Ukuzila kusukela ekukholweni; kumele ube ngumuntu ogcina umthetho kaNkulunkulu, ubonise izenzo ezinobubele kubantu abahluphekile…
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sanamuhla sithi, “Ukuzila okwamukelekile kuJehova.” Incwadi ka-Isaya 58:1-14: “Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.
2.Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso. Babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.
3.Bathi: ‘Sizileleni ukudla, ungaboni, na?’ ‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu, ungazi, na?’ “Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu niyaqhuba umsebenzi, nicindezele zonke izisebenzi zenu.
4.Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisana nokushaya ngenqindi yobubi. Anisazili namuhla ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.
5.Yikhona yini lokhu kuzila engikukhethileyo, nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila nosuku olwamukelekayo kuJehova na?
6.“Akusikho yini lokhu kuzila engikukhethileyo: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?
7.Akusikho yini ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?
8.Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
9.Khona wena uyakubiza, kusabele uJehova; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. “Uma ususa phakathi kwakho ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi,
10.Umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.
11.UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi omanzi awo angaphuthi.
12.Abavela kuwe bayokwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.
13. “Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize.
14.Khona uyakuzijabulisa kuJehova, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo, ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.”
15.Kuso sonke lesi sahluko uNkulunkulu ngomlomo woMprofethi u-Isaya ukhuluma ngokuzila noma ukulinda.
16.Yini ukuzila? Ukuzila noma ukulinda kungukuzithiba ezinkanukweni eziningi zenyama, uvumele umoya nengqondo yakho ininge ngoNkulunkulu.
17.Ngokwejwayelekile umuntu ulinda ngokuzila ukudla ngendlela ayikhethile ukuze athole amandla omoya ukuxazulula izinkinga ezahlukene.
18.Emthethweni kaMose angikaze ngihlangane nalapho uJehova esifundisa khona inqubo (procedure) yokuzila, kodwa kuyacaca ukuthi kwakukhona ukuzila ngoba nangu uMprofethi ekhuluma ngakho.
19.Uthi-ke uNkulunkulu kuMprofethi akamemeze kakhulu njengecilongo, atshele abantwana bakwa Israel ukuthi abayeke ukuhlubuka uNkulunkulu, abehlukane nezono.
20.Uma eqhubeka uNkulunkulu uthi laba bantwana bakwa Israel bazenza isizwe esiyigcinayo imithetho kaNkulunkulu, yikho befuna ukwazi izindlela zakhe.
21.Laba bantu babekhathazwa ukuthi noma bezilile umthandazo wabo awemukeleki kuNkulunkulu.
22. Bayambuza-ke uJehova bathi: “Kuma kanjani ukuthi silinde, kodwa wena Nkulunkulu ungaboni ukuthi silindile; kukanjani ukuthi noma sesizithoba kuwe, kodwa wena Nkulunkulu ungakuboni lokho?”
23.Kusobala ukuthi babekhathazwa ukuthi ukulinda kwabo akunamphumela. Bathi-ke lokhu kwenziwa ukuthi uNkulunkulu akaboni ukuthi balindile.
24.Useyabaphendula-ke uNkulunkulu, uthi: “Nina nithi nilindile, nithi nizilile, kodwa ngezinsuku zokuzila kwenu nenza noma yini enithanda ukuyenza; nithi nizilile, kodwa ekuzileni kwenu nitholakala nicindezela izisebenzi zenu.
25.Lokhu kuzila kwenu kugcina kunokuxabana, kutholakale senishayana ngezibhakela. Ngakho lendlela enizila ngayo ayisoze yenza umthandazo wenu ufinyelele eZulwini.”
26.Uyaqhubeka uNkulunkulu uthi: “Ngabe lendlela yokuzila nayifundiswa yimi? Ukuba umuntu akwazi ukuzithoba ngosuku olulodwa; ukuba umuntu azile ngokulokhu egobisa ikhanda phansi njengomhlanga, nokuba umuntu elokhu eyolala ngamasaka emlotheni?”
27.Uthi ke uJehova: Cha akunjalo, mina ukuzila enganifundisa khona ukuthi nenze ubulungiswa, nisuse ijokwe kubantu, nikhulule abacindezelwe, niphe ukudla abalambile, nikhoselise abangenandawo yokulala, nembese abahambaze, ningabukeli phansi izihlobo zenu zegazi.
28.Uma nenza njalo, niyobona isimanga; ukukhanya kokhanya phambi kwenu njengokusa, bese umuntu uphulukiswa ngaso leso sikhathi. Uma nihamba ngokulunga, uJehova uyoba ngaphambi kwenu, nenkazimulo kaJehova ihlale isemuva kwenu.
29.Uyomemeza, kusabele uJehova; kothi uma ukhala ufuna usizo, kuvele yena uJehova athi, “mina ngila, yimina engizokusiza!”
30.Kodwa konke lokhu kokwenzeka uma umuntu enza lokhu okulandelayo: “Esusa ijoka phezu kwabantu, engabacindazeli abantu; ehlukane nokuhleba, engahambi ekhuluma izinto eziyize!”
31.Uyaqhubeka uJehova uthi: “Uma uzihlupha ngokukhipha imali upha ukudla abalambile, ubuye ubheke usizi lwabacindezelwe, uyobona isimanga: ukukhanya kwakho kovela ngaphezu kobumnyama; kothi ubumnyama kuphenduke imini. Kube nguJehova obheka izinhlupheko zakho.”
32.Ekugcineni uNkulunkulu lokhu kuzila ukuhlanganisa nokugcina iSabatha. Uthi ukuzila kuhlanganisa nokungenzi msebenzi ngeSabatha, okulusuku lwakhe uJehova olungcwele. ISabatha silibize ngokuthi intokozo, siludumise!
33.Njengoba sike saveza, lapha uNkulunkulu usifundisa ngokuzila, uthi lokhu kuzila esikwenzayo, yena uJehova akakwazi, akaze asifundise ukuthi kothi ngoba sibona sehlelwe zinkinga bese sivele sigobisa amakhanda njengomhlanga sithi siyathandaza, sifake amasaka sibhuquze emlotheni.
34.Ukuzama ukuxazulula izinkinga ngokuzila ukudla, kodwa ungazi lutho ngokukholwa, ukuchitha isikhathi. Ukuze uNkulunkulu asemukele isicelo sakho osizilele, kumele okokuqala ube ngophelele ekukholweni.
35.Ukuzila kusukela ekukholweni; kumele ube ngumuntu ogcina umthetho kaNkulunkulu, ubonise izenzo ezinobubele kubantu abahluphekile. Gcina iSabatha.
36.Awukwazi ukuthi uthi uzilile, kodwa khona lapha ekhaya utholakale uhlupha isisebenzi sakho, usicindezela, ungafuni nokusiholela. Awukwazi ukuthi nithi nizilile, kodwa kulokhu kuzila kwenu niyatholakala niyaxabana, senishayana nangezibhakela. Konke lokho kuyamxosha uJehova.
37.Ukuzila kwabantu abaganene kumele kube nokubambisana, babe nokuthula. Noma bethi bazilile, uJehova akahlali phakathi kwabantu abaxabene. Awukwazi ukuthi uthi uzilile, kodwa ube uphuma ungena emzini yabantu ukhuluma izindaba, uhleba abantu, ukhuluma izinto eziyize. UJehova uyaqhela kumuntu onjalo.
38.Ukuzila kumele ukubonise ngokusiza abantu abahluphekile, ubaphe ukudla, abantu abangenandawo yokulala kube nguwe ozihlupha ngokubafunela indawo. Njengoba kusebusika nje, thatha izingubo zakho zokulala wabele abampofu.
39.Kunakho konke, uthi uJehova ekuzileni kwethu asigcine umthetho wakhe. Ukuzila kwethu akuhambisane nokugcina iSabatha, siqonde ukuthi iSabatha ngelikaJehova. ISabatha silibize ngokuthi intokozo, silidumise, silingcwelise, singasebenzi msebenzi ngalo.
40.Awukwazi ukuthi uthi ulindile noma uzilile, kodwa ekulindeni kwakho ube wephula umthetho kaNkulunkulu. Ukulinda kusho ukuzahlukanisela uJehova, ukuthatha isifungo sokuphila ngaphansi kwentando kaNkulunkulu.
41.Inyanga kaJuly iyinyanga yomhlangano noma yoMkhosi kaJehova. Lo Mkhosi ususelwa encwadini ka Eksodusi 23:14, lapho uJehova ethi kathathu ngonyaka sogcina uMkhosi kaJehova wesinkwa esingenamvubelo. Lokhu kusho ukulinda noma ukuzila esikubekelwe nguJehova.
42.Ngokwemfundiso yoMprofethi u-Isaiah Shembe (ukuthula kube kuye), eBandleni lamaNazaretha lo Mkhosi uqala ngoJanuary, lapho uhlanganisa uMhlangano waseNhlangakazi; kube uMhlangano wamaDokodo oba ngo-April, noMhlangano kaJuly.
43.Kule mihlangano eyiMikhosi kaJehova siyalinda inyanga yonke ngoba sisuke sihleli noNkulunkulu. Noma sisemakhaya noma siseMhlanganweni, ngenyanga yoMhlangano kumele silinde. Into yokuqala esingayenzi ngalezi zinyanga ukudla isinkwa ngoba sinemvubelo.
44.Okwesibili ngenyanga yoMhlangano asizihlanganisi nocansi noma ngandlelani. Isizathu salokhu ukuthi ubungcwele akuhambelani nokuzithokozisa ngenkanuko yenyama. Lapho kunoNkulunkulu khona ukuzihlanganisa nocansi kungukuzingcolisa.
45.Ku-Eksodusi 19:14-15 kuthi: “UMose wehla entabeni wabuyela kubantu, wabangcwelisa, bahlanza izingubo zabo. Wayesethi kubantu: “anoba senilungile ngosuku lwesithathu, NINGASONDELI KOWESIFAZANE.”
46.Isizathu sokuthi bangasondeli kowesifazane kulezi zinsuku ezintathu kwakungukuthi babezohlangana noJehova; ukuzingcwelisa kuyaphambana nokuzihlanganisa nocansi; ukuhlangana ngokocansi kungukungcola phambi kukaNkulunkulu; yikho wathi uJesu abantu abafa beye kuNkulunkulu bafike baphile impilo yezingelosi, abaganani!
47.Njengoba sesichazile, eBandleni lamaNazaretha uShembe wasifundisa ukulinda, okusho nokuzahlukanisa nocansi. Ukulinda kokuqala kuqala ngeSabatha. ISabatha lingena ekushoneni kwelanga ngoLwesihlanu, liphume ekushoneni kwelanga ngeSabatha.
48.Ukuhlangana nomuntu wesifazane kugcina ngoLwesine, kuze kuqale ekupheleni kweSabatha. Ukulinda okulandelayo kungemiKhosi ebizwa ngokuthi ngu-14 no-23. U-14, okungumkhosi wamakhosikazi, uqala ekushoneni kwelanga mhla ka-13 enyangeni, uphele ekuseni ekuphumeni kwelanga mhla ka-15.
49.Inkosikazi igcina ukuhlangana nomyeni wayo mhla ka-12, kuze kube sekuseni mhla ka 15. Umkhosi ka-23 okunguMkhosi wabesilisa, uqala ekushoneni kwelanga mhla ka-22, uphume ekuseni ekuphumeni kwelanga mhla ka-24.
50.Indoda igcina ukuba nomkayo mhla ka-21 kuze kube sekuseni mhla ka-24. LemiKhosi kaJehova ehlanganisa nemihlangano emithathu eba ngonyaka iyimikhosi engamvumeli umNazaretha ukuthi azihlanganise nocansi.
51.Ingelosi uHlaleleni uvamile ukufika azoseluleka ngokubaluleka kokulinda ngezinsuku zomkhosi kaJehova. Uthi lomuntu waseZulwini, esikhathini esiphambili uMprofethi u-Isaiah Shembe wayefundisa amaNazaretha ngokubaluleka kokuzahlukanisa nocansi ngezinsuku zikaJehova.
52.Kodwa omunye uMshumayeli wathi, “Mina angisoze ngayenza lento eshiwo nguShembe, angisoze ngashayelwa umthetho ngenye indoda ngomfazi wami; uShembe akaze akhiphe lutho mhla ngilobola lomfazi.”
53.Uthi-ke lomuntu waseZulwini, nempela lo mshumayeli akazange ayingene lento eyayishiwo nguMprofethi. Wayaye ahlangane nomkakhe ngeSabatha, kodwa avuke ekuseni ngeSabatha aye esontweni afike aphathe inkonzo yeSabatha. Ithi-ke ingelosi, “Wathula nje uNkulunkulu, awaze wenza lutho.”
54.Lo mshumayeli wagcina eseganwe isithembu, waqhosha kakhulu ngala bafazi bakhe. Waqhubeka nokudelela umthetho wokuhlonipha izinsuku zeMikhosi kaJehova; wathi akukho muntu ozomshayela umthetho wokuthi akahlangane nini nabafazi bakhe. Ithi ingelosi, “Wathula nje uNkulunkulu, awaze wenza lutho.
55.Kodwa ngolunye usuku ulaka lukaJehova lwamehlela. UJehova wamphihliza lo mshumayeli, wamphihliza waba ludaka!” Isithi ingelosi: “Niyalwazi udaka? Lomshumayeli waba ludaka. Lolu daka obehlale elixova bese elubhixa abafazi bakhe, uJehova wenza yena udaka; ngesikhashana kwaphela ngaye emhlabeni, kwaphela ngaye naseZulwini!“
56.Isithi-ke le Nkosazane, “Uma ungumNazaretha bese utholakala uzihlanganisa nomkakho ngezinsuku zokulinda, eZulwini kubhalwa ukuthi uyaphinga, ngoba ngezinsuku zokulinda lowomfazi usuke engesiye owakho, ungokaJehova.
57.UJehova ukunikile izinsuku ngesihle ongahlangana ngazo nomkakho, manje usuzokhwelezela umkakho kuJehova. Loluthando olukwenza ukhwelezele uJehova lusuke luqhutshwa nguSathane; kothi ngezinsuku uJehova aninike zona ukuba nithandane, loluthando bese luyasuswa kini.
58.Umshado wenu ungabi nasibusiso; kothi uma senifuna uJehova ukuba anelekelele ukusekela lomshado, nimthole esekude nani. Kanti waxoshwa nguwe mhla umkhwelezela ngezinsuku zakhe zokumdumisa”
59.Uyaqhubeka lomuntu waseZulwini, uthi, “Ayikho into eyisinengiso kuNkulunkulu njengekholwa eliqonywayo; ayikho into ezodwa nguJehova njengokubona inkosana noma inkosazane noma kumbe umgcotshwa osebenzisa uMkhosi kaJehova njengethuba lokuzofeza imikhuba yakhe yobumnyama.”
60.Ithi ingelosi, “uma uqonywa esontweni angeke ukhule, izinsuku zakho zoncishiswa emhlabeni. Noma usuganiwe, umshado wakho angeke ube nokuthula, uyohamb’uhambe ubhidlike, ube nezinkinga ezinganqamuki. Lokhu kwenziwa ukuthi ngumshado owakhelwe phezu kwesiqalekiso.”
61.Ngenkathi amadodana ka-Eli elala nabesifazane endaweni kaJehova, kuSamuel wokuqala iSahluko 2:25, u-Eli wathi: “Uma umuntu ona kumuntu uNkulunkulu uyokumlamulela, kepha uma umuntu ona kuJehova uyakulanyulelwa ngubani na?”
62.Sikhuluma ngokulinda, sikhuluma ngokuzila. Uthi-ke uNkulunkulu, ukuzila akukhona ukuthi ngoba usezinkingeni bese ukhumbula ukuthandaza, uqale ukufunda ukuzila ukudla izinsuku ezithile nokohlala entabeni uthi ulindele uNkulunkulu.
63.Uthi uJehova ukuzila kungukulindela umusa kaJehova kumuntu ovele elikholwa, ohlale njalo eninga ngezimemezelo zomkhondo wezwi likaSomandla; nogcina iSabatha. Uma wenza njalo, uyomemeza, kusabele uJehova, ubumnyama obhekene nakho kophenduka imini.
64.UJehova uyokuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho, inkazimulo kaJehova ibe semuva kwakho! UJehova ukhulumile, alibongwe igama likaJehova! .
INkosi mayibusise iZwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala naku YouTube othi: REV MPANZA NCG