Asithi noma sihamba emhlabeni sibashiye nesinkwa sokuphila abantwana, umntwana noma ungasekho kodwa akubonge athi Nkosi ngicela ukuthi umkhumbule ubaba nomama ngoba bangishiyela isinkwa, bangenzela ifa, bangikhipha lapho engangizongena khona ngilahlwe.
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza ngeSabatha mhlaka 21 October 2023.
ISIHLABELELO 206
1 Yizana loku kimi
Lokhu kuphila kwami
Umntanami afele ejele
Ngoba yinina mina!
2 Ngozidla kube kanye
Ngimfele yena,
Aphile ngokuphila
Mangimfele mina.
3 Indlela yethuna
Ebeyifanele wena
Ayihanjwe yimi wemntanami
Mawuphile wena.
4 Kuyize kimi lokhu
Ukuphila umntanami,
Aphile ngokuphila
Ngoba yini mina ngedwa.
5 Izintaba nemimango
Engizibonayo mina,
Ziyini kuwe wenhliziyo yami
Ngomntanami yedwa.
1.Ngiyaphinda ngiyayikhetha iNkosi enkulu yaseKuphakameni, bantwana beNkosi enkulu yaseKuphakameni, isihloko sithi iziyalo zoMprofethi Isaiah Shembe eyala abazali nezingane.
2.Sengiphinde ngabuya futhi kuyo le ndima engapheli, akekho oyiqedayo, nasemandulo babekuyo le ndima abaprofethi abathembekile abasebenzela uNkulunkulu kodwa akekho owayiqeda.
3.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngishilo nasevikini eliphelile ngathi angize ngazi noma kuyangifanela yini ukuthi ngibonge, ngibonge ukunikezwa inkonzo ngoba uma unikwe inkonzo usuke ufana nomshayeli osuke enezincwadi zokushayela kodwa uma eshayela azitshele ukuthi uhamba kahle ngoba unezincwadi zokushayela.
4.Kodwa kufike lapho abaphathi bomgwaqo bemuthola eshayele ngendlela okungeyona, bese bemubhalela ithikithi lenhlawulo, ehlawula ukungashayeli kahle.
5.Manjele kulaphoke engingatholi khona ukuthi ngempela kufanele yini ukuthi ngithi ngiyabonga ngoba angazi ukuthi lapho ngiyofika khona, ngiyofika senginamacala amangaki okungayiphathi kahle inkonzo.
6.Noma bengithi ngisayiphethe ngiphathele uNkulunkulu kodwa ngitholakale sengiphuciwe, sengiphathele omunye umuntu njengoba ngishilo evikini eliphelile.
7.Bantwana baseKuphakameni uma ngobuyela esihlokweni, ngiqale ngokubonga, ngibonge nje khona ukuthi iNkosi yaseKuphakameni isigcinile kwaze kwafika lolusuku ebesihlangene ngalo evikini eliphelile.
8.Uphinde wasivumela uNkulunkulu waseKuphakameni ukuba singene kulendlu sizomdumisa njengabantwana abakhethiwe ukuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu phakathi kwamabandla onke.
9.Namuhla ngifisa ukukhuluma ngeziyalo esayalwa ngazo uMprofethi kaNkulunkulu, uma ngabe eseyethule yonke imithetho okufanele ukuthi sihambe ngayo naye ayithathe kuJehova ukuba azosinika yona.
10.Kodwa wavala ngendaba yokuthi uma ufunda umthandazo weSabatha evesini lika 56 uthi “fundisa indodakazi yakho ingazoni, aphinde athi wenake Ndodakazi, lalela izifundiso zikayihlo nonyoko zokuthi hlonipha uyihlo nonyoko.”
11.Ebese ethi “uma ulalele kahle izifundiso zabazali bakho uyokwandelwa izinsuku zokuphila kwakho phansi kwelanga, uyakubusiswa ekuganeni kwakho kuze kubusiswe nenzayo yomzimba wakho.”
12.Ngithike bantwana baseKuphakameni namuhla ngithunyiwe ukuthi ake ngikhulume ngalezi zaluleko esalulekwa ngazo ngumuntu wasezulwini uShembe, eluleka ukuthi abantwana asibakhulise kanjani, aphinde aluleke nabo abantwana ukuthi bakulalele lokhu abazokufundiswa abazali.
13.Aphinde athi uma bekulalele bayakwandelwa zinsuku zokuphila, baphinde babusiswe, kubusiswe nenzayo yomzimba wabo.
14.Namhlake bantwana bokukholwa njengalelivesi esasinganandaba nalo leli elithi ‘ngosuku lwenhlupheko umbize uJehova, uyakukulalela, uyakuza akusindise’ esasingalinakile ukuthi lithini.
15.Kodwa sahlehliswa kwathiwa ake siqale kulo, ukuze sazi ukuthi munye esanikwa yena, sanikwa uJehova ongumdali wezulu nomhlaba, ukuthi usizi lwethu kufanele ukuba silubike kuye, nenjabulo yethu kufanele siyibonge kuye.
16.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ubusisiwe ofundise kahle, ibusisiwe inkosikazi elilalelile lelizwi efundisile kahle indodakazi yayo. Ethena uma isifundisa futhi yathola inhlanhla yokulalelwa ileyondodakazi.
17.Ngoba nayo le ndodakazi iyabusiswa nguNkulunkulu, ibusiselwe ukuthi ilalelile uma ngabe abazali bayo beyethulela umyalo.
18.Lelivesi bantwana baseKuphakameni, njengoba namhla nginikwa lona nje, akekho umuntu olinakayo, kade laqala lifundwa, liyakufundwa kuze kube phakade, kodwa akekho umuntu oye afunisise ukuthi uShembe wayesho ukuthini uma ethi fundisa indodakazi yakho ingazoni.
19.Nawoke amadodakazi ayezwa yini ukuthi uma uShembe eseqile ukukhuluma nabazali usekhuluma nawo, Uthike nawe, uthi wena ndodakazi uze ulalele kahle izifundiso zabazali bakho.
20.Namhlanjena bantwana baseKuphakameni siye sibone amadodakazi amakholwa agqoka amabhulukwe kodwa uthena uJehova asibe ngcwele ngoba naye ungcwele.
21.Siye sibone amadodakazi amakholwa agqoka amabhulukwe, aba ngamadoda phakathi kweviki ebese eyashintsha ngeSabatha aba ngamantombazane. Konke lokho kwenzeka phambi kwabazali. Amanye awasebenzi imali ayithola kubazali, athengelwa ngabazali.
22.Ngithike bantwana baseKuphakameni noma singaba ibandla elikhulu elingaduma, kodwa uma singamulaleli uNkulunkulu waseKuphakameni owathuma uShembe kithi, simulalele ngisho nalapho esifundisa khona ngokuphatha abantwana bethu, simulalele nalapho esithuma ethi aseluleke izingane zethu.
23.Lokhu bantwana baseKuphakameni uye ubone amadodakazi amanye ezalwa ngabagcotshwa kodwa akukho nolulodwa usuku lapho owake wathi uma eshumayela wase eyifaka indaba yendodakazi yakhe ukuthi uNkulunkulu akangisize ngiyaluleka endlini yami kodwa akwemukeleki.
24.Ngiyaweluleka amadodakazi ami kodwa awasithathi iseluleko sami, kwami kunendodakazi egqoka amabhulukwe, sengikhulumile ngaze ngakhathala, cha bayakufihla bangafuni ukuthi kwazeke ngoba kuhle kubo uma indodakazi igqoka amabhulukwe emzini womuntu oyikholwa, emzini womgcotshwa, emzini weNazaretha, elibizwa ngokuthi iNazaretha likaNkulunkulu.
25.Kodwa bese kuqubuka indodakazi ishebheza ngamabhulukwe, kuwo lo muzi okucelwa ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni akangene kuwo.
26.Lo muzi uqukethe amadodakazi ekungapheleli lapho, indodakazi evula ibhizinisi emzini kayise, ibhizinisi lokuluka izinwele, lokushisa izinwele.
27.ISabatha, uJehova uthe akuphunyulwe, indodakazi engasabonakali esontweni iqhubeka nebhizinisi layo lokushisa abantu izinwele.
28.Kodwa abazali bayo abasho lutho ngoba bafuna ukuthi kufihleke, ayikho into abayishoyo phambi kwaNkulunkulu naphambi kwebandla.
29.Ngithike bantwana baseKuphakameni, uthi uShembe fundisani indodakazi yakho ingazoni, uma uyibona indodakazi yakho ishwebheza ngamabhulukwe, uye uthi uShembe wathini kuwe, wathi uthini endodakazini yakho.
30.Ngithike bantwana baseKuphakameni nawo amadodakazi anqunyelwe indima yawo ukuthi nawo uma efundiswa alalele.
31.Ngithike bantwana baseKuphakameni noma kungelona ibhulukwe, kodwa ubone indodakazi yomuntu okholwayo igqoke ngendlela ekungafanele ukuthi igqoke ngayo, ihambaze phambi kwabantu naphambi kwaNkulunkulu.
32.Kodwa uma uthi uyalandela ukuthi wona lama tight iwathengelwa ubani, kutholakale ukuthi iwathengelwa uyise nonina, kodwa lo yise nonina babizwa ngamaNazaretha kaNkulunkulu, uShembe uthume bona ukuthi beluleke amadodakazi abo, kodwa sekuyibona abakhipha imali benikeza amadodakazi ukuthi agqoke imvunulo kaSathane.
33.Ngithike bantwana baseKuphakameni indodakazi esizonile, siye sibuke bantwana baseKuphakameni nezingane ezizalwa ngamakhosi, bekuye kuthi uma kuyiSabatha, ubone abashumayeli bebambe intombazane engasesembethe isembatho sobuntombi sokuthi iseyisitsha sikaNkulunkulu beyiletha phambimbili, ifike ihlale phambi kwabakhokheli. Uma kubuzakala bethi izalwa iNkosi.
34.Kodwa izalwa iNkosi izonile, ayizange ilalele izifundiso zikayise nonina, ihlambalaze ubukhosi bukayise, kodwa kuthiwa uma isifika ebandleni lamaNazaretha kuthunywa abagcotshwa abathunywe ukuthi abashumayele indaba kaNkulunkulu babonakala sebebambe intombazane eyadelela uyise, bahamba nayo, bathi ayiyohlala phambili ngoba izalwa iNkosi.
35.Intombazane noma ngabe izalwa iNkosi ifanele engabe iyafihleka emehlweni abantwana abasafanele ukuthi bazigcine, abantwana abasafanele ukuthi besabe uJehova, kufanele ifihlwe ngoba ihlulekile ukusebenzela ukuthi yona izalwa iNkosi.
36.Bonke abantwana besizwe babuke kuyo ukuthi umuntu uziphatha kanjani, isibusiso usithola kanjani ngoba amakhosi akholwayo, kuthiwe akahlale phambili nje, noyise ukhona, akasukumi asho ukuthi ngicela nimhlehlise, angimdingi phakathi kwabantu, angidingi ukuthi ahlale phakathi kwelati likaJehova
.
37.INkosi ijabulela ubukhosi bayo obuzokona ubuNazaretha, obuzokona umthetho kaNkulunkulu, ukuthi ngoba kufundiswa abantwana, uShembe uthena asifundise kahle amadodakazi ethu, sizowafundisa kanjani amadodakazi amakhosi ehlaliswa phambili ekubeni angazange aziphathe kahle?
38.Ngithike bantwana baseKuphakameni ibusisiwe inkosikazi efundisiwe kahle endlini yayo, ibusisiwe indodakazi ethe uma ifundiswa ngabazali bayo, yase iyakwemukela lokhu kufundiswa, yase iyakuthatha, yase idondolozela ngakho.
39.Yase ihloba ngakho, yase ijabula ithi nginabazali, abazali bami baqotho, abazali bami bangihlelele konke, abagcinanga ngokungikhulisa, kodwa bangihlelela ngisho indaba yasezulwini, abazali bami bayangithanda, abafuni ukuthi nginyathele udaka, bayangeluleka ukuthi uma ngifuna ukuthandwa uJehova kufanele ngihambe kanjani.
40.Izingane zamakhosi, noma kungesewona amakhosi ashoyo ukuthi izingane zawo azihlale phambili, kodwa uyayibona ingane yakho, ngeke kukusinde uma ngabe uwumuntu kaNkulunkulu ukutshela abashumayeli ukuthi akahlale lapha okuhlala khona abantu abone njengaye, uhlambalaza ubukhosi.
41.Akagcini ngokuhlambalaza ubukhosi bukayise, basonela izingane ukuthi izingane zibone umuntu owenze kabi, ziphinde zimubone futhi enikezwa isihlalo esikhulu ngokuthi uzalwa inkosi.
42.Ngalesi sikhathi enqamula itradi wayengasazi yini ukuthi uzalwa inkosi, ngalesi sikhathi efohlwa ephuma ngefastela emzini kayise, wayengazi yini ukuthi uzalwa inkosi?
43.Ngisho khona ebukhosini kukhona izithebe angangeni kuzo ngoba akaziphathanga kahle, kodwa uma esefika lapho okunoNkulunkulu khona, lapho okufuneka kwesatshwe khona, kuthiwa uzalwa inkosi akahlale lapha phambili.
44.Ukuze zonke izingane zonakale zibe njengaye ngoba phela uzalwa inkosi, nangu yana lapha phambili, yena akabizwa ngani icala elibizwa abanye abantwana abakholwa ngoba uliNazaretha elingaphansi komthetho kaJehova?
45.Ingane zamakhosi zona, azibizwa ngani zona umthetho kaNkulunkulu, zona azilahlwa ngani emva kwabakhokheli lapho okulahlwa khona zonke izingane ezisuke zephula umthetho zikhishwa endaweni yamakhosazana, zona azikhishwa ngani ziyolahlwa lapho? Yini zona ziyohlala phambili zingena nesono ziyohloba ngaso phambili?
46.Uthi uShembe fundisa indodakazi yakho ingazoni, abengasho kubantukazana bodwa, nawo amakhosi uShembe wayesho kuwo nawo ukuthi awafundise kahle amadodakazi awo.
47.Ngithike bantwana baseKuphakameni abanye abamnumzane bake bayifundise imithetho bese bekhonkothwa umama wekhaya, athi vele wena baba ngibona ukuthi abantabami awubathandi, awuyeke ingane baba, awuyeke ingane izolokhu ihlekwa ngezinye izingane.
48.Kusho inkosikazi eyacelwa uNkulunkulu, eyacelwa uMprofethi kaJehova wathi kayifundise kahle umthetho kaJehova, ifundise indodakazi yayo ukuthi ingazoni, kodwa le nkosikazi sekuyiyona esimele ukona komntwana ethi kahle baba, ingane yami izohlekwa.
49.Akanandaba ukuthi lengane athi izohlekwa, ukuhlekwa kuyinto eyize kangakanani ukuthi kunokuthi uma ifa iye esihogweni, uma ifa ihlale ethuneni, uma ifa impilo yayo yonke igwetshwe ithuna, akanandaba, ingane yami bazoyihleka, vele wena baba awuzithandi izingane zami?
50.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma ingane igqoka amabhulukwe, iphi iNkosikazi, iphi inkosikazi eyathunywa uShembe enganeni, ethi fundisa kahle indodakazi yakho ingazoni.
51.Uma ngabe seyiphuma ishwebheza, imbethe imvunulo kaSathane ngoba lama tight ayimvunulo kaSathane, nguSathane othe abantu abahambaze ngoba bahambaze nje aphinde athumele izigebengu ukuba ziyobadlwengula ngoba bahambaze umzimba wabo banikele ngawo kuSathane.
52.Bese bathi uma sebezidlwenguliwe, bese bathi kufanele baboshwe, uma umthetho usebenza, bekufanele ukuthi uma umuntu etholakala kuleso simo leso kubhekeke ukuthi kade embetheni, yena uma embethe lento ubengamemezi yini ukuthi abeze ngejubane kuye.
53.Uma ebika ukuthi udlwenguliwe embethe kanjalo kufuneka beboshwe bobabili nesigebengu ngoba naye uyisigebengu esiheha abantu ukuthi bephule umthetho.
54.Ngithike bantwana baseKuphakameni lomyalo othi fundisa kahle indodakazi yakho ingazoni, kusukela namuhla bantwana baseKuphakameni asiwubhekisise, abasenamadodakazi angakazoni, abawusebenzise kakhulu, fundisa abantwana ukuthi kwasho uShembe ukuthi abafundiswe indaba kaNkulunkulu.
55.Emzini yethu kufanele sibafundise abantwana bethu ukubaluleka kokugqoka, sibatshele abantwana bethu izinto ezi-design(we) uSathane. Sibatshele sihleli nabo, sisondele kubo emakhaya, sibatshele ukuthi yonke lento lena i-design(we) uSathane.
56.Uma sebeyigqokile, uSathane ubasasazela ngezigebengu, athi naba abenu esengibakhethile, akudingeki ukuthi nicele, akudingeki ukuthi uze ucele ukuthandwa nguye, ngiyanipha naba! Athi nizababona ngento abayimbethe!
57.Ngithike bantwana baseKuphakameni izingane zethu azibe ngabantwana bakaNkulunkulu ngisho naphakathi kweviki, abantwana bethu asingabavumeli ukuthi bafake izinwele zabezizwe emakhanda abo singamakholwa.
58.Singakuvumeli ukuthi abantwana bethu baphikise uNkulunkulu phambi kwethu, njengoba nathi singavumelekile ukuxhuma lezinwele, nabantwana bethu abavumelekile!
59.Umntwana uma ngabe eluka izinwele zakhe zemvelo, asikho isidingo sokuthi axhume izinwele zakhe nezinwele zabezizwe. Into ebuhlungu konke lokhu kwenzeka phambi kwabazali kodwa abazali ababuzi lutho.
60.Ngibuyela laphana emadodakazini amakhosi, ngithi kuze kube namhlanjena angikaze ngezwa ukuthi ikhona iNkosi edingisa umtanayo, imudingisela ukuthi wephule umthetho.
61.Ngoba ngisho abagcina umthetho nje wesizulu ongaxubene noNkulunkulu, akukaze kube into enhle ukuthi umntwana wentombazane aphule umthetho, ngisho ngomthetho nje wesintu.
62.Laba abamele isintu bawugcina kakhulu umthetho okudlula laba abamele inkolo. Uma ulandela usiko uma ingane iphule umthetho yakhulelwa, umthetho bekuye kuthi uma ngabe ingane sebehlawula, mhlazana bathi bazohlawula, uyise abize lonke ilobolo bahambe naye ngoba kuyihlazo ukuthi kube khona umuntu ozozalela ekhaya.
63.Uma kungenzeka lokho, ngisho leyo nkomo ezohlawula lokho yayingahlatshelwa esibayeni ngoba yayizongcolisa lowo muzi, leso sibaya, yayihlatshelwa ngaphandle, yayingadlelwa nasekhaya, kwakubizwa abantu abangenzanga kahle bazodla leyonyama leyo.
64.Abanumzane abenze kahle babengayidli leyo nyama leyo, abanumzane abenze kahle babengayidli leyonyama, kwakubizwa abantu abonile, abantu abangazange babugcine ubunsizwa babo, abantu abahamba bebizwa ngoyise yonke indawo, yibo laba ababedla leyonyama leyo.
65.Kodwa bonke abanumzane abashadile abalobolile abangabizwa ngobaba ezigangeni, babengayi, yayingaphakelwa ngishi ezingqokweni, kwakufuneka ukhetha kuphakelwe kulo, kudlelwe kulo ngoba into embi.
66.Umnmzane akhiphe imbuzi ageze izintombi zendawo ukuthi zihlambuluke, kodwa entweni kaNkulunkulu akukho lokho, kodwa abantu ababegcina nje usiko lwabo babekwenza lokho.
67.Namhlanjena njengoba ngikhuluma ngendaba yokuthi yayingadliwa ngabantu yayikhethelwa abantu okufanele bayidle.
68.Namuhla sekukhona abanumzane abaphila ngemali yeqolo, asebekwenanela ukuthi umntwana wakhe engathi engabuye athole omunye khona kuzokhula isisindo seqolo.
69.Ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba umntanakhe ehola imali yeqolo, uhola imali yokuzalela ekhaya, yokuzalela emzini kayise, yokuhlambalaza uyise. Kodwa sekunaba mnumzane nabo abathi nabo bayoze bayithole le mali yeyqolo!
70.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu esimkhonzayo owadala izulu nomhlaba akasiphindisele emuva emaqinisweni.
71.Singabi ngamaNazaretha ngokugqoka imnazaretha emhlophe, singabi ngamanazaretha ngoba asiwubasi umlilo, singabi amaNazaretha ngoba asisidli isinkwa ngomhlangano, asibe ngamaNazaretha nakubantwana bethu.
72.Asithi noma sihamba emhlabeni sibashiye nesinkwa sokuphila abantwana, umntwana noma ungasekho kodwa akubonge athi Nkosi ngicela ukuthi umkhumbule ubaba nomama ngoba bangishiyela isinkwa, bangenzela ifa, bangikhipha lapho engangizongena khona ngilahlwe.
73.Namuhla ngiphethe zonke izikhali zenkolo, ngizinikezwe ngabazali bami bona ababezinikezwe nguShembe.
74.Aphi amakhosi adingisa abantwana, amakhosi ayabadingisa abantu kodwa awabadingisi abantu bawo abasuke badelele umthetho kaJehova. Ngikhuluma ngamakhosi akholwayo uShembe athule yonke indaba kaNkulunkulu kuwo.
75.Ithike ingelosi ngelinye ilanga, engathi uNkulunkulu ebengasithanda, nanxa kukuhle ukuthi kungena iNkosi yesizwe imubone uNkulunkulu, kodwa engathi uNkulunkulu engenza ukuthi iNkosi eyophakamisa isandla la, kube iNkosi eseyifunde yawuphasa umthetho kaNkulunkulu.
76.Uthi ngoba inkinga indaba yamakhosi angena ekukholweni, angene nezihlalo zawo, ungabe usazi ukuthi esikaJehova sona sizohlalaphi inkosi ingena nobukhosi bayo, uma ingena nobukhosi bayo kusho ukuthi nayo kufanele ikhonzwe ngoba ingena endlini kaJehova ngosuku lapho uJehova ethena lungolukudumisa yena yedwa!
77.Sesike sizwe kwezinye izinhlangothi phakathi ethempelini, sibone iyaluza imbongi, ibongelela inkosi yesizwe, ibongelela inkosi yayo endlini kaJehova.
,
78.Umangale ukuthi uzomubongela ngapha ngoba uphumile endlini yakhe wathatha imoto wathi uza esontweni, kanti yena ubengazile yini ukuzokhonza uJehova, kanti yena ubezobangisa uJehova yini emubangisa isihlalo sakhe ngoba bonke abantu nababongelelayo kufanele babongelele uJehova ngoba kusuke kuwusuku lokuba kudunyiswe yena yedwa!
79.Nguye yedwa ongumnikazi wezulu nobuye abe ngumnikazi womhlaba, nguye yedwa odunyiswayo uma ngabe kuyiSabatha, kodwa namhlanjena sibona abantu behamba endlini kaNkulunkulu bethemeleza bebongelela amakhosi abo into esingakaze siye siyibone kulelibandla leli!
80.Kodwa ithi ingelosi engathi uNkulunkulu engenza ukuthi ngezinye izikhathi lapho okuyoba khona amakhosi ayobe ethi ayayikhetha le Nkosi enkulu yaseKuphakameni, uJehova uMdaliwezulu nomhlaba, engathi kungenza asebewufundile umthetho kaNkulunkulu.
81.Athi engathi kungangena amakhosi anjengalezi zinhlalisuthi ezathi uma zifika lapha zathi sikwazi konke lokho, athi athina sayifunda lento, kade safika kulelibandla, besisafunda lo mthetho kaNkulunkulu, sesize sagcina sesibonile ukuthi sekufanele manje ukuthi singene nathi sibe ngamaNazaretha kaNkulunkulu!
82.Ngoba uma iNkosi iwufunde yawuphasa lomthetho, isihlalo sayo iyosishiya ngaphandle njengenkosi yaseMachunwini, leya nkosi kwagcina ngayo.
83.Kuthiwa, kusho abadala ababekhona ukuthi iNkosi yamaNazaretha ngoba bangamakhosi ezizwe, yayibanikeze igqila ukuthi bahlale kuzo, ahlala amakhosi amanye, kodwa kwathi uma sekuza eNkosini yaseMachunwini, yase isenqaba lesi sigqiki, yathi ayikwazi ukuhlala esigqikini yafuna icansi.
84.Ngoba yabona ukuthi lapha ekhona munye okufanele ahlale esihlalweni, iloyo omele uJehova emhlabeni, yamubona uShembe ukuthi uShembe akanjengayo, futhi akangangayo, yase le Nkosi ifuna icansi, yangangena nesihlalo sayo sobukhosi, yafuna ukuba ngumnuntukazana, yahlala yafana nabo abantu bayo.
85.Ayaze yafuna ukuthi ubukhosi bayo buzogqama endaweni kaNkulunkulu, yahlonipheka yaze yadlula emhlabeni!
86.Kwathi ngenye imini, yathi ingelosi “Niyafuna yini ukubona indlu yeNkosi yaMaChunu, amaChunu, abusisekile ngoba iNkosi yawo isiyakhelwe umuzi omuhle!”
87.Yase iwuveza, sawubona umuzi omuhle owakhelwe le Nkosi, angizange ngimangale uma ngabe ngibona lo muzi, ngoba ngayifica le Nkosi kulokhu kukholwa, ayizange isebenzise ubudala, yahamba iNhlangakazi kwaze kwaba kuphela amandla ihamba iNhlangakazi.
(Ingelosi yasibonisa indlu yenkosi uSimakade, inkosi isaphila. Lendlu iyinhle isimanga, ingeyesitini, imhlophe ngaphambili, icishe ibe grey emacaleni, phezulu ifulelwe ngokhethe olumnyama).
88.Sasiba nayo lenkosi kuzo zonke iziguqo ngisho nesango 12, le Nkosi yayizehlisa ngendlela eyisimangaliso leya Nkosi yamaChunu.
89.Ngithike bantwana baseKuphakameni, kwangazathi UJehova engasikhumbula singabantwana bakhe, asenze ukuthi sibe ngothisha, ithike ingelosi abantu bayakwazi ukukhuluma nebandla, bayakwazi abashumayeli ukuthi bashumayele, basho nezinto ezingenziwa, batshele ibandla nabavangeli nabafundisi.
90.Kodwa abakwazi ukushumayela ezindlini zabo, bayalifihla iqiniso ezinganeni, bayathula izingane uma zishwebheza ngamabhulukwe, akekho umfundisi noma ubani, akababikho manje kwagcina kudala ukuzwa ukuthi ukhona umuntu oxoshe ingane ephikisana noJehova, ayikho exoshwayo, namakhosi ayakwazi ukudingisa abantu uma ngabe benze amacala.
91.Kodwa ayikho iNkosi kulamakhosi akholwa esengike ngezwa ukuthi idingise umtanayo ohlambalaze ubukhosi.
92.Abantu uma izingane zabo ziphula umthetho, kuba nesilwane ekuthiwa siyogeza inkosi, kodwa inkosi awuyazi ukuthi igezwa nini kulaba abayo, isizwe sona kufanele sikhiphe into kuyogezwa inkosi, kodwa yona, awuyazi ukuthi yona igezwa ngubani kulabantwana bayo, abathi uma kuyiSabatha kuthiwe abahlale phambili.
93.Ngithike bantwana baseKuphakameni, bese kuza kubo laba bantwana abayinzalo yoMprofethi, bathi bahlambalaze uMprofethi kuthi uma kuyiSabatha bese kuthiwa abayohlala phambili.
94.Lokho kukodwa kuwukwehlisa isithunzi soMprofethi owathunywa uNkulunkulu, ukuthi khona ongowakwaShembe uhlalele into ebhekephi phambili ngoba waphula umthetho kaJehova.
95.Akayi ngani ukuyohlala nabanjalo labo abanjengaye, Uhlala phambili ngaliphi ngoba lobu bukhosi akusibona ubukhosi basemhlabeni, wafika nobukhosi bukaJehova, athi akuhlonishwe ngabantu, wayethula imithetho, owathi intombazane ingabatholeli ekhaya abantwana, kwaba nguye uMprofethi, nasemandulo babenjalo abantu besizulu njengoba sengishilo.
96.Kodwa kumangaleke ukuthi ingane yakwaShembe ephikise uMprofethi bese yenziwa imbali ebandleni iyohlala lapha phambili, ukuthi laba bona abangavunyelwe ukuthi bahlale ngisho phambi kwamakhosikazi benzeni uma ngabe zona lezi zakwaShembe izingane kufanele zihlale phambili noma zedelee umthetho kaNkulunkulu zawephula?
97.Engikuthandayo akushongo yena uShembe, kodwa ngamakholwa abizelwe ukuzogcina umthetho kodwa ebese exova umthetho kaNkulunkulu ezifunela udumo ezinganeni zakwaShembe.
98.Ithike ingelosi engathi lelibandla amakhosi ezayo khona kungaba amakhosi awufundile umthetho kaJehova ayoba njengeNkosi yamaChunu, ayothi uma engena asishiye ngaphandle isihlalo sayo sobukhosi, azothamela inkonzo kaJehova.
99.Afike ahlale phansi uma kuhlelwi phansi, ahlale ezihlalweni lezi ezihlala noma bani ngoba asuke ezokwethekela, athekela umthetho kaJehova, ngoba noma ngabe umuntu oyiNkosi kodwa uma eke wabuyela esikoleni, akuze kwathwalwa isihlalo sakhe sihambe naye ayohlala, ufike ahlale kuleyo desk ehlala izingane zonke.
100.Asikho isihlalo angena naso, kodwa uma sekuza endaweni kaNkulunkulu bese amakhosi angena nezihlalo zawo azobongelelwa endaweni okungafanele ukuthi abongelelwe kuyo, afanele abongelelwe esizweni, embizweni yesizwe, lapho esuke inkosi inomhlangano nabantu bayo khona.
101.Akufanele ukuthi iNkosi ibenodumo olungangolu kaJehova izodunyiswa nayo phakathi kwendlu kaJehova, ngoba ithi ingelosi uma ngabe kuyakukwenzeka lokho, kuyofuneka amakholwa aqotho, okuyothi lapho isithi imbongi iyaphakama, kube khona amakholwa lawo aqotho azigcinele ukuthi umthetho kaNkulunkulu awugcinwe kuphilwa noma kufiwa.
102.Ivele ibadonse ithi cha hhayi lapha, imbongi ayilinde ngaphandle, kuzothi uma inkosi yawo isiphuma ebese imbongi iyabongelela ngaphandle, hhayi emzini kaNkulunkulu, hhayi nje ethempelini kuphela, hhayi emzini kaNkulunkulu, ngale ngaphandle kwesango imbongi ayillinde khona ebese iyamubongelela.
103.Ngoba lokhu kubongelelwa kwamakhosi emzini kaNkulunkulu kuwukubukela phansi umthetho kaNkulunkulu, kuwukubukela phansi umthetho kaNkulunkulu, kuwukubukela phansi uJehova uqobo lwakhe ukuthi kungasuka umuntu athwale isihlalo sakwakhe ayongena naso endlini kaJehova bese ephuca uJehova udumo lwakhe, bese kubongelelwa yena!
104.Ngithi engathike uNkulunkulu engasisiza kube njalo njengoba umuntu wasezulwini esho njalo, akasifundisanga ukungawahloniphi amakhosi, kodwa uyakwenqabela ukuthi sivume udumo lukaJehova lemuke namakhosi, akasivumeli ukuthi umthetho kaNkulunkulu uchitheke ngenxa yamakhosi
.
105.Akekho umuntu ongaphezulu komthetho kaJehova, akekho umuntu ongaphezulu kwakhe uJehova, usho yena wathi lolusuku lungelokudumisa yena yedwa. Kodwa sizwa izimbongi zitshiyoza phakathi ethempelini likaNkulunkulu.
106.Ngithike bantwana baseKuphakameni engathi uNkulunkulu engaba nathi sibe ngomama abaqotho kubantwana bethu bamantombazane, kuthi nobaba noma bethi bayakhuza, bese sibhoka ngolaka, engathi obaba mhlazana benikwa inkonzo, bese bekusho lokho ukuthi ngiyamuphilela uNkulunkulu kodwa endlini yami akuhambi kahle.
107.Ngikhuzile, ngiyatshala akumili, ngiyatshala umama uyakususa lokhu engikutshalayo, khona umama azohlambalazeka, abone ukuthi uzolahlwa nguNkulunkulu uma ngabe ubaba ethi uyafundisa, bese yena ethi izingane azikwazi ukufana nezingane zakudala.
108.Uma ingane yakho isambatha imvunulo kaSathane, ukukholwa kwakho kuyize leze, uma uyikholwa ingane yakho ithi noma ingaligqokile ibhulukwe, ebese ifaka isigqebhezana esiveza wonke umzimba, imvunulo kaSathane emzini wakho, imvunulo kaSathane phakathi komuzi wakho ulikholwa. Umthengela kanjani umntwana izinto ezinjena, umthengela kanjani umntwana izinto ezifana nalezi?
109.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu akabe nathi enze ukuthi lelibandla nangeminyaka ezayo, nasezizukulwaneni ezizayo, likhule ngomthetho kaNkulunkulu, abantu basifele isethembiso abathenjiswayo!
110.Amakholwa asola emva kwezindlu, ayaba zinkuni zokuqala umlilo, ukuthi ungathi uyikholwa konakale izinto bese uyozisola emva kwezindlu.
111.Amakholwa eqiniso avuke eme ngezinyawo athi wathi uShembe singakuvumi lokhu, athi wathi UShembe lokhu kosenza ukuthi silahlwe, umuntu owenza lento kushuthi akasekho kuNkulunkulu, akaphume phakathi kwethu.
112.Akasekho umnumzane odingisa ingane yakhe, awasekho amakhosi adingisa abantwana babo ngoba bephula umthetho kaNkulunkulu, kodwa amakhosi adingisa abantu besizwe, kodwa awadingisi abantwana babo abasuke bephule umthetho kaNkulunkulku.
113.Uma ingane yomuntukazana yonile amakhosi afuna ukugezwa, kodwa awuzwa ukuthi ageze afikaphi kulabantwana babo laba ababonakala behlala phambili ngeSabatha bengasayigqokile inansuka.
114.Akekho nobuzayo ukuthi inansuka yakhe yasala kuziphi ihosha, kuthiwa nje uzalwa inkosi, iphi inansuka yakhe, uqhamuka engasenayo nje sithi ngoba uzalwa inkosi?
115.Abashumayeli bagijima baze babe bafishane bethi uzalwa inkosi, uma ezalwa inkosi kushukuthi unelungelo yena lokwephula umthetho kaJehova?
116.Uma ezalwa inkosi kusho ukuthi kuhle lokhu akwenziwe, laba bona abazalwa abantukazana basusiwe laphayana ezintombini, bayolahlelwa le emumva, kushukuthi lona ngoba uzalwa iNkosi, kufanele yena ayobe imbali lapha phambili okuzothi ingane zifunde kuye ukuthi umthetho kaNkulunkulu uyaphulwa?
117.Kufanele abantwana bakuqonde ukuthi ukungaziphathi kahle akusikho ukuthi usuke uphula umthetho kayihlo nonyoko, usuke uphula umthetho kaNkulunkulu.
118.Imali yeqolo, sekunabanumzane abathengisa ngamadodakazi abo, kusakude ukuhola imali yeqolo kuleliviki elizayo, baze bathenge ngisho amabhalukwe, umnumzane ogqoka ibhulukwe leqolo, kodwa inhlawulo yokuthi kuze kube khona iqolo ayidliwa, ibizelwa abantu abaphula umthetho, abantu abanjalo.
119.Njengoba namhlanjena abantu babuthana njengamagwababa, bayodla inyama embi, izinsizwa zanamuhla ubona zilokhu ziphupha, ikho lokhu ziguga, abasenendaba ukuthi leyonkomo ngeyani, babuthana njengagwababa, bayodla inyama yeqolo.
120.Ngithike bantwana baseKuphakameni, uNkulunkulu akabe nathi, namhlanjena ngithena ake sikhumbule njengoba umuntu wasezulwini esibuyisela kulelivesi ethi nalo asilifunde ngoba uyabona ukuthi liyafundwa njalo kodwa asilinakile!
121.Bayacelwa abantu abasene nhlanhla abasenezi ngane ezingaka zoni ukuthi bagcine kulelivesi bafundise batshale, batshalisise, namadodakazi nawo engathi engaba umhlabathi ovundile, akwazi ukubona ukuthi azelwe ngabantu abanothando.
Ima lapho eyanamuhla inkonzo ngizigcine ngikhuluma indaba kaNkulunkulu.
INkosi ibusise enikuzwile.