Sesikusho kaningi ukuthi isisekelo senkolo kaJehova ukugcina umthetho wakhe owawuletha kithi ngeNceku yakhe uMose! Okufanele nokungafanele ukwenze kubhalwe phansi kulencwadi yomthetho!
Kanjalo futhi, inkolo yabezizwe yakhelwe kuyisisekelo sokuchitha inkolo kaJehova! Nabo futhi lokhu bakubhale phansi!
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalo mhlaba
Lalingakabi bikho lona.
NGABANJANI ABAYOBONA UMBUSO WEZULU.
1.UMprofethi wokuqala kwa-Israel ukufundisa ngombuso wezulu kwaba nguYeshua.
2.Ngaphambi kukaYeshua abanye abaprofethi babekhuluma ngobukhona bezulu lapho kuhlala khona uNkulunkulu nezingelosi, kodwa akekho owayeke wasitshela ngabangcwele abahlala noNkulunkulu.
3.Nokho uMprofethi u-Enock kuyavela ukuthi wahlala noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu. Lo ngumuntu wokuqala esifunda ngaye ukuthi wathi eselapha emhlabeni, wahlala noNkulunkulu ezulwini!
4.Kodwa nguYeshua okhulume waqonda ukuthi embusweni wezulu uNkulunkulu akahlali nezingelosi kuphela, kodwa abantu abenze okulungile beselapha emhlabeni, ekufeni kwenyama yabo, umphefumulo wabo uya ezulwini uyohlala noNkulunkulu!
5.Uma sifa ngenyama, umphefumulo wethu awufi, kodwa uvuka usungumoya (spirit).
6.Ekwehlulelweni komphefumulo, umuntu omubi uya ekulahlweni, kodwa abalungile baye ezulwini!
7.KuJohane 5:28-29 uYeshua uthi: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni bayolizwa izwi layo.
8.ABENZE OKULUNGILEYO baphumele ekuvukeni kokuphila; kuthi ABENZE OKUBI ekuvukeni kokulahlwa.”
9.Ngalokho uYeshua wayechaza ukuthi umuntu akasona nje isidumbu esiyinyama, kepha ungumphefumulo ongafi noma isidumbu sesifile, sabola!
10.Lomphefumulo iwona ophila ngisho inyama isifile, nophila kwelizayo!
11.Ngakho-ke kumele sihlale sikwazi ukuthi kubo bonke abaprofethi, nguYeshua owasifundisa ngobukhona besihogo sabalahliwe, nangombuso wezulu ohlala abangcwele!
12.Ngokwasezulwini ngonjani umuntu OWENZE OKUBI, NGONJANI OWENZE OKULUNGILEYO?
13.Lombuzo kufanele siwuphendule ngokweqiniso, singakhohlisani, ngoba uma sike sakhohlisana, solokhu sithi sikholwe kuJehova, kanti sikholwe kwabanye onkulunkulu!
14. UMUNTU OWENZE OKUBI NGUMUNTU ONGAWUGCINI UMTHETHO KANKULUNKULU OSENCWADINI YOMTHETHO EBIZWA NGOKUTHI ITORAH! LOWO NGUMTHETHO KAMOSE!
15.Umbuso wezulu lapha emhlabeni ngingawufanisa ne-University. I-University iyona ezibekela umgomo wokuthi ukuze umuntu angene kule-University, kufanele ephase ziphi izifundo, nokuthi aziphase kanjani.
16.Akukwazi ukuthi umgomo wokungena e-University ubekwe ngabantu abafuna ukungena e-University! Kanjalo nokungena ezulwini, akukwazi ukuthi kube ngofuna ukungena ezulwini ozibekela imigomo yokuthi ukuze angene ezulwini uzokwenza lokhu nalokhu, lowo mgomo ubekwe ngumnikazi wombuso wezulu!
17.Akukwazi ukuthi kuthi kuyithi abafuna ukuya ezulwini, bese futhi kuba yini esibeka umgomo wokuthi siya ezulwini uma senzeni!
18.Sesihlale nomuntu ovela ezulwini iminyaka esondela emashumini amabili, ngokwezimfundiso zengelosi, ezifakazela izimfundiso zikaShembe uBabamkhulu, naye ezithathela kumthetho kaMose, ukungena ezulwini akufani nalokhu esikutshelwa ngamaKrestu kanye namanye amaNazaretha!
19. Ngijwayele ukulalela izintshumayelo, ikakhulukazi zamaKrestu, kanjalo nezamanye amaNazaretha, ngithola ukuthi lezi zimfundiso esizithola kulama bandla ziphambene nalokhu esifundiswa yingelosi ngokombandela wokungena ezulwini!
20. AmaKrestu adukisiwe, akaboni ukuthi lenkolo yabo imelene noJehova; kodwa amaNazaretha amaningi angamahlubuka, ahlutshulwa ngabaholi babo!
21.AmaNazaretha asengamakholwa akhonza abanye onkulunkulu, yize ngokokukholwa esacabanga ukuthi ayakholwa, kanti cha, asekude kakhulu kuloNkulunkulu owalethwa kithi nguShembe!
22.Lokho ukubona ngokusonta nezangoma, ngokwemfundiso yoMprofethi isangoma akufanele singene ngisho emzini wakho!
23.UShembe usifundise ukuthi EKUKHOLWENI KWETHU NJENGEBANDLA LIKAMENZI WEZULU NOMHLABA, KUMELE SIGCINE UMTHETHO KAJEHOVA OWAWULETHA KITHI NGOMOSE, AKUSHINTSHI LOKHO!
24.Ngike ngezwa omunye umNazaretha ethi, “UShembe uzivumile izangoma ebandleni lakhe!”
25.NgokwalomNazaretha ngoShembe usho umholi wakhe, akanalwazi lwenkolo yobuNazaretha ngaphandle kwalokhu okubona kwenziwa ngumholi wakhe!
26.Inkinga-ke leyo amaNazaretha amaningi abhekene nayo, uma bekhuluma ngoShembe basho umholi wabo!
27.Kodwa isikhathi esiningi lomholi wakhe uphambene kakhulu enkolweni kaJehova njengoba sasifundiswa nguMprofethi!
28.Kodwa lamaNazaretha aholwa ngamahlubuka akazi ukuthi imfundiso kaShembe iphambene kangakanani nokwamukela isangoma ebandleni likaJehova!
29.Kungenzeka ukuthi akhona amaNazaretha, kulaba abasanda kukholwa, acabanga ukuthi basenkolweni kaJehova njengoba yashunyayelwa nguBabamkhulu, kanti akunjalo, sebeyizitha zikaJehova!
30.Izulu ngumbuso, njengoba lingumbuso, linomthethosisekelo okufundisa uselapha emhlabeni, ukuthi ukuze ungene kulo, yini nani okungamele uyenze, yini okumele uyenze!
31.Lomthethosisekelo yiwo obusa impilo yasezulwini, uJehova owayehlisela emhlabeni ngoMose, yiwo lo esiwubiza ngeTorah!
32. Njengoba sesichazile, amaKrestu asusiwe enkolweni kaJehova, kodwa lokhu bakwenze bengaboni, ngoba isikhathi esiningi abantu abamnyama bamukela noma yini abayifundiswa ngabezizwe!
33.Sesikusho kaningi ukuthi isisekelo senkolo kaJehova ukugcina umthetho wakhe owawuletha kithi ngeNceku yakhe uMose! Okufanele nokungafanele ukwenze kubhalwe phansi kulencwadi yomthetho!
34.Kanjalo futhi, inkolo yabezizwe yakhelwe kuyisisekelo sokuchitha inkolo kaJehova! Nabo futhi lokhu bakubhale phansi!
35.Namuhla ngifisa ukuba ngicacise ukuthi lapha sikhuluma ngezinkolo ezintathu, inquo nenqubo yokukholwa engafani neyenye inkolo!
36.Ngakho-ke umuntu nomuntu kumele azi ukuthi kulezi zinkolo ezintathu, yena ukuyiphi, ngoba awukwazi ukuthi uwedwa uphile ezinkolweni ezimbili noma ezintathu!
37.Inkolo yokuqala inkolo kaJehova eyalethwa kithi nguMose entabeni yaseSnayi. Le inkolo abezizwe abayibiza ngokuthi inkolo yamaHebheru noma yamaJuda, noma okuthiwa inkolo kaMose!
38.Inkolo kaMose yachithwa isizwe samaRoma emva kokuba kube nempi phakathi kwamaRoma namaJuda ngo 70 A.D.
39.Inkolo yesibili inkolo yabezizwe eyasungulwa ngu Constantine ngo 325 A.D. lenkolo amaRoma ayeyibiza ngokuthi i-CHRISTIANITY NOMA UBUKRESTU!
40.Inkolo yesithathu inkolo yoMdabu, okuyinkolo enenqubo yokugcina amasiko, ayinamsunguli owaziwayo ngaphandle kokuthi ithi ikholwa kuMvelinqangi!
41.Kodwa inqubo yayo iyithathela kubantu, iyinkolo esuselwa kuyizwi labantu, kanti eyethu inkolo iyilizwi likaJehova!
42.Lezi zinkolo ezintathu azinabudlelwane, ngakho-ke akukwazi ukuthi umuntu oyedwa ebe kuzo zontathu noma zombili ngesikhathi esisodwa!
43.Zontathu zinonkulunkulu abehlukene kanye namazulu ahlukene! Kanjalo futhi, zinenqubo yokukholwa eyahlukene! Ngakho-ke awukwazi ukuthi wena uwedwa ube kumazulu ahlukene! Yikho-ke kubalulekile ukuphumela obala uzazi ukuthi ungaphansi kwayiphi inkolo!
44.Njengoba sesikhulume kaningi ngalokhu, abukho ubudlelwano phakathi kwenkolo kaMose nenkolo kaConstantine, ubuKrestu buyisitha senkolo kaJehova!
45.Inkolo kaMose isisekelo sayo imithetho uJehova owayinika uMose entabeni yaseSnayi.
46.Enkolweni yobuKrestu awuvunyelwe ukubiza igama likaJehova nelikaYeshua, lamagama achithiwe kuyi-Testamente Elisha!
47.Kulenkolo awuvunyelwe ukugcina nowodwa umthetho kaJehova, ngangokuthi emandulo uma uficwa ugcina umthetho kaMose wawubulawa!
48.Isibonelo salokhu ukusoka neSabatha. Umuntu owayeficwa esonta ngeSabatha wayebulawa kabuhlungu; kanjalo nengane etholakala isokile yayibulawa nomzali wayo! Namanje amaKrestu akasoki, akaligcini iSabatha futhi kuyimfundiso yobuKrestu ukuthi bengawugcini umthetho kaMose!
49.Enkolweni yobuKrestu yachithwa ngamaCreeds inkolo kaMose. Uma senikhohliwe, nanka amaCreeds ashawa ngu Constantine, eqeda ngawo inkolo kaJehova:
50. “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yama wundlu eyenziwa ngamaHebheru.
51.Ngichitha iminikelo, imithandazo, ukulinda, ukuzingcwelisa KANYE NOKUDUMISA KWABO!
52.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, NOKUYA KWABO UKUYOKHONZA EMATHEMPELINI!
53.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane UKUTHI KUBE KHONA UKUBUYA KULE NKOLOZE YAMAJUDA, NOMA UKUTHOLAKALA NGIDLA NAMAjUDA!
54.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo, kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
55.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.”
56.LamaCreeds asemiqulwini wezincwadi zamaKrestu. Ngalokhu ngizama ukuveza ukuthi ungazikhohlisi uthi ubuKrestu buhlangene kumbe kukhona ubudlelwano obunabo nenkolo kaMose, le efike yavuswa nguShembe uMprofethi!
57.Namanje awukho umthetho kaJehova umuntu ongumKrestu owugcinayo, kodwa ngoba siyisizwe esimnyama siyaye sikhohliswe nje kalula!
58.Njengoba sihlale sichaza, abezizwe bathi besuka bathatha inkolo yobuKrestu bayihlanganisa nekaMose, benza sengathi sekuyinkolo eyodwa. Lokhu uShaul okubiza ngokuthi: HELLENISM +SYNCRETISM= PAULINE DOCTRINE!
59.Inkinga yamaKrestu amnyama ukuthi akanalo ulwazi lwenkolo yabo, yikho bengakwazi ukwehlukanisa phakathi kwenkolo kaMose nenkolo kaConstantine.
60.Ngokuveza lolu lwazi abanye abantu bengathi sichitha inkolo yobuKrestu, kanti akunjalo, sehlukanisa inhloko nesixhanti, singakhohliswa ngokufanisa izinto ezingefani!
61.Enkolweni kaMose uMprofethi wokugcina ngu YESHUA, lo enkolweni yobuKrestu osebizwa ngoJESU!
62.UYeshua wazalwa ngo 6 A.D, wabethelwa esiphambanweni ngo 36 A.D, ebethelwa isizwe sakhe, okungamaJuda!
63.Ngakho-ke ngokomlando uYeshua akaze abe sesizweni samaRoma noma samaGriki, kodwa ngokwenkolo kuthiwa uJesu ungumsunguli wobuKrestu!
64.UYeshua akakwazi ukuba ngumsunguli wenkolo ongakaze abe kuyo! Sonke siyazi ukuthi uJesu wayeliJuda, wabethelwa ngamaJuda ngaphansi kwenkolo kaMose!
65.Okwenzeka yilokhu: Kwathi uma amaRoma esenqobe amaJuda ngo 70 A.D, ase eba nemithetho echitha inkolo yamaJuda.
66.Ukuchitha inkolo yamaHebheru akuqalanga ngo Constantine, kodwa umbusi owaqala ukuchitha inkolo yamaJuda kwaba nguNero eminyakeni yo 60 A.D, uYeshua vele engasekho emhlabeni.
67.Kwathi uma abezizwe sebenelisekile ukuthi baqedile ngenkolo kaMose, kodwa babona ukuthi njengoba uYeshua wayedume kanje esizweni samaJuda, base bakha inkolo yabo ethatha indawo kaYeshua oliJuda! Ekwakhiweni kwalenkolo, base bakha isithixo abasibiza ngokuthi nguMesaya wabo.
68.UDr Koster ukuchaze kahle lokhu uma ethi: “ABEZIZWE BABEWAZONDA AMAJUDA, BEZONDA NONKULUNKULU WABO OKUYITESTAMENTE ELIDALA, OKUNGUJEHOVA!
69.KODWA BABEMFUNA UMSINDISI, NGALOKHO-KE BASE BEZAKHELA UMSINDISI WESIZWE SABO.”
70.Ekwakheni lomsindisi oyisithixo, bathatha impilo kaYeshua oliJuda nongasekho emhlabeni, base bethi lomsindisi nguye lo onguMprofethi wamaJuda, kodwa balishintsha igama. Lesi senzo siwukuntshontsha umqondo womunye umuntu, kube sengathi ngowakho, okuthiwa i-Plagiarism.
71.Ukuze ubone ukuthi lento inobuqili obungakanani, awusoze wawuthola umlando kaJesu oseBhayibhelini, uqhamuka usutshelwa ngoJesu ozalwa engumJuda, kodwa umthole esesungula inkolo yobuKrestu esungulwe ngamaRoma, ungaze wazi ukuthi uJesu ongumJuda uwahlubuke nini amaJuda ayeyizitha zamaRoma, wayesoba ngumsunguli wenkolo yamaRoma?
72.Ukuvika imibuzo eminingi, akusoze kwashiwo ukuthi uJesu ongumJuda waya kanjani, nangamuphi unyaka enkolweni yobuKrestu, ngoba kuMathewu 10 uJesu uthi inkolo kaMose ingashunyayelwa kwabezizwe?
73.Noma imuphi umuntu ofundile kufanele azibuze ukuthi njengoba amaRoma namaJuda babeyizitha ezingaka, uJesu wasihlubuka nini, kanjani isizwe sakhe ukuze eyosungula inkolo yobuKrestu esizweni samaRoma?
74.Ngenxa yobudedengu bethu, asikwazi ukubona ukuthi ngisho ngokwemibhalo uJesu wayengaphansi kwenkolo kaMose!
75.Inkolo kaMose inomthethosisekelo wayo, okuyimiyalo elishumi kanye nenye imithetho eyayibhalwe komunye umqulu obizwa ngokuthi INCWADI YOMTHETHO abantwana bakwa-Israel ababehlale befundwelwa wona!
76.Abantwana bakwa-Israel besahamba noNkulunkulu, begcina umthetho wakhe, babeyisizwe esingahlulwa sizwe, hhayi ngamandla aso, kodwa ngamandla kaJehova. Noma sicelani kuNkulunkulu wayaye asenzele yona!
77.Lokhu kwenza zonke izizwe zimesabe u-Israel, zazesaba uNkulunkulu wakhe, okunguJehova uMdali wezulu nomhlaba!
78.Kwathi mhla u-Israel ehlubuka uJehova, izizwe zaqala zamnqoba, zaze zamthumba. 79.Kodwa noma sezimnqobile u-Israel, ezinye izizwe zazazi ukuthi uNkulunkulu ka-Israel angenke zibhekane naye.
80.Ngakho-ke izizwe zazazi ukuthi yinye indlela yokunqoba u-Israel, ukuba zimsuse kuNkulunkulu wazo!
81.Zazizokwenza kanjani lokho? KuMahubo 83:3-5 isiprofetho sithi: “Ngobuqili benza ubuqili ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho, bathi:
82.“WOZANI SIBAQOTHULE, BANGABE BESABA YISIZWE, NEGAMA LIKA-ISRAEL LINGABE LISAKHUNJULWE!”
83.Ngo 70 A.D kwathi uma amaRoma emnqoba u-Israel, kwathi zonke lezi zizwe ezibizwa ngokuthi abezizwe basihlakaza lesi sizwe.
84.Sebesinqobile, benza njengoba kwakuprofethiwe, basihlakaza lesi sizwe, basenza sangaze sazi ukuthi siyinzalo ka-Israel, njengoba nanamuhla singazi nje!
85.Kwakufanele ngani singazi ukuthi siyinzalo ka-Israel? Uma sazi ukuthi siyinzalo ka-Israel, sasizobuye sibuyele kuJehova, bese uJehova ebuyela kithi, abezizwe bengabe besakwazi ukusenza izigqila zabo!
86.Bakwenza kanjani lokho? Basungula inkolo yabo abayibiza ngokuthi I-CHRISTIANITY. Lenkolo amaRoma ayeyibiza ngokuthi inkolo yawo entsha!
87.UMsunguli wayo, uConstantine, washaya umthetho obizwa ngokuthi ama Creeds.
88.Lama Creeds ayechitha inkolo kaMose, echitha noJehova kanye noYeshua!
89.Kodwa okwakubalulekile ukuthi singaba nalo ulwazi ngemuva kanye nenkolo yethu!
90.Ngakho-ke ukuze sikhohlwe ngenkolo yamaHebheru, achithwa wonke amagama esiHebheru, lachithwa kuNew Testament igama elithi Jehova, elithi Yeshua nelithi Nazarenes!
91.Ngibala ambalwa, kodwa achithwa onke amagama esiHebheru ngabezizwe, base beqhamuka nawabo!
92.Kungumkhuba wabezizwe ukuthi kuthi uma usuyisigqila, balilahle igama lakho, bese bekuqamba elabo!
93.Baligcina igama elithi NKULUNKULU, kodwa loNkulunkulu abakhuluma ngaye bengasho yena uJehova, besho uBhali, bakubhala futhi kumaCreeds ukuthi uNkulunkulu abakhuluma ngaye uBhali!
94.Lachithwa iSabatha, indawo yalo yathathwa yiSonto, okulusuku lokukhonza uBhali! Nathi salandela okushiwo abezizwe, salichitha iSabatha!
95.Yachithwa yonke imikhosi kaJehova, esikhundleni sayo kwaba yimikhosi yezithixo zamaRoma!
96.Kodwa kwahamba kwahamba, kwabonakala ukuthi akunangqondo ukuthi balibeke ngembaba ukuthi bayayichitha inkolo yamaHebheru, noma inkolo kaMose!
97.Babe sebezihlanganisa lezi zinkololo bezenza inkolo eyodwa uSha’ul encwadini yakhe okubiza ngokuthi, HELLENISM +SYNCRETISM= PAULINE DOCTRINE!
98.Le doctrine ehlanganisa inkolo kaMose neka Constatine, yenzelwa ukuthi ungaboni uma inkolo yabezizwe isichitha inkolo kaMose, njengoba singaboni nje!
99.Ekwenzeni lokhu, kwathiwa inkolo kaMose iyisivumelwano esidala, bese ekaConstantine ibizwa ngesivumelwano esisha!
100.Kwase kuhunyushwa incwadi kaJeremiya 31, engahlangene nabezizwe, kwathiwa nguye owathi kuyoba nesivumelwano esisha esiyoqeda umthetho kaMose, lesi sivumelwano esisha sakhiwa ngokubethelwa kukaJesu esiphambanweni!
101.Kodwa okuseqinisweni babechitha inkolo kaJehova ngenkolo ka Constantine, kodwa base bekubeka kubantu kube sengathi lenkolo kaMose ichithwe ukubethelwa kukaYeshua!
102.Kwafundiswa imbudane yokukhuluma kokuthi uNkulunkulu unikele ngeNdodana yakhe eyodwa ukuba ngokubethelwa kwayo sixolelwe izono zethu!
103.Igama likaYeshua lichithiwe, kodwa kwase kwakhiwa isithixo esingekho sesibizwa ngokuthi u-Christ, leligama elithi Christ, liyisiGreek, lisho ukuthi Mesaya!
104.Igama elithi Nazarene kwathiwa Christianity. Abalandeli bakaYeshua babebizwa ngamanye amaJuda ngokuthi ama Mesianics, leligama ngesiGriki elithi amaChristians.
105.Abezizwe yonke into ababeyenza yayiba njengoba beyihlelile, ngoba kungekho muntu ozobaphikisa, thina sasehluliwe, sesihlakazwe wonke umhlaba!
106.Lendlela yokulutha abantu uthi uDr Koster yavulelwa izikole eziphezulu zamaPhilosophers e-Alexander, ukuze konke abakwenzayo kuhambe ngohlelo abalwakhile!
Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalo mhlaba
Lalingakabi bikho lona.
107.Isihloko salentshumayelo sithi NGABANJANI ABAYOBONA UMBUSO WEZULU!
108.Impendulo elula ngethi ABAYOBONA UMBUSO WEZULU yilabo abagcina umthetho kaJehova!
109.Uma ungawugcini umthetho kaJehova njengoba wawushiya kuyinceku yakhe uMose, awukho ngaphansi kwenkolo kaJehova.
110.Ukuthi ngezindebe zomlomo uhlale ubiza uJesu, noma ubiza uJehova, uthi uNkulunkulu wakho nguJehova, usuke umbuluza!
111.Okubalulekile ukuthi akukwazi ukwenzeka ukuthi kungathi usenkolweni echitha inkolo, ungazihlanganisi nenkolo kaJehova ngokugcina imithetho yakhe, bese uthi ngokuhlale ubiza igama likaJehova, usungabalwa ngokuthi usenkolweni kaJehova!
112.UJehova ukhonzwa ngokugcina umthetho wakhe, hhayi ngokuhlale ummemeza ngomlomo!
113.Inkolo kaJehova ayiqalanga ngoMose, oNowa, o-Abraham no-Israel kwakungabaprofethi bakaJehova, okusho ukuthi ekufeni kwabo baya embusweni wezulu!
114.Kodwa-ke kuyiTestamente Elidala asifundisweni olutheni ngombuso wezulu lapho abangcwele bogcina behlala khona!
115.Inkolo ephelele yalabo abafuna ukuphila impilo yasezulwini beselapha emhlabeni, yafikela esizweni sakwa-Israel kokhokho bethu entabeni yaseSnayi.
116.Lenkolo ekuqaleni yayibekelwe isizwe sama-Israel kuphela!
117.Ezinye izizwe, okungamaGentiles, noma abezizwe, babengemukelekile kulenkolo, ngoba yayinemithetho ezinye izizwe ezazingayigcini!
118.Ngakho-ke kusukela kuMose kuze kube sekufeni kukaYeshua, lenkolo yayibekelwe abantwana bakwa-Israel kuphela!
119.Kodwa kuMathewu 28:19 ekuvukeni kukaYeshua kwabafileyo, uthi: HAMBANI NENZE IZIZWE ZONKE ABAFUNDI, NIBABHABHADISE EGAMENI LIKAYISE NELENDODANA NELIKAMOYA ONGCWELE!
“NIBAFUNDISE UKUGCINA KONKE ENGINIYALE NGAKHO!”
120.Lenkuluimo ethi, “Nibafundise ukugcina konke enginayale ngakho”, ayiphathwa enkolweni yabezizwe!
121.Njengoba sesishilo, ukuveza lokho kungasho ukubuyisa inkolo kaMose enkolweni yabezizwe, ngoba uYeshua wayefundisa ngenkolo kaMose!
122.Into abantu abangayazi ukuthi amaZulu maningi, nonkulunkulu baningi, kodwa lapha sikhuluma ngabantu abafuna ukohlala ezulwini likaMenzi wezulu nomhlaba!
123.Kwenye yezintshumayelo zakhe, uBabamkhulu wakhuluma lamazwi: “Labo abafihla iqiniso elithize emthethweni ka Jehovah ayiloba ngenceku yakhe uMose, noma bekushintshe, noma bekuzibe, labo badla umlilo uqobo, futhi uNkulunkulu akasoze akhulume lutho nabo ngosuku lukuvuswa kwelizayo.
124.Labo bangabathengisa ngeqiniso ekukholweni, bayoba ngabancinyane embusweni weZulu.
125.UNkulunkulu uJehova uveze iqiniso eliphelele ngemithetho yakhe ebhalwe phansi, wayifundisa nangaba profethi kanye naba Priest, ngakho labo abangavumelani nemithetho ka Mose, baya ekulahlweni!
126.Njengoba washo uYeshua kuMathewu 5:19, uma ungawugcini umthetho kaMose, futhi ufundisa abantu ukungawugcini umthetho kaMose, uya ekulahlweni!
127.NoMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), ufakazela uYeshua ukuthi uma ungawugcini umthetho kaMose uya ekulahlweni!
128.Lelivangeli liqondile, lifuna labo abafuna ukubona umbuso wezulu, noma bangama Krestu, noma bangama Nazaretha!
129.Uma ufuna ukuya ezulwini likaNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba, owaletha emhlabeni inkolo yakhe esizweni sakwa-Israel, gcina yonke imithetho kaJehova njengoba ilethwe kithi ngenceku yakhe uMose!
Inkosi ibusise izwi layo.