Kufanele umfutho wethu, amandla ethu siwabeke, siwonge, siwongele ukuyolwa izimpi ezi relevant embusweni kaNkulunkulu. Siyolwa lezo zimpi lezo uNkulunkulu vele afuna sizilwe, kubalulekile kakhulu lokho.
Intshumayelo kaMfundisi Dr Mduduzi Xakaza ngesabatha mhlaka 11 November 2023, eNqobizitha.
214. ISIHLABELELO
1 uMkhululi wethu
Thina nzalo kaDingana
Simzwile ufikile,
uMkhululi ufikile
uMkhululi usefikile!
WenaZulu sesimzwile.
2 Nzalo kaDingana
BenoSenzangakhona
Phaphamani ufikile
uMkhululi ufikile
uMkhululi usefikile
WemaZulu sesimzwile.
3 Ukudinga kwethu
Thina nzalo kaDingana
Sekuphelile ufikile,
uMkhululi ufikile
uMkhululi usefikile!
WemaZulu sesimzwile.
4 Ukhumbule Nkosi
Umsebenzi wezandla zakho
Wenzalo kaDingana,
uMkhululi ufikile,
uMkhululi usefikile!
WemaZulu sesimzwile.
5 Zibike wena kuye
Wena nzalo kaDingana
BenoSenzangakhona
uMkhululi ufikile!
uMkhululi usefikile!
WemaZulu sesimzwile
1.Ngiyaphinda ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, bangcwele angikholwa ukuthi nginesihloko esizothatha isikhathi side kakhulu. Isihloko salenkonzo sithi “UJehova uliqhawe lempi.”
2.Ngicela ukuthi uMfundisi angivulele lapha ku Isaiah 42 verse 13 ukuze sikwazi ukuthi sibe kwikhasi elilodwa uma siqala le nkonzo.
3.Isaiah 42 verse 13: “13UJehova uyaphuma njengeqhawe; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalisa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe. “Sekuyisikhathi eside ngithulile, ngathula ngazibamba; sengiyakukhala njengobelethayo, ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye. Ngiyakwenza ize izintaba namagquma”
4.Ngingakagxili kulendaba ngoba bengifuna ukuthi sikhanyelwe ukuthi uJehova hhayi ukuthi uwuNkulunkulu nje uyi gentleman ehlezi lapha esihlalweni, kodwa uwuNkulunkulu oyiqhawe, impi uyayinqoba uJehova wethu, ayikho impi emehlulayo.
5.Ngalokhu kusho ngiqonde kakhulukazi ukwendlalela ukubonga kwami engifisa ukukwenza ngingakangeni ngijule kulenkonzo yanamhlanje. Ngifisa ukubonga kakhulu uNkulunkulu waseKuphakameni, uNkulunkulu kaShembe.
6.Ngimbonga nokho nginganawo amazwi afanele ukuthi ngimubonge ngawo ngoba uwuNkulunkulu ophakeme kakhulu, angikholwa ukuthi akhona amazwi angachaza ubukhulu bakhe ezivinini zabantu balapha emhlabeni.
7.Ngimbonga kakhulu bangcwele, usiphile isipho kwaXakaza, usiphe isipho somntwana esimthanda kakhulu. Kodwa ngihlala ngiba novalo lokuthi angeke yini ngibe necala uma ngithi uwumntwana wami noma ngithi uwumntwana wethu, ngoba engqondweni yami kugcwele ukuthi engazuthi akuyena umntwana wethu lo.
8.Ngibonga kakhulu kuNkulunkulu uJehova ngokusipha abaholi, ezimpini zonke labaholi abangasibukeleli kuzo, bayasilwisa ngemithandazo, baguqe banikele, benze konke, ngiyamubonga kakhulu uNkulunkulu waseKuphakameni.
9.Ngoba bekulikhuni ukuthi lesisipho sifike, kungenxa yokuthi uSathane ubelwa naso lesi sipho ukuthi masingafiki, ukuthi ubebonani, esabani asazi, ngoba asiboni ngale kwelikamoya thina singabantu basemhlabeni.
10.UNkulunkulu usilwele wasinqobela kakhulu, namanje ngiyafisa ukuthi uNkulunkulu aqhubeke nokusilwela ngoba angikholwa ukuthi impi kaSathane iyaphela, ngikholwa ukuthi uma sisesemhlabeni impi kaSathane ayipheli, isuke isekhona.
11.Ngikholwa ukuthi udela uma sekuphume umphefumulo, adele athi hhayi, lo muntu ngeke ngisamthola, lo muntu bengifuna ukumfaka la embusweni wami wobumnyama kodwa usengehlule ngoba useze wagoduka wahamba emhlabeni kodwa enqabile ukungena kulombuso wobumnyama.
12.Bangcwele ngiyafisa ukuthi sikhumbule ukuthi leligama elithi impi liyigama elidala kakhulu, noma mhlawumbe lisho ngezindlela eziningi ezilimini ezahlukahlukene, kodwa into eyimpi nje into eyaqala ezulwini, kuyamangaza lokho ukuthi impi yaqala ezulwini ayiqalanga la emhlabeni.
13.Kuthe kwenzeka izimpi la emhlabeni bese kwenzeka into esifuze okwenzeke mhlawumbe ezulwini.
14.Noma singazi ukuthi ezulwini izimpi zakhona ziliwa
ngezikhali ezinjani, hhayi asazi, kodwa esikwaziyo ukuthi yaba khona impi phakathi kwezingelosi zika Lusifa, nezingelosi zika Mikhayela. Wanqotshwa uLusifa nezingelosi zakhe, ayabe isatholakala indawo yabo ezulwini wayese phonswa emhlabeni.
15.Noma esefikile emhlabeni uLusifa bangcwele akazange ayeke ukulwa, wayiqhuba impi yakhe, akukho la esike sathola ukuthi wake wadela, waphela inkani, waphelelwa amaqhinga okulwa, uhlale enamaqhinga, njalo awazamayo, azame lokhu, azame lokhu.
16.Ikhona incwadi engangiyithanda kakhulu, yayinkulu kakhulu yama 7th Day Adventist, yayithi “The Great Controversy” Yayikushayisa ukuhamba kwalempi kusuka ezulwini kuze kube semhlabeni kuze kube semlandweni wonke wesintu, ize iyophela la eyophela khona esigodini sase Armageddon, esigodini sika Jehoshaphat lapho ayephela khona lempi.
17.Ngakhoke bangcwele ngiyathanda ukuthi sihlale njalo sikhumbula ukuthi ukuphila ungumNazaretha ukhonza uNkulunkulu onguJehova, akukhona ukuphila okumele kube mnandi nje, akukhona ukuphila okumnandi futhi ngoba ngaso sonke isikhathi usuke uyisikhubekiso, uyisiphazamiso wena mNazaretha embusweni kaSathane, embusweni womubi usuke uyisiphazamiso.
18.Uma ngabe ngibuka ukuthi la emhlabeni sithi impi iyini, ngizosho nje ngesizulu ngoba la ebengibuka khona bekubhalwe ngolimi lwesingisi. Kodwa ngizosho ngesiZulu la okushiwo khona.
19.Laphana ngokuka Meriam-Webster kuthiwa impi iyisimo esivulekile nala esekuvele kwashiwo ngomlomo kwacaca ukuthi manje sekuzonqutshuzwana ngezikhali, ebese kuba nokulwa phakathi kwemibuso emibili noma izizwe ezimbili. Impi ichazwa kanjalo ngokuka Mariam-Webster.
20.Kodwa i-encyclopaedia i-Britannica ebese ichaza ithi impi ngenqondo nje ejwayelekile kuthina sonke iwukunqubuzana phakathi kwamaqembu amabili ezombusazwe noma zepolitiki.
21.Lokhu kunqubuzana okuhambisana nokushaya impela isikhathi eside, futhi kube kuyisixuku sabantu abaningi, kushuthi ngeke ngithi ngisempini ngizilwela nje nomunye umuntu, cha siyalwa nje lapho akuyona impi. Kodwa uma ngabe sekunamabutho angapha nangapha sekuyimpi leyo.
22.Kodwa thina maNazaretha impi enkulu esibhekene nayo iyimpi engabonakali ngamehlo enyama, njengoba sengichazile kade ngibonga isipho sasezulwini. Isipho lesi esifike emva kwempi.
23.Kuqale kwaliwa kwaliwa kwaliwa kwase kutholakala inqgqwele ukuthi ubani ingqwele ngampela. Le ngqwele yayisidla ubhedu, ubhedu ililde ngokuthi isilethele lo mntwana.
24.Mhlawumbeke abanye bethu selusa bangcwele, saqhathwa, kukhona inyama emnandi kabi edliwa ingqwele kuphela, hhayi noma ubani.
25.Futhi ingqwele kumele kube umfana oseyibhobhodleyana, kodwa obehlula bonke labafana, noma bengamhlanganyela bethi bayamushaya kufuneka abashaye.
26.Uma esebanqobile bese eyokhipha ubhedu laphaya oseluchonywe laphaya obhokweni, lusuke lumisiwe laphana luchonyiwe, ebese eludla, ebese beyathobeka laba abanye, basho ukuthi hhayi inqgwele vele le akaludle ubhedu.
27.Thinake njengamaZulu siyayivuma induku, uma ikushayile induku uyayivuma nje, ingakhoke kumnandi ukuba umZulu bangcwele.
28.Kodwa la kulesi simo ebengikhuluma ngaso, uNkulunkulu uyingqwele njalo, uyiqhawe lempi uNkulunkulu wethu esimkhonzayo, angikhumbuli kuthiwe wake wahlulwa uNkulunkulu, uJehova wamabandla, angikhumbuli!
29.Njengoba simlandela nje siyi-NCG, njengoba sibiza abanye abangamaNazaretha abangekho la e-NCG sibakhombisa ukuthi uJehova uliqhawe langampela, singabaphoqeleli, ingoba thina kuningi esesikubonile, sesilibonile iqhawe lethu, lisilwela lisinqobela.
30.Manje thina sikhuluma ngento esiyaziyo, asisakhulumi ngokukholwa nje, ukuthi siyakholwa ngoba sifunde emakhasini ebhayibheli, satshelwa ukuthi nokuthi.
31.Mina nje ngikhuluma ngomntwana engimphethe ngesandla, angisho ukuthi ngimphethe manje phela bangcwele, njengoba ngiguqe la, kodwa ngisho ukuthi ngikhuluma ngomntwana ophathekayo, hhayi i-theory hhayi i-concept, uNkukunkulu wethu unjalo, uNkulunkulu wethu udala into engekho ibe khona, uNkulunkulu uyiqhawe ngaleyondlela.
32.Uma ngabe kodwa sizopuma siye empini bangcwele bese sishiya uNkulunkulu ngemuva asikwazi ukuba sinqobe leyompi ngoba vele uNkulunkulu uyena oyiqhawe le mpi.
33.UNkulunkulu usebenzisa thina bantu ukuthi sithathe izikhali silwe naleso sitha asuke afuna ukuba silwe naso, okuyisitha sakhe, kungaba iphutha bangcwele uma ngabe singalwa izimpi kodwa singashayi izitha zikaJehova, silwe izimpi nje esingazazi ukuthi ezokwenzani.
34.Kufanele umfutho wethu, amandla ethu siwabeke, siwonge, siwongele ukuyolwa izimpi ezi relevant embusweni kaNkulunkulu. Siyolwa lezo zimpi lezo uNkulunkulu vele afuna sizilwe, kubalulekile kakhulu lokho.
35.Uma ngabe ngiza empilweni yami ngibuka uNkulunkulu elwa izimpi, kukhulu kakhulu, kuningi kakhulu ebengingakusho kodwa ngenxa yesikhathi nje ngozocaphuna okuncane kakhulu.
36.USathane wayengafuni ukuthi ngigcine sengibutholile ubuNazaretha, kodwa into embi ukuthi nami ngangingazi ukuthi kukhona into ewubuNazaretha okumele ngigcine sengiyitholile.
37.Ngangazi ukuthi kukhona nje ibandla ekuthiwa elakwaShembe, ngazi ukuthi abantu njena ababhinca amabheshu, abantu njena abathatha isithembu, ngangazii lokho mina, kodwa ngingazi ukuthi uSathane ubhekile uyaqhaqhazela ukuthi ngelinye ilanga ngiyophuma kulenkohliso yakhe yaseBhabhiloni ngoba uma ngabe ungakabutholi ubuNazaretha koba kancane ungekho eBhabhiloni.
38.Indaba enkulu bangcwele leyo ekufanele isishayise uvalo okufanele sibakhuthaze abantu sibamemele ebuNazaretheni ngoba izwi liphumile kwathiwa phumani bantu bami kulo, kushiwo abantu bakhe.
39.Manje bonke abantu esikhuluma nabo la, bangabantu bakaJehova, bayinzalo ka Israel, bayinzalo ka Jakobe, ngiyafisa kakhulu ukuthi sikubheke lokho ukuthi uSathane wake wazama ukungiphonsa emzini omkhulu ngoba ngenke ngisalisho igama lakhona ngoba sonke siyawazi.
40.Ngakhohliswa kwathiwa hhay sekuBabamkhulu lo, usebuyile, washo wathi uzobuya ngesiqu sesihlanu, nami ngakukholwake lokho ngoba phela nami ngangithuthuzela nje.
41.Kodwa bangcwele nganginothando lukaShembe enhliziyweni, ngingazi ukuthi loluthando lukaShembe ludalwa yini, ngangizizwa ngidinga uShembe, ngidinga ukuzwa ukuthi UShembe wakhuluma wathini, ngimthanda nje uShembe, ngimthanda sengathi uwuBaba ongizalayo, ngingazi ukuthi kubangwa yini lokho.
42.Manje sengihamba ngifuna, ngifuna nje, ngatshelwa
ukuthi hhayi ubofika lapha eMoses Mabhida, uzobe ekhonake lo esithi uwuMqaliwendlela, usebuya ngesiqu sesihlanu. Ngacishe ngaya lapho, ngiyamubonga uNkulunkulu ukuthi ngavinjwa izimo ezinkulu ezangenza ngingabe ngisakwazi ukuya lapho.
43.Kushuthi impi kaNkulunkulu oyiqhawe lempi, kushuthi yayilwa, ifuna ukuthi ngingayi ukophonseka emgodini, ngingayi ukophonseka kwalasha.
44.Kuningi okunye bangcwele uNkulunkulu engilwela, ngake ngayisho lendaba, ngake ngathuka sengi drive imoto sengilele, ngihamba ngisuka le e Cape Town ngiza la kule province (KZN), kusebisika kubanda, sengilele la emotweni, imoto isiyazihambela kodwa ngiyigxobile la i-accelerate. Kodwa uNkulunkulu wanqaba ukuthi ngife ngaleyonkathi, kwakuwu 2007
.
45.Njalo uma ngicabanga lowo nyaka ngiye ngicabange ukuthi ila uNkulunkulu angephula khona, angephula khona ekufeni.
46.Angikholwa ukuthi ngangizongcwatshwa bangcwele ukube kuthiwe ngafa lapho ngoba mhlawumbe imoto yayizokhalakathela le kude, mhlawumbe itholakale emva kwesikhathi eside mhlawumbe nami sengabola ngaphela, angikholwa ukuthi kwakuyoba khona umncwabo.
47.Kwakuyoba isimo nje esibi, kodwa uNkulunkulu wakuvimba lokho, walwa waba ngakimi, ngingamboni mina ukuthi uyena uNkulunkulu, futhi ngingamazi uJehova, ngingazani noJehova futhi ngingamazi uShembe, ngihamba ngendlela yami nje yokweduka ngicabange ukuthi ngihlakaniphile.
48.Kodwa uNkulunkulu walwa, walwa ngingamazi, kodwa elwa yena ngoba engazi ukuthi ngubani, wayeselwa, elwa ngoba efisa ukuthi ngingakhalakatheli ekufeni kwaphakade.
49.Kodwa ngiyabonga ukuthi uNkulunkulu walinda kwaze kwasungulwa ibandla lase NCG, ngase ngifika nami sengizongena ngomnyango nje, obonakalayo ukuthi nanku umnyango ongena e-NCG.
50.Ngiye ngifise kakhulu bangcwele ukuthi abantu ukuze basinde kulezizimpi zikaSathane esizibona zihlasele emhlabeni wonke namhlanje.
51.Uma ubuka isimo nje globally, uyabona ukuthi uSathane manje uyalwa ngoba useyabona ukuthi sesisincane isikhathi sakhe, kodwa futhi uma ubuka uNkulunkulu usikhethile thina saba ibandla lakhe, saba insali.
52.Manje sekuyasicacela ukuthi siyinsali yakwa Israel ngoba uyasho ukuthi nakuba u-Israel engangezihlabathi zolwandle kodwa insali kuphela eyokusindiswa. Ayisindiswa kukuhle kumnandi kuhlekwa, isindiswa kuliwa, kuliwa impi.
53.Angazike ukuthi bayazi yini abangcwele ukuthi ezulwini sathunyelelwa la e-NCG, sathunyelelwa ingelosi, ngiyayibonga le ngelosi eyaye ifike kubaholi, ingelosi uHlaleleni umuntu wasezulwini.
54.Ikhona ingelosi esingayazi mhlawumbe futhi ngeke ngiyigagule la, kodwa ingelosi eyathunywa la phakathi kwethu ngoba kwase kuqondakala ukuthi ukuze ubuNazaretha obafika noShembe buvuke, kufunakala ukuthi lowo mntwana uShembe afunga ngaye, makawuqale lo msebenzi, kodwa makube khona ingelosi eduze kwakhe ezolwa zonke izimpi.
55.Siyambonga kakhulu uNkulunkulu kaShembe ukuthi asithumelele zonke izithunywa zakhe, asithumele ukuthi zisitakule noma sihluphekile.
56.Uma ngabe nje siyibuka yonke indlela yokuphila kwase NCG, kuyabonakala ukuthi impi inkulu elwayo noma singayiboni emkhathini, kodwa inkulu impi esemkhathini bangcwele.
57.Ngiyaye ngishaywe uvalo uma ngabe ngibuka ubuthakathaka bami, ngizozisho mina, ngeke ngisho abantu abanye ngoba abekho buthakathaka mhlawumbe abantu.
58.Kodwa ngiye ngishaywe uvalo uma ngibuka ukuthi hawu ngilinda uma ngabe kuza izinsuku zesifungo ngilinde, hawu ngilinda uma ngabe kuyizinsuku zesifungo, hawu ngilinda uma ngabe kuwumhlangano, ngilinde umhlangano wonke, ngingasidlike isinkwa ngilinde ngihlale noNkulunkulu, ngilinde uma kuza iSabatha.
59.Bese ngishaywa uvalo ukuthi hawu njengoba impi inkulu kangaka nje emkhathini, kuliwa kubangwa umbuso, ukuthi umbuso ubani obawuphatha umbuso, kubangwa umphefumulo wami, yini mina ngingake ngizinqumele ukuthi namhlanje ngizoke ngilinde nje, akukho mhlangano, akukho sifungo, inkonzo yesifungo, akukho Sabatha elingenayo.
60.Ngiyalinda nje ngoba ngiyaqonda ukuthi kusempini la engikhona, kuye kungishayise ngovaloke bangcwele lokho, angishoke ukuthi bonke abantu banjalo.
61.Kodwa ngiye ngibone ukuthi cishe ukuthi kusekhona isinyathelo esibalulekile ekumele ngisithathe esinyukela ngenhla mayelana nokukhonza kwami uNkulunkulu.
62.Lokho kuye kwenze ukuthi ngibone ukuthi kushuthi lo Nkulunkulu angikamboni yini mhlawumbe ukuthi uyiqhawe lempi.
63.Ngakhoke bangcwele ngiyafisa ukuthi simethembe uNkulunkulu ukuthi uyiqhawe lempi. Ngoba uma ngabe singamethembi uNkulunkulu sesiya kwababonayo, nakubathandazi, sesiya nabakwabanedlozi ukuthi basibhulele ngedlozi, ngoba singaboni ukuthi uNkulunkulu engasitakula kuyona yonke inkinga, noma iyiphi inkinga.
64.Ngiyafisa ukuthi sonke simethembe kakhulu uNkulunkulu, zikhonake izimpi eziningi bangcwele esesidlule kuzo njengesizwe sakwa Israel.
65.Ngibuka izimpi zokhokho bethu basendulo ngoba mina ngiyaye ngibahlukanise okhokho, ngiyaye ngithi mina kukhona okhokho basendulo, bese ngithi kukhona okhokho bayizolo.
66.Ngoba indaba ka 200 years ago iyinto yayizolo, indaba ka 300 years ago iyinto yayizolo leyo. Ngike ngizwe abantu abaningi begxile kulabo khokhoke, bethi hhayi thina senza amasiko okhokho bethu.
67.Bese ngibuza ngithi babenza maphi amasiko okhokho basendulo ngoba nisasho laba bayizolo okhokho.
68.Ngiyacela kuMfundisi angifundele ku Exodus 14 verse 21-29.
69.“UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana. Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
70.AbaseGibithe babaxosha, bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe. Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”
71.Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.”
72.UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle. Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.
73.Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.”
74.Ngiyayithanda le ndaba kakhulu ngoba kwakowokhokho bethu laba, asikhulumi ngabantu esingabazi, sikhuluma ngabantu abasizalayo njengoba sikhona nje, abasindiswa uJehova bebhekile bebuka, baze bathi abaseGibhithe asibalekeni ngoba uJehova uyabalwela.
75.Baningike abantu abasho kanjalo nakithi maNazaretha uma simethemba uJehova, sigcina umthetho wakhe, sihamba nangezimiso zakhe, kuthi uma bethi bayasihlasela uJehova asilwele kanje, bese bethi asibalekeni ngoba uJehova umelene nathi, uyabavikela laba bantu bakhe.
76.Kuningi lokho, mhlawumbe okunye esingakubonike thina, kodwa kuyenzeka isikhathi esiningi, kuyenzeka izikhathi eziningi.
77.Nalelibandla uJehova ulivikele kakhulu, kunokuba liphele ngalowa 3 months owawushiwo, kuthiwa le NCG iyophela ungaka pheli 3 months, kodwa manje sesiyogubha unyaka ka 13 manje, kodwa lokhu yaba khona i-NCG. Futhi kunokuba yehle iyenyuka, iye phambili, ikhula nge quality, ikhula ngabantu abafuna ukuzokhonza uJehova, ikhula ngabantu abafuna ukuzomemezela izwi lezulu ukuze lizwakale emhlabeni wonke.
78.Ayikhuli ngabantu abafuna ukobhula ezangomeni, ayikhuli ngabantu abafuna ukohlabela abangasekho, ayikhuli ngabantu abafuna ukongena ephehlweni bethwase bese beyolandwa amaNazaretha egqoke ingubo emhlophe, kushawe izigubhu zikaJehova.
79.Kushawe izimbomu zikaJehova kodwa kube kulandwa umuntu ophuma ephehlweni eyisangoma, othwele imimoya yamadlozi, imimoya yezindlondlo, bese kuthiwa kukhulumani zindlondlo ngendlela ubunazaretha uSathane abuhlasele ngabo.
80.Kodwa iqhwe eliwuJehova, luyabuvikela ubuNazaretha boqobo, nabu buyakhula manje, buya phambili, akekho umuntu ongabe esakhuluma okuthile, sekusele ukukhonkotha nje ngoba imoto mayihamba ziyayikhonkotha, kodwa uma imile ziyakhululeka zithi hhayi isimile, sekusele lokhoke!
81.Manjenake bangcwele enye impi eyayinzima kwa Israel ngiyakhumbula uMoses ethi kuJoshua makahambe ahlasele ama Amaleki ngoba sisahamba endleleni, okhokho bethu besahamba endleleni bahlaselwa kakhulu.
82.Ama Amaleki ezinye zezizwe, ngicaphuna nje kancane kwenzela ukuthi sibone sibe nesithombe sikaJehova esilwela.
83.UJoshua wayihola leyompi leyo yama Amaleki, uMose wakhuphukela entabeni beno Aron noHuri, babesendaweni ekuthiwa kuse Refedim.
84.O-Aaron base bemusekela izandla bethi kufanele aphakamise ngoba uNkulunkulu wathi phakamisa izandla ukuze impi ka Israel inqobe, inqobe ama Amaleki.
85.Aziphakamise izandla emile aze akhathale, kuthi uma zehla izandla esekhathele, ebese iyanqotshwa eka Israel. Base bamusekela o-Aron no-Huri bamusekela izandla ukuthi maziphakame, baze bamuhlalisa phezu kwetshe bathi akahlale la etsheni baphakamise bona izandla zakhe ziphakame njalo, ngaleyondlela uNkulunkulu wethu wasinqobela Ama-Amaleki.
86.Ngike ngibuke ukuthi ngendlela esingenakho ukukholwa ngayo, siye singacabangi ukuthi uJehova wasendulo angakwenza lokho ayekwenza endulo, akwenze namhlanje.
87.Kodwa angikholwa ukuthi umuntu ose NCG akakholwa ilokho manje ngenxa yezinto esesizibonile uJehova esenzela zona.
88.Uvesi 14 ngiyamuthanda kakhulu ngoba ila bechaza khona ukuthi, uJehova laphana encwadini bangcwele, ngeke siyifunde ngenxa yesikhathi, encwadini ka Exodus 17 verse 8-16, asizikuyifunda kodwa, soyifunda uma sesisemakhaya sesithole isikhathi.
89.Kodwa uvesi 14 ngiyamuthanda kakhulu ngoba ila ekuchazwa khona kule ncwadi ukuthi “UJehova wayesethi kuMose, loba konke emqulwini wencwadi ukuze kube isikhumbuzo, kube nesiqiniseko sokuthi uJoshua uyakuzwa lokhu engikutshela khona”
90.Efuna ukuthi akulobe lokhu ukuze izizukulwane ngezizukulwane zikufunde lokhu ukuthi uJehova wasilwela kanjani kuma Amalek ngokuphakamisa nje kukaMose izandla zakhe kuphela, ebese kunqotshwa impi yama Amaleki. Kubalulekile ikakhulukazi ukuthi lokho bangcwele sikukhumbule.
91.Zikhona izimo ezimpilweni zethu ezingasihlasela kakhulu siphelelwe Ithemba, kodwa uma ngase sicabange uJehova ethi akaphakamise izandla uMose ukuze abantwana bakhe banqobe kukhulu okungenzeka, singakwazi ukuthi sibe nethemba ngoba liyasilahlekela ithemba kwesinye isikhathi.
92.Asizukuyifunda le ncwadi Abehluleli 7 verse 13-25, kodwa ngiyayithanda le passage ngoba ikhuluma ngempi ka Gidion nabantu nesizwe sakwa Midiyane esasihlupha isizwe sakwa Israel, ukuthi uGidion owagcina esehamba namadoda angamakhulu amathathu kuphela.
93.Only 300 ehamba nawo, eyolwa nesizwe sonke sakwa Midiyane, uNkulunkulu wathi ngoba uma uhamba namadoda amaningi uya kulempi, ebese niwanqoba ama Midiyane, niyothi nizinqobele nina ngeke nisaluletha udumo kimi, thatha amadoda ambalwa uhambe ulwe nawo laphana.
94.Kodwa esikhundleni sokuthi kuthiwe mabalwe, kwathiwa mabathathe amacilongo, bawashaye amacilongo bazungeze inkambi yesitha, bawashaye amacilongo kuphela nje, bengagwazi muntu ngenkemba, bengenzi lutho, beshaye amacilongo nje. Bese bememeza bethi inkemba kaJehova kanye nenkemba ka Gidion, bememeza.
95.Ngiyathanda bangcwele ukuthi siqaphele ukuthi uma simemeza, sizibuze ukuthi simemeza ukumemeza kuni,
samemeza yini ngenkemba kaJehova noma simemeza ngezinhlupheko zethu uma sekufike izimpi ezisilwisayo ezimpilweni zethu.
96.Ngabe siyamemeza yini ngenkemba kaJehova ngoba uJehova ukhona uyiphethe inkemba yakhe, kodwa uma ngabe singamemezi ngalenkemba kushuthi asimethembi, kanti ukhiye wokuvula izimangaliso, ukholo lwethu, faith.
97.Kuyafuneka sibe nokukholwa simethembe uJehova, ukukholwa angisho uku believer ngisho i-faith, ukukholelwa entweni esingayiboni ngoba uJehova asimuboni ngamehlo, kodwa siyayibona imisebenzi yakhe.
98.Kanjalo futhi ekulweni kwethu, siyabona ukuthi uNkulunkulu unathi ngoba uNkulunkulu akanqeni ukuthi uthi sizwe sisenkingeni sihlaselwa izitha, njengoba namhlanje, ziningi izinkinga ezikhona, kodwa uNkulunkulu unesikhathi sakhe sokusikhulula kulezo nkinga. Thina singasho sithi kade sihlupheka kade kukuthi kukuthi kodwa uNkulunkulu unesikhathi sakhe sokuthi asikhulule kulezonkinga.
99.Ngikhumbula indaba bangcwele engifisa ukuthi singayilibali, indaba baNgcwele ka Samson, Kwathi izithazama Filist, sezihlasela u-Israel, ama-Filist ngoba enamandla enezikhali ezinzima, u-Israel ekhala bangcwele.
100.Kodwa uNkulunkulu kwayima ethuma ingelosi, kwayima ethi kuzozalwa umntwana okuyena ozokhulula isizwe sakwa Israel esandleni samaFilisti.
101.Okusho ukuthi uma ngabe simethemba uJehova simazi ukuthi uyiqhawe lempi, masingamusoli ukuthi into uyenze sekudlule isikhathi eside. Masibe nokumkholwa, sibe nokulinda thina silinde uJehova.
102.Ngoba le ngane yakhula le ngane yomfana, yakhula itabuzela, yafunzwa ikhala, kungaziwa ukuthi engabe le ngane iyokhula nini ngampela ngoba siyahlupheka manje.
103.Kuthe uma isikhulile isiyinsizwa le ngane yabe isiqala
isiqeda amaFilist, kukhona lapho eyabashaya khona ngomhlathi wembongolo, uma ufunda Abahluli 15.
104.Washaya inkulungwane yonke ngomhlathi nje wembongolo, ushaya abantu abaningi abamuhlanganyelayo ngoba wehlelwa umoya kaNkulunkulu owuJehova, oyiqhawe lempi. Ngoba siyasho ukuthi uJehova uyiqhawe lempi.
105.Kukhona la ingelosi eyodwa, mhla izitha, uma ufunda amakhosi esibili chapter 19 verse 35, kwehla ingelosi eyodwa nje, yafika yashaya amabutho esitha awu 185 000 mhlawumbe nge second, abantu base Aseriya, amabutho ase Aseriya.
106.Namhlanje bangcwele ngiyafisa siyibuke ukuthi lento le isho ukuthini kuthina, njengoba siwu Israel nje kudala sihlupheka, saqala ukugqilazwa eGibhithe, saqhubeka sagqilazwa AmaKhaledi, ngesikhathi sokubusa kweNkosi yaseBhabhiloni u Nebuchadnezzar.
107.Izizwe eziningi zasigqilaza kwaze kwaba Ama Assyrians, kwaze kwahamba kwahamba kwaze kwayofika ngisho nama Medo-Persian ngesikhathi seBhabholoni, kwahamba kwaze kwayofika ama Greek, asigqilaza kakhulu ama Greek, ikakhulukazi ngesikhathi sokubusa ngesikhathi senkosi u Antiochus kodwa namhlanje sikhona siwu Israel, asiphelanga.
108.Ingani na? Ingoba uJehova uyasilwela, noma izitha zisihlasela kodwa uJehova yena uyasilwela, ungakithi ngesikhathi sonke.
109.Njengoba siphila kulelizwe nje kulesisikhathi sanamhlanje, zonke izizwe ezifika la eSouth Africa zifike zisigqilaze ngokomnotho.
110.Uma ngikhuluma kulokhu ngisukela bangcwele ko 1652 kusafika ama Dutch, asizange sikuthole ukuphumula, asizange sikuthole ukuphumula. Kodwa uJehova esimkhonzayo uyiqhawe lempi.
111.Yindaba singakuzwa lokho, yindaba singakuboni lokho? Kwezinye izikhathi ingoba siyaphambuka emthethweni nasezimisweni zakhe, yonke leminyaka.
112.Njengamanjena nje, kukhona inkolo yabezizwe, njengoba silapha emzini kaNkulunkulu nje, abantu abaningi basemadolobheni bayakhithiza, bayathenga, abanye bayasebenza, bayajuluka abanye, abanendaba ukuthi namhlanje kuyiSabatha likaJehova.
113.Kade ngibona omunye umzala wami nje izolo, engitshela ukuthi kade benomcimbi laphana, kwesinye isihlobo sami laphana, ngithi mina hawu, ngavele ngambuza ngathi hawu niwenza kanjani umcimbi ngosuku lukaJehova, nikwenza kanjani lokho!
114.Wavele wakhungatheka nje ukuthi uzothini ngoba ngivele ngamehla ngenhla nje angimunikanga ithuba lokuthi azilungiselele ukuthi sekukhona umbuzo onzima esengizombuza wona, ngivele ngamehla nje ngathi nikwenza kanjani ukuthi nipheke ngeSabatha, nibase umlilo ngeSabatha, nibhiyoze kuwusuku lukaJehova, anizothi ngeSabatha nina?
115.UwumKrestu-ke umzala wami, uthi usindisiwe, amaKrestu lawa amuzwa ngaphakathi uJesu, kodwa kuthe uma sengimuza lo mbuzo kwangamusiza ukusindiswa kwakhe ngoba besengimubuza umbuzo ofanele ukuthi awubuzwe.
116.Ngakhoke siyamuthemba kakhulu uNkulunkulu ukuthi uyokusikhulisa ekumkhonzeni, nasekumethembeni, nasekumkholweni, sikhule sazi ukuthi uNkulunkulu uyiqhawe lempi.
117.Kodwa kunesigameko engingafuni ukuba ngisikhohlwe bangcwele, isigameko se-Covid19, njalo uma bengikhuluma ngokuba relevant kwalelibandla likaNkulunkulu, amaNazaretha kaNkulunkulu, ngivamile ukuba ngicaphune le ndaba ye Covid19.
118.Ngibatshele abantu ukuthi thina ngoba sinoNkulunkulu osilwelayo, oyiqhawe lempi, ulwa nempi esingayiboni ngamehlo enyama.
119.Ngoba i-Covid19, mhlawumbe ngelinye ilanga abantu bayobona kodwa angifuni ukukhuluma ngayo la, ukuthi kwakuyinto evelaphi, kodwa sibonga nje into eyodwa, sibonga ukuthi uNkulunkulu uyasilwela, ukuthi yayivelaphi iqhamukaphi, kwenzenjani, hhayi izihloko zangelinye ilanga lezo. Kodwa uNkulunkulu uyasilwela bangcwele!
120.Akhona amalunga ebandla la agula kakhulu, aze abuya ezibhedlela, sekuvalwe amehlo, sekungasathenjwa ukuthi asazophila. Kodwa uJehova wathembeka, waba iqhawe elithembekileyo, waba iqhawe lempi.
121.Angazi ukuthi singase simungabaze uJehova, singashonaphi, uma sekuthiwe manje hhayi sesiyamungabaza uJehova, imuphi omunye uNkulunkulu esesike samubona ngoba noDagoni uyisithombe nje esibekiwe, isithombe nje okuguqwa phambi kwaso, sibekiwe, uma sekufike izikhukhula, siyaqukulwa sithathwe siyobekwa kwenye indawo, uDagonike lowo.
122.Nezinye izithombe, noMoloki laba okunikelwa kubo abantwana, kwenziwa i-child sacrifice, into nje ebekiwe laphayana, okuthi uma sekufuneka iqukulwe, iqukulwe, iyobekwa lapha, kodwa uJehova akanjalo, uyiqhawe, akaqukulwa.
123.Sengivala bangcwele ngoba isikhathi siyahamba, ngicela Mfundisi ungifundele amahubo 103, Ufunde nje amavesi amathathu kuphela, 3-5.
124.Isihloko sethu sithi, uNkulunkulu uliqhawe lempi, uJehova uliqhawe lempi.
125.AmaHubo 103 verse 3-5. “Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho; okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele; osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi”
126.Amazwi engiwathanda kakhulu lapha njengoba kade ngikhuluma nge Covid19 nje, osiphilisa kuzo zonke izifo, uNkulunkulu wethu uJehova esimkhonzayo, oliqhawe le mpi, usilwela ngisho nanezifo uma zisihlasela.
127.Asikhoke isifo phambi kukaJehova esikwazi ukuma simbheke, sishanela konke.
128.Sesibukile la sisebandleni, sibukile, zonke izifo ezikhona ebandleni ekuthiwa izifo ze-21 century, zibekwe zinikwe amagama, zinconywe, ziphakanyiswe, kodwa zonke lezo zifo thina uJehova uma sikhala kuye uyaselapha kuzo, aselapha sisinde qingqo. Ngoba uyasilwela uJehova, uJehova uliQhawe lempi.
129.Ngiyafisa bangcwele ukuthi sihlale njalo sivikelekile, sivikelekile ezintweni zonke ezingasihlasela, ivesi engifisa ukuvala ngalo lapha, ivesi leSambulo 16 verse 16. Ngoba yonke lento esibonayo, iyoba nesiphetho sayo.
130.Ayizukuba yinto elokhu iqhubeka nje, silokhu sahlushwa, silokhu sahlaselwa uSathane nezinceku zakhe, sikhona isiphetho esithile, esizayo, ngiyafisa sisibone lesi siphetho, ukuthi sithini lesi siphetho ngampela.
131.ISambulo 16 verse 16 lapho okuyobe sekucaciswa khona ukuthi ngampela ubani ingwqele, angazike, ngiyacabanga ukuthi sizolubeka ubhedu, uma sikhona isikhathi sokulibeka ubhedu, kodwa mhlawumbe sobe singasekho, kobe sekucaca ukuthi ubani ingqwele ngoba nomubi naye uzenza ingqwele, siyakubona lokho, kodwa ekugcineni kocaca lokho.
132. “Wayeseba hlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.
133.Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”
134.Kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.
136.Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.” Amein.
137.Noma ngabe besingamuthembi uNkulunkulu besingabaza, sizibuza ukuthi le nhlupheko esihlaselayo, le zizimpi ezisihlaselayo, ziyophela nini, kodwa sesizwile ukuthi iSambulo sithini ku Chapter 16.
138.Le Babylon lena esathuliswa mhla sifuna ukuyichaza kweminye yemisakazo, bayesaba abantu ukuthi nansi le Babylon ekuthiwa iyonikwa iwayini lolaka lukaNkulunkulu.
139.Abantu bakaJehova kudala behlushwa la emhlabeni, kodwa kukhona isitsha esiyothululwa solaka, sithululelwe phezu kwabantu abayizitha zikaJehova.
INkosi ibusise enikwile