Umbuzo uthi uma ibala likaJesu belingabalulekile kungani abezizwe balishintsha bamenza waba yibala labo?
Kwenziwa yini uma esebuyiselwa ebaleni lakhe langempela elimnyama bese kuthiwa akusabalulekile ukuthi ibala lakhe lalinjani?
1.Imini yeSabatha ayibe yinhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: UJehova unguMbusi wababusi.
2. INcwadi ka Duteronomi 28:43-45 ithi: “Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.
3. Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.
4.“Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho.
5.Uthi uJehova zonke lezi ziqalekiso zisehlela ngoba singalilalelanga iZwi lakhe, singagcinanga imiyalo yakhe.
6. Uthi uMprofethi Isaiah Shembe (pbuh) kuSihlabelelo 46:
1.Phakama Africa
Funa uMsindisi,
Kuse isikhathi esihle
Ziyakushiya zizwe.
2.Phakama Africa
Funa uMsindisi,
Namhla uyinhlekisa
Yazo zonke izizwe.
3.Phakama Africa
Funa uMsindisi
Namhla siyizigqili
Nezigqilikazi.
4.Phakama Africa
Funa uMsindisi,
Namhla siyizigqwashu
Zokwesula izinyawo zezizwe.
5.Phakama Africa
Funa uMsindisi
Namhla amadodakazi akho
Ayizigqili zezizwe. Amein.
7.Yayimkhathaza kakhulu uMprofethi Isaiah Shembe (pbuh) indaba yobuqgila obusembethe njengama-Afrika, kakhulukazi ubuqgila benqondo, lapho sifunzwa yizizwe noma yini ezithanda ukusifunza yona, kodwa okube kubi kakhulu kube ukuvuma ukufunzwa inkolo, salahla konke okubhaliwe nesikufundayo ezincwadini zethu sathatha lokho abasifunza khona.
8.Saqhamuka namavangeli amakhulu lapha emhlabeni kodwa angaziwa eZulwini. Elokuqala ngelithi asisaphili ngaphansi komthetho. Leli yivangeli okuphikiswa ngalo ivangeli lika Yeshua elikuMathewu 5:17-19 elithi :
9.“Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
10.Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.”
11.Elesibili ivangeli eseliphakanyisiwe kakhulu ukuphikisa uYeshua yivangeli lomusa kodwa ongazange wafundiswa noma washunyayelwa nguYeshua, ofakwe ukuze ngalo kucishwe iVangeli lika Yeshua elikuMathewu 13:41-43 elithi:
12.INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
13.Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.
14.Zintathu izinto uYeshua akhuluma ngazo lapha, ukuKHALA, UKUGEDLA AMAZINYO, KANYE NOMLILO. Asiwuzwa lomusa okuhlale ekhulunywa ngawo.
15.Nakwezinye izincwadi zakhe siyaye simuzwe ekhuluma ngokuthi ulethe ivangeli eliyinkemba ezokwahlukanisa.
16.Isihloko salenkonzo sithi: “UJehova unguMbusi wababusi.”
17.Sekuphele iminyaka eyishumi uMholi wamaNazaretha kaNkulunkulu efundisa ama-Afrika ukuthi thina bantu abansundu singamaHeberu, siyinzalo kaJakobe nokuthi lezi ziqalekiso ezikuDuteronomy 28 zibhekiswe kithi.
18.Yinye indlela yokuzinqoba: ukuthi sibuyele kuJehova onguNkulunkulu wethu, sifune uMsindisi njengokusho koMprofethi wethu.
19.Namuhla umhlaba wonke uyazamazama ukhuluma ngoJesu omnyama. ABANYE abelungu baphumela obala bathi bafuna uJesu omyama, uMongameli wase Russia uveze bonke ubufakazi bezithombe zokhokho bethu, kodwa abanye ozakwethu ayibaphathi kahle yonke lento, abakhulumi nangayo.
20.Nalabo abakhulumayo bathi bona abanandaba nebala likaJesu ngoba bona bakholwa nguJesu owumoya.
21.Umbuzo uthi uma ibala likaJesu belingabalulekile kungani abezizwe balishintsha bamenza waba yibala labo?
22.Kwenziwa yini uma esebuyiselwa ebaleni lakhe langempela elimnyama bese kuthiwa akusabalulekile ukuthi ibala lakhe lalinjani?
23.Uthi uMprofethi u-Isaya Shembe eSihlabelelweni 17, “PHAPHAMANI PHAPHAMANI MA AFRIKA!”
24.Ithi iNcwadi yabaseThesalonika beSibili, iSahluko 2:8-11: “Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
25.lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, [10] nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
26.Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga.”
27.NjengamaNazaretha kaNkulunkulu sihlale sikuveza ukuthi uBaba iLanga ubuyile, usephakathi kwethu njengoba wayeshilo ukuthi emuva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kumashumi amane uyobuya.
28. Leli vangeli lamaNazaretha kaNkulunkulu alisilo ivangeli lentshisekelo noma loqgozi kepha liyivangeli lokuthunywa ngabaseZulwini, yivangeli likaJehova.
29.Isho njalo ingoma kaShembe; ithi: “Besethwesiwe thina yiNkosi ijoka lemiphefumulo, savuma salithwala singephinde silethule noma siphila noma sifa.”
30.Mhla abasezulwini begcoba abaholi bamaNazaretha kaNkulunkulu uthi uBaba uMelusi ingelosi yabafundela incwadi ka-Isaya 11:1-5 ethi:
31.”Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe. UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.
32.Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
33.Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
34.Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe, ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe.”
35. Izwi elikhulu ngelithi: “Awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.”
36. Namuhla ngenxa yaleli vangeli lamaNazaretha kaNkulunkulu sesinokuqonda okuphelele kokuthi yithi amaHebheru, yithi inzalo kaJakobe, sesiyazi futhi ukuthi yinye kuphela indlela yokususa lezi ziqalekiso eziphezu kwethu, ukuthi sibuyele kuJehova uNkulunkulu wethu, sifune yonke imikhondo yezwi lakhe, sihambe ngayo.
37.Sesiyazi sonke namuhla ukuthi izwi elithi ‘indodana ezelwe yodwa’ liwumfakela kwiTestamente Elisha ngoba uJehova uNkulunkulu wethu akazali kodwa UYADALA, futhi awakhe amadodana maningi ayiyodwa njengoba kushiwo ku-Eksodusi 4:22 kuthi:
38.”Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uJehova, uthi: ‘U-Israyeli uyindodana yami, uyizibulo lami.’”
39.NaseNcwadini kaJobe 1:6 kuthi: “Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo.”
40. Sesiyazi sonke ukuthi usuku lweSabatha lunini; uma sisakhonza ngosuku esalunikwa ngabezizwe sizihlubukele thina kuJehova ngoba njengoba kubhaliwe eNcwadini ngokukaLuka 23:52-54:
41.Yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala.”
42.Uma lolu suku lokubethelwa kuka Jesu kwakuwusuku lokulungiselela iSabatha elase lizoqala lona silwazi size silubize nge GOOD FRIDAY, yini edala ukuthi bese sithi futhi asisalazi iSabatha ukuthi linini?
43.Impendulo ithi: Yingoba siyakwenqaba ukukhonza uNkulunkulu sesazijwayeza ukukhonza imicabango yethu.
44.Sesiyazi futhi ukuthi wonke la masiko esicabanga ukuthi ngamasiko ethu yimikhuba yezizwe ebesihambe sihlangana nazo emuva kokuhlakazeka kwethu kusukela ekuhlaselweni kwethu ngabezizwe. Thina amasiko ethu angempela yimithetho kaMose yonke.
45.Umbuzo uthi: sikubona kanjani okuyisiko lethu nokuyimikhuba yezizwe ebesihamba sixubana nazo?
46.Njengabantwana bakaJakobe asinalo usiko oluphambana nencwadi yeBhaybheli, asinalo usiko oluwukwenza isono.
47. Njengoba sinawo namanje amasiko anjengo siko lokusoka, imikhosi yokweshwama nosiko lokungena endlini yomfowenu ongasekho ukumvusela yona, lawo ngamasiko ethu esaphuma nawo eJerusalema.
48.Ayindabuko yethu, kodwa ngeshwa abe esexubana nemikhuba eminingi yezizwe ebesihambe sixubana nazo.
49.Naleli siko lokuhlaba namuhla eselinezimpikiswano eziningi neselihaqwe yimikhuba eminingi yabezizwe, uJehova wayesinikile lona thina njengeSizwe sakhe wase elishayela umthetho esiwuthola eNcwadini kaLevitikusi 17:3-4 othi:
50.”Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu,* noma eyibulala ngaphandle kwekamu, engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele* likaJehova, lowo muntu wobalelwa icala legazi; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.”
51.Ngokwendabuko yethu yangempela eyethu inkunzi noma imbuzi uma siyihlabile sasiyibika kuJehova, hhayi komunye umoya! Lona ngumthetho kaJehova owawushayela thina bantu bakhe. Funda no-Eksodus 22:20.
52. Akekho osithakathile njengeSizwe esinsundu kepha siyashawa, sishawa nguJehova, ngengoba wayeshilo encwadini ka
53.“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso, isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha.”
54.Okusimele manje ukuthi sizithobe sibuyele kuJehova sivume izono zethu nezokhokho bethu njengoba babenza okhokho bethu! Funda kuNehemiya 9.
55.Laba abamhlophe kanye nezizwe zonke ezisicindezeleyo ziwuswazi esishawa ngalo nguJehova. Uma singabuyela kuJehova sonke njengeSizwe, uJehova uzosinqobela bonke ubuqgili esibhekene nabo.
57.Lo Jehova esinimemela kuye Sizwe sakithi uyisimangaliso, uyinqaba yokuphephela.
58.Kusenguye lo okwathi impi kaFaro isibavimbezele okhokho bethu wavula ulwandle, okhokho bethu bahamba emhlabathini owomileyo.
59.Kusenguye lo okwathi okhokho bethu sebelambile ehlane wabehlisela imana ewukudla okuvela eZulwini badla basutha iminyaka engamashumi amane.
60.Kusenguye lo owamisa ilanga mhla uJoshua ebhekene nempi yama Amori.
61.Kusenguye lo owayehamba noShembe mhla ehlehlisa uLwandle eThekwini.
62.Kusenguye lo owahlenga ONKE amaNazaretha kaNkulunkulu kwi Covid-19.
63.Isihloko sale nkonzo sithi: “UJehova unguMbusi wababusi.”
64.Uthi uMprofethi Isaya Shembe eSihlabelelweni 93:
1 Siyakubonga Nguye, Onguye
Siyakubonga Nkosi yethu,
Siyakubonga nokukubonga
Nkosi yamaNazaretha.
2 Siyakubonga Guqabadele
Siyakubonga Nkosi yethu,
Siyakubonga Somnganisi
Siyakubonga nokukubonga.
3 Usikhumbule namhlanje
Siyakubonga Nkosi yethu.
Ungasishiyi ekudelweni
Nkosi silusapho lwakho.
4 Siyakubonga Mvelinqangi
Siyakubonga Nkosi yethu,
Siyakubonga chibi elihle
Lokugeza izono zethu.
5 Siyakubonga Nkosi Jehova
Siyakubonga Thixo wethu,
Siyakubonga Manueli
Siyakubonga Nkulunkulu.
65.Uma ngampela sikholwa nguJehova kumele sizifundise ukwenza lokho athi asikwenze, siyeke lokho athi asikuyeke, akumele sizakhele ukukholwa okuphikisa iBhayibheli esiliphetheyo.
66.Uma uJehova ethi asigcine iSabatha kumele siligcine, singakhethi imikhuba yamabandla ethu kodwa asikhethe uJehova uMninimandla onke.
67.Uma uJehova ethi asingabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe, asingabi nabo ngempela.
68.Uma uJehova ethi asingayidli ingulube kumele singayidli ngempela, njengoba kubhaliwe ku-Levitikusi 11 kusukela ku vesi 7 ukuthi:
69.nengulube, nakuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, kodwa ingetshisi, ingcolile kini. Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.
70.Sikusho lokho sinakho ukuqonda kokuthi kukhona imfundiso ethi ezazingadliwa yilezi ezangena olwandle ezazinamadimoni, kodwa kule ncwadi esiyifundile uJehova akakhulumi LUTHO ngamadimoni, kodwa ukhuluma ngokungcola kwayo okudalwa ukuthi ayetshisi, uthi-ke uJehova ngenxa yalokho zingcolile kubantu bakhe.
71.Masibuyeleni kuJehova iNkosi yethu enguMbusi wababusi.
INkosi ibusise IZWI layo.
Abafuna imininigwane ngalenkonzo, iyatholakala kuFacebook no Youtube othi Rev Mpanza NCG.