Ithi-ke ingelosi kithi: “NGIYAMKHALELA UMUNTU ONGABONI UKUTHI KULESI SIKHATHI SAMANJE UNKULUNKULU USESEDUZE UKUTHI AWUBHUBHISE UMHLABA, BABHUBHE ABAPHIKISANA NAYE!”
Ithi-ke ingelosi: “Ningcono nina, ngoba noma kungaba khona abafayo nakini, kodwa ekufeni kwenyama, umphefumulo wenu unendawo kwelizayo!”
Isihlabelelo 50.
1.Bonani uvela emafini
Uzobiza abantu bonke
Uzobuya ezulwini
Uzobiz’ abantu bonke.
Chorus: Haleluya Dumisani
Dumisani bantu nonke.
2.Amaqhawe ngakaJesu
Anhliziyonye naye
Amehl’ abo ayizinti
Ngokubheka uSimakade.
Chorus.
3.Umhlaba wazamazama
Amatshe adabuka
Izinkanyezi ziwile
Ilanga lafilapha.
Chorus.
4.Zwanini kuhlatshw’u umkhosi
Wokubiza abafileyo
Abamenyiwe’ yizinhloli
Baphum’ emathuneni.
Chorus.
5.Boyiswa kumahluleli wabo
Zonke izizwe ziyoqoqwa
Kuyovela nay’ usathane
Emva kweminyaka eyinkulungwane.
Chorus.
6.Sukani kukhulum’ uJesu
Niyokusha emlilweni
Lapha nani sebenzela khona
Ebuhlungwini nase sililweni.
Chorus.
7.Jabulani nina bantabami
Uyokusho njalo kwabanye
Shiyanini um’hlaba
Wozanini eKuphakameni.
Chorus.
ONEZINDLEBE AKEZWE.
1.Kukhona abantu abahlale bephika ubukhona bukaNkulunkulu, nokuthi ngoba iBhayibheli linamaphutha angaphezu kwa 3 000, lokho kusho ukuthi liyincwadi nje eyakhiwa zihlakaniphi, kodwa engenawo umyalezo kaNKkulunkulu!
2.Kodwa cishe kuzothi abaningi befa kube sekukhona ubufakazi okungaphikiseki bokuthi iBhayibheli liyincwadi equkethe izwi loPhezukonke!
3.Noma iBhayibheli liyincwadi eyagcina ihlanganiswa ngabamhlophe, kodwa akhona ama Scrolls abhalwa ngama Hebheru bewasusela ezimfundiso zikaMose nabaprofethi, nayizwi likaNkulunkulu!
4.Ngenkathi abezizwe beshisa lemibhalo, amaHebheru awafihla emigedeni amanye ama Scrolls aze atholakala ngo 1946. YilamaScrolls awubufakazi bokuthi izincwadi zeBhayibheli zabhalwa ngamaHebheru, okungabantu abamnyama!
5.Ngendlela amaHebheru ayebhala futhi efunda ngayo, baze babizwa ngokuthi bangabantu bencwadi!
6.Ngithi ke nabamphikayo uNkulunkulu, kodwa ngezenzo bayoze bakwamukele ukuthi uNkulunkulu ukhona, nokuthi thina abamkhonzayo uyasinakekela kakhulu!
7.Ngike ngezwa omunye umuntu ethi kwasekudalweni kwethu thina siyisizwe esilahliwe, ngoba saqala ukuba zigqila eGibhithe, namanje sisalokhu sizigqila zezizwe!
8.Lomuntu okumele okokuqala akwazi ukuthi kwawona amaGibhithe kwakungabantu abamnyama, kodwa abangasiwo amaHebheru njengathi!
9.Okwesibili ukuthi asiyanga eGibhithe sizigqila, kodwa ubugqili kwasehlela ngoba uFaro esesaba ukuthi ngokwanda kwethu sizogcina siba baningi kunabo!
10.Kodwa okukhulu kunakho konke ukuthi ubugqila obalandela lapho badalwa yithi! Ngenkathi siseGibhithe, sakhala kuNkulunkulu ukuba ehle ezulwini ukuzosikhulula. Bheka u-Eksodusi 3:7-8.
11.Nempela uNkulunkulu ngesicelo sethu wehla ezulwini, walwa noFaro waze wamnqoba, emva kwalokho wahamba nathi iminyaka engu 40 esondla njengabantwana bakhe, futhi esilwela kuzo zonke izitha zethu!
12.Esesikhiphile eGibhithe, uJehova wenza isivumelwane saphakade nokhokho bethu ukuthi uyohlale enguBaba wethu, esondla, esivikela kukho konke okubi, thina bese sihamba ngokwemikhondo yezwi lakhe!
13.Okhokho bethu besasingethwe nguJehova, wayebenzela konke abakudingayo, ebavikela nasezitheni zabo njengesi vumelwano saphakade owayesenze nathi.
14.Kodwa kwathi uma sekufanele nathi sisigcine isivumelwane esasisenze noJehova, samhlubuka, saqhubeka nokwenza izinto uJehova owabe esenqabele ukuba sizenze!
15.Ngakho-ke akumele sisole uNkulunkulu uma sesivuna izithelo zemisebenzi yethu emibi, ngoba uJehova wayesitshelile ukuthi kokewenzekani kithi uma sesimhlubuka!
16.Akulona-ke iqiniso ukuthi sizigqila zazo zonke izizwe ngoba uNkulunkulu engasithandi. Okuseqinisweni uNkulunkulu usithanda ngaphezu kwazo zonke izizwe njengoba washo kuDutoronomi 14:1-2.
17.Kwathi noma uJehova esesishiyile, kodwa wayelokhu eshilo ukuthi uyobuyela kithi! Funda u-Isaya 10:21-23, lapho uMprofethi u-Isaya ethi:
18.“Insali iyobuya: Insali kaJakobe iyobuyela kuNkulunkulu uSomandla. Ngisho noma abantu bakho, u-Israel bengangesihlabathi solwandle, kodwa iyobuya imithonseyana phakathi kwabo, ngoba UKUBHUJISWA KUBAHLALELE; nokulunga kuyachichima!
19.Ngokuba iNkosi uJehova wamabandla uyokuphelelisa ukubhujiswa osekunqunywe emhlabeni wonke!” Amen!
20.KuJeremiya 23:3-8 UMprofethi uJeremiya uthi: “Mina ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo, iyakuchuma, yande!
21.Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyelusa, ayisayikukwesaba,.. futhi ayisekho eyolahleka kuyo.”
22.“Bheka izinsuku ziyeza, kusho uJehova, lapho ngiyakumvusela uDavide ihlumela elilungileyo, liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ubulungiswa nokulunga ezweni.
23.Ezinsukwini zalo, uJuda uyokusindiswa, u-Israel ahlale elondekile, nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi UJEHOVA UNGUKULUNGA WETHU.
24.Izinsuku ziyeza, abangasayikusho ngazo ukuthi: NGIFUNGA UJEHOVA OWAKHUPHULA ABAKWA-ISRAEL EGIBHITHE, kodwa bayothi:
25.“NGIFUNGA UJEHOVA OWAKHUPHULA, WABAHOLA ABOZALO BENDLU KA-ISRAEL ENYAKATHO NASEMAZWENI WONKE, LAPHO NGANGIBA XOSHELE KHONA. BAYAKUHLALA EZWENI LAKUBO!” Amen!
26.Lesi siprofetho sikaJeremiya kusobala ukuthi sasiyofezeka uJesu noma uYeshua sewahamba emhlabeni, ngoba abakwa-Israel baqala ukuhlakazelwa ezizweni zonke emva kokunqotshwa ngamaRoma ngo 70 A.D,
sadayiswa sise West Afrika!
27.UNkulunkulu akayikhulumi into engayifezi, sesifikile leso sikhathi sokuba asikhulule bese esibuyisela ezweni owayesibeke kulo! Ngake ngasho ukuthi ngadideka uma ingelosi ithi uma konke sekuhamba kahle, ngonyaka soya eJerusalema sodumisa uJehova!
28.Kodwa kufanele sazi ukuthi akithi sonke esobuya, kobuya insali kuphela ezizweni eziningi, kodwa abanye abangafuni ukugcina umthetho kaNkulunkulu bazobhujiswa!
29.Umbuso wabamhlophe uzonqotshwa, nombuso wama-Arabhu ayesenza izigqila zabo, sekufike isikhathi sokuba uJehova abakhulule labo abasakhethe ukuba ngaphansi kwakhe, kodwa ababhubhise labo abanganamthetho!
30.Ithi-ke ingelosi kithi: “NGIYAMKHALELA UMUNTU ONGABONI UKUTHI KULESI SIKHATHI SAMANJE UNKULUNKULU USESEDUZE UKUTHI AWUBHUBHISE UMHLABA, BABHUBHE ABAPHIKISANA NAYE!” Ithi-ke ingelosi: “Ningcono nina, ngoba noma kungaba khona abafayo nakini, kodwa ekufeni kwenyama, umphefumulo wenu unendawo kwelizayo!” NgoCovid 19 baningi abantu ababhubha, kodwa okukhulu nokwesabekayo ngokuzayo!
31.Kusukela abezizwe banqoba amaHebheru, base bechitha inkolo kaJehova, akabuyanga uJehova waletha uMprofethi emhlabeni.
32.Kodwa kubukeka manje izinto zishintsha, futhi bekufanele kwenzeke lokho, ukuze abantu babubhe sebelazi iqiniso lokuthi inkolo kaJehova ifunani kumuntu olikholwa!
33.Lapha ebandleni lamaNazaretha uJehova uthume ingelosi ukuba izohlala nathi, iqondise inkolo kaJehova eyayifike noMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
34.AmaNazaretha ayihlasela isimanga lengelosi, bathi akusiyo ingelosi le, yidimoni leli. Nathi ingelosi efikele kithi amaNazaretha asithuka asibiza ngayo yonke inhlamba!
35.Kodwa kunokuba lelivangeli elilethwe yingelosi licime, lalokhu livutha amalangabi, behluleka ukulicima!
36.Manje sekusele ukuthuka ingelosi labo vele abalahliwe! Kuseyilabo abasakuphika ukuthi sithunywe ezulwini ukuba sivuselele ivangeli likaBabamkhulu nomthetho kaJehova!
37.Angazi ukuthi amaKrestu abelithatha kanjani lelivangeli, kodwa izimfundiso zamaKrestu ngokukholwa zehluke kakhulu kwezamaNazaretha!
38.UMprofethi u-Isaya Shembe wasifundisa ukuthi isisekelo sobuNazaretha UKUGCINA UMTHETHO KAJEHOVA njengoba walethwa kithi nguMose, wavuselelwa yibo bonke abaprofethi bakwa-Israel, kuhlanganisa naye uYeshua!
39.Kodwa isisekelo senkolo yobuKrestu ukuthi ASISAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO KAMOSE, okungumthetho kaJehova!
40.Ngakho-ke uma uthi ukukholwa kungukuhamba ngezimiso zikaJehova njengoba safundiswa nguMose, leyo mfundiso iyaphambana neyobuKrestu!
41.Kodwa uNkulunkulu uvele wenza isimanga, phakathi enkolweni yobuKrestu waletha uMprofethikazi uCelestial, osekhuluma lona lolu limi olukhulunywe nguMprofethi u-Isaya Shembe, kithi lwavuselwelwa ingelosi ephakathi kwethu!
42.Omunye umehluko obukhona phakathi kwamaKrestu namaNazaretha, ukuthi owabo uMesaya bebazi ukuthi ungumlungu, thina abanye besibukela phansi ngoba sinoMprofethi ongumuntu omnyama!
43.Kodwa uMongameli uPutin uvele waveza imfihlo eyisimanga ebifihlwe ngabamhlophe, ukuthi noJesu akaze abe ngumlungu, kodwa ngumHebheru, uyinzalo yokhokho bethu!
44.Lesi simo sibeka amaKrestu amaningi enkingeni, ngoba abamhlophe babebafundise ukuthi uJesu uzobuya, futhi uyobuye eseyilesi simo owahamba eyiso, okusho ukuthi uyobuya engumlungu!
45.Kodwa manje sesiyazi ukuthi uJesu wabe engumuntu omnyama, futhi uzobuya engumuntu omnyama!
46.Ngaphambi kokuba uPutin eveze lamaqiniso, sakuveza ukuthi ingelosi yathi nguMprofethi u-Isaya Shembe ozobuya!
47.Noma amaKrestu engazange asho lutho, kodwa ngiyacabanga ukuthi amanye ayihleka lenkulumo, athi: “Akenimuzwe-ke lomuntu wakwaShembe, ucabanga ukuthi yini engahlanganisa uJesu noShembe?”
48.Kodwa manje amaqiniso anganakuphikeka ukuthi uPutin useveze zonke izithombe zabaprofethi kusukela ko-Abraham, ukuthi kwakungabantu abamnyama.
49.NoJesu, njengoba wayezalwa ngamaHebheru, okwakungabantu abamnyama, naye wayengumuntu omnyama, engumHebheru! Kanjalo noShembe wayeyinzalo yamaHebheru endlini kaJuda, njengaye uJesu!
50.Ingelosi yayihlale isikhumbuza ukuthi uShembe wazisholo yena ukuthi uyinzalo kaJuda! Kusihlabelelo 74 uMprofethi uthi:
1.“Esikushunyayezwayo eKuphakameni
Kubasindisile abaningi
Yizanini nisindiswe.
2.Abangena bejabhile
Baphuma bejabula
Lalelani zizwe nonke
Wozanini nisindiswe.
3.IMBANGI YOKUSA
YOMNDENI KAJUDA
Ibasindisile abaningi
Wozanini nisindiswe.
51.Ithi-ke ingelosi: “Yini enididekile, ngoba uShembe wazichaza yena ukuthi njengoJesu uyinzalo yomndeni kaJuda!”
52.Manje amaKrestu azomehlukanisa kanjani uYeshua noShembe uma esebuya emhlabeni, ngoba bobabili bangabantu abamnyama, futhi njengoba singamazi noYeshua, noShembe uMprofethi asimazi?
53.Esikhathini esiningi uvesi 6-7 walesi sihlabelelo ekade sisihlabelela wawungidida ukuthi uthini?
54.Kuvesi 6 uShembe uthi “Sukani kukhulume uJesu, bese kuvesi 7 ethi “Jabulani nina bantabami, uyokusho njalo kwabanye, shiyanini umhlabeni, wozani eKuphakameni!”
55.Ungazibuza ukuthi uJesu ongumlungu uyosho kanjani ukuthi: “Shiyanini umhlaba, wozani eKuphakameni?”
57.Kodwa emva kwenkulumo yengelosi, nokuvezwe uMongameli uPutin ukuthi uJesu ngumuntu omnyama, lamavesi u 6 no 7 aseyezwakala!
58.Kodwa sisazi ukuthi uJesu ngumlungu, sasingatholi ukuthi uJesu noShembe bahlangana kanjani?
59.Okunye okumele sikunake ukuthi ngesikhathi soMprofethi amaNazaretha kwakulibandla eliwugcina kakhulu umthetho kaNkulunkulu, noma manje selenza noma yini eliyithandayo ephambene nomthetho kaJehova!
60.Ibandla kumaNazaretha elisahamba ngokwezimiso zikaJehova ezifike zagcizelelwa nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), libandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, iNCG kuphela!
61.Uma amaNazaretha kaNkulunkulu enamathelile emthethweni kaNkulunkulu njengokugqugquzelwa yingelosi, anokwazi ukuthi ivesi 7 libhekiswe kithi!
62.Ngiyazi ukuthi kwabamhlophe selizophela lelivangeli lokuthi uJesu uzobuya, ngoba akubaphethe kahle ukuthi kanti uJesu ngumuntu omnyama!
63.Baningi abamhlophe abavela ko-tick tock bekhala, abanye bebhuqa ukuthi kanti uJesu ngumuntu omnyama!
64.Kodwa nakubo abamnyama, laba abazenyanyayo, kubaphethe kabi ukuqonda ukuthi kanti uJesu ngumuntu omnyama, ngoba bona bekubachaza ukuba ngama puppets esizwe esimhlophe!
65.Ubona indlela abathule ngayo esikhundleni sokuhalalisa uma bethola ukuthi kanti uJesu ngumuntu omnyama! Nabo, njengabamhlophe, bathi kungani uJesu kube ngumuntu omnyama?
66.Abanye baze besho bethi akubalulekile ukuthi uJesu uluhlobo luni, bona bazi ukuthi uJesu ungumoya!
67.Uthi-ke uCelestial, uma kungabalulekile ukuthi uJesu uluhlobo luni lomuntu, kwakwenziwa yini ukuthi abamhlophe bampende abemhlophe, bamsuse kuyibala lakhe?
68.Uma kuwe kungabalulekile ukuthi uJesu umbala muni, yini uqale ukusho lokho ngoba usuthola ukuthi mnyama, uJesu omhlophe ubumbekeleni endlini yakho nasezindlini zamasonto uma bekunga balulekile ukuthi unebala elinjani? Mbeke phela noJesu omnyama!
69.Kwenziwa yini ukuthi lokho kukhuluma kuqale ngoba usuthola ukuthi uJesu mnyama?
70.UJesu kusathiwa mhlophe, bekuhlatshelelwa kuthiwa ‘uma ebonakala sofana naye!’
71.Manje sekwenziwa yini ningasezufana naye, selingasho lutho ibala lakhe? Badlalile ngezingqondo zethu abamhlophe!
72.Ngithi-ke ngiyambonga uJehova, ngoba He has vindicated us kukho konke esasi phikiswa kukho!
73.Yithina esaqala ukufundisa ukuthi uJesu kwakungumuntu omnyama, igama lakhe kunguYeshua. Yithina esaqala ukushumayela ukuthi amaHebheru ngabantu abamnyama, futhi yithi esiyindlu kaJakobe!
74.Yithina esaqala ukucacisa ukuthi lemfundiso yobuKrestu iyimfundiso echitha imfundiso kaJehova, ngoba uthi uJehova ukukholwa kuye ukugcina imithetho yakhe, kodwa imfundiso yobuKrestu ithi ukukholwa ukuchitha umthetho kaJehova!
75.Ngiyambonga uNkulunkulu olethe uCelestial enkolweni yobuKrestu, ngoba kulabo abakhethelwe umbuso wezulu bazobona ukuthi uCelestial unguMprofethi kaJehova okufanele amaKrestu amlalele kukho konke owafundisa khona!
76.Kodwa njengoba namanje bekhona abamiselwe ubumnyama nasenkolweni yobuKrestu, ubezwa ngoba bethi loMprofethikazi uyidimoni, ungenwe ngumoya omubi!
77.Sebebaningi naku Tick Tock ngibezwa abalahliweyo bemthuka uCelestial, abanye bethi usebenzisa ukuhlakanipha kwakhe ngoba engummeli!
78.Bese ngithi yaze yaqondana lenhlamba, ngoba nami amaNazaretha ahlale ethi konke lokhu engikushumayelayo akukho, kodwa ngisebenzisa ulwazi lwami lwemfundo nobumantshi!!!
79.Sisa khuluma ngokubuya kuka Yeshua ukuzo landa ibandla lakhe, ngifisa ukuba kesifunde incwadi yamaHebheru 10:26-27 lapho kuthi: “Uma sona ngamabomu emva kokuba sesilwa mukele ulwazi oluphelele lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yesono, kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo, nomlilo ovuthayo ozokungqongqisa amaphikankani.”
80.Ngalamazwi uPaul uthi awukwazi ukuthi kuthi usukholiwe, sezithethelelwe izono zakho, bese uqhubeka nokwenza izono obese uthethelelwe kuzo.
81.Isono osenza usuphendukile asisena ntethelelo, okusuke sekusele ukuba ulindele ukulahlwa okunguna phakade! Usho njalo uPaul, noYeshua usho njalo, noShembe usho njalo!
82.Kodwa leliqiniso alivezwa emakholweni, kuvele kuthiwe ngokufelwa nguJesu awusena sono! Ayikhulunywa indaba yokuthi ngaphambi kokuba ungabi nasono, okokuqala kufanele uzivume izono ozenzile.
83.Ingelosi yasifundisa ukuthi ngisho ungabhajadiswa, kodwa uma ubhajadiswa ungasivumanga isono sakho, leso sono asisuki kuwe.
84.Ngamanye amazwi kumele uvume uthi: “Ngesikhathi esithile ngabulala umuntu othize, ngimbulala ngalesi sizathu. Manje sengiyabona ukuthi ngangenza isono. Ngicela iNkosi ingithethelela kulesi sono.”
85.Uma wenze njalo-ke, umgcotshwa kaJehova omiselwe ukuthi kuye kuvunywe izono, uyokukubusisa, emva kwalokho bese uyabhajadiswa!
86.Le iyona kuphela indlela yokuthi uma uvuma izono zakho, zisuswe kuwe, kungakhathalekile ukuthi bezizimbi kangakanani!
87.Kufanele ngaso sonke isikhathi ungabuki ubuningi babantu uma ufuna ukuya ezulwini, ngoba vele baningi abantu abazoya esihogweni kunabantu abazongena ezulwini.
88.Ngike ngezwa uCelestial ethi uNkulunkulu uma ekhuluma ngabangu abangu 144 000 abayongena ezulwini, lokhu akusiso isingathekiso, kodwa kusho abantu ababalekayo abazongena ezulwini. Ungase ucabange ke ukuthi zingakanani izigidi zabantu abazobhujiswa!
89.Ngiyaye ngingazi ukuthi yini eyenza amanye amakholwa ebe nentshisekelo yokubona ukubuya kukaJesu, aze agcizelele ukuthi uyobe ezolanda ibandla lakhe, bezisho bona!
90.Akesibuke lentshumayelo kaPaul kwabase Thesanalokha besibili, isahluko 2:8-12, lapho kuthi khona:
91.“Kulapho-ke eyakwambulwa khona ONGENAMTHETHO, eyokumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo MHLA IFIKA.” Amen!
92.Lapha uPaul uthi ekubuyeni kukaJesu uyobhubhisa bonke abangawugcini umthetho!
93.Amanye amakholwa ayazi ukuthi kuyimfundiso yawo ukuthi abasaphili ngaphansi komthetho, okusho ukuthi inkolo yawo ayidingi ukuthi ugcine umthetho kaNkulunkulu!
94.Kodwa uPaul uthi ekubuyeni kukaJesu uyofike abhubhise abangawugcini umthetho kaNkulunkulu!
95.Kanti yibaphi laba uJesu oyobabhubhisa ngoba bengawugcini umthetho kaNkulunkulu, ngoba amaKrestu athi uyobe ezolanda bona abayibandla lakhe? Ngabe loJesu abakhuluma ngaye ungowakwelinye izulu yini?
96.Manje lamakholwa athi uJesu uyowalanda njengebandla lakhe, balibandla lakhe ngokwenzani?
97.Bona njengoba bengawugcini umthetho kaNkulunkulu, kokwenziwa yini ukuthi uJesu angababhubhisi?
98.Uyaqhubeka uMphostoli Paul uthi: “Ukufika kwalowo ONGENAMTHETHO KUYACACA EMSEBENZINI KASATHANE, OSEBENZA NGAWO ONKE AMANDLA, NANGEZIBONAKALISO, NEZIMANGALISO, NANGAYO YONKE INKOHLISO YOKUNGALUNGI KWABABHUBHAYO NGENXA YOKUBA BENGAVUMANGA UKUTHANDA IQINISO, UKUZE BASINDISWE!
99.NGALOKHO KE UNKULUNKULU UBATHUMELA UKULUTHEKA OKUNAMANDLA, UKUZE BAKHOlWE NGAMANGA, UKUBA BAHLULELWE BONKE ABANGAKHOLWANGA YIQINISO, KODWA BEJABULELE UKUNGALUNGI!” Amen!
100.Lenkulumo kaPaul ngivama ukuyizwa igcizelelwa uCelestial, ukuthi ebuKrestwini kubusa ivangeli lezibonakaliso nezimangaliso, bese onke amakholwa eluthwa yilelivangeli lezimangaliso abaholi babo abalakhe ngokuthwalela! Angisho ukuthi lomkhuba wokuthwalela ubukhulu bebandla akukho kumaNazaretha!
101.Zonke lezi zinto ezenzeka manje zibhaliwe eBhayibhelini ukuthi sobona ngazo ukuthi ukubuya kweNkosi sekuseduze, kodwa ibuyele UKUZOKWAHLULELA, ABANGENA MTHETHO BABHUJISWE, ABAMESABAYO UJEHOVA BABE NOKUPHILA OKUPHAKADE!
102.Akengichaze izono ezizosisa esigodini sosizi ingelosi ehlale ikhuluma ngazo, kanjalo no Celestial ngiyaye ngimuzwe ekhuluma kokunye ngalezi zono.
103.Lezi zono azibheki ukuthi ungumKrestu noma ungumNazaretha, okubalulekile ukuthi uwephulile yini umthetho kaJehova njengoba sawunikwa nguMose!
104.Umzimba wakho ulithempeli likaJehova, ngakho-ke awukwazi ukwenza noma yini oyithandayo kuwo!
105.Izinwele zakho zingubungcwele bakho ezulwini yikho kwathiwa uSamson akahlale engcwele, angazigundi!
106.Ukuphucula ikhanda lakho kuyisono esibi kuJehova, ngoba ngokusobala usuke umsola uJehova ukuthi wakunikelani lezi zinnwele, wena ufuna lezi zezinye izizwe!
107.Amadoda ayaziphucula izinwele zabo, kanjalo nabesifazane bayazisusa bese beyohloba ngezinwele zezinye izizwe! Yazi kusemanje ukuthi ngenke ungene ezulwini nekhanda eliphuciwe, ngenke ungene ezulwini nezinwele zezinye izizwe! Ungomunye ozobhujiswa!
108.Labo abapenda umlomo izinzipho ezandleni nasezinyaweni, befakele izinkophe, bapende amashiya, neznto ezinjalo, kumele bazi ukuthi abanandawo lapho siya khona!
109.Bonke abesifazane abakhangisa ngemizimba yabo kwabesilisa noma ngayiphi indlela, befaka izingubo eziveza umzimba wangasese ukumema abesilisa ukuba babakhanukele, abakwazi ukuthi bahlalele ukubhujiswa!
110.Bonke abesifazane abafaka amabhulukwe, noma uyintombi, noma ushadile, uhlalelwe ukubhujiswa! Khetha kusemanje noma uthanda uNkulunkulu, kumbe uzithanda wena ngaphezu kokuthanda uNkulunkulu? Akakho umuntu othanda uyise, kodwa ebe ephikisana nomthetho wakhe!
111.Bonke abantu abangaligcini isabatha, ngenke bangene emzini oyingcwele, bazobhujiswa ngokuphula umthetho kaNkulunkulu ngabomu, badelela uNkulunkulu!
112.AmaNazaretha aphula umthetho kaNkulunkulu ngenkani, yize uBabamkhulu wasifundisa okumele sikwenze, okwabo kubi kakhulu!
113.Ukuhambela isangoma nokuba yisangoma ungumNazaretha, nokuhlabela amadlozi ungumNazaretha, ngalokho ubukela phansi umsebenzi woMprofethi! Njengoba washo uBabamkhulu kuZodwa Dlamini, lawo maNazaretha asebekelwe isihogo sokuqala, okuyisihogo sabo!
114.Uma udla ingulube, nazo zonke izilwane ezenqatshiwe kuDutoronomi 14, angenke ungene emzini oyingcwele!
115.Kafuphi, njengoba esho uPaul kwabaseThesalonika besibili, isahluko 2:8-12, uJesu uyobuya ebabhubhise labo abangawugcini umthetho kaNkulunkulu. Nawe uzobhubha!!!!!
116.Ekuqaleni sithe labo abathi uNkulunkulu akekho, neBhayibheli incwadi nje engenamyalezo ovela kuJehova, sizobona ukuthi abakushoyo bayokumela yini, ngoba ukuphela komhlaba kulesi sikhathi kuzoqala ngalesi sizukulwane!
117.Njengamanje sisesikhathini sikaNowa, sisesikhathini sokubhubha kweSodoma neGomora, ukuhlakanipha nokuphapha kuzophela!
118.Uthi umprofethi u-Amose encwadini ka-Amose 8:11-14: “Izinsuku ziyeza, lapho ngiyakuthumela indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa nokomela amanzi, kodwa indlala yokomela izwi likaJehova!
119.Abantu bayokwehla benyuka befuna izwi likaJehova, kodwa abayokulifumana! Izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakuquleka ngenxa yokoma!
120.Nalabo abakhonza izithombe nonkulunkulu bokuzakhela bebabiza ngonkulunkulu babo, bazowa bengaphinde bavuke!”
121.Leso sikhathi-ke sesifikile, azophela amaphupho! Uthi-ke uBabamkhulu: “Icilongo lokuqala selizwakele, umhlaba wonke wazamazama, uyogijima uzifihlephi nanti izwe selisongwa!
122.Wemhlaba uyozifihlaphi nazo zonke lezo zoni, balekani zidindi uyeza uJehova!”
INkosi ibusise lokho enikuzwile!