Oral history revealed that Shembe was a charismatic leader, a renowned healer, an unflagging worker, a splendid organiser, a treasure house of wisdom, a patriotic Zulu, an adaptable traditionalist, an ardent Bible reader, and one who untiringly called his people back to the Commandments of God!”
Isihlabelelo 71
1.Nkosi yami ubungithanda
Zingakaqini izintaba
Kwaphakade wangigcoba
Ngiwukuqala kwendlela yakho.
2.Ngingumsebenzi wakho wasendulo
Ingakaqini imimango
Nemithombo yamanzi
Ingakampompozi ngamandla.
3.Nemithombo yemifula
Ingakampompozi ngamandla
UJehova wangidala
Ngaphambi kwendlela yakhe.
4.Ukujula kungakabi bikho
Kukade sengizelwe
Engakalezi leli zulu
Kanye nalomhlaba.
5.Nelanga lingakakhanyi
Emkhathini waleli zulu
Nenyanga ingakakhanyi
Emkhathini walomhlaba.
1.Lenyanga iyisikhumbuzo sikaShembe uBabamkhulu, ngoba wahamba emhlabeni mhla ka 2 May 1935, eseneminyaka cishe engaphezulu kwengama shumi ayisikhombisa.
2.Ngaphambi kokuba sikhulume kabanzi ngemisebenzi kaShembe, sizonikeza umlando wakhe omfisha ukuze abantu bazi ukuthi sikhuluma ngobani.
3.UMprofethi uShembe, owaziwa ngelika-Isaya, wayezalwa nguMayekisa kaNhliziyo kaMzazela. UMzazela wayakhe kwaCezwa eMahlabathini.
4.Ngesikhathi sezimpi zakwaZulu kwafika izwi lathi akasuke KwaZulu eyokwakha eNtabamhlophe, esifunda nkantolo sase Escourt ngaphansi kwesenkosi uLangalibalele Radebe.
5.Asazi noma uMzazela waya esezelwe yini uNhliziyo eNtabamhlophe, kodwa esikwaziyo ukuthi uMayekisa waganwa uNhlizyo esese Ntabamhlophe.
6.UMayekisa waganwa yintombi yakwaRadebe, uSitheya. UMntwana wokuqala kaSitheya owabe engumgumfana kwakungu Bheshu, owashona esemncane, kwase kuthi emva kwakhe sekuzalwa uMdliwamafa.
7.Igama lokuthi nguMdliwamafa waliqanjwa nguyise uMayekisa. Kodwa uyisemkhulu uNhliziyo wamqamba igama lokuthi nguShembe kanti futhi lesi kwakuyisibongo sakhe, igama elithi ‘Isaya’ walithola eBhajadiswa ngo 1906. Igama elithi ‘Shembe’ uBabamkhulu ilona owaziwa ngalo impilo yakhe yonke.
8.Kwathi uShembe cishe eneminyaka engu 9 kuya ku 10, uyise uMayekisa wabe eseyokwakha epulazini elise eNtabazwe, eHarrismith, lapho uShembe owakhulela khona.
9.UShembe wayengafundile, nabazali bakhe kungabantu besizulu, bengazi lutho ngenkolo yabezizwe, kodwa bazi ukuthi obasi babo bangamaKrestu.
10.Kwathi cishe uShembe eneminyaka engu 12, elusile entabeni, kwase kuqhamuka umbani owashaya phambi kwakhe, kwavela izwi likhuluma liqondise kuye, lathi: “Guqa ngoba umi phambi kweNkosi yakho.” Waguqa uShembe. Lase lithi: “Thandaza!”
11.Uthe esazibuza ukuthi athandaze athini, wabe esezwa isondo liphenduka esifubeni sakhe. Khona lapho wazithola esethandaza. Kwathi uma lima lelisondo, wabuya waba sesimweni sakhe.
12.Ngelinye futhi ilanga ekhona entabeni, leli lizwi labuya lafika kuye, labe selithi akahlabelela. Kuthe esecabanga ukuthi uzohlabelela athini, wezwa futhi sekuphenduka isondo esifubeni sakhe, wazithola esehlabelela ihubo ongazi ukuthi livele kanjani. Emva kwalokho wayesehlala ngokuthandaza.
13.Ngelinye ilanga uthe ethi uyathandaza, wabonwa yintombazana ehlala naye enkopholo. Lentombazana yabe isitshela isikwata ukuthi ibone uShembe ethandaza. Isikwata samhleka kakhulu ngalesi senzo sakhe, sithi ufuna ukulandela inkolo kabasi!
14.Ngelinye ilanga kwafanele eyosebenza ekhaya lomlungu nalentombazana. Lentombazane yabe isimkhombisa iBhayibheli elaliphezu kwetafula, yathi lencwadi iqukethe izindaba zeNkosi!
15.Kodwa leliBhayibheli lalibhalwe ngesingisi, yena engakwazi ukufunda ngisho isizulu!
16.Kodwa yamkhathaza indaba yokuthi lencwadi inezindaba zeNkosi, wabe eselangazelela ukwazi ukuthi leNkosi ekhuluma kulencwadi yehluleke kanjani kule eyaye ifike kuye esentabeni.
17.Kwathi esalokhu eninga ngalento, kuthe elele ebusuku, wazibona esesezulwini efundiswa leli Bhayibheli.
18.Leli phupho lalilokhu lifika kuye, kwathi ngobunye ubusuku wabe esetshelwa esephusheni ukuthi akavuke aye kwelinye ipulazi elalinama Krestu afike acele iBhayibheli.
19.Nempela wavuka wathatha ihashi waya kulomuzi, wathola uBaba wakhona. Wathi uma emtshela lendaba, wamtshela okuthunyiwe. LoBaba wavele wakhipha iBhayibheli elisha, owathi walinikwa nguMfundisi.
20.Walemukela uShembe wabe useyalifunda. Wamangala lobaba ngoba uShembe wayethe akakwazi ukufunda!
21.Ngesonto elilandelayo lomnumzane wamthatha uShembe waya naye ebandleni lakhe, iWeseli, wafika wamethula kumfundisi womlungu, wamchazela ngesimanga salomfana.
22.Ngesonto elilandelayo umfundisi wathi inkonzo ayiphathwe nguShembe. Wathi uShembe uyaqala ukuhlabelela, abantu bavele bakhala amadimoni, abanye baphuma ngamafastela babaleka!
23.Wabona lomlungu ukuthi lomfana unomoya ongcwele. Ngesonto elilandelayo lithe lithi licela ukuba kubuye kushumayele uShembe, umfundisi womlungu wenqaba! Lonke ibandla laphatheka kabi.
24.Lomfundisi wabe esembiza uShembe, esemtshela ukuthi uyambona ukuthi unomoya ongcwele, ngakho-ke asikho isidingo sokuza enkonzweni, kodwa akaye ezigangeni eyoshumayeza abahedeni
25.UShembe akakwezanga lokho, emva kwalokho wavele wabuyela empilweni yakhe endala.
26.Nokho zimbili izinto ongabanga esahlukana nazo. Ngaso sonke isikhathi wayehlale elifunda leliBhayibheli, futhi njalo ekushoneni kwelanga eye esiguqweni eyothandaza!
27.Wabuyela ekubeni yinsizwa yomZulu eyayiligagu lokuhlabelela, ihlabelela eshaya inkositini!
28.Waganwa, kodwa kwathi eseganwa ngunkosikazi wesine, kwathi ntambama eyothandaza, wazibona esehamba emkhathini, wabe esebona abantu abangumoya, nabo behamba emkhathini bude buduze naye, kodwa bengaphezu kwakhe, emahlombe abo kubhalwe ukuthi “SHEMBE”.
29.Omunye wabo wangena kuShembe emahlombe akhe, wamuzwa esekhuluma esengaphakathi kwakhe. Lesi sibonakaliso side kakhulu, kodwa ekugcineni lomuntu wagcina emtshela ethi: “Wena unguShembe, ngoba lapha phakathi kuwe kuhlala mina Shembe!”
30.Emva kwalokho kwaba nezwi elithi akehlukane namakhosikazi akhe, okwathi uyakwenqaba lokho, labulala abantwana abayishumi, wagcina esesele nabayisithupha.
31.Leli lizwi lathi akabuyele akahambe eyoshumayela eMpumalanga. UShembe wafika lapha eNatal mhla ka 10 March 1910.
32.Lapha nginike kafuphi umlando kaShembe, kodwa namuhla ngiqonde ukuveza imisebenzi yakhe ebonisayo ukuthi lo kwakungumprofethi kaJehova!
33.Ukuthi ‘uShembe yinkinga’ ngamazwi akhulunywa nguMafukuzela uma ebona isimanga salomunntu, ngazo zonke izinto owayezenza noma ezikhuluma ekuphiliseni abantu!
34.Baningi abamhlophe ababhala okuningi ngoShembe, abagqame kakhulu nguProfessor Oostheizen no Dr Bekker.
35.UProfessor Oostheizen wabhala izinto eziningi ezingamaphutha, kodwa okwathi emva kwesikhathi wazoxolisa, esho ukuthi wabhala izinto ezinye ezingawona amaqiniso.
35.Omunye umbhali echaza uShembe wakhuluma kanje ngoShembe: “Shembe was one of the greatest charismatic leaders this world ever produced. Ngokobuholi umlinganisa noMose waseBhayibhelini.
36.Uthi ke: “UShembe wakwazi ukwakha isizwe sasezulwini phakathi kwesizwe samazulu. AmaNazaretham ngendlela yokuziphatha kahle, aba yisizwe esingcwele esehluke kakhulu kunamaZulu angaleso sikhathi!
37.Ngisho uma abamhlophe befuna umuntu ozobasebenzela, kwakufunwa umNazaretha, ngoba babengabantu abaphila impilo yobungcwele njengamaHebheru ngesikhathi sikaMose!
38.Uthi-ke lombhali: “Ngobugagu nobumbongi, eBhayibhelini uShembe singamfanisa nenkosi uDavide, ngoba wayekwazi ukuqamba amahubo amaningi okudumisa uJehova.
39.Waqamba amahubo angaphezulu kuka 200, wabhala nemithandazo, umthandazo wokulala, wokuvuka kanye nomthandazo wesabatha. Wabhala incwadi efundwa uma kungcwatshwa, kanye nencwadi yokubusisa abantwana.
40.Wayengagcini ngokubhala amahubo, kodwa wabe eligagu elikhulu lokusina nelokuhlabelela! Wayekhuthele ngendlela eyisimanga!
41.Ngobuprofethi, lombhali uShembe wamfanisa no-Isaya waseBhayibhelini. UShembe ngaso sonke isikhathi wayeshumayela, esindisa abantu, enza izimangaliso ezinhlobonhlobo, kodwa futhi eprofetha ngezinto ezizokwenzeka.
42.Weprofetha ngokufika kwe World War 2, waprofetha ngokwakhiwa kwe-University of Zululand, waprofetha ngokukhululeka kwe South Afrika igcine isiphethwe ngabantu abamnyama. Kusihlabelelo sesabatha uthi:
43.“Wasibusisa phezu kwemizi yezitha zethu; wabachitha ngengalo enamandla; wasihola ebusweni bezitha zethu; sabusa phezu kwamagquma nezintaba zawo, zasibheka zijabhile zingenakusho lutho!” Lezi zitha owayekhuluma ngazo kungabamhlophe!
44.Ngokwenza izimanga nangokuphilisa, lombhali uShembe umfanisa noJesu. NjengoJesu, ayikho inhlobo yokuphilisa uShembe owayengayenzi.
45.Uyaqhubeka lombhali uthi ngokuhamba izwe lonke ehamba eshumayela, eBhayibhelini uShembe singamfanisa noMpostoli uPaul.
46.UBabamkhulu wasuka eKuphakameni, okuseNanda, wayihamba yonke indwedwe waze wayofika eVerulem, wedlulela oTongaat waze wayofika eStanger, Groutvile waze wayogcina eMsinga.
47.Waqonda eSouth Coast waze wayoma ngomfula uMzimkhulu; wakhuphuka wabheka enyakatho wawela uThukela wakhuphukela eNdulinde, wedlulela kuwo wonke amakhosi asesifundankantolo saseShowe nesaMthunini, ehamba akha amathempeli.
48.Wawelela eMpangeni, waze wayofika kuyisifundankanto saseMtubatuba, wedlulela kwaHlabisa, waze wayofika kuyisifundankantolo sasoBonjeni, wedlula waze wayogcina eNgwavuma, wangena phakathi nezwe kwaNongoma waze wayofika eVryheid!
49.Kuzo zonke lezi zifundankantolo wayehambela amakhosi afike akhe izimishini eziningi ezibizwa ngokuthi amathempeli, futhi zonke lezi zindawo ezihamba ngezinyawo!
50.UShembe akafikanga eSwatini ngenyama, kodwa wafika ngomoya! Sizobuye sisichaze kabanzi lesi simo!
51.UProfessor M.C. Kitchof owayeyi Dean yeenkolo e-University of Zululand uma echaza uShembe wabhala kanje:
52.“The message of Shembe was simply this: “cleave to Jehovah, serve Him, love Him, pray to Him and listen carefully to His words!
53.Free from sexual immorality, be honest, respect and love one another, be obedient in parents and higher authorities, resist the desire for money, restrain the tongue, work diligently, be kind to animals, be merciful and full of compassion, be humble and forgive one another….”
54.Oral history revealed that Shembe was a charismatic leader, a renowned healer, an unflagging worker, a splendid organiser, a treasure house of wisdom, a patriotic Zulu, an adaptable traditionalist, an ardent Bible reader, and one who untiringly called his people back to the Commandments of God!”
55.“Umyalezo kaShembe wawuthi: “Namathelani kuJehova, nimkhonze, nimthande, nithandaze kuye; khulekani kuye futhi nilalelisise amazwi akhe!
56.Niziqhelelanise nemikhuba enengekayo yocansi, nithembeke, nihloniphane futhi nithandane, nibalalele abazali benu nabaniphethe, nizithibe enkanukweni yemali, nilawule ulimi lwenu, nisebenze ngokukhuthala okuhambisana nokucophelela.
57.Nizithande izilwane, nibe nesihe futhi nizwelane, nibe ngabathobekile, futhi nithethelelane!”
58.mlando ubonisa ukuthi uShembe wabe engumholi onethonya lokuthandwa ngaantu, engumsindisi owaziwayo, engumsebenzi ongapheli amandla, engumhleli oyisimanga, eyinqolobane yenhlakanipho, engumZulu obazisayo ubuzwe kanye nezwe lakubo, engumuntu wamasiko emvelo ahambisana nezimo.
59.Engumfundi weBhayibheli oyisimanga, nowabuyisela abantu bakubo eMiyalweni kaNkulunkulu ngaphandle kokuphela amandla!”
60.UMrs Wells owayeyi missionary, kodwa emkhonze kakhulu
uShembe, ehlale emvakashela, wamchaza kanje uMprofethi:
61.“We believe that Shembe has a message from God for this age, just as through the Lord’s tender mercies, prophets, voices have always arisen in the past at times of crisis, to reveal His power and will, to correct error and to emphasise Truth, or to bring to light the hidden things of darkness!”
62.“Siyakholwa ukuthi uShembe unomyalezo walemihla ovela kuNkulunkulu, njengalokhu ngokomusa weNkosi amazwi abaprofethi abelokhu evela ngezikhathi ezedlule ngezimo zezibhicongo, ukuze baveze amandla nentando yakhe ngenhloso yokulungisa iphutha nokugcizelela iQiniso noma yokuveza izinto ebezifihlwe ebumnyameni!” Amen!
63.Isimangaliso esikhulu ngoShembe ukuthi wabe ekwazi ukuba sezindaweni eziningi ngesikhathi esisodwa, enye ingxenye yakhe ingumoya(spiritual)!
64.Lesi simo angikaze ngifunda ngaso ngisho eBhayibhelini. UJesu wayezenza izimangaliso, kodwa asikaze sibe nesigameko lapho wayeba khona ezindaweni eziningi ngesikhathi esisodwa.
65.UBabamkhulu wayeba yisimo somoya esaphila, lokho kubonwe ngabantu bonke!
66.Ngiyayikhumbula indaba yekhehla lakwaMjadu eNelisiwe. Lathi liphuma esiguqweni sika 12 ebusuku, labona umprofethi esehamba egcekeni khona lapha ekhaya.
67.UMjadu wabiza umndeni wonke khona ebusuku, bahlala naye uBabamkhulu kwaze kwasa bexoxa naye.
68.Ekuseni bamphekezela eseya esiteshini eMzingwenya ngaseSikhawini, bamgibelisa isitimela esibheke eNyakatho.
69.Kuleso sitimela esasisuka eThekwini, kwehla umkhokheli esengilikhohliwe igama lakhe, wathi lomkhokheli usuka eKuphakameni uthunywe nguBabamkhulu.
70.Bathi oMjadu, kodwa njengoba silapha nje kade siphekezele uBabamkhulu ongene kuso lesi sitimela owehla kuso, wathi uya eNyakatho?
71.Uthi lomkhokheli: “Cha, njengoba ngilapha uBabamkhulu ngimshiye eKuphakameni, ngithunywe nguye ukuza lapha!”
72.Esinye isigameko esinjalo ngesika Jabulani Zulu. UBabamkhulu wafikela eMkhuphane ngaseSwatini kumfana wakwaZulu ogama lakhe nguJabulani.
73.Wayefikela ezinkomeni, wagcina esefika ngisho esekhaya, ezichaza ukuthi unguShembe, wathi akatshele abazali bakhe bagcine isabatha.
74.Kulomuzi kwakufuwe izingulube eziningi, abazali bakaJabulani bondliwa yizo.
75.Wafika uShembe wathi uJabulani akabatshele abazali bakhe ukuthi bazichitha izingulube lapha ngoba ngoba ziyisinengiso kuJehova. Benqaba laba bazali bathi bondliwa yizo lezi zingulube.
76.Ngelinye ilanga izingulube zavele zaphuma esibayeni emini zabaleka zaduka unomphela, zaphela kanjalo izingulube kubo kwajabulani.
77.UShembe onguMoya wayaye afike eMkhuphane enze inkonzo nalamaNazaretha, futhi bemazi ukuthi unguShembe! Angazi noma babazi yini ukuthi lomuntu abahleli naye ungumoya?
78.Kodwa ngelinye ilanga uBabamkhulu watshela uJabulani ukuthi uzothuma abantu baseKuphakameni bezomlanda ngoba ufuna ukuba ayohlala eKuphakameni.
79.Ngapha eKuphakameni, loShembe oyinyama wathuma abashumayeli ukuthi bathathe isitimela beye eGolela beyohlangabeza uJabulani.
80.Bahamba laba bashumayeli ngesitimela baye bafika eGolela. Bathe behla esitimeleni, bambona lomfana ehamba eqalaza esesiteshini sesitimela.
81.Bathe uma bembuza ukuthi ufuna bani, wathi ufuna abantu abavela eKuphakameni, uthe uShembe uzobathola lapha esitimeleni. Yaba isimanga lento, ngoba nabo babethunywe nguShembe!
82.Bamthatha uJabulani beza naye eKuphakameni. Esesekuphakameni wayehlala endlini yesonto eshaya insimbi impilo yakhe yonke.
83.Nami ngake ngaya kuye ngiyombuza ngalezi zindaba, nokho ngathola ukuthi useguge kakhulu, akasakwazi ukukhuluma aqondise!
84.Enye indaba eyisimanga ngeyokufika kukaShembe eSwatini kumfana wakwaHlophe owagcina esengumfundisi kulelibandla, nokwagcina sekunethempeli eSwatini elakhiwa nguHlophe ethunywa nguBabamkhulu owayefika kuye ngomoya. Ngike ngayioxoxa lendaba!
85.Ayikholeki indaba yokuthi uBabamkhulu wayefika kuHlophe elusile, bese ethi akaye esikoleni eyofunda, yena esale emelusela izinkomo.
86.UHlophe wafakwa nguShembe onguMoya esikoleni, okwathi sekufanele ebhajadiswe emaRomeni, wafika kuye uShembe, wamenqabela, wathi: “Wena ungundisi wami.”
87.Ngifisa futhi ukunikhumbuza lendaba elandelayo, noma ngake ngayikhuluma ngaphambili.
88.Kwakunomnumzane esikhawini owayehlale exoxa indaba yakhe yokubanjwa yingwenya.
89.Ngendlela lendaba
eyayingakholweki ngayo, kwathi ngo 1985 ngiseMbumbulu, nganquma ukuya eSikhawini ngozizwela mina ngokwami yonke indaba yalomnumzane wakwaNdunakazi.
90.Ngamfica ekhona emzini wakhe, ngase ngimtshela ukuthi ngize ukuzoqoqa lomlando wakhe wokubanjwa yingwenya.
91.Wangithatha waya nami echibini icubhu, kulendawo lengwenya eyambambela khona.
92.Safike sahlala khona kuleyondawo, wabe esengitshela ukuthi wabe esengumfana, beluse izinkomo ekuseni kulisabatha.
93.Izinkomo bazifaka kulelichibi elikhulu kakhulu, iCubhu, yena enye inkomo eyayisinayi wabambelela eshobeni layo.
94.Kwathi lenkomo isiphakathi, yayibona ingwenya, yabe isiphenduka ibaleka. Kwathi ngoba yena wayebambelele eshobeni layo wabe eseba ngasemuva eduze kwengwenya.
95.Ingwenya yambamba yangena naye echibini, inkomo yaphuma isiyodwa. Abanye abafana bagijima babheka ethempelini eGibisile beyobika osekwenzekile. Bafica inkonzo iphakathi, kusafundwa umthandazo wesabatha.
96.Enkonzweni kwakunenkosi uMagemegeme Dube owabe engumNazaretha.
97.Kwakunendlu emzini wenkosi, lapho uBabamkhulu owathi uma inkosi iba nenkinga ezweni layo ingene kulendlu uShembe izombikela khona.
98.Uthi ke uBabamkhulu: “Noma kuphi lapho engobe ngikhona ngiyokuzwa nkosi uma ukhuluma kulendlu!”
99.EGibisile kuseduze kwalelichibi elinezingwenya ezasezidle abantu abaningi. Uthi-ke uShembe: “Ngakha lomuzi eduze kwalelichibi ukuze izingwenya zingaphinde zidle umuntu kulelichibi.” Lokho uShembe wakusho kugcwele isizwe sakwaDube.
100.Uma ifika kulendlu inkosi, ithandaza, ithi: “Shembe, wena wathi uma wakha lomuzi wathi akasekho umuntu oyodliwa yingwenya kulelizwe.
101.Mandle ingwenya isibambe umntwana weNazaretha ngesabatha, manje mina sengizothini esizweni sami, ngoba wakhuluma isizwe sizwa?”
102.Uthi ke uMadliwayingwenya Ndunakazi(njengoba wabe esaziwa kanjalo), uthi yathi uma ingwenya imbamba yabe isigibela phezu kwakhe, wabe esezwa kukhuluma umuntu ethi: “Unganyakazi.”
103.Nempela awabe esanyakaza. Yangena ngaphansi kwamanzi ihamba naye, kodwa awaze wakhwincenga.
104.Ichibi icubhu-ke likhulu kakhulu, mhlawumbe ngobukhului lingaba ngamamayela amabili noma amathathu, futhi libanzi kakhulu, linjengamadamu akhwelwe ukuletha amanzi emadolobheni. Kodwa lona lichibi lemvelo.
105.Uthi uNdunakazi yahamba ichibi lonke ingwenya imgibele, kwathi ekugcineni yashona phansi. Uthi waqala wezwa iphunga elimnandi indlela eyisimanga, wezwa ukuthi yiphunga laseKuphakameni leli. Uthi khona lapho wabona kuvela umuzi waseGibisile ngaphansi kwamazi.
106.Esabuka lokho, kuleliGibisile, wabona sekuphuma endlini yena uBabamkhulu. Wathi uma ephuma kulomuzi, waqonda kulengwenya eyayilokhu imqhoqhobele.
107.Wafike wakhuluma nayo, kodwa yena engezwa ukuthi uthini. Ingwenya yathula yamlalela. Emva kwalokho yabuyela ngaphezu kwamanzi, yahamba naye ichibi lonke. Lengwenya yangena echibini noNdunakazi ngo 9 ekuseni yaze yaphuma naye ngo 4 ntambama!
108.Uthi yazungeza naye ichibi lonke isikhathi eside, yabuye futhi yashona phansi naye. Uthi akazi noma yayicabanga ukuthi usefile yini ngoba wayenganyakazi. Yabuya futhi yashona phansi lapho ekade ikhona.
109.Uthi wabona uBabamkhulu eqhamuka futhi eqonda kulengwenya, wafike wakhuluma nayo eyithethisa amehlo akhe esenjengomlilo.
110.Uthi yathi isuka ingwenya yavele yaqonda ngalapho ebimbambe khona. Uthi wazibona izinkumbi zabantu ziseduze kwechibi zilindile.
111.Lengwenya yavele yaqonda lapho kugcwele khona abantu, yathi uma isisosebeni yavele yamphonsa ngaphandle maqede yangena echibini. Abantu bagijima beya kuye bengakholwa neze ukuthi uyaphila.
112.Lapho ingwenya eyayimbambe khona emahlombe kwasala amanxeba owangibonisa wona ngoba ayesabonakala.
113.Ngakusasa abantu batheleka kwNdunakazi bevela izinkalo zonke bezobona lesi simanga somntwana obanjwe yingwenya ekuseni ngo 9, yaze yamkhipha ngo 4 ntambama ephila!
114.Esegula ephethwe ngamanxeba, kwakuqhamuka abantu abangangezi mpukane emkhathini, befike behlale kulamanxeba. Uma laba bantu behlala emanxebeni, kuvele buphele ubuhlungu.
115.Kodwa uma abantu abazombona lapha endlini bebanga umsindo, bavele bandize besuke kuye laba bantu abangangezimpukane!
116.Uthi waze wacela ukuba bengawubangi umsindo ngoba laba bantu abawufuni umsindo, bayaye bese besuka kuye, bese kubuya futhi izinhlungu!
117.Manje ke uma sithi uShembe uyiloMoya ongcwele uJesu owayekhuluma ngawo, akuba yinkolelo nje, kodwa kuba nobufakazi obubambekayo ukuthi wayethi uShembe engumuntu osenyameni, abuye abe ngumoya!
118.Ngike ngathi ingelosi ike yathi uBabamkhulu uzobuya esenyameni ebonwa yibo bonke abantu. Kodwa ke angazi ukuthi lokho kuzokwenzeka kanjani ngoba ngenkathi abafundi bakaJesu bembuza uJesu ukuthi wabe engukubuya kuka-Eliya yini, wathi uYeshua uYeliya kwakungumprofethi uJohane, kuyi New Testament obizwa ngoJohane umbhabhadisio.
119.Asazi ke noma uma esebuya uBabamkhulu uyozalwa njengoJohane, noma kokwenzeka kanjani! Kodwa akukho okungenke kwenzeke ngoBabamkhulu ngoba eselapha emhlabeni wayeyin kinga!
120.Indaba kaNdunakazi nekamfundisi uHlophe nezinye ezinobufakazi obungaphikiseki, njengomthombo waseGinyezinye, ukuba siyisizwe esimhlophe lezi zigameko bezofakwa kuyi Museum ziba ngumlando ongenakuphela izizukulwane ngezizuklulwane.
121.Ku Chanel 179 kune program ethi THE MYSTERIES OF THE MUSEUM. Kule program kukhulunywa ngezehlakalo ezindala ezigcinwe kuMuseum ngenxa yobumangaliso bazo.
122.Nathi siyayidinga iMuseum yaleli bandla lapho esogcina khona zonke lezi zehlakalo zikaBabamkhulu, ngoba aziyona inkolelo, kodwa zingamahistorical facts angaphikiseki!
Isihlabelelo 53
Hambisani lezi zindaba
Ziye kuwo wonk’umhlaba
Chorus: Nihlaleleni nalezi zindaba
Ulambile wonk’ umhlaba
Bamenamele uSimakade
Ngezikhathi zonke.
Akusindi inyama yodwa
Nemiphefumulo yabo.
Chorus.
Khuthazelani lezi zindaba
Nina abamthandayo,
Ufakazi walezi zindaba
Nangu yena usefikile.
Chorus.