Skip to content

UMLANDO WEBHAYIBHELI PART 1

Uthi uBaba iLanga, zonke izinto zizokwedlula, waze wabala o Durban, wabala yonke indawo, wathi konke lokhu kuyophela, wathi kodwa into engeke iphele ubuNazaretha, wathi ayikho into emhlabeni ezabenhle njengobuNazaretha.

Intshumayelo yangeSabatha Emini mhlaka 14 March 2026, siyiphathelwe uBaba uMelusi.
 
245. ISIHLABELELO. 3
 
Rev M.P Mpanza
Lesi sihlabelelo safike neNgelosi uHlaleleni ngoLwesine mhla ka 23 November 2018.
 
1 Ngiyambonga uJehova
Ngalolu thando lwakhe,
Owangithanda ngalo
Phambi kwezitha zami.
 
2 Wahlenga umphefumulo wami
Ogibeni lalokho kufa,
Zijabhile izitha zami
Zingibona ngisaphila.
 
3 Wasula izinyembezi kimi
Emehlweni ami Nkosi,
Wazichitha izitha zami
Zazula umhlaba wonke.
 
4 Namhla ngidumisa nabangcwele
Ngenhliziyo ekhululekileyo,
Ngiyakubonga Thixo wami
Wangivusa ekufeni Nkosi.
 
5 Ngiphe lawo mandla Nkosi
Okudumisa wena wedwa,
Khanyisela umphefumulo wami
Ukubone nasezulwini Nkosi.
 
1.Intshumayelo yami yanamhlanje ayinasihloko ngoba kunezinto ezahlukahlukene engifisa ukuba ngizedlulise kubantu bonke emhlabeni wonke.
 
2.Ngishilo ekuseni ukuthi ezinyangeni ezimbili noma ezintathu ezedlule, ngangikhathazekile kakhulu ngikhuluma noMkhokheli ngezinkinga engihlale ngibhekana nazo kulelibandla.
 
3.Kodwa kuzo lezo zinsuku kwase kufika ingelosi uHlaleleni wayesethi nginizwile nibalise ngezinto eziningi kodwa uNkulunkulu kukhona into enhle azonenzela yona.
 
4.Sakujabulela lokho kodwa hhayi kakhulu ngoba kwesinye isikhathi into ingabanhle ngokwasezulwini kodwa wena ngezidingo zasemhlabeni ungakuboni kangako ubuhle bayo.
 
5.Kodwa ukwakheka kwalelibhayibheli ngingasho ngithi empilweni yami yonke ngiyaqala ukuzizwa ngijabule wholeheartedly njengoba ngijabule namhlanje. Ikhona ngithena akukho ntshumayelo engizoyibeka ngiyibhale phansi noma ngicabange ngoba ngijabule kakhulu.
 
6.Kodwa ngiyafisa ukuthi niwuqonde kahle umlando walelibhayibheli, ngoba izinto zifike zikhulunywe, zikhulunywe uyazizwa sezibekwa ngenye indlela.
 
7.Manjenake ngifuna umhlaba wonke, hhayi nina kuphela enilayindlini, wonke umhlaba uyazi indaba yalelibhayibheli ukuthi lisukelaphi, nokuthi liqondephi.
 
8.Ngijwayele ukuchaza ukuthi cishe kwakungu 1964 noma kwakungu 1965, ngangisemncane kakhulu, mhlawumbe ngangina 13 noma 14 years, mhlawumbe ngangifunda standard 3 noma u-2, I’m not very sure.
 
9.Kodwa n
gathi ngilele ngabona incwadi enkulu kakhulu, engaphezulu kakhulu kwalelibhayibheli elikhona, kodwa ngathi uma ngibheka le ncwadi ngabona libhalwe ukuthi ibhayibheli lamaNazaretha, angikhohlwa lento.
 
10.Ngajabula kakhulu ngaze ngaphimisela, ngathi hawu namaNazaretha asenebhayibheli, ngathi ngisaphimisele lokho, kwase kuvela izwi emkhathini lathi ungajabuli ngoba lelibhayibheli olibonayo liyobhalwa nguwe, ngavele ngaphaphama ngaso leso sikhathi ngashawa uvalo ngathi ngobhala ibhayibheli lamaNazaretha kanjani, I was very young ngifunda o standard or 3.
 
11.Ngayikhuluma lento, ngamutshela umama, kodwa angisakhumbuli ukuthi wathini ngoba ngikhula ngangiwumuntu ojwayele ukuba nezinto ezingajwayelekile, kodwa le ndaba yalelibhayibheli, yahlala enhliziyweni yami, ngakhula ingibusa, ukuthi kufanele ukuthi at one stage ngibhale ibhayibheli lamaNazaretha.
 
12.Lento ngayishumayela emabandleni njalo uma ngiphethe inkonzo ngiyikhulume, kodwa ngikhumbula kwakusemlindweni oLundi, ngiphethe inkonzo, senginguMvangeli.
 
13.Ngase ngikhuluma le ndaba kabanzi, ngathi iyangihlupha le ndaba yokuthi kwathiwa ngizobhala ibhayibheli lamaNazaretha ngoba lento ngendlela eyafika ngayo, ngiyabona ukuthi yayingelona iphupho, yayisiprofetho sento okwakufanele kuhambe kuhambe yenzeke.
 
14.Ngase ngiyakhuluma enkonzweni ngishumayela ngathi ngiyacela kuNkulunkulu ukuthi angangithathi emhlabeni lesi sibonakaliso singakafezeki. Ngakusho lokho, ngangisemlindweni ngikukhumbula kahle, ngathi ngiyacela kuNkulunkulu ukuthi kungenzeki ukuthi ngihambe emhlabeni lesi sibonakaliso sokuthi ngibhale ibhayibheli singakenzeki.
 
15.Ngaba nemihlangano eminingi kakhulu eBuhleni ngihlanganisa intsha with an intention yokuthi sibhale lelibhayibheli, ngangingakholwa ukuthi liyobhalwa imina ngedwa, ngangikholwa ukuthi ngiyoba umholi ekubhaleni lelibhayibheli.
 
16.NaseBuhleni ngiyakhumbula ukuthi umhlangano wami wokugcina waba seMaaadini nginentsha, kuleyontsha engimkhumbula kahle kwakunguMfundisi Vilakazi ongasekho emhlabeni, sasisMaqadini angisazi kwakuyiphi indawo kodwa kwakuseMaqadini lapho esayidingida le ndaba yebhayibheli, siyihlela ukuthi kufanele siyimise kanjani.
 
17.Ekucabangeni kwami, ngangicabanga ukuthi ngeBhayibheli kufanele ngiqoqe izintshumayelo zikaBabamkhulu, ngiqoqe izintshumayelo zikaBaba iLanga, ngiqoqe izintshumayelo zeNyangayezulu, ngithike Ilona bhayibheli ke leli ekuthiwa angilanze.
 
18.Kodwa ngehluleka, sagcina ngalowo mhlangano kodwa akuzange kwabuye kwaqhubeka enye into, kodwa that what I had in mind ngalelibhayibheli.
 
19.Kodwa kuthe uma kufika iNgelosi ngo 2010 mhlaka 04 January, yathi iNgelosi ngithunywa uShembe uBaba iLanga, kwakuyikhona layikhaya. Uthi angikutshele ukuthi uphume ebandleni lamazNazaretha eBuhleni, bese yena uBaba iLanga umakhela indlu kaJehova.
 
20.Yayese futhi yona iNgelosi iyakuchaza ukuthi indlu kaJehova ibandla, kulelibandla, uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, ekwenzeni lokho uyothathela ebhaibhelini, nasezihlabelelweni zamaNazaretha
.
21.Yase iyaqhubeka iNgelosi ithi ayikho into oyoyithola ezihlabelelweni zamaNazaretha ephambana nokushiwo ibhayibheli, kwakusho iNgelosi lokho.
 
22.Yathi ayikho inkulumo ekuzihlabelelo zamaNazaretha oyoyithola iphambana nokubhalwe ebhayibhelini. Yase iyaqhubeka iNgelosi yathi ngaphezu kokusezihlabelelweni zamaNazaretha uyobuye uthathe zonke izintshumayelo zikaBabamkhulu ohlangana nazo ufundise ngazo abantu.
 
23.Kuthe ngelinye ilanga yabuya futhi iNgelosi uthi uBaba angkutshele ukuthi uma kuba nenkulumo okuthiwa wayikhuluma ephambanayo nezimfundiso zikaBabamkhulu ungayilandeli leyonkulumo ulandele izimfundiso zikaBabamkhulu.
 
24.Kwase kuba yiyo futhi iNgelosi engifundisayo, ayizange iNgelosi yashiya umyalezo, kodwa yakhuluma lokhu yase iyahlala, yase ingifundisa yona ukuthi ngoqala kanjani ukushumayela.
 
25.Yangifundisa u verse 3 womthandazo weSabatha lapho khona uBabamkhulu ethi “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine Imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMoses Ukuze ukudumisa kwenu kwanu kwamukeleke kuThixo Wemikhosi”
 
26.Yayisithi iNgelosi, nesweleni, yini enididayo, ngoba uMprofethi waninikeza lelivesi lokuthi isisekelo salobu buNazaretha ngumthetho kaJehova owawuloba ngeNceku yakhe uMose.
 
27.Yayisithi-ke iNgelosi, yini eniyeswele ngoba lelibandla isisekelo salo ngumthetho kaJehova owawuletha emhlabeni ngeNceku yakhe uMose, lokho uMprofethi wanibhalela khona phansi, niyakufunda njalo ngamaNazabatha, yini enididayo, yini eniyeswele.
 
28.Ngikhuluma ngento yokuqala lapho iNgelosi eyaqala khona, yayisithi, yonke lento eseniyenza manje niyisusela kuziphi izimfundiso zoMprofethi ngoba uMprofethi uninikeze ibhayibheli, wathi konke ukukholwa kwenu kusezimfundisweni zikaJehova owazishiya kuMose.
 
29.Yayise iyaqala iyangithuma sinanangu uMkhokheli, yakhuluma ngezangoma, ivangeli lokuqala lengelosi kwaba ukuhlasela izangoma, ihlasela izangoma nami ngiphathakathi kwazo, ihlaselea abathandazi nami ngiphakathi kwabo, nganginomthandazo wami nje enangimethembe kakhulu.
 
30.Okwathi uma sekuthiwa angiye kwiZwi LoMzansi ngoshumayela ngezangoma nabathandazi ngashawa uvalo ukuthi lo mthandazi wami uzothini ngoba uyangazi ukuthi uzothini, kodwa lase liphumile izwi lasezulwini, lo kuthi whether I am in or out, whatever belief I have kumi ingelosi manje phambi kwami ithi yenza lokhu.
 
31.And iNgelosi yayingafiki ngephupho, yayifike ihlale nathi, isivulele izincwadi, isifundisa ukuthi uMose wathi, uShembe wathi, uJesu wathi, u-Isaya wathi, iNkosi uDavide wathi, zincwadi lezo ezithanda kakhulu iNgelosi, nezinye zonke ngoba iNgelosi izifunda zonke izincwadi ezisebhayibheli, kodwa nje izincwadi zikaMose, izincwadi zeNkosi uDavide izona ncwadi eyaye izifunda kakhulu/
 
32.INKosi uDavide yayisifundisa ngokuthi uNkulunkulu uthandwa kanjani, ifunda izincwadi zikaDavide, isibonisa ukuthi uDavide wayekholwe kanjani, bese ibuye isifundele izincwadi zikaJobe bese iyasifundisa iNgelosi iyasitshela ukuthi kungathi uma ngabe uvelelwa ubunzima ebese ulahla uNkulunkulu, akuqali ngani noJobe yamvelela lento kodwa akamlahlanga uNkulunkulu.
 
33.Yayisifundisa ngezincwadi zezinkulumo zikaJesu, kodwa just like uMprofethi u-Isaya Shembe, iNgelosi ayikaze isifundise ukuthi uJesu uyilento amaKrestu ayaye athi uyiyo.
 
34.INgelosi iyaye isifundise ukuthi uJesu just like uMProfethi Isaiah Shembe, uyisithunywa sikaNkulunkulu, unguMprofethi kaJehova.
 
35.Ingelosi eyangifundisa ukuthi thina singamaHebheru endlini kaJuda, ngakufundiswa iNgelosi lokho, ngingakwazi, ngathi ngiqala ngenza ucwaningo kodwa iNgeloi yabe isingitshelile.
 
36.Engifisake ukukusho emhlabeni wonke ngalelibhayibheli ukuthi, angazi ukuthi lelibhayibheli ngalibhala kanjani, angazi, kodwa into engiyaziyo nebengike ngiyisho ukuthi kusukela day 1 ingelosi yafika ngangishumayelo njalo ngamaSabatha, ngishumayela ngisho Phakathi nezinsuku, ngingazi lesi stamina ngisithathaphi futhi ngingawesweli amazwi okushumayela.
 
37.Ezinye izinto ngangike ngizithole ngingazi ukuthi zivele kuphi ngoba uma uNkulunkulu esehleli kuwe, uke uzazi ungazi ukuthi uzaze kanjani, ziningi izinto engizazile, ngingazi ukuthi ngizaze kanjani, ezinye ngisazozikhuluma ngoba kuningi amakholwa angakwazi ngalokhu kukholwa, kodwa acabanga ukuthi ayakwazi.
 
38.AmaKrestu akazi lutho ngalenkolo, amaNazaretha akazi lutho ngalenkolo, kodwa okubuhlungu ukuthi abazi ukuthi abazi.
 
39.Nginikeze nje isibonele esizokwenza ukuthi noma imuphi umuntu ohlakaniphile noma uwumKrestu noma uwumNazaretha eyazi ukuthi lento bengithi ngiyayazi kodwa angiyazi.
 
40.KwiZenzo 24 verse 5 kubhalwe ukuthi uMphostoli Phawuli wayengumholi webandla lamaNazaretha, kodwa amaKrestu ayazi ukuthi akaze afundiswe lutho, akazi lutho ngebandla lamaNazaretha, wona azi ukuthi umphostoli Phawuli wayengumholi webandla lamaKrestru, kodwa kusho ibhayibheli abaliphethe ukuthi uMphostoli Phawuli wayengowebandla lamaNazaretha.
 
41.Thina maNazaretha sazi ukuthi umuntu owafika nobuNazaretha uShembe, whereas its not like that, you will be shocked when I tell you that uShembe ungumholi wesihlanu kwibandla lamaNazaretha.
 
42.Njengoba ethi uBabamkhulu njena kungokwesihlanu efika lapha emhlabeni, kunjalo, uBabamkhulu ungumholi wesihlanu ebandleni lamaNazaretha, historically, I’m not here talking about beliefs but I’m talking historical facts.
 
43.UMprofethi wokuqala owasungula ibandla lamaNazaretha, uMprofethi Johane, amaKrestu ayaye ethi uMbhabhadisi, ezincwadini zesingisi kuthiwa Nazarene Sect, he was the leader and the founder of the Nazarene Sect.
 
44.Nazarene Sect was a very strong sect, efana exactly nalelibandla lamaNazaretha, kwakukhona sect abizwa ngokuthi Abasadusi, kukhona sect AbaFatisi, bese kuba ne sect ebizwa ngokuthiwa ama Nazarene kodwa le sect ebizwa ngokuthiwa ama Nazarene bayifihla kwi New Testament.
 
45.Kodwa uYeshua, hhayi uJesu, uYeshua was a leader of the Nazarene Sect, leyonto inobufakazi ongeke uze ubuphikise ngoba kunencwadi eyabhalwa abalandeli bakaYeshua engasekho emhlabeni, ebizwa ngokuthiwa The Gospel of The Nazarene exoxa ngoJesu.
 
46.Leyoncwadi amaRoma ayihlakaza ayese akha incwadi ebizwa ngokuthiwa uMathewu, noMathewu naye unezinto eziningi kodwa nje uMathewu ususelwe kwi Gospel of The Nazarene, okungaba nombuzo ukuthi uma abalandeli bakaYeshua babebizwa ngokuthi amaNazarene, bashintsha kanjani kwase kuthiwa amaKrestu ngoba leyo i-History.
 
47.Emva kwaJohane umholi wesibili wamaNazarene uYeshua, emva kwa-Yeshua umholi wesithathu we-Nazarene sect kwaba uJakobe, James the Just, kulama Testament ethu kubhalwe ukuthi uJakobe, uJakobe kwakungumfowabo kaJesu, the younger brother ngoba uJesu wayemdala.
 
48.Ekuhambeni emhlabeni kaJesu, umuntu wesithathu owaba umholi wamaNazaretha kwaba uJakobe, usuzwe manje sekukhulunywa ngoPhawuli and yonke le ndaba kodwa umholi wesithathu wamaNazaretha kwaba uJakobe, umfowabo kaJesu.
 
49.Umholi wesine webandla lamaNazaretha kwaba umphosotli uPhawuli kodwa hhayi lo Mphostoli Phawuli oseqhamuka lapha esenezincwadi eziphikisa izimfundiso zikaJesu, ngoba uMphostoli Phawuli wayengumholi wamaNazaretha lo ekukhulunywa ngaye kwiZenzo 24.
 
50.So, indaba kaPhawuli is so complicated just like indaba kaJesu, ngoba umuntu owaba khona uYeshua kodwa ekugcineni oKing James base bekhuluma ngoJesu nakuye sebefaka izinto ezingekho, ezinye ezikhona kodwa are being ignored.
 
51.So, noPhawuli was a follower of Jesus Christ and the Leader of the Nazarites. Kodwa lokhu akuveli, kuvela nje ngoba kuvela kuZenzo 24, kodwa the whole story about Paul engumholi wamaNazaretha, ngeke ukuthole ebhayibhelini, ungakuthola ezincwadini kuphela.
 
52.Emva kwaPhawuli baphela abaprofethi, babulawa naye uPhawuli, naye uPhawuli wabulawa yiwo amaRoma, njengoba uzwa esedume kangaka enkolweni yobuKrestu, kodwa wabulawa amaRoma impela.
53.Eseqedile ukubulawa uPhawuli ngo 70 AD kwaba nempi Phakathi kwesizwe samaRoma nesizwe samaJuda, anqotshwa amaJuda, angazi noma yini abantu bayangizwa kodwa lento ngisazoyichaza kahle, kodwa I am just giving you a summary of the whole thing ukuthi kungani le ncwadi ikhona.
 
54.Esenqotshiwe amaJuda kwaqedwa inkolo yamaHebheru okuyinkolo kaMose, ngo 333AD kwase u Constantine esungula inkolo yobuKrestu, emva kwalokho kwase kuba namaCreeds aqeda ngenkolo yamaJuda, inkolo kaMose, iqedwa inkolo yobuKrestu ngamaCreeds. This is a historical fact, you can’t change it.
 
55.Ngithenake uShembe ungimholi wesihlanu enkolweni yamaNazaretha njengoba amaNazaretha ecabanga ukuthi ubuNazaretha into yakubo nje, sekukhona nabantu abathi lelibandla into yakubo, abantu uma begula baba yiyo yonke into.
 
56.Ukhona umuntu ophila kahle ekhanda engathi ephethe isihlabelelo efunda kahle ukuthi uShembe wathini efundisa ngoJehova, bese ethi hhayi lento akuyona ekaJehova, lento eyakithi, what nonsense is that.
 
57.Manjeke uBabamkhulu ungumholi wesihlanu enkolweni yobuNazaretha, njengoba ethi uBabamkhulu sekungokwesihlanu efika emhlabeni, it means that and ayikho enye into ongayichaza ngayo ngaphandle kwalento engikutshela yona.
 
58.Ngoba before lalikhona ikhona kamaNazaretha noma kuyaye kuthiwa ama Nazarene, kodwa nje ibandla lamaNazarene lasungulwa uMprofethi uJohane, uJohane was the greatest njengoba uYeshua esho ukuthi umuntu owazalwa ngenyama akekho uMprofethi owayefana noJohane, but that thing you’ll never find it in the bible.
 
59UJesu ukukhulumile lokho kodwa soze ukuthole ebhayibhelini, kodwa abakutsheli lutho ngoJohane bavele bakutshele ngoJesu, kodwa kusho yena uJesu ukuthi kubantu abazalwe ngenyama akekho uMprofethi owayefana noJohani.
 
60.And it is Jesus or Yeshua othi uJohane uwukubuya koMprofethi u-Eliya, and u-Eliya akakaze engcwatshwe, akakaze efe, kwafika inqola yamthatha yaya naye ezulwni and wathike uJesu uJohane uwukubuya koMprofethi u-Eliya, kodwa amaKrest awakhulumi ngalokho, nathi maNazaretha asikhulumi ngalento kodwa isebhayibhelini.
 
61.Manjeke ngikhuluma ngokuthi kungijabulise kakhulu ukuthi lento engayicela kuNkulunkulu, uNkulunkulu angiphe, ukuthi ngingahambi emhlabeni ngingalibonanga ibhayibheli engalibona ngimncane.
 
62.Nanokuthi uma uNkulunkulu esethi angibhale lelibhayibheli, angibhalise lona in a very mysterious way, ngoba ngenkahi ngishumayela ngangingazi mina ukuthi ngibhala ibhayibheli, I never knew but I know ukuthi yonke into engangishumayela, ngangingashumayeli njengoba ngishumayela, yonke into engishumayelayo ngangibhala phansi nginikeza ngisho ama references.
 
63.Ngangithi ngikhuluma ngomlomo ibe ibhalwe phansi, ingakho abantu abebehlanganisa lelibhayibheli kube lula ukuba balihlanganise ngoba into engangikhuluma bengiqala kuqala ngibhale ngibhale, bese ngikhuluma into engibhale phansi.
 
64.Ingakho kungelula ukuthi kube nenkulumo ephambene kulelibhayibheli ngoba bathathe into ebikhulunywa yimi, ngangingagcini ngokubhala nje, nganginikeza ama verse, zonke izintshumayelo zami ezikulelibhayibheli, zinama verse enziwa yimi.
 
65.Because of my problem concerning eyesight, angikaze ngikwazi ukuthi ngilifunde ngoba ngiwumuntu ongasenawo amehlo okufunda kahle, kodwa sezikhona izibuko engizozithola esezizokwazi ukungenza ukuthi ngifunde kalula.
 
66.Kodwa kukhona into engifuna ukuba nginitshele yona ngalelibhayibheli, uyabona inkolo kaJehova yafika ngo 1447BC entabeni ebizwa ngokuthiwa ISinayi, inkolo kaJehova nesisekelo sonke senkolo kaJehova, umsunguli wayo noma umholi wayo uMose eyithathela kuNkulunkulu entabeni yaseSinayi.
 
67.Iminyaka ewu 3 473 inkolo kaJehova yafika emhlabeni nesisekelo, ngoba uJehova ukukhuluma nabantu emhlabeni akaqalanga noMose kodwa ukuletha inkolo nesisekelo senkolo nokuthi abantu kufanele ukuthi uma beya ezulwini kufanele ukuthi begcineni, begcineni, kwaqala ngoMose.
 
68.So, it’s 3 473 years kuze kube namhlanje kodwa kuleminyaka ewu 3 473 ayikaze ibe khona incwadi eyodwa e-authentic nebhalwe umuntu oyedwa ngenkolo kaJehova. Leli testament esilibhalile, it’s a first of it kind.
 
69.UMose kuthiwa izincwadi ezisihlanu ezakhe, kodwa ukuthi izincwadi ezisihlanu ezikaMose, ukuthi zanikezwa igama lakhe ngoba kwakuyena mholi omkhulu kodwa zonke lezincwadi ezilapha azibhalwanga uMose. Zazibhalwa abantu abahlukene ngezikhathi ezahlukene kodwa bese zinikezwa igama likaMose.
 
70.And kunobufakazi obungaphikiseki ukuthi it cannot be ukuthi lezincwadi ezisihlanu zabhalwa uMose, ngoba awukwazi ukubhala ukuthi wafa kanjani, lokho nje kukhombisa ukuthi akukwazi.
 
71.Awukwazi ukubhala ukuthi ngafa kanjena, kanjena, kanjena, incwaba lami, laba kanjena, kanjena, leyonto ayikwazi ukwenzeka, lokho kukhombisa ukuthi lezincwadi zabhalwa abantu abahlukene, ngezikhathi ezahlukahlukene, zase zibizwa ngegama elilodwa kuthiwa zincwadi zikaMose.
 
72.Hhayi izincwadi zikaMose kuphela. Izincwadi zabaprofethi zonke, akekho uMprofethi owake wabhala izintshumayelo zakhe, nezimfundiso zakhe, izimfundiso zabaprofethi babefika beshumayele, beshumayele, abantu mhlawumbe after 3 years, after 4 years, abanye mhlawumbe after 40 years bese beqala izintshumayelo zabaprofethi
.
73.Apparently they have been inspired, ukuthi to what extent I do not know, kodwa akekho uMprofethi yena engimaziyo owake wabhala, futhi noma uzifunda, uyabona ukuthi lo muntu lona kwakungabhali yena, kodwa kwakukhuluma yena.
 
74.Ngoba zibhalwe kwi 3rd person, u-Isaya wathi, uJeremiya wathi, awukwzazi ukuthi mangabe ubhala ngawe bese uthi uMthembeni wathi, you can’t say that, noJesu akakaze ebhale ntshumayelo.
 
75.Ngokwababhali uJesu kwaqoqwa izintshumayeloi zakhe sezibhalwa 40 years engasekho emhlabeni, to such an extent ukuthi incwadi ebizwa ngokuthiwa Revelation ayizange yabhalwa ilo muntu okuthiwa wayibhala, kuthiwa yabhalwa 100AD kodwa uJohane kwathi kushaya o 60AD wayengasekho emhlabeni, angazi noma wayesaphila yini kodwa kwathi kushaya lezizimpi zo 70AD abaphostoli babengasekho emhlabeni.
 
76.But amaKrestu awakwazi lokho, awakwazi lokho amaKrestu ukuthi akekho uMphostoli owake waba uMkrestu, abaphostoli babengaphansi kwenkolo kaMose and by the time kufika ubuKrestu kwase kukudala babulawa, bebulawa iyona inkolo yobuKrestu.
 
77.Manje ngiyamubonga uNkulunkulu ukuthi ezulwini kuthe uma kunqunywa ukuthi kubuyiswe incwadi ezoba aunthetic ngendaba kaNkulunkulu, kukhethwe mina ukuba ngikwenze lokho.
 
78.Ngoba le ncwadi ngaphandle kokuthi collection yayo inkulu kune Bible, but it is the most authentic scripture than any other scripture esikhona emhlabeni.
 
79.Why? Ngoba okokuqala akuyona into engaba nomdlandla wokuyena, ngayibonisa lento ngimncane kwase kufika izwi lingitshela ukuthi iyobhalwa yimi, ubufakazi bokuqala lobo ukuthi lento ayisuki kimi as a person.
 
80.Okwesibili ngenkathi sekuthiwa angikwenze, kwalethwa iNgelosi ngezinyawo, yafika yathi bhala lokhu, ubhale lokhu, ubhale lokhu, ngakubhala with the instruction yengelosi, and angikufihlanga lokho.
 
81.The only difference is that ngesikhathi ngibhala lelibhayibheli I was not aware ukuthi ngibhala ibhayibheli leli engacela kuNkulunkulu ukuthi ngingafi ngingalibhalanga, ngafihlelwa, mhlawumbe ukube ngangazi ngangeke ngikhuthale kangako, kodwa ngafihlelwa ukuthi ngibhala lelibhayibheli.
 
82.So, with 3 473 years inkolo kaJehova yafika emhlabeni this is the first compiled scripture about uNkulunkulu kaMose, about uNkulunkulu kaShembe.
 
83.Njengoba njena no Advocate Mnyandu, ethena laphoe khona uBaba iLanga ujabule kabi, and I know ukuthi ujabule, noBabamkhulu uJabule, neNkosi iNyangayezulu ujabule.
 
84.Ngoba kwenzeke into ababehlale bethi ayenzeke, nami ngingajabula uma ngingathi akwenzeke into ethile bese ngibona yenzeka ngendlela vele engifune ngayo ukuthi yenzeke ngayo.
 
85.Uthi uBaba iLanga, zonke izinto zizokwedlula, waze wabala o Durban, wabala yonke indawo, wathi konke lokhu kuyophela, wathi kodwa into engeke iphele ubuNazaretha, wathi ayikho into emhlabeni ezabenhle njengobuNazaretha.
 
86.Kodwa thina uma ngabe uBaba iLanga ekhuluma ngobuNazaretha, sasibuka ngobuNazaretha bakwaShembe without being aware ukuthi uShembe usengowesihlanu emhlabeni uShembe ethunywa ukuvuselela ubuNazaretha.
 
87.Kodwa ushilo uBaba iLanga wathi lento ayiqali, kusho uBaba iLanga, wathio ayiqali, wathi noJesu bayizama behluleka, kukhona encwadini ka Mnyandu lokho.
 
88.Wathi uBaba iLanga lento wayefika uShembe efika eyakhe eyakhe ethi kuzolunga, kuqhamuke abeza emva kwakhe bayone, eveza ukuthi ubuNazaretha akuyona into yanamhlanje, kodwa ukuthi we read but we do not understand what we are reading.
 
89.Manjenake ibhayibheli line testament elidala, netestament elisha, kodwa ukuthi itestament elidala netestament elisha amanga, ayikho into eyi testament elidala netestament elisha, okuyikho ukuthi itestament lenkolo kaMose, netestament lenkolo ka Constantine, itestament lenkolo yamaHebheru, netestament lenkolo yamaRoma, that is the true position hhayi ukuthi itestament elidala netestament elisha. Cha!
 
90.Itestamente lenkolo kaMose neTestamente lenkolo ka Constantine, iTestamente kenkolo yamaHebheru, yamaJuda, netestament lenkolo yamaRoma.
 
91.Kodwa ngoba sehlulwa, yaqedwa inkolo yamaJuda, sekuthiwa manje itestament elisha, netestament elidala, kushuthi lokhu kukaMose into endala. Lokhu kuka Constantine into entsha, and then from that itestamenet elidala netestament elisha kwaqanjwa amanga amaningi.
 
92.So, today I am explaining to the world that itestament ekuthiwa itestament elidala, itestamente lokuqala, itestament ekuthiwa itestament elisha, itestament lesibili, leli testament esinalo itestament lesithathu.
 
93.Kulelitestament lesithathu, lizochaza okungachaziwe kwi testament lokuqala, lizochaza okungachaziwe kwi testament lesibili, so, lelitestament will combine the teaching of our God Jehova as it was suppose to be.
 
94.Ngoba kulezimfundiso esinazo maningi kakhulu amanga axakile, awukwazi ukuthi uthathe inkolo yakho bese ngayo ujikisa ukulanda, but that what is happening kulezinkolo zethu.
 
95.Let suppose, I am talking about something that you know, inkolo yamaNazaretha yafika lapha eNatal ngo 1910 ifikiswa uBabamkhulu, owayiqhuba kwaze kwashaya 1935, after 1935 yathathwa uBaba iLanga owaze wahamba ngo 1976.
 
96.Kodwa will it be correct bese uthi no, bese kuba i-teaching manje lena eyinkolo, ukuthi inkolo yamaNazaretha yaqala ngo 1935 yaqaliswa uShembe uBaba iLanga, and then you simple ignore indaba yokuba khona kukaBabamkhulu.
 
97.Bese uthi nje ubuNazaretha nje baqala kwiNkosi iLanga, ungayikhulumi nje ngisho igama likaBabamkhulu ukuthi lake laba khona, leyonto we need to correct. And that what is happening.
 
98.Inkolo kaJehova yafikiswa lapha uMose, uMprofethi wokugcina enkolweni kaJehova, uYeshua, owahamba lapha emhlabeni ngo 33AD, but do we talk about that siqhamuka sesinoJesu, kuqhamuka sekuthiwa kukhona itestament elisha netestament elidala, yonke leyonto ayikho, sifunda into engekho.
 
99.Kodwa leli testament lizoyiqondisa leyonto and is authentic ngoba uNkulunkulu ungenze ukuthi ngubhale ngisaphila and any argument eyoqhamuka ngalo it will be answered by me but no other person but by me.
 
100.Ayikho into ekule testament ezoba i-fake nezoba amanga ngoba uNkulunkulu ungenzile ukuthi ngilibhale ngiqede futhi ngiyethemba ukuthi usazongibeka emhlabeni, any argument about it izobe iqondiswe kimi, ingakho ngithi iyona ncwadi lena yasezulwini more than any other scriptural book.
 
101.Nina kuzofanele ukuthi kofanele ukuthi nilifunde lelibhayibheli, nilazi in and out ngoba yonke argument yenu izoba about this bible, about the content of this bible.
 
102.Uzothi ku page banu verse bani uMelusi wathi ngalelibhayibheli eniliphethe, bese lona oniphikisayo alivule leli page bese ekuthola ukuthi ngempela lokhu engkushilo bengifakazela into esebhayibhelini oliphethe nawe.
 
103.Manje bonke abantu abafuna ukushumayela bayaphoqeleka ukuthi leli testament alifunde abe nalo, bonke abantu abafuna ukushumayela, fanele ukuthi bekufunde ukuthi leli testament Ilona testament esizolwa ngalo ngoba it is authentic, alikho iqiniso elizokwedlula leliqiniso ngoba yonke lento elikulelibhayibheli ekuthiwa yi conversional bible ayaziwa ukuthi yabhalwa ubani.
 
104.Linamagama nje ukuthi yabhalwa uMose, incwadi kaJesu, incwadi kabani nobani, kodwa yonke lento yokuthi incwadi kabani kabani, into leyo esingenayo iqiniso layo it is not authentic kodwa lena ephume namhlanje is authentic and inayo yonke into and isazoba nayo yonke into ngoba angimile,
 
105.Koze kush uNkulunkulu ukuthi ngiyabonga mtanami, bese ngihamba ngiyojabula ngiyohlala noBabamkhulu, ngiyohlala noBaba iLanga ngohlala neNyangayezulu, ngohlala noMose, ngiyohlala nabo bonke abaprofethi basezulwini, ngiye kithi.
 
106.Ike isho njalo iNgelosi ithi nesabani ukuya kini, kusho ingelosi, nangu uMkhokheli ukhona, ninovalo nina, nesaba ukuya kini ngoba nina kukhona ikini, akukhona kini la.
 
107.Manje nami sengiyabona ukuthi sengathi akukhona kithi la, ngiyabona manje ukuthi cha sengathi akukhona kithi la, yonke lento bengiyenza kanjani, 8 volumes, how did I do that,
 
108.Kwenzeka kanjani ukuthi kuNkulunkulu ngicele ukuphila, ngiphile ngempela, ngicele ukuthi ngcela Nkosi ngingahambi emhlabeni lingakenzeki lelibhayibheli owathi ngizolenzza, ngempela kuze kufike lesi sikhathi ngilenze ngilibone.
 
109.INgelosi yangitshela ukuthi kukhona into enhle uNkulunkulu azonenzela yona, uyenzile ngempela, yini thina esidingile. Hlabelela Mfundisi noma iliphi iculo, sivale, I am so happy.
 
110.INKOSI IBUSISE ENIKUZWILE.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *