KuMathewu 10 uYeshua wathi uma ethuma abafundi bakhe ukoshumayela, wathi bangangeni emzini yabezizwe, ngoba yena uthunyelwe ezimvini ezilahlekile zendlu ka-Israel!
103.Pho uYeshua simhlanganisa ngani nenkolo ka Constantine, okuyinkolo yabezizwe?
Isihlabelelo 181.
1.Phakama Kuphakama
Ngegama leNkosi
Zivuse zonke izizwe zakithi
Zisesebuthongweni
Ngegama leNkosi
Zivukele kuwe
WeKuphakama.
2.Sinosizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane
Asinamkhululi
Ngaphandle kwakho
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
3.Usidele ngani
Nkosi kangaka
Buyela kithi
Usithethelele.
Obaba bethu
Bona abasekho
Sithwele-ke thina
Izono zabo.
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile.
Siyavuma
Ebusweni bakho
Singabakabani
Uma silahlwa nguwe
Buyela kithi
Nkosi yoxolo.
SILAHLE UJEHOVA SAKHONZA IZITHIXO ZETHU.
1.Lesi sihlabelelo sikhuluma indaba enkulu, kodwa engaze nganakwa muntu. Kodwa namuhla ngiyafisa ukuthi kesicubungule ukuthi uShembe wayedlulisa myalezo muni ngalesi sihlabelelo.
2.Enkonzweni ibisoKhozini ngikhulume ngama Creeds enkolo yobuKrestu, kodwa angaze ngachaza kabanzi ngawo, ngesizathu kokunye sokuthi asikho isikhathi esanele sokuchaza lokho.
3.ICreed ichaza inqubo-mgomo wokukholwa, noma izimiso zokukholwa esiyaye sizibize ngesizulu ngokuthi ISIVUMO SENKOLO.
4.Kulentshumayelo-ke bengikhuluma ngesivumo senkolo yobuKrestu ezakhiwa ngu Constantine the Great nowasungula lenkolo ngo 325 A.D.
5.Kodwa ngaphambi kokuba sibonise ukuthi lesi sivumo salenkolo yobuKrestu siyichinta kanjani inkolo kaJehova, nokuthi lokhu kuchithwa kwenkolo kaJehova kunamphumela muni esizweni esimnyama, sizochaza kafuphi ukuthi yona inkolo kaJehova yasungulwa nini, isungulwa ngubani.
6.Cishe eminyakeni yo 1446 B.C, abantwana bakwa-Israel baphuma eGibhithe ngesandla sikaJehova ababemazi ngokuthi nguNkulunkulu wokhokho babo, okungu-Abraham, u-Isaka noJakobe.
7.Njengoba sonke lomlando siwazi, uJehova wathumela uMose ukuba eyokhulula abantwana bakwa-Israel kuFaro.
8.Cishe izinsuku eziyisikhombisa besendleleni ebheke eKhanani, kusukela ku-Eksodusi 19 sichazelwa ukuthi uJehova wehlela entabeni yase Snayi, abantwana bakwa-Israel WABANIKA INKOLO YABO EHAMBA NGOKWEZIMISO ZAKHE UJEHOVA.
9.Ngaphambili abantwana bakwa-Israel babengena nkolo ngaphandle kokukhonza izithixo njengoba kwakwenza abaseGibhithe.
10.UJehova esehlise inkolo yakhe, yonke impilo yabantwana bakwa-Israel kwaba ukugcina umthetho kaJehova owayewulethe entabeni yaseSnayi ngenceku yakhe uMose. Lenqubo yokukholwake yabe isiyaziwa ngokuthi UMTHETHO KAMOSE!
11.Bonke abaprofethi bakaJehova kusukela kuMose babefundisa, bevuselela lenkolo kaJehova.
12.Kanjalo noma abantwana bakwa-Israel sebebuswa ngamakhosi, nawo ayebusa ngomthetho kaJehova!
13.Inkosi eyabusa kakhulu ngokulandela umthetho kaMose, inkosi uDavide.
14.UYeshua naye wayengaphansi komthetho kaMose, futhi efundisa ngawo.
15.Ukuthi uYeshua wawugcizelela kanjani umthetho kaMose, kuMathewu 5:17-19, sizwa uYeshua ethi:
16.“Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa.
17.Ngokuba ngiqinisiule ngithi kini kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye SEMITHETHO, kuze kufezeke konke.
18.Ngakhoke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu.
19.Kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakutrhiwa mkhulu embusweni wezulu.”
20.Kodwa emva kwenkosi uSolomoni abakwa-Israel, kuhlanganisa namakhosi abo, bamhlubuka uJehova!
21.Sesimhlubukile uJehova, isizwe sakwa-Israel saqala ukunqotshwa yizizwe eziningi, into eyayingenzeki besahamba noJehova!
22.Sesike sachaza ukuthi amaGriki asihlukumeza kanjani lesi sizwe. Kodwa lombuso wamaGriki owawumkhulu, wagcina ngokunqotshwa, kwase kukhula umbuso wamaRoma.
23.Inkolo kaJehova-ke yaqedwa ngumbuso wamaRoma emva kokuba enqobe amaJuda ngo 70 A.D.
24.Ngokwehlula izizwe eziningi umbuso wamaRoma waba mkhulu kakhulu, wabizwa ngokuthi i-Roman Empire!
25.Kwathi lombuso usuphethwe umbusi uConstantine the Great, wasungula inkolo yawo eyabizwa ngokuthi i- Christianity, noma ubuKrestu.
26.Lenkolo yaba NESIVUMO SENKOLO YOBUKRESTU, NGASO LENKOLO EYAYICHITHA INKOLO KAJEHOVA EYAYIBIZWA NGOKUTHI INKOLO KAMOSE!
27.Kodwa kulesi Sivumo, inkolo kaConstantine yayibiza inkolo kaJehova ngokuthi INKOLO YAMAJUDA!
28.AMACREEDS AMANINGI APHASISWA NGU CONSTANTINE AYEQEDA NGENKOLO KAMOSE, NGANGOKUTHI UMA WAWUTHOLWA UGCINA UMTHETHO KAJEHOVA WAWUBULALWA KABUHLUNGU!
28.Lesi sivumo uConstantine owasisphasisa ngo 325 A.D, isona esaqeda nya inkolo kaJehova! Lesi siVumo senkolo yobuKrestu sithi:
29.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yama wundlu eyenziwa ngamaHebheru.
30.Ngichitha iminikelo, imithandazo, ukulinda, ukuzingcwelisa KANYE NOKUDUMISA KWABO!
31.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, NOKUYA KWABO UKUYOKHONZA EMATHEMPELINI!
32.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane UKUTHI KUBE KHONA UKUBUYA KULENKOLOZE YAMAJUDA, NOMA UKUTHOLAKALA NGIDLA NAMAjUDA!
33.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo, kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
34.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi. Amen!”
35.Kwathi uma umbuso wamaRoma usuwa, ababe besawagcizelela lamaCreeds njengokubhalwa kwawo!
36.Babe sebezihlanganisa lezi zinkolo ezimbili sebezenza inkolo eyodwa.
37.Esikhundleni sokuba inkolo kaConstantine ibizwe NGENKOLO ENTSHA, njengoba ibizwa kanjalo kumaCreeds, base bethi IYISIVUMELWANO ESISHA!
38.Inkolo kaMose esikhundleni sokubizwa ngenkolo yamaJuda, kwase kuthiwa IYISIVUMELWANO ESIDALA!
39.Sebekwenzile lokho, base befundisa ukuthi asisaphili kuyisivumelwano esidala, besho ukuthi basayichitha inkolo kaMose; bathi sesiphila kuyisivumelwano esisha, besho ukuthi sekubusa inkolo kaConstantine!
40.Kodwa kuJeremiya 31 kusukela kuvesi 31, uJehova ukhuluma ngesivumelwano oyosenza nabantwana bakwa-Israel, uJeremiya akakhulumi lutho ngesivumelwano oyosenza nabezizwe!
41.Okwesibili akukho lapho okuthi uJehova uqeda khona umthetho wakhe, kodwa uthi abantu bakhe umthetho kaJehova bayowazi ngaphandle kokuhlale bekhunjuzwa ngawo!
42.Ngakho-ke kungubuwula kithi ukuthi sisetshenziswe ngabezizwe ukuchitha inkolo yethu ngokusiphica nje ngenkulumo, kodwa bebe besenza into eyodwa, bechitha inkolo kaJehova uNkulunkulu wethu ngathi!
43.Njengoba sesisivezile isiVumo senkolo ka Constantine ukuthi kungukuchitha inkolo kaMose, okuyinkolo kaJehova, kungubuqili ukusifundisa ukuthi inkolo kaMose iyisiVumelwano Esidala, bese kuthi inkolo kaConstantine ibe yisivumelwano Esisha!
44.Abukho ubudlelwano phakathi kwalezinkolo ezimbili, ngoba inkolo ka Constantine iyisitha senkolo kaMose!
45.Manje njengesizwe esimnyama, futhi esiyinzalo ka-Israel, kukhona yini kithi okuphikayo ukuthi ABUKHO UBUDLELWANA OBUHLE PHAKATHI KWENKOLO KAMOSE NENKOLO KA CONSTANTINE?
46.Othi bukhona, akachaze ukuthi uma bukhona, pho inkolo kaConstantine yayisho kanjani ukuthi inkolo kaJehova inkoloze okumele ichithwe, futhi ayebulalwelani amaNazaretha yinkolo kaConstantine?
47.Njengamanje siyisizwe esikhululekile ngokwezepolitiki, futhi sikhululeke ezweni lethu. Ngakho-ke kumele nezingqondo zethu zikhule, singahlali si-mentally colonized by izizwe zasentshonalanga!
48.KuMathewu 15:7-9 uYeshua uthi: “Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani, lapho ethi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bengikhonza ngeze, befundisa izifundiso zabantu.”
49.Thina sizwe esimnyama uma sithandaza noma sihlabelela sibiza igama likaJehova, sithi siyakholwa kuJehova!
50.Kwesinye isikhathi noma sishumayela siyasheba, kodwa uma sekuya ekulandeleni inqubo yokukholwa, silandela eyabezizwe!
51.Lokhu kungubufakazi bokuthi asazi ukuthi yini esikholwa yiyo, ngoba ngomlomo sibiza uJehova, kodwa ngezenzo silandela isiVumo senkolo elwa noJehova!
52.Kukho konke lokhu esikwenzayo, asenzi neyodwa into OTHE UJEHOVA UKHONZWA NGOKUBA UYENZE!
53.Ukuthi yithina esivumelana nenkolo yabezizwe ukuchitha umthetho kaJehova, asiligcini iSabatha okuyilo elingumgogodla wenkolo kaJehova!
54.UJehova kumele simkhonze kanjani? KuDutoronomi10:12-13: uMose uthi: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe, UHAMBE NGEZINDLELA ZAKHE ZONKE, UMTHANDE, UMKHONZE UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO NGAYO YONKE INHLIZIYO YAKHO, NANGAWO WONKE UMPHEFUMULO WAKHO.
55.UGCINE IMIYALO KAJEHOVA NEZIMISO ZAKHE ENGAKUYALA NGAKHO NGALOLO SUKU UKUBA KUBE KUHLE KUWE NA?”
56.Ukhona umyalo nezimiso zikaJehova esizigcinayo? Azikho! Sanqatshelwa ngubani ukuba singahambi ngokwezimiso zikaJehova? Senqatshelwa ISIVUMO SENKOLO YOBUKRESTU, OKUYINKOLO KA CONSTANTINE!
57.Uma inkolo yabezizwe isenqabela ukugcina umthetho kaJehova, sesilalela yona, manje yini sikhohlise abantu sithi sikhonza uJehova, kodwa sibe sikhonza unkulunkulu wabezizwe?
58.Ku Joshua 24:14-15 uJoshua wakhuluma lamazwi: “Manje mesabeni uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho beseseGibhithe, nikhonze uJehova!
59.Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyokumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu beseseGibhithe, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova!”
60.Lenkulumo kaJoshua ibhekiswe kithi! Ngabe thina njengesizwe esimnyama siyamkhonza uJehova ngeqiniso nangobuqotho?
61.Njengenzalo kaJakobe, asikhethe noma sikhetha ukukhonza uJehova, sigcine imiyalo yakhe owayiloba ngenceku yakhe uMose, noma sikhetha onkulunkulu babezizwe abasifundise ukuthi sichithe umthetho kaJehova?
62.Lapha ngibhekise kumaKrestu, nakumaNazaretha, ngisho kwabenkolo yoMdabu imbhala, ngoba akekho omunye uNkulunkulu esinaye njengesizwe esimnyama ngaphandle kwaJehova uMdali wezulu nomhlaba!
63.Noma sekuthiwa ngokukahulumeni umntwana wakwaPhindangene usefihlwa namuhla ngeSabatha, kodwa kungithokozisile ukuzwa ukuthi umndeni ubunqume ukuba afihlwe ngoLwesihlanu, ngoba satshelwa nguye umntwana ukuthi unina umntwana uMagogo wayegcina iSabatha impilo yakhe yonke!
64.Ngangikhona cishe kuma 1980s umntwana wakwaPhindangene eseBuhleni ehamba nonina uMntwana uMagogo, emenywe uBaba iNyangayezulu ukuzovula i-statue noma umfanekiso kaBabamkhulu.
65.UMntwana wakwa Phindangene wachaza kabanzi ukuthi unina ekhulelwe yena, wayelinde eKuphakameni kwaze kwafika isikhathi sokubelethwa kwakhe esibhedlela esalokhu elinde eKuphakameni!
66.Siyazi ukuthi uMqaliwendlela waprofetha wathini ngoMntwana wakwaPhindangene kwasekuzalweni kwakhe, nokuthi ukuze ubukhosi bakwaZulu bume, kwakungenxa yobukhona boMtwana wakwaPhindangene!
67.Ngifisa nami ukwenanela ekutheni kuyiSouth Afrika yonke, akakho umholi ongalinganiswa noMntwana wakwaPhindangene ekusebenzeleni isizwe!
68.UShenge wakha i-University ohambe isikhiqize amagraduates angaphezu kwa 40 000, wakha izibhedlela ezinkulu, izikole namakholege amaningi emfundo, amanye aqedwa ngokufika kwe New South Afrika!
69.Wakha amalokisha athuthuke ngaphezu kwawo wonke amalokishi aseSouth Afrika. Isibonelo iSiKhawini.
70.Lo kwaba ngumholi wokuqala owakha ibhange, Ithala, elakhela ukuthuthukisa abantu abamnyama.
71.Intuthuko kuhulumeni wakwaZulu yayikhula ngesivinini esiyisimanga, ingaziwa into okuthiwa iCorruption.
72.Njengoba ngisho, namanje kuNew South Afrika, akulula ukuthola umuntu oqeqeshwe nguMntwana ehola ngokungethembeki!
73.Ngaphambili amakhosi ayebizwa ngamaChiefs, iNgonyama ibizwa ngeParamount Chief. Konke lokho umntwana washaya umthetho, wakuqeda! Nezinye izizwe ke zase zilandela!
74.Ngaphambili owesifazane bekuyi minor eze eyofa. Kodwa ingakafiki iNew South Afrika, uMntwana washaya umthetho okuqedayo lokho! Namhla sesinabesifazane abangamakhosi ngenxa yakhe!
75.Ngiyakholelwa ekutheni ukuba safezeka isicelo soMntwana se Federal Government, iKwaZulu Government ngaphansi koMntwana wakwa Phindangene yayiyo thuthuka ngaphezuzu kwazo zonke izifunda eSouth Afrika!
76.UBaba iLanga wathi iSilo esakhothama kwabe sekungesokugcina, emva kwaso ubukhosi bakwaZulu buyophela! Asazi ukuthi wayesho ukuthini ngalokho.
77.Kodwa esikwaziyo ukuthi ubukhosi bakwaZulu kube yibona umntwana okwenze kwaba bukhulu ngaphezu kwabo bonke ubukhosi e-Afrika.
78.Manje umuntu uyazibuza ukuthi ngaphandle koMntwana wakwaPhindangene, ubukhosi bakwaZulu buzokwazi yini ukumelana nezinselelo okuzohlangabezana nazo?
79.Umntwana wakwaPhindangena ubekungumuntu olimelayo iqiniso, eyimela into okholelwa kuyo, engancethezi neze! 81.Sonke isizwe silahlekelwe ngaleliqhawe lase-Afrika.
82.Sikhuluma ngokubuyela kwesizwe kuJehova uNkulunkulu wethu, uMdali wezulu nomhlaba!
83.Ngihlale ngizwa osopolitiki bethi noma singathola inkululeko, kodwa uma inkululeko ingahambi nomnotho, kusho ukuthi asikakhululeki!
84.Kodwa angunjalo! Noma singathola inkululeko enjani, kodwa uma isizwe esimnyama singanamathele kuJehova uNkulunkulu wethu, akukho nkululeko esobanayo singakasesusi isiqalekiso esasithola kuDutoronomi 28!
85.Inqubo yokukholwa efunwa ezulwini uJehova wayiloba ngenceku yakhe uMose mhla ehlela kithi entabeni yaseSnayi, ikhona kuyiTestamente Elidala!
86.NESIVUMO SENKOLO KA CONSTANTINE ESICHITHA INKOLO KAJEHOVA, NASO SIBHALWE PHANSI NGUYE UCONSTANTINE!
87.Ngakho-ke akakho ongathi akazi ukuthi wenzani ngenkolo enenqubo ebhalwe phansi.
88.Ngiyaye ngingazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu afunde aze abe nezinqu zenkolo, aze abengudokotela ngokwezenkolo, kodwa engakwazi ukubona ukuthi lenkolo okuyo ilwa nenkolo kaJehova!
89.Ngenkathi uBabamkhulu eshiya ukusonta ngeSonto, ebuyela kuyiSabatha, uthi uBaba iLanga ngathi: “Hawu Baba uzoluyeka kanjani usuku lweNkosi ukusonta ngalo?”
90.“Ubaba wangiphendula wathi: “Kwenziwa yini ukuthi nithi nifundile ningayiboni into ebhalwe eBhayibhelini nephambi kwenu?
91.Mina angiyanga esikoleni, kodwa sengitholile lapha eBhayibhelini ukuthi usuku lweNkosi iSabatha!”
92.Angazi ukuthi kuyaye kwezinziwe yini ukuthi abantu abamnyama abaneziqu zemfundo ngokwezenkolo, kodwa kube yibo abadukisa amakholwa ngendaba yokukholwa?
93.Kubhalwe kwacaca eBhayibhelini ukuthi uYeshua wayengaphansi kwenkolo kaMose, kanjalo nabapostoli.
94.Kodwa ngoba abamhlophe sebebafundise ukuthi umsunguli wobuKrestu nguYeshua, nabo bashumayela lelo vangeli elidukisa abantu!
95.Kodwa umuntu ofundile kufanele abone ukuthi uYeshua owayengumJuda, nowaphila lapha emhlabeni, ngokomlando akaze azihlanganise nesizwe samaRoma!
96.Angazi ukuthi yini eyenza umuntu efundile kodwa engazi ukuthi ubuKrestu bavela uYeshua kudala wahamba emhlabeni!
97.Nokuthi abapostoli baphuma eJerusalema beyoshumayela abezizwe, okuhlanganisa amaRoma, uYeshua engasekho emhlabeni!
98.Manje ngokomlando uYeshua, noma uJesu, njengoba nimbiza kanjalo, kuphi lapho owake wazihlanganisa khona nesizwe samaRoma, esaphila, noma engasekho? Akukho!
99.Kodwa singabantu sifundile, sifunza isizwe sakithi ilumbo, ngoba sitshelwe ngabamhlophe ukuthi abantu asibafunze into engekho, nathi sesenza lokho!
100.Ngokomlando uYeshua wazalwa ko 6 A.D, wahamba emhlabeni cishe ko 36 A.D.
101.Kuzo zonke izincwadi ezikhuluma ngoYeshua, kuphi lapho okuthi khona uYeshua wake wazimbandakanya nesizwe samaRoma ngoba yisona esasihlukumeza amaJuda ngisho uYeshua esaphila? Umuntu ofundile akakwazi kanjani lokho?
102.KuMathewu 10 uYeshua wathi uma ethuma abafundi bakhe ukoshumayela, wathi bangangeni emzini yabezizwe, ngoba yena uthunyelwe ezimvini ezilahlekile zendlu ka-Israel!
103.Pho uYeshua simhlanganisa ngani nenkolo ka Constantine, okuyinkolo yabezizwe?
104.Kumele ngikucacise ukuthi lelivangeli eliyilumbo, abamhlophe abafundise abafundisi abamnyama ukuthi abalifunze lesi sizwe ukuba sichithe umthetho kaJehova, kungakuhle siliyeke!
105.Ngiyaphinda futhi ngithi ayikho into ehlanganisa inkolo kaMose nenkolo ka Constantine, ngaphandle kokuthi inkolo kaConstantine inesivumo senkolo esichitha inkolo kaJehova, bese sikhuphula amasiko amaRoma!
106.UNkulunkulu uthi abantu bayabhubha ngokuswela ulwazi. Nansi iCreed eyenziwa emva kwa 325 A.D, neyahunyushwa nguJerome. Le Creed ithi:
107.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi esizwe samaRoma; iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi, ukungcwelisa umpristi omkhulu wamaRoma uPontificus Maximus.
108.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga”Sol del” noma Sunday.
109.Ngalokho usuku lwangeSonto elokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekukade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBhali, uma uBhali ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolusuku ngoba naye eyinkosi.
110.Iyamukeleka yonke imigubho yamaKrestu kanye nokudla neziphuzo zesizwe samaRoma.
111.Ngamafushane nje, konke okulusikompilo lwamaRoma, nemigubho yabo, nemicimbi, siyayemukela kulenkolo entsha yaseRoma ebizwa ngokuthi i- Christianity.”Amen!
112.Eminye yalemigubho kwakushiwo uKhisimuzi, nama-Easter. Ngale Creed kwachithwa isabatha!
113.Le Creed ithathelwe ku: STEFANO ASSEMANI, ACTA SANCTORIUM MARTYRUM ORIENTALIUM AT OCCIDENTALIUM, VOL 1. ROME 1748 PAGE 105.
114.Kuyadinga ukuthi isizwe esimnyama esikhonza uJehova siwazi umlando wokuthi inkolo yabo yachithwa kanjani yinkolo ka Constantine!
115.Labo befundisi abebengazi, befundisa abantu ukuthi abachithe inkolo kaJehova, kumele bazi ukuthi lokhu kusukelaphi!
116.Uma beqhubeka nakho, kodwa baqhubeke nento abayaziyo ukuthi bangabafundisi benkolo elwa nenkolo kaJehova!
117.Kuze kube namuhla kulenkolo yachithwa yonke imithetho kaJehova.
118.Kodwa uma sebeshumayela akabe esafundwa lama Creeds, kuyaye kuthiwe SILANDELA “ISIVUMELWANO ESISHA”, kodwa ngokwamaCreeds kuthiwa “SILANDELA INKOLO ENTSHA!”
119.Uthi-ke uShembe: Phakama Kuphakama ngegama leNkosi, uzivuse zonke izizwe zakithi ngoba zisesebuthongweni.
120.Ngegama leNkosi azivukele kuwe Kuphakama!
121.Sinosizi ngesizwe sakithi, sihawukele Nkosi sizintandane. Asinamkhululi ngaphandle kwakho ongasikhulula ekuboshweni.
122.Usidele ngani Nkosi kangaka, buyela kithi usithethelele. Obaba bethu bona abasekho sithwele-ke thina izono zabo.
123.Shaya Nkosi uphozise wena sonile, siyavuma ebusweni bakho. Singabakabani uma silahlwa nguwe. Buyela kithi Nkosi yoxolo!
Isihlabelelo 242
1.Nkosi, Nkosi bubusise
Lobu Nazaretha
Uchoboze izitha zabo
Zingabuvukeli.
2.Vuka, vuka wena Nkosi
Mabulwelwe nguwe
Uzuhambe phambi kwabo
Zingabuvukeli.
3.Noma siya entabeni
Owasikhethela yona
Ethiwa iNhlangakazi
Bungakhubeki.
iNkosi ibusise enikuzwile.