Skip to content

MAKABONGWE UJEHOVA

Kuze kube namhlanje amakholwa wonke athi afuna umsindisi onguye, acabanga ukuthi alandela umsindisi onguye kanti awazi ukuthi ashaywa ngemfe iphindiwe, umsindisi abathi bayamlandela akusiyena

 
1.Ngiyayikhetha iNkosi yasekuphakameni. Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ithuba engilithole ezulwini ukuthi ngikhulume phakathi kwabantwana abayingcwele.
 
2.Ngiyacela uShembe wasezulwini ukuthi abeseduze kwami ngalesikhathi samanje, angiqinise, angiphe namazwi azovela kuye kuthi ubungane enginabo mhlawumbe ne character enginayo noma i personality engafuneki ezulwini ibekude nami ngalesikhathi samanje ukuze umsebenzi kaNkulunkulu ungonakali.
 
4.Isihloko engizokhuluma ngaphansi kwaso sithi “MAKABONGWE UJEHOVA”.
 
5.Bantwana baseKuphakameni ngingumuntu othandiwe kakhulu. Ngiyazi ukuthi sonke lapha endlini uNkulunkulu usithandile kakhulu kodwa nami bantwana baseKuphakameni njengoba uNkulunkulu enithandile nje name ungithandile.
 
6.Ngiye ngingazi ukuthi yimaphi amazwi engingawasebenzisa noma engingawasho ukubonisa ukubonga uthando uNkulunkulu waseKuphakameni angithanda ngalo. Ngiye ngingazi ukuthi yini engingayenza ukubonisa uNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi ngiyabonga.
 
7.Kukhona ukukhuluma bantwana baseKuphakameni okuvama ukukhulunywa nguMfundisi uMdlolo, lokhu kukhuluma bengiye ngithi uma ngikulalele bese ngikuqaphela kakhulu ngoba ukukhuluma njalo.
 
8.Kungukukhuluma nje okukodwa futhi okungashintshi. Ngaso sonke isikhathi uMfundisi uma ekhuluma uye akhulume bese esho lamazwi athi “MAKABONGWE UJEHOVA” noma “MAKABONGWE UTHIXO”.
 
9.Ngake ngazama ukulandela; mhlampe ngacishe ngaze ngabuza kodwa ngabona ukuthi mhlampe uma ngimbuza mhlampe uyoba offended. Ngelinye ilanga mhla ngifundai bhayibheli ezincwadini zika Davide namhla ngifunda isihlabelelo samaNazaretha ngabona lapho ukuthi lento uMfundisi ayenzayo nabaprofethi nezinye izisebenzi zikaNkulunkulu beziyenza ngaphambilini.
 
10.Abantu abafana noDavide ngabantu okuthi uma ufunda ngabo bese uyabona ukuthi isikhathi esiningi babebonga futhi bedumisa uNkulunkulu. NoMprofethi Isaya Shembe (ukuthula kubekuye) uma ufunda izihlabelelo uyabona ukuthi isikhathi esiningi wayebonga, edumisa uNkulunkulu futhi ebiza igama likaJehova.
 
11.UMfundisi uMdlolo noma kuthiwa uthi ngisuke ePinetown ngeza eNqobizitha, uzothi: “ngisuke ePinetown ngeza eNqobizitha MAKABONGWE UJEHOVA”. “Ngasuka eNqobizitha ngaya eMolweni MAKABONGWE UJEHOVA”.
 
12.Lento uMfundisi uyisho njalo kodwa ngithe uma ngifunda ezincwadini ngayithola ukuthi ayisiyona into encane kodwa yinto enkulu kakhulu bantwana baseKuphakameni.
 
13.Ngendlela enkulu ngayo nami ngithathe isinqumo sokuyithatha ngiyenze kube yinto yami engizophila ngayo.
 
13.Noma ngingeke ngiyisho njengoMfundisi now and then kodwa nginaso isifiso sokuthi mhla uNkulunkulu engibusisa ngomuzi noma ngabantwana nami ngibafundise lento yokuthi ngezikhathi zonke nabo kukho konke abakwenzayo noma ngabe bayabingelelana noma ngabe benzani kodwa behlale bemdumisa,bembonga futhi bemubabaza uJehova njengoba kwenza uMfundisi. Amen.
 
14.Ngingumuntu bantwana baseKuphakameni othandiwe kakhulu. Njengoba sikhona lapha endlini sonke sibuya ezindaweni ezahlukene.Lapha sibizwe yizwi likaNkulunkulu lisibiza ezindaweni ezahlukene.
 
15.Nami njengoba ngilapha bantwana baseKuphakameni bengingumntwana nje omncane okhuliswe ngakho ukukholwa futhi ngikhulela kulo ibandla elidumile; ibandla lakwaShembe eBuhleni.
 
16.Nokho ngomusa kaNkulunkulu owehlela thina sonke nami uShembe wangikhipha kuleliyabandla. Ngaso sonke isikhathi ngiyohlala ngimbonga uJehova ngalokho. Ngiyohlala ngimdumisa ngoba ngangimncane kuleliyabandla futhi ngingaboni ukuthi kwenzakalani.
 
17.Ayikho into e-wrong engangiyibona khona. Okukhulu kunakho konke ukuthi izinto ezazizokwenzeka nezenzeka njengamanje akaze ngizibone kodwa ngiyaye ngithi uma ngibuka bese ngizibuza ukuthi kodwa kulento lena eyenzeka lapha ngabe ngikuphi mina?
 
18.Okunye bantwana baseKuphakameni engikubonga kakhulu kuShembe ukuthi ukuphuma kwami eBuhleni kwangisindisa enkosini yamajele; ijele elikhulu ijele lomsamo.
 
19.Ayikho bantwana baseKuphakameni into ewusizi njengendaba yomsamo. Indaba yamsamo bantwana baseKuphakameni njalo uma ngiyicabanga noma ngizibuka ukuthi angisekho kuyona ngiyaye ngifikelwe usizi; ngingazi ukuthi ngingambonga kanjani uShembe ngokuthi wangikhipha emsamo.
 
20.Indaba yomsamo ke bantwana baseKuphakameni yinde. Abantu abaningi banezibazi zomsamo, banosizi abangalu share ababhekane nalo emsamo kodwa mina njengoba ngisho bantwana baseKuphakameni ukuthi ngingumntwanyana omncane; uNkulunkulu wangithanda ngimncane kakhulu ngendlela yokuthi umsamo noma bewenziwa ekhaya; ehlatshelwa amadlozi kodwa ayikho imbuzi engake ngayikhipha noma inkukhu.
 
21.Nokubhula nje angikaze ngiguqe phambi kwesangoma ngokwami ngoba ngangimncane vele, kwakuba yikho nje ukujabulela ukudla inyama nokudla ke ukudla namadombolo,kuyaziwa uma kuhlatshelwa amadlozi ukuthin kubakuningi kakhulu ukudla kodwa nje ayikho induku yomsamo eyake yangishaya ngqo.
 
22.Ayikho inkukhu engake ngayithenga ngenxa yomsamo. Asikho isangoma esake sangitshela into ethize, konke nje bekwenziwa ngabazali thina sibukele.Nokho ngiyabonga ukuphuma kuloluyasizi ngoba sengiyabona ukuthi ekukhuleni kwami bengizongena emgodini ongakanani.Indaba yomsamo bantwana baseKuphakameni iwusizi olukhulu.
 
23.Ngishilo ekuqaleni bangcwele ukuthi angazi ukuthi yimaphi amagama engingawasebenzisa ukubonga. Kunezincwadi lapha engizozifunda kodwa ngizoqala ngendlule esihlabelelweni 244 engizocela abangcwele bangilekelele kusona.
 
1 Usathane useyasizonda.
Sinqatshelwe ukumkhonza emsamo.
 
Usehamba usenzela amadili.
Khona sizobuyela kuye silahlwe.
 
2 Anqotshiwe amandla akho.
NguJehova iNkosi yethu.
Luphelile udumo lwakho.
Ebesikukhonza ngalo emsamo.
 
3 Halala siyakubonga Nkosi.
Usibuyisele kuJehova thina.
Sohlala sikukhumbula njalo.
Ngalowo musa nothando lwakho.
 
4 Nkosi yethu uyimvunulo.
Yemiphefumulo yethu.
Sihlobile ngawe sonke.
Uyimbali engabuniyo.
 
5 Uyingcwele Nkosi yamaNazaretha.
Uyingcwele Nkosi yethu.
Hlala nathi Langa elihle.
Ukhanye njalo phezu kwethu.
 
24.Ngizocela abaphethe amabhayibheli bewavule ngoba sizofunda sonke.Ngizozifunda lezincwadi ngokulandelana kwazo. Lezincwadi ngizocela sizilalele kahle bangcwele ngoba angazi ukuthi yimaphi amazwi engingawasebenzisa ukuchaza yonke lento engifisa ukuyichaza noma ukuzwakalisa ukubonga, kodwa nginethemba lokuthi lezincwadi engizozifunda zizowendlulisa umnyalezo. Makabongwe uJehova. Amen.
 
25.Incwadi yokuqala ngizofunda laphaya kumaHubo 124, sizoqala ku verse 1 sigcine ku verse 8:
 
1 “Uma uJehova ebengenathi,
makasho njalo manje u-Israyeli,
 
2 uma uJehova ebengenathi,
lapho abantu besivukela,
 
3 ngabe sebesigwinyile
ekuvutheni kolaka lwabo kithina;
 
4amanzi ngabe asewele phezu kwethu,
kudlule isikhukhula phezu komphefumulo wethu,
 
5 kudlule phezu komphefumulo wethu amanzi akhukhumeleyo.
 
6Makabongwe uJehova
ongasinikelanga ukuba sibe yimpango
yamazinyo abo.
 
7Umphefumulo wethu uphunyukile
njengenyoni ogibeni lwabacuphi;
ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.
 
8 Usizo lwethu lusegameni likaJehova
owenzile izulu nomhlaba.” Ameni
 
26.Incwadi elandelayo kuzoba amaHubo 31; sizoqala kuverse 1 – 
 
8, bese siyeqa siya kuverse 21- 24.
1 Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;
Mawungangijabhisi naphakade;
ngikhulule ngokulunga kwakho.
 
2Beka kimi indlebe yakho,
ungophule masinyane,
ube yidwala eliqinileyo kimi,
indlu yezinqaba yokungisindisa.
 
3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise.
 
4Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,
ngokuba wena uyinqaba yami.
 
5 Ngibeka umoya wami esandleni sakho;
uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.
 
6Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,
kepha mina ngithemba uJehova.
 
7 Ngizakwethaba,
ngijabule ngomusa wakho,
ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,
wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
 
8awunginikelanga esandleni sesitha,
wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.
 
Verse 21:
21 Makabongwe uJehova,
ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo
emzini oqinileyo.
 
22 Mina-ke ngithe ovalweni lwami:
Ngixoshiwe emehlweni akho;
nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.
 
23Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo;
uJehova uyabalondoloza abakholekileyo,
amphindisele kakhulu ozidlayo.
 
24 Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova. Ameni.
 
27.Ngizofunda futhi isihlabelelo 108, isihlabelelo soMprofethi Isaiah Shembe (ukuthula kube kuye) :
 
1.Ngingathengwa ngubani
Ezonweni zami,
Nguwe ukuphela
Mkhululi wami.
 
2.Wena wangithanda
Ngingakazalwa,
Ngithenge ungibeke
Entendeni yesandla sakho.
 
3 Intengo yami ilula
Ngadalwa nguwe,
Nanamuhla ngithande
Ungikhulule Mkhululi wami.
 
4.Itengo yami ilula
Ngadalwa nguwe,
Amaketango asenhliziyweni yami
Angakhululwa nguwe. Ameni.
 
28.Bantwana baseKuphakameni ngalezincwadi nesihlabelelo soMprofethi ngizama ukubonga, ngizama ukuletha udumo kuJehova ukuthi ngiyambonga uJehova, ngiyabonga kuShembe waseZulwini ukuthi kuthe uma izimpi zobuNazaretha sezihloma; zichitha ubuNazaretha umPhrofethi ayesilethele bona, uNkulunkulu waseKuphakameni wangihlenga kuleyompi leyo; ngasinda.
29.Njengoba ngilapha ngifana nomuntu ophume endlini eshayo. Ngifana nomuntu okuthe kuliwa; izidumbu zabantu ziwa phansi kodwa ngatholakala ngiphila mina, ngiyamubonga uNkulunkulu ngalokho.
30.Bantwana baseKuphakameni sibhekene nesimo esibuhlungu kakhulu kulobuNazaretha. Uma ngilalela uBaba uMelusi ekhuluma ngomlando wenkolo kakhulukazi i-side lobuKhrestu, ngibona umlando uziphinda ngoba ebuNazaretheni kwafika umPhrofethi uBabamkhulu wasibhalela lezihlabelelo; wasifundisa ngoJehova; wathi sikhonze uJehova yedwa ; sethembe yena; sidumise yena ngezikhathi zonke.
 
31.Nokho impi njengoba sisho isihlabelelo 55 yafika impi yomubi bantwana baseKuphakameni yawuchitha wonke umsebenzi woMphrofethi; isebenzisa izisebenzi zomubi ezibizwa ngezangoma.
 
32.Zasithatha zasibuyisela emsamo; zaqeda nya ngobunazaretha.Lesi simo bantwana baseKuphakameni sifuze isimo uBaba uMelusi uma echaza okwenzeka mhla kuchithwa iJerusalema ngo-70 AD.
 
33.Njegoba kwakumelenwe nabantu benkoloka Jehova bachithwa; babulawa kwaphuma izidumbu zabantu; zachithwa zonke izinto zikaJehova. Kuthe sezichithiwe izinto zikaJehova ngenxa yokuthi abezizwe njengoba kusho incwadi kaDr. Koster ukuthi nabo babemfuna umsindisi kodwa babengamfuni lo oyiJuda.
 
34.Bathe bengamfuni lo oyiJuda base beyeka ukuhlala bengenaye umsindisi kodwa babona kungcono ukuthi bakhe owabo umsindisi. Kwathi sebemakhile owabo umsindisi base bethatha izinto zoMsindisi wangempela oyiJuda sebezinika lo msindisinyana wabo abamkhadile; bamnika zonke lezizinto base besifunza leyonto leyo.
 
35.Kuze kube namhlanje amakholwa wonke athi afuna umsindisi onguye, acabanga ukuthi alandela umsindisi onguye kanti awazi ukuthi ashaywa ngemfe iphindiwe, umsindisi abathi bayamlandela akusiyena.
 
36.UbuNazaretha ke bubhekene naleso simo bantwana baseKuphakameni. Uthe efika uMprofethi wabukhanda ubunazaretha, wabhala izihlabelelo kodwa esikhathini samanje ngesikhathi sethu sibe neshwa ngoba kuvuke umuntu; umuntu ongawutholi umlando wakhe ebukhosaneni; ongawutholi umlando wakhe kuphi nakuphi.
 
37.Lomuntu uvele wagxuma wasuka le asuke khona; wabekwa esihlalweni esikhulu; isihlalo sokuba nguNkulunkulu; wakhonzwa lomuntu; wabizwa ngoNkulunkulu; wathatha igama likaJehova; wachitha zonke izinto zoMprofethi.
 
38.Kumanje ubuNazaretha buyinto ongayazi ukuthi ungayichaza uthini. Zonke izono ezikhona phansi komthunzi welanga zenzeka kuleli bandla esibuya kulona kodwa into ebuhlungu bantwana baseKuphakameni engithi ifana nale eyenzeke emlandweni wenkolo ukuthi lomuntu akabanga nje unkulunkulu ozimele eceleni kodwa bamenze wathi akabe samprofethi.
 
39.Wathi uma yefika nalapho kumprofethi babona ukuthi akwenele; base bethi hayi akedlule ebengaphezu komprofethi kwase kuba nguyena manje oyi founder yobunazaretha, zonke izinto sezisuselwa kuyena. Baze bamnikeza igama likaJehova bathi “umnikazi wezinto zonke”.
 
40.Noma ungabeka siphi isono uthi lento ayenziwa kodwa abantu bakhona bakutshela ukuthi mina ngiyile kumnikazi; umnikazi akaze asholutho. Uma umnikazi engakaze asho lutho ngalento kusho ukuthi lento ilungile ngoba uyena umnikazi wezinto zonke.
 
41.UbuNazaretha ke bantwana baseKuphakameni behlelwe yileloshwa ngoba noma ungathi utshwala abuphuzwa noma ungathi amadlozi awahlatshelwa; uma lo abamubekile njengamanje osethathe zonke izinto kwanguyena o-replace umprofethi…..
 
42.Ngake ngaphatheka kabi kakhulu bantwana baseKuphakameni ngelinye ilanga benza inhlekisa ngesigameko esenzeka kuMprofethi kufanele asindise umuntu wangasinda; umprofethi wase ehluleka ;wahamba.
 
43.Bathi ke uma bahlekisa ngoMprofethi bemuqhathanisa nalesithixo sabo; bathi lo u number 5 wayengeke ehluleke futhi ebalekele ngoba yena u strong kunoMprofethi. Ayikho bantwana baseKuphakameni into eyangiphatha kabuhlungu njengaleyo.
 
44.Nathi ke sinaleyonkinga bantwana baseKuphakameni; kungakho ngibonga phambi kukaNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ngoba thina esibancane sizalwe ubuNazaretha sebuvele budungekile.
 
45.Uma uthi uyachaza ekhaya ukuthi amadlozi awahlatshelwa kuvele kuthiwe uyithatha kuphi lento ngoba lokhu sikuzalile wena sikuzale siwahlabela amadlozi ufundiswe yithi ubuNazaretha sivele siwahlabela amadlozi.
 
46.Kuthiwe ke uyithatha kuphi lento ngoba abantu abakukhulise ngobuNazaretha kade beyenza lento and vele bebeyenza. Bese manje uphoqwa ukuthi uqhubeke naleyonto leyo noma sezifundiwe izincwadi ukuthi uMprofethi akakaze ayikhulume lento. Kuyothiwa yenza lento ngoba ukhuliswe ngayo; abantu abakunikeze ubuNazaretha kade beyenza nabo.
 
47.Kanti sinikezwe ubuNazaretha bantwana baseKuphakameni ekade sebunenhlabathi. UbuNazaretha okuthi uma uthi uyabudla buvele bulumele. Uthi ushona ngapha kuthiwe hhayi uShembe ngeke ekwazi ukukusiza uma abantu bakini benqaba.
 
48.Uthi uya kubantu bakini nakhona kuthiwe akulunganga; hamba ku”Shembe”. Uthi uya kulo”Shembe” naye ethi hamba kubantu bakini. Uyogcina usuzulelwa yikhanda ngoba awazi ukuthi kufanele ushone kuphi.
 
49.Sibe naleloshwa bantwana baseKuphakameni kodwa ngithi makabongwe uJehova ngoba wangithenga mina ngenani eliphakeme. Intengo yami wayithola ilula ngoba uthi uShembe ngadalwa nguye.
 
50.Wabona ekudeni uNkulunkulu waseKuphakameni; wangihlenga bantwana baseKuphakameni wangihlengela lapha ebandleni likaJehova. Njengoba ngisho bantwana baseKuphakameni akukho okwakungixakile emuva ngoba ngangivele ngimncane. Akukho okwakungihluphile; ayikho imbuzi engake ngayihlaba.
 
51.Kodwa ngathi uma ngifika lapha ezintabeni zaseThekwini silaphaya ezansi (kwakusakhonzelwa ezansi), wase eliphatha uBaba uMelusi izwi lasezulwini. Ngathi uma ngilalela ngathi akaze ngikuzwe ukukhuluma okunje. Lelizwi yizwi lasezulwini.
 
52.Ngase ngithi ngiyalithatha lelizwi; ngizophila ngalo. Ubaba uMelusi wayekhuluma indaba eyisimangaliso bantwana baseKuphakameni. Izwi nezwi ayelikhipha uBaba lalikwenza wesabe ukwenza isono ngoba wayesethembisa ngomuzi othile esiyothi uma sihamba lapha emhlabeni siye kuwo.
 
53.Ngabe sengilithanda ngolizwa lelizwe bantwana baseKuphakameni; ngafisa ukuthi nami uma ngihamba lapha emhlabeni ngiye kulomuzi uBaba uMelusi akhuluma ngawo lapho kuthiwa isono asingeni khona. Kwakuyilokho nje bantwana baseKuphakameni akukho okuningi engakuzwayo.
 
54.Nokho ngithe sengiphakathi; sezethulwa izifundo yase ithintwa indaba yalomsamo bantwana baseKuphakameni osihluphayo kakhulu okuthiwa sikhuliswe ngawo; esesatshiswa nangawo kuthiwa ngeke izinto zakho zilunge uma ushiya umsamo.Kwathiwa ngeke ukhonze uJehova yedwa ungambhanqi nomsamo kwathiwa kufanele umbhanqe nomsamo.
 
55.Sathi uma sifika lapha bantwana baseKuphakameni kwathiwa uJehova uyakwazi ukuthi akhonzeke yedwa. Kwathiwa uyakwazi ukukhonza uJehova ungambhanqi namadlozi. Kwathiwa shiyani phansi lezizinto uNkulunkulu akazifuni. Savula isihlabelelo, savula ibhayibheli sase siyezwa ukuthi yizwi lasizulwini leli. Amen.
 
56.Siyambonga ke bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu ngalokho. Ngingakadluli endabeni yalomsamo ngifisa ukufunda bantwana baseKuphakameni ngokuphuthuma,kukhona inkonzo lapha bantwana baseKuphakameni; kungeyona inkonzo nje kodwa kungamazwi okubonga.
 
57.Inkonzo yayinikezwe abantu bonke; kuyinkonzo yofakazi ethempeleni uMkhumbiwezulu eGoli. Kwabe sekusukuma inkosana yakwaNdawonde bantwana baseKuphakameni.
 
58.Ngizofunda eyakhuluma njengoba kunjalo okuthinta yona lendaba yomsamo nalendaba yalezizangoma lezi athi uMprofethi zisebenzela omubi. Uma esukuma ke uNkosana uNdawonde ukhuluma kanje uthi:
 
59.“Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Nami ngiyazibongela kuNkulunkulu waseKupakameni. Ngizobonga ngiphinde ngicele ngalokho angenzele khona. Ngizobongai mpilo angiphe yona uNkulunkulu waseKuphakameni.
 
60.Ngambona engisindisa, engiphilisa sekukhulunyiwe ukuthi emhlabeni ngizohamba.Last of last year bekungu 2023. Umndeni wami ungabantu abahamba izangoma. Bathi bezihambile ke lezozangoma zabo base bethola ukuthi sithi isangoma kunomfana wasekhaya ozohamba emhlabeni; base bemusho ngegama.Igama lakhe ke bekunguBonani kodwa thina besimbiza ngoSbu.
 
61.Bathi uyahamba emhlabeni, kungekudala nje uzohamba, uzokwehla ngebhokisi ukuya ekhaya, ubehlala lapha eGoli . Ay kusiphathe kabi ke lokho, kutatazelwe ke. Kwathi name uma sebengitshena ngase ngiguqa ngedolo, ngihlala njalo ngimbika kuNkulunkulu eziguqweni zami ukuthi emphilise.
 
62.Nokho kwahamba; kwahamba kwagcina kwenzekile lokho ekade kushiwo yilabo bantu labo, kwenzeka njengokusho kwabo, wahamba emhlabeni, walimala lapha eJulies; wehla esehla ngebhokisi kungesikhathi esingakanani bekushilo lokho. Kuthena kunjalo, esahambile kanjalo futhi engakafihlwa kwase kuphuma elinye igama futhi elithi akayedwa ozohamba, kukhona olandelayo omunye.
 
63 Ay, sithena sisezwa lokho bavele bangasho ke manje ukuthi kukhona olandelayo kuphela kodwa basho negama ukuthi ngusibanibani; besho mina ke ukuthi naye uyahamba emhlabeni.
 
64.Bangitshena ke odadewethu lokho ukuthi sekushi wokanje. Ay ngikuchithe ke lokho mina ngithi hhay ngeke kuze kwenzeke ngoba kuse early kabi, ngeke ngihambe ngalesikhathi. Ngingathi ngisafika emhlabeni bese ngihamba njalo? Angihambi ke mina!
 
65.Ngasho lokho ngoba ngifuna ukuchitha lento eshiwo yizangoma, ngingafuni ukuthatha lento ephuma ezangomeni; ngenzela nokuthi ngibaqinise isibindi ngoba ngiyabona ukuthi sebeyatatazela ngoba ibaphethe kabi lento abayizwile futhi bayayikholwa ngoba nalena ekhulunywe ekuqaleni kuthena uma ikhulunywa yase yenzeka.
 
66.Ay ngiphike ngaleyonkani ke leyo futhi ngibashiye kanjalo. Kuhambe izinsukwana kuphinde futhi engithinte udadewethu ogane ngapha eJozini ethi: ubesenkonzweni entabeni lapha kade behlangene khona entweni esamhlangano. Uthi, uthena uma eyonikela wathi esanikela nje wase embuza loMfundisi ukuthi ukuphi umfowenu omdala (esho mina ke)?
 
67.Washo usisi wathi ukhona; usemazweni (ngangiseMpumalanga ke ngalesoskhathi). Wabe esethi loMfundisi : “Ngimbona engumuntu ongasekho futhi ozokwehla ngebhokisi, uyahamba emhlabeni. Angitshene ke udadewethu lezondaba lezo.
 
68.Ngiqale ke manje name ngitatazele, ngibone ukuthi lendaba ngathi ngiyayiziba kodwa yavele yakhula. Kwedlule izinsukwana futhi kuphinde futhi yena udadewethu engifonele futhi ethi ufonelwe ngomunye udadewethu omdala wasemndenini ogane kwesinye isigodi.
 
69.Uthi lodadewethu omdala :” Kuthena ezintathakusa ekuseni nje engasalele ubuthongo kwase kufika izwi kuye elithi :” bese uzwile yini ukuthi uMsizeni akasekho emhlabeni? “Uthi ke yamshayisa ngovalo ke lenkumo udadewethu omdala ukuthi yinkulumo eqhamuka kuphi ke manje lena emtshena lokho? Wase efonela udadewethu ke lona; emtshena lokho.
70.Ay, ngibone ukuthi impi inkulu. Ngase ngithi nami ke angiyihlomise ngendlela yaseKuphakameni. Ngakhipha izingcingo, ngathatha olunye ngalukhomba eThekwini kuMfundisikazi, ngayibika indaba njengoba injalo; ngathi nakhu lapha kukhulumeka kanje, ngase ngicela ukuthi engikhulekise, ngisinde, umphefumulo wami usinde.
 
71.Ngathatha olunye ngalukhomba eGoli kuMfundisi uNtuli, ngambhalela naye kuwhatspp ngicela ukuthi abangcwele bangikhulekise. Kuthena ke ezinsukwini kungesikhathi esingakanani ngoba kusho ukuthi ukufa kwase kuvele sekuphumile… kodwa ke abangcwele bangikhulekisa.
 
72.Kwagcina kufikile bangcwele ukufa khona ekhaya kwabe sekuthatha ubaba ongizalayo, ngazo lezonsuku lezo zalezo zigameko lezo. Ngiyacela ukuthi iNkosi imkhumbule ubaba lapho ekhona, umoya wakhe ulale ngokuthula.
 
73.Ngedlulisa ukubonga nokho eNkosini yaseKuphakameni ngeyangenzela khona ngokusindisa umphefumulo wami ekubeni kwase kunqunyiwe ukuthi ngiyahamba. Angizange ngize ngicabange okunye okungangisindisa kodwa ngacabanga uJehova kuphela ukuthi nguyena ongangisindisa kulesisimo. Nangempela uNkulunkulu wangisindisa ,makabongwe uJehova !Ameni!
 
IHUBO 119
1.Thina siyamthanda lo
Onokusindisa,
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
 
3.Wena uyamdinga lo
Onokusindisa,
Kuphela kwakhe uJehova
Onokusindisa.
 
74.Ngithe bantwana baseKuphakameni isihloko salenkonzo sithi MAKABONGWE UJEHOVA. Ameni. Ngithena ngifisa ukufana noMfundisi uMdlolo ngoba umzuzu nezikhathi ngifisa ukuthi nami ngimbonge uJehova. Lesi sihlabelelo siyaqhubeka sikhuluma amanye amazwi bantwana baseKuphakameni ayisimangaliso; siyozifundela uma sithola ithuba kodwa ngifisa ukumbonga nami uJehova.
 
75.Ngathi uma ngilalela lenkonzo kaNkosana Ndawonde…..Ngiyilalela lenkonzo nje kanti ezinsukwini ku WhatsApp group yasekhaya umndeni lo wakithi wegazi bekufike ukukhuluma nakhona kwephupho olivele no-anti.
 
76.U-anti ugane kwaNxumalo naye ngapha kwesinye isigodi sanakithi okuthiwa kuseMpuqwini.U-aunt uletha iphupho ekhaya uthi uphuphe ukhokho wasekhaya. Uthi lokhokho njengoba kuzokwehliswa ngo December… lento uNkosana Ndawonde uyikhulume ngomhla ka-13 December kulonyaka lona esibuya kuwona.
 
77.Uma zisondela ke izinsuku zika December liyafika naleli phupho lilethwa emndenini ekhaya. Kuthiwa ukhokho uthukuthele uyafa. Uthi njengoba kuzokwehliwa nje uzokhipha izidumbu ezingu 8.
 
78.Kulezi zidumbu ezingu 8 bayabalwa abantu abazohamba emhlabeni. Omunye wabo kwakuyinsizwa engelamayo; umfowethu omncane owelama mina. Ngezwa lento ngingakayizwa inkonzo kaNdawonde kodwa ngithe uma sengizwa inkonzo kaNkosana Ndawonde ngathi ngiyabonga Nkosi ngoba angikwazi obekuzokwenzeka ngoba uma kukhulunywa lezizinto zamaphupho nokuhlabela amadlozi kuye kube sengathi ubuka iTV ngoba usuke wazi ukuthi unoJehova; ngeke uze wehlelwe lutho.
 
79.Nokho siyaye sibe buhlungu bantwana baseKuphakameni ngoba uma kuthinteka imindeni yethu nathi siyathinteka. Yingakho umuntu wasezulwini uma efika phakathi kwethu elethe insindiso ngesikhathi se covid-19 kwathiwa nikelani nizicelele nina. Ngomusa kaJehova ohlezi phakade wase welulwa umusa wakhe; wafinyelela nasezihlotsheni zethu; sasinda sonke.
 
80.Uthi umuntu wasezulwini akufuneki ukuthi kube khona okhalayo ekhaliswe yilesi sifo. Ngabe sengiyakubonga ukuzwa lenkonzo kaNkosana Ndawonde ngoba angibange ngisahlala nje ngithule kodwa nami ngawukhipha umnikelo bantwana baseKuphakameni, ngathi Nkosi yaseKuphakameni bakhumbule ngoba ngangingeke ngikhulume indaba yephupho labo ngoba nami ngangingafuni ukuthi ngenze umnikelo based on iphupho elingaphushwanga nayimi kodwa engizwe nje kukhuluma abantu bomndeni.
 
81.Nokho ngenxa yokuthi ngase ngizwile vele futhi sengizwile ukuthi uJehova uyakwazi ukusivikela thina kodwa ukufa uma sekuphumile kuyakwazi ukuthi kungaweli phansi ngathi nami njengomuntu onabazali nabafowabo engingathi uma behamba emhlabeni bese ngiyathinteka; gabe sengikhipha umnikelo bantwana baseKuphakameni ngathi nje ngiyabacelela ukuthi njengoba kuzokwehliwa nje uNkulunkulu ebavikele, ngawu-generalizer ngaleyo ndlela.
 
82.Kwahanjwa ngo-December bantwana baseKuphakameni; bahamba bonke (baya emakhaya). Bangabantu ke abaye bagcwale itekisi; baqoqane ndawonye kulo. Bayakwazi ukuthi umndeni uvele ugcwale itekisi okungathi makwenzeka noma yini bese sivele sibondwe. Bahamba ke bantwana baseKuphakameni baze babuya. Njengamanje sesiku February; akukho okwenzekayo. Nami ngithi ke MAKABONGWE UJEHOVA ngalokho. Amen.
 
83.Siyabonga ke bantwana baseKuphakameni. Lento yomsamo angazi bantwana baseKuphakameni ukuthi ngingathini kodwa uMprofethi wasibhalela zonke izinto. Ikhona intshumayelo umprofethi asibhalela yona ngezangoma; size singayilibali bantwana baseKuphakameni noma silala noma sivuka.
 
84.Noma ngingeke ngisakwazi ukuyifunda ngenxa yesikhathi kodwa ukuyikhuluma nje noma ngingayiboni; usho njalo uMprofethi bantwana baseKuphakameni. Uthi isitha esikhulu sikaNkulunkulu kunazo zonke yisangoma. Uthi uSathane usebenza ngazo ukuchitha nokubhibhisa umsebenzi kaNkulunkulu.
 
85.Izangoma azigcini ngokuchitha umsebenzi kaNkulunkulu kodwa zidala inxokozelo ngisho kubantu. Ngeke nize nihlale kahle makukhona isangoma phakathi kwenu ngoba uma kuvela usizi noma kuvela inkinga kufanele niyobuza kuso ukuthi yini inkinga. Inkinga ngeke siyikhombe ekudeni kodwa sizoyikhomba eduze kwakho.
 
86.Bengilalele ngenkathi ngisemakhaya; ngilalele abanye abazali bekhuluma kodwa ngeke ngisho ukuthi abazali bakabani kodwa kwakungumuntu ongumama nomuntu ongubaba abanganene.
 
87.Uyamxoxela ke lo ongubaba uthi: “uma uya kulabantu ababonayo (izangoma) kubakhona ukukhuluma abafike bekusho; bafike bethi uma unenkinga bathi kusuke kusezinyaweni zakho”. Uma ke kuthiwa kusezinyaweni zakho lokho baku interpreter ngokuthi lokho kusuke kwenziwa ngumuntu oseduzekwakho (someone close to you).
 
88.Uthi ke lona ongunkosikazi: ”hhawu! phela umuntu wokuqala oseduze kwakho ngunkosikazi wakho”. Uthi ke lona ongubaba: “ya kusho ukuthi ngabe kunguwe ke”. Uyayibona ke lento yezangoma? Ungafike uthande umuntu, umlobole, niganane kube kuhle kodwa once kwanenkinga sekunguyena futhi umthakathi? Senizohlala ngenxokozelo ngenxa nje yezwi lesangoma? (angisho nokho ukuthi akwenzeki)
 
89.Azikaze izangoma zakhomba ekudeni. Ngeke kuthiwe uthakathwe ngumuntu oseGoli kodwa wena useThekwini. Always kuba ngumuntu oseduze kwakho. Why? Kungenxa yokuthi zisuke zifuna ukudala inxokozelo. Imindeni ayikwazi ukuhlala kahle uma kungukuthi iphila ngokubhula; iphila ngendaba yezangoma.Ngeke nihlale kahle ngoba kuhlala kukhonjwa eduze.
 
90.I nature yempilo ithi iminwe ayilingani, kuhle namhlanje kodwa kusasa kubi. Lo engaphumelela lo engaphumeleli. Uma ungumuntu ophila impilo yezangoma ayikho into ekuthiwa yi nature yempilo. Yonke into kuwe isuke ikhuluma. Uma umfowenu ephumelela kodwa wena ungaphumeleli lokho kusuke kusho ukuthi uthakathwa nguye.Leyonto uzoyithola ezangomeni.
 
91.Ngakho ke siyambonga uJehova bantwana baseKuphakameni ngomusa wakhe asenzele wona. Mina ngithi phambi kukaNkulunkulu waseKuphakameni; ebuntwaneni bami nasekwaluphaleni ngiyakumlandela. Sikhona isihlabelelo esisho njalo.
 
92.Isihlabelelo 222 ivesi lesibili lithi : “ebuntwaneni bami ngiyakukulandela, nasekwaluphaleni mangikulandela.Yipha Nkosi inhliziyo yami ukulizwa izwi lakho”.Ngiyohlale ngimbonga njalo ngoba ungenzele umusa ngokungikhipha kulenkosi yamajele; ijele elimnyama, ijele lomsamo; ijele elingenamkhawulo.Uthi umama uMfundisikazi emsamo asikho isihawu; intandane ayaziwa nomfelokazi akaziwa.
 
93.Sizalwa ngabantu abazihlanganisa nomsamo.Kwesinye isikhathi uye ubone isalukazi sihleli phansi; sibala ngeminwe.Uma uthi uyabuza ukuthi “gogo kwenzenjani” bese uthola ukuthi sibala imisebenzi okufanele siyenzele abantu abangasekho ngemali yempesheni. Malini impesheni?
 
94.Ngambuza ugogo mina ngelinye ilanga uma engichazela imisebenzi okufanele ayenze. Ngithi ke uzoyithatha kuphi imali yokwenza lento gogo ngoba awunayo? Yini ungabatsheli ukuthi imali ayikho.Batshene gogo ukuthi imali ayikho and they must understand. Hawu! Wavele wahleka ugogo wathi “hhay sizothini”. Ngathi nawe uma uhamba emhlabeni kusho ukuthi uzokwenza yona lento?
 
95.Kwathi uma kufika leliphupho leli likakhokho osethi uzokhipha izidumbu ezingu 8; wabuza omunye umfana ongumzala wathi :” ukhokho weza ngolaka olungaka sekwenzenjani; simenzeni; yini walwa kangaka? Usengaze akhiphe izidumbu ezingu 8, yini ake ayicele singamenzeli yona”?
 
96.Angithi bayabona manje ukuthi lento ayikho. Angithi siyabhala nakwa-facebook bese beyabona. Noma bengakwenza kodwa bazokwenza sebazi, bazokwenza sebelazi iqiniso.Siyambonga bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu waseKuphakameni osiqoqile wasibeka kulendawo yakhe engcwele.
 
97.Ngingumuntu bantwana baseKuphakameni owathandwa kakhulu.UNkulunkulu wangikhetha ebuncaneni bami ;njengamanje ngisebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu.INkosi ngayikhetha ngo 2015; kusho ukuthi sengiqede iminyaka engu 11 ngingakaze ngibhule.
 
98.Ngahlangana nalelivangeli ngo 2012, kusho ukuthi sengineminyaka engu 15 sihamba nje noNkulunkulu bantwana baseKuphakameni. Ukudinga nokweswela yinto esingayazi. Yini ozoyidinga, uzohlushwa yini uma ungazihlanganisi nomsamo? Ngalokho asisho bantwana baseKuphakameni ukuthi impilo izoba lula.
 
99.Ngingumuntu owavele wanyuka waya ezweni laseGoli ngendlela okwenzeka ngayo. Yase ke impilo ithi ukunginyakazisa; izinto zangaba lula bantwana baseKuphakameni; kwakhona ukuhlupheka okwabakhona. Kwakungekhona ukuhlupheka kokuthi kukhona into eyonakele kodwa kwakulusizi nje lokuthi eGoli kusesilungwini; uma ungenawo umsebenzi vele uzosokola.
 
100.Ngangizama ke nami bantwana baseKuphakameni ngibamba amatoho, ngihamba naye uNkulunkulu sigijima, uma kuthiwa nawu u 23 sigijime siye khona.Kwafika isikhathi lapha ngibona khona ukuthi ngiyakhula manje kanti nalamatoho lawa awangenzeli lutho.
 
101.Ngathi ngiyaphuma ngiyagijima ngiyoqala ezamabhizinisi bantwana baseKuphakameni ngazithola ngenza into engingakaze ngiyicabange. Akaze ngizicabange empilweni yami ngikhanda amagwinya bese ngiwadayisa kodwa ngenxa yesimo esasikhona ngabona ukuthi akusebenzeki bantwana baseKuphakameni. Into engangisele nayo yi drivers license, ngathi ngiya ematekisini ngathi abangifundise amatekisi ukuze ngishayele kodwa nakhona kwangalunga.
 
102.Ngabuya ngabiza uMfundisi uNtuli ngathi ngicela niphuthume noMvangeli uThusi ( wayesahlala seGoli ngaleso sikhathi).Ngabhala phansi iphepha ngathi ngidinga ibhodwe, ngidinga u flour, ngidinga u cooking oil owodwa ngathi ngilekeleleni because I need to start now. Ngaqala bantwana baseKuphakameni ngiziphilisa ngamagwinya iminyaka engu 
5.Ngaqala ngikwenza part time kodwa ngagcina ngikwenza full time.
 
103.Nakhona kwangalunga ngaze ngagcina ngokugula. Kuthe ngo 2023 ngase ngibizwa bantwana baseKuphakameni e Rustenburg kwathiwa phuthuma nakhu sengathi kukhona okuhlanganayo ngapha. Ngathi uma ngifika bantwana baseKuphakameni ngijabule kakhulu bantwana baseKuphakameni, ngafike ngawuthola umsebenzi.Kulomsebenzi ngathola ukuthi imali incanyana nje, kwakuyimali encane ngendlela yokuthi ngesaba nokuyibiza.
 
104.Ngazibuza ukuthi ngizothini kuMfundisi ngoba kunzima lapha eGoli, ngathi ngizovele ngibuyele kithi eNatal mina uma kunje. Wathi uMfundisi hhayi bekezela; kuzolunga. Ngathi hhayi Mfundisi mina ngibeka lonyaka kuphela; uma uphela lonyaka kungangalungile ngiyabaleka.
 
105.Ngalinda bantwana baseKuphakameni; ngabekezela kunzima kunjalo.Ngaphuma kule company ngaya kwenye kwase ke kuthi ukuba ngconywana iholo ngoba laba doubled kuleyo company.Yaphuma nayo sangena kwenye engathi ingconywana kakhulu manje. Hawu bantwana baseKuphakameni sekuyasebenzeka njengamanje; umuntu usekwazi ukubeka imali, umuntu usekwazi ukuthi athenge. Amen.
 
106.Ubungeke uyenze leyonto leyo emsamo ngoba isente nesente kufanele liye emsamo. Imisebenzi ekufanele yenziwe isitaki futhi ayilungi inkinga yayo. Wake wafakwa ukhokho laphana ekhaya bantwana baseKuphakameni, ngangikhona mhla efakwa kodwa mhlawumbe ngase ngilizwile lelizwi ngoba ngiyakhumbula mhla efakwa, leyandoda eyayimufaka yayiphethe lelibhodlela leli le 1818 elincane; angazi noma kuthiwa yiniphu yini.
 
107.Wayehamba elixukuza emngenisa ngalo. Kwathi uma esengenisiwe bantwana baseKuphakameni zahlatshwa izinkomo kwakuhle konke. Kuthe esengenile ngezwa uMtwana (ubaba) ngelinye ilanga esekhuluma nami ethi eyi ngathi akuhambanga kahle; ukhokho ungenile kodwa kuthiwa akahlalanga phansi.Ngathi mina hhawu nkosi yami akasahlalanga phansi? Ngathi hhawu akahlale phela, siyamcela nje akahlale phansi.
 
108.Kwathiwa manje siyahlanganisa, kufanele kutholakale into yokumhlalisa phansi. Ngabona ukuthi sebefuna ukuhlaba futhi. Angith ngase ngilizwile lelizwi ngoba ngangingahambisani nalento eshiwo nguMtwana (ubaba) ngikhumbula kahle. Ngabe sengi suggest inkukhu ngathi hhayi mhlawumbe akahlaliswe ngenkukhu. Kwasho yena ubaba wathi hhayi ngeke umnumzane wonke ekakwazi ukuhlaliswa ngenkukhu.
109.Umsebenzi wokumhlalisa phansi ngathi wagcina ufike ezinkomeni ezimbili; just ukuhlala phansi. Ngeke ke singambongi uNkulunkulu waseKuphakameni bantwana baseKuphakameni ngaleyonto ngoba kwafika ingelosi phakathi kwethu. Yafika kuBaba uMelusi, lathi izwi lasezulwini nali ijazi elibomvu uliphiwa nguBaba iLanga; uyabonga ukuthi umsebenzele uShembe kodwa njengamanje uyathunywa ukuthi fundisa abantu ngoJehova. Amen.
 
110.Mhla sibuyela kuJehova bantwana baseKuphakameni kwaphela lonke usizi. Singabantu abakhuliswe ngalo igama likaShembe. Noma uqhuzuka ubungasho ukuthi “wemama” kodwa ubuthi “Shembe” because sikhuliswe ngoShembe.Besimethemba kakhulu uShembe kanti asazi ukuthi sesiyibambe lapha ingekho khona.
 
111.Nokho mhla izwi lasezulwini lisibuyisela kuJehova sakwazi ukubuyela kuShembe; sakwazi ukuhlangana noMphrofethi esase silahlekelene naye. Amen. Singahlukani bantwana baseKuphakameni negama likaJehova because egameni likaJehova kubambelela zonke izinto. Amen.
 
112.Uma singanikana uShembe kungakuhle kodwa esizukulwaneni esizayo mhlawumbe okwenzeke manje kungasiphinda. Yingakho kufanele sibambelele egameni likaJehova njengoba esho uMfundisi uMdlolo uma elokhu ekhuluma ethi “Makabongwe uJehova”.Uma nabantwana benza leyonto igama likaJehova ngeke lize liphele. Amen.
 
113.Ukungapheli kwegama likaJehova kusho ukungapheli kwegama likaShembe kodwa mhla sakhohlwa uJehova nathi uyozwa sesikhuluma into esingayazi nathi sesithi hhayi ukuthi uyazifihla.Thina masime ngegama likaJehova ukuze sizokwazi ukuthi ukhona uJehova. Amen.
 
114.Uma kodwa umuntu ezobuza ukuthi loJehova nimthathaphi bese sithi simfundiswe nguMphrofethi ngoba nazi izihlabelelo; nguyena uMphrofethi osise kuJehova, in that way igama loMprofethi alisakwazi ukuphela; noma sihamba siya ezizweni zonke sizokwazi ukuthi sikhulume into ezwakalayo. Ubufakazi baleyonto leyo bantwana baseKuphakameni bukhona phambi khwethu. Izwi lezulu sezizwakele emhlabeni wonke.
 Amen.
 
Isihlabelelo 147
1.Izwi lezulu lizwakele
Emhlabeni wonke,
Lizwenini bantunonke
Alikhethi noma munye
Liyababiza bonke abantu,
Alikhethi nomamunye.
 
4 Wozani webadingi
Wozani webasweli,
Eniswele leyongubo
Yokwembesa umphefumulo
Liya kufika lelolanga
Uzodinga lowo mphefumulo.
 
115.Selizwakele bantwana baseKuphakameni; siyajabula kakhulu! Ngicela ukufunda isihlabelo 208 i verse lesibili kuphela.
 
Isihlabelelo 208
2 Thabani thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani thabani
Izizwe zosinda
Buphelile ubumnyama
Jabulani nithokoze
Zizwe nonke.
 
116.Bantwana baseKuphakameni sijabule ngendlela eyisimangaliso, siphethe ibhayibheli loMoya oyiNgcwele. Ngangihlala ngicabanga ukuthi lelizwi lasezulwini elifikele phambi kwethu sizoledlulisa kanjani ngoba phela siyakhohlwa.Nokho bantwana baseKuphakameni ngoba sekukhona leli bhayibheli loMoya oyiNgcwele umsebenzi wethu usulula kakhulu. Amen
 
117.Uma ngifika nje ngizofunda into njengoba injalo; angidingi ukucabanga nokwenzani kodwa ngifunda njengoba kunjalo. Siyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni. Lento isijabulise ngendlela eyisimangaliso ngoba leli yifa lezizukulwane ngezizukulwane, abantu abayofunda leli bhayibheli angeke baze bahlupheke; abayukufana nathi.
 
118.Isihlabelo 141 iverse lokuqala lithi: “Abangazazi lezi zindaba anibatshelanga ngani? Babethanda ukuzizwa lezi zindaba; anibatshelanga ngani? Izindaba ezibuhlungwana ke lezi bantwana baseKuphakameni ezibheke kimi nawe ukuthi sesikuzwile konke, sazibona izibusiso, abantwana bakhona phakathi kwethu sibabonile bevela ezulwini; banikezwa amagama avela ezulwini; saphiwa izimoto; saphiwa konke; kwakuhle konke kodwa umbuzo uthi yini ekufanele siyenze?
 
119.Isihlabelelo 141 ke sikhuluma leyo ndaba ukuthi asibatsheleni abantu ngoba uma singabatsheli bayokhala ngathi bantwana baseKuphakameni. Kune verse elithi lezindaba uma sizitshela abantu bayosinda abaningi kodwa uthi uShembe akusindi nje inyama yodwa kodwa kusinda nomphefumulo wabo.
 
120.Ngakho ke bantwana baseKuphakameni sizosizakala lapha emhlabeni ngokuthi siphile kahle bese sisizakala nasemphefumulweni because uthi umuntu waseZulwini phakathi kwethu; ingelosi ithi kukho konke enikwenzayo nize ningalibali indaba yosuku lwenu lokugcina; usuku lokuhamba lapha emhlabeni.Uthi kulungiseleleni lokho ngoba noma ngabe kade ubusa noma ngabe uhluphekile kodwa ekugcineni uzohamba.
 
121.Sase sifundiswa into eyisimangaliso bantwana baseKuphakameni ongeke uze uyithole ndawo. Akukho Pope oyaziyo, akukho Bishop oyaziyo; bonke labantu abakhulu namabandla amakhulu abayazi lento esayifundiswe ezulwini. Uthi umuntu wasezulwini angithi ninayo imishwalense yezimoto zenu nakho konke, thathani ke nomshwalense wempilo.
 
122.Ngathola isimanga nokudumala bantwana baseKuphakameni mhla ngithunywa ukudayisa ama-envelope, ngathola ukuthi khona abantu abangazi nokuthi umshwalense uqalwa kuphi bese ubhekiswa kuphi, uma kanjani, umalini, ukhuluma uthini kuwo?Uthi umuntu wasezulwini umnikelo wokuqala asiceleni ukuphila ukuthi singahambi sisebancane emhlabeni kodwa noma sesiphilile futhi sabusiseka kodwa sizofika vele isikhathi sokufa, uma kufika isikhathi sokufa ungaficwa buhlungubokufa; ngakho ke kucele nalokho, umphefumulo wakho ungahlali ethuneni. Okwesithathu cela ingelosi ezozolanda umphefumulo wakho ukuthi uhambe uye ezulwini.
 
123.Singakulibali lokho bantwana baseKuphakameni because uma sike senza lelo phutha lelo sizohla kanjena; kube kuhle konke kodwa ekugcineni sengiyaduka ngiya ezulwini lomndeni. Ayikho into eyoba buhlungu njengaleyo bantwana baseKuphakameni. Siyamubonga ke uNkulunkulu bantwana baseKuphakameni, ngiyabonga phambi kwesihlalo sobukhosi, ngiyabonga nokuthenjwa ezulwini.
 
124. Ngiyathemba ukuthi akukho la umsebenzi kaNkulunkulu omoshakale khona. Nami ngiyacela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi angibusise; ngikhule. Ziningi izinto esizibonile zobuNazaretha nge kathi busaphila ukuthi emzini yamaNazaretha kade kuphilwa kanjani. Siyafisa ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni asiphe amandla sibe nayo imizi lapha esingeke singene khona isangoma,lapha bungeke bungene khona utshwala. Sibe nabantwana aboyodumisa uJehova ekulaleleni nasekuvukeni.
 
125.Sijabule ngendlela eyisimangaliso bantwana baseKuphakameni. Izwi lezwi selizwakale emhlabeni wonke. Zonke izizwe sezifikile njengoba ayeshilo uMphrofethi. Esontweni eledlule besijabule bantwana baseKuphakameni noma bengingekho kodwa bengikhona ngenhliziyo. Sajabula bantwana baseKuphakameni kukuhle. Into engijabulise kakhulu ukubona izizwe ezingahlobene ziganana, umuntu ongumXhosa eshada nomuntu ongumTsana successfully kungabikhona inkinga. Ngeke uze uyithole ndawo leyonto. Amen.
 
126.Uma uhlanganisa lezi zizwe ezingahlangani emasikweni lawa okuthiwa ngaawesintu uzobona umhlolo. Njengoba besiganana nje akekho oke wabuza ukuthi inyongo konje kufanele ingene esandleni sakwa right noma sakwa left. Akukaze kubekhona isidididi ngoba sikhethe into yasezulwini; into eqondile. Siyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni.
 
127.Kulabo ekade begana nakwabekade beganwa ngiyazi ukuthi bazitholile izipho kodwa name sengizohlala phansi ngicela ukubapha isipho noma izipho uMphrofethi asinikeza zona.
128.Siyofunda emakhaya umthandazo weSabatha verse 44 to
 
57, bese befunda nomthandazo wokuvuka 13 and 14. Yiso isipho leso engisipha abantwana bakaNkulunkulu abenzele umusa wokuthi beqale nabo bakhe umuzi. Ngicela ukwehlela ngezansi.
 
INkosi ibusise enikuzwileyo. Amen.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *