Namhlanje uNkulunkulu waseKuphakameni ngomlomo kaBaba iLanga uthume ingelosi ukuba izokwakha indlu yakhe uJehova emhlabeni ukuba adunyiswe ngokupheleleyo emhlabeni.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 16 September 2023 siyiphathelwe uMfundisi uMdlolo ekhaya eNqobizitha.
ISIHLABELELO 15
1. Nkosi yethu simakade
Wena ulithemba lethu,
Ulithemba lemphefumulo yethu
Samkele Sokhanyiso.
2. Khanyisela abadabukileyo
Abanhliziyo zino sizi,
Baba abazama ukubuya
Ekwadukeni okubuhlungu.
3. Hawu Jehova bahawukele
Bangakababani Simakade,
Uma ubalahla bayoshonaphi
Izwe liyizigqili weSimakade.
4. Zibheke Baba izinyembezi zabo
Nolimi lwabo selushwabene,
Sebejiyelwe na ukuthandaza
Samkele Baba isililo sabo.
5. Lathi izwi lika Simakade
Sekwanele sengizwile,
Sondelani nina abalusi
Yenamani kanye nami.
1.Ngiphinde ngiyikhethe iNkosi yaseKuphakameni, maNazaretha ayingcwele, Ngibonge ithuba engilitholile kuNkulunkulu ukuba namuhla ngikwazi ukuba nami ngiphake lokho uNkulunkulu azongipha khona ngalemini yanamuhla kuyiSabatha uJehova asiphe lona.
2.Nami ngiphake leyoncosana uNkulunkulu, njengoba ngicela nje ngalesisihlabelelo nje unamba 15, uNkulunkulu waseKuphakameni ngiyacela abe nami kulokhu kukhuluma engizokushumayela namuhla noma engizokuxoxa namaNazaretha kaNkulunkulu.
3.UNkulunkulu waseKuphakameni angene enqondweni yami nasemlonyeni, indaba yakhe uNkulunkulu waseKuphakameni idunyiswe emhlabeni njengoba idunyiswa nasezulwini.
4.MaNazaretha kaNkulunkulu ngicela sidlule encwadini ka-Exodus 2 verse 1 “1 Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi. Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu. Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye.
5.Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”
6.Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?”
7.Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Yasuka intombazana, yabiza unina wengane. Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba nalo mntwana, ungincelisele yena; ngizakukukhokhela.” Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa. Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: “Ngokuba ngamkhipha emanzini.”
8.Ngithe uma ngicabanga indaba yokuma phambi kwamaNazaretha kaNkulunkulu ngase ngicabanga ukuthi kombe yini uBaba uMelusi asifundisa ngayo kakhulu, yini engapheli uBaba uMelusi uma esifundisa njalo phakathi kwamathempeli onke esesiwahambile.
9.BesiseMpumalanga, uBaba wema phambi kwethu wakhuluma ngoMose, nangesonto eledlulile uBaba wayesakhuluma ngaye uMose. Uthike uBaba uMprofethi wasi refer emthethweni kaNkulunkulu, wasi refer kuMose ukuthi njengoba imithetho ibhaliwe ngokukaMose, masimesabe uJehova. Amein.
10.Lokho kusitshela ukuthi umuntu uNkulunkulu owaqala ukuba asithande ngaye ukuze kwakheke ukuthi uNkulunkulu afike phakathi kwethu, nanamuhla uNkulunkulu ufikile phakathi kwethu, yehlise imiyalelo ukuthi akwenziwe lokhu kwenziwe lokho.
11.Ifikile ingelosi phakathi kwethu njengoba kwakuqalile uMose, wakhuluma noNkulunkulu abantu babethi ukhuluma yedwa, kodwa namuhla kulula nanokuthi sazi ukuthi uNkulunkulu uyafika Phakathi kwabantu ngoba siyazi uluthi Ukhona umntwana wokuqala.
12.Isihloko sanamuhla besiyothi mzukwana sithandwa uNkulunkulu, singabantwana bakaNkulunkulu silahlekile, uNkulunkulu wasithanda wasibuyisela kuye.
13.UShembe usho njalo esihlabelelweni, emthandazweni weSabatha, uthi ekusihawukeleni kukaJehova ekwedukeni kwethu wasibuyisela kuye, ngokuba sibuyele sibe ngabakhe ngalamazwi eSabatha.
14.Encwadini esifundayo, uMose ukuzalwa kwakhe kwaba into ethi uma ucabanga naye wayezofa njengabanye abantwana, kodwa akafanga, uNkulunkulu wamukhumbula.
15.UNkulunkulu wenza icebo lakhe lokuthi angafi yena njengabanye abantwana abasebebulewe, nomake ibhayibheli liyasitshela ukuthi kulaba bantwana okuthiwa ababulawe, ngoba okokuqala uFaro wathumela umyalezo ukuthi akubizwe ababelethisi, ababelethisi bawo amaHebheru, wathi kubo uma ngabe umntwana ezalwa kuba ngumfana, ngicela ukuthi lo mntwana abulawe.
16.Uthi uFaro uma esho lokhu kulamakhosikazi abelethisayo, abese amakhosikazi ethi siyezwa Nkosi sizokwenza lokho, bese ebona kuhamba isikhathi uFaro akukho ngane esibulewe elethwa kuyena ukuthi ibulewe.
17.Ebese ebuyela kulamakhosikazi ukuthi ayibo nakhu sifika lapha sengibona manje izingane ziyakhula zabafana, azifile, nenzenjani anibabulali ngani laba bantu, ethumela izinduna zakhe. Athi amakhosikazi, ababelethisi bathi, cha Nkosi amakhosikazi noma abantu besimame bamaHebheru bangabantu aba-strong sithi sifika, sifike sebezele, sebebelethiwe, okwenza ukuthi kungabe kusenzeka lokhu ukuthi ithi iphuma ingane sibe sithatha siyibulala ngoba uthe ayithi iphuma sibe sibulala.
18.Engibona ukuthi nalapho lamakhosikazi ayesacabanga ukuthi angeke wona akwazi ukubulala umntwana afe, ekubeni bengabantwana bamaHebheru.
19.Kulokho uMose wasinda kukho wangaba umuntu ozoba kuleligeba lokubulawa, akafanga ngaleso sikhathi, akazange afe, kodwa ngoba uNkulunkulu wayazi ukuthi kunalokhu kuthanda asithanda ngakho, wamuhlenga, wamuhlenga kuleso sikhathi.
20.Ngoba nonina wakhe uMose ngiyakholelwa ukuthi uNkulunkulu owangena kuyena enqondweni yakhe njengoba nami ngicela uNkulunkulu waseKuphakameni ukuba angene enqondweni yami, kuthi into engizoyikhuluma kumaNazaretha kaNkulunkulu kube yinto ezokwakha Ithemba kuwo ngoNkulunkulu wawo amukhonzayo wona imizuzu nezikhathi, ngingafiki mina ngithathe uNkulunkulu ngimuphendukezele ekubeni bemazi uNkulunkulu ukuthi uma eza kubona, uza kanjani. Makabongwe uThixo.
21.Uma kaMose wayengazi ukuthi Wenzani kodwa ngoba uma wenza into usuke wenza nje okwesikhashana ukuthi awuthi ngibone ukuthi okwamanje angeke ngize ngididise yini ngoba into eyayingenzeka wayengalenza lelicebo lakhe ahuqe, incwadi zonke zamabhayibheli ziye zichaze lento njengoba ichaziwe, azivami ukuthi zihlukane, ziyasho ukuthi ubhasikidi wawakhiwe ngekhwane, waphinde wahuqwa ngekolitaye, bese kuba ibhathumeni leli engingalazi bese kuthiwa nalo lafakwa.
22.Ngoba lento enzela ukuthi lo mama ingafiki kulomntwana ngaphakathi kuyena, kuwuthando nalo athanda ngalo umntwana ngoba uyabona ukuthi lomntwana uzakuhamba, uzophunyuka.
23.Namhlanje uBaba ekuseni ubekhuluma oKhozini, wayesethi intshumayelo le ayishumayele oKhozini uBaba ngaphezu kwazo zonke azishumayelile, asiyithathe siyinikeze bonke abantu.
24.Nabangakholiwe, sibanikeze abantu ngoba lento ayithinti yena umuntu okholiwe kuphela, ithinta umuntu ongumuntu omnyama obekade ecindezelekile, nanamhlanje usacindezelekile, okunjongo yakhona kukuthi akagcine yena emlahlile uNkulunkulu, engamazi uNkulunkulu, khona uNkulunkulu engezukumbona nhlobo.
25.Ngoba uma ethi umuntu fulathela uJehova okudalileyo usuke ekubulele ngoba ufulathela yena ozokusiza uNkulunkulu. Ingakhoke kufanele sizithathe lezi zintshumayelo sizi-share sizihambise kwabanye abantu, bazithole bonke.
26.Ngelinye ilanga ngiyajima ejimini, kufika enye iNkosana nje engakholiwe, kodwake ngikholwa ukuthi ikholwa kwezinye izinkonzo.
27.Ithi kumina, Mdlolo, ngangingazi ukuthi ukuthi usonta e-NCG, ithi yeyi into ekhulunywe uMelusi kulokhu kodwa bayidedele kanjani emsakazweni lento?
28.Ngithi mina hhayi bayidedelile ngoba umthetho wase South Africa uma usuqashelwe, uyakwazi ukuthi into iputshuluke ngoba zonke lezi zinto lezi akufanele ngabe zicindezelekile, kodwa ziyacindezeleka ngabantu abathile bese ziyacindezeleka, kodwa njengamanje amathuba macabane ukuthi zicindezeleke ngoba sekubonakalile ukuthi indaba lapho engakhona ingakuphi. Makabonge uThixo.
29.Akakholiwe, kodwa uthi le ntshumayelo ingivule amehlo, uthi yindaba kungashumayeli yena oKhozini sonke isikhathi kushumayele yena ngoba siyakwazi ukulandela ukuthi kulokhuya ubekade ethe, kulokhu wathi, kulokhu wathi.
30.Omunye uMfundisi uDlamini wezinkonzo, wathi kimina ngiphutheliwe kulokhuya angizwanga ukuthi uMfundisi ubekhuluma ngani, ngamutshela ngathi nakhuya, wozisiza nje uye ku Facebook uzokubona, uthi Rev Mpanza NCG, uzothola zonke izintshumayelo, nalezi ongazicelanga uzozithola nje for free.
31.Naye wayelokhu enempikiswano yamabhayibheli, yonke into ukuthi lelibhayibheli kwakwelinjani, ngamuchazela ukuthi noma singaphikisana ngamabhayibheli aze abe u-20 kodwa wena uma ungaligcini iSabatha awulona ikholwa ngokukaJehova.
32.Ngoba ngiyamazi yena noma ethunukala, uyothunukala abone ukuthi ngimutshela ngoba ngiyamazi, umuntu esijwayelene naye.
33.Kuyahlukana uma ushumayeza umuntu ongamjwayele awumazi ukuthi uyo react enzenjani, kodwa lo omaziyo, uyobona ukuthi lendoda ingitshela iqiniso ngoba iyangazi, uma ngabe bekungemina, ibingeke ingitshele.
34.Ngamutshela ngathi uma ungakabi nalo uphawu uBaba lolu akade ekhuluma ngalo ekuseni namuhla, ethi kunophawu phakathi komuntu kaNkulunkulu noJehova, ukuthi uNkulunkulu uyobabona kanjani abakhe, uyobabona ngokugcina iSabatha ukuthi lezi ezamike lezi uyobabona ngokugcina iSabatha ukuthike lezi ezamike lezi, zigcina iSabatha.
35.Ngamutshela ngathi uma ungaligcini iSabatha awukakenzi khona uNkulunkulu akucelile kuwena ngoba ilona iSabatha abalithatha kancane kuqala.
36.Ezintweni zizonke nje, noma kuthiwa kusemindenini noma kuthiwa kukuphi, uboyinothisa, uma kuthiwa kwenziwa izinto, kuvele kuthiwa hhayi sicela ukuthi kwenziwe ngalelilanga.
37.Ngisaba nokulibiza ngegama leli elibizwa ngalo, kuye kungathi ngingathi i-Saturday uma ngingashongo ukuthi iSabatha ngoba leli elinye ngashawa, ngashawa impela kuthiwa singalisho nangephutha, liyinhlamba, sasikhuliswe kanjalo ukuthi uma uke wamemeza lelogama kufana nokuthi uthuke inhlamba, ushawe, kuthiwe ngimzwile usibanibani ubethi kanje.
38.Lo muntuke ingane sezizondene zingasafunani, ethi hhayi ngimzwile usibanibani ubize igama elithi, esho ISabatha, ngoba kungafanele ukuba abantwana abakhonza uNkulunkulu bafane nabantu abangamukhonzi yena uNkulunkulu, kodwa abamuzibile, bathatha imihlane yabo bayibhekisa ngakuyena, kwase kuthi ubuso babo babubhekisa kwenye indawo.
39.UNkulunkulu usho njalo kwezinye indawo, uthi ngiyothokoza ngenxeba nangokuhlupheka kwenu ngoba ngibizile nina nanqaba nina. Kunjalo, uNkulunkulu uyabiza asho ukuthi ngicela ukuthi, kodwa abantu emhlabeni abafuni ukulalela.
40.Ngoba angikholwa maNazaretha kaNkulunkulu ukuthi ekumemezeni okungaka okukholwa, uBaba uMelusi uyamemeza izwe lonke emsakazweni naku Facebook ukuthi namhlanje kungakhona umuntu othi iSabatha angilazi mina iSabatha ukuthi kuchaza ukuthini uma kukhulunywa ngeSabatha.
41.Kodwa ngibona ukuthi into esiyangena kakhulu kuthina bantu ukuthi uma ngabe wenza ukuthi uzoba nenkinga kodwa kwase kungasashiwo ngoba uBaba kade esho ekuseni efunda ama Creeds ukuthi uma ugcina iSabatha uyobulawa, uma ugcina umthetho kaNkulunkulu uyobulawa.
42.Lwashiywa lelo limi lelo kwase kuba ulimi olulula, lolu olufana nokuthi uma ngabe ungamfundisanga omunye umuntu ukugcina umthetho kaNkulunkulu nawe futhi wawuphula umthetho kaNkulunkulu, uyoba omncinyana embusweni wezulu. Lelo limi lelo, ulimi olubeka kalula, olubeka kungacaci ukuthi umthetho wakho ngeke ungene ezulwini.
43.Uma uzitshela noma bezitshela abezinkonzo ukuthi hhayi sizoba bancinyane kodwa siyoba khona, ngeke ungene ezulwini ngoba ezulwini kugcinwa umthetho kaNkulunkulu.
UShembe uthi
110. ISIHLABELELO
1 Izulu namafu
Lidumisa wena
Ilanga nenyanga
Lidumisa wena
44.Uma iLanga nenyanga lidumisa uJehova ubona ukuthi uJehova engathuma ingelosi emhlabeni ukuba izokhuluma ukuthi makuphindwe kubuyelwe kuJehova ngoba uJehova sekusukiwe kuyena, singamaNazaretha sisukile kuNkulunkulu waseKuphakameni, sesidumisa onkulunkulu bethu, bese uthi lokhu kungakuncane yini embusweni wezulu.
45.Ngeke kube kuncane embusweni wezulu, kuphela emehlweni ethu nina bantu basemhlabeni, kungangacaci, kungangabonakali, abantu baqhubeke nezinto zabo.
46.Sasikhona nakudala isikhathi sikaNowa la khona uNkulunkulu akhuluma nabo wathi Nowa tshela abantu ukuthi izwe ngizolibhubhisa ngoba akusahambi kahle emhlabeni konakele, kodwa abantu bavele bathalalisa njena, bathalalisa bangenza lutho.
47.Siyazikhumbula lezo zincwadi ebesizibuka, kodwa noma bese zihlanekezelwe izincwadi zinezinye izintshebe zakwezinye izizwe, zingezona lezi esesifunde ngazo ukuthi lezizintshebe ngampela zingobani, zazingesesintu samaHebheru, ama African Hebrew Israelites.
48.Namhlanje sesiyakuqonda ukuthi lezo zintshebe ezazihleka lapha, zibhaliwe ukuthi zazizihleka siyazibona ukuthi kwakuyizintsebe kodwake ezingezakithi zingasamlaleli uNkulunkulu zabantu abamnyama.
49.Akuzange kuze kube abelungu laba ababehleka lapha behleka uNowa ekhuluma nabo, kwaba abantu bakithi abamnyama.
50.Njenganamuhla uma uBaba uMelusi ekhuluma, ekhuluma ngokuthi akubuyelwe kuJehova bathi abantu siyayizwa le ndaba oyishoyo, siyakuzwa ukubuyela kuNkulunkulu, sizobuyela kuNkulunkulu bese ethi uBaba uMelusi asigcine imithetho yakhe, bese beyabaleka bonke abantu bahlehle.
51.Ayikho inhlangano engakwazi ukuthi, ngaphandle kokuthi imelene nokungadunyiswa kukaNkulunkulu emhlabeni, izibandakanye kanye nathi, iphumelele.
52.Ngoba noma namhlanje, noma iqembu lepolitiki noma iqembu le-culture, noma ngabe inhloboni yombutho, zingakhona izinto esizithandayo kodwa uma uphambana nomthetho kaNkulunkulu, uthi uBaba asi compromise ngomthetho kaNkulunkulu, uthi sibeke phambili umthetho kaNkulunkulu.
53.Thina asilephuli iSabatha siliphuliswa umuntu ongamazi uNkulunkulu ngoba lowo muntu ongamazi uNkulunkulu ngoba lowo muntu akamazi uNkulunkulu, kofanele yena ajike, aphenduke abone uNkulunkulu, alandele thina, bese eseba kanye nathi ngoba elandela
uNkulunkulu. Silandela uJehova maNazaretha kaNkulunkulu.
54.Namhla bengizothi ngikhumbula isikhathi lapho sikhunjulwa uJehova khona, kodwa ngiqale ekuqaleni nje ngoba uMprofethi uthi mesabeni uJehova zizukulwana ngezizukulwana nigcine imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMose.
55.Lithi i-Sulumane ngiyakuzwa, liyi client, lithi ngiyakuzwa uthi nina nigcina umthetho kaNkulunkulu, ninoNkulunkulu oyedwa, izinqumo zenu zonke zincike ekuthenini uNkulunkulu wathini, uthi oh usho ukuthi nifunda i-Torah, nifunda imithetho kaNkulunkulu, ngasho njalo ngathi yebo sifunda imithetho kaNkulunkulu.
56.Wathi okushuthi ngamanye amazwi nina ningamaJuda, ngathi yebo singamaJuda, uthi manjeke ngoba kukhona amaJuda akhona, niyawalandela yini njengoba nawo bekhonza uNkulunkulu ngokobuJuda.
57.Ngithi uyabonake labo bakhonza uNkulunkulu njengamaJuda amhlophe, thina sikhonza uNkulunkulu njengendlu kaJakobe.
58.Into etshalwe kuthina egazini, noma abantu bakithi besadidizela besayifuna, kodwa ngoba thina sihamba nengelozi, sesambe safika la esesithole khona, Ingakho ngithi mzukwana sikhunjulwa uNkulunkulu ngoba wasikhumbula uJehova ngoba lelibandla lincane alilikhulu, lincane.
59.Noma kuthiwa kuyahanjwa sithintana la emaceleni, akukho ukuthi kuyovele kuthi vumbu inqwaba yabantu, thina lana sithintana sodwa, asambeni, asambeni siye entweni kaNkulunkulu, kodwa into enkulu ukuthi uNkulunkulu uphakathi kwethu.
60.UBaba uMelusi uma esho njalo uyaye ethi uNkulunkulu uphakathi kwethu, nami ngiwumfundisi uMdlolo ngithi uNkulunkulu uphakathi kwethu maNazaretha kaNkulunkulu.
61.Akuyidingi ukuthi uyicabange indaba yokuthi uNkulunkulu angaba phakathi kwethu, thina singoboni ngoba sibancane futhi thina asikho ebukhosini, asikho kuphi nendawo.
62.Nansi indaba uNkulunkulu
ukhethe nje umuntu ozelwe oyedwa, ukhethe uMose esizukulwaneni sonke sika Abraham, nabo abazazi ukuthi, ngoba uma ungase uthathe uboshwe, ebese kuthi uphakathi ushawe, kuphakathi kwakho konke uze ushayelwe imithetho njengoba kwenziwe nalapho e South Africa.
63.Indlu emnyama yenzelwe yonke into eyenzelwa yona, kwabhalwa ama toilet abantu wabamhlophe, kwabhalwa izitubhu kwathiwa ezabamhlophe, lesi esabamnyama, kwabhalwa yonke into.
64.Konke uNkulunkulu waseKuphakameni emkhulu wathuma uShembe phakathi kwalesi sizwe, wayesethi uJehova lesi sithunywa sami ngiyosithumela, siyofika nezinto eziphuma kumina, sifike sibathole labo abayofika bagcine umthetho kaNkulunkulu.
65.Kwaqala kwakhona abantu abagcina iSabatha, bngamzukwana uShembe kufika iSabatha kulelizwe, kuthiwa wathi bantwana bakaNkulunkulu sesiyashintsha manje ukuba sisonte ngesonto, sesiyosonta ngeSabatha, kwaqala laphoke ukushintsha ukuthi laba bantu abafana nabanye abantu bangabantwana bakaNkulunkulu.
66.Sasithandwake thina sithandwa uJehova wasifaka kulowo mshungo othi singabe sisalibiza iSabatha ngelinye igama, silibize ngokuthi iSabatha.
67.Silihloniphe njengoba kuyilanga likaMenzi wezulu nomhlaba owathi uma esenze zonke izinto wahlala phansi, wathi eshe ngikwenze konke, ngenza ubusuku ngenza imini, ngenza izilwane, ngenza izilwane, konke ngakuphefumulela kuyaphila. Wayesethike nakhuke ngikwenzile. Wayesethi akuqhubeke kuzenzekele.
68.Ngiye ngithi uNkulunkulu uJehova esimkhonzayo, unguNkulunkulu we automation, uma namhlanje ethi ibandla lamaNazaretha ethi lizoba ukuthi, uyokwenza kanye lokho bese lizenzekela lona liqhubeke unomphela, kuzo kuyocisha umhlaba njengokusho kwakhe uJehova.
69.I-automatic le eyenziwa namhlanje eyenziwa zimoto eyenziwa iyoyonke into, bano machine gun abango automatic, uNkulunkulu yena wayenza ngesikhathi enza umhlaba ngoba zonke izinto azenzayo wazenza wazimisa wathi lokhu kuyoqhubeka kanje, lokhu kuyoqhubeka kanje, kwaqhubeka unomphela, akabange esakwenza manual, kwabe sekuzenzekalela khona.
70.Ingakhoke uzwa umuntu ethi uNkulunkulu nami uyangizala, ngeke ungitshele nami ngingowaNkulunkulu, kanti uNkulunkulu ungowalabo abamkhonzayo.
71.Uma ungamukhonzi uNkulunkulu uNkulunkulu akayena uyise wakho, wena unoyise wakho ozakhele yena, uzakhele uyihlo ozomdumisa, wamakha ngoba umuntu uyisithombe sikaNkulunkulu, uphefumulelwe uNkulunkulu owokuqala, kwase kuqhubeka abantu bezakhekela beqhubeka beya phambili ngezwi likaJehova.
72.Kodwa uma umuntu yena ese deicide ukuthi akezukumdumisa uJehova, akaseyena, akasezukumdumisa uJehova, akaseyena okaJehova, uyazi disown, ube eseba ngowabanye onkulunkulu, uma bekungenjalo, uNkulunkulu ebengeke asishayele umthetho wokuthi singabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe.
73.Umthetho wokuqala uthi ningabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami mina Jehova ebese ethi yena unomhawu, ngeke ungaba nawo umhawu ngesidalwa osakhile emhlabeni, wasenza, kwaba uwena owokuqala osakhileyo lesi sidalwa saba nje.
74.Wa-invent wenza yonke inhlobo yento, wamakha waba into enhle kuwe, waze watshela nezithunywa ohamba nazo ukuthi lo muntu esimakhile ufana nathi simenzile ukuba abe muhle kodwa wena utholakale ukhonza abanye othixo.
75.Ngoba uma ukhonza abanye othixo uphoxa uNkulunkulu ngoba uthi ngiyoshaya ngisho isizukulwane sesine sabo, ngisiqhothe ngenxa yokuthi ngesokuqala isizukulwane.
76.Sesibuyele kuJehova, sikuNkulunkulu sibuyiselwe uMprofethi Isaiah Shembe, ukuthula kube kuye. Kwafika ingelosi sesisemahlathini, yasilanda, yasibuyisela kuloluthando lukaNkulunkulu.
77.Kukhona into umuntu uma ecabanga athi ngoba sibancane kungenzeka kanjani sithandwe uNkulunkulu, nampa abantu babesekugqileni, babecindezelekile, beshawa benziwa yonke into.
78.Umuntu okwazi ukubala Maths, okwazi ukubala Physics, wayezobala athi laba bantu ngesikhathi esithile bazobe sebephelile. Abanayo ichance yokuthi bengavuka baphinde bethi bengaphinde babe isizwe sikaNkulunkulu.
79.Zibekiwe zonke izinto ukuthi kwakwenzakalani, babeshawa, bakhiswa ama pyramids, ukudla kwabo kwakungafani nokudla okudliwa ilaba abantu, babedla ukudla ababezitshela ukuthi laba ingxavungxavu.
80.Kanti lokho kudla lokho uNkulunkulu uzongena kubo abaphilise. Baphile ngakho, bakhule, ngoba nanamuhla siyazi ukuthi emlandweni uma sifunda, isizwe samaHebheru, kwakuyisona sizwe esinamandla, esikwaziyo ukusebenza, uma usinike umsebenzi wezandla sasisebenza kakhulu.
81.8Sasingabantu abaphilile nje uma kukhulunywa ngabantu abanempilo, ngoba nalapho kumakhosikazi, incwadi iyasho ka Exodus ukuthi babethi bayafika bazobabelethisa bazobulala umntwana bethole ukuthi umntwana uvele uhlezi ngaphandle kade ebelethile, uzibelethele, Uyaphila.
82.Namzukwana sithandwa nguJehova maNazaretha kaNkulunkulu, wasithanda kulowo mfula lowo, wahlala nalomntwana, wathumela izithunywa zakhe zasezulwini ukuthi lo mntwana akashiselwe ahambe ayogeza, umntwana kaFaro, angahlali, ngoba uma ehleli lo mntwana mhlawumbe kungaze kuhambe isikhathi aminze kulomfula.
83.Lelikutayi, hlezi lingabambi, lingawabambi amanzi, agcine ekhuphuka engena kuyena uMose, sasiyoba yini thina esabizwa sasabela, uMprofethi wayeyokhuluma nobani ukuthi wakhuluma noJehova umthetho wehlela kuyena, kunjalo nanamuhla.
84.UBaba uMelusi uye asixoxele izinto ezinzima kakhulu ubone ukuthi uma ungase ucabange ukuthi waphunyuka kanjani lapha ungazi ukuthi uyothini. Nanamuhla kuneziguqo esizibambayo emakhaya, kodwa siyathemba ukuthi uNkulunkulu uyosizwa ngalokho. Amein.
85.UNkulunkuluwasikhumbula wahlala emanzini, wehla lo mntwana kaFaro, uthe uma esefika Emfuleni wayibona lento ukuthi hawu engathi umntwana wamuthatha, wazi ukuthi lo mntwana ungomunye okufanele abulawe, akabulawanga ngani.
86.UNkulunkulu waletha ukudabuka enhliziyweni yalomntwana wadabuka, wathi ngizomuthatha nje abe ithoyizi lami, washo ukuthi nalona uMariam wayeseduze kwakhe ngoba uyamazi ukuthi umfowabo lona, ufuna ukubona ukuthi ugcina ephelelephi, ugcina efile noma ugcina ephilile yini.
87.Kwakhona lokho umntwana emncane ukuthi akhumbule omunye umntwana ukuthi lo mntwana wakithi uma umbeke laphana, indaba ebuhlungu maNazaretha kaNkulunkulu leyo.
88.Indaba kaNkulunkulu ayikaze yaba lula ngoba uma uyicabangisisa lonto uyabona ukuthi kwakuyimbobo yenayithi kuthina bantu basemhlabeni sasizothi hhawu leyo ngane ngeke iphinde itholakale.
89.Wathi uma ngabe esemuthathile umntwana emuhlonza ngokuthi ungumHebheru, emubona ukuthi ungumHebheru, wathi lo mntwana lona ngizomugcina, kodwa kwase kugijima kakhulu uMariam wase ethi ngicela ukuthi ngingakutholela yini, isho njalo incwadi, ithi ngingakutholela yini umuntu ozokwazi ukuthi abe umama, ngikuncelisele ngoba uthi le ngane eyamaHebheru, kuwona amaHebheru.
90.Wavele walanda unina, okuyena impela umawakhe, ozokwazi ukuthi ancele, akazange ancele ubisi olunye uMose, wancela ubisi lwamaHebheru njengoba ezaliwe ngumHebheru. Makabongwe uThixo.
91.Icebo likaJehova linjalo ngoba njengoba sikholiwe njena, asazi ukuthi uNkulunkulu yini ayihlelile esizweni sakhe esadukayo, salahleka emthethweni wakhe, sadukiswa, kodwa siyokhuluma ngomthetho uNkulunkulu asinikile wona ukuba sikhulume ngaye, phambi kwabantwana bakhe abadukileyo.
92.Kukhona izincwadi ezithi uYeshua ngamzukwane ehambayo wayeshumayelile ukuthi ukushumayela makungayiswa kwezinye izinhlanga kodwa makugcinwe lapha endlini yamaHebheru, kufunwe izimvu ezilahlekileyo lapha phakathi kwamaHebheru.
93.Wabeka ngokuthi kungakhishelwa ezinjeni kodwa akushunyayezwe ngaphakathi kumaHebheru, kodwa wathi uma esevukile esebuyile, evukile ekufeni wabuya nokukhuluma okuhlukile, wathi hambani nishumayele.
94.Ngibone ukuthi ngaleso sikhathi wayesebonile ukuthi lezi zimvu azisekho lapha eduze ukuba zitholakale, azisatholakali, sezihambe kakhulu, sezilahleke kakhulu izimvu zika Israel azisatholakali. Wayesethi akushunyayelwe kude.
95.Kodwa sengiyabona namuhla ukuthi lelocebo likaJehova yilo leli eselisebenza namhlanje ngoba uma ubuka nathi lapha e South Africa ubuka eJerusalema, siqhele kakhulu ukuba besingalithola izwi likaNkulunkulu, uma kukuthi kwakuya ngoba uJesu Krestu noma uYeshua uMesaya, wakwazi ukuthi agcine izwi lilapha eJerusalema naseduzane.
96.Ngabe akufikanga lapha ngoba kwakoba yinto eyimfihlo engahambi, kodwa wathi uma elichitha lelizwi, elichitha kwenye indawo ethi abafundi bakhe abahambe balishumayele bonke.
97.Noma wayazi ukuthi bayofe ngokukopolotwa amehlo, bayofa ngokulengiswa kubantu bakubo njengoba kwenzeka kanjalo, bafa kabuhlungu bonke abafundi baka Yeshua, mangingaphosisi uyedwa kuphela ongafanga kanjalo, babebulawa phambi kwabantu bakubo kwenzelwa ukuthi nabanye abafisa ukuba bebe ngabafundi, bangakucabangi lokho.
98.Kodwa namuhla uma ungakhuluma ngalento esengikhuluma manje ukuthi kambe bona abafundi bakaJesu, laba esithi abafundi bakaJesu namuhla, bahamba kanjani emhlabeni, bashawelani, babebulawalwani.
99.Sesiyashoda lapho, kuthiwe hhayi shiya lokho, akukho kule syllabus esikhuluma ngayo namuhla asikhulume ngoNkulunkulu.
100.Cha, babulawela yena uNkulunkulu, babulawela imithetho kaNkulunkulu ukuthi basanamathele emthethweni omdala kaNkulunkulu njengoba uShembe eshilo ukuthi masinamathele emthethwethweni omdala njengokuba yalethwa uMose, uMprofethi wakithi. Makabongwe uThixo.
101.Indaba kaNkulunkulu ayikho lula,kwezinye izikhathi uyayikhuluma uhambe lapha ningasazwananga, kube umama, ubaba, nixabane nabo, nabafowenu.
102.Kodwa kudinga ume kuyo indaba kaNkulunkulu ungasuki kuyo, hlala emthethweni kaNkulunkulu ngoba uma umuntu ekutshela ukuthi phula iSabatha, ubuka wena ukuthi oh okushukuthi kanti uyaliphula iSabatha ngesikhathi esithile, uma ungaliphuli iSabatha, ungaliphuli ekuqaleni uze uyofika ekugcineni.
103.Uma izihlahla zikwazi ukudumisa uNkulunkulu, nemimango idumisa uJehova, nezinkanyezi zidumisa uNkulunkulu, thina singahlulwa yini, usiphile uNkulunkulu izinyawo, wasipha nemilomo yokubabaza, singahlulwa yini ukuba sibabaze uNkulunkulu waseKuphakameni.
104.Noma singajivazwa, kuthiwe ayikho awu ayikho lento yenu, nina nilibandla elibangayo, niyibandla elinonkulunkulu wasemhlabeni, owethu uNkulunkulu munye, washo njalo uBaba iLanga, wathi uNkulunkulu wethu akabonwa, wathi yena unguMfundisi webandla lamaNazaretha.
105.Asifanele ukuba sihlehle kulokhu esiyikhona, kufanele siye phambili njalo size sifike lapho uNkulunkulu asibekele ukuthi ibanga lethu lizohamba ligcine khona ngoba icebo likaNkulunkulu lisawele laphae-NCG.
106.UNkulunkulu uphakathi kwethu, icebo lakhe liphakathi kwethu konke akwenzayo ukwenza ngalelibandla likaNkulunkulu.
107.Kukhona isihlabelelo engike ngasihlabelelo siseMolweni kuMshumayeli sihambise umthandazo. Esikhuluma ngobudlelwano bamaNazaretha, esithi nobudlelwane bamaNazaretha.
108.Lobo budlelwane lobo uNkulunkulu akasiphe bona, sibe nalobobudlelwano bamaNazaretha okuqala ayedumisa uNkulunkulu ehamba noMprofethi, sikhuthale simuhambele uNkulunkulu. UBaba uMelusi uhamba nengelosi ethi uma ibiza asabele.
109.Ngoba ukuthi siyakuphi lapho siya khona, namhlanje iSabatha, kusasa asazi siya kuphi, kodwa uma kuvela ingelosi ingelosi namuhla ifika kuBaba uMelusi ithi kusasa asivuke siye endaweni ethile, siyavuka siye khona, makabongwe uThixo.
110.Ngoba silalela uJehova yena owasihlengayo, sonke isikhathi sahlengwa uNkulunkulu, kuze kube siyamulahla uNkulunkulu kuze kube sesibuyele thina kuNkulunkulu. Amein.
111.Mzukwane sikhunjulwa uJehova, wasikhumbula kukubi, lowo mlando akuwona umlando ongase uthi ungawuthola noma ikuphi, uzowuthola kulelibandla kuphela.
112. La khona uzothola khona bengakufihleli ukuthi uNkulunkulu wafika phakathi kwabantu abamnyama nanokuthi isizwe esimpisholo, inzalo kaJakobe ingabakhethiweyo.
113.Sitshelwa ngabamhlophe, oprofesa, indlu yakithi ayilalelanga, kufika inceku kaNkulunkulu, izofika phakathi kwethu, isho ukuthi ayiyona uNkulunkulu, inguThumekile ngoba uthe uJehova uma eyithuma yathumeka, yeza kulesi sizwe sabantu abamnyama esinquku zihlezi obala esasifaka amabheshu.
114.Wakhuluma uShembe phakathi kwabantu abamnyama, kodwa abazange bemulalele, abamulalelayo kwahamba kwahamba kwajika, base bejika beba nabaye onkulunkulu ngaphakahi ekukhonzeni uJehova. Ayilula indaba yokukholwa inzima.
115.Namhlanje uNkulunkulu waseKuphakameni ngomlomo kaBaba iLanga uthume ingelosi ukuba izokwakha indlu yakhe uJehova emhlabeni ukuba adunyiswe ngokupheleleyo emhlabeni.
116.Ngiyakhumbula kuthe lisanda kuba khona lelibandla, uNkulunkulu waseKuphakameni esasibiza emagumbini amanye omhlaba, kwaba khona intombazane yase Cameroon eyayi Satanist, le ntombazane ithi uma kuke kwaba khona umuntu oyedwa odumisa uNkulunkulu kulelotekisi noma kulelobhasi okudinga ukuba maliginqwe kuthathwe igazi labo, liyiswe kuleyo Nkosi yabo ephuza igazi labantu,
117.Ithike le Nkosazana yase Cameroon uma kukhona umuntu oyedwa okhonza uNkulunkulu ngokufaneleyo, odumisa uJehova ngokupheleleyo.
118.Ongenabo abanye onkulunkulu, ongenayo indawo angaguqa kuyona noma elinye ikhona ngaphandle kwekhona alidwebile ukuthi lelikhona, elami noNkulunkulu la engiguqa khona njalo uma bese ngibiza uNkulunkulu.
119.Uthike lomntwana lona, lelotekisi lelo alibe lisakwazi ukuba liginqwe ngoba uma uke waliginqa walihambisa kuleya Nkosi, kwayona ebonayo, kuphelile ngawe ngalelolanga.
120.Ngoba nokuthi undiza ngomshanelo, nanokuthi ukwazi ukuthi undize uhambe ubusuku bonke ubuya ekuseni ngakusasa abantu bethi bahlezi nawe kanti awusekho wena, usuhambile ngomoya undiza emoyeni.
Uthi kuyaphela, uyehliswa, uthi kungenzeka nokuthi ungafa ngalokho ngoba usuke usulethe into ezokwazi ukuthi ilimaze nayo leyo Nkosi leyo.
121.Awucabange kulendlu ukuthi bangakanani laba bantu esikhuluma ngayo, esikuyo manje ePhilangezwi, bangaphezu kwa 20, bangaphezulu kwa 30 bathamele indaba kaNkulunkulu, bese uthi emhlabeni uNkulunkulu engangethokoze, angangajabula uNkulunkulu kukhona abantu abangaka abamdumisayo.
122.Ngoba ishilo phela intombazane yathi uma eyedwa umuntu ebhasini labantu abawu 60, abayikufa, abayikuginqwa ilemimoya ngenxa yokuthi kukhona umuntu oyedwa okhonza uNkulunkulu ngokweqiniso!
123.Singaka singayisindisa yonke i-South Africa, uma kungathokala esinye isitimela likhona iNazaretha lase NCG singaginqiki, kutholakale itekisi elithile nalo, lingaginqiki.
124.Sengiyabona nezingozi zamaholid lawa abasakhela wona, zisuke zidalwa ikhona lokho ngoba kulezo zikhathi lezo abantu basuke bethwele utshwala begoduke beye emakhaya, bazi ukuthi bayophuza utshwala emakhaya.
125.Bese lezizilwane zifika ngaleso sikhathi ziziginqa zonke izimoto lezi, zihambisa lelogazi, ngoba zisuke
zinensiqiniseko ukuthi laba bantu bama Easter bonke vele abakholiwe.
126.Kodwa ngenhlanhla kaNkulunkulu uma kukhona umuntu oyedwa phakathi kwalabo bantu, bese besinda.
Isihlabelelo 110
2 Izinkayezi zezulu
Zidumisa wena,
Ziya guqa ngamadolo
Zidumisa wena.
127.Bekufanele singamaNazaretha kaNkulunkulu sizifunde lezincwadi ze-Torah, zemithetho kaNkulunkulu, ngisho nakho lokhu kuzaleka kwabaProfethi abathandwa uNkulunkulu ngoba bonke banezimangaliso ekuzalekeni kwakho.
128.Sibabheke ukuthi, ngoba sibuyele ekukholweni okudala ukuthi bona bathini labaprofethi bakaNkulunkulu ukuze sikwazi ukuhlala noNkulunkulu ngoba bona bapruvekile ukuthi bahlala noNkulunkulu, nathi sesipruvile ukuthi sihlezi noNkulunkulu.
129.Manjeke siyefana nabo abaprofethi bakudala ngoba bahlala noNkulunkulu nathi sihlele noNkulunkulu, kufanele singalaleli okunye esingakuzwa ngabantu abangahlali noNkulunkulu.
130.Kufanele sizwe thina ngalaba abahlala noNkulunkulu, sibezwe ukuthi bathini, sihambe ngezindlela zabo njengoba bahla noNkulunkulu ukuthi yini eyenza ukuthi bakwazi ukuhlala noNkulunkulu.
131.Bese kuthi ngoba into ekhona ngabaprofethi bahlala noNkulunkulu wathi uma ngabe behlezi nabantu, abantu abahlezi nabo bebatshela imithetho kaNkulunkulu, base bebatshela yonke ingqikithi ukuthi kodwa njengoba uhlezi noNkulunkulu uzothi uma usuka kuNkulunkulu bese kuba njani.
132.Lokho sikuthathe nakho ukuthi bathini ngokuthi uma usuka kuNkulunkulu uba njani, sikwesaba lokho ukuthi uNkulunkulu bathi uyosenzenjani thina esiyosuka kuye.
133.Ngoba izwe lanamuhla liyashunyayezwa uNkulunkulu kodwa asilazi liyothatha isikhathi esingakanani ukuphenduka, asilazi noma liyomubona yini uNkulunkulu ekugcineni liphenduke, noma noma liyogcina lingaphendukile bese kuze kufike leso sikhathi, isikhathi sikaNowa esafikayo ukuthi uNkulunkulu aslimboze izwe lonke ebese eshiya abakhe.
134.Sisesikhathini esinjalo maNazaretha kaNkulunkulu, esikhombayo ukuthi sifana nama Aliens asemhlabeni, kodwa emhlabeni wabanye abantu abangagcini khona ukuthandwa uNkulunkulu.
135.Okusenza sibe ngama Aliens ukuthi sehlukile ngoba asisenzi ngokufana, ziningi izinto engike ngithi uma ngibona umuntu ekhetha iNkosi lapha eba liNazaretha likaNkulunkulu.
136.Uma ngimubonile ngisondele eduze kwakhe, bese ngithike njengoba usukhethe iNkosi, ngiyacela ukuthi amadlebe akho uwavale, uwavule kuphela uma usufike lapha phakathi kwamaNazaretha nikhuluma ngoNkulunkulu uwavulisise, uwalalele ukuthi amaNazaretha kaNkulunkulu athi wona ukuze kufike kulesisikhathi samanje asinde kanjani kulaba bantu abangaka abakade bebagxeka bethi bazowa kusasa, naloNkulunkulu abathi bayomudumisa akasho lutho.
137.Bona banaye uNkulunkulu, uNkulunkulu usibanibani, ungabezwa lapha uma bethi, bethi bethi.
138.Kodwa ungazi ngoba asikaze siphike mholi thina ukuthi kukhona umholi ongabekiwe lapha nonjani, kodwa siphika ekankulunkulu kuphela, ukuthi uNkulunkulu uyedwa, udumo lwakhe malingabangiswa, makadunyiswe osemazulwini.
139.Manje uma ekhetha iNkosi ezobuye futhi avule indawo yokulalela noma owomndeni oyedwa kuyena emfundisa ngoNkulunkulu. Kuzohamba lokho bese kumenza ukuthi abone ukuthi le ndawo akuyona, ayiyona ngoba yena vele akafani nalabantu basemhlabeni.
140.Ufana nabantu laba engisanda kubaphatha, ukuthi ufana noNehemiya, ufana noNahomi, ufana noJakobe, ufana noMose, ufana nabantu ababekhuluma noNkulunkulu direct, bebuka phezulu bekhulume naye.
141.Ithina labo maNazaretha kaNkulunkulu, noma ungakunakile kodwa kuyohamba isikhathi ukubone ukuthi uma udumisa uNkulunkulu ngokweqiniso, uNkulunkulu uyazilwa izimpi zakho, akudingi ukuthi uzilwele wena. Amein.
142.Njengoba wayeshilo uNkulunkulu ukuthi ngiyakuba isitha sezitha zakho, kodwa lokho ukwenza ngokuthi uthathe umthetho kaNkulunkulu uwubeke ngakuwena, uNkulunkulu ukuze asondele ngakuwe, udumise uNkulunkulu ngokufaneleyo.
143.Nanamuhla sisazama uNkulunkulu ukuba simudumise ngendlela eyiyona ngokwemithetho yakhe, sisakuzama siyawa siyavuka siya khona.
144.Kodwa ngokokusho kwencwadi eyingcwele siyogcina sifikile lapho uNkulunkulu athe asifike khona. makabongwe uThixo.
145.MaNazaretha kaNkulunkulu ngizogoqa. Kodwa ngiyayithanda indaba kaMose ngoba isho ukuthi noma bekungabukwa ngokuthi ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, lisesikhathini lapho khona lingeke likwazi ukuthi liphakame likhulume ngoNkulunkulu.
146.Noma abaholi bakulelibandla ubungabuka uma usemhlabeni ukuthi kuzoba nzima ukuthi basukume bakhulume ngoNkulunkulu.
147.Kodwa uNkulunkulu yena uyazakha izindlela zakhe ukuthi agcine ekhulumile ngabo emhlabeni umhlaba uzwe wonke. Makabongwe uThoxo.
158.Ngoba lena yokuthi ungamupitshiza uNkulunkulu angaphinde abonakale into engasoze yaba khona ngoba uNkulunkulu mudala, into engasoze yaba khona ngoba uNkulunkulu mudala kade aba khona, akasoze acindezeleka.
149.Ngike ngathi ngiqala ke kulenkonzo ngathi icebo likaNkulunkulu laba yikho ukuthi abanikeze abamhlophe lelizwi ukuze bahambe bekhankasa ngalo khona kuyothi ekugcineni kuzwakale ukuthi obani abanikazi bezwi likaNkulunkulu.
150.Ngoba uma lalingafikile ngoba siyazi sonke sikhula bekuthiwa lelibhayibheli lafika namhlophe.
151.Nje kufike u-Sar Ahmadil wafika lapha, esuka kwa Israel wafika wasitshela into ehlukile wathi lelibhayibheli liphethe yonke i-history yomuntu omnyama.
152.Sesivele sesizwile ngabaholi ngokunikezwa uNkulunkulu ukuthi singabomndeni kaJuda, lokho kukhulu, kodwa uBaba uMelusi uthi noma besingebona
abomndeni kaJuda kodwa uma bekukuthi bekuthiwa asilahle inkolo kaJehova bekungaba ubuwula ukuthi siyilahle.
153.Ngoba uNkulunkulu unguNkulunkulu wethu sonke uma sithi Jehova, sibiza uNkulunkulu osemazulwini, so, uma ngabe thina sizothi woo asiwona amaJuda ngeke sikwazi okusho ukuthi bekuyoba inkinga lokho ngoba kobe kusho ukuthi izinqondo zethu azisebenzile kahle silahla uNkulunkulu uJehova umdali wezulu nomhlaba. Amein.
154.Ngiyacela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuba kuthi engikukhulumile konke ebekuvela kuye, uNkulunkulu waseKuphakameni akunabise ezinhliziyweni zabantwana bakhe.
155.Kuthi lokho obekungena ngephutha uNkulunkulu waseKuphakameni akukhiphe kungangeni ezindlebeni zabantwana bakhe.
INkosi ibusise enikuzwile.