Ukukholwa okuqondile kukwenza uNkulunkulu abe seduze kwakho, uma uNkulunkulu eseduze kwakho uba nokuhlakanipha kwasezulwini, okungatholakali kubantu abaningi!
Isihlabelelo 120.
1.South Afrika vuka
Zokhele izikhuni zakho.
Zisondele zonke izizwe
Ziwothe Umlilo wakho.
2.South Afrika vuka
Ulibase iziko lakho.
UJehova uThixo wakho
Akunike elakh’ ziko.
3.Asikho esiny’ sisekelo
Kuwena Afrika.
UJehova ukuphela
Uyisibani sakho.
4.Ngiphelele ngiyethemba
Liyophuma bengathandi
Ilanga lakho Afrika
Zolotha zonk’ zizwe.
ISIZWE ESIMNYAMA ASIPHAPHAME.
1.Ngike ngezwa ukukhuluma okwa khulunywa ngu-Advocate Sikhakhane, lapho ethi isizwe esimnyama sephucwe umhlaba waso nomnotho waso ngabamhlophe, kodwa okubi kakhulu ukuthi akugcini lapho, ngoba bephucwe nengqondo, ukucabanga kweningi labo aliqondile, kungakhathalekile ukuthi umuntu ufunde kangakanani.
2.Ngenkathi ngithunywa ukuba ngibuyise inkolo kaJehova, ngathola ukuthi inkinga yesizwe esimnyama iqala khona ekuqondeni umlando oqondile wenkolo nobuzwe baso!
3.Ukukholwa okuqondile kukwenza uNkulunkulu abe seduze kwakho, uma uNkulunkulu eseduze kwakho uba nokuhlakanipha kwasezulwini, okungatholakali kubantu abaningi!
4.Inkolo kaMenzi wezulu nomhlaba obizwa ngokuthi nguJehova yehlela esizweni samaHebheru ngoMprofethi uMose.
5.Le inkolo ephelele ngokwenqubo-mgomo wayo ngoba ichaza ngokuqondile ukuthi uJehova kumele simkhonze kanjani!
6.Ngaso sonke isikhathi abamhlophe basivezele umlando oyimbude, ukuthi amaHebheru kwakuyisizwe esimhlophe, kanti okuliqiniso ukuthi amaHebheru isizwe esimnyama, iningi lenzalo yaso esekhona phakathi kwethu, njengama Lemba eLimpompo!
7.Kodwa leliqiniso lokuthi amaHebheru akukaze kube yisizwe esimhlophe, alingeni kahle ezingqondweni zabanye abantu abamnyama.
8.Isizwe esimnyama asiboni ukuthi ukungazi ukuthi yithi amaHebheru, kudala izinkinga ezingakanani, ngoba nengane ekhula ingasazi isibongo sayo, iba nezinkinga eziningi engakwazi ukuzixazulula!
9.Inkinga enkulu esibhekene nayo ukuthi kuDutoronomi 28, uJehova wabaqalekisa okhokho bethu, manje lesi siqalekiso sisathwelwe yithina nzalo yabo!
10. Ngokungabi nalwazi lemuva lethu, lesi siqalekiso sizolokhu sinamathele kithi!
11.Okwesibili, ezindlini zethu sinesithombe somlungu esithi nguJesu uMsindisi wethu! Kodwa lokhu akusilo iqiniso.
12.Okuyiqiniso ukuthi esizweni sakithi akaze abe khona uMsindisi onguJesu!
13.LoJesu ungunkulunkulu wabezizwe, uMesaya wethu ogama lakhe nguYeshua, abezizwe bamchitha, base besakhela isithixo sabo okumele sisikhonze, sithandaze kuso!
14.Njengezi qalekiso eziku Dutoronomi 28, ukulahla uNkulunkulu wethu onguJehova, noMprofethi wakhe, okunguYeshua, akukwazi ukuba nomphumela omuhle ekucabangeni kwethu, ngoba uNkulunkulu wethu ukude nathi!
15.Engiqonde ukukusho ukuthi isizwe esimhlophe siyakwazi ukuPrograma ingqondo yethu, icabange lokhu okufunwa yibo, kungakhathaleki ukuthi umuntu ufunde kangakanani, nokuthi ukholwe kangakanani.
16.Okubuhlungu kakhulu ukuthi abamhlophe bayaye basebenzise abamnyama ukushaya labo abavula abanye izingqondo!
17.Lapha ngizonika isibonelo esaziwa yiwo wonke umuntu. Ngakhula sifundiswa ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe watshela abalandeli bakhe ukuthi uzoya ezulwini endiza njengo-Eliya.
18.Nempela kuthiwa eseNhlangakazi, waxhuma amaphiko emzimbeni wakhe, wathi uzama ukundiza wawa ematsheni, wafa!
19.Akakho umuntu omnyama ongayazi lendaba, ngoba yashunyayelwa kuzo zonke izimishini, yashunyayelwa emasontweni nasezikoleni.
20.Thina lenkulumo ngoShembe sasiyifufundiswa njengomlando wezenkolo eklasini.
21.Kodwa ngangithi uma umama ngimbuza ngalento, avele akhale. Ngakhula ngingakwazi okuyiqiniso!
22.Okwangidida ukuthi kuthe sengikhulile ngathola incwadi kaMafukuzela ethi USHEMBE.
23.UMafukuzela wayesondelene kakhulu noBabamkhulu, uMprofethi u-Isaya Shembe, ngangokuthi wonke umncwabo wakhe wawuhlelwa nguye.
24.Kulencwadi kaMafukuzela ngathola echaza ukufa kukaShembe ngendlela efanayo nale esiyitshelwa ngabazali bethu, ukuthi uShembe washona eMkhayideni, okuseRichards Bay, nokuthi washonela endlini eliqhugwane ngoba ngaleso sikhathi zazingakabi khona lezi zindlu esinazo.
25.Ngabuya futhi ngathola incwadi eyi thesis yomlungu owayesondele kakhulu kuShembe, uL.Roberts.
26.Lomlungu uShembe wahamba emhlabeni esanda kum-“interviewa” ngoba wayeqoqa lonke ulwazi ngenkolo yobuNazaretha!
27.Lomlungu kule thesis yakhe wayebhale konke ukuthi okokuqala uShembe waya kwaMhlabuyalingana, khona wafika wabhabhadisa abantu abangu 80, wabuyela eMkhayideni, lapho owafike wahlabeka khona, wabe esedlula emhlabeni.
28.Lomlungu wathi uyacabanga ukuthi ngoba uShembe wabhabhadisa abantu abaningi esemanzini, kungenzeka ukuthi lomkhuhlane wawuthola ngokuba semanzini abandayo isikhathi eside.
29.Kodwa konke lokho kwakungukuqagela, ngoba uShembe wafa nge natural cause, ngoba kwakungekho ngozi eyayenzekile!
30.Umbuzo owangihlupha kakhulu ukuthi pho, lemfundiso yokuthi uShembe wafa ezama ukundiza entabeni yaseNhlangakazi, yaqhamukaphi, kanjani?
31.Kodwa kwenzeka ngahlangana nencwadi engashicilelwe phansi, eyayibhalwe ngumlungu oyimissionary, efundisa oHlange, uMrs Wells.
32.Lomlungu, noma eyi missionary, wayemkhonze kakhulu uMprofethi, ejwayele ukumvakashela eKuphakameni, wakwemukela ukuthi uShembe wayengu mprofethi kaJehova njengabo bonke abaprofethi abaseBhayibhelini!
33.Uthi-ke uMrs Wells, zonke izimishini zaba nomhlangano eThekwini, kuzobhungwa ngokuthi engaqedwa kanjani uShembe, ngoba uma engaqedwa, uzothatha indawo kaJesu kubantu abamnyama, bese kufa umsebenzi wabo!
34.Uthi-ke uMrs Wells, kwathi uma umhlangano uphakathi kudingidwa ngamasu okuqeda uShembe, ngase ngisukuma ngibuza ukuthi njengoba sikhuluma kanje ngoShembe, ukhona yini phakathi kwethu owake wambona uShembe, nowathola ukuthi uShembe inhloboni yomuntu?
35.Kwasukuma uSuperindent of Missions, okwakunguye obize lomhlangano, wathi: “Angimazi uShembe, futhi angifune kumazi, konke engikufunayo ukuthi ngiqede ngaye ebusweni bomhlaba!”
36.Ngathi uma ngithola lenkulumo, kwase kuyangicacela ukuthi lemfundiso yokuthi uShembe wazama ukundiza wafa, yavela kuzimishinini zabamhlophe.
37.Engingakwazi ukuthi bakwenza kanjani ukuthi lelivangeli lokundiza kukaShembe ligcwale kubo bonke abantu abamnyama?
38.Kodwa kusobala ukuthi zimishini zabamhlophe ezafaka leli vangeli kubantu ukuze abantu bangaze bazi ukuthi esizweni sakubo kwake kwaba nomprofethi kaJehova! Kodwa uShembe wagcina nje engumprofethi wamanga!
39.Ngalemfundiso izimishini zazifuna ukuqeda ngoShembe, futhi zaqeda, ngoba isizwe esimnyama esikwaziyo ngoShembe ukuthi wayengumkhohlisi owazama ukundiza, wawa, wafa!
40.Kwathi sengiqede isikole, ngase ngiphumela eshashalazini, ngithi abavele obala abawaziyo lomlando wokufa kukaShembe.
41.Kodwa bonke bangena ezintangeni, kwatholakala ukuthi yinto abayifunziwe nje ngabamhlophe! Yilowo nalowo wathi: “Ngezwa kushiwo njalo!
42.Lapha ngiveza ukuthi ziningi izinto ezingekho, kodwa ubukhona bazo esikufundiswe ngabamhlophe, nathi sagcina sikholwa ukuthi zikhona!
43.Akakho ongaphika ukuthi sikhule siyesaba kangakanani i-ANC, sifundiswa ukuthi yiTerrorist organisation eyingozi enkulu kubantu abamnyama!
44.Safundiswa kakhulu ngamaKhomanisi angama Russia, nokuthi lesi sizwe uma sike sasiphatha laba eSouth Afrika singasigqilaza kakhulu!
45.Kodwa namuhla ngifisa ukucacisa ngodaba luka former Pressident uMsholozi.
46.Abanye bazokhumbula ukuthi ngaphambili ngake ngakhuluma kabanzi ngendaba yokugwetshwa kwaMsholozi eConcourt ngecala le Contempt of Court.
47. Okumele abantu bekwazi ukuthi sonke sifunda umthetho ofanayo, akukhathalekile ukuthi ungummeli, ungumshushisi, uyimantshi noma uyijaji, umthetho munye!
48.Mina ngaqala ukuba senkantolo ngingumshushisi ngo 1977, abaningi benu babengakazalwa.
49.Ngaba yimantshi yase District Court kusukela ngo 1985, ngagcina sengiyimantshi eRegional Court, engithathe impesheni ngo 2013.
50.Uma usube nguMehluleli enkantolo isikhathi eside njengami, i-Court Procedure uyaye uyazi ngekhanda.
51.Safundiswa ukuthi othetha amacala enkantolo akumele atholakale ezimbandakanya emihlanganweni yomphakathi, ngaphandle komhlangano oqondene nodaba olubhunga ngokuthuthukisa umthetho!
52.Isizathu salokho ukuthi akufuneki ukuthi uthi uyimantshi, ukwehlulela kwakho kwenze abantu basole ukuthi emphakathini ucheme nohlangothi oluthile!
53.Uma ubona ukuthi kunendaba osuyazi kakhulu, ongase ucheme kuyo, kumele uvele ungalithethi lelo cala, ngoba isisho somthetho sithi: JUSTICE MUST NOT ONLY BE DONE, BUT MUST BE SEEN TO BE DONE! (Ubulungiswa akudingi ukwenziwa kuphela, kodwa kudinga kubonwe ngabantu ukuthi kuyenziwa)
54.Kubalulekile ukuthi uma uzothetha icala, ungalwazi udaba ngaphambi kokuba lufike kuwe, kodwa uma kwenzekile ukuthi walwazi, uma ususenkantolo ungaluthathi ngokuthi uyalwazi, kodwa ulandele umthetho njengoba unjalo!
55.Kodwa into eyenziwe ngamajaji ase Con-Court kulamacala kaMsholozi, ikwenza udideke ukuthi kanti lokhu kuziphatha kwamajaji esihlale sifundiswa khona, akusebenzi yini kumajaji ase Concourt?
56.Angikaze ngizwe ukuthi i-Contempt of Court, engenzekanga enkantolo yakho, sekufanele icala layo liyothethwa yi Constitutional Court, okwaziwa kahle ukuthi le inkantolo yokugcina engena uma sekunqume zonke izinkantolo!
57.Kulelicala, okuyi contempt of court, kwahlangana amajaji angu 8 ukuzothetha icala elinesigwebo esizinyanga eziyisithupha, kungayikho ukuthi lelicala ledlulisiwe kulenkantolo!
58.Lokhu kuthetha lelicala yi Concourt kwakungubugebengu, lamajaji enzela ukuthi uma uMsholozi bemchitha ngecala angabi nandawo ozolidlulisela khona, njengoba kwenzeka nje!
59.Lesi senzo lamajaji babesazi ukuthi asigcini ngokuba unconstitutional, but it is fraudulent!
60.Lobu kube ubugebengu obenziwe ngamajaji emini kubuka noma ngubani, ngoba bazi ukuthi osekunqunywe yibo kungujuqu! This is a clear abuse of power!
61.I-Contempt of Court iyi Criminal offence ngoba uma ulahlwa icala, kufanele ugwetshwe.
62.Kuyi Criminal case umuntu ulethwa yi warning enkantolo, uma engezanga enkantolo, imantshi ikhipha i-Warrant of Arrest, ngayo umboshwa olandwa ngamaphoyisa emlethe enkantolo!
63.Angikaze ngizwe ukuthi kuyi criminal case kungathethwa icala lomuntu engekho enkantolo, engakaze akhishelwe i-Warrant of arrest emletha phambi koMahluleli! Lokhu kungenzeka kuyi Civil Case ngoba kuyo olahlwe yicala usuke engazukuboshwa!
64.Kodwa akukho Warrant of Arrest eyakhishelwa u former President, ngoba inhloso kwakungukuthi icala lakhe lithethwe engekho, balinqume, bamuse ejele engakaze aziphendulele! Le kwakuyinkantolo yasehlathini ephethwe ngamajaji ase Concourt!
65.Kuyi Contempt of Court, isigwebo esikhulu zinyanga eziyisithupha! Kodwa uJustice Zondo kwathi engekho ngisho enkantolo, wathi uMsholozi akagwetshwe izinyanga ezilishumi nanhlanu, nempela amajaji angu 8 uMsholozi amgweba kanjalo, enza lokho okushiwo ngu Chief Justice Zondo!
66.Uma wazi umthetho, uthi uyayifuna lento ukuthi yenzeka kanjani, kuvele kucace ukuthi i-South Afrika sekuyi Banana Republic!
67.Umuntu engakhushulelwa isigwebo uma eseke waba necala elifana nalelo ngaphambili, kodwa uMsholozi wavele wagwetshwa ngamajaji ngokusebenzisa inzondo uZondo onayo ngoMsholozi, umthetho wabekwa eceleni!
68.Iyiphi enye i-Contempt of Court uMsholozi owayegwetshelwe yona ngaphambili, ngayo eyenza agwetshwe izinyanga eziyishumi nesihlanu?
69.Kusukela ekuqaleni lelicala laliphethwe abezepolitiki, kodwa ngobugebengu abezepolitiki namajaji besebenzisa inkantolo ukushaya isitha sabo!
70.Yikho uChief Justice Mogoeng Mogoeng wavele wathatha i-leave wayohlala ekhaya, ngoba wabona ukuthi he cannot entertain this fraudulent act elijaji!
71.Ngakho-ke lenkantolo eyakhiwa i-Constitutional Court ukuthetha icala likaMsholozi was a Kangaroo Court, not a Constotutional Court!
72.Lesi senzo salamajaji kumele sigcine ngokuphenywa, abenzi baso begcine bebhekane nengalo yomthetho, kungakhathaleki ukuthi bangamajaji, ngoba bayisibonelo esibi ebuqothweni bezinkantolo sonke esithembele kuzo!
73.Sonke sizithole sesihlalele ovalweni ngoba sekucaca ukuthi leConstitutional Court ayisiyo iCourt, kodwa isiyisiswebhu esisetshenziswa ngabezepolitiki ukushaya izimbangi zabo!
74.Le sekuyi Mafia nje, enza noma yini ngoba yazi ukuthi akekho ozokwazi ukuyiphosela inselelo!
75.Lamacala-mbumbulu aze akapakela naku-Advocate Mkhwebane noJaji Hlophe, nodaba lwabo okusamele lucutshungulwe kabanzi!
76.Kodwa lenzondo engaka ngoMsholozi ayisuki kuRamaposa noZondo kuphela, kodwa isuka ezinhlanganweni zabamhlophe, ikakhulukazi iDA! Laba abamnyama bayasetshenziswa nje!
77.Omunye uthe le impi ye G7 neBrics, kodwa okushawa noma ngubani ozihlanganisa nayo, lapha eSouth Afrika okungu Msholozi!
78.Lento eyayenzeka kuMsholozi ayikaze inginike ukuphumula, ngoba uma kusho ukuthi umthetho uzophulwa ngamajaji e-Concourt ngalendlela, ngoba nje befuna ukufeza izinhloso zabo, kusho ukuthi iSouth Afrika njengezwe isenkingeni!
79.Ukuboshwa kwaMsholozi kwahlukumeza abantu abaningi, ngoba babebona ukuthi lesisenzo sinenzondo phakathi.
80. Kwaba yishwa ukuthi ekuzwakaliseni lokhu kukhathazeka, kwabe sekungenele nezelelesi!
81.Ukubuye ubone abantu bekuhalalisela kanje ukubuya kwaMsholozi kutshengisa ukuthi noma ungacabanga ukuthi uqedile ngomuntu, kodwa kuba nguNkulunkulu ogcinayo!
82. U-Advocate Sikhakhane uthe iningi Labantu abamnyama bayiswele kakhulu ingqondo eqondile.
83.Lokho ukubona indlela abanye abakhathazeke ngayo ngokuvela kwe MK Party.
84.Ukuba ayivelanga iMK Party, bekungenzeka ukuthi ngo 2024 lelizwe liphathwe yiDA, ngoba abantu banhlakanhla, abazi ukuthi benzani; into ebabusayo umona nokufuna izikhundla!
85. Isiwula kuphela esingafisa ukuthi lelizwe libuye liphathwe ngabamhlophe, bese ucabanga ukuthi ikhona into enhle omhlophe ongayenzela umuntu omnyama!
86.Baphi namuhla oLindiwe, oMaimane, oMashaba, nabanye ababa ngabaholi be DA?
87.Babona sebephakathi ukuthi bayizithombe nje, kodwa leli yiqembu elibekelwe ukuketula abamnyama lisebenzisa bona abamnyama, ngoba bayiziwula!
88.Ngaphambi kwesimemezelo nge Mk, amaqembu ezepolitiki abehlukene izigaba ezintathu: Kuyi EFF namadlela ndawone nayo, kube i-ANC ezimele, bese kuba iDA edlelana ne IFP.
89.Kodwa kulamaqembu i-ANC ibingasoze ithole ngaphezu kwa 50%, obekungase kwenzeke kube iDa ezogcina iphethe lelizwe labantu abamnyama!
90.Kodwa ngenxa yolobu buwula ebekuchazwa ngu-Advocate Sikhakhene, lelizwe lizogcina libuyele kwabamhlophe, lizobuyela kubagqilazi besizwe esimnyama!
91.Wonke umsebenzi kaNkulunkulu esikhulula ebugqilini njengabantwana bakwa-Israel, yithi manje esesivotela ukuthi sibuyele kulobo bugqili!
92.Abantu abamnyama babanga ithambo elingenanyama, esikhundleni sokuthi behlangane babe nohulumeni oneConstitution yabo, bathi leconstitution eyakhelwe ukuqeda ngabo i“best constitution!”
93.Sine Best Constitution, kodwa leBest Constituion ekhiqiza the Worst community!
94.Ngibe yimantshi kuhulumeni wobandlululo, kwaze kwaba yilo hulumeni. Zonke izinto zonakale phambi kwami ngiseBhentshini!
95.Namuhla kulukhuni kabi ukuthi iphoyisa libophe isigebengu, noma sesiboshiwe, ngisho sesiphambi kwenkantolo asigwebeki, ngenxa ye Justice system esetshenziswayo! Umthetho uvuna izigebengu kusuka phansi kuze kuyogcina!
96.Ngisho umuntu engabulala abantu abalikhulu phambi kwabantu, alivume icala, ngenke aze asithole isigwebo sentambo!
97.Ngisho engadlwengula abulale abafazi nezingane, angenke asithole isigwebo sentambo, ngoba asikho!
98.Kunalokho uyogcinwa ejele, abuye ondliwe yibo laba bantu oqede imindeni yabo!
99.Noma engeqa ejele, ephinde eyobulala, adlwengule abanye abantu, ngenke asithole isigwebo sentambo! This is the “Best Constitution” okukhulunywa ngayo!
100.Mhlawumbe ukuthi le Constitution is the best, yingoba igqugquzela ukuhushulwa kwezisu, igqugquzela ongqingili nabadayisa bomzimba, nokuningi okungamanyala okubhubhisa ubuntu esizweni sakithi?
101.Lamandla akumajaji yiwona azobhubhisa izwe, ngoba umuntu oyedwa unamandla okufaka izwe lonke ehlathini ngoba kuthiwa osekushiwo nguye kungujuqu!
102.Ukuthi wazi umthetho akuchazi ukuthi uneqiniso, futhi umthetho usuke ungaziwa nguwe wedwa!
103.Yilesi sizathu esenze amajaji eConcourt enze ubugebengu phambi kwethu ngaphandle kokuthi kube khona owaphikisayo!
104.Ngasho kudala ngathi akukho hulumeni, akukho mabandla, akukho maphoyisa azoqeda ubugebengu e-South Afrika, ngoba lobu bugebengu kokunye bakhiwe yi-Best Constitution!
105.Uma amaqembu abantu abamnyama ayazi ukuthi enzani, bekumele i-MK ihlangane ne EFF, neNkatha, nawo wonke amaqembu abamnyama, ukuze ephalamende bebe nobuningo obanele ukuba ngabo beshintshe lomthetho-sisekelo ozoqeda ngabo!
106.Uma i-Constitution isiphasile, sebengaqalake behlukane ngokwamaqembu.
107.Kodwa yonke lento abayenza manje ibonisa ukungazi ukuthi bafunani, kuzothi sebeyitholile inkululeko, bagcine sebephethwe yilesi sizwe ebesibacindezele, ngoba inkinga yabo isekhanda labo!
108.Sengathi uNkulunkulu unomsebenzi omkhulu okukhulula umuntu omnyama, hhayi ebugqilini kwezenhlala kahle, kodwa ebugqilini bengqondo!
1.Phakama Kuphakama
Ngegama leNkosi.
Zivuse zonke izizwe zakithi
Zisese buthongweni
Ngegama leNkosi.
Zivukele kuwe
WeKUphakama.
2.Sino sizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane.
Asina mkhululi
Ngaphandle kwakho.
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
3.Usidele ngani
Nkosi kangaka
Buyela kithi
Usithethelele.
Obaba bethu
Bona abasekho
Sithwele-ke thina
Izono zabo.
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siyavuma
Ebusweni bakho
Singa bakabani
Uma silahlwa nguwe
Buyela kithi
Nkosi yoxolo.
INkosi ibusise enikuzwile.
INkosi ibusise izwi layo!