Kubalulekile-ke ukuthi ezikhathini ezinje sihlale sibheke kuNkulunkulu, silwele ukubuyela kuJehova uNkulunkulu wethu, ngoba yena uma siphenduka, uyosithethelela zonke izono zethu, asenze sibuyele kuye nabantwana bethu, singahlali sikhonza izitha zethu!
Isihlabelelo 17
Oshawayo akalahlwa
Makangazideli.
Chorus: Phaphamani, phaphamani
Nina ma-Afrika.
Izimbombo zokhothamo
Zithobisa wena.
Chorus.
Izitha zikaJehova
Zivukela wena.
Chorus.
Abemukeliswa ubukhosi
Phezu kwalentaba
Chorus.
Sebefuna ukukwephuca
Ubukhosi baphakade.
Chorus.
MASIQONDE UMLANDO WOBU DLELWANO BUKA JEHOVA NATHI.
1.Abantu abaningi abamnyama kunezinto eziningi abangazazi ngenkolo yabo, kungakhathaleki ukuthi bafunde kangakanani kwezenkolo, kumbe kwezomlando!
2.Kunabantu abangakholelwa ekutheni lesi sizwe esimnyama singakhululwa nguNkulunkulu njengoba kwenzeka kubantwana bakwa-Israel, ngoba vele basuke bengazi lutho ngenkolo!
3.Bese kuthi labo abathi bakholiwe, bavele bebe ngamafanatics enkolweni abakuyo. Ayikho-ke into engacubungulwa yifanatic!
4.Mina nginolwazi olujulile ngenkolo yobezizwe kanye nomlando wesizwe esimnyama,
hhayi ngoba ngihlakaniphile kunabanye abantu, kodwa kunezizathu ezimbili ezenza lokho!
5.Okokuqala inkolo yami, okungubuNazaretha, umholi wayo okwakunguMprofethi u-Isaya Shembe, lomholi wobuNazaretha kwakungu mprofethi kaJehova ofana nabo bonke abaprofethi abase Bhayibhelini. Ngalokho!
6.Ngiyazi ukuthi njengamanje, ngendlela umndeni wakwaShembe oyibulale ngayo lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba,
sekulukhuni ukuthi abanye abantu bakwamukele ukuthi u-Isaya Shembe wayengu Mprofethi ovela ezulwini, ofana naye uMose noYeshua!
7.Okwesibili, ngendlela nami engaphezu kokuqonda kwami, ezulwini kwathunywa ingelosi ukuba izohlala nathi,
yangifundisa izinto eziningi abantu abangazazi ngokukholwa nangomlando wobuzwe bethu!
8.Noma ngangikukholwa lokho, kodwa yingelosi yangiqinisekise ngolwazi lokuthi ubuNazaretha libandla likaNkulunkulu, yangitshela nokuthi uShembe, iNkosi iLanga ungithuma ukuba ngibuvuse ubuNazaretha, ngilwele ukuba kungashabalali!
9.Yize ngiyinzalo yobuNazaretha, kodwa angenke ngisho ukuthi umnyombo womlando wobuNazaretha nobuzwe bethu bengiwazi kahle ngaphambi kokufika kwengelosi.
10.Yilengelosi eyangitshela ukuthi amaJuda yithi, nokuthi iJerusalema ngumuzi kaNkulunkulu okumele sazi ukuthi ngesinye isikhathi soba nomhlangano khona, njengoba siba nomhlangano eKuphakameni naseNhlangakazi!
11.Lencazelo yengelosi yokuthi yithina amaJuda, ekuqaleni yangidida kakhulu, nokho ngazi ukuthi ingelosi ayikwazi ukungitshela iphutha.
12.Kodwa inkinga kungukuthi lenkulumo ngingayidlulisa kanjani kubantu, ngoba abakholwa ngisho ukuthi ikhona lengelosi engikhuluma ngayo?
13.Yikho lokho okwangiholela ekutheni ngenze ucwaningo olunzulu ngalesi simo, nempela ngagcina nginobufakazi obuphathekayo ukuthi lokhu engikutshelwa yingelosi kuliqiniso!
14.Ngathola ukuthi okuseqinisweni ibandla okwakungelika Yeshua, lo osebizwa ngoJesu, yiwo lamaNazaretha noShembe owafika wasibiza ngawo!
15.Lobu bufakazi ngabuthola kuyiZenzo 24:5, lapho kuthi uPaul wayengumholi webandla lamaNazaretha, okwathi uma ngicwaninga ngalokhu okushiwo eBhayibhelini, ngathola ukuthi kuliqiniso, nokuthi no Yeshua wahamba emhlabeni engumholi wamaNazaretha!
16. Ukuthi yithina ingempela amaHebheru, lokho ngaqala ukukuthola uma ngicubungula lona iBhayibheli, ngase ngifakazelwa imibhalo eminingi echaza ukuthi amaHebheru isizwe esimnyama!
17.Kodwa lokho uShembe wabe esevele ekushilo emibhalweni nasezi ntshumayelweni zakhe!
18.Ngabuye ngathola futhi ukuthi lolusuku lweSabatha esikhonza ngalo, yilona suku lukaJehova!
Okokuqala ngathola incwadi ebhalwe yiNtaliana lakhona eRome, ethi FROM SABBATH TO SUNDAY.
19.Lencwadi eyithesis, ikubeka ngokusobala ukuthi usuku lukaJehova lisabatha, nokuthi lwashintshwa kanjani iSabatha lwenziwa iSonto ngabenkolo yabezizwe!
20.Kodwa okushaqisayo, yindlela ababhali abaningi abamhlophe abakuveza ngayo ukuthi ubuKrestu akusiyo lento abantu abamnyama abacabanga ukuthi kuyikho.
21.Laba babhali bakuchaza kwacaca ukuthi isizwe samaRoma sayisebenzisa kanjani inkolo eyayisungulwe yibo ukulutha ngayo izizwe eziningi, ngisho ezimhlophe imbala!
22.Ngenxa yokuthi abamhlophe bayafunda, yikho iningi labo selingayingeni indaba yobuKrestu,
selize lixolele ukuba ngamaMoslems, ngoba bayabona ukuthi i-Islam iyona nkolo kaJehova,
hhayi ubuKrestu obasungulwa ngabantu ukuze bakusebenzise ukunqoba umhlaba ngabo ngokwezepolitiki!
23.Into engayithola ukuthi ababhali abaningi abamhlophe bakhuluma ngamaHebheru noma amaJuda, kodwa bengachazi ukuthi lamaHebheru aphelelaphi, futhi aphi njengamanje.
24.Abamhlophe abaveza ukuthi amaZulu nezinye izizwe ezise South Afrika izona amaHebheru, kwaba yilabo abafika bahlala lapha kwaZulu ngesikhathi iNatali iseyi British Colony.
25.Umuntu owenza ucwaningo olunzulu ngalokhu okushiwo ilaba babhali baseNatali, kwaba ngu Dr Parfitt, okwathi emva kwakhe kwase kuvela abanye abamhlophe ababephika ukuthi amaLemba ayinzalo kaJakobe, njengoba wona ayechaza kanjalo.
26.Kodwa kwathi uma sekwenziwa iDNA, kwaba yiyo esinikeza ubufakazi obungaphikiseki ukuthi amaLemba, amaBantu namaNegro, bayinzalo kaJakobe!
27.Kuba nabantu-ke abamnyama abazama ukuphikisa ngisho iDNA test eyenziwa yibo abamhlophe, ngoba nje kuba phatha kabi ukuthola ukuthi akubo abelungu amaHebheru!
28.Into-ke eyangethusa kakhulu ukuthola ngababhali abanjengo Dr Koster no Rav Shaul abachaza ukuthi amaRoma, ngokunga memukeli uYeshua, okwakungu muntu omnyama, bazakhela kanjani isithixo sabo esaqala sabizwa ngo IUSIS ngesiLatini, sagcina sesingu JESUS, njengoba namuhla uJesu sesimazi kanjalo!
29.Ekuqaleni lesi sithixo sasingenasi thombe, okuthe kamuva kwathathwa isithombe selinye iGriki kwase kuthiwa yilo uJesus. Lokhu kwenziwa eminyakeni yo 1400 A.D.
30.Lonke lolucwaningo ngangilususela emazwini akhulunywe yingelosi athi: YITHINA AMAJUDA.
31.Ingelosi yangisa ezihlabelelweni nasemi thandazweni eminingi kaShembe uMprofethi, yabe isithi uShembe wanitshela ukuthi yinina abantwana bakwa-Israel, kodwa ngoba anikunaki okukhulunywa nguMprofethi kaJehova kini, anaze nakubona lokho!
32.Kodwa noma ungaze uqinise ngokushiwo nguShembe, lapha sibuswa yinkolo yobuKrestu, engamemukeli uMprofethi u-Isaya Shembe ukuthi kulesi sikhathi samanje nguye kuphela onguMprofethi kaJehova, ofana noMose, kanye nabaprofethi abaningi bakwa-Israel!
33.Lokho kwangiphoqa ukuba ngingagxili kuphela ezimfundisweni zikaShembe, ezazingasiza amaNazaretha kuphela, kodwa ucwaningo lwami lwenabela kuyo yonke imikhakha!#####
34.Kwenye yezintshumayelo ezedlule sacaphuna incwadi kaProf. Rudolph Windsor ethi FROM BABYLON TO TIMBUKTU, lapho ethi:
35.“Kusukela ngesikhathi sikaPompey kuya ku Julius Caesar kulinganiselwa kumaJuda ayisigidi abalekela e-Afrika, ebalekela ukugqilazwa isizwe samaRoma. Izimakethe zazigcwele amaJuda amnyama ayizigqila.
36.KuDuteronomi 28:64 kuthi: ‘uJehova uyokukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba.
37.Lapho uyokhonza abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo wena nokhokho bakho!”
38.Uyaqhubeka lo mbhali uthi: “Lesi siprofetho kanye nezinye eziqukethwe kuDuteronomi 28:15-68 zehlela amaJuda amnyama emva kokuba behlubuke uNkulunkulu.
39.Izizwe eziningi zathuthela amaJuda ebugqilini, amadodana ka-Israel asabalalela kuwo wonke amazwekazi omhlaba.” Amein!
40.Nakulencwadi ka Profesa Rudoph kuyafakazisa ukuthi isizwe sama Hebheru esaqalekiswa nguJehova kuDutoronomi 28, kwakungo khokho bethu!
41.Leliqiniso lokuthi yithi amaHebheru, lisishiya sinemibuzo eminingi, njengokuthi nje, pho lezi zithombe zabamhlophe esizinikeza umqondo wokuthi amaHebheru kwakuyisizwe esimhlophe, zimi kanjani?
42.Njengoba kucacisiwe eBhayibhelini ukuthi uJesu wayeliJuda, ezalwa ngamaJuda, waphenduka kanjani waba ngumlungu, waba liGriki nokwenza, ngoba amaGriki iwona ayehlukumenza kakhulu amaJuda, ebulala abazali nabantwana babo abafica besokile?
43.Leliqiniso lokuthi yithina amaHebheru, aligcini nje ngokuthi lisenze sifune izwe lethu, kodwa lisenza sifune ukuthi njengoba uNkulunkulu wethu kunguJehova owaletha kithi umthetho wakhe ngoMose, manje sawulahla kanjani umthetho kaJehova sabe sesiba nenkolo esithi ngeyomdabu engasenawo umthetho kaJehova?
44.Kunenkulumo kaMose eku Dutoronomi 18:9-13 okufanele siyinake. Lapha uMose uthi:
45.“Kuyothi uma usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.
45.Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe noma ngendodakazi yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi.
47.Owenza iziphonso, othinta imimoya yabangasekho, nobiza akhuphule imimoya yamadlozi.
48.Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuJehova, uJehova uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho. Mawungabi nacala kuJehova uNkulunkulu wakho.”
49.Okokuqala, lenkulumo iwubufakazi bokuthi abantwana bakwa-Israel kwakungabantu abamnyama, hhayi abelungu, ngoba yonke lemikhuba ebalwe lapha yenziwa ngabantu abamnyama, namanje isekhona, iyenziwa!
50.Kodwa njengamanje yenziwa nayithi, yize wayethe uJehova njengesizwe sakhe, singayenzi!
51.Umbuzo-ke uthi sawushiya kanjani umthetho kaJehova sase senza lemikhuba ephambene nezimfundiso zikaJehova? Impendulo sobuye siyinike kulokho.
52.Ekuqaleni ngithe inkinga ebhekene nesizwe esimnyama ukuthi abanalo ulwazi ngemvelaphi yabo, kungakhathaleki ukuthi bafunde kangakanani, nokuthi bahlakaniphe kangakanani.
53.Abafundile abanye baba ngama fanatics kulenkolo yabezizwe, abanye bangemukeli kwasani eyinkolo, ikakhulukazi laba abangoso politiki! Konke lokhu kwenziwa ukweswela ulwazi ngenkolo yethu!
54.Kodwa noma ngabe awuyamukeli inkolo, noma uyi fanatics yenkolo yakho, okusalayo ukuthi njengesizwe esiyinzalo kaJakobe, lenkolo okuyo iyisitha senkolo yabantwana bakwa-Israel!
55.Angazi-ke ukuthi uma ungumuntu omnyama ungaba yisitha kanjani senkolo kaMose, ngoba le yinkolo yokhokho bakho?
56.Ngake ngezwa u former Chief Justice Mogoeng Mogoeng evikela izwe lakwa-Israel ngoba ngokwakhe lamaJuda akhona kwa-Israel ahlangene nenkolo yobuKrestu, yena okholelwa kuyo kakhulu!
57.Kodwa emva kwalokho lamaJuda amhlophe akwa-Israel aseyichithile inkolo yobuKrestu, ayichitha nendaba kaJesu!
58.Kwaqala kwaba nempikiswano enkulu kumaJuda ukuthi bengayemukela kanjani inkolo yobuKrestu ezweni labo, ngoba yiyo lenkolo eyachitha inkolo kaMose, bona ababambelele kuyo!
59.LamaJuda akwa-Israel athi yiwo inzalo kaJakobe, okungayilo iqiniso. Kodwa noma engesiyo inzalo ka-Israel, njengamanje yiwo wodwa agcina umthetho kaJehova oweza emhlabeni ngoMose!
60.LamaJuda-ke angamaJuda ngokwenkolo, njengoba kukhona abantu abamnyama abangama Moslem ngokwenkolo, yize bengesiwo ama-Arab!
61.Angazi-ke ukuthi njengamanje u-former Justice Mogoeng Moegoeng uthini kumaJuda asephumele obala akuchitha ubuKrestu!
62.UJustice Mogoeng Moegoeng ngiyamhlonipha, uhlakaniphile, futhi ukholiwe, kodwa kuningi angakwazi ngalenkolo oyivikela kangaka!
63.Kuhle ngoba ngikhuluma ngejaji, okungumuntu ofundile, nozokucwaninga akuhlaziye engikushoyo!
64.Njengoba sihlale sichaza, ubuKrestu kuyinkolo eyachitha inkolo kaJehova ngama Creeds, namanje noma bekufihla lokho, kodwa ngezenzo baseyinkolo eyichithayo inkolo kaMose, njengoba ungekho umthetho kaMose ngawo esidumisa uJehova, owamukelekile enkolweni yobuKrestu!
65.Ngalokho amaJuda bekufanele abuchithe ubuKrestu ezweni labo, ngoba buyinkolo echitha inkolo kaJehova, neyabulala amakholwa amaningi enkolo kaMose!
66.Uma u-former Chief Justce Moegoeng Moegoeng engiphikisa kulokhu, akayofunda ama Creeds enkolo yobuKrestu, uzothola ukuthi lama Creeds ayichitha kanjani inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaJehova, nokuthi kungani lingekho igama likaJehova kuyiTestament Elisha!
67.Lelijaji akelifunde incwadi ka Dr Koster ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, yena ulapha eSouth Afrika, nongumKrestu oqinile, neka Rav Sha’ul ethi THE NAZARENE, betrayed, beaten, begotten, yena uliJuda lakhona eJerusalema!
68.Kumele ezwe ukuthi laba babhali baveza maphi amaqiniso ngalenkolo ijaji elingumuntu omnyama eliyivikelayo, abese echaza ukuthi laba babhali banamanga yini!
69.Hhayi ukuthi ngiyamsola uJustice Moegoeng Moegoeng, ngoba nami ngifundile, bengivele futhi ngikholiwe kakhulu, kodwa ngingawazi lamaqiniso esengiwazi manje!
70.Ngasizwa ukuba khona kwengelosi phakathi kwethu, okuyiyona eyangitshela ukuthi amaJuda ngabantu abamnyama!
71.Ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu lizimisele ukuphumela eshashalazini livule impikiswana ngalamaqiniso okuthi inkolo yobuKrestu yayichitha okokuqala ngama Creeds inkolo kaMose!
72.Yangagcina lapho, kodwa yabulala amaJuda amaningi amnyama alandela inkolo kaMose!
73.Sizimisele ukuphumela eshashalazini sifundise abantu bakithi ngenkolo yabo abayilahliswa ngabezizwe!
74.Ngeshwa umuntu oyifanatics ayikho into ongamtshele yona ayizwe, kungakhathaleki ukuthi isobala kangakanani, ngoba ucabanga ngemizwa, hhayi ngengqondo!
75.Njengoba ngingumNazaretha nje, ayikho into ongayitshela amaNazaretha akwaShembe ukuthi ingumbhedo kangakanani lento yokusukela umuntu ongakholwe nakukholwa, uthi unguNkulunkulu!
76.Noma usubatshela ukuthi lesi senzo sabo sibulala wonke umsebenzi woMprofethi, abakuzwa lokho, kunalokho bavele bakuthuke!
Ithi-ke ingelosi, “Kodwa linye usuku lapho uJehova eyomephuca konke lobu bukhosi oseyibo, abuyele esimweni owabe eyiso esahlala emgwaqeni!”####
78.Kanjalo nakumaKrestu angamafanatics, ayikho into ongayitshela wona ukuthi ubuKrestu njengenkolo kuyisitha esingakanani senkolo kaJehova, nokuthi bungakanani ubuqili abezizwe ababenzile ukudukisa abantu abamnyama ekulandeleni lenkolo yabo!
79.Akukhathalekile ukuthi umvezela imibhalo ebhalwe yibo abaholi bobuKrestu lapho bechitha khona inkolo kaJehova, kodwa ifanatic iyovele ikuphikise, ikulwise ngento esobala!
80.Ngeshwa into noma ingaba liphutha kangakanani, kodwa ayiba liphutha kulabo abazuzayo ngayo, benza konke okusemandleni abo ukuyivikela, kungakhathalekile ukuthi abantu abaningi ibalimaza kangakanani!
81.Bafana nommeli othi noma azi ukuthi i-client yakhe imbulele umuntu, kodwa alwele ukuliikhipha phambili ukuze kukhule udumo lomsebenzi wakhe!##
82.Uhulumeni waseJerusalema ugcine ebona ukuthi kungukuvukela inkolo kaJehova, okunguNkulunkulu wabo, ukuvumela inkolo eyaqeda inkolo yabo ukuba ibuse ezweni labo, ngoba nakhu nje bencike kuyi-Amerika ngokwezepolitiki!
83.Njengamanje kunempi esePalestine noma eMiddle East phakathi kwamaJuda akwa-Israel, nama Arab aseGaza strip.
84.Angikholwa ukuthi okukhulunywa ngamaqembu ezepolitiki ngalempi esibhubhise abantu abaningi, kuyafana nokukhulunywa ezulwini!
85.Ngaphambi kokuphawula ngalempi, kumele ngicacise ukuthi thina njengenzalo kaJakobe sithinteka kanjani kulempi.
86.Kwathi okhokho bethu beseGibhithe, begqilazwa nguFaro, bakhala kuNkulunkulu wokhokho babo, yena wehla ezulwini wazobakhulula esandleni sikaFaro.
87.Wahamba nabo iminyaka engamashumi amane beya eKhenani, namuhla esebizwa ngokuthi i-PALESTINE, noma i-MIDDLE-EAST.
88.Besendleleni uJehova wabanika inkolo eyayinemithetho noma inqubo yakhe. Lenkolo yayisencwadini ebizwa ngokuthi iNcwadi yoMthetho.
89.Sebese Khenani bamlahla uJehova, ngokwenza njalo, uJehova wabe esebayekela ukuba benqotshwe babuye bagqilazwe ngabezizwe.
90.Nempela izizwe eziningi zalwa namaHebheru, zawanqoba, okwathi ekugcineni, ngo 70 A.D, amaJuda anqotshwa isizwe samaRoma.
91.Lesi sizwe asagcina ngokuwanqoba amaJuda, kodwa behlangene nezinye izizwe, baqeda ngomlando nenkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaJehova!
92.Emva kokuba amaJuda esenqotshiwe, abalekela emazweni ase-Afrika, amanye abalekela eTopiya, abanye banqamula ugwadule beza eMzansi Afrika.
93.Njengoba uJehova wayevele eshilo kuDutoronomi 28, lesi sizwe sikaJehova sahlakazeka sagcwala umhlaba wonke, sagcina ngokuba zigqila zazo zonke izizwe!
94.Kwa-Israel kwasala imithonseyana yamaHebheru aba eseba ngaphansi kweRoman Empire.
95.Kodwa ngo 476 A.D iRoman empire yawa, iPalestine yabuya yaphathwa yizizwe eziningi ngezikhathi ezahlukene!
96.Kusukela ngo 1517 kuya ku 1917 iPalestine yabuswa ngumbuso ka-Ottoman owabe eli-Arab.
97.Emva kokuwa kwe-Ottoman Empire, emva kwempi yomhlaba, iPalestine yabuswa ngamaNgisi.
98.Ngo 1923 iLeague of Nation yanquma ukuthi iPalestine ibe i-Homeland yamaJuda amhlophe(ama-Ashkenaz Jew). Lokho kwaze kwaphasiswa ngokuphelele ngo 1948.
99.Kodwa kungimangalisile uma ngizwa umholi wamaJuda amhlophe uNetanyawu, esethi sebehlale ePalestine iminyaka engu 4000, echaza ukuthi yibo abayinzalo kaJakobe!
100.Sesake sachaza ukuthi eminyakeni yo 1700 A.D kwakunama mephu aseWest Afrika ayenendawo enkulu ebizwa ngokuthi iNegroland, izakhamuzi zakulendawo kuyi Kingdom of Judah kanye nezindawo eziningi ezibhalwe ukuthi ngezesi zukulwane sikaJakobe.
101.Ngathi uma ngithola lemephu, sase sibuza kuyi Goggle ukuthi lemindeni yesizukulwane sabantwana bakwa-Israel yayibekwa yini eWest Afrika? Impendulo yathi basuka eMiddle East, noma ePalestine!
102.Njengoba sazi, akhona ama-African Hebrew Israelites asuka e-America ngo 1967 abuyela kwa-Israel eholwa nguMprofethi uBen Ammi, aze ayogogobala eLiberia lapho okhokho babo basukela khona bethunjelwa e-Amrica.
103.Namuhla bahlala endaweni ebizwa ngokuthi kuseDimona, khona kwa-IsraeI, ngoba bayazi ukuthi kwa-Israel yizwe lokhokho babo!
104.Lama African Hebrew awazi kahle wonke umlando wawo kusukela okhokho babo bebalekela amaRoma kwa-Israel baze bafike eWest Afrika, nokuthunjwa kwabo eWest Afrika beyiswa e-Amerika!
105.Kodwa ngoba sehlulwa, sesivele siqhwagwe nje konke okungokwethu! Ama-Arab akamsulwa ekusigqilazeni, iwona aqala ukusithengisa njengezigqila sisese West Afrika!
106.Ukuba thina siyazi ukuthi lelizwe elibangwayo, ezulwini kubhalwe ukuthi yizwe lethu, ngabe okusikhthazayo ukuthi izwe lethu libuyela kanjani kithi?
107.Ngabe sivuma izono zethu nezokhokho bethu kuJehova, bese sicela ukuba uJehova asixolele, asibuyisele konke owasephuca khona sesimhlubukile!
108.KuNehemiya 1:10-14 kuthi: “Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.”
109.Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu, ngathi:
110.“Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho.
111.Ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho.
112.Lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile.
113.Senzile kabi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose.
114.Ake ulikhumbule izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: ‘Uma niphambuka, mina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe.
115.Kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, NGIBAYISE ENDAWENI ENGIYIKHETHE UKUBEKA IGAMA LAMI KUYO!
116.Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.
117.Ngicela Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamulise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.”
118.IKhenani, namuhla esibizwa ngePalestine, INDAWO EYAKHETHWA NGUJEHOVA WASIBEKA KUYO UKUZE IGAMA LAKHE LIDUNYISWE KHONA!
119.Ngolunye usuku ingelosi ithi kithi: “Mhla abantu sebeyazi bonke indaba kaNkulunkulu, kothi ngonyaka babuthane eJerusalema beyokhonza khona uNkulunkulu!
120.IJerusalema yilona ikomkhulu lalapha emhlabeni ngokwase zulwini, ngoba indlu kaNkulunkulu emhlabeni yaqala ukwakhiwa nguSolomon eJerusalema.”
121.Ngabe sengibuza ukuthi kanti uKuphakama khona kumi kanjani ezulwini?” ithi-ke ingelosi:
122.“UkuPhakama kubalulekile kakhulu, ngoba ngumuzi omkhulu woMprofethi kaJehova, kodwa iJerusalema ngumuzi wokuqala emhlabeni lapho uJehova waba nendlu oyakhelwe ngumuntu!
123.Kumina okwenzeka eJerusalema okwamanje ngikuthola kungasithinti, ngoba amaJuda amhlophe nama-Arab abanga leliyazwe, ngiyazi ukuthi zombili lezi zizwe zibanga izwe eliyifa lethu esalinikwa nguJehova emandulo!
124.Mina ngibuka isikhathi lapho sonke sobuyela eJerusalema ezweni esalinikwa nguJehova ngoba singantwana bakhe!
125.Lokho angazi anoma kuyokwenzeka kulesi sizukulwane, noma thina sobe sesafa; kodwa khona kogcina kwenzekile, noma ngingazi ukuthi nini!
126.Kubalulekile-ke ukuthi ezikhathini ezinje sihlale sibheke kuNkulunkulu, silwele ukubuyela kuJehova uNkulunkulu wethu, ngoba yena uma siphenduka, uyosithethelela zonke izono zethu, asenze sibuyele kuye nabantwana bethu, singahlali sikhonza izitha zethu!
iNkosi ibusise lokho enikuzwile!