Kulencwadi (Hoseya 4:6) uNkulunkulu uthi kungenzeka ukuthi umuntu enze into engafanele ngokungazi, kodwa noma kunjalo uyakujezela lokho.
Lokho kusho ukuthi ekukholweni kwethu kufanele sibe nesiqiniseko sokuthi esikukholwayo yikhona okwamukelekile kuNkulunkulu ezulwini.
Isizathu salokho ukuthi noma ungakholwa kwabanye onkulunkulu, kodwa ekufeni kwakho uya phambi kwaNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba.
Isihlabelelo 130.
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha lelo lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
INKINGA YOKUKHOLWA
USEBUMNYAMENI.
1.Incwadi kaHoseya 4:6: “Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi. Nawe uyenqaba ukuba ube ngumpristi wami.
2.Ukhohliwe ngumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana
bakho.” Amein!
3.Kulencwadi uNkulunkulu uthi kungenzeka ukuthi umuntu enze into engafanele ngokungazi, kodwa noma kunjalo uyakujezela lokho.
4.Lokho kusho ukuthi ekukholweni kwethu kufanele sibe nesiqiniseko sokuthi esikukholwayo yikhona okwamukelekile kuNkulunkulu ezulwini.
5.Isizathu salokho ukuthi noma ungakholwa kwabanye onkulunkulu, kodwa ekufeni kwakho uya phambi kwaNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba.
6.Ukunika isibonelo: Ungaba ngumuntu okholelwa ekuhlabeleni abaphansi, kodwa uNkulunkulu ethe ungakwenzi lokho, kodwa uyojeziswa nguNkulunkulu omhlubukile wakhonza abanye onkulunkulu!
7.Sesihlale nengelosi kusukela ngo 2006 kuze kube manje; yaqala ukusifundisa kabanzi ngendlela eyiyo yokukhonza uNkulunkulu kusukela ngo 2010.
8.Mina ngiyinzalo ekukholweni, futhi bengicabanga ukuthi ngikholiwe.
9.Kodwa ngiyaye ngizibuze ukuthi ukuba akufikanga ingelosi, ekufeni kwami ngangiyongena yini ezulwini, ngoba izinto eziningi zokukholwa engangicabanga ukuthi ngiyazazi, ngathola ukuthi angizazi.
10.Esikhathini esiphambili kwakunoku phikisana phakathi kwebandla laseKuphakameni nelaseBuhleni, abaseKuphakameni bethi ikomkhulu lamaNazaretha ezulwini kuseKuphakameni, kanti abaseBuhleni bethi kuseBuhleni.
11.Isithi ke ingelosi: “Ngiyawezwa nje lamaNazaretha ephikisana ngomuzi waseKuphakameni nowaseBuhleni, kodwa ikomkhulu likaNkulunkulu ezulwini kuseJerusalema.
12.EKuphakameni kubalulekile ngoba yikomkhulu lomprofethi, kanjalo noBuhleni bubaluleke ngokwabo, kodwa umuzi wokuqala nonendlu yokuqala kaNkulunkulu emhlabeni kuseJerusalema.
13.Kuza isikhathi lapho okothi
uma bonke abantu sebenoku kholwa okuqondile, njalo ngonyaka beye eJerusalema beyokhonza khona uJehova.” Amein.
14.Lokhu kukhuluma kwangethusa, ngazibuza ukuthi yini esihlanganisa neJerusalema elise Palestine thina sise-Afrika?
15.Yini esihlanganisa nesizwe esimhlophe thina siyisizwe esimnyama? Ngangicabanga ngalokhu kukhuluma kwalomuntu wasezulwini.
16.Kulenkulumo ngangimangaliswa ukuthi iJerusalema lidolobha labelungu elingahlangene nathi.
17.Kodwa amazwi engelosi ayethi: “Sobuyela eJerusalema uma abantu sebenolwazi ngokukholwa okuyikho!”
18.Ngelinye ilanga futhi ingelosi ithi
kimi: “AmaJuda isizwe esimnyama, wena nje usendlini kaJuda.”
19.Lokhu kwakuchaza ukuthi noYahusha owayeliJuda kwakungu muntu omnyama.
20.Lenkulumo yangikhathaza kakhulu, ngizibuza ukuthi kanti ngabe lenkulumo yokuthi yithina sizwe esimnyama esingamaHebheru iliqiniso yini?
Ngangike ngiyizwe lenkulumo, kodwa ngingayemukeli.
21.Okusalayo ukuthi ngangazi ukuthi ingelosi ayikwazi ukukhuluma iphutha ngomlando wethu, ngoba yayikhona namhla u- Adam no-Eva bexoshwa ensimini yase-Eden.
22.Ngenxa yokuthi lenkulumo ngangingenke ngikwazi ukushumayela ngayo, ngaqala lapho ukwenza ucwaningo ngomlando wamaHebheru, ngifunda iBhayibheli kanye nezincwadi eziningi ezahlukene.
23.Ekugcineni ngathola ukuthi impela amaJuda isizwe esimnyama, nokuthi noYahusha, lo osebizwa ngoJesu kwakungumprofethi esizweni esimnyama.
24.Kusukela lapho angibange ngisabuye ngime ukucwaninga, ngoba ngathola ukuthi kuningi esicabanga ukuthi siyakwazi, kanti asikwazi.
25.Abezizwe basikhohlisa ngoba bazi ukuthi sizokwamukela konke abakushoyo.
26.Okokuqala ngenza ucwaningo ngomlando wesizwe samaHebheru esaba ngabantwana bakwa-Israel, sagcina singamaJuda.
27.Inkolo yethu iqala entabeni yase Sinayi ngo 1447 B.C.; kulapho uJehova owasinika khona iqoqo lemiyalelo nemithetho okumele siyigcine ekukholweni kwethu njengesizwe sikaJehova.
28.Kulapho futhi uJehova ngenceku yakhe uMoshe owaba nenkulumo ekuDutoronomi 28:68, ethi uma simhlubuka uyosiyekela kwabezizwe ukusinqoba babuye basithumbe.
29.Abantwana bakwa-Israel babehlale bemhlubuka uJehova ngisho bengakafiki eKhanani, manje osekuse Palestine.
30.Bazifunela inkosi, uJehova wabe esebanika inkosi uSaul, emva kwaSaul kwaba inkosi uDavid, emva kwakhe kwaba inkosi uSolomon.
31.Emva kwenkosi uSolomon isizwe sakwa-Israel sehlukana saba ubukhosi obubili, okunye kwaba yizizwe ezingu 10 ezazisenyakatho ezaziwa ngokuthi ama-Israel.
32.Ubukhosi besibili kwaba izindlu ezimbili ezaziholwa yindlu kaJuda eJudiya eseningizimu!
33.Ubukhosi bakwa-Israel bamhlubuka uNkulunkulu, wase ebayekela kuma-Asiriya ukuba abanqobe, abe esebathumba.
34.Kodwa ubukhosi bakwaJuda bahlala iminyaka cishe edlulile ku 150 ubukhosi bakwa-Israel bungasekho. Yikho ekugcineni sekukhulunywa ngesizwe sakwaJuda.
35.Izitha ezinkulu zesizwe sakwaJuda kwakungamaGriki namaRoma. 36.Emihleni enkosi u-Antiochus wamaGriki, amaJuda aphoqwa ukuba ashiye uMthetho kaYahuah, futhi angakhonzi emasinagogeni awo.
37.AmaJuda ayetholakala ephikisana nalo mthetho wenkosi, esoka nabantwana bawo babafana, ayebulawa, nalabo bantwana babulawe kabuhlungu.
38.Ngaphansi koMbuso wamaRoma, kusukela ku 66 A.D. kwaba nezimpi phakathi kwamaJuda nawo amaRoma, okwathi ngo 70 A.D, amaJuda anqotshwa, nethempeli laseJerusalema labhidlizwa njengokwesiprofetho sikaYahusha esiku Mathewu 24.
39.Umlando uthi amaRoma enza isihluku esiyisimangaliso ngenkathi
ebulala amaJuda ngo 70 A.D.
40.Avala amasango ogange lwase Jerusalema, amaJuda angaphandle awabulala ngokuwalengisa, izidumbu zawo kwakhangiswa ngazo ngaphandle kogange ukuze kufakwe ingebhe kumaJuda ayezokubuka lokhu.
41.Ngenkathi amaRoma esengena ngaphakathi komuzi abulala amaJuda aphakathi kwa 600 kuya ku 1 million ngosiko lwenkemba, emva kwalokho bayichitha nenkolo yama Hebheru.
42.Sesikhulume kakhulu ngamaCreeds ka Constantine okunguye futhi ngo 325 A.D. owasungula inkolo yobuKrestu.
43.Namuhla ke sizobheka ukuthi ingempela ibandla likaYahusha esaphila lalibizwa ngokuthini,Yahusha esaphila ngabe wake wabizwa yini ngoJesus, nokuthi ngabe wayelandela inkolo kaMoshe noma wabe engumKrestu?
44.Ku-Izenzo 24:5 kuthi: “Lendoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, ingumholi wehlelo lamaNazaretha.”
45.Lencwadi iphikisa konke esithi siyakwazi ngoPaul nangebandla lama Nazaretha ngesikhathi sikaYahusha.
46.Esihlale sikufundiswa ukuthi uPaul waba ngumholi wamaKrestu emva kokuba ephendulwe nguYahusha.
47.Kodwa ngokomlando abapostoli baqala ukushumayela ivangeli likaMesaya onguYahusha kusukela cishe ngo 55 A.D., kanti ubuKrestu basungulwa ngo 325 A.D.
48.Ngokomlando uYahusha owabulawa ngo 33 A.D, wafa kungakabi bikho ubuKrestu.
Ngakho ke ubuNazaretha obabuholwa nguPaul abuhlangene nobuKrestu!
49.Kunobufakazi obungaphikiseki ukuthi abalandeli bakaYahusha kwakungama Nazarenes, ngesiZulu
okungamaNazaretha, njengoba nakuyiZenzo 24:5 kuvela kanjalo.
50.Okunye ubufakazi bobukhona kwama Nazaretha sikuthola emibhalweni yomfundisi wama Roma, uJerome, lapho ethi:
51.“Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise lababahlubuki abazibiza ngokuthi amaNazaretha.
52.Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda, ayikho enye into, abasebenzisi i-Testamenti Elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
53.AmaNazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo.
54.Ngalokho kwenza, baba ngabemukelekile kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona.
55.Basho zonke lezi zinto ezifundiswa emabandleni amaJuda, okuhlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah uJesu Krestu.
56.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu uyiNdodana yakhe.
57.Bafunde njengawo amaJuda lawa, futhi balandela yonke imithetho yamaJuda, okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda; futhi
balandela nabaprofethi bawo!Amein”
58.Njengoba sazi, amaJuda ngesikhathi sikaYahusha ayehlukene kabili, kukhona abangabalandeli bakaYahusha nalabo ababenga memukile uMesaya.
59.Ngesikhathi sika St. Jerome, okwakuko 300 kuya ko 400 A.D., inkolo yamaHebheru yabe seyaqedwa, sekukhona imithonseyana yabalandeli bakaYahusha ababesaqhuba inkolo yakubo, begcina imithetho kaMoshe njengeSabatha nokusoka.
60.Uthi ke uJerome labalandeli bakaYahusha BANGAMAHLUBUKA
ENKOLWENI YOBUKRESTU, ngoba abayilandeli imfundiso yobuKrestu ethi bengazihlanganisi nenkolo kaMoshe, bengalifundi iTestamente Elidala!
61.AmaCreeds ayichitha ngokuphelele inkolo yamaHebheru.
Kafuphi, njengoba esho uJerome, akavunyelwe amaKrestu ukufunda iTestamente Elidala!
62.Obunye ubufakazi bokuthi ibandla likaYahusha ngama Nazaretha, sikuthola encwadini ka Rav Sha’ul esihloko sithi THE NAZARENE: beaten, betrayed and begotten. URav Shaul uyi-Ashkenazi Jew.
63.Sizokhumbula ukuthi eminyakeni yo 700 A.D., inkosi uBulani waseKhazaria wanquma ukuba amukele inkolo yamaJuda ayesele eBhabhiloni, yona eyayisaqedwa ngamaKrestu ngamaCreeds.
64.Wathi akafuni ukuba ngumKrestu, noma umMoslem, ngoba lezi zinkolo zombili ziyalwa.
65.Wabe esethumela abantu bakhe eBhabhiloni, lapho okwakunamaJuda
ayengabuyelanga eJerusalem mhla
ekhululwa emva kweminyaka ewu 70 yokuthunjwa kwawo eBhabhiloni, kodwa esayilandela inkolo kaMoshe eku Torah, noma base begxile kwiTalmud kune Torah; kodwa ungekho umehluko otheni.
66.LamaJuda amhlophe kunomlando oqondile wokuthi ayemukela kanjani inkolo yamaHebheru; kodwa kwathi ngoba bebona ukuthi amaHebheru ehlulwa, athunjwa, manje abe esethatha ifa lethu lobuzibulo, esethi yiwo inzalo kaJakobe!
67.Ngeshwa, kunama Krestu asezihlanganisa nalezi zigebengu, asebevumelana nalama-Ashkenazi Jews ukuthi ayinzalo kaJakobe!
68.Ngakho ke ngama-Ashkenazi Jews kuphela azi kahle ngenkolo yamaHebheru, ngoba wona ahamba ayofunda ngayo kuwo amaHebheru!
69.Kulencwadi uthi ke uRav Sha’ul: “Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leli gama labezizwe, amaKrestu!
70.Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sinolwazi ngebandla lama Nazaretha elaliholwa nguYeshua.”
71.Ngo 1947 kwatholakala ama Dead Sea Scrolls ayebhalwe ngamaHebheru, base bewafihla emigedeni ukuze engatholwa ngamaRoma, ngoba amaRoma ayeyishisa imibhalo yamaHebheru, njengoba bayishisa nje ne Gospel of the Twelve Apostles!
72.Okwaba yisimanga ukuthi lemibhalo, eminye yayibonisa ukuthi yabhalwa uYeshua engakabi bikho, eminye yabhalwa esekhona yaze yagcina ku 68 A.D., uYeshua engasekho.
73.Kulemibhalo akukho lapho kuvela khona igama likaJesu nelamaKrestu, kodwa kulemiqulu kukhulunywa ngebandla lam Nazaretha noYahusha kuphela.
74.Lokhu kungubufakazi bokuthi
igama ‘Jesus’ ne ‘Christianity’ avela namaRoma enkolweni yobuKrestu; ngesikhathi sokubhalwa kwama Dead Sea Scrolls ayengekho!
75.Ekhasini 25 uSha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane.
76.NguJohane owafundisa uMesaya, okunguYeshua owamcijela ukuba abe nguMpristi oMkhulu.
77.UYeshua wakuthatha kuJohane ukuhola ibandla lamaNazaretha.
78.Okwathi ekugcineni leli bandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.”Amein!
79.Lenkulumo isiyacacisa ukuthi kungani kuyiZenzo 24:5 kuthiwe uPaul ungumholi webandla lamaNazaretha.
80.Ngokomlando ubuKrestu basungulwa ngamaRoma eminyakeni eminingi emva kokunqoba amaJuda ngo 70 A.D.
AmaRoma abulala abantu ababalelwa esigidini okungokhokho bethu.
81.Kodwa namuhla sekuyithi ngokungazi ese silekelela abezizwe ngokuphakamisa inkolo yabo, silahla eyethu!
82.Inkolo kaMoshe uYahusha owabe engaphansi kwayo, ayikaze ihlangane nobuKrestu, kodwa okwenzeka ukuthi ubuKrestu kwayiqeda ngamaCreeds inkolo kaJehova, okuyiMosaic Faith!
83.Kusemlandweni ukuthi uYahusha owabe eliJuda wayezalwa nguMaria noJosefa eminyakeni phakathi kwa 6 kuya ku 4 B.C.; wahamba emhlabeni ngo 33 A.D.
84.Ngesikhathi uYahusha esesemhlabeni wayeshumayela ivangeli ngokugcinwa komthetho kaMoshe, okuyimithetho kaYahuah, noma uYah.
85.Lobu bufakazi sikuthola kulo iBhhayibheli kuMathewu 10:5-6, lapho uYeshua owathuma khona abafundi bakhe wathi bengayi kwabezizwe, kodwa beye ezimvini ezilahlekile zendlu ka-Israel.
86.KuMathewu 5:17-19 uYahusha uthi umthetho kaMoshe nezimfundiso zabaprofethi kumi nguna phakade, ngakho ke umuntu ongawugcini abuye afundise abanye ukuba bangawugcini umthetho kaMoshe, angenke angene ezulwini.
87.Ngokusobala, ngokomlando uYahusha wayesenkolweni kaMoshe, le eyachithwa ngu Constantine ngama Creeds!
88.Ngu’Jesu’ owaba senkolweni yobuKrestu eyasungulwa nguConstantine ngo 325 A.D.
89.Kodwa ukuze abezizwe basidide, inkolo yamaHebheru bayenze sengathi ihlangene neyobuKrestu, kwase inkolo yamaHebheru beyibiza
ngeTestamente Elidala, inkolo yobuKrestu kwathiwa liTestamente Elisha.
90.Ukugcizelela amaCreeds, uJerome uthi amaKrestu angalifundi iTestament Elidala, esho ukuthi bangayilandeli inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaYahuah!
91.Nathi sizwe esimnyama silandela okushiwo ngamaRoma, ukuchitha okwethu, samukele okwabo!
91.Ngabe uJesu wake waba khona emhlabeni, noma wakhiwa?
92.Encwadini ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Koster, naye ongumfundisi wamaKrestu, ubhale kabanzi echaza ukuthi uJesu wakhiwa kanjani ngabezizwe ukuthatha indawo kaYahusha, okwakungu mprofethi wamaJuda.
93.Njengoba sesike sachaza, asikho isizwe esake sahlukumeza amaJuda esedlula amaGriki namaRoma.
94.AmaRoma abulala amaJuda eza esigidini, babahlukumeza noma seyaphela impi, belibulala iJuda abalithola ligcina iSabatha noma lisoka umntanalo.
95.UDr Koster, ku-page 55 walencwadi, uthi “There is not a single authoritative reference source which gives the name ‘Jesus or ‘Iesus’ as the original name of Yeshua.”
96.Lapha uchaza lomlungu ukuthi leli gama elithi ‘Jesus’ noma ‘Iesus’ alikwazi ukuhunyushwa ngokuthi lisukela egameni likaYeshua lo owayezalwa ngamaHebheru.
97.Uyaqhumeka lo Dokotela uthi “Everyone who sees the name ‘Yehoshua’ and ‘Iesus’ will agree that there is no resemblance between the names ‘ Yahusha’ and ‘Iesus or Jesus.”
98.Ku-page 62 uDr Koster uthi: “The gentiles wanted a Saviour, but not the Jewish one, they loathed the Jews, they even loathed the Elohim of the Old Testament. Thus, a Hellenized saviour was preferred!”
99.Uthi ke uDr Koster abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi umsindisi oliJuda, uYeshua, ngoba babewe nyanya amaJuda, (okwakungabantu abamnyama) benyanya noNkulunkulu okuyi Old Testament, (okunguYahuah), base bezenzela umsindisi wabo ongumGriki.
100.Lenkulumo kaDr Koster, naye ongumKrestu walapha eSouth Afrika, ichaza kahle ukuthi abezizwe abamemukelanga uYahusha ongumJuda ngoba bewenyanya amaJuda noNkulunkulu wawo, okunguYahuah.
101.Ngalokho base bezakhela umsindisi wabo okungumlungu oliGriki.
102.Kodwa abamnyanya sebemshiyile uNkulunkulu wabo, uYahuah, nomprofethi wabo, uYahusha, nebandla likaYahusha, amaNazaretha, baqoka uNkulunkulu wabezizwe omthathu emunye, bathi uJesu ngunkulunkulu, bathi inkolo yabo ngubuKrestu!
103.Igama lalomsindisi abasebemakhile kwakungu IESUS, eyisithixo, okwathi uma sekunohlamvu u ‘J’ kwase kuthiwa u ‘Jesus’.
104.Kodwa ukuze lenkolo ifane neyamaJuda, kwadingeka ukuba baqhamuke nomsindisi ongumuntu ofana noYahusha ngokomlando wonke wakhe.
105.Noma bathatha wonke umlando kaYahusha bawenza owalesi sithixo sabo, kodwa iMosaic Faith kaYahusha ayifani nobuKrestu!
106.Kuyi Mosaic Faith uYahusha wayaziwa ngokuthi ungumprofethi, unguMesaya, okusho umgcotshwa; engabizwa NGENDODANA KANKULUNKULU EZELWE YODWA, engabizwa ngoNkulunkulu, futhi ingekho imfundiso-nkolo ethi wazalwa ngokoMoya, nokuthi wafela izono zethu ngendlela ubuKrestu obuchaza ngayo!
107.Ngakho ke ubuKrestu ne Mosaic Faith zinkolo ezimbili ezahlukene; kanjalo uYeshua noJesu ngabantu ababili abehlukene!
108.Ngo 1492 uPope Alexander the 6th wanquma ukuba kudwetshwe isithombe somfana wakhe uCesare Borgia.
109.ULeonardo da Vinci wasidweba lesi sithombe, loPope wabe esethi akube yilesi sithombe sendodana yakhe, uCesare Borgia, esesizokhonzwa kuthiwe nguye uJesu Krestu! Kwenziwa lokho!
110.Namanje amaKrestu afaka lesi sithombe sika Cesare Borgia ezindlini zamasonto nasemakhaya awo, athi nguye umsndisi wawo!
111.Kodwa iqiniso lomlando ukuthi uJesu Krestu akaze abe khona ngaphandle kwalesi sithombe sika Cesare Borgia!
112.Ngakho ke akudingi nokuthi kuze kube nempikiswana ekutheni uJesu wake waba khona yini, ngoba kusemlandweni ochazwe yibo abamhlophe, ukuthi uJesu wasungulwa kanjani!
INkosi ibusise enikuzwile.