Noma ungaba nezimoto ezingakanani uzishintshe kasikhombisa ngosuku, kodwa enhliziyweni yakho uma engekho uJehova, uma uJehova engathokozi ngawe, lezimoto naloyo mnotho wonke wakho uyophenduka umlilo oyokushisa ezinsukwini ezifihliweyo
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 20 April 2024: NguMfundisikazi Nomcebo Nxumalo eNqobizitha.
ISIHLABELELO 101
1 Lukhozi olunamaphiko
Phakamisa iphiko lakho,
Singene sizifihle kuwe
Dwala labadala.
2 Nqaba yimbe asinayo
Ngaphandle kwakho,
Esingazifihla kuyo
Thina bampofana bakho.
3 Sikhukhukazi esihle
Simi phambi kwakho
Akuyiso iJerusalema kuphela
Owayithandayo.
4 Sithande usifukamele
Sikhukhukazi esihle,
Sisebusweni bakho
Sikhukhukazi sasezulwini.
1.Ngiyababingelela abangcwele, Ngibonge esihlalweni esikhulu sobukhosi, ngibonge ukuphinda ngithunywe, isihloko sithi ‘Kungabe uJehova uyathokoza yini ngathi, uma ethokoza kungoba senzeni?
2.Kubalulekileke ukuthi uma singabantwana bakaNkulunkulu sizazi izinto ezithokozisa uNkulunkulu kunezinto ezithokozisa thina.
3.Uma singabantwana bakaNkulunkulu kusifanele ukuzidela, senze lokho uJehova azokujabulela. Kuvamile ukuthi uma singamakholwa, sikholelwe ukuthi uJehova asiphe lokho okuzojabulisa thina, kodwa kungasiphathi kabi ukuthi asikwenzi okufunwa uJehova.
4.Ekukholweni into yokuqala ukwenza intando kaJehova, konke kuza emva kwalokho. Ngesinye isikhathi iye isho njalo ingelosi ithi ningaboba ngamakholwa akholelwa ukuthi athole imali.
5.Ningabi ngamakholwa akholelwa ukuthi abe nemizi emikhulu emihle nezimoto, kodwa nibofuna into efunwa uJehova, eyothi uma uJehova ehlisa amehlo akhe eyibheka, athokoze ngani, konke kuyolandela lokho.
6.Ithi ingelosi umuntu ofuna indlela kaJehova, uJehova yena ufuna ukwazi ukuthi ukhala ngani, ube ephenya ukuthi lo muntu okholwa kangaka, lo muntu ofuna izindlela zami, ikuphi mina engingamenzela khona, ikuphi okumhluphile, bese kuyazenzakalela.
7.Kodwa kubizwa ilokhu ukuthi uNkulunkulu uyathokoza ngawe. Babusisiwe abatholakala benjalo befuna lokho okuyojabulisa uJehova!
8.Ezikhathini eziningi uNkulunkulu uyakhombisa uthando, ithike ingelosi kuye kwenzeke ukuthi umuntu akhale phambi kaNkulunkulu athi ngiyacela ukuthi ungiphe umsebenzi ngizokwazi ukuthi ngibe nalokhu nalokhu, ngesinye isikhathi uJehova ebese uyamuphi.
9.Ebese uJehova uyabheka ukuthi uma esekutholile lokhu akuphile okuthokozisa yena, uJehova njengomuntu okuphe lento, ukudumisa kwalomuntu ophiwe lento, kugcinaphi?
10.Ithike ingelosi nikuqaphele ukuba nokukholwa kokukholelwa ukuthi kuphele ukuhlupheka, bese kuphelela khona lapho, kodwa ukuhlupheka akuthi noma kuphela, kodwa uJehova athokoze ngawe.
11.Ithike ingelos,i ngelinye ilanga umuntu okholwayo, kuye kuthi noma esekakwe yimpi ephethe izikhali ezesabekayo kodwa uJehova ebese eyafika kuleyondawo, lezokhali zifane nento engekho, ebese eyasinda ngoba uJehova uhlala eseduze kwakhe ngoba wenza intando kaJehova.
12.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuyiSabatha elingcwele kuyinkonzo yokukhumbula neyokugubha, sigubha injabulo kaJehova, sigubha umhla uNkulunkulu naye ejabula, ebonga, ezibonga yena ukuthi usebenzile ngoba ukwenzile konke kwaphelela, ngosuku lwesikhombisa wase ekhetha ukuthi akaphumule.
13.Sithike uJehova akaphumule kanye nathi, nathi sibe ngaphumulile. Ngithike bantwana baseKuphakameni incwadi ebeyifundwa evula inkonzo yeSabatha ithi ungathwali umthwalo ngeSabatha likaJehova.
14.Ngelinye ilanga ithike ingelosi ichaza ngomthwalo, ukuthi ngesinye isikhathi uma kukhulunywa ngomthwalo, siye sibuke umthwalo osuke uboshiwe, noma mhlawumbe umuntu ethengile, wathenga ukudla kwaba kuningi wayesekuthwala ngekhanda, uthi nakho lokho kuyikho.
15.Uthi kodwa imithwalo engena namakholwa endlini kaNkulunkulu iyamangaza, lena ethwele ngezinhliziyo, lemithwalo ekungenwa nayo endlini kaJehova ayamukelekile, ngoba uthena singathwali imithwalo ngosuku lwesikhombisa okuyiSabatha lokuphumula yena. Ngicela ukufunda amazwi kuMahubo 18 ngizoqala lapha ku 19-24.
16.“Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
17.UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi. Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.
18.UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.”
19.Ingabe uJehova uyathokoza ngathi, uma ethokoza ngathi uthokoza ngoba simenzele ini, kodwa okhuluma lapha uthi, uJehova wamkhulula ngoba wayethokoza ngaye. Angazi ukuthi engabe uyathokoza yini ngami.
20.Okhuluma lapha uthi uJehova wamvuza ngokulunga kwakhe, uthike wambuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zakhe ngokuba azigcinile izindlela zikaJehova.
21.Uthike akamukanga kuNkulunkulu wakhe nangokushinga, ngokuba yonke imithetho yakhe yayimi phambi kwakhe, nezimiso zakhe akavumanga ukuthi asuke kuzo.
22.Uthi wayephelele kuye, uthi wabuxwaya ububi, uthi uJehova wayesebuye esusela kuye ngokulunga kwakhe njengokuhlanzeka kwezindlela zakhe phambi kwamehlo akhe uJehova.
23.Ayikho into enhle nefunwayo ezulwini, newukhiye wezulu njengokuba ugcine izimiso zikaJehova. Uma uyilanda lapha emuva le ncwadi uzokuzwa ukuthi lo okhuluma lapha wayehlaselwe yimpi, kodwa ngoba wayehlanzekile phambi kukaJehova.
24.Uyasibikela ukuthi uJehova wamkhulula ngokuba uJehova wayethokoza ngaye, uma ngabe uJehova engathokozi ngathi siyokhululwa ngubani?
25.Uma impi ikuhlasela, kodwa kutholakale ukuthi uJehova akathokozi ngawe, uyakukhululwa ngubani, ngubani oyakukubuyisela kuye, ngubani oyakukunqobela lempi?
26.Ukugicna umthetho kaNkulunkulu akugcini ngokuthokozisa uJehova, kodwa ezinsukwini ezinzima uyazuza wena, uzuze ukunqoba, unqobe izitha zakho, unqotshelwa nguJehova ngoba uJehova ebona izandla zakho zihlanzekile, zingaphathanga okubi, ebona izimiso zakhe ziseduze kwenhliziyo yakho.
27.Kodwa esikhathini esiningi thina okuseduze kwethu, kwenhliziyo yethu, kuba imali esihlala njalo simemeza phambi kaNkulunkulu sicela ukuthi akasiphe imali.
28.Bayingcosana abantu abathi uma beguqile bacele kuJehova ukukholwa, bacele uthando lweqiniso, bacele ukuthi bathande ukugcina imithetho kaNkulunkulu.
29.Kodwa ngaso sonke isikhathi thina sihlala sicela kuNkulunkulu ukuthi akasivikele, kodwa singazihluphi nangezimiso zakhe ukuthi uJehova uthena kuwe. Singazihluphi nangezifungo esizifungile phambi kwamehlo akhe.
30.Isihlabelelo engihlabelele ngaso, siyisikhumbuzo somuntu okholwayo ukuthi isikhukhukazi esihle nguJehova, siyisikhumbuzo kumuntu othembele kuJehova, ayikho enye inqaba esingazifihla ngayo thina bampofana bakhe.
31.Nazo izigwili luyeza usuku lwazo lezo ezithe uma zigwilika zakhonza ubugwili bazo, azabe zisadlulela kuNkulunkulu zimkhonze, zimkhonzele khona lokho ukuthi azihlupheki.
32.Ngoba kufanele ukuthi ukuhlukanise noma usucelile kuJehova wakunikeza, kodwa ebese uhlukanisa enhliziyweni yakho nasenqondweni yakho, ukuthi njengoba uNkulunkulu engenzile ukuthi ngingahlupheki abantu behlupheka, yena uNkulunkulu ufunani kimi. Ikuphi mina engingakwenza okungamthokozisa njengoba naye esengithokozisile kanje?
33.Bambalwa abantu ababa nemibuzo uma bethola ukugwilika, bezithola sebeceba, sebeba izimpunyela, bambalwa abakhumbula uJehova, abazibuzayo ukuthi ngize ngicebe kanjena nje uNkulunkulu uqondeni ngami, ngoba lokho kubuzwa umuntu ozaziyo ukuthi lapha emhlabeni wonile, ngalokho uyayidinga insipho yokugeza abuyele ebuhleni ayenabo.
34.Akekho umuntu ongahlanjululwa ukuthi uyisigwili, akekho umuntu ongahlanjululwa ubunjinga, kodwa umuntu inhlambuluko noma uthando lukaNkulunkulu luvela ekumkhonzeni.
35.Ukuthi noma usunakho konke kodwa uJehova abe ingubo yokuqala enhliziyweni yakho, ekulaleni kwakho nasekuvukeni kwakho.
36.Futhi uma ubona umnotho wakho ukhula, udabuke enhliziyweni, uthi Nkosi ngikhombise ukuthi ufuna ngikwenzeleni, ngitshengise Nkosi ukuthi uqondeni ngami, ukuze ngenza lokho Nkosi okuyojabulisa wena.
37.Noma ungaba nezimoto ezingakanani uzishintshe kasikhombisa ngosuku, kodwa enhliziyweni yakho uma engekho uJehova, uma uJehova engathokozi ngawe, lezimoto naloyo mnotho wonke wakho uyophenduka umlilo oyokushisa ezinsukwini ezifihliweyo.
38.Lapho amahlathi engasekho khona, lapho ungasenakukwazi nokuthola isidindi ongacasha kuso, konke kobe kusobala, alikho izulu elingenwa ngezimoto, alikho izulu elingenwa ngobucebi, izulu liyasetshenzelwa.
39.Uthi okhulumayo encwadini engiyifundile, uthi wangikhulula ngokuba ebethokoza ngami, uJehova wangizuza ngokulunga kwami, wangibuyisela njengokuhlanzeka kwenzandla zami ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova.
40.Angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga ngokuba yonke imithetho yakhe yayimi phambi kwami. Nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi, ngangiphelele kuye, ngabuxwaya ububi.
41.Ingakho uJehova eza kuye ngoba wabuxwaya ububi, akasukanga ezimisweni zikaNkulunkulu.
42.Kuyenzekake ngesinye isikhathi ubone ukuthi ngoba ugqoke ingubo emhlophe, uJehova uyokuza ngejubane uma ngabe ususezinkingeni, kodwa wena ungenalo ijubane ekumkhonzeni.
43.Njengoba singabantwana bakaNkulunkulu, sikhethiwe nguJehova ukuthi sibe ngabantwana bakhe, sivume ukuba izigqila, izigqila zokugcina umthetho wakhe.
44.Ngithike bantwana baseKuphakameni singaba yibo abaqhamuka bembethe ingubo ekhazimulayo, bathi uma sebeya kuMehluleli zase ziyaphenduka lezingubo zaba njengemsebenzi yabo engcolileyo ebekade beyifihle ngayo ingubo emhlophe.
45.Bexhopha abantu ukuthi abantu bebabone bengabantwana bakaNkulunkulu ngoba bembethe ingubo emhlophe, kodwa phambi kwaMahluleli ingubo yabo yaba magqabhagqabha yaba njengokwemisebenzi yabo.
46.Singaba yibo bantwana baseKuphakameni abazokwaliwa, sibe ilabo ababedelelekile, abathi uma befika phambi kwaMahleluleli izingubo zabo zaba mhlophe njengeqhwa, njengemisebenzi yokuzimisela kwabo ukugcina umthetho kaJehova.
47.Uma silapha kufanele sazi ukuthi sizokwenzani, singathathi njengendawo lapho sizochitha khona usuku, kodwa sazi ukuthi size kuMenzi wezulu nomhlaba uShembe asifundisa ngaye.
48.Babusisiwe abathi noma omubi esebashayile. kodwa bangasuki kuNkulunkulu, uma omubi ekushaya, usuke enzela ukuthi ugcine udumisa yena ulahle uJehova.
59.Ithike iNgelosi ngalesisikhathi sewuhlupheka kakhulu kusuke sekuseduze kokuthi uphumelele, ilapho omubi ebazuza khona abangazi lutho ngoNkulunkulu, azi kahle ukuthi kothi uma sebehlupheke kanjena ebese eyabathola, ebese bethi akukho Nkulunkulu lapha, angisizakali ngalutho ngokukhonza uNkulunkulu, ngivelelwa ilokhu nalokhu kungcono ngiyeke, ebese ebalekela ngakuye omubi.
60.Alahlekelwe ikusasa lakhe lonke ngoba ikusasa esinalo esilwela ukuba libe lihle ileli lokuba singene ezulwini, singagcini ngokuba ngamaNazaretha lapha emhlabeni, sigcine ngokuba ngabantwana bakaNkulunkulu lapha sifike phambili singaba yibo abantwana bakaNkulunkulu.
61.Kodwa silwele ukuthi njengoba singabantwana bakaNkulunkulu lapha, naphambili sibe ngabantwana bakaNkulunkulu. Nezimpi sizilwelwe nguye uNkulunkulu njengoba kusho lendoda ithi wangikhulula ngoba engazi ngoba ebe ethokoza ngami.
62.Ngithike bantwana baseKuphakameni uJehova uzivezile ngazo zonke izindlela kithi, kuningi okungabe kusehlele noma mhlawumbe ngabe asisekho, kodwa ngoNkulunkulu owasithandayo wathi noma umhlaba sewunamadili amaningi abizwa ngegama lakhe, kodwa kungasiwona awakhe, wathi mina ngiyanikhetha ukuthi nibe ngabantwan bami, nizokhonza mina.
63.Uma ingelosi ikhuluma ngamadili omhlaba isuke ingakhulumi ngomshado namajadu kuphela, kodwa iyachaza ithi amadili omhlaba ilaba abasebenzisa igama likaJehova kodwa bengawugcini umthetho wakhe
.
64.Ilabo abasebenzisa igama likaJehova ukuba inhlangano yabo ibukeke ingekaJehova, kodwa uthole yonke indlela yabo ingasiyona ekaNkulunkulu.
65.Uthike umuntu wasezulwini uJehova wathi akugcinwe iSabatha, wathi bengasebenzi abantu bakhe, bengayithwali umthwalo ngeSabatha.
66.Wathi ngisho imbongolo yakho ngosuku lweSabatha ingasetshenziswa ngisho nesisebenzi sakho siphumule ngeSabatha, wathi ngisho nesivakashi sakho siphumule ngeSabatha.
67.Wayesesho ukuthi lolusuku lungolokudumisa yena owenza izulu nomhlaba. Uma ngabe ungamdumisi uJehova ngalezi zinto azishilo njengoba esho uMprofethi wasezulwini ethi ningalaleli nje ningenzi, nilalele nenze ningalaleli nje ningenzi!
68.Ngalokho bantwana baseKuphakameni singabantwana bothando esathandwa uNkulunkulu ukuthi kulamadili ingelosi ekhuluma ngawo ethi amadili asemhlabeni avumbuka njengezimvukuzane ezivukuza phansi komhlaba.
69.Kodwake thina sathandwa, uJehova wasenyula lapho wathi asibe ngabantwana bakhe, ngisho nezizukulwana zethu zazi ukuthi uJehova ungowokuqala futhi ungowokugcina, akekho omunye ngaphandle kwakhe.
70.Ngithike bantwana baseKuphakameni sikhalile kuJehova sacela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi asinqobele izifo.
71.Uma ikhuluma ingelosi ithi uma ungumuntu ucelile ubobheka noma isifo singakhona kuwe, kodwa sicelile. sicelele ukuthi uJehova asephuce amazinyo okukuhlafuna, umphefumulo uhambe ngesikhathi esinqunyiwe nguJehova ukuthi noma ubungaphethwe ilesi sifo ubuzohamba.
72.Ingelosi ike isifundise ukunaka, ukuthi uma ungumuntu uboke ubheke ukuthi abantu owagula kanye nabo baphi manje, iningi labo badlulile emhlabeni, ebese ubheka ukuthi wena usele ukhona, bese ukhumbula ukuthi lokhu kuba khona kwakho ugcinelwe into ethile, awugcinelwe nje ukuthi ube khona, kodwa ugcinelwe into ethile.
73.Ngalawo mazwi bantwana baseKuphakameni ithi ingelosi siyabatshela yini abantu ngalokhu uNkulunkulu asenzele khona.
74.Ngesikhathi se-Covid19 ingelosi yamemeza ngezwi elikhulu yathi asinikele sicele kunesifo esizayo esinamandla esildlula ingculaza. Sase siyanikela sinikelela isifo esingasazi.
75.Kodwa ngokukhulu ukushesha sehla lesi sifo, sathi uma sesehla saqotha imbokodo nesisekelo, ngoba sase siphindile sanikela kungengokuhlanipha kwethu kodwa sitshelwa yiyo ingelosi ukuthi nikelani nicele uphawu njengabantwana bakwa Israel ababekwa uphawu lwegazi lezimvu.
76.Nani nibe nalolo phawu ukuthi uma ngabe ifika ingelosi ephethe lesi sifo inibone ukuthi anifanelwe ukubulawa ilesi sifo, nina nivumile ukuba ngabantwana bakaNkulunkulu, futhi ninikelile nacela ukuba anivikele.
77.Nangempela bantwana baseKuphakameni uJehova akenqabanga akuzange kuhambe ngisho oyedwa. Uphindile ngeviki eledlule wamemeza ngezwi elikhulu wathi nikelani nicele kuNkulunkulu, nicele izinso, nicele amasosha omzimba, bese nicela uJehova anivikele, anivikele
kulezikhukhula nakulombango.
78.Ngacabanga ukuthi into ekude, sanikela ngeSabatha, kodwa khona ngeSabatha elikhulu zaqala lezikhukhula, sababuka abantu bakithi behlukumezeka bengenalutho bakha ngemicacamezelo, kodwa kumuka khona lokho, nemisebenzi ingasekho.
79.Kwawa yonke into, amanzi agcwala ezindlini, yonke into yaphazamiseka, besikade sinikela ngeSabatha.
80.Ngithi bantwana baseKuphakameni ngavuka ngathatha ucingo, ngifonela abantu engibaziyo nengazana nabo nesikhonza nabo.
81.Ngibuza ukuthi baphephile yini, baphephe kangakanani kulezikhukhula engizibonayo kodwa abantwana bakaNkulunkulu bonke bathi baphephile.
82.Kodwa okukhulu kunakho konke, kunenye inkosikazi, yona ayilindanga nokuthi ngize ngifonele, yangishayela ucingo yathi iyababaza, ibabaza uJehova, yathi iyababaza ngoba sinikelile ngeSabatha.
83.Ithi ithe uma ifika emzini yabo, emva kwezikhukhula, angazi noma beyisemsebenzini angiqondi, ngoba bekukhalwa ngapha nangapha, ithi ithe uma ifika, yathola ukuthi hhayi inhlabathi le obekuyiyona yona edudula izindlu ngoba kuwa yona bese idudula imizi.
84.Ithike inkosikazi inhlabathi yahamba ngapha eceleni yahamba ngapha eceleni, makabongwe uJehova. Nakuba sibakhalela nalaba abalinyalelwe, siyabakhalela asithokozi ngokulinyalelwa kwabo.
85.Kodwa sibabaza uNkulunkulu waseKuphakameni esamunikwa uShembe ukuthi uziveze kangakanani kithi ukuthi ukhona.
86.UNkulunkulu uthando lwakhe luyisimangaliso ngokusinikeza umqondisi, sinomqondisi kulelibandla, sinomuntu osibukelayo, wasezulwini, ingelosi yezulu eqalazayo, ibone ukuthi isimo sezulu sinjani, igijime ize izositshela ithi asincenge kuJehova kunempi ezokwenzeka ngemvula bese siyacela.
87.Ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni, lokhu kuwubufakazi bokuthi ukukhonza uJehova yedwa kukuphumelelisa kangakanani umuntu omkhonza yedwa. Siwubonile umvuzo omuhle wokususa oNkulunkulu abangalidalanga izulu nomhlaba.
88.Sinikelile nje ngomnikelo omncane, asithenganga mbuzi, asithenganga nkomo, asizange sithenge neqhude, kodwa uJehova wasizwa, asibambelele ke bantwana baseKuphakameni.
89.Ngezikhathi zonke silalele senze, ngezikhathi zonke sikufune okuzojabulisa uJehova, njengoba ekwenzile okusijabulisayo nathi akufune okuyojabulisa yena kithi. Asikufune okuyokwenza ukuthi uJehova asinqobele imihla ngemihla.
90.Lo Jehova samnikwa nguShembe, uShembe uthi ngosuku lwenhlupheko nimbize uJehova uyakuza anisindise uma niyendlela inhliziyo zenu emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
INkosi ibusisise enikuzwile.