AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.
Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo; ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo.
Isihlabelelo 190
1.Ngiyahamba ngikhathele
Ngiyahamba ngikhathele
Ngiyahamba ngikhathele
Ngiya kulelozwe lobomi
2.Lelo lizwe alidingi lutho
Siyohlala ngokwenama
Siyohlala noBongekile
Kulelo lizwe lokwenama.
3.Usizi alukho khona
Izinyembezi azikho khona
Siyohlala ngokwenama
Kulelo lizwe lokwenama.
4.Umfelokazi kabonwa khona
Ziyesulwa izinyembezi
Ziyoduduzwa izintandane
Kulelo lizwe lobomu.
5.Thina asikafiki kulelozwe
Kulelozwe lokwenama
Silangazelele kulelo lizwe
Kulelozwe lokwenama
6.Wozanini zihl[obo zethu
Siye kulelozwe lokwenama
Siyohlala kwanguna phakade
Kulelizwe lokwenama.
7.Bamenywa bonganini
Ngalelo lizwe lokwenama
Siyohlala neNkosi yethu
Kulelo lizwe lokwenama.
ABASEMATHUNENI BASIZWA KANJANI NGABASEMHLABENI.
1.Incwadi kaJohane 5:28: “Ningamangali ngalokho, ngoba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni bayakulizwa izwi layo, abenze okulungileyo baphumele ekuvukeni kokuphila, kuthi abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.”
2.Kubalulekile ukuthi uma sikhuluma ngendaba kaNkulunkulu sedlule eBhayibhelini, ngoba lokho kwenza sazi ukuthi esikukhulumayo akusuki kithi, kodwa nabaprofethi bangaphambili bakhuluma ngakho.
3.Lapha uYeshua uyachaza ukuthi ekufeni ngokwenyama umphefumulo uyavuka ubhekane nokwehlulelwa. Ekwehlulelweni abanye bachithwa icala, balahwe, kanti abanye bayaphumelela, bangene emzini oyingcwele!
4.Siyakholwa sonke ukuthi sizodlula kulesi simo, ngoba safundiswa ngobukhona baso ngumuntu owayevela ezulwini!
5.Ngesikhathi sikaMose uNkulunkulu akakhulumanga lutho ngokufa kwenyama bese kuvuka umphefumulo, kodwa wasifundisa ngesibusiso esenza umuntu akhule, nesiqalekiso esenza usheshe ufe.
6.Kodwa okufanele sikuqonde ukuthi mhlawumbe zimbili noma zintathu izizathu zalokho. Okokuqala uJehova wehla ezulwini waba semhlabeni, wahlala nabantu. Ngakho-ke ngaleso sikhathi izulu laliphakathi kwabantu, uNkulunkulu ehleli nathi.
7.Okwesibili, ekunikweni inkolo, bonke abakwa-Israel babephila ngomthetho kaNkulunkulu, iTheocracy, bese lapha emhlabeni.
8.Kodwa sebemhlubukile uNkulunkulu, bathunjwa, bagcina sebelahlekelwe iTheocracy, sebephila ngaphansi komthetho wezizwe ezibathumbile.
9.Ngakho-ke bengasakwazi ukuphila ngomthetho kaNkulunkulu, njengoba nanamuhla kusenzenjalo!
10.Kodwa ngalokho kwakungasho ukuthi umthetho kaNkulunkulu, nokujezisa labo abephule umthetho kaNkulunkulu sebephephile!
11.UYeshua wabe esesichazela ukuthi noma ungejeziswe uselapha emhlabeni, kodwa usufile ngokwenyama, umoya wakho usazokwahlulelwa!
12.Konke okwenzekayo usufile kuchazwe kabanzi nguMprofethi wethu, uMprofethi Isaya Shembe, (Ukuthula kube kuye). Okokuqala wabhala isihlabelelo 118, esifundeka kanje:
1.Lalelani nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhabhadiswe
Nize nisindiswe.
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amen haleluya
Balekani nonke zoni.
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
4.Amen haleluya
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
5.Bahleli kulelo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenaku khululwa.
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
13.Lesi sihlabelelo sichaza konke okuzokwenzeka kuwe uma uyisoni. Indaba yesihogo siyayifunda ezintshumayelweni zikaYeshua, kanjalo nezikaShembe, njengoba ecacisa kulesi sihlabelelo.
14.Kodwa kuba khona ukuziduduza, uthi, hhiya indlela nje abaprofethi abasethusa ngayo!
15.Kubaprofethi abake babakhona, akekho umprofethi owake wachaza umbuso wezulu njengoShembe uMprofethi.
16.Ngo 1931 uBabamkhulu uthi: “Sengihlale nani iminyaka eminingi, kodwa akekho ongibuzayo ukuthi ngingubani, ngivelaphi, anazi noma ngilindiya, noma ngingumlungu opendwe nje waba mnyama.
17.Uthi-ke uBabamkhulu: “Uma ngingase ngikuthathe ngikuse lapho nginimemela khona, bese ngikubuyisa lapha emhlabeni.
18.Bese ngithi ukuze ubuyele ezulwini, thatha ummese uzinqume intamo, angenke ungabaze ukuzinqumo ukuze ubuyele khona!”
19.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Umprofethi uhlala emkhathini bantabami, alindele isizwe esonile, ebese uNkulunkulu amthumela kuso.
20.UJehova ukhetha intombi nensizwa abanenhliziyo ehlambulukile, bese ebahlanganise ngothando.
21.Kothi sebethandana, bese uMprofethi ongumoya ehlela esizalweni sowesifazane, bese umntwana azalwe akhule njengabo bonke abantwana.
22.Kothi lapho uJehova esesebenza ngaye, bese embonisa ukuthi akasiye umuntu ofana nabantu bonke, kodwa unguMprofethi womkhathi.
23.Nginguye lowo mprofethi, ngikhuphuke intaba yeNhlangakazi ngingumfo kaMyekisi, kodwa kwathi ngiseNtabeni uJehova wangemukelisa isidlo sasezulwini!
24.Ngaso leso sikhathi kwanqamuka ukuba ngibe ngumuntu ozalwe ngumfazi nendoda, uMoya kaNkulunkulu wangembatha ngokuphelele!
25.Ngaba khona ezulwini, ngabakhona emhlabeni, ngabakhona ngaphansi komhlaba; zonke izidalwa zezulu nomhlaba, amatshe nezihlahla zahalalisela mina, ngaqonda ukuthi sekungokwesihlanu uNkulunkulu engithuma emhlabeni ezizweni ezahlukene!” Amen!
26.Manje-ke kukhona into abantu basemhlabeni abangayazi ngoShembe, ukuthi ukuthi Shembe ligama lakhe, kodwa akanasibongo sakwaShembe!
27.Kwase kuthi abantu abayinzalo yakhe becabanga ukuthi uShembe ngowakubo, kanti qha, ukude kabi nabo; lo umuntu ongazalwa umfazi nendoda, yasho njalo ingelosi kithi!
28.Ithi-ke ingelosi: “Ngelinye ilanga iNkosi iLanga iseyinsizwa yayisina esikoshini, uBabamkhulu ebukela umgidi nabamhlophe.
29.Base bebuza laba belungu bethi kwenziwa yini lomntwana wakho engaba naso isikhumba sabantu abamnyama, efane nama-Arab?
30.Wathi uMprofethi: “UNkulunkulu engakunika noma isiphi isikhumba ngokuthanda kwakhe. Kodwa lomntwana akasiye owakwaShembe, kodwa ngowakithi!”
31.Ithi ingelosi, badideka abelungu ukuthi usho ukuthini uBabamkhulu uma ethi: “Lomntwana akasiye owakwaShembe, kodwa ngowakithi!”
32.Ithi uShembe wayechaza ukuthi njengaye uBabamkhulu, iNkosi iLanga kwakungasiye yalapha emhlabeni, kodwa bobabili kwakungabantu basezulwini.
33.Ngelinye iLanga ithi kithi ingelosi: “Kompe nithi iNkosi iLanga yahamba emhlabeni mhla ka 19 December 1976, kodwa akunjalo.
34.Kwathi kushaya uDecember iNkosi iLanga kwakukudala yahamba kuleli lizwe. Lowamuntu akahlali esidunjini esigulayo!
35.Wathi uma esebona ukuthi lesi sidumbu sesiyagula, wavele wasishiya wabuyela ezulwini!” Amen!
36.Nathi sihlala nomuntu oyisimanga, osixoxela izindaba zikaBabamkhulu, zeNkoisi iLanga nezeNkosi iNyangayezulu bese lapha emhlabeni, kodwa yena umbuke kuyiNkosazane nje ocabanga ukuthi incane, kanti umuntu wasemandulo, izulu nomhlaba lingakabi bikho!##
37.Bengikhuluma ngokufa sonke esisabhekene nakho, ukuthi kukhona yini into umuntu osefile esingamsiza ngayo?
38.UShembe wakhuluma wajula ngohambo lomuntu osefile nokuthi sonke isimo sakhe simi kanjani.
39.Kwenye intshumayelo yakhe uBabamkhulu uthi: “Siyakholwa ukuthi kukhona ukungena emzini oyingcwele, lapho kubuthene khona abaseKuphakameni; kuJehova uMnini`mandla onke, uYise wabamkhonzayo.
40.Kulomuzi akungeni noma munye ogama lakhe alilotshiwe encwadini yokuphila.
41.Namuhla ngiyafisa ukuba nazi ngabafile, ukuze lowo nalowo alungise indlela yakhe; ngokuba kwelizayo kukhona ukuphila kanye nokufa!
42.Abafile yilabo abangangenile emzini oyingcwele; ngenxa yokuhamba kwabo obusebumyameni; bafumana ukufa okubuhlungu, okungukufa kwesibili!
43.Abaphilayo yilabo abazuza umusa, iNkosi ebavusa bengakwembethe ukubola, ibangenise emzini oyingcwele. Labo yibo abalidlayo ifa lombuso wezulu!##
44.Ngizwile abanye bethi ofile ufile. Angazi noma wake wakufuna yini ukuthi kwakuyini ukuvuswa kweNkosi emathuneni? (1 Petro 3:18-20.) Uma iNkosi yavuswa, kukhona ukuvuka kwabafileyo. Nxa kungekho ukuvuka kwabafileyo, kavuswanga naye uKrestu.
45.Nxa nithi nina bokukholwa, nimunye naye, nikuphika kanjani okuyiqiniso; nikuphika kanjani ukuthi okholwayo egameni likaYise, nelaKhe, neloMoya, naye uyovuka, ngokuba emunye nowavukayo?
46.Nina bantwana baseKuphakameni, yazini lokhu namhlanje; ubusisiwe ongamthuki uyise nonina athi bangamadimoni, njengokwenza kwabangaqondi; bephendukezela ivangeli, belenza indaba yabo yomdlalo.
47.Kuhle ukuba ngisho kini ngithi indawo yabaphilayo ikhona kini, kanye neyezingelosi. Ohamba ngokulunga, iNkosi iyomvusa, imngenise eParadesi, okungumbuso wayo osekuphileni okuphakade!
48.Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
49.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
50.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi ANISEKUWAKHONZA AMADLOZI, NOMTHETHO OTHI ANISAHLANGANI NABAFOWETHU ABENZA OKUNJALO; NGOBA ABENZA OKUNJALO BAYANENGEKA KUJEHOVA!
51.Bantwana bakaNhliziyo, ANISAYIKUBAHLABELA OKHOKHO BENU. KODWA OKWENU KUHLE UKUBA NIBAKHUMBULE ELATINI ELIKHULU EMZINI KAJEHOVA EKUPHAKAMENI, KUNOKUBA NENZE NJENGALABO ABANGENAYE UTHIXO!
52.Bantabami, ukufika kwethu kulomhlaba kwaba ukuzokhulula amathambo alele othulini lomhlaba, nemimoya yawoyihlo entuntayo; eyayihlala emathanjeni njengezinyoka.
53.Sesifikile thina boShembe, oyihlo bavuka emathuneni, bahlabelela bethi, “Kade sivalelwe, deda singene, simkhonze uJehova, namuhla avuliwe amasango.”
54.Uma ngabe abantu babazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
55.Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele.
56.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e-Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.”
57.Bantwana bakaNhliziyo, kukhona isigodi sosizi, kukhona abanhliziyo zabo zisekwahlulelweni, abasacashile nje, kodwa abalindele ukugwetshwa. Labo-ke yilabo abangamthandi uThixo!
56.Uma abalindi bebopha isigelekeqe, besivalela etilongweni, usihlawulela kuso noma kosibophile? Yebo isaphulamthetho sishweleza enkosini yomthetho, asishwelezi kuso.
57.Kanjalo nakoyihlo benu abasekuboshweni, nxusani iNkosi yomthetho ukuba ibageze, ibephule ematilongweni.
58.AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.
59.Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo; ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo.
60.Akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele.” Amen!
61.Ngalentshumayelo sivezela labo abasebancane nabafikayo kulokhu kukholwa, nabasafuna ukungena kulelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, ukuthi uShembe ayikho into ongafundisanga ngayo ngohambo lwethu lokuya kulowo muzi okhazimulayo!
62.Kwenye intshumayelo uBabamkhulu uthi: “Abantu abangakholwa balindelwe ukujeziswa okubuhlungu!
63.Ngesikhathi kuthiwa kunina landelani lokho uJehova akuvezile, bathi: “Cha, silandela lokho esafica obaba bekulandela.” Kuyilapho noYise babo babengaqondi lutho.
64.Umuntu ongakholwa uzitshela ukuthi njengoba yena emphika uThixo, ngeke ajeze, kepha akunjalo , lomuntu ufana nokuthi uma kuduma izulu lishaya umbani, bese yena uyacimeza, evala amadlebe, ngokuzitshela ukuthi ngeke limenze lutho, okungamanga aluhlaza, ngoba lizomshaya kunjalo.
65.Kunjalo ukuphika ubukhona buka Thixo, uyojeza uthanda noma ungathandi, akukhalelwa muntu esigodini sosizi!
66.Nani bemindeni yabo akukho eniyobenzela khona uma sebedlulile emhlabeni, kuphela ngumlilo ubusuku nemini, aninandlela yokubakhulula.
67.Ngaphandle kokubacelela intethelelo enkosini ngeminikelo, nangemithandazo. Nani niyoze nidlule emhlabeni nikwenza lokho!
68.Labo abafihla iqiniso elithize emthethweni ka Jehovah ayiloba ngenceku yakhe uMose, noma bekushintshe, noma bekuzibe, labo badla umlilo uqobo, futhi uNkulunkulu akasoze akhulume lutho nabo ngosuku lukuvuswa kwelizayo.
69.Labo bangabathengisa ngeqiniso ekukholweni, bayoba ngabancinyane embusweni weZulu.
70.UNkulunkulu uJehova uveze iqiniso eliphelele ngemithetho yakhe ebhalwe phansi, wayifundisa nangaba profethi kanye naba Priest.
71.Ngakho labo abangavumelani nemithetho ka Mose, baya ekulahlweni!
72.Ngempela uMdali akasoze akuxolela ukuhlanganiswa kwabanye onkulunkulu naye!
73.Ukuphika imithetho kaNkulunkulu kufana nokuthatha usathane ube ngumngane naye.
74.Usathane akabathembisi lutho abantu ngaphandle kwezinto eziyize, noma ubani ophula umthetho kaNkulunkulu uyokujezela lokho!
75.Anivunyelwe ukushintsha indalo, noma kusemzimbeni (amatattoo, nokunye) ngoba usathane unika abantu izinkanuko zezwe ezingavumelekile ezulwini!
76.Nina bokukholwa yamukelani incwadi yemithetho njengoba injalo, ningayinciphisi futhi ningayandisi, kepha hambisanani nesikhathi eniphila kuso, uNkulunkulu muhle futhi unomusa!
77.Qikelelani imithandazo ngazozonke izikhathi zayo, zinganendluli, ngaphandle uma kunesizathu kulungile.
78.Ungakhuleka uhamba noma usebenza, kepha uma ungenzi lutho kumele wenze umthandazo ngendlela ehloniphekile enesizotha, ukuze nizuze izibusiso kuThixo!
79.Nina bakholwayo emthethweni nakuba profethi niyisizwe esihle esiphakanyisiwe ngaphezu kwezizwe zonke.
80.Ukube bonke abantu abasontayo babekholwa ngeqiniso, ngabe kuhle kakhulu emhlabeni! Manje iningi labo lithi liyakholwa kodwa bayizaphula mthetho, usizi lukhulu kubo!
81.Lokhu kudalwa ukungakholwa yimibiko ka Nkulunkulu nakuba profethi, bavuma izimfundiso zabantu nje, baphika izimfundiso zezithunywa zaseZulwini!
82.Uma ungababuza ukuthi lendoda abayilandelayo ibatshelani ngo Jehova, noma ngomhla wokuphela, ngeke bakuphendule!
83.Baguqula imithetho kaNkulunkulu ngamasiko abantu angasizi ngalutho, kuphela aletha ukuhlupheka emhlabeni nokubhubha esihogweni kwelizayo.
84.Nina abakholwayo ngeqiniso kulemithetho kaJehova uNkulunkulu wenu, ningabi ngabangani nabangakholwa.
85.Ningasondelani nalabo abenza inkolo yenu inhlekiso nomdlalo, yesabani uJehova kanye nezithunywa zakhe zonke uma ningamakholwa eqiniso!
86.Ningabavumeli banithuke, banisabise nize nifune ukushintsha iqiniso lika Thixo nilenze umdlalo.
87.Nani nenze abaprofethi abaqambi bamanga, kepha qikelelani NINGAGUDLUKI KOKUBHALWE PHANSI, nilimele iqiniso enalamukelayo livela enkosini!
88.Nibagade labo abaphikisa imithetho ka Jehovah ngamaphupho abo, bayingozi ekuguquleni imithetho kaThixo!
89.Angithi uSathane usebabonile ukuthi bayayiziba imibhalo, bakhetha amaphupho, ngakho uzobadukisa kakhulu, no Nkulunkulu ubayekile ngenxa yokungaqondi kwabo imibhalo.
90.Ninjenge zimvu phakathi kwezimpisi, ngakho hlakaniphani njengezinyoka nibe mnene njengamajuba!
91.Kepha ningalungi kuze kweqe, ngoba nizosuke nivumele abahlubuki babuse enkolweni kaJehovah, KUMELE NIKUNQABE OKUNQATSHIWE EMTHETHWENI KAJEHOVA, nikuchithe impela ningavumi!
92.Ningakhohlwa uma senibabonisile, KEPHA BONA BEQHUBEKE BENZE INHLEKISA INKOLO KAJEHOVA, khumbulani umthetho othi ” iso ngeso!
93.Uma benishaya ngempama baphenduleni ngezinqindi ezilishumi, kepha ningakhohlwa yizixwayiso ezafundiswa nguJesu ngaphambi kokuphindisela.
94.Kuhle ukufela inkolo, ngoba labo abanjalo ababe besalinda ndawo, baqonda ngqo eParadise, uNkulunkulu ubalungiselele indawo ngakwesokunene sakhe!
96.Kanti anifundanga yini ngeNdodana ka Maria ukuthi nayo ayiqalanga ndawo, yavele yaqonda ngqo, futhi yabusa zonke izizwe, nanike ninayo indawo eceleni kwayo!
97. Labo abaphika inkolo ka Jehova, yilabo uNkulunkulu abaqalekisile, ababoni lutho emehlweni, baphika imibhalo ngendaba yokuqagela!
98.Uma benani bathi bayakholwa, kanti banamanga, uJehova ukwazi kahle konke abakwenzayo, ngeke basinde!
99.Iningi labo uzobabona ngokwenza izinto ezinqatshiwe emthethweni, bedle okuyisinengiso ngokuphika imibhalo, nembala bazi lokho nje.” Amen!
100.Ngifisa ukunikhumbuza ukuthi ekusungulweni kwalelibandla iNkosi iLanga yathi siyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, kodwa ekwenzeni lokho sithathele ezintshumayelweni zikaBabamkhulu efundisa amaNazaretha.
101.Kulentshumayela sicaphuna izimfundiso eziningi zikaBabamkhulu ngokuthi kumele ukukholwa kwethu kume kanjani.
102.Okokuqala uMprofethi uphikisa imfundiso yamanye amakholwa ayaye athi abafile bangamadimoni. Uthi: “Nina bantwana baseKuphakameni, yazini lokhu namhlanje; ubusisiwe ongamthuki uyise nonina athi bangamadimoni, njengokwenza kwabangaqondi; bephendukezela ivangeli belenza indaba yabo yomdlalo.”
103.Uma edlula lapho uMprofethi ucacisa ngokuhlabela amadlozi noma abafile, ukuthi umNazaretha akayenzi into enjalo. Uthi-ke uShembe:
104.“Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi ANISEKUWAKHONZA AMADLOZI, NOMTHETHO OTHI ANISAHLANGANI NABAFOWETHU ABENZA OKUNJALO; NGOBA ABENZA OKUNJALO BAYANENGEKA KUJEHOVA!
105.Bantwana bakaNhliziyo, ANISAYIKUBAHLABELA OKHOKHO BENU. KODWA OKWENU UKUBAKHUMBULA ELATINI ELIKHULU EMZINI KAJEHOVA EKUPHAKAMENI, KUNOKUBA NENZE NJENGALABO ABANGENAYE UTHIXO!”
106.Ngakho-ke noma kumaNazaretha singathola nhloboni yezinhlamba, kodwa kulelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba asibahlabeli abafile, asenzi msebenzi othinta abafile noma nganhloboni. Le imfundiso kaShembe!
107.Kuyimfundiso kaBabamkhulu ukuthi singathathi amasiko ethu siwakhweze phezu komthetho kaJehova. Uthi-ke uShembe:
108.“Ngesikhathi kuthiwa kunina landelani lokho uJehova akuvezile, bathi: “Cha, silandela lokho esafica obaba bekulandela.” Kuyilapho noYise babo babengaqondi lutho.
109.Lokhu kudalwa ukungakholwa yimibiko kaNkulunkulu nakuba profethi, bavuma izimfundiso zabantu nje, baphika izimfundiso zezithunywa zaseZulwini!”Amen!
110.Ziningi izinto ezingamasiko angaziwa enkolweni kaJehova. Kule soapie ethi “umkhokha” kubonakala amaNazaretha ethi akukhishwe umkhokha ngokushaya isidumbu.
111.Ngiyinzalo yobuNazaretha, kodwa angikwazi ukuthi ngokukholwa ukhipha umkhokha ngokushaya isidumbu!
112.Kuleli bandla yonke imikhokha ikhishwa ngokunikelelwa, ucele uNkulunkulu ukuba avale umkhokha noma ngowanhloboni, nozibulele umnikelele, umcelele intethelelo!
113. Ekhaya umnewethu umfundisi wafelwa zingane ezilishumi ngokulandelana, zibizana.
114. Kodwa ngelinye ilanga ingane eneminyaka emihlanu yavuka nephupho lokuthi kufike uShembe uBaba iLanga, waya emathuneni asekhaya, wahamba ewagqiba.
115. Waye esethi lengane ayisitshele ukuthi uselivalile ithuna lapha ekhaya. 116.Kumele njalo ngonyaka sinikele sonke nabantwana bethu ngozuka. Nempela n jalo ngonyaka sawenza lomnikelo.
117. Kusukela ngalowo nyaka wama 70’s kuze kube namuhla ayikho ingane eyake yabuye yafa kithi.
118.Nami nomfowethu omncane kusukela ngaleso sikhathi asikaze sifelwe ngumntwana!
119.Ngakho-ke abantu bengacabangi ukuthi lento esiyibona yenzeka ku “Mkhokha” ingubuNazaretha. Kodwa-ke angazi kumaNazaretha asekhonza nezangoma!
120.Uthi-ke uShembe: “Uma ungababuza ukuthi lendoda abayilandelayo ibatshelani ngo Jehova, noma ngomhla wokuphela, ngeke bakuphendule!
121.Baguqula imithetho kaNkulunkulu ngamasiko abantu angasizi ngalutho, kuphela aletha ukuhlupheka emhlabeni nokubhubha esihogweni kwelizayo.” Amen!
122. Lentshumayelo kaBabamkhulu iyisiprofetho kosekwenzeka kulelibandla likaJehova, lapho sesizakhele onkulunkulu bethu ebandleni likaJehova!
123. Uthi-ke uBabamkhulu: “Ngempela uMdali AKASOZE AKUXOLELA UKUHLANGANISA UJEHOVA NABANYE ONKULUNKULU!
124.Ukuphika imithetho kaNkulunkulu kufana nokuthatha usathane ube ngumngane naye.”
125. Kulelibandla asigcinanga nokuba nabanye onkulunkulu phezu kukaJehova, kodwa labonkulunkulu sebechithe yonke imithetho kaJehova!
127.Uma uthi uyayisola lento, uthukwa ngayo yonke inhlamba. Kodwa uShembe uthi:
128.“Nina abakholwayo ngeqiniso kulemithetho kaJehova uNkulunkulu wenu, ningasondelani nalabo abenza inkolo yenu inhlekisa nomdlalo, yesabani uJehova kanye nazo zonke nezithunywa zakhe uma ningama kholwa eqiniso!
129.Ningabavumeli banithuke, banisabise nize nifune ukushintsha iqiniso lika Thixo nilenze umdlalo. Nani nenze abaprofethi abaqambi bamanga!
130.Kepha qikelelani ukungagudluki kokubhalwe phansi, nilimele iqiniso enalamukelayo livela enkosini!
131.Njengoba sikhuluma nje, mina ngigcwele kuwo wonke ama social media, ngithukwa ngazo zonke izinhlamba!
132.Kodwa akakho othi lokhu esikushoyo kungamanga, kuphela sivinjwa ukuba sivezele umhlaba ukuthi akuselona ivangeli likaBabamkhulu leli! Sesiyesatshiswake!
133.Kodwa uBabamkhulu uthi: “KUMELE NIKUNQABE OKUNQATSHIWE EMTHETHWENI KAJEHOVA, NIKUCHITHE IMPELA, NINGAVUMI!
134.Ningakhohlwa uma seniba bonisile, KEPHA BONA BEQHUBEKE BENZE INHLEKISA INKOLO KAJEHOVA, KHUMBULANI UMTHETHO OTHI ISO NGESO.
135.Ningalungi kuze kweqe, ngoba nizosuke nivumele abahlubuki babuse enkolweni kaJehova!
136.Uma benishaya ngempama baphenduleni ngezinqindi ezilishumi.
137.Kuhle ukufela inkolo, ngoba labo abanjalo ababe besalinda ndawo, baqonda ngqo eParadise, uNkulunkulu ubalungiselele indawo ngakwesokunene sakhe!”
138.Lezi zintshumayele zikaBabamkhulu zingubufakazi bokuthi ukulwela inkolo kaJehova kuyisibusiso esikhulu ezulwini, kungakhathaleki ukuthi abasemhlabeni bakuthuka, noma bakusabisa kanjani!
139.Akusafuneki ukuthi sithi lenkolo ngekaJehova, kodwa noBabamkhulu uthi asiyivikele lenkolo kaJehova ingenziwa inhlekisa ngamahlubuka!
140.Kimi kwafika ingelosi ngo September 2010, yathi ithunywa ngamakhosi amathathu aseKuphakameni, athi lelibandla lizokwenziwa inhlekisa emhlabeni, kodwa sebethembe mina ukuba ngilivikele!
141.Namuhla kulelibandla sekunonkulunkulu ongumuntu esikhundleni sikaJehova! Sengizothula kanjani inkolo kaJehova yenziwa inhlekisa?
142.Mina akakho umuntu ozongithulisa ekuvikeleni inkolo kaJehova, lokho ngizimisela ukukufela, ngoba ngathunywa yiNkosi iLanga ukuvuselela lelibandla likaJehova!
iNkosi ibusise lokho enikuzwile!