Uthi uMprofethi u–Isaya Shembe ngo 1931, “UMprofethi uhlala emkhathini, alindele isizwe ESONILE, bese uJehova amthumela kuso.”
Uthi ke uShembe, “Nginguye lowo Mprofethi, sekungokwesihlanu uJehova engithuma emhlabeni ezizweni ezahlukene.”
Into okumele siyiqonde ukuthi uMprofethi wathunywa esizweni sakwaZulu ngoba SONILE ku Jehova,
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “NguJehova umxazululi wezinkinga zethu.”
2.“Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.” Yasho njalo inkosi uSolomoni.
3. La mazwi ayiqiniso, umuntu ongamesabi uJehova uyisiwula, kungakhathalekile ukuthi ngokwakhe uthi uhlakaniphe kangakanani, ngoba sonke ekugcineni sidinga umusa kaNkulunkulu.
4.UJehova wehlela esizweni samaHebheru, wasifundisa ngenkolo yakhe sonke eyilifa lemiphefumulo yethu.
5.Besahamba ngezimiso zakhe, uJehova wabenzela konke, abavikele ezitheni zabo ngezindlela eziningi, uma sebelambile ebehlisele ukudla okuvela ezulwini!
6.Kodwa uma sebemhlubuka, abayekelele ezitheni zabo zibanqobe, zigcine ngokubenza izigqila zazo.
7.Kodwa uma bephenduka, abakhumbule futhi, engazibali izono abazenzile, ngoba bengabantwana bakhe!
8.Ngokokukholwa kweqiniso, oMose babekhuluma noNkulunkulu, babike noma iyiphi inkinga ababhekana nayo, uJehova angenelele abephule kuyo!
9.Namuhla sesitshelwa ukuthi izimangaliso zikaNkulunkulu zagcina kuYeshua nabaPostoli. Yebo kunjalo, kodwa asizibuzi ukuthi kwenziwa yini lokho?
10.Iqiniso ukuthi emva kwaYeshua abezizwe bayiqeda inkolo ehamba ngokwezimiso zikaJehova, kwase kubusa lenkolo abasakhele yona!
11.Kwa-Israel kwakuthi uma uJehova esebashiyile abantu ngenxa yezono zabo, bese behlangana njengesizwe sika Jehova, bevuma izono zabo, bese uJehova uyabakhumbula!
12.KuNehemiya 9:1-2 kuthi: “Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa Israel babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.
13.Inzalo ka-Israel yazihlukanisa nabezizwe bonke, yayima ivuma izono zayo nokona kwawoyise.”
14.Ngenkathi isizwe sakwa Israel sizila, sikhuleka kuJehova, sasithunjiwe eBabylon, uNkulunkulu esiyekelele ezitheni zaso ngenxa yezono zaso.
15.Kodwa ngoba lesi sizwe sasiyazi indaba kaNkulunkulu, sahlangana, sivuma izono zaso nokona kokhokho baso.
16.Asazi ke ukuthi njengoba abezizwe basilsahlisa inkolo kaJehova, sachitha nemithetho yenkolo yakhe, namuhla kukhulunywa kanjani noNkulunkulu asizwe.
17.Lapha eMzansi Afrika uMprofethi owabuyisa inkolo ka Jehova nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye)!
18.NguShembe owafundisa amaNazaretha ukuthi asinayo enye inkolo ngaphandle kwale eyafika noJehova ngenceku yakhe uMose!
19.Uthi uMprofethi u–Isaya Shembe ngo 1931, “UMprofethi uhlala emkhathini, alindele isizwe ESONILE, bese uJehova amthumela kuso.”
20.Uthi ke uShembe, “Nginguye lowo Mprofethi, sekungokwesihlanu uJehova engithuma emhlabeni ezizweni ezahlukene.”
21.Into okumele siyiqonde ukuthi uMprofethi wathunywa esizweni sakwaZulu ngoba SONILE ku Jehova, akakufihlanga futhi uShembe lokho. Emthandazweni weSabatha wabhala lamazwi:
22.“Ningabi njengo baba benu oDingane noSenzangakhona, obaba bethu abazenza lukhuni izinhliziyo zabo, uJehova waze wabajezisa kanje, namuhla sesithwele izono zabo.”
23.Kuwo futhi umthandazo weSabatha, uShembe uqhuba athi: “UJehova ayikhumbule indlu kaDingana Senzangakhona echithekileyo, ayibuthe ekuchithekeni kwayo. Makenze njalo owenza iZulu nomhlaba phakade!
24.Nkulunkulu Nkosi yethu kwamukele ukuthandaza kwethu, kungabi ngokusho kwethu, kube ngokusho kwakho, makube njalo!” NJengamaNazaretha asicelele kuJehova intethelelo yesizwe sethu!
25.Ngaso sonke isikhathi uShembe wayehlala lesi sizwe esicelela intethelelo ku Jehova.
26.UShembe akasiye uMprofethi wokuqala ukuthunywa nguNkulunkulu esizweni ESONILE, uNkulunkulu wathuma uJona ukuba aye eNinive eyoshumayeza isizwe nenkosi yaso esasonile ku Jehova. KuJona 3:5-9 kuthi:
27.“Abantu base Ninive bakholwa kuNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.
28.Kepha izwi lafinyelela enkosini yase Ninive; yasuka esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.
29.Yamemeza, yasho eNiniva ngomthetho wenkosi nabakhulu bayo yathi: “Makungabi bikho muntu onambitha utho, bangadli, bangaphuzi manzi.
30.Kepha bazimboze ngendwangu yamasaka, kukhalwe kuNkulunkulu ngamandla, yebo, kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi, NASEBUDLOVENI OBUSEZANDLENI ZAKHE.
31.Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, axole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi na?”
32.Ukukhala kuJehova abase Ninive kwabasindisa ekubhujisweni ngu Jehova!
33.Uma uShembe efika kulelizwe, wabonisa ukuthi umuntu engakholwa engawalahlile amasiko akhe angaphambani nomthetho kaNkulunkulu.
34.Wafike wagqugquzela amaNazaretha indlela yokugqoka kwakwaZulu, wathatha isigqi sokusina kwamaZulu, kodwa wawenqabela amaNazaretha ukuba alandele amasiko aphambana nomthetho kaNkulunkulu!
35.Wawenqabela amaNazaretha ukuba ahube amahubo avusa usinga lokulwa!
36.Wawephuca izikhali zokulwa, izimboko zokugwaza abantu wazinqinda, wabuyisa ubhoko lukaMose, ngalo okuthandazelwa abagulayo baphile!
37.Amahawu okulwa wawanciphisa, alungela ukusinela uJehova!
38.Esikhundleni sokubongela umuntu ngokubulala abanye abantu, wathi asihlale sidumisa uJehova ngabantu osiphilisele bona!
39.Wenqaba ukuba amaNazaretha ashaye izaga zempi, kodwa wabanika izaga zokukholwa. Esikhundleni sesaga esithi, “Ikhalaphi induku zempi, sizwa ngosi, ikhalaphi!” wathi asithi:
40.“Yize umoya, yize umoya, uJehova uNkulunkulu, uThixo wethu uzichithile izitha zethu waziqeda nya!”
41.Waqamba amahubo amaningi okuhubela usinele uJehova, njengaleli elithi: “Deda singene simkhonze uJehova, sasivalelwe, namuhla avuliwe amasango. Livulwe ngubani, ubani ovula lelo sango, weMkhululi walezo ziboshwa!”
42.Wonke lamahubo oMprofethi anesigqi sokusina kwamazulu, kodwa ebe enomyalezo wokukholwa, ngawo uShembe wayeqonde ukuba bonke abantu bakwaZulu bahlukane nobudlova nezimpi, kepha badumise uJehova!
43.Abakho abantu abathanda ukubulalana njengesizwe samaZulu! Ngibe yisisebenzi sikahulumeni iminyaka eminingi sihlale silamula izimpi zezigodi.
44.Indlela lezi zimpi ezihlukumeza ngayo abesifazane, belala ezintabeni nezingane, kushiswa imizi, izingane zingafundi, lesi yisihluku esingachazeki!
45.Namuhla ngiyafisa ukukuveza ukuthi awukho umthandazo oyonqamula lokhu kubulalana kwamaZulu.
46.Akukho mthetho, kwaphoyisa, kwankosi, kwamfundisi ongakhuza kunqamuke lobu budlova obutholakala kulesi sizwe esiqedana ngemikhonto nezibhamu!
47.Okuyiqiniso ukuthi laba bantu ababodwa, banamaqunga abangawazi ukuthi avelaphi. Abanye bathi ukubulalana kwamaZulu lusiko-mpilo lwabo; kodwa akunjalo!
48.Ngelinye ilanga uBaba iLanga eshumayela uthi, “Ngithole isimemo eNdlunkulu, kuthiwa ngimenywa emkhosini ka Shaka.”
49.Wabe esethi, “Uyaye ungazi ukuthi ungabachazela uthini abantu, ngoba abantu basemhlabeni abaluzwa ulimi lwasezulwini.
50.Ukuba abantu bakwaZulu bayayazi indaba kaNkulunkulu, ngabe bazihlupha ngokomfuna uShaka ukuthi uNkulunkulu lapho ambeke khona uhleli kanjani!
51.Angazi noma kunokuhlakanipha yini ukuhlale udumisa umuntu ngemikhosi, kodwa ungenalwazi ukuthi njengamanje ukudunyiswa yinto oyidingayo yini!
52.Awazi noma umoya wakhe usawudinga yini lomkhosi; usawujabulela yini, noma udinga indlela ehlukile kunale yokumkhumbula.”
53.Lokhu kukhuluma kwaBaba iLanga kuyadinga ukulandelwa kwabafuna iqiniso ekuxazululeni lezi zinkinga zobudlova bethu!
54.Yonke into inomsuka nesizathu sokwenzekayo; ungakasitholi isizathu, awukwazi ukunqoba inkinga osuke ubhekene nayo.
55.Nakulokhu kubulalana kwesizwe samaZulu, kunomsuka okudinga ukulandelwa!
56.Isikhathi esiningi umoya womuntu ofile uyabuya uzohlala kwabaphilayo, usebenze ngabo. Uma umuntu efe elwa, umoya wakhe uhlale usempini uze ukhululwe ngabasemhlabeni kule mpi.
57.Kodwa futhi lo moya ulwa ngabasenyameni, abaphilayo babe nomkhokha wokuhlale bebulalana, kanti kuseyileziya zimpi zasemandulo.
58.Kuzo zonke izizwe zase Afrika, cishe asikho isizwe esasihlale sisezimpini njengesizwe sama Zulu kusekhona inkosi uShaka!
59.Isizwe sakwaZulu saba sikhulu ngokuhlasela sinqobe ezinye izizwe, sachitha igazi eliningi elingenacala.
60.Leso sililo sokubulawa kwabangenacala saye sezwela kuNkulunkulu onomusa, wabe esethuma uShembe ukulungisa lo monakalo.
61.Nanamuhla sisathwele izono zamakhosi ethu akudala. Igazi abalichitha lisesezandleni zalabo ukukholwa okusekude kubo; yilo elibenza behlale bevukwa yiqunga lokukhipha imiphefumulo engenacala.
62.Njengoba umkhuzi wempi kuyinkosi yesizwe, umlamuli wempi futhi yinkosi yesizwe!
63.Kungakho ke uShembe wathunywa emakhosini, ngoba ukukholwa kwenkosi kusho ukukhululeka kwesizwe.
64.Kungakho uMprofethi wezwakala esehlabelela ethi: “Uyabizwa nkosi Solomon, mntaka Dinuzulu, udumo luka Jehova luseKuphakameni.”
65.Noma kwaZulu emaningi amakhosi angamaNazaretha, nakuqondayo engikushoyo, kodwa akusiwo wonke alemukelayo leli vangeli.
66.Isizwe esinenkosi esaba uJehova njengenkosi uDavide sisuke sinenhlanhla!
67.Lenkinga idinga isixazululo ngokulandela inqubo yokukholwa equkethwe liBhayibheli, ngoba singamakholwa!
68.Ukuyilungisa ngenqubo yosiko lwesiZulu angenke kusisize, ngoba asiboshiwe ngokhokho bethu, KODWA KUBOSHWE OKHOKHO BETHU, BEBOSHWA NGUJEHOVA NGEZIPHAMBEKO ZABO!
69.Lezi zimpi zonqamuka mhla sabuyela kuJehova namakhosi ethu, njengoba kwenzeka eNinive!
70.Kodwa lokho akukwazi ukwenzeka uma uMkhosi kaShaka usaqhutshwa ngendlela oqhutshwa ngayo, lapho amabutho esaviviyela ngamahubo nezaga zezimpi, etshela abasemoyeni ukuthi sisesempini!
71.Ngaleso senzo sisabikela amabutho asemoyeni ukuthi lezi zimpi abafa bezilwa, zisabusa emhlabeni!
72.Sisavusa imimoya eyafa isezimpini, neyabulawa kabuhlungu ezimpi, sithi ayiqhubeke ilwe!
73.Le mimoya ivukela kubantu, bese ngabo iqhuba izimpi zasemandulo!
74.Kungakuhle uma lo Mkhosi ungenziwa isiKhumbuzo, ngawo sihlanganyele ukuzokhala kuJehova, sizile ukudla njengesizwe, sivume izono zethu nezono zokhokho bethu, njengoba kwakwenza isizwe sakwa-Israel.
75.Kumele sinxuse ku Jehova ukuba aqede izimpi esizweni sethu.
76.Ngalokho sobe sinikeza umyalezo kubo bonke abafa besezimpini, ukuthi impi ayisekho, kodwa sekubusa umthetho ka Jehova othi UNGABULALI!
77.Umthandazo wamakholwa eholwa yiSilo, unomyalezo kwabasemoyeni othi izimpi nokuchitheka kwegazi sekwedlula, abantu sebabuyela ekukhonzeni iNkosi yoxolo, okungu Jehova!
78.Ngiyazi ukuthi lokhu kukhuluma okwamanje kuseyinhlekisa kwabaningi!
79.Kodwa kuza isikhathi lapho lokhu kukhuluma kophoqa wonke umuntu ukuba akucabange, akulandele, lapho ke kobe sekub hubhe sonke isizwe!
80.Alikho elinye ikhambi lokususa lemimoya kubantu, ngaphandle kwekhambi elaqhamuka noMprofethi owaye thunywe ngu Jehova phakathi kwalesi sizwe.
81.Asazi-ke noma kukhona yini ababona ukuzigqaja ngobuzwe namasiko ethu kubaluleke ngaphezu kokubhubha kwesizwe!
82.KuSihlabelelo 120 uMprofethi uthi: “Asikho esinye isisekelo kuwena Afrika, uJehova kuphela isisekelo sakho!”
83.Ezimweni ezinje kuyaphoqa ukuba sime ezindleleni sibone, sibuze imikhondo yasendulo, ukuthi iphi indlela enhle, sihambe ngayo! Kodwa abanye bathi: “Ngenke sihambe ngayo!”
INkosi ibusise izwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala kufacebook no Youtube othi Rev. Mpanza NCG.