Ngithike bantwana baseKuphakameni, ithike ingelosi iyamubonga uNkulunkulu ngokuthi asiphe uBaba uMelusi, asiphe umuntu onesibindi, uthi umhlaba wonke sewuyacubungula manje, usuyabona ukuthi uShembe wabe enguMprofethi kaNkulunkulu.
Intshumayelo kaMfundisikazi MaNxumalo Mpanza eNqobizitha ngeSabatha ekuseni mhlaka 30 September 2023.
ISIHLABELELO 152
Mathewu 2:1-12
1 Jerusalema Betlehema
Izazi zisitshelile,
Umsindisi usezelwe
Kwelase Betlehema.
2 Siyibonile inkanyezi yakhe
Ise Mpumalanga,
Yaze yangena eJerusalema
Izazi zayi landela
3 Ukungena kwezazi
Lanyakaza iJerusalema,
uHerodi iNkosi yaba Juda
wakhathazeka yena.
4 Naweke Betlehema
Awusiye omncinyane,
Kunaba busi bakwaJuda
Wena Betlehema.
5 Wozanini wezazi
Nizobona uMsindisi
Eselele emkhombeni wezinkomo
Kwelase betlehema.
6 URakeli isikhulu sakwaJuda
Sakhala singenakuthuliswa,
Ukuphuma kwenkemba kaHerodi
Eyayifuna uJesu Krestu.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngibabingelela ngiyayikhetha iNkosi enkulu yaseKuphakameni, ngiphinda ngamukela inkonzo esenginikeziwe esihlalweni sobukhosi, ngiyibona nginovalo lokuba angazi ukuthi njengoba senginikiwe ukuthi ngishayele le nqola ukuthi ngothi ngifika la engiya khona ngobe nginamathikithi amangaki.
2.Ngicela yena omuhle, ngicela yena uNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi kube ilokho yena akufisile ukuthi kukhulunye namuhla. Isihloko bangcwele sithi masikhumbule imiyalo kaJehova ayinikeza abaprofethi.
3.Lesi sihlabelelo bangcwele nakuba ngingesiye umuntu oyigagu kodwa ngikhethe ukuthi angisihlabelelo ngoba singikhumbuza indaba endala, singikhumbuza lapho okwaqaleka khona zonke izinto.
4.Singikhumbuza umuzi kaThixo, sibikezela ngezinto ezenzeka emzini kaNkulunkulu eJerusalema, siyazi ukuthi namuhla sesiyazi ukuthi kukhona abakhathazeka uma ngabe sesibona kufika izazi, abazange bahalalisa.
5.Ngishoke bantwana baseKuphakameni ukuthi kungako nanamuhla kusenjena, lokhu kukhathazeka kusuke kude ukuthi uma ngabe kufika umlayezo noma isimangaliso sikaNkulunkulu bese kuba khona abantu abangemnandi kodwa abakhathazekayo.
6.Njengoba sizwa bantwana baseKuphakameni ukuthi akumphathanga kahle inkosi uHerodi, kuthiwa wakhathazeka uma ebona izazi zingena kunyakaza iJerusalema, akumuphathanga kahle lokho.
7.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuyimini enkulu yeSabatha ehlanganise konke namuhla, ngiqhubeka nesihloko uma ngithi asikhumbule imiyalo uJehova ayinikeza abaprofethi, ngikhuluma ngendaba esiphezukwayo manje, abaningi babazi ukuthi lezi zindaba zaphelela kwaJuda. Kodwa abantu abalalela ukuthi uMprofethi uthini bezwa ukuthi aziphelelanga kwaJuda.
8.Bantwana baseKuphakameni siyibandla likaNkulunkulu elikhethiwe nguye yedwa ukuthi sibe ngabantwana bakhe, ngingakafiki ekutheni umuntu uba umntwana kaNkulunkulu uma enzeni, kodwa ngifisa ukuchaza ukuthi uNkulunkulu wakhuluma nabaprofethi emandulo.
9.Kodwa uNkulunkulu wasivusela uMprofethi lapha ezweni lakithi onjengathi, uma umbuka okhuluma nje ngathi ukuze simuzwe ukuthi imiyalezo ayiphathisiwe ithini. Le nkolo wayivusa ngoMprofethi Isaiah Shembe, ukuthula kube kuye.
10.Kubalulekile bantwana baseKuphakameni ukuthi yonke into oyikhulumayo ibe ne-address ukuthi iqhamukaphi.
11.Sengiye ngizwe bantwana baseKuphakameni abantu ababethuka uBaba uMelusi bethi udukisa abantu, namuhla bavula izihloko ngezihloko bazenza izincithabuchopho ngezintshumayelo zikaBaba uMelusi ababekade bemuthukela zona.
12.Kodwa abasasho ukuthi bayaxolisa sebekutholile ukuthi kwakuyiqiniso lelo, kodwa cha, bazenza izincithabuchopho ngezintshumayelo ababezihlabile bathi udukisa abantu, abasasho ukuthi bazithathephi. Ngithike bantwana baseKuphakameni kubalulekile ukuthi uma wethula into uyichaze ukuthi uyithathephi.
13.Ngishilo ukuthi abaprofethi babethunywe uJehova, sengishilo ukuthi lapha kithi uJehova wathuma uMprofethi Isaiah Shembe, nguye owabizwa uNkulunkulu wayokhuluma naye wamunikeza imiyalo yakhe, wamutshela ukuthi akafundise abantu, wamunikeza ukuthi abantu abafundise ini.
14.Ngalawo mazwi, kungakho njalo uma sikhuluma, noBaba uMelusi uma ekhuluma akaqedi ukukhuluma engashongo ukuthi uMprofethi Isaiah Shembe nguyena owathunywa, ngithi konke esingakho la, kungaye. Thina asizange sikhulume kuJehova, kodwa uJehova wathumela yena.
15.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuthe uma ngabe le nqola ihamba ihamba yase ifike ibhajwa, sisazogida kulendinyana lena, asikaze ukusuka kuyo ukuthi yabhajwa inqola eyayifike noMprofethi ephethe izwi likaJehova
16.Emva kokuba kuhambe abagcotshwa ababili abangamadodana oMprofethi, yabe isiyabhajwa le nqola, yabhajwa le nqola ngesizulu.
17.Wabe useyabona uBaba iLanga ukuthi le nqola isicimile izibani, ayisahambi, isibhajiwe odakeni, wabe uBaba iLanga emva kokukhathazeka, ebona emzini kaNkulunkulu kuphithizela abantu, kodwa bengasaphithizeleli uNkulunkulu sebeholwa izangoma, wakhathazeka uBaba.
18.Ngithike bantwana baseKuphakameni wathuma ingelosi, wayithuma la kuBaba uMelusi, wabe ekhumbula indaba endala, esake sayithola siyithola ngomuntu wasezulwini ukuthi lokhu kuthi kuzohamba kube njena, uShembe wahamba emhlabeni ekubonile ukuthi kuyohamba kwenzeka.
19.Ithike ingelosi Kwathi uma kubonakala, kwase kuyabuzeka kuShembe ukuthi ngabe kuzokwenzeka kanjani uma lelivangeli lizohamba ligaxela kanjena.
20.Ithike impendulo uShembe waphendula wathi ikhona intandane yami engayikhulisayo, engasho ukuthi iyothi noma ingesiyona eyakwaShembe kodwa ezinganeni zayo kube khona eyoba noMoya kaShembe.
21.Kwabeseke kuyakhumbuleka ngaleso sikhathi uma le nqola isibhajiwe, iNkosi iLanga yathumela ingelosi yathi hamba utshele lowa mfana ukuthi akangakhele indlu kaJehova, ithike iNkosi iLanga indlu kaJehova ibandla.
22.Bantwana baseKuphakameni konke kwaqaleka lapho, sengishilo ukuthi owakhuluma noJehova uMprofethi Isaiah Shembe owanikezwa amandla, wanikezwa amazwi.
23.NeSabatha siligcina nje, siligcina ngoba kwabizwa yena wayonikezwa uJehova iSabatha nomthetho walo nemihlangano yonke nemigubho yonke kaJehova.
24.Sengisevesini lesibili ukuthike ivesi lesibili eyisambulo sesibili sithunyelwa kuBaba uMelusi, akagcinanga uBaba ngokuthi akuvulwe indlu kaNkulunkulu, kodwa ingelosi ilokhu iseduze isitshela ukuthike njengoba nakha indlu kaNkulunkulu, nani ningabantwana bakaNkulunkulu, uNkulunkulu ufunani kini.
25.Ngeke ngethule inkulumo ngikhulume ngoNkulunkulu bese ngisho ukuthi kwathiwa asenze ukuthi bese kungathi le nkulumo engikhulumayo yehlela amakhehla kithi kwaNxumalo. Kanti ayehlelanga wona, noma ngabe yehlela wona kufanele ngisho ukuthi ngiyithatha kuwo lamakhehla akithi.
26.Ngithike bantwana baseKuphakameni kwaqala lapho uBaba uMelusi ukuba abe nendathanana nenqwaba yezitha ezimelene naye.
27.Waphuma waya emsakazweni wamemezela ukuthi useyaphuma emzini waseBuhleni, wayisho le ndaba engidlule kuyo ukuthi uthunywa iNkosi iLanga, isho kanje.
28.Akazange agcine lapho yonke imiyalelo ingelosi eyishoyo ukuthi kufanele ifike kubantu, ubefike ayisakaze khona emsakazweni selokhu aba umholi walelibandla kuze kube inamuhla.
29.Ngalokho bantwana baseKuphakameni ngiyakugcizelela ukuthi iNkosi iLanga yakhipha ingelosi yacela yena ukuthi akakhe ibandla, bese ngisho ukuthi nemithetho yonke ingelosi iyithula kuyena, noma ibaba noma izomubulalisa ngabantu noma ngabe injani kodwa ithulelwa yena ukuthi akayoyisho bamuthuke bagcine lapho abathanda khona kodwa yona ibe ihashiwe emhlabeni, imile lapho kumele imile khona ingamili lapho ingamili khona.
30.Ngithike bantwana baseKuphakameni kukhona into ebuhlungu eyenzakalayo, angifisi ukuzenza umuntu ohlakaniphe kakhulu nakuba nginconywe ngokuhlakanipha okungasikhona okwami.
31.Uma ngisho njalo, ngisholo ukuthi lokhu engikukhulumayo ngikuthathe kumuntu wasezulwini angisikho khona ukuba incitha buchopho.
32.Ihlale ikhuluma ingelosi ithi kukhona into engiphatha kabi, ithike ingelosi uNkulunkulu wathuma uShembe uMqaliwendlela, wahamba zonke izindawo etshala amazwi kaJehova, uJehova wamunikeza izihlabelelo zokudumisa, uJehova wamunikeza izihlabelelo zokudabuka, uJehova wamunikeza izihlabelelo zokubonga.
33.3Uthi konke kungaye, uthi kodwa namuhla, liyaphela igama lakhe, akasekho umuntu ofuna ukukhuluma ngaye emabandleni aphethwe ngabantwana bakwaShembe.
34.Ithi ingelosi ukube uShembe wayengazange athume uBaba uMelusi ngabe kuphelile ngoMprofethi, ngabe akusafuneki, ngabe uyaboshwa nje uma uke waphatha igama lakhe.
35.Uthi akekho namunye kubantwana bakwaShembe odabukela lo muntu kaNkulunkulu owahlupheka kangaka, akekho umuntu ophakamisa imisebenzi yakhe, akekho oshoyo ukuthi njengoba singaka njena kodwa izwi elasibutha ngunangu umuntu owahlupheka waba isithunywa sikaNkulunkulu.
36.Ngunangu owaboshwa, ngunangu owashaywa, ngunangu owathunywa, ngunangu owahlukunyezwa, akusafuneki lokho. Sekungathi yonke into ingalaba baholi abakhona abamele isibongo abangamele uJehova, abangamele lutho oluqondene noNkulunkulu.
37.Kodwa babenawo amandla okumncwaba uMprofethi, bamugandayile ukuthi kungaphinde kwaziwe lutho ngaye, namuhla abalandeli babo bathi uma sebebahasha bathi njena nguye lona owayekhona emandulo, nguye lona, nguMqaliwendlela.
38.Ngoba basuke bathi uMqaliwendlela wenza lokhu nalokhu, uma bezokhuluma ngaye, kufanele bamuthathe bamumatanise nalaba baholi babo.
39.4Akufuneki ukuthi abe ngaphezulu kwabo, kufuneka ukuthi uma uzokhuluma ngaye, uthi lona nguMqaliwndlela.
40.NguMqaliwendlela? Ngiyafisa ukuthi ukube lelizwi libuswa ngentando kaNkulunkulu, bengiyakucela, ngicela ngingasho ukuthi uBaba uMelusi ubengeke akwazi, kodwa nginesifiso sami sokuthi ngiyacela ukuthi ngike ngichaze, ngichazele umhlaba ngaleso simangaliso somuntu wasezulwini owakwazi ukushiya incebo owayenayo, wahamba ngezinyawo, wadla ukudla okonakele.
41. Noma ibandla likhula, wangalibona likhulela yena, walibona likhulela uNkulunkulu, likhulela uJehova, wathatha iminikelo yebandla wathenga imihlaba ukuba ibandla lilime khona, liphile khona nezintandane, wathenga yonke into eyizinsiza zebandla.
42.Akazange aye emagaraji ayobuka imoto emfanele njengoba eselandelwa zigidi, lelibandla aliqali ukulandelwa izigidi, vele uBabamkhulu walishiya lizigidi, neNkosi iLanga kanjalo neNkosi iNyangayezulu neNkosi uThingo, hhayi ukuthi lisunguleka manje, lasungulwa uMprofethi Isaiah Shembe owadela konke owayenakho waba isisebenzi sikaNkulunkulu.
43.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ithike ingelosi iyamubonga uNkulunkulu ngokuthi asiphe uBaba uMelusi, asiphe umuntu onesibindi, uthi umhlaba wonke sewuyacubungula manje, usuyabona ukuthi uShembe wabe enguMprofethi kaNkulunkulu.
44.Ngoba kukhona umuntu omemezayo, omemeza emisakazweni emikhulu omphakamisayo, osewaze waduma ngokuthi sekuthiwa igama lakhe Izwi lezulu ngoba wayethi izwi lezulu lizwakele nje, wayephakamisa yena uMprofethi ukuthi uShembe owasho njalo wathi izwi lezulu lizwakele emhlabeni wonke.
45.Ngithike bantwana baseKuphakameni izitha zikaJehova into ziyibona kuqala, nakho lokhu kokwakha ibandla, thina esaqala ukukuzwa sekukhulunywa ingelosi kodwa izitha zikaJehova zakubona phambili ngoba ubona ngendlela uBaba uMelusi owayehlukunyezwa ngayo ukuthi kusho ukuthi uNkulunkulu wayekuveza ukuthi lo muntu lona ngizokwakha ngaye indlu kaNkulunkulu.
46.Manje wayeseshaywa ngamatshe ukuze ahlubuke ayophuza utshwala, kodwa ngoba kwakufungiwe emandulo ngaye, akaze abe nayo inkinga angayinqoba ngotshwala, akaze akucabange noma sebethi bafuna ukumbulala, akaze afikelwe ukuthi athathe utshwala ngoba wayevele ewumntwana ozelwe ngabantu ababesaba uNkulunkulu, abantu abafela ezwini likaNkulunkulu.
47.Wayekade vele ewunmntwana okwathenjiswa ngaye ukuthi noma umlilo ucisha inhlansi iyobuya ngaye, makabongwe uJehova.
48.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ngikhuluma le ndaba ukuthi isambulo namuhla, uke washo omunye umntwana evikini eliphelile, isambulo sivulelwe uBaba uMelusi, uBaba uMelusi wabe esesisakaza Phakathi kwethu.
49.UBaba uMelusi uthini yena? Uthi uShembe wathi, uthini uBaba uMelusi, uthi uJehova wathuma uMprofethi. Ngithike bantwana baseKuphakameni, thina maNazaretha kaNkulunkulu sivuseleleke ngesambulo esivulelwe uBaba uMelusi.
50.Ngibuyela laphana engingasaqedanga khona ukuthi ingelosi ikhathazekile ngokuthi uBabamkhulu uMqaliwendlela angcwatshwe ngabantwana bakwaShembe, kungcwasthwe yonke imisebenzi nobungcwele ayekhulume ngabo nayekade enabo, bonke bamungcwabe, bamungcwabe bengafuni ukuthi izwe lazi ngaye.
51.Uthi kwezinye izinhlangothi sebecasulwa ngisho ifodo yakhe, sebefuna ukushintsha ngisho izihlabelelo ukuze kufakwe ubuso babaholi babo, laba abamele isibongo abangamele uJehova, abamele izindlu, abamele ubukhosi babo basemhlabeni.
52.Uthike kufanele ukuthi ibandla, amaNazaretha kaNkulunkulu aqine, lelivangeli lishunyayezwe ngisho ingane yalapha yazi ukuthi indaba ingoMprpofethi Isaiah Shembe, sazi uJehova nje, sazi ukugcina iSabatha nje, kusuke kuMprofethi Isaiah Shembe, hhayi kulabo Shembe bezinsuku zokugcina.
53.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, njengoba uBaba uMelusi ethathe ipiki, wayokumba emba lapho kungcwatshwe khona imisebenzi, kungcwatshwe khona ubungcwele, kungcwatshwe khona ubuqhawe bakhe uBabamkhulu.
54.Nalaphake singabantwana bakaNkululunkulu, siyacela ukuthi singamungcwabi, singasingcwabi isambulo esambulelwe uBaba uMelusi. Noma ngabe sikhuluma kuphi indaba yethu ayibe ne-address ukuthi siyithatha kuphi.
55.Sonke siyazi ukuthi asikaze sathulelwa lutho, kodwa umuntu okuthulwe kuye ngengelosi ithunywe iNkosi ILanga, nakimi ayikaze ifike ithi ithunywa kimi kodwa yaya kuBaba uMelusi ukuthi uBaba iLanga uthena akakhe indlu.
56.Ngicela ukuthi lowo mlando bantwana baseKuphakameni ungashabalali, amaqhawe alelibandla nezingane zonke izifundiswa zakulelibandla, zikubhale phansi lokho, zikubhale phansi lokho, sikuphakamise, noma ngabe sekushoniswa phansi, zikuphakamise ngenkani.
57.Namuhla sinabantu okwenzeka izinto singekho ngisho emaqenjini nje okulwela impilo yomhlaba, naba sesiyazi ukuthi ngobani abafa kanjani, babelwelani, sazi ngani, ngenxa yamaqembu ababekade bewaphethe.
58.Namuhla siyamazi u-Steve Biko, uphakanyiswa iqembu owayelihola, siyabazi bonke baphakanyiswa ilaba ababekade beholwa yibo ukuthi kwasuka kuphi, nalapho bantwana baseKuphakakemi akube njalo.
59.Njengoba uBaba uMelusi enivulele, uBaba uMelusi ukhuluma ngoBabamkhulu ukuthi wathunywa uJehova, kodwa ngeke ebese athi uBaba uMelusi naye kwafika uJehova wakhuluma naye cha, ucacisa ukuthi indaba ingoShembe owanikezwa amandla okubuyisela abantu abamnyama kuJehova.
60.Ukubekile phambi kwabantu ukuthi ingelosi yafike yathi ithunywe iNkosi iLanga, sengiyaqhubeka bantwana baseKuphakameni, ngiqhubeka lapho engithi khona, konke esikwenzile kulelibandla okunye okuze kwavikela imiphefumulo yethu, besikutshelwa ile ngelosi esayithunyelwa iNkosi ILanga.
61.Ayizange isishiye kusukela ngaleso sikhathi, ayikaze isuke Phakathi kwethu, ihlala njalo isiqondisa ithi uma nenza lokhu kuzokwenzeka lokhu, uma nifuna kwenzeke lokhu kufanele nenze nje.
62.Sihlala njalo siba nezinkonzo ngoba sihamba nengelosi eshoyo ukuthi kuleliviki leli kufanele ukuthi nenze kanje. Konke lokhu abangcwele bakulobe ezinhliziyweni zabo.
63.Noma ngelinye ilanga uNkulunkulu eseyithumile inqola yakhe izosilanda, kungacisheki, ezizayo izizunkulwane zazi ukuthi sake sathandwa uNkulunkulu, wasithanda abantu befa, wasithanda abantu bedilikelwa izindlu, wasithanda abantu bebulawa uzamcolo, kodwa wasithanda, uNkulunkulu wasithanda bafa abantu bebulawa isifo esasingalapheki esasibizwa nge Covid19.
64.Kufanele ukuthi kwazeke lokho ukuthi uBaba iLanga wathumela ingelosi kulelibandla, akagcinanga ngokuthi kwakheke indlu kodwa le ngelosi sekunomlando wokuphepha kwethu ngayo.
65.Ngithike bantwana baseKuphakameni bengikhuluma ngeziyalo zehla nabaprofethi bakaNkulunkulu, Njengamanje silindele uJehova ukuthi asivulele umhlangano ngesikhathi yena esifuna ngaso.
66.Ngiyabakhumbuza abangcwele, ngibakhumbuza ngencwadi, ngibakhumbuza lezi ziyalo, nami ngizikhumbuza, ngibakhumbuza ngizivuselela nami ngencwadi engingeke ngiyifunde ngenxa yokubalekela isikhathi, ngiye ngithi abangcwele abazivulele emakhaya noma bazifundele emafonini abo.
67.Incwadi ephethe izeluleko ekhuluma ngokugcina umthetho ukuthi uma ngabe uwugcinile umthetho, ngibesenginqena nokusho ngoba ulimi alusasuki ukusho olumini olwalushiwo umama wami, abethi ngudodoloma, manjeke bengingasakwazi nokusho ukuthi u Dutoromiya, uDododoloma 28 (Deuteronomy 28).
68.Okhuluma ngomuntu ngamunye ukuthi wonke umuntu ofuna izibusiso zikaNkululunkulu, uyothatha le ncwadi ayibheke, iyamuchazela ukuthi izibusiso uzithola kanjani, ebese imutshela futhi ukuthi iziqalekiso uyokuzithola kanjani.
69.Le ncwadi iwukhiye kubo bonke abantu bafuna indaba kaNkulunkulu abafuna ukubusiseka, ngoba sonke siyakuthanda ukubusiseka, kodwa asize sanaka ukuthi ubusiswa uma wenzeni, uma wenzenjani uma ugcineni.
70.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngeke ngiyifunde, ngithike ngomfishane bangcwele umyalo engifisa siwukhumbule sonke wokugcina, sizithibe, uNkulunkulu wathi sibe ngcwele ngezinsuku zonke, akashongo ukuthi ngenyanga yomhlaba, wayethe asibe ngcwele.
71.Kodwa ngobuthakathaka bomhlaba esihleli kuwo, kuhamba kuhambe ubungcwele bunqamuke bese sebuyoxhuma uma ngabe sekuyinyanga yomhlangano kwabanye.
72.Ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba uJehova ezosivulela umhlangano, yithi sodwa esatshelwa ukuthi umhlangano, uwumhlangano osuke ubizwe uJehova, futhi okungowakhe. Nguye owuvulayo.
73.Thina asidumisi yena umdedele kodwa thina sisuke sithi sicela uJehova asivulele umhlangano aphinde ahlale nathi kuwo lowo mhlangano, ngithike bangcweleke kuhlukene lapho.
74.Ukuziphatha, siyacelwa ukuba singamcasuli uNkulunkulu, singakwenzi uNkulunkulu angakuthandi, singangeni enhlanganweni kaJehova nodaka. Singayephuli imithetho kaNkulunkulu ngamabomu ngoba sithembe ishumi.
75.Ngithike bantwana baseKuphakameni nabantwana bethu esibazele uma umhlangano usuvuliwe akusibona abethu. Nabayeni bethu esibaganile uma ngabe uJehova esevule umhlangano akusesibona abayeni bethu ngabantwana
bakaNkulunkulu.
76.Namakhosikazi agane izingane zethu akusiwo amakhosikazi abo, kodwa bangabantwana bakaNkulunkulu. Kungakho nje uJehova ebashaya, ebashaya ngempama enosizi abantu abakhombisa amandla phezu kwamakhosikazi, bewakhombisa ngoba belwa noNkulunkulu ukuthi ukhonzelwani yibo.
77.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma uNkulunkulu esangigcinile, ngicela ukuthi sime kulesi sigaba lesi ukuthi sizithibe, akusikho khona kuphela, nokuhlonipha, nezingane zakho uzitshela ukuthi umhlangano.
78.Kungabi ngumhlangano lapha ePhilangezwi kuphela, bese kwakho kungabi ngumhlangano, akube ngumhlangano kwakho, akube ngumhlangano egcekeni lakho, ngisho ingane ibanga umsindo ayingawubangi umsindo ngoba lo muzi uhleli uNkulunkulu ngumhlangano.
79.Sibafundise abantwana bethu futhi singamaNazaretha singakuvumi ukuba nezingane zesimanje, singakuvumi ukuthi abantwana bethu baphile le Mpilo yesimanje.
80.Ngikuvamileke ukukhuluma kakhulu ngezingane zesimanje ezinqaqa oyise, zicekele phansi sonke isithunzi somnumzane. Uma kuqhamuka ingane kamakhelwane, ifica ingane yomnumzane, imnqaqa, imdovadova, imgxobagxoba, imuphotha, imuphotha nesilevu, iphatha nesihluthu.
81.Isihluthu, ngithi amakhosikazi ngibhekisa kuwo, ngoba ibona abaphethe izingane abaseduze kwezingane zakho, ukuthi uma ingane yakho yenza lokho isono sobuzwa kuwe ngoba nguwe oseduze kwengane yakho, ingane yakho yazi wena kakhulu kunoyise.
82.Ukuthi lesi sihluthu. Ubothatha ibhayibheli ilifunde ukuthi isihluthu siyifa likaJehova, siyimbali ahloba ngayo ngenhlalisuthi, ingane yakho uboyikhuza uma isikhuphukela kuso, ngoba lo mnumzane akayikuphinda ahlonipheke, nengane kamakhelwane ayiyokuphinda imhloniphe.
83.Ubani umuntu ongahlonishwa umuntu ophothwa amadevu ingane, ubani ongahlonipha umuntu ohamba ehlikihlikizwa isihluthu ingane.
84.Ngithike bangcwele, bengingashumayeli kodwa bengithi asikhombuzane, ake ngigcine lapho namuhla, ngithi khumu nina beNkosi enkulu yaseKuphakameni.
INkosi ibusise enikuzwile.