Ngithike bantwana baseKuphakameni ithi ingelosi kufanelwe atshelwe amakholwa ukuthi bangahawukeli lutho, akahawukele ukubuyela kuJehova, angahawukeli ukubuyela kuJehova ngoba kufanele abe nebutho, kodwa yena uqobo lwakhe, ahawukele ukubuyela kuNkulunkulu.
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza ngeSabatha ekuseni mhlaka 14 October 2023 eNqobizitha.
ISIHLABELELO 108.
1 Ngingathengwa ngubani
Ezonweni zami,
Nguwe ukuphela
Mkhululi wami.
2 Wena wangithanda
Ngingakazalwa,
Ngithenge ungibeke
Entendeni yesandla sakho.
3 Intengo yami ilula
Ngadalwa nguwe,
Nanamuhla ngithande
Ungikhulule Mkhululi wami.
4 Itengo yami ilula
Ngadalwa nguwe,
Amaketango asenhliziyweni yami
Angakhululwa nguwe.
1.Ngiphinde ngiyikhethe iNkosi yaseKuphakameni, ngiyikhetha ngemukela inkonzo ngokukhulu ukuzithoba, noma ngibonge, angazi ukubonga ukunikezwa inkonzo, siye sisho njalo, kodwa angazi noma kufanele yini ngoba ngesinye isikhathi ulahlwa khona lapho, ulahlwa inkonzo obuyiphethe.
2.Bese kutholakala ungasayiphethe ngendlela eyiyo, bese kutholakala ukuthi usuyiphathele omunye umnumzane ongabonwayo, bese liyahlangulwa igama lakho encwadini yokuphila.
3.Bengizicelela eNkosini enkulu yaseKuphakameni yona enamandla wonke okusindisa, ukuthi imimoya engalungile ingayithathi ithatha inkonzo, ebese kuba yiyona eshumayelayo yonise abantu kodwa lo oshumayelayo angaboni ukuthi usephuciwe inkonzo.
4.Ngiyacela ukuthi uShembe ebese eyangihawukela ngingaphucwa ngoba ophuciwe akaboni, kodwa abalalele bayabona ukuthi usephuciwe le nkonzo, ibikade ingekaNkulunkulu kodwa useyithathile omunye umuntu, usethole ithuba lokuba ashumayeze ngaye, athole abakhe ashumayele nawe wena othe uma usukuma wathi ukhetha iNkosi yaseKuphakameni. Naye aphakame athi cha, nami ngiyiyo iNkosi yaseKuphakameni!
5.Isihloko sithi ukubuyela kuJehova kusixazululo sosizi, akabongwe uJehova. Bantwana baseKuphakameni iNkosi yezulu nomhlaba isiphinde yasimema njengoba ibisimemile, isimemile, nasemaSabatheni adlule, yasigcina ukuthi size sizokudumisa njengezwi layo eyathi lolusuku lungelokudumisa yona kuphela.
6.Bantwana baseKuphakameni isihloko uma ngithi ‘ukubuyela kuJehova kusixazululo sosizi’, ngisho ngoba konke ukuhlupheka, zonke izifo, konke ukugcina impethu sigqilazeke ngakho, kube ngenxa yokuphambuka emthethweni kaNkulunkulu, uNkulunkulu wase esidela, esilahla ezandleni zezizwe ukuba zibuse ngathi.
7.Ngicela ukuthi ngamukele le nkonzo ngamazwi nje, bengithi angithi ukuwathinta bantwana beNkosi enkulu yaseKuphakameni, noma ukhuluma kangakanani kodwa uma kukuthi abantu abatholi ukuthi ukhulumela phezu kwasiphi isihloko ebhayibhelini, nginikiwe le ncwadi ukuthi sikhumbuzane bantwana baseKuphakameni ngayo. Njengoba sengishilo ukuthi isixazululo sosizi ukuba sibuyele kuJehova.
8.Ngicela ukufunda ku Nehemiya wokuqala, ngiyoye ngiphelele evesini leshumi kusuke kwelokuqala, ngeke ngikhulume ngazo zonke izigaba, kodwa ngenzela ukuthi omunye nomunye afike afundisise kahle uma esehleli evule indaba kaNkulunkulu, ebese eyathola ukuthi bengithini uma ngithi ukubuyela kuJehova kuyisixazululo sosizi.
9.Nehemiya 1 verse 1-10. “1 Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya. Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani, kwafika uHanani omunye wabafowethu, yena nabantu bakwaJuda; ngababuza ngabaJuda ababesele besindile ekuthunjweni nangeJerusalema.
10.Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.”
11.Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu, ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,
12.ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile. Senzile kabi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose.
13.Ake ulikhumbule izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: ‘Uma niphambuka, mina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe; kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’
14.Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo. Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamulise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.”
Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.”
15.Ngiyathemba bantwana beNkosi ukuthi kulamavesi wonke kodwa ivesi elingithathayo elithi ‘kepha uma niyobuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze noma abaxoshiweyo benu besemajukujukweni ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’ Amein.
16.Ngithike bantwana baseKuphakameni ukubuyela kuJehova kusixazululo sosizi esibhekene nalo, ngoba sona asiwugcinanga umthetho uJehova anika iNceku yakhe uMose.
17.Saphambuka, Uthike noma ngabe siphambukile, siyephulile imithethi yakhe kodwa uma sibuyela kuye, uyakusibutha emajukujukwini ezulu, asibuyisele kuye, ayosibeka endaweni ayigcinele ukuba igama lakhe libe khona.
18.Ithike ingelosi le ncwadi ngidinga ukuba ifundwe, ukuba abantu bazi ukuthi lonke
usizi lwabo lwasuka kuphi, akuqalanga namuhla ngoShembe ukukhuluma ngoMose, sizwa bonke abantu abonile, bafakaza ngoMose, bathi Nkosi asiwugcinanga umthetho wakho owawunikeze umthetho wakho uMose.
19.Lokhu bantwana baseKuphakameni kuyacacisa ukuthi uShembe wayengumuntu wasezulwini, uShembe wayengasiyena umuntu walapha ezweni, kodwa uJehova wamenza ngamabomu ukuthi abe umuntu owehlela phakathi kwabantu azaleke njengabo bonke abantu, aphile impilo ephilwa ngabantu.
20.Kodwa uma usuthi uyalandela amazwi awalobile esihlabelelweni ewumthetho kaJehova athi awufundwe njalo ngeSabatha, uyathola ukuthi wayengasiyena umuntu wakulelizwe, uShembe konke akukhulumayo, kuyinto eyayingaqali ngaye, yayikhulunywa ngabantu.
21.Njengoba sizwa indoda isho lapha ithi asiwugcinanga umthetho esawunikeza iNceku yakho uMose.
22.Kuye kuxake bantwana baseKuphakameni ukuthi uma ukholwa ngaphansi kwenkolo eyathunywa uMprofethi Isaiah Shembe, ukuthula kube kuye, uzwakale uxabana noMose, uzwakale wethuka uMose, umbiza ngeJuda eliwumlungu, kodwa uMprofethi yena ethi uMose uyiNceku kaNkulunkulu.
23.Ukuthi ubuNazaretha bakho buphoselwe inselelelo noma buyoshawa ngevoti lokungathembakali phambi kwaNkulunkulu, ngoba usentweni ongayiqondi futhi ongafuni ukuyiqonda.
24.Ngithike bantwana baseKuphakameni ithike ingelosi, nina niyibandla elijikile, laphuma esidlekeni esakhiwe nguSathane ukudukisa abantu lapho kungafuneki khona ukuba ukhulume ngoNkulunkulu, kudingeka ukuthi ukhulume ngoyihlomkhulu namakhosi ezizwe.
25.Uthike uNkulunkulu kuthe uma ngabe sekuhlikizeka, iNkosi iLanga ithumela ukuthi akwakhiwe indlu kaJehova, ithi ingelosi, ‘lapho uJehova athi uyobeka khona endaweni yakhe kunegama lakhe, kukhona khona lapha! Akabongwe uJehova.
26.Sisendaweni lapho uNkulunkulu owathi uma eseqoqa, abahlakazekile, abahlakazwa ukona, abahlakazwa ukungalaleli, abahlakazelwe emazweni wonke, kodwa uthi unkulunkulu uma ngabe sebephenduka bebuyela kuye abaphendukayo, uthi bona uyobamukela, ebese eyabaqoqa ebese ebayisa endaweni lapho ayekade ethena khona igama lakhe liyoba khona, alikhoke lapho, igama likaJehova likhona, lilapha kuphela. Akabongwe uThixo.
27.Kwezinye izindawo liyamenyezwa, limenyezwa ngoba uMprofethi walibhala phansi, kodwa alimenyezwa njengoba uJehova eyiNkosi, kodwa limenyezelwa ukuthi kusuke kufundwa.
28.Kodwa kuthi uma sekukhulunywa bese libuyiselwa eceleni igama likaJehova ebese kubuya obabamkhulu nemindeni, ngithike bantwana baseKuphakameni, noma ungumuntu, uzele amadodana akho namadodakazi.
29.Uma ngabe kukhona umtanakho, noma abantwana bakho bona kuwe, ubakhipha phakathi komuzi, ubakhipha nasesibongweni sakho, ubakhipha nasesiswini sakho, uthi phumani niphele.
30.Kodwa uma ngabe bantwana baseKuphakameni kube khona oyedwa noma ngayiphi indlela ngeqiniso likaJehova ethi abone ukuthi wona, uthi uNkulunkulu usengakwazi ukuphinda akwemukele, akuphindisele ebuhleni owawunabo, akugcine endaweni enegama lakhe, ngoba ubuyela kuye.
31.Sonile phambi kwakhe, simethukile phambi kwamazulu naphambi komhlaba, sikhonzile abanye onkulunkulu egameni lakhe, Sibongile izipho esiziphiwe nguye, sibonga kwabanye onkulunkulu abangasiphanga.
32.Siwenzile amadili, singawenzeli yena, siwenzela onkulunkulu abayize, kodwa Nkosi ekugcineni izwi elasilanda, lasibutha, lathi asibe ngabakho, sithi Nkosi akube njalo, sibe yindlu, sibe ibandla ekungasilona ibandla ngobuningi, kodwa eliyibandla ngezimpande ezigxile emthethweni kaNkulunkulu, ezesaba uJehova, thina nabantwana bethu.
33.Njengoba eshilo umuntu wakho oyingcwele uShembe ethena leliSabatha nemithetho yakhe ayigcinwe, igcinwe ngababekhona lapho okwakuqalwe khona, nezizukulwane ngezizukulwane ezingaziwa ukuthi ziyobe zizizukulwane ezingaki.
34.Ngalawo mazwi bantwana baseKuphakameni ubusisiwe umnumzane okuthe uma ngabe yena esembona uJehova, esekubona lokhu kukhanya, wayesefika kwakhe, ebandlalela abantwana bakhe, ebashumayeza njengezwi elishiwo umuntu wasezulwini, elishiwo uShembe oyingcwele.
35.Elithi uyifundise kahle indodana yakho, uyifundise kahle indodakazi yakho, uma uwumuntu oshumayela nasendlini yakho, ubizwa ngokuthi uwumuntu ofundise kahle endodaneni yakhe, ofundise kahle nasendodakazini yakhe.
36.Kuyinhlanhla bantwana baseKuphakameni, baningi abakufunayo lokho, kodwa asikutholi sonke, ngithike bantwana baseKuphakameni, ngiyazibuzela namuhla ukuthi ngingathengwa ngubani ezonweni zami, ngubani ongangithenga, ngubani onamandla okungigeza angihlambulule.
37.Ubani onabamdla okungithethelela, ngithetheleleke, ngubani ongangibuyisela ebuhleni enganginabo ngingakayephuli lemithetho, impendulo ithi nguJehova, ithi nguNkulunkulu onamandla wonke, nguye ongakwazi ukuthi angibuyisele ebuhleni enganginabo.
38.Ngithike bantwana baseKuphakameni kwimini enkulu yeSabatha, uNkulunkulu uyibekile indlebe yakhe, ulalele abantu abangabaholi, akalaleli bona abantu abaholwayo, kodwa ulalele abaholi ukuthi bathini kubantu.
39.Ubeke indlebe yakhe phambi kwabo bonke abantu abahola amabandla ukuthi namuhla njengoba kuyiSabatha, bathini kubantu, bathi abahloniphe bani, bathi abesabe bani, bathi ngubani ongumnini mandla wonke.
40.Udumo lwakhe bayalusho yini ukuthi alube kuye owadala izulu nomhlaba njengomuntu wasezulwini uShembe, washo njalo wathi udumo alube kuye owenze kuye owenza izulu nomhlaba, akaze asho ukuthi udumo alube kimi mina Shembe, kodwa uthi udumo alube kuye owenza izulu nomhlaba phakade, akagcini ngokuthi owenza izulu, uthi naphakade.
41.Ngithike bantwana baseKuphakameni, kwazangathi singaba ngabantu abanolwazi oluqondile ukuthi uma siza lapha kuyiSabatha sisuke sizofunani, engathi singeze saba ngabantu abazo spend iholidi noma weekend, sifane nabantu abazikhiphile abayojabula.
42.Laphoke uma abantu bezikhiphile benza konke abakuthandayo ngoba nomunye ubase owakhe umlilo lapha ose eyakhe inyama, nomunye azithengele utshwala, nomunye azithengele u-drink, benze konke abakuthandayo.
43.Kodwa umuntu okhishwe yizwi likaNkulunkulu akakwazi ukuthi engaba nokujabula ngoba uzolalela indaba yakhe njengoba esho uNehemiya, ethi sahlakazwa ngenxa yokuba singawulalelanga umyalo kaNkulunkulu owubeke kuMose, sahlakazeka.
44.Nanxa sekubuzeka ukuthi baphi abayizinsalela abasala ekuthunjweni, kwathiwa cha, basosizini olukhulu, vele sisosizini olukhulu, asikutholi ukuphumula.
45.Zolo lokhu besiqedwa i-corona, zolo lokhu besiqedwa uzamcola, uzamcolo wemvula abantu bafa babulawa imvula, noma kungekube uzamcolo owabakhona emandulo, kodwa kuyisimemezelo, lokhu kuseyisimemezelo sokuthi kusengenzeka lokho.
46.Namuhla siyayithola impendulo yokuthi konke lokhu kusehlela ngoba asiwugcinanga umthetho kaJehova ayewunikeze iNceku yakhe uMose, yona lena uShembe afakaza ngayo, akha ngawo umbutho wasezulwini, athi iNceku kaNkulunkulu iyona eyanikwa umthetho.
47.Ngithike bantwana baseKuphakameni ithi ingelosi kufanelwe atshelwe amakholwa ukuthi bangahawukeli lutho, akahawukele ukubuyela kuJehova, angahawukeli ukubuyela kuJehova ngoba kufanele abe nebutho, kodwa yena uqobo lwakhe, ahawukele ukubuyela kuNkulunkulu.
48.Ngoba ohambweni lakho awunakuhamba namuntu, ohambweni lwakho, ngeke uhambe nomama wakho, nobaba wakho, nomtanakho nendodakazi, ngeke uhambe nomakhelwane wakho, ngeken uhambe nomyeni wakho, ngeke uhambe nonkosikazi wakho nomfowenu nodadewenu, ngeke uhambe nabo.
49.Uhambo lwakho luqondene nawe, lunjengokufika kwakho emhlabeni, wafika uwedwa, awufikanga uphelezelwa ngabantu kodwa wawuphelezelwa nguNkulunkulu, indaba yakho ingawe wedwa, nemibuzo iyobeka kuwe ukuthi wangamlalela ngani uShembe uma ngabe ekuyala ethi gcina umthetho kaJehova awuyinikeza iNceku yakhe uMose.
50.Wangamulalela ngani uma ethi ukhumbule ukuthi wenze isifungo noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.
51.Ukuhlala endlini kaJehova, awuhlali ngoba izinto zikulungela, awuhlali ngoba izinto zikubhedela, ukuhlala endlini kaJehova kukodwa kuzimele, akuhlanganiswa nemicebo, akuhlanganiswa namibuso yomhlaba, kodwa kuyinto ezimele ukuthi kufanele uzazi ukuthi njengoba ngathatha isifungo sokuthi ngiyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zami, ebese ukwenza lokho.
52.Noma uhluphekile, noma ubusa, noma uphila noma ugula noma uhlukumezeka noma ngayiphi indlela kodwa ungagudluki esifungweni sakho owasithatha ekuqaleni wathi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.
53.Awuzange usiphakamise isandla ukuthi kuyothi uma ngabe kukhona okungihluphayo bese ngiyaqheluka kuNkulunkulu, awuzange ube nasiphakamiso kuJehova ukuthi kuyothi uma ngabe mhlawumbe ngilahlekelwa umsebenzi bese nami ngiyalahleka ebusweni bakho, awuzange usho kuNkulunkulu ukuthi ngiyothi uma ngabe ngifelwa ngabazali bese ngiyasuka kuwe.
54.Kodwa ngiyokukhonza uma ngabe ngehlelwa ngokubi, awuzange ukusho lokho ngoba uJehova wayengek aze akuvume lokho.
55.Noma ngabe ungaba njani, noma ngabe abantu bakuthanda kangakanani, noma ngabe uyinjinga yezinjinga, kodwa ungamukhohlwa uNkulunkulu owamukhethayo, ungasikhohlwa isifungo sakho owasenza noJehova.
56.UJehova uyisisekelo sakho konke okwakho ngoba usuke uphiwe nguye, uJehova nguye obonayo ukuthi wena umkhonza nje ikuphi okhala ngakho, uJehova nguye obonayo ukuthi umkhonza nje awunawo umuzi. Nguye uJehova obonayo ukuthi umkhonza nje unezikweletu.
57.Akadingi ukubonelwa nguwe, akadingi ukuthi kube nguwena omthathela izinqumo, kukho konke lokho yena unamandla, unegunya lokuthi athathe noma isiphi isinqumo ngawe. Ukubuyela kuJehova kuyisixazululo sosizi.
57.Siyibandla elibukeka nje lingasho lutho, kodwa umlando walesisihloko sesinawo, Kwathi ekwedukeni kwethu soduka endlini kaNkulunkulu, siduka, sidukiswa ngabantu abathunywe ukuthi basiqondise.
58.Ngeke siyeke lokhu ukukusho ukuthi saduka endlini kaNkulunkulu siphuma emazweni akithi sizokhonza uJehova, sathola i-address e-wrong siyinikezwa ngabantu okuthiwa bazosiqondisa.
59.Wawuthi uma ngabe sewembethwe usizi, uthi uthatha umnikelo uyaya kobekiwe nguNkulunkulu ukuthi ahole ibandla ebese uvinjwa ngabashumayeli bakutshele ukuthi le nkinga yakho incane, ayidingi ukuthi uze uye kuShembe, kodwa isixazululo sikubo.
60.Bakubhofithe kuso leso sikhathi, bakutshele ukuthi njengoba uhlupheke kanjena, wena uhlushwa ukuthi awuzange umlungisele uBabamkhulu wabo, noma uma sebekubuzile ukuthi uzaleke kanjani, wake wachaza ukuthi uzaleke kanjani.
61.Bese bekubuza ukuthi wayemuqhoyisile umama wakho, uma uthi cha, wabe engamuqhoyisanga, bese bethola isizathu, bese bathi ikho lokho, kufanele ukuthi wena uthenge izinkomo wenze lokhu nalokhu.
62.Ngithike bantwana baseKuphakameni, usuke kini uthi uyakuShembe ngoba uShembe esamunikwayo, ngoba nguShembe esamunikwayo ukuthi sifike sibeke izinkinga zethu, kodwa uShembe abantu ayebagcobile, abagcobele ukuthi basebenze ethempelini, baphenduka, bamuphendukela, badukisa ibandla, bamuphendukela, bakha ivangeli phezu kwevangeli.
63.Ngithike bangcwele asabe sisafika kuShembe, saphelela kubashumayeli nakubakhokheli ababizwa ngezithunywa, sayalelwa amadokodo, saya satshelwa, sabhalela, sanikezwa ama account ukuthi sikhokhe lapho, sikhokhe i-instalment sabantu abangasekho, singasikhokhi kuShembe, sisikhokha kumuntu.
64.Namhlake ithi impendulo sahlakazwa ngoba sona kuNkulunkulu, sayephula imithetho yakhe, asaze sakulwela ukuthi asethunywanga kuwe, suka phambi kwethu size kuShembe, asizange sakulwela lokho, savele sathula.
65.Lokhu kuthula kwethu, kwandisa umkhosi wezangoma, namuhla sibona kuyiwo omkhulu kunawo wonke, kodwa siyamubonga uJehova ngoba konke okwashiwo ingelosi, namhlanjena kuyavela kuba sobala.
66.Namuhla sibona amantombazane, sibona amakhosikazi, eshaya unyawo egida, egidela ingelosi yobungoma, eyidumisa, eyidumisa ngengubo emhlophe.
67.Kodwa thina esalizwa izwi lakhe uma lithi, wathi uShembe asigcine umthetho kaNkulunkulu esanikezwa uMose.
68.Yathi uma ithi ingelosi, nize nikhale ngokuhlupheka nje, nake nakhala nini kuNkulunkulu, nake namubikela nini uNkulunkulu ukuthi niyahlupheka ngoba nihamba niyobika ezigodlweni zezangoma.
69.Wathi hlehlani nibheke amazwi abhalwa umuntu wasezulwini uShembe, wathi uShembe ngosuku lwenhlupheko mubize uJehova, uyakukulalela, uyakuza akusindise uma nizendlala izinhliziyo zenu emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
70.Kwaqaleka lapho bantwana baseKuphakameni, sonke sasikhuluma lokho uma sifunda, kodwa sasingazi ukuthi kufanele senzeni, sahlehliswa ngalawo mazwi, kwatholakala ukuthi sasingakaze size sikwenze lokho. Wathi phindelani emumva, wathi hlehlani nifune uJehova.
71.Esikhathini esiningi esisihambile sithi sikuJehova kodwa sase singasekho kuye kodwa sikhona Phakathi komuzi kaNkulunkulu ngoba amabutho omubi ayephumile ekuvimba uma uthi uya kuShembe.
72.Ngithike bantwana baseKuphakameni aze ethiwa igama kwathiwa yithunywa kodwa wangazi ukuthi izithunywa zikabani, ngoba uma kuyiSabatha, zingena esontweni zihlale ingakhulunywa le ndaba, futhi akekho othi uma enikwe inkonzo kulaba bantu ababizwa ngezithunywa oke ubezwe bekhuluma le ndaba, phambi kwaShembe, le ndaba imfihlo.
73.Kodwa asizange sikubuke ukuthi indaba kaNkulunkulu ingaba imfihlo kanjani, sakhalakatheka, salembatha usizi, kwathiwa asingabe sisamubiza uNkulunkulu, asibize obabamkhulu, ukuze bakhuphuke nalolusizi abanalo, ukuze bakhuphuke nalolonke lolusizi lokuhlupheka abakukho.
74.Ukuze babuye bonke nabathakathi bomndeni basiphundle, nangampela bavuka uma sesisuka kuNkulunkulu, basivukela.
75.Bancinyana abantu abangazange balahlekelwe ilutho, sayenza imisebenzi, uJehova wasifulathela, kodwa asizange sizuze lutho. Balandwa okuthiwa abalandwe kodwa asizange sizuze lutho, sazuza usizi.
76.Ngiyabonga kuNkulunkulu waseKuphakameni ukusithumela le ngelosi ngoba iyona eyasikhulula, sakhululeka ngayo, sasihleli emqashweni eThekwini, singenamuzi, kodwa ingelosi yathi nihlupheka nje nake namubikela nini uNkulunkulu.
77.Ngoba nina nisuka emakini, nithi niyahamba niya emhlanganweni nifike bese senikhonza imikhosi emibi, bese nifike ninikela emalatini kaSathane.
78.Wasivulela lelivesi emthandazweni wokualala, ukuthi uShembe wasishiya nezwi elithi simemeze uJehova, akaze asho ukuthi asibize nomabani, wathi ekuhluphekeni kwethu asibize uJehova.
79.Sahlehla samubiza uJehova, saphuma saxolisa, saphuma, umndeni wake wenza amadili, sabizwa sangeza, umndeni wafuna imali, asaze sayikhipha, ngoba sase sitsheliwe.
80.Imindeni yenza imishado ekukhulekelwa kobabamkhulu asaze saba inxenye yawo, asaze sakhipha lutho, uNkulunkulu wasiphendula ngempendulo enhle, sasihleli sinoBaba uMelusi esebenza enkantolo yasemsinga, mhla uJehova ebuya kithi, mhla sivuma ukubuyela kuye.
81.Kwaba ukuthola lomuzi bantwana baseKuphakameni, uBaba uMelusi noma wayengenalutho aluphethe ngaleso sikhathi, kodwa umlungu owayedayisa lendlu, wayeka zonke izigwili walandela yena, Wanaka yena, wazishiya izigwili ezazizakuwuthenga umuzi, ziwuthenge nje cash, kodwa walandela yena.
82.Ngoba uNkulunkulu wayefuna ukusikhombisa ukuthi uma ngabe senza lokhu uShembe akushilo, sibiza yena uyakusabela, wasabela uNkulunkulu sawuthola lo muzi bantwana baseKuphakameni.
83.Saphuma emqashweni, mhla siphuma emkhosini yokuwisa abantu abadala, emikhosini yomsamo, uNkulunkulu wasigidlabeza ngalomuzi.
84.Ngithike bantwana baseKuphakameni ukubuyela kuJehova kusixazululo sosizi lonke, sabuyela kuJehova, uma usubuyele kuJehova kufuneka uziqaphele izinto ezizokwenza uNkulunkulu aqheluke kuwe.
85.Noma ungathi ubuyele, kodwa uma usababaza udumo, lemikhosi ephambene noNkulunkulu, uyibabaza ngeminikelo, unikeza abakini, basekhona abantu abathi angeke kulunge uma ngabe ngingasafakanga isandla, uzohlomula, uzosithola isiphere salomnikelo wakho.
86.Ngithike bantwana baseKuphakameni, uJehova asikhumbule njengoba esithandile, akaze adinga ukuthi sibe ibandla elikhulu kuqala ukuze eze kithi, weza kithi nje, sibabili sibathathu.
87.Ngiyacela ukuthi noma ngabe ukhona uhluphekile, awulungelwa ilutho, kodwa namuhla, izwi lithi, isixazululo sosizi lonke ukubuyela kuJehova.
88.INkosi ibusise enikuzwile.