Uma ethi uJehova asimdumise ngokugcina isabatha, ubani onamandla kunoJehova ongathi asingaligcini iSabatha?
Imfundiso enjalo ivela kwabanye onkulunkulu!
Isihlabelelo 143.
1.Ukukholwa kwethu
Kulobu buNazaretha
Kuyilidwala elibushelelezi
Liyabehlula abaningi.
2.Wena uyathanda ukusilandela
Lapha siya khona
Ubuqole uthenge isibindi
Lapha siya khona.
3.Indlela incinyane
Inamatshe inameva
Ihanjwa ngabambalwa
Lapha siya khona.
4.Imbala unaso isibindi
Sokuhamba ngaleyo ndlela
Ilidwala elibushelelezi
Lehlula abaningi.
5.Wozani maqhawe
Hlabani umkhosi
Niwavikele amagwala
Hlomani ngamandla.
1.Ngaphambili ngake ngachaza ukuthi ngathola isimemo sokuba ngibe semkhosini kaNomkhubulwane, ngase ngibuza kuyingelosi ukuthi ngingaya yini kulomkhosi.
2.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Ubani uNomkhubulwane?” ngase ngichaza ukuthi iNkosazana yezulu.
3.Ithi-ke ingelosi: “LeNkosazane inifundiseni ngokugcinwa kwesabatha, inifundiseni ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu; uBabamkhulu wanifundisani ngaleNkosazane yezulu?”
4.Kwatholakala ukuthi yonke lemibuzo angikwazi ukuyiphendula.
5.Wabe esethi: “Uma lenkosazane ingakaze inifundise utho ngokugcinwa kwesabatha, nangokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, futhi uma noMprofethi engakaze asho lutho ngaleNkosazane, mina angiyazi, okusho ukuthi ivela kwabanye onkulunkulu!”
6.Ngakho-ke lesi sihloko ngisisusela kokwakhulunywa ingelosi kimi!
7.Ngaphambi kokuthi sigxile endabeni yokugcinwa kwesabatha, ngifisa ukuchaza ukuthi singamabandla ahlukene, sibe zinkolo ezahlukene, kodwa sonke sikholwa kuNkulunkulu oyedwa.
8.Kodwa kuba inkinga uma sesihlukene nangoNkulunkulu, abanye bangayigcini imithetho yakhe ngoba bethu bona owabo uNkulunkulu nguJesu, ngakhoke ukubethelwa kwakhe kuyabehlukanisa nomthetho kaJehova!
9.Abanye bathi sebenonkulunkulu abathi uNyazi, nabo bengaba besazihlupha ngokuhamba ngezimiso zikaJehova njengoba sazifundiswa nguBabamkhulu!
10.Abanye bethi unkulunkulu wabo nguMvelinqangi, kodwa abangenke besho ukuthi uMvelinqangi ukhonzwa kanjani ngaphandle kokulandela amasiko abawafundiswe ngabantu!
11.UNkulunkulu onguJehova uthi: UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI, kanti ku-Isaya 43 kuthi: “Ningofakazi bami, kusho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi mina nginguye.
12.Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akekho uMsindisi!”
13.Sonke esifunda iBhayibheli ibench mark yethu yokukholwa, ngukukholwa kuNkulunkulu ogama lakhe nguJehova!
14.Angiqondi kahle kwabenkolo yoMdabu ukuthi inkolo yabo imi kanjani, ngoba bayaye benze sengathi uMvelinqangi noJehova nguNkulunkulu oyedwa.
15.Kodwa uMvelinqangi ungunkulunkulu ongakhulumi, kanti uJehova unguNkulunkulu okhulumayo, nokubekile ukuthi ufuna ukukhonzwa kanjani.
16.Enye inkinga kuyinkolo yaMdabu ukuthi ukuphika ukuthi ungaphansi kwaJehova, kumele uphike ukuthi uyinzalo ka-Israel.
17.Inkolo kaJehova ihlanganisa bonke abantwana bakaJakobe, okungu-Israel.
18.Ngakho-ke uma uthi awumkhonzi uJehova, kumele uthi awukho ngaphansi kwesizukulwane sikaJakobe, ngoba inzalo kaJakobe yaba nesiVumelwane noJehova, sokuthi uJehova uyohlala enguYise wabo, bona babe ngabantwana bakhe, ebenzele konke abakucelayo!
19.Ukuze uthi awuhlanganise lutho noJehova, kumele okokuqala uphike-ke ukuthi uyinzalo kaJakobe!
20.Kodwa angazi ukuthi uzokwenza kanjani lokho, ngoba abamhlophe ababephika ukuthi amaLemba akakwazi ukuba inzalo kaJakobe, iDNA eyenziwa yibo, yabavala umlomo!
21.Isimanga ukuthi uma iDNA isetshenziswa ekufuneni umzali onegazi lomntwana, kuyaye kuthiwe iDNA i-scientific, ngakho ke ayiphikisekeki, kodwa uyaye uthole abantu sebezama ukuphika umphumela weDNA uma sekuza ekutheni ngabe siyinzalo yini kaJakobe!
22.Engiqonde ukukusho ukuthi yebo ngokwezinkolo siyaye sehlukane, kodwa asikwazi ukwehlukana uma sekuza ekukhonzeni uJehova, futhi asikwazi ukukhonza uNkulunkulu oyedwa ngezindlela ezahlukene!
23.INDLELA YOKUKHONZA UJEHOVA YALETHWA NGUYE UJEHOVA KUYISINTU SONKE MHLA ELETHA INKOLO YAKHE ENTABENI YASE SNAYI! ABANGAYILANDELI LEYO NQUBO BANABANYE ONKULUNKULU!
24.Ngiiyafisa ukukusho ukuthi enkolweni yobuKrestu kunabantu abakholwa ngempela, kodwa yize kunjalo, abasuke bengaboni ukuthi lenkolo abakholwa kuyo inobuqili obuyisimanga, abezizwe babafundisa enye into, kodwa bebe bechaza okunye! Babasusa ngobuqili abalandeli babo kuJehova!
25.AmaKrestu esizwe esimnyama akazi ukuthi akholwani, hhayi ngoba bekusophile ukuba bekholwe yinto engekho, kodwa kungenxa yokuthi ebuKrestwini bayakwazi ukukunika inkolo engekho, bese besusa le ekhona.
26.Nawe-ke uyamukele ungaboni ukuthi lento oyikholwayo isuka kubo!
27.NgokweTestament Elisha uJesu wazalwa nguMaria, noma bethi wazalwa ngoMoya, kodwa wazalwa ngowesifazane owayethembise ukugana uJosefa.
28.Emva kokuzalwa kukaJesu uMaria wabuya wazala kuJosefa abanye abantwana okwakungabafowabo nodadewabo bakaJesu. Lowo ngumlando okhona!
29.Ngaleyondlela-ke kufanele ukuba zonke izehlakalo ngoJesu zibe nomlando oqondile nowaziwayo, kodwa akunjalo, ngoba izinto eziningi zakhiwe ngobuqili!
30.KumaGospel amane kukhulunywa ngokuzalwa kukaJesu, kodwa akukho lapho okuchaza khona ukuthi kwakungamuphi unyaka lapho uJesu ezalwa khona.
31.Akulona iphutha ukukushiya lokho, ngoba ngisho iTestamente Elidala izehlakalo lizichaza ngeminyaka.
32.Kodwa inkinga ukuthi uma kukhulunywa ngeminyaka kushayisana neminyaka yokuzalwa kukaYeshua, hhayi uJesu! Ngoba bengenke bakwazi ukuphika ubukhona bukaYeshua, bese kuthiwa uJesu ungelinye igama likaYeshua!
33.Kodwa awusoze wawuthola umlando wokuthi njengoba uYeshua wayeliJuda, amaJuda eyizitha ezingaka zamaGriki namaRoma, kuphi lapho uJesu owake wazihlanganisa khona nabezizwe?
34.KuMathewu 10 uYeshua ukucacisile ukuthi uma abafundi bakhe beyoshumayela, bengashumayeli kwabezizwe, kodwa bashumayele ezimvini ezilahlekile zendlu ka-Israel, ngoba yilapho yena ethunyelwe khona!
35.Imfundiso yenkolo yobuKrestu ithi ubuKrestu basungulwa nguJesu, awushiwo unyaka nendawo, nokuthi mhla esungula ubuKrestu, wakusungula kanjani.
36.Kuvele kube yinkolo nje esezingqondweni zabalandeli bakaJesu ukuthi inkolo yobuKrestu yasungulwa nguJesu! Kodwa lenkolelo ephambana kakhulu nomlando ngoJesu, noma ngoYeshua!
37.Lenkolelo iyaphambana nomlando, ngoba umlando uthi ubuKrestu basungulwa ngumbusi wamaRoma uConstantine ngo 325 A.D. NamaRoma akusho ngeqholo ukuthi ubuKrestu inkolo yamaRoma entsha!
38.Manje njengoba uYeshua wabethelwa esiphambanweni ngo 36 A.D, ungazibuza ukuthi u 36 A.D uhlangana kanjani no 325 A.D?
39.ITestamente Elisha linezimfundiso ezininingi eziphikisa umthetho kaJehova nezimfundiso zikaJesu.
40.Lezi zimfundiso ngokweTestamente Elisha zazifundiswa nguSha’ul owagcina esaziwa ngokuthi uPaul.
42.Encwadini yeZenza uPaul uvela engumholi webandla lamaNazaretha, efundisa ngezimfundiso zikaMose, njengoba kwakwenza uJesu.(Bheka iZenzo 28:22-23).
43.Izizwe ezimhlophe ziyakwazi ukuthatha into engekho ziyenze ibe khona, bese zithatha into ekhona ziyenze ingaba bikho.
44.Njengoba kuthiwa kufundiswa ukuthi uPaul wabe engumKrestu ehola ibandla likaKrestu, kwenzeka kanjani ukuthi abulawe nguNero eRome, kanti ibandla lobuKrestu lasungulwa khona eRome?
45.Lokhu kungubufakazi bokuthi uPaul wayengesiye umKrestu, kodwa wabe engumNazaretha, eshumayela ivangeli likaMose!
46.Kuthiwa uNero wayebulala amaKrestu, kodwa umbuzo uzothi wayewabulalelani amaKrestu, ngoba ubuKrestu basungulwa iRome, futhi amaKrestu ayevelaphi ngo 66 A.D?
47.Okuliqiniso ukuthi kufihlwa ukuthi uNero wayebulala amaNazaretha!
48.Sengakuthola kwezinye izincwadi ukuthi igama elithi amaNazaretha lasuswa emlandweni, lase limelwa yigama “amaKrestu,” okuwakhayo umqondo!
49.Ngokwezimfundiso zabamhlophe uJesu wabakhona. Isizathu sokumenza abe ngumlungu kungukwakha ezingqondweni zabantu abamnyama ukuthi uJesu obizwa ngokuthi ngumsindisi, nokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, kwakungumuntu omhlophe.
50.Ngalendlela, indawo yabantwana bakwa-Israel isithathwa yibo, bese kuthi thina esiyinzalo ka-Israel, sekuyithi abezizwe!
51.Sengike ngibezwe abanye abantu abamnyama bethi bona ngabezizwe, beze besho ukuthi asikho isidingo sokugcina umthetho kaMose, ngoba umthetho kaMose wawubekelwe abakwa-Israel, kodwa thina singabezizwe!
52.Yebo singabezizwe enkolweni eyasungulwa ng Constantine, kodwa hhayi ekaMose!
53.UJesu akaze abe khona emhlabeni, kodwa abamhlophe abakwenza ukucisha uYeshua owaba khona, enguMprofethi, kwase kuthi impilo kaYeshua sebeyinika lesi sithixo abasibiza ngokuthi uJesu!
54.Ababhali njengo Koster nabanye abaningi bayakucacisa ukuthi igama likaJesu lavela inkolo yobuKrestu isikhona, leligama laqala lingu IUSIS, ekuhambeni kwesikhathi, sekukhona iletter “J”, kwase kuthiwa “JESUS!”
55.Noma namuhla sekungathi kungafihlwa lokho, kodwa kumaCreeds abakufihlile ukuthi unkulunkulu wamaKrestu nguBhali!
56.ITestamente Elisha likhuluma kabanzi ngevangeli likaPaul, kodwa akuchazwa ukuthi lompostoli, nabanye, wafa nini, kanjani?
57.Umbuzo ongase uzibuze wona okokuqala ukuthi njengoba uMpostoli wafa ngo 66 A.D, iTestament Elisha lahlanganiswa ngo 500 A.D, yini eyenza bengakuchazi ukufa kukaMpostoli Paul?
58.Akesizibuze lombuzo: ngabe ubuKrestu busungulwa ngu Constantine ngo 325 A.D? Uma kungenjalo, basungulwa ngubani, nini?Uma kwasungulwa nguJesu, wakusungula ngamuphi unyaka, kanjani, ngoba uYeshua, osekuthiwa nguJesu, wafa ngo 66 A.D?
59.KumaGospel amane akhuluma ngoJesu, akukho lapho uJesu esungula khona ubuKrestu!
60.Ungazifunda zonke izincwadi zomlando, awusoze wwuthola umlando kaJesu esungula ubuKrestu.
61.Kodwa umlando ozowuthola ukuthi emva kokuba abezizwe bengamemukelanga uYeshua ngoba eliJuda, bengafuni ukuzihlanganisa namaJuda, benza umsindisi wabo abambiza ngoJesu, base bethatha yonke impilo kaYeshua sebethi ngeyalomsindisi abase bemakhile!
62.Lo ngumlando okhona ezincwadini zomlando wokusungulwa kobuKrestu! Incwadi eseduze netholakala kalula ngeka Dr Koster ethi COME OUT OF ME MY PEOPLE!
63.Kodwa ziningi izincwadi ezichaza ukuthi ubuKrestu basungulwa kanjani ngu Constantine, nezichaza ukuthi mhla uConstatine esungula ubuKrestu, wenzani nani, nakanjani!
64.Yikho-ke ngithi amaKrestu amnyama akholwe ngempela, kodwa akazi ukuthi inkolo abayilandelayo yakhiwe ngendlela yokuchitha inkolo kaJehova, lo amaKrestu acabanga ukuthi ayakholwa kuye!
65.Kanti akunjalo, akholwa ngezindebe zomlomo: ayahlabelela ngaye, bethandaze kuye, mhlawumbe bashumayele ngaye, kodwa abasunguli bobuKrestu babenqabela ukuba bakhonze uJehova ngokugcina umthetho wakhe njengoba kuchazwa kuyiTestamente Elidala! AmaCreeds obuKrestu amchithile uJehova!
66.Ngakho-ke kuyisicelo sami egameni leNkosi uMdali wezulu nomhlaba, ukuthi lawo maKrestu afuna ukuba ngabantwana bakaNkulunkulu, abakhonze uJehova ngendlela eyamukelekile ezulwini, bamkhonze ngokugcina umthetho wakhe!
68.Ngenke nginikhohlise maKrestu amahle, ukukholwa kwethu kuJehova akuphelele, uJehova ningamkhonzi ngezindebe zomlomo, kodwa ngezenzo nibe nikude naye!
69.Ngaphambi kokuba ngigxile endabeni yeSabatha, ngifisa ukukhumbuza amaNazaretha ukuthi ngoMsombuluko mhla ka 25 September, usuku lwesikhumbuzo seNkosi iNyangayezulu ngoba lusuku eyahamba ngalo emhlabeni.
70.UBaba iNyangayezulu wazalwa mhla ka 25 September 1906, wahamba emhlabeni mhla ka 25 September 1995. Ngakho-ke lolusuku luwusuku lwesikhumbuzo salesi sithunywa sasezulwini.
71.Ingelosi ifike yakugcizelela kithi ukuthi bathathu abaprofethi bebandla lamaNazaretha abathunywa nguJehova ukuba ngabaholi balelibandla.
72.KuMprofethi u-Isaya Shembe uNkulunkulu wazifikela yena kuye njengoba wayefika kuMose, wamthuma ukuba avuse ibandla likaJehova elaliholwa nguMose, lachithwa ngabezizwe!
73.Kodwa kuBaba iLanga nakuBaba iNyangayezulu, uJehova wathuma uBabamkhulu ukuba laba bantwana uBabamkhulu ebagcobe ukuthi bangabaholi bakuleli bandla bangomuso.
74.Ithi-ke ingelosi: “Laba abanye abaholi bakwaShembe bangabaholi nje abazibeke bona, kodwa abaziwa ezulwini, ngoba bangabaholi ababekwa ngamaNazaretha.
75.AmaNazaretha akenzanga njengabantwana bakwa-Israel okwathi ekuhambeni emhlabeni kukaJoshua, bahlangana, base bebuza kuNkulunkulu ukuthi ubani uNkulunkulu ombeka ukuthi abahole, uNkulunkulu wabe esekhetha uJuda. (Abahluleli 1:1-2).
76.Ithi-ke ingelosi yikho lelibandla seliyilento eliyinhlekisa ngaloluhlobo, kungenxa yokuba lingaselona ibandla likaJehova. Umndeni wakwaShembe usewaliqhwaga, laba ngowalo!
77.Kulabo abangawazi umlando kaBaba iNyangayezulu nobuholi balelibandla, uhamba kanje:
78.Ngo 1919, kusentabeni yaseNhlangakazi, uBabamkhulu wathatha abafana bakhe ababili, ngaleso sikhathi ababesebancane kakhulu, wabaguqisa phambi kwabafundisi ababili, umfundisi uMnqayi nomfundisi uMzobe, wabe esekhuluma ebhekisa ebandleni ethi:
79.“Bantabami, ngithunywa nguJehova, uthi angimgcobele laba bafundisi abane, okuyibo abayoqhuba umsebenzi kaNkulunkulu uma uJehova esengithathile.
70.Uma ibandla lingaholwanga nguMnqayi, loholwa ilomntwana, esho iNkosi iLanga. Uma lingaholwanga uMzobe loholwa yilomntwana, esho iNyangayezulu.”
71.Nempela kwathi uBabamkhulu esekhona, wathuma laba bafundisi ukuba beyoshumayela, okwathi uma bebona abantu bephenduka, ababe besabuya nabo ukuza eKuphakameni.
72.Wathi uBabamkhulu ehamba emhlabeni ngo 1935, laba bafundisi uMnqayi noMzobe, babe bengasekho bobabili eKuPhakameni. Ngalokho esikhundleni sikamfundisi uMnqayi, lelibandla lase liholwa iNkosi iLanga, eyayisivele isikhulile.
73.Ekuhambeni emhlabeni kweNkosi iLanga ngo 1976, wayengasekho kwabakhethwa nguJehova ukube bahole ibandla ngaphandle kweNkosi iNyangayezulu.
74.Yikho-ke emva kweNkosi iLanga lelibandla laholwa nguBaba iNyangayezulu, ngoba nguye yedwa owayesengowoku gcina kwabakhethwe nguJehova. Inyangayezulu yayaziwa ngokuthi UMPHETHI WEMBENGE, okusho ukuthi usengowokugcina kubaprofethi bakaJehova!
75.Ithi-ke ingelosi, amaNazaretha kaNkulunkulu ayakhunjuzwa ukuthi isikhumbuzo seNyangayezulu sibalulekile kumaNazaretha kaNkulunkulu, ngoba iNyangayezulu inguMprofethi kaJehova, kodwa laba abanye bangabaholi bamabandla akwaShembe, abasibo abaholi bebandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
76.Bonke abaziwa ezulwini, noNyazi, noma lingumholi olandelwa zigidi zamaNazaretha, kodwa ubuholi balo buphela lapha emhlabeni, ngoba lezi zigidi zabalandeli alizifundise lutho ngomthetho kaNkulunkulu, ngaphandle kokuthi luzisho lona ukuthi linguNkulunkulu! Uthule nje uNkulunkulu, ngoba sekukhonzwa lona, kodwa isikhathi sakhe siyeza, futhi siyofika kabuhlungu!
77.Uthi-ke lomuntu wasezulwini, nalo uNyazi luyazi ukuthi konke lokhu kubusa ngokwalo, akuhlangene noBabamkhulu owasungula lelibandla, futhi akuhlangene noJehova!
78.Nabo abalandeli balo kufanele bekwazi lokho, ukuthi noma befaka izingubo ezimhlophe, besonta ngesabatha, bethi bangamaNazaretha, kodwa abasekho encwadini yokuphila egcinelwe abakhonzi bakaJehova!
79.Kulentshumayelo ngithathe iSabatha, ngoba kucaca ukuthi iSabatha libaluleke kunayo yonke imithetho kaJehova ngezindlela eziningi!
80.Ngakho-ke ngimema onke amakholwa, ikakhulukazi amaKrestu afuna iqiniso ngokukhonza uJehova, ukuthi ngaphandle kokugcina isabatha, bangagundi emakhanda abo, futhi bengayidli ingulube! Kunakho konke, bengazihlanganisi nezangoma, nongqingili, ngoba lezo zinto azinandawo ezulwini!
81.Lezi zinto uma uzenza njengokufunwa nguNkulunkulu, kuzoba lula ukuthi ekupheleni kwezinsuku ungene emzini oyingcwele!
82.UShembe uBabamkhulu neNkosi iLanga, kanye nengelosi, bahlale bekugcizelela ukuthi awukwazi ukuba ngcwele uma ungaligcini iSabatha, uphucule ikhanda, ungumuntu odla ingulube!
83.Ngibala izinto okumele uqale ukuzenza uma uthi ukholiwe, ulandela inkolo kaJehova njengoba uJehova wayehlisela entabeni yaseSnayi ngoMose!
84.Ku-Eksodusi 20:8 uMose wakhuluma lamazwi ngokugcinwa kweSabatha: “Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, wenze wonke umsebenzi wakho.
85.Kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha lukaJehova uNkulunkulu wakho, awukusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, incekukazi yakho, imfuya yakho, nomfokazi ogogobele emzini wakho.
86.Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, waluhlukanisela ukuba libe engcwele!”
87.Ngumthetho weSabatha kuphela lapho uMose ethi”Khumbula.” Isizathu sokuthi athi “khumbula,’ kungenxa yokuthi umthetho wesabatha ukanye nokudalwa kwezulu nomhlaba.
88.Uthi uMose, uNkulunkulu ‘walubusisa usuku lwesabatha, waluhlukanisela ukuba libe ngcwele.’
89.Kodwa ukubaluleka kweSabatha akugcini lapho. Ku-Eksodusi 35:2-3 uJehova wakhuluma lamazwi aqondene neSabatha:
90.“Niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lukaJehova elungcwele lokuphumula.
91.Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo UYOBULAWA. ANIYIKUBASA UMLILO EMAKHAYA ENU NGOSUKU LWESABATHA.
92.Ukubaluleka kwesabatha sikubona ngokuthi umuntu osebenza ngesabatha uyabulawa.
93.Wena ungathi njengoba sesiphila ngaphansi kombuso wabantu, akakho umuntu ongabulawela ukungaligcini isabatha, kodwa usufile ngokwenyama, uNkulunkulu angenke ehluleke ukubulala umphefumulo wakho!
94.Ungawubasi umlilo ngosuku lwasabatha. Lo ngumthetho obekwe nguJehova!
95.Ku-Eksodusi 31:12-13 uJehova wathi kuMose: “Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israel, uthi: “Niyakuigcina amasabatha ami, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo!”
96.Kumavesi 16-17 uJehova uthi: “Ngakho-ke abantu bakwa-Israel bayoligcina iSabatha, bayoligcina izizukulwana ngezizukulwane njengesivumelwane saphakade.
97.Luwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israel, lokuthi uJehova wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleka.”
98.Ngethemba ukuthi siyamuzwa ukuthi uthini uNkulunkulu ngokugcinwa kwesabatha kubo bonke abangcwele!
99.Uma ethi uJehova asimdumise ngokugcina isabatha, ubani onamandla kunoJehova ongathi asingaligcini iSabatha?
Imfundiso enjalo ivela kwabanye onkulunkulu!
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukuzwa izwi lakho.
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho.
2.Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo.
Sibambe singayeki,
Singayeki ngethemba.
Inkosi ibusise lokho enikuzwile!