.
68.Kodwa kwathi kuphela usuku lwesibili eseThekwini, ngendlela owabe eshumayela abuye asindise ngayo, wabe eselandelwa inqwaba yabantu.
69.UShembe akazange akhe bandla, kodwa abantu ababephenduka bekholwa, wayaye abase emabandleni aseduze nalapho ekhona!
70.Kodwa izimishini zalwa naye kakhulu, azawawemukela amakholwa aphendulwe nguShembe.
71.Wahlala eNatal iminyaka emithathu engenawo umuzi, abalandeli bakhe elala nabo ezintabeni.
72.Leligama elithi: “Nkosi sikelela uBaba noma ezula ezintabeni engenayo indawo yakhe”, lisuselwa lapho!
73.Kwathi laba bantu asebephenduke bamlandela noma eya kuphi, wababiza ngamaNazaretha.
74.AmaNazaretha wawafundisa ukuthi akakholwe ngokugcina imithetho kaJehova owayiloba ngenceku yakhe uMose.
75.Lesi sisekelo sokukholwa uShembe wasibhala phansi kuvesi 3 womthandazo weSabatha, lapho ethi: MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.
76.Waba nemithandazo emithathu, owokuVuka, wokuLala noweSabatha, waqamba amahubo angu 242 kuhlanganisa naweNkosi iLanga.
77.UShembe akagcinanga ngokuwafundisa ngokukhonza uJehova amaNazaretha, wabuye futhi wawafundisa ngoJesu, lokhu ukuthola ngisho kumahubo akhe. Kuyisihlabelelo 5 uShembe uthi:
78.Nina abathanda ukuphila
Emhlambini kaJesu
Khumbulani incindezi yendlela
Eya ngasekhaya.
79.Umkhondo mncinyane
Wehlula amagwala
Nesango lincinyane
Lingenwa ngamandla.
80.Izinyoni zinezindlu
Zihlala kamnandi
Kepha uJesu akanandawo
Lapha engahlala khona.
81.Abathanda ukumlandela
Mabazidele kuqala
Bangayesabi imiyalo
Ephelisa amandla.
82.Bathabathe isiphambano
Emahlombe abo
Basifele isethembiso
Abasethenjiswayo.###
83.Ku-Isaya 43:10-11 kuthi: “Ningofakazi bami, kusho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye.
84.Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngemuva kwami.
85.Mina, Mina nginguJehova, ngaphandle kwami akekho uMsindisi!”
86.UShembe ivangeli lakhe walisusela kulencwadi efundisa ukuthi uNkulunkulu munye, igama lakhe NGUJEHOVA!
87.Ngakho emhlabeni nasezulwini akekho uNkulunkulu ngaphandle kwaJehova!
88.UShembe akazange waba nemfundiso yokuthi uJesu nguNkulunkulu, kumbe ulingana noNkulunkulu, njengoba noJesu engakaze ayikhulume into enjalo. UJesu noShembe bayizithunywa zikaJehova, bangabaprofethi bakaJehova!
89.Lokhu uShembe wakuveza ngokusobala kusihlabelelo 119 lapho ethi:
Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
90.Thina siyamthanda lo
Onokusindisa
Sophelela sonke kuJehova
Onokusindisa.
91.Wena uyamdinga lo
Onokusindisa
Kuphela uJehova onokusindisa.
92.Alikho nelinye igama
Esingasinda ngalo
Kuphel’ gama likaJehova
Esingasinda ngalo.
93.Asinazihlangu
Esingavika ngazo
Kuphel’ gama likaJehova
Esingavika ngalo.
94.Asinazihlangu
Esingalwa ngazo
Kuphel’ gama likhkaJehova.
95. Umprofethi u-Isaya Shembe akaze alokothe azibize ngoNkulunkulu!
96.Esikhundleni salokho wayethi uyinceku kaNkulunkulu, uyisikhonzi sikaNkulunkulu! Ubufakazi balokho isihlabelelo 134, lapho ethi:
97.INkosi ikubusise wenceku yeNkosi
Ulihambise wenceku yeNkosi
Nazo izizwe zililindele
Zonke eziphansi kwezulu.
98.INkosi ikubusise wenceku yeNkosi
Ikwandisele imihla phansi kwezulu
Zililindele zonke lezo zizwe
Zonke eziphansi kwezulu.
99.INkosi ikubusise weNceku yeNkosi
Uhambise izwi lakhe wenceku yeNkosi
Lezi zizwe zililindele
Zonke eziphansi kwezulu.
100.UJehova akwakhe nceku yeNkosi
Uhambise izwi lakhe nceku yeNkosi
Lezi zizwe zili lindele
Zonke eziphansi kwezulu.
101.INkosi ikubusise wenceku yeNkosi
Usesule izinyembezi ngegama leNkosi
Zonke lezi zinyembezi zilindele wena
Zonke eziphansi kwezulu.
102.Lesi sihlabelelo safikiswa zingelosi kumprofethi, zihlabelela ngomsebenzi wakhe wokushumayela!
103.Ukuze uthi umuntu ulidimoni kufanele ubheke izimfundiso nezenzo zakhe. Okokuqala kumele ufune ukuthi ufundisani ngoNkulunkulu.
104.Okwesibili ukuthi yena wenzani ephambene nomthetho kaNkulunkulu njengoba sawufundiswa nguMose.
105.Inqubo yokukholwa kwebandla lamaNazaretha uShembe akagcinanga ngokuyifundisa ngomlomo, kodwa wayibhala phansi!
106.Kuyo yonke imithandazo uShembe wakubhala phansi ukuthi leli libandla ngelikaMenzi wezulu nomhlaba!
107.Mhla ka 4 January 2010 kwafika ingelosi kimi ihamba ngezinyawo, yathi iythunywe nguShembe iNkosi iLanga.
108.Uthi uShembe angiphume eBuhleni, bese ngimakhela ibandla likaJehova, kulo ngifundise abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, ngithathele eBhayibhelini nasezihlabelweni zamaNazaretha.
109.Ngibuye ngithathele ezintshumayelweni zomprofethi efundiisa amaNazaretha ukuthi uJehova kufanele bamdumise kanjani.
110.Kusukela mhla ka 30 September 2010 ngaphuma eBuhleni ngenza lokho engikufundiswa yingelosi ukuthi uJehova kumele simkhonze kanjani.
111.Ingelosi ayigcinanga ngokunginika umyalezo, kodwa yahlala nathi isikhokhela ukuthi uJehova kumele simkhonze kanjani.
112.Uma lentombazane ithi uBabamkhulu wathi unguMqaliwendlela eya kwaSathane, njengoba mina ngifundisa ngezintshumayelo zakhe, ake isichazele ukuthi yiziphi izintshumayelo zami ngeBhayibheli ezifundisa ukukhonza uBhali?
113.Lentombazane angenke ichaze ukuthi iliphi ivangeli elafundiswa nguBabamkhulu elisusa abantu ukukhonza uJehova, bakhonze uSathane!
114.Ukubonisa ukuthi lentombazane liyaxhapha ikhanda layo, khona lapho itholakala isihlasela nenkolo yama Moslems, i-Islam! Ithi: “Ingakho nithandana namaSulumane ngoba nonke nikhonza uSathane njengamaSulumane neQuran.
115.Wawasizake wona uMohammed wawabhalela elawo ibhuku, fundani iQuran ngoba nina namasulumane ningabandawonye ningabakaSathane esihogweni namadlozi enu!”
116.Njengoba sengishilo, alikho ibandla elilandela umthetho kaNkulunkulu njengoba ubhaliwe eBhayibhelini eledlula ibandla lamaNazaretha.
117Ngiwakhipha eceleni amahlubuka aseBuhleni nomholi wawo!
118.Lentombazane ingikhumbuza umfundisi webandla leSatanism, u-Anton Lavey. Eminyakeni yama 60’s uLavey wavula ibandla leSatanism e-Amerika, wafika esontweni efake ukhololo, kodwa ephuce ikhanda.
119.Izintatheli zase zimbuza ukuthi njengoba engumfundisi efake ukhololo nje, ukuphuca ikhanda komfundisi kusho ukuthini?
120.LeSathanist yathi: “Ngokuphuca ikhanda ngiphikisa uNkulunkulu othi umfundisi akangaligundi ikhanda!” (Levi 21:5-6).
121.Ukuqhamuka kwentombazane ephuce ikhanda, engaligcini neSabatha, izohlasela umprofethi okunguye owasifundisa inqubo yokukholwa ngokugcina umthetho kaJehova, bese izothi lomprofethi ulandela uBhali, ukusanganelwa yikhanda.
122.Nazo zonke lezi zinto ezikhuluma ngama Moslems nange Koeran awuzazi ukuthi izithathaphi. Akekho umuntu ongumKrestu ophilayo ekhanda ongathi umprofethi uMahomed ne Koeran yinto ehlangene noBhali.
123.Okuseqinisweni imfundiso-nkolo yobuKrestu njengoba ibhalwe kuma Creeds awo ethi unkulunkulu wawo nguBhali!
124.Angazi noma lentombazane iyakwazi yini lokho? Kodwa lentombazane isizothi i-Islam nama Nazaretha akhonza uBhali!
125.Bengingebe nankinga uma lontombazane ubeqondise kumaNazaretha aseBuhleni nomholi wabo, ngoba ibona abaphumele obala bathi umholi wabo ungunkulunkulu, bachitha imfundiso kaBabamkhulu!
126.Lama Nazaretha-mbumbulu ahlabela amadlozi, basonta nezangoma, bafuye ongqingili enkonzweni. Benza okuningi okuphambene nobuNazaretha njengenkolo kaJehova!
127.Kodwa ukuthuka umprofethi ngalezi zinhlamba, yize ungenke ukhombe ukuthi ngokweBhayibheli othi uyalifunda, umprofethi yintoni owayenza ephambene nomthetho kaNkulunkulu, lokho kungugcwaneka isibili!
INkosi ibusise izwi layo.