Skip to content

UBUNGCWELE BUQALA KHONA LAPHA EMHLABENI

Nguye futhi uJesu kuMathewu 15:24 owathi YENA AKATHUNYELWE KWABANYE, KUPHELA EZIMVINI EZILAHLEKILEYO ZENGDLU KA-ISRAEL. Lokhu kusho ukuthi kumele bayoshumayele ezizweni zakwa-Israel kuphela!

Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngabatshele
Abafile njengami.
 
2.Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
 
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
 
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
 
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayokulibona
Lelozwe elizayo.
 
1.Ngaphambi kokuba siqhubeke nalenkonzo, kumele ngizethule kubo bonke abantu abayaye belalele lezi zinkonzo zethu.
 
2.Mina angisiye umfundisi wakwaShembe, angihlangene ngalutho nesibongo sakwaShembe; kodwa mina ngingumpristi kaJehova!
 
3.Mhla ka 26 March 2011 ebusuku kuzosa kube liSabatha, kwafika ingelosi yazongigcobela ukuba ngishumayele izwi leNkosi.
 
4.Yathi ingelosi: “Uthi uBaba iLanga uyawubonga wonke umsebenzi owenzile ulwela uShembe nobuNazaretha, kodwa manje usuyasuswa lapho, usungumpristi kaJehova, uzofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova; ususela eBhayibheli nase zihlabelelo zama Nazaretha.
 
5.Ingelosi yavula incwadi KaZakaria 3:1-7 efundeka kanje: “Wayesengibonisa uJoshua umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.
 
6.UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukhuza Sathane, yebo uJehova olikhethile iJerusalema uyakukhuza; lo akasiso yini isikhuni esephulwe emlilweni na?”
 
7.UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; emi phambi kwengelosi. Yathatha yasho kwabemi phambi kwayo, yathi: “MKHUMULENI IZINGUBO EZINGCOLILEYO.”
 
8.Kuyena yathi: “BHEKA NGIDEDISILE KUWE UBUBI BAKHO, NGIYAKUKWE MBATHISA EZOBUKHOSI.
 
9.Ngase ngithi: “MABABEKE ISIGQOKO ESIHLANZEKILE EKHANDA LAKHE. BAMEMBATHISA IZINGUBO INGELOSI KAJEHOVA ISEMI KHONA.
 
10.Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshua, yathi: “Usho kanje uJehova Sebawothi, uthi: “UMA UHAMBA NGEZINDLELA ZAMI, UGCINA INKONZO YAMI, UYAKWAHLULELA ENDLINI YAMI, UGCINE NAMAGCEKE AMI; NGIYAKUKUNIKA UKUBA UHAMBE PHAKATHI KWALABA ABEMI LAPHA. Amen!”
 
11.Ingelosi uHlaleleni yabe isithi kimi: “LoJoshua umprofethi uZakaria owayeprofetha ngaye, nguwe, ungumpristi omkhulu kaJehova.”
 
12.Ingelosi yabe isingifaka isigqoko ekhanda, isingembathisa lezi zembatho engizifakile! Zonke izembatho zobupristi ziku Exodus 39!
 
13.Ngakho amaNazaretha kumele azi ukuthi akunamuntu owake wangigcoba ukuhola lelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
 
14.Kodwa ngagcotshwa yingelosi kaJehova ukuba ngiqhube lomsebenzi kaNkulunkulu, ngivuse ibandla likaJehova elafika noMose, laqedwa ngabezizwe; eselivuswe nguBabamkhulu umprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
 
15.Ngokwasezulwini ngingumholi walo lonke ibandla lamaNazaretha njengoba kwasho yona ingelosi.
 
16.Sasizoba nomcimbi mhla ka 3 April 2011, ingelosi yafike yawuvimba lowomcimbi, yathi kulelo sonto kobe kunomcimbi ongemuhle ezulwini. Asaze sazi ukuthi isho ukuthini ngalokho.
 
17.Mhla ka 26 March 2011 yafika yazongigcoba ukuba ngihole ibandla, kanti ngaphambili yayithe ngenke ngigcotshelwe ukuhola ibandla kusekhona uBaba uThingo.
 
18.Sathi sisadidwe yilokho, ngoMsombuluko mhla ka 28 March 2011 kwafika umbiko wokuthi uBaba uThingo akasekho emhlabeni.
 
19.Khona lapho sabona sekufika futhi yona ingelosi, yabe isithi: “Seniyabona ke ukuthi bengisholani ukuthi mhla ka 3 April 2011 kuzobe kunomcimbi ongamuhle ezulwini, benizowenza kanjani lomcimbi kuhambe uBaba uThingo emhlabeni?”
 
20.Yabe isiguqa iphakamisa izandla ibheka phezulu, isithi: “Nkosi ngiyabonga ukuthi umsebenzi obungithume wona usufezekile, abasemhlabeni sebengaqhubeka nokwenza okwasemhlabeni!” Amein!
 
21.Ngokusho kwengelosi, lamabandla akwaShembe akaziwa ezulwini; kodwa ileli bandla lamaNazaretha kaNkulunkulu elikhethwe ukuhola ubuNazaretha bonke, njengoba kuyilona elihamba ngokwezimiso zikaJehova ezethulwa kithi nguBabamkhulu!
 
22.Ingelosi yabe isithi: “UBaba iLanga uthi angikutshele ukuthi njengoba ugcotshelwa ukuhola lelibandla lamaNazaretha, amaNazaretha azokosa.
 
23.Kodwa ungesabi, ngenke akudle, ngoba nguyena ozobe ehamba phambi kwakho!” Amein!
 
24.Kwasho yona ingelosi ukuthi ngingumpristi omkhulu kaJehova, ifakazela okubhalwe eBhayibhelini.
 
25.Mina ngagcotshwa ngumuntu wasezulwini, ngase nginikwa lomsebenzi wokuthi ngiqhube lelibandla likaJehova!
 
26.Ngakho ke amaKrestu namaNazaretha akaqonde ukuthi angizukuncetheza ekuqondiseni lomsebenzi kaNkulunkulu! Abalizwayo leli lizwi lomemo abangilandele!
 
27.Ngiyaphinda futhi ngithi mina angisiye umfundisi wakwaShembe, futhi angisiye uPastor, ngingumpristi kaJehova!
 
28.Kulokhu kuthunywa kwami ngiphonsela inselelo bonke abafundisi bamaKrestu, odokotela noprofesa bezenkolo, ukuba kebechaze ngalelivangeli abalifundisa abamnyama ukuthi ngokweBhayibheli balithathaphi?
 
29.Ngisaphinda yona inkulumo yami engiyenze enkonzweni edlule; ngithi kusukela kuMathewu iBhayibheli lisifundisa ngoJesu ozalwa nguMaria noJosefa, owayeliJuda, efundisa ngenkolo kaMose!
 
30.Nguye uJesu kuMathewu 10:5-6 owafundisa abafundi bakhe abangamaJuda ukuthi uma beyoshumayela lelivangeli lakhe BENGALISHUMAYELI KWABEZIZWE, KODWA BASHUMAYEZE IZIMVU EZILAHLEKILE ZENDLU KA-ISRAEL KUPHELA.
 
31.Nguye futhi uJesu kuMathewu 15:24 owathi YENA AKATHUNYELWE KWABANYE, KUPHELA EZIMVINI EZILAHLEKILEYO ZENGDLU KA-ISRAEL. Lokhu kusho ukuthi kumele bayoshumayele ezizweni zakwa-Israel kuphela!
 
32.KuMathewu 5: 17-19 uJesu uthi akazile ukuchitha umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi, kodwa uzowugcwalisa. Lokhu kungubufakazi bokuthi uJesu wayengaphansi kwenkolo kaMose.
 
33.Ku-Izenzo 28:23 kuthi: “Sebemmisele usuku, baya kuPaul endlini ngobuningi, uPaul wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emithethweni kaMose nabaprofethi…”
 
34.Lenkulumo yompostoli uPaul ifakaza ukuthi ngisho emva kokubethelwa kukaJesu, abapostoli baphuma eJerusalema ukoshumayela ivangeli lenkolo kaMose, benza lokho ababekufundiswe nguJesu.
 
35.Kusemlandweni futhi ukuthi ubuKrestu inkolo eyasungulwa ngu Constantine ngo 313 A.D, engasekho uJesu emhlabeni.
 
36.Noma ngabe yayingasungulwanga ngo 313 A.D, kodwa akujiki ukuthi ubuKrestu inkolo yamaRoma, ngoba kusho wona kumaCreeds awo lapho ethi: “I accept all the customs, ceremonies, laws, ROMAN FESITIVALS, OFFERINGS, PRAYERS, PURIFICATIONS, CONSECRATION BY THE ROMAN HIGH PRIEST!
 
37.I also accept the celebration of the SABBATH OF THE SUN GOD OR SUNDAY”
 
38.Therefore, the day of the week is for worshiping Jesus the Lord, as it was previously known as the day of the king Baal.
 
39.If Baal is worshipped on this day because he is the king, then Jesus is also worshipped on this day because he is also the Lord.
 
40.All Christian celebrations are also acceptable, as they are the food and drinks of the Roman nation.
 
41.In short, we adopt all the Roman customs, celebrations, and ceremonies into this NEW ROMAN RELIGION CALLED CHRISTIANITY.” Amein!
 
42.Kusho wona ama Creeds enkolo yobuKrestu ukuthi: “KAFUPHI SIYAWEMUKELA ONKE AMASIKO NEMIGUBHO YESIZWE SAMAROMA KULENKOLO ENTSHA YAMAROMA EBIZWA NGOKUTHI UBUKRESTU.”
 
43.Kodwa namuhla ungathola amaKrestu evula iBhayibheli efunda izahluko abathi ziphikisa ukugcinwa kweSabatha, yize iSabatha lachithwa ngamaCreeds amaRoma lingakabi bikho iBhayibheli! Ngabe amaKrestu akakwazi lokho?
 
44.Njengoba kusukela kuMathewu kuze kofike kuyiZenzo uJesu usalokhu engaphansi kwesizwe samaJuda, manje bamhlanganisa kanjani nenkolo eyasungulwa ngamaRoma, okuyisizwe esachitha inkolo kaYise uJehova?
 
45.Ngabe abafundisi bamaKrestu abamnyama kanye nezifundiswa zabo zezenkolo ababoni ukuthi ubuKrestu inkolo yamaRoma, ngakho uJesu ngokweBhayibheli akakho nhlobo kulenkolo? Bafundiswa ngubani ukuthi ubuKrestu buhlangene nenkolo eseBhayibhelini?
 
46.Ngicela abafundisi benkolo yobuKrestu bengicacisele ukuthi uJesu, lo okuyiTestamente Elisha, wazihlanganisa nini nenkolo yamaRoma?
 
47.Incazelo engiyithola kulaba bafundisi nezifundiswa zamaKrestu ibalulekile, ngoba ngithunywe ukuvusa inkolo kaJehova; kodwa ekuvuseni lenkolo yoPhezukonke, kufanele kucace nakumuphi umuntu omnyama ukuthi sifakwe ngohheshe enkolweni esingahlangene nayo!
 
48.Manje abefundisi nezifundiswa zenkolo yobuKrestu azisivulele izincwadi, noma kungaseyilo iBhayibheli, ezisifundisa ukuthi uJesu wasuka kanjani, nini enkolweni kaMose, okuyinkolo yamaHebheru, wabe eseyosungula inkolo yobuKrestu esizweni samaRoma esilwa nebandla likaJehova?
 
49.Njengoba ngokweBhayibheli uJesu waze wafa engaphansi kwenkolo kaMose, amaKrestu akachaze ukuthi iyiphi incwadi yomlando ethi uJesu wake wasuka enkolweni yamaHebheru wabe esesungula ibandla lakhe enkolweni yamaRoma?
 
50.Angazi noma amaKrestu ayazi yini ukuthi babalelwa ezigidini ezilishumi nesihlanu abantu abamnyama ababulawa ngabamhlophe bebaphoqa ukuba babe ngamaKrestu.
 
51.Ekhasini 83-84 lencwadi kaProf. Rudolph R. Windsor ethi “FROM BABYLON TO TIMBUKTU, lombhali uthi: “IMPI KA-ANTIOCHUS YAYA IYOKWESEKA UMENELAUS, UMHOLI WESIGEJANE ESASIHAMBISANA NESIRIYA.
 
52.NGENXA YALOKHO, AMAJUDA AMANINGI ABULAWA; AMANYE ABALEKELA EZINTABENI NASEGIBHITHE.
 
53.AMAJUDA ASALA EJERUSALEMA YILAWO AYESEKA IZINKAMBISO ZIKA-ANTIOCHUS.
 
54.KWASHAYWA UMTHETHO OWAWENQABELA UKUGCINWA KWEZINSUKU EZINGCWELE, ISABATHA, KANYE NOKUSOKA.
 
55.UMFANEKISO OBAZIWEYO KAJUPITER WAMISWA ETHEMPELINI ELINGCWELE NGENHLA KWE-ALTARE.
 
56.KULO MFANEKISO AMAROMA ENZA IMIHLATSHELO YEZINGULUBE, ISILWANE ESIYISINENGISO KUMAJUDA.
 
57.NGENXA YOKUZINGELWA NGEZIZATHU ZENKOLO, UMPRISTI OMKHULU U-ONIAS III OWAYEBEKWE NGOKUSE MTHETHWENI, KANYE NAMANYE AMAJUDA, BABALEKELA EMAZWENI ASE-AFRIKA NJENGASEGIBHITHE NASELYBIA.
 
58.IMBANGELA EYAHOLELA EKUFUDUKENI KWAMAJUDA KWABA YIZIMPI, UKUHLUKUNYEZWA NGAMAROMA NGOKWENKOLO, KANYE NOHWEBO.
 
59.LESI SIMO SENZA UKUBA KUGCINE KUNAMAJUDA AFUDUKELA E-AFRIKA.
 
60.NGONYAKA KA 65 B.C. IZIMPI ZAMAROMA NGAPHANSI KUKA JENENE POMPEY ZALITHUMBA IJERUSALEMA. (lokhu kusifundisa ukuthi ngisho uJesu engakazalwa, amaRoma ayehlale ehlukumeza amaJuda).
 
61.NGO 70 A.D. UJENENE UTITUS WAMAROMA WAWUQEDA NGENKEMBA UMBUSO WAMAJUDA!
 
62.NGESIKHATHI SALABA BABUSI BAMAROMA, KWENZIWA IZINTO EZININGI EZIBUHLUNGU KULAWO MAJUDA AYESELE EJERUSALEMA.
 
63.KUSUKELA NGESIKHATHI SIKAPOMPEY KUYA KWESIKA JULIUS CAESAR ALINGANISELWA ESIGIDINI AMAJUDA ABALEKELA E-AFRIKA, EXOSHWA WUKUZINGELWA NOKUGQILAZWA NGAMAROMA.
 
64.IZIMAKETHE ZAZIGCWELE IZIGQILA EZINGAMAJUDA AMNYAMA.
 
65.KU DUTERONOMI 28:64 KUTHI: “UJEHOVA UYOKUKUHLAKAZELA EZIZWENI ZONKE, KUSUKELA KOKLUNYE UHLANGOTHI LOMHLABA KUZE KUFIKE KOLUNYE.
 
66.UYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BEMITHI NAMATSHE ONGABAZIYO WENA NOKHOKHO BAKHO.”
 
67.“LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDUTERONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA EMVA KOKUBA ENGAYITHOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
 
68.IZIZWE EZININGI ZATHUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI, AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA.” Amein!
 
69.Lapha kucacisiwe ukuthi abantwana bakwa-Israel kwakungabantu abamnyama. Ngifikelwa usizi olukhulu uma ngicabanga ukuthi namuhla sekuyinzalo yamaJuda esilwela ukuphendula amakholwa esizwe esimnyama ethi akamukele inkolo yobuKrestu okuyiyo eyabulala okhokho bethu!
 
70.Uthi umbhali kuDutoronomi 28:64, uJehova wathi uyokusihlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye.
 
71.Siyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe esingabaziyo thina nokhokho bethu.
 
72.Kulenkolo yamaRoma esibizwa ngobuKrestu asizikhonzi yini izithixo, asibakhonzi yini oMaria noSanta abakhiwe ngamatshe?
 
73.Uyaqhubeka uProfesa uthi, ngo 70 A.D uTitus wamaRoma wawuqeda ngenkemba umbuso wamaJuda.
 
74.Kusukela ngesikhathi sikaPompey kuya kuJulius Caesar alinganiselwa esigidini amaJuda abalekela e-Afrika, exoshwa wukuzingelwa nokugqilazwa ngamaRoma. Kodwa kunabantu abamnyama abakuphikayo ukuthi amaJuda ase-Afrika!
 
75.Uyaqhubeka lombhali uthi: “Lesi siprofetho kanye nezinye eziqukethwe kuDutoronomi 28:15-68 zehlela amaJuda amnyama emva kokuba engayithobelanga imithetho kaNkulunkulu.
 
76.Izizwe eziningi zathuthela amaJuda ebugqilini, amadodana ka-Israel asabalalela kuwo wonke amazwekazi omhlaba.”
 
77.Kodwa okuyisimanga nokudabukisayo ukuthi sekuyisizukulwane samaJuda esesilahle inkolo yokhokho baso, okuyinkolo yoPhezukonke, sajoyina inkolo yamaRoma, okuyiwo aqeda lenkolo yokhokho bethu ngamaCreeds. Shame on us!
 
78.Isizwe esimnyama sikhohliseka kalula ngendlela eyisimanga, samukela noma yini esiyitshelwa ngobasi babo.
 
79.Ilesi sizwe esesemukela ukuthi kukhona uJesu owayeliJuda, kodwa wabe esezoba ngumsindisi noNkulunkulu enkolweni yezitha zikaJehova, okunguYise kaJesu! What a confused nation!
 
80.Okuliqiniso ukuthi amaKrestu esizwe esimnyama amlahlile uJehova, akhetha inkolo ekhonza izithixo esungulwe ngumuntu wabezizwe!
 
81.NamaNazaretha amhlubukile uJehova, bazakhela onkulunkulu babo bomhlaba abazogcina ngokubhujiswa kanye nabalandeli babo!
 
82.Mina ngithunywe ukuba ngivuse inkolo kaJehova owayiletha kithi ngenceku yakhe uMose, yaqedwa ngabezizwe; kodwa manje lapha eSouth Afrika efike yavuswa ngumprofethi kaJehova, uBabamkhgulu!
 
83.Abafuna ukuya ezulwini likaJehova, abangilandele, abafuna ukuya emazulwini abanye onkulunkulu, ababalandele labonkulunkulu babo!
 
84.Sibaningi simenyiwe, kodwa bayingcosana abakhethiweyo! Ngabe ugcine ngokumenywa, noma ukhethwe ukulandela uJehova uNkulunkulu wethu?
 
85.Thina esihamba ngokwezimiso zikaJehova, singcwele! Umuntu ongcwele uhlala ebungcweleni kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakhe!
 
86.Uma usungcwele uba ngumuntu okwenyanyayo ukwenza isono!
 
87.Ufundisa inhliziyo yakho ukwesaba, nokuthanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
 
88.Ubokwazi ukuthi uJehova uhlala eseduze kwakho ngezikhathi zonke, futhi uyayazi yonke imicabango yakho.
 
89.Ngaso sonke isikhathi ungayicabangi into ozothi uma uJehova ekubona uyicabanga, ajabhe ngawe!
 
90.Ungayibuki into ozothi uma uJehova ekuthola uyibuka, ajabhe ngawe; ngoba kukhona izono esizenza ngokuzibuka njengama porn nokunye okunjalo.
 
91.Okuthi uma leyonto uyibuka, bese uyifisa, kanti ufisa isono, njengokufisa umfazi womuntu nje!
 
92.Ungayilaleli into ozothi uma uJehova ekubona uyilalele, ajabhe ngawe.
 
93.Ukulalela kukhulunywa imikhuba nokunye okunjalo, kuyisono kuNkulunkulu!
 
94.Ungayikhulumi into okothi uma uJehova ekulalele uyikhuluma, ajabhe ngawe.
 
95.Ziningi kakhulu izono esizenza ngokukhuluma, njengokuhleba, ukuqamba amanga, ukuthuka inhlamba, nokuningi okunjalo.
 
96.Ungayiphathi ngesandla sakho into ozothi uma uJehova ekuthola uyiphethe, ajabhe ngawe.
 
97.Ungantshontshi, ungahambi ubamba abantu besifazane ngezandla zakho, ungahambi ushaya abantu ngokungenasidingo, ngoba wena ungcwele!
 
98.Ungahambeli endaweni ozothi uma uhambela kuyo, uJehova adumale ngawe.
 
99.Ungathi ulikholwa uhambele imidanso nazo zonke izindawo lapho kungadunyiswa khona uNkulunkulu.
 
100.Isono uyasenza ngomzimba wakho wonke; ngakho kumele wonke umzimba wakho uhlale ungcwele!
 
101.Ungaligundi ikhanda nesilevu sakho, ungawafaki amatatoo emzimbeni wakho, ungazigcabi umzimba wakho.
 
102.Umuntu ongcwele akahlobongi, futhi akaphingi; noma ngowesilisa noma ngowesifazane!
 
103.Ungalokothi ulale nomuntu onobulili obubodwa nawe, ubungqingili. Yisono esibi leso!
 
104.Yathi ingelosi ivangeli lokuvimba ubungqingila sihlale silishumayela ukuze abantwana bethu bangazimbandakanyi nabo, ngoba lesi isenzo esiyisinengiso esikhulu kuJehova!
 
105.Ithi ke ingelosi isihogo songqingili sibi kakhulu, ngoba ekufeni kwakho uhlala odakeni lwamangcolo, uhlale udla ubuye uxove amancolo, uwabhixa nasemzimbeni wakho!
 
106.Ngakho ke noma ungazivikela kanjani uma uselapha emhlabeni, kodwa ekufeni kwakho uyovele utshengiswe indawo ehlala abanjengawe, nawe uyolixova udaka lwamasimba!
 
107.Ezinye izono azikhulunywa emabandleni, kodwa mina ngizozikhuluma ngoba ngithunywe ukusa abantu ezulwini.
 
108.Ungakuvumeli ukwenza ucansi nomunye umuntu ngemicabango, imasterbation. Noma ungowesilisa noma ungowesifazane. Umuntu ongcwele akayenzi imasterbation, ngoba iyisinengiso kuJehova!
 
109.Kulesi sikhathi samanje abantu nezingane zibuka imikhuba yocansi. Kulemikhuba kufundiswa ukwenza izitayela eziningi zocansi, kodwa ezingemukelekile kuNkulunkulu!
 
110.Noma ngabe nishadile, anivumelekile ebungcweleni ukubuka amaporn noma ukwenza izitayela zocansi eziyisinengiso kuJehova!
 
111.Ukuhlangana kwenu ngokocansi akungabi yimikhuba yabantu abangazi lutho ngokuthi yonke into oyenzayo uNkulunkulu usuke ekubuka.
 
112.Kodwa akube lucansi olwamukelekile, lendoda elala ngaphezu kothandana naye kuphela; hhayi futhi okunye!
 
113.Asibe ngcwele ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ungcwele!
 
Isihlabelelo 73.
1.Ngiyakholwa kuYise
Onamandla onke
KuMdala wezulu nomhlaba
NakuMoya ongcwele.
 
2.Nakuyo iRamente eyingcwele
YamaNazaretha
Nobudlelwane babangcwele
Base Nazaretha
 
3.IDwala elihle
Lama Nazaretha
Owazikhethela lona uJehova
Ngokulithanda kwakhe.
 
4.Useze wahloba ngabo kathathu
Lobu bu Nazaretha
Phambi kwamazulu onke
Unyaka umunye.
 
5.Ngigeze nge hisop
Yasezulwini
Ngikhanye ngokukhanya
Ebusweni bakho.##
 
INkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *