UMTHETHO KAJEHOVA UYISIHLENGO SOMPHEFUMULO BANTABAMI; HHAYI NOMA IMUPHI, KUPHELA LO INCEKU YAKHE ENINIKA WONA.
UYINDLELA YOKUYA LAPHO KUNGEKHO KHONA UBUMNYAMA NENZONDO, NENDLALA NAMAKHAZA, KUPHELA INKAZIMULO ENGENAKUFIPHALA. NGUJEHOVA YEDWA INKOSI YEZULU!” Amein!
Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Basinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayokulibona
Lelo lizwe elizayo.
1.Jeremiya 44:15-17. “Wonke amadoda ayazi ukuthi omkayo bashisela impepho, abanye onkulunkulu kanye nabesifazane bonke ababemi lapho; ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe bamphendula uJeremiya bathi: “Izwi olikhulumile kithi egameni likaJehova asiyikulilalela!
2.Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu.
3.Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasemigwaqeni eJerusalema.” Amein!
4.Ngake ngezwa omunye wabafundisi bamaNazaretha akwaShembe eshumayela ku Tick talk ngalencwadi; uthi lomfundisi:
5.“Ukukhonzwa kuka Nomkhubulwana akuqali kithi, neBhayibheli liyasho ukuthi uNomkhubulwane wayenikelelwa, ehlatshelwa ephiwa izipho.
6.Ngakho ke nathi asiphambene nomthetho kaNkulunkulu uma sihlabela uNomkhubulwane, ngoba neBhayibheli liyakuvuma lokho!”
7.Ngashawa luvalo ukuzwa umfundisi efaka amakholwa ehlathini, ngoba lencwadi isho kahle ithi: “Izwi olikhulumile kithi egameni likaJehova asiyikulilalela!”
8.Amahlubuka anjalo ke, ayakwazi ukuthatha ingxenye yenkulumo esho enye into, bona bese beyihumusha ngokuthi ivumelane nokuhlubuka kwabo!
9.Esikhathini esiphambili ingelosi yathi kithi uthi uBaba iLanga: “Uma kuba nenkuluma yami eniyihumusha ngokuthi iphikisa okushiwo nguBaba (esho uBabamkhulu), anokuyeka okushiwe yimi nithathe okushiwo nguBaba!”
10.Kwavela iBandla lase Kuphakameni langiphikisa, lathi ayikho lento esiyikhulumayo.
11.Emva kwesikhathi base beveza intshumayelo yeNkosi iLanga abathi iphikisa uBabamkhulu ukuthi angahlatshelwa amadlozi. Ngizobuye ngibuye kulenkulumo.
12.Kusanda kuba khona lelibandla, ngabuza engelosini ukuthi kungani kukhethwe mina ukuba ngihole iBandla lamaNazaretha?
13.Nami ngangikholelelwa ukuthi umuntu okumele ahole leli bandla kumele kube ngowakwaShembe.
14.Ithi ke ingelosi: “Esikhathini esiphambili kwafika izithunywa zasezulwini kuBabamkhulu. Zabe sezithi:
15.“Noma lelibandla likhula ngobungcwele, kodwa kuza isikhathi lapho konke lobu bungcwele buyophela, kube yinganekwane ukuthi lake laba libandla likaJehova!
16.Kodwa lobu bungcwele boqedwa yinzalo yakho. Manje uzokuvika kanjani lokho?”
17.Ithi ke ingelosi uBabamkhulu wabe esethi: “Ngiyacela ukuthi uJehova angibusisele lentandane yami, (ekhomba umama), kuthi enzalweni yayo kube nomntwana oyothi engesiye owakwa Shembe ngesibongo KODWA ABE NOMOYA KASHEMBE!”
18.Yabe isithi kimi: “Wena wacelwa ngumprofethi ungakabi bikho ngisho kulomhlaba ukuthi uyovikela lelibandla likaJehova ukuba lingashabalaliswa ilomndeni wakwaShembe!” Amein!
19.Ukufakazela lenkulumo, noBaba iNyangayezulu ngo 1992 wangibiza, wabe esethi kimi: “Ukuwa nokuvuka kwebandla lamaNazaretha uNkulunkulu uyokubuza kuwe!”
20.Inhloso yokukhishwa kwami eBuhleni kwakunguvikela ukuwa kwalelibandla likaJehova njengoba neNyangayezulu yasho njalo!
21.Kwenye yezintshumayelo zomprofethi uthi: “Kuza isikhathi LAPHO ABANTU BASE KUPHAKAMENI BAYOYILAHLA INDLELA KASHEMBE.
22.LAPHO BOBE SEBENZA IMICABANGO YABO KUNEZWI ESIBAYALA NGALO THINA BOSHEMBE.
23.NGALEYO NKATHI BOBE BENGASALIKHATHALELE IZWE LAPHAKADE; BAYOBE SEBETHEMBE AMAZULU AMANINGI, NANGEKHO.
24.NGALEZO ZINSUKU BAYO DEBESELA UKUGCINA UMTHETHO, LO OKWATHIWA ANGIWUVUSELELE.
25.BAYOWUGXOBA, BAWUZIBE, KUPHASE IMITHETHO YABO NEMITHETHO YEZITHIXO ZABO ABAYOZIBUYISA BAZIFAKE LAPHA EBANDLENI.
26.PHELELANI KUJEHOVA, UYABATHANDA ABAMTHANDAYO, UBALUNGISELE INDAWO PHAMBI KWESIHLALO SAKHE SOBUKHOSI.
27.UThokozwayo wenaba ngabo, ukwenama koMsindisi kuhlala nabo phakade, abasenakho ukufa!
28.UMTHETHO KAJEHOVA UYISIHLENGO SOMPHEFUMULO BANTABAMI; HHAYI NOMA IMUPHI, KUPHELA LO INCEKU YAKHE ENINIKA WONA.
29.UYINDLELA YOKUYA LAPHO KUNGEKHO KHONA UBUMNYAMA NENZONDO, NENDLALA NAMAKHAZA, KUPHELA INKAZIMULO ENGENAKUFIPHALA. NGUJEHOVA YEDWA INKOSI YEZULU!” Amein!
30.Kuyo yonke lentshumayelo uShembe ufundisa ngokudumisa nokugcina umthetho kaJehova; uthi iNkosi yezulu nguJehova!
31.Kodwa uShembe wabona kudala ukuthi kuzohamba kuhambe kube ilelibandla lamaNazaretha elizoba yizitha zikaJehova ngokuchitha izimfundiso zomprofethi!
32.Kusihlabelelo 55 umprofethi eprofetha ngalesi simo uthi: “Izimpi zifikile, izwe lakithi selifile. Hlabani umkhosi omkhulu. Khulumani kahle makholwa, izwe lakithi selifile.
33.Umkhosi wencithakalo sewuphumile, uze ukusichitha eNkosini yezulu; uphume nelizwi lokonakalisa.
34.Uphuma nenkemba, UFUNA UKWEYISA LENKONZO KATHIXO IZE IPHELE. Hlomani mabutho sekuzwakele!
35.Sengiyibonile ingelosi yasezulwini, sekuzwakele ukulwa ezulwini. Qinani amandla maqhawe ezulu!” Amein!
36.Lezi zimpi uShembe owayeprofetha ngazo ukuthi zokweyisa zichithe inkonzo kaThixo ize iphele, wayengasho izimpi zangaphandle, kodwa wayesho lona ibandla lama Nazaretha ukuthi lizomhlubuka uJehova!
37.Lomkhosi wencithakalo ophume ukusichitha eNkosini yezulu, nophume nezwi lokonakalisa, usuyaziveza ebandleni laseBuhleni; lamaNazaretha asezi chithile izimfundiso zikaShembe ngokukhonza uJehova!
38.Uthi ke uShembe LOMKHOSI WENCITHAKALO UPHUME UKWEYISA LENKONZO KATHIXO IZE IPHELE!
39.AmaNazaretha aseBuhleni akasho lutho ngezimfundiso zikaBabamkhulu ngokukhonza uJehova!
40.Okubona koTick talk ukukhangisa ngezithombe zika Babamkhului nezabaholi babo, into ongayazi ukuthi ichaza ukuthini.
41.Kanti abantu bafuna ukubuka izithombe zoShembe noma ukulalela ivangeli likaShembe ngokukhonza uJehova?
42.Ngempela lezi zithombe ezingakhi mqondo abantu ababukiswa zona zichazani enkolweni?
43.Ezinye zize zipendwe ubuso ukuze zikhangiselwe abantu!
44.Kanti abantu ebandleni lamaNazaretha bazele ukuzoshunyayezwa ngezithombe zoShembe noma ukuzwa izwi likaJehova? Laba bantwana umsebenzi kaJehova bawuhudulelani phansi?
45.UShembe wabhala kuyo yonke imithandazo ukuthi leli libandla likaMenzi wezulu nomhlaba, nokuthi yena uyinceku kaJehova!
46.Umthetho wokuqala emthethweni elishumi uthi: “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.”
47.Ku-Isaya 43:10-11 uJehova uthi: “Qondani ukuthi nginguye, ngaphambi kwami akenziwanga unkulunkulu, nasemva kwami akayikuba khona. Mina nginguJehova, ngaphandle kwami akekho uMsindisi!”
48.UBamkhulu ecaphuna incwadi kaJeremiya 19:11 uthi: “Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.”
49.Kodwa umholi welinye ibandla lakwaShembe uma phambi kwabalandeli bakhe ememeze ethi: “YIMINA UNKULUNKULU WAMA NAZARETHA!” ephikisa umprofethi ukuthi kuleli bandla uNkulunkulu nguJehova yedwa!
50.KuLevi 20:27 uJehova uthi umuntu ongenwe yidlozi noma ngumoya wokubhula uyokufa ngokukhandwa ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe!
51.UBabamkhulu esexwayisa ngezangoma njengokusho kweBhayibheli, uthi: “Njengoba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo no Sathane ufinyelela kubantu ngezangoma ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.
52.Xwayani izangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu.
53.Ningasingenisi isangoma ngamasango emizini yenu, nalapha eKuphakameni, nakuyo yonke imizi ka Nkulunkulu, ningaganiselani nezangoma bantabami, ningemukeli lutho esandleni saso.
54.UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama exoshiwe eZulwini.
55.Yabuya ngaye ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni, ngokuba isebenzela ukuthobisa uJehova!
56.BANTABAMI, UMA NIKE NANGENISA ISANGOMA, NABA NEMIMOYA ENGCOLILEYO KULOBU BUNAZARETHA, NIBOKWAZI UKUTHI KUSUKELA NGALELO LANGA LOBU BUNAZARETHA SEBUFILE, ABUSEKHO, NGOKUBA ISITHA SOKUQALA SIKANKULUNKULU YISANGOMA.” Amein!
57.Namuhla ubuNazaretha buqedwe ngumholi waseBuhleni, ngoba nguye ofake izangoma emzini kaNkulunkulu, ezinye zingabagcotshwa, zishaya uhele zonikela kumholi osethe nguye uNkulunkulu!
58.Igama likaJehova kulama Nazaretha akwaShembe sebelifunda kusihlabelelo ngesabatha kuphela, emva kwalomthandazo indawo kaJehova isithathwe ngumholi wabo!
59.Uthi ke uBabamkhulu THINA ESINGAMABUTHO ASEZULWINI ASIHLOME SIKUVIKELE UBUNAZARETHA!
60.NeNkosi iLanga iprofetha ngakuhlubuka kwamaNazaretha, ithi: “Nginosizi, inhliziyo yami idabukile, ngiyakwe saba kakhulu okuzokwenzeka emva kwami.
61.Lomuzi uNkulunkulu uzowushiya, kube ngumhume wabaphangi nezindindwa neziphingi.
62.ABANTU ABEZAYO ABAZOPHENDUKA, NGENKE BALIFUNE IZWI LIKANKULUNKULU.
63.EMVA KWAMI ABANTU BAYOKHOLWA NGENXA YEMALI NGENKE BALINAKE IZWI LOPHEZUKONKE!
64.Abanye bazofika nemikhuba yabo, AMASIKO ABO, BAZOKWENZA INDABUKO YABO, LE USHEMBE OWAYICHITHA PHAKATHI KWENU.
65.IZANGOMA ZONGENA NGOKUTHANDA, ZIPHUME NGOKUTHANDA. ABABI BAYOBAKHIPHA ABAHLE LAPHA EKUPHAKAMENI!
66.NGIBONA KUMI IZIMBIZA ZOTSHWALA EMIZINI YENU, NEZANGOMA ZISINA EMIZINI YAMANAZARETHA, NIDLA NILOBOLISA IZINGANE ZENU ABANGAKHOLWA.
67.NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI, BAYOFIKA BAZI, NGENKE BAVUME UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
68.Bayothi gayani utshwala, lumbani amalumbo, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE, BETHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, BETHI NINGAYILAHLI!
69.BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO.
70.Nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!
71.NIKUPHIKE ANGAKUSHONGO USHEMBE PHAKATHI KWENU!
72.MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!”
73.Lomoya wokuhlubuka uNkulunkulu awugcini ebandleni laseBuhleni, nasebandleni laseKuphakameni ukhona!
74.Umholi waseKuphakameni ubizwa ngoNkulunkulu, noma bona bekufihla lokho phambi kwabantu, kodwa oSabelo Nxumalo babekuveza kithi lokho!
75.Phambilini umholi wase Kuphakameni wephuca inkosana yakhona ingodosi yayo, yathi uma ikhononda ngalokho, ibandla lase lithi akakwemukele lokho ngoba ingodosi yayo ithathwe ngunkulunkulu!
76.Ngike ngaveza ukuthi ibandla lase Kuphakameni lalingilwisa ngokuveza ukuthi ingelosi ithe uBaba iLanga uthi uma kuthiwa kunenkulumo yakhe ephikisa ekaBabamkhulu, silandele ekaBabamkhulu.
77.Ukuqinisa ukuthi uBaba iLanga uyayiphikisa ingelosi kulokhu ekushoyo, nokuthi umthetho oshawa yiNkosi iLanga iwona okumele siwulandele kunezimfuso zika Babamkhulu, kwavezwa lentshumayelo yeLanga ukuhlasela ngayo uBabamkhulu!
78.Ngisho ngabe ngalentshumayelo uBaba iLanga wayesho okuphambene nemfundiso kaBabamkhulu, wazisholo yena esezohamba emhlabeni, wathi:
79. “MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGININIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!”
80.Ngabe ibandla lamaNazaretha liyisidididi uma lingaba nezimfundiso zikaBabamkhulu ezibuye ziphikiswe yiNkosi iLanga, njengoba manje seziphikiswa yilaba baholi abangazi lutho ngokukholwa nabanganawo uMoya kaShembe!
81.UBabamkhulu engafike ebhale phansi kuvesi 3 womthandazo wesabatha ukuthi isisekelo saleli bandla ukugcina umthetho kaJehova ukuze samukeleke ezulwini, bese futhi kuba ngumholi walelibandla ophikisa umthetho kaNkulunkulu?
82.KumaHubo 106:28-29 kuthi: “Bazihlanganisa noBali Peyori, BADLA OKUHLATSHELWE ABAFILEYO, BAMCUNULA (uJehova) ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.”
83.Kulenkulumo kuyacaca ukuthi uJehova uphambene nokudla inyama yabafileyo. Lokho kusho ukuthi uma ulikholwa awukwazi ukuhlabela abaphansi!
84.UShembe entshumayelweni yakhe yaseGospel ngo 1927, wakhuluma lamazwi:
85.“Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo.
86.Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
87.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo.
88.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.
89.BANTWANA BAKANHLIZIYO, OKWENU KUHLE UKUBA NIBAKHUMBULE ELATINI ELIKHULU, EMZINI KAJEHOVA EKUPHAKAMENI, KUNOKUBA NENZE NJENGALABO ABANGENAYE U THIXO.” Amein!
90.Ngalentshumayelo uShembe wabe egcwalisa amaHubo 106, ukuthi singawahlabeli amadlozi, singayidli inyama ehlatshelwe abafile.
91.Kodwa ebandleni lase Kuphakameni kusetshenziswa intshumayelo yeNkosi iLanga ukuchitha izimfundiso zomprofethi nomthetho kaJehova!
92.LamaNazaretha akwaShembe aphikisa uBabamkhulu noJehova ngeNkosi iLanga, yize kwasho yona iNkosi iLanga yathi: “MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGININIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!”
93.Uma uBaba iLanga ethi usishiya nomthetho kaBabamkhulu, manje sikwenza kanjani ukuchitha umthetho kaBabamkhulu ngeNkosi iLanga?
94.Umuntu okholwe ngempela nophile kahle engqondweni engayiqhatha kanjani iNkosi iLanga noBabamkhulu, ahlubukise ibandla kuBabamkhulu ngomntanakhe?
95.Lesi senzo siyefana nalesi sokuthi ibandla laseKuphakameni lihlale lihlasela uyisemkhulu walomholi, okuyiNkosi iNyangayezulu!
96.Umuntu ongumNazaretha, njalo ngeSabatha ofunda umthandazo othi asigcine umthetho kaJehova owawushiya kithi ngoMose, ubafundisa kanjani abalandeli bakhe ukuthi abachithe umthetho kaJehova ngeNkosi iLanga?
97.Zonke lezi zenzo zalaba baholi bakwaShembe zokuphakamisa uBabamkhulu bethi unguNkulunkulu, kuyicebo lokuthi bakhonzwe egameni lakhe ngoba benesibongo esisodwa naye!
98.Kodwa uShembe uthi ukuze ube ngumholi waleli bandla, kumele ube noMoya kaShembe, hhayi isibongo sakwaShembe!
99.Ngalesi senzo badukisa inkolo kaMenzi wezulu nomhlaba; benza into engakaze ifundiswe nguBabamkhulu!
100. Kulelibandla into esinkulu ku Tick talk ukukhangisa ngabaholi bakwaShembe, nokubabaza ubukhulu balelibandla; kodwa ngezwi likaNkulunkulu ikati lilala eziko!
102.Kwabanye kufike kubekwe isithombe somholi okhona, bese kushumayela umholi ongasekho. Abanye abaholi baze bapendwe ubuso ukuze kubonakale ukuthi bangunkulunkulu ngampela, yize bavele babekwa esihlaweni bengazi lutho ngezwi leNkosi!
103.Bafuna ukukhonzwa ngegama likaBabamkhulu, kodwa bengafuni ukumlandela ngezenzo ukuze ngabo umhlaba ubone ukuthi bawumndeni wasezulwini ngempela! Bafana namadodana ompristi omkhulu wakwa-Israel u-Eli!
104.Ngalesi senzo basusa ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba kuNkulunkulu, balenza ISHEMBE FIEF!
105.NeZ.C.C ilibandla elikhulu ngaphezu kwebandla lama Nazaretha, liyalingana ngobudala bokusunguleka kwawo.
106.Kodwa kuZ.C.C akuhlale kukhangiswa ngobukhulu babaholi nobukhulu bebandla labo njengoba kwenzeka kulelibandla lakithi!
107.Ukuze kungabonakali ukuthi abazi lutho ngokukholwa, bazikhangisa ngebandla likaJehova elasungulwa nguBabamkhulu!
108.Ukuceba nobukhulu bebandla akuchazi lutho kunamanye amabandla, ngoba ezulwini singena ngokwenza intando kaNkulunkulu kuphela!
109.Kunenkulumo eyakhulunywa yingelosi eyangihlukumeza kakhulu!
110.Lomuntu wasezulwini uthi: “Lapho ekhona umprofethi uhlukumezeke kakhulu ngalesi senzo samaNazaretha sokuthi bathi yena unguNkulunkulu, ngoba kuzo zonke izintshumayelo wakuchaza ukuthi Yena ungumprofethi, uyinceku kaJehova.
111.Manje ezinye izikhulu zezulu ezihaqe isihlalo sikaJehova kuSambulo 4 ziyaye zimbhinqe uBabamkhulu, zithi kanti wena wathi uma ufika emhlabeni wathi unguNkulunkulu?
112.Kodwa uBabamkhulu akuphike loko, aveze ngisho izihlabelelo owayefundisa ngazo amaNazaretha ngoJehova nemithetho yakhe.
113.Lezi zikhulu bese zithi: “Kodwa nanka amaNazaretha ethi nguwe uNkulunkulu?”
114.Ikhuluma ngosizi ingelosi yabe isithi: “UShembe akanalo icala ngokuba amaNazaretha amhlanze phambi kukaJehova, athi sekunguye uNkulunkulu, ngoba yena wazichaza ukuthi uyiNceku kaJehova, ungumprofethi kaNkulunkulu!” Amein!
115.Ngaso sonke isikhathi uma ngiwatshela amaNazaretha ukuthi kungukuhlambalaza uJehova ukubiza uShembe ngoNkulunkulu, ngoba lokho kuphabene nezimfundiso zikaBabamkhulu ngoNkulunkulu, ngiyaye ngithukwe ngazo zonke izinhlamba!
116.Kusihlabelelo 10 uShembe uthi nguJehova kuphela iNkosi yezulu!
117.Kusihlabelelo 119 uShembe uthi: “Thina Siyamthanda lo onokusindisa. Isihlangu sethu nguJehova onokusindisa. Sophelela sonke kuJehova onokusindisa.
118.Alikho nelinye igama esingasinda ngalo, kuphela igama likaJehova esingasinda ngalo.
119.Asinazihlangu esingavika ngazo, kuphela igama likaJehova esingavika ngalo. Asinazikhali esingalwa ngazo, kuphela igama likaJehova esingalwa ngalo!” Amein!!
120.AmaNazaretha akwaShembe amhlubukile uJehova, bazilahla izimfundiso zikaBabamkhulu!
121.Ibandla elisamele uBabamkhulu emhlabeni ngamaNazaretha kaNkulunkulu kuphela!
121.Ngifisa ukwazisa wonke amaNaZaretha ukuthi thina bandla lamaNazaretha kaNkulunkulu ngenke sibuyele kokuchithwe nguShembe uBabamkhulu; ngenke sibuyele endleleni yoBabamkhulu ephambana nomthetho kaJehova!
122.Siyomkhonza uJehova ngobuqotho nangeqiniso, sibesuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho bethu engakafiki uShembe phakathi kwethu!
123.Somkhonza uJehova njengokufundisa kwaMose nabo bonke abaprofethi bakwa-Israel, njengoba kuleli lakithi umthetho kaNkulunkulu ufike wafundiswa ngumprofethi uShembe!
………………………………………
1.Ilizwi leNkosi
Selifikile phezu kwethu
Nathi masilamukele
Ngezinhliziyo ezimhlophe.
Chorus: Bongani webangane
Nalezo ziqhamo
UJehova iNkosi yethu
Azilethe phezu kwethu.
2.Nithini webantu
Ngalezo zibusiso
Esinazo thina
Nabantwana bethu.
Chorus.
INkosi ibusise izwi layo.