Kodwa ukuthi uyakwazi ukubona into engakenzeki, bese yenzeka njengoba ushilo, lokho akusho ukuthi ungumprofethi.
1.Ngithe uma ngifunda ufacebook, no Tik-tok, ngathola kukhulunywa kakhulu ngama false prophets, lapho okubalwe khona no TD Jakes.
2.Angazi noma uTD Jakes ubizwa ngomprofethi noma uyini, kodwa kubalwe abaprofethi-mbumbulu abaningi abase-Afrika, okubalwa oNigeria, oKenya, eSouth Afrika, nakwamanye amazwe ase-Afrika!
3.Bonke laba baprofethi ngabantu abamnyama. Angizange ngabona noyedwa umlungu okuthiwa ungumprofethi.
4.Ziningi izinto ezimbi ezikhulunywa ngalaba baprofethi, esingathi abaprofethi-mbumbulu. Kodwa kulenkulumo angizukuphawula ukuthi yini nani abayenzayo ukuze babonakale sengathi bangabaprofethi.
5.Kodwa ngizochaza ukuthi singabona ngani ukuthi umuntu uthunywe nguNkulunkulu, okusho ukuthi ushumayela ivangeli elivela kuNkulunkulu, njengoba ingelosi iyaye ifike isifundise.
6.Kunezinto eziningi abantu abayaye becabange ukuthi bayazazi, kanti abazazi. Kumuntu ongayazi indaba kaNkulunkulu kulukhuni kabi ukwahlukanisa ubuNkulunkulu nobuSathane.
7.Ekengibale izinto ezifanayo phakathi kwaNkulunkulu noSathane, enza abantu abangayazi indaba kaNkulunkulu, baze benze amaphutha amaningi.
8.Okokuqala uNkulunkulu ,ungumoya(Spirit) noSathane ungumoya, izingelosi zingumoya, namadimoni angumoya.
9.UNkulunkulu uthatha noma yisiphi isimo, noSathane uthatha noma isiphi isimo, izingelosi namadimoni kuthatha noma yisiphi isimo.
10.Ngakho-ke nge-appearance awukwazi ukwahlukanisa ingelosi kuyidimoni, kodwa lokhu ungakwehlukanisa ngezenzo kuphela.
11.Umbuzo-ke ukuthi uma uNkulunkulu noSathane bethatha noma yisiphi isimo, pho ukwazi kanjani ukwehlukanisa uNkulunkulu kuSathane?
12.OKWEHLUKAYO NGABAKUFUNDISAYO! Ngaso sonke isikhathi uSathane kuzo zonke izimfundiso zakhe UPHIKISA OKUSHIWO UNKULUNKULU!
13.Kodwa uma ungazi ukuthi uNkulunkulu ufundiseni, awukwazi ukubona ukuthi lokhu okukhulunywa noma okwenziwa lapha kuphambene nomthetho kaNkulunkulu, noma kuphambene nothe uNkulunkulu sikwenze, noma singakwenzi!
14.Izinto eziningi ezenziwayo ngabangakholwa, nasekukholweni ziyenziwa, okwehlukayo ukuthi okholwayo uzenzela uNkulunkulu.
15.Abangakholwa bayabahlabela asebafa, kodwa thina esikholwayo sihlabela uNkulunkulu! Abangakholwa bayayisebenzisa impepho uma bekhuluma nabangasekho, thina impepho siyisebenzisa uma sikhuluma noNkulunkulu enkozweni.
16.Abangakholwa bayawasebenzisa amakhandlela ukwenza imikhuba eminingi, nathi makholwa siyawasebenzisa amakhandlela uma senza izibani enkonzweni.
17.Abangakholwa bayakubopha ngentambo okhalo bekuqinisa kuyimimoya emibi, nathi esikholwayo singayibopha intambo okhalweni ebusisiwe ukuvimba imimoya emibi.
18.Okuseqinisweni yonke into eyenziwa enkonzweni iyenziwa nabangakholwa kuJehova, umehluko kube ukuthi lokhu okwenzayo ukwenza ngokomthetho kaJehova noma ukwenza ngokwenquba yabangakholwa kuJehova, okusho ukungahambisani nenqubo yokukholwa kukaJehova.
19.Kanjalo-ke umuntu ongazi lutho ngomthetho kaJehova, akakwazi ukwazi ukuthi wenza isono noma qha!
20.Ngakho-ke ngaphandle kokuthi wazi imithetho kaJehova njengoba ukuyi Torah, awukwazi ukubona okuyisinengiso kuJehova nokungayiso isinengiso.
21.Kwesinye isikhathi ngiyaye ngizwe abantu bekhuluma ngokuhlala, bethi amadimoni ahlala olwandle noma emifuleni emikhulu, kube sengathi imimoya emibi yodwa ehlala olwandle, kanti akunjalo.
22.Angazi noma abantu bayazi yini ukuthi u75% kuya ku 80% womhlaba,(earth) ungamanzi, okusho i-ocean, sea and rivers.
23.Uma-ke u75% uhlala imimoya emibi, uNkulunkulu uhlalaphi, izingelosi zihlalaphi?
24.Angikaze ngizwe abantu bechaza ukuthi uNkulunkulu nezingelosi zihlalaphi. Bayaye bethi uNkulunkulu uhlala ezulwini, kodwa akakho ongasho ukuthi izulu liphi.
25.Kusho ukuthi uNkulunkulu nezingelosi zino 25% wendawo ezihlala kuyo emhlabeni.
26.Njengoba sithi uSathane nemimoya emibi kuhlala olwandle, which is a specific material place, uNkulunkulu nezingelosi uhlalaphi?
27.Okuliqiniso ukuthi awukwazi ukuthi uthi umoya othize uhlala endaweni ethize, lo uhlala endaweni ethize! Ulwandle lungcwele ngaphezu kweland, ngakho-ke awukwazi ukuthi uthi ulwandle luhlala imimoya emibi yodwa.
28.Mhlawumbe uzothi uNkulunkulu nezingelosi kusemkhathini. Ngalokho uchaza ukuthi usathane namadimoni akahlali emkhathini?
29.Encwadini kaJobe kuthi uNkulunkulu wayenamadodana akhe, nosathane ekhona lapho. Lokhu kuthi uSathane wayehleli nezingelosi, bekuNkulunkulu! Kukufundisani lokho?
30.Uma sesikhuluma ngokuhlala, ayikho indawo ongathi ihlala uNkulunkulu nezingelosi, nendawo ehlala usathane namadimoni, ngoba konke lokhu kungumoya, umoya uba noma kuphi.
31.Njengoba uNkulunkulu ehlala kuwe, noSathane uyahlala kuwe, namadimoni ayahlala kuwe, nengelosi iyahlala kuwe!
32.Ngakho-ke ekukholweni asikhohlwe ukuthi amadimoni ahlala elwandle, noma emfuleni, noma emkhathini.
33.Uma kunjalo, chaza ukuthi uNkulunkulu nezingelosi khona kuhlalaphi?
34.Usho ukuthi kukhona iplanet ehlala uNkulunkulu nezingelosi, uma sifa siya ezulwini, kukhona iplanet esiya kuyo, uma siya esihogweni kukhona iplanet esiya kuyo?
35.Cha, i-spiritual realm ayihambi kanjalo. Okuyikho ukuthi ubukhona bomoya is beyond human comprehension!
36.Kodwa lapha sikhuluma ngomehluko phakathi kokuprofetha nokubona.
37.Umthetho wokuqala uthi “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.”
38.Lomthetho uthi yiba noNkulunkulu, kodwa uma ukholiwe kufanele ube noNkulunkulu oyedwa, onguJehova.
39.Isikhathi esiningi abantu bayaye bangakwazi ukuzwa ukuthi umthetho wesibili uthini. Lomthetho uthi: UNGAZENZELI izithombe ezibaziweyo.
40.Awusho ukuthi UNGAZENZI IZITHOMBE EZIBAZIWEYO. Ngesingisi kuthi (You shall not make FOR YOURSELF ANYTHING..).
41.Leligama elithi “for youself” libalulekile, ngoba ukubaza into, ungazibazeli ukuthi ikhonzwe nguwe, akusona isono! UMose waba nayo induku ebaziweyo.
42.Kodwa kwakungayiso isono ukuba naleyo nduku, ngoba kwakuyinduku eyayibazelwe ukwenza umsebenzi kaNkulunkul!
43.UMphongolo wesivumelwano wawunezingelosi, noma ama seraf abaziwe okuhlobiswe ngawo. Kodwa lawo maseraf AYAKHELWE UNKULUNKULU, akhiwe ngoba kusho uNkulunkulu.
44.Ngenkathi ngiba ngumholi amaNazaretha aseNCG afaka amafodo ami, amaNazaretha alwa, athi ngokwenze njalo ngizifanisa noShembe.
45.Yabe isifika ingelosi ithi bayabheda laba, abayazi lento abayishoyo.
46.Wena ugcotshwe ngokwasezulwini ukuba uhole ibandla, laba bafana bakwaShembe bayahola nje, kodwa abaziwa ezulwini.
47.Sekuzokwenzeka kanjani ukuthi bese kuba yibo abanefodo eliphilisayo, hhayi elakho? Kanti uMoya kaNkulunkulu uhamba ngesibongo yini? Banalo ulwazi lwalento abakhuluma ngayo?
48.Kodwa emva kwalokho yathi ingelosi lapha eNCG asingahlobi ngamafodo ngoba asenemibango eminingi, agcina edidisa inkolo!
49.Engikushoyo ukuthi isithombe esiqondene noNkulunkulu, onkungasho ukuthi ngaso uzidumisa wena, noma udumisa omunye uNkulunkulu, akusona isono ukusibaza!
50.Safundiswa yingelosi ukuthi endlini sibeke ifodo leNkosi iLanga uma sithandaza noma sinikela, sinikele kuyo, ngoba kithi uShembe uyefana noJesu kumaKrestu! Kodwa ngoShembe angisho uShembe ngesibongo, kodwa ngisho uShembe ongumgcotshwa kaNkulunkulu!
51.Sibuyele kulendaba yokuprofetha nokubona. Umprofethi ISITHUNYWA SIKANKULUNKULU (Messenger of God).
52.Isithunywa sikaNkulunkulu asiba nesambulo sento ezokwenzeka kuphela, kodwa siyashumayela ngomthetho kaNkulunkulu, sifundise abantu ukuthi yini uNkulunkulu ongayithandi, eyisono! Ngumprofethi-ke lowo!
53.Kodwa ukuthi uyakwazi ukubona into engakenzeki, bese yenzeka njengoba ushilo, lokho akusho ukuthi ungumprofethi.
54.Nesangoma siyakwazi ukubhula, sisho into engakenzeki, bese yenzeka njengoba sishilo.
55.UCredo Muthwa, uma ngikubiza ngakho, wabe eyisangoma esikhulu, ekwazi ukubhula into ezokwenzeka, yenzeke ngampela.
56.Abanye-ke babembiza ngokuthi unguMprofethi, ngoba bengazi ukuthi uMprofethi yini! Awukwazi ukubiza ukubiza umuntu onomoya wedlozi ukuthi ngumprofethi.
57.Umprofethi ngumuntu okhuluma noNkulunkulu ngqo, hhayi idlozi, noma okhuluma nabaphansi!
58.Namuhla usuthola inqwaba yabaprofethi-mbumbulu, asebehlale begqobhelisana ngokubhula, ukuthi ngo 2024 kuzokwenzekani, kakhulukazi lapha eSouth Afrika, bese sithi laba ngabaprofethi.
59.Cha, abasibo abaprofethi. Uma abakushoyo kwenzeka ngampela, bangama Seers, not abaprofethi!
60.Lapha ku Tik-tok yinye intombazane engiyithole ingumprofethi, futhi ngiyaqala kulesi sikhathi samanje ukubona umuntu ongumprofethi, okhuluma noNkulunkulu njengabaprofethi bakwa-Israel!
61.LoMprofethikazi igama lakhe ngu Celesial, use-USA. LoMprofethikazi uprofetha njengabaprofethi bakwa-Israel!
62.Angingabazi ukuthi lomprofethikazi osuke ekukhuluma kusuke kuvela kuNkulunkulu! Ngisho ukugqoka, ugqoka ngokufana nabaprofethi bakwa-Israel!
63.Ngithe uma ngiyibona lenkosazana, ngavele ngayifanisa noHlaleleni, hhayi kangako ngokufana bobuso, kodwa ngezinto eziningi engizibone kuyo.
64.Ngachaza ukuthi uHlaleleni akukho lutho olusemzimbeni wakhe, no make up, akanamgexo, akanamacici!
65.Nalenkosazana yase-America has no make up, ayinamgexo, ayinamacici, she is natural!
66.UNkosazana uHlaleleni uhlale emboze ngengubo emhlophe ekhanda, njengabaprofethi bakwa-Israel, nalenkosazana yaseMelika ngayithola ihlale imbozile ekhanda.
67.Ngibe sengilalela umyalezo wayo. Ezinye zezinkulumo zayo ngizifake lapha ngezansi kumaPost ami, ukuze bonke abantu abafuna ukukholwa bezwe ukuthi umuntu othunywe nguNkulunbkulu ukhuluma kanjani. Leya Nkosazana ekukhulumayo akusuki kuyo, kodwa kuvela ezulwini!
68.Mina angikaze ngithathwe intshumayelo yomKrestu ngezizathu engingazukuzichaza lapha, kodwa lentshumayelo yalenkosazane ingeze ngafikelwa zinyembezi, ngakhala.
69.Lenkosazana ayigcini ngokuveza isambulo ngokuzokwenzeka, kodwa iyashumayela, ishumayela ngesono, ixwayisa abantu ngokuthi uma bengaziyeki izono uNkulunkulu uzokwenza lokhu nalokhu kubo!
70.Bonke abantu abafuna iqiniso likaNkulunkulu abayilalele lenkosazana. Okukhulu ukuthi ibabale bonke laba abangama false prophets!
71.Abanyeke bayayiphikisa, basho lokhu nalokhu ngayo. Kodwa noma ubani owazi indaba kaNkulunkulu uyabona ukuthi lenkosazana ayiyodwa, kepha yembethwe nguMoya ongcwele!
72.Isihloko salezi zinkulumo zayo sithi Master’s voice prophecy. Uma ugugulusha uzozithola zonke iziprofetho zayo. Lapha ngezansi ngizofaka ezimbili noma ezintathu okofanela abantu abakholiwe bayizwe kahle, bese bebona noma ngikhuluma iqiniso yini.
73.Ilalele ukuthi ithini uma ikhuluma ngoku make up, ngokuxhuma izinwele okwenziwa ngama Africans, ithini nge homosexuality, ongqingili, ngayo yonke inhlobo yesono socansi ongase usicabange.
74.Ilalele ukuthi ithini ngokuhushula kwezisu, ithini ngabaprofethi-mbumbulu base-Afrika, ikakhulukazi balapha eSouth Afrika. Ikwazi ukubala abaprofethi base-Afrika engabazi.
75.Ngizwe ithi yabona igama lika Busheri, yambheka ku Google, yathola igama lithi uShepherd Bushiri.
77.Kukhona lapho ibishumayelo ifuna ukukhala, ibamba izinyembezi, lapho ikhuluma izinto ezinzima, ukuthi lezi zingane who are aborted ziyathathwa ziyophekwa zidliwe njengesapha!
78.Baningi abazoziphika lezi zinto ezikhulunywa yilenkosazana yase-Amerika, kodwa mina ngithole ukuthi zonke lezi zinto ezikhulumayo yizo lezi ezikhulunywa yingelosi!
79.Laba bantu abathi bangabaprofethi, abazi ukuthi yini uMprofethi. Akukwazi ukuthi ungathi uphuce ikhanda, into ephambene nomthetho kaNkulunkulu, bese uthi unomyalezo kaNkulunkulu!
80.Awukwazi ukuthi ungathi upende umlomo, unezinwele ezixhunyiwe, into ezondwa nguNkulunkulu, bese uthi unomlayezo kaJehova, kanjani, ngoba kufanele kube nguwe kuqala oqondile ngokukaNkulunkulu!
81.Awukwazi ukuthi ungathi unezwi likaNkulunkulu ube ungazi okufunwa nokungafunwa nguNkulunkulu!
82.Njengoba ngisho, into yokuqala ngifune ukuthi, in her appearance, ikhona yini into ephambene nenqubo yokukholwa njengoba sikufundiswe eBhayibhelini. Ngathola ukuthi ayisoleki ndawo!
83.Umbuzo wami-ke uthi laba abathi bangabaprofethi bakaJehova, umyalezo muni kaNkulunkulu ngesono abanawo, ngoba ukuphucula ikhanda nje kuyisinengiso kuJehova, ngakho awukwazi ukuprofetha uyingunguluzi ekhanda!
84.Ngaso sonke isikhathi umprofethi kaJehova kufanele ehlale embozile ekhanda. Ingelosi yasichazela okuningi ngalokhu kumboza.
85.Uthi-ke loMprofethikazi sekunabaprofethi-mbumbulu abavele bethathe iziprofetho zakhe bezenze ezabo! Kodwa into engiyaziyo ukuthi umprofethi uba munye ngesikhathi esisodwa endaweni.
86.Ziningi izinto okufanele ubone ngazo ukuthi lo unguye ngampela umprofethi kaJehova!
87.Lapha ngezansi ngiveza iziprofetho zaloNkosazana lapho eprofetha khona ngeSouth Afrika: