Kumele sifundise izingane zethu yonke into ukuthi konke lokhu kuyinkinga azingakwenzi lokhu uJehova akakuthandi.
Kumele silishumayele ivangeli likaThixo bangcwele amein. Asilishumayele bangcwele ivangeli likaThixo…
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 02 September 2023 ekhaya eNqobizitha siyiphathelwe uMfundisi uBonga Mpanza.
ISIHLABELELO 07
Isambulo 7:1-3
1 Selithethiwe icala
Emhlabeni wonke,
Phumulani nithokoze
Nina bantu bakhe.
2 Ziphumulile izingelosi
Ukona umhlaba,
Nansi enye ingelosi
Iphuma eMpumalanga
3 Yamemeza ngezwi elikhulu
Ezingelosini ezine
Yathi ningawoni umhlaba
Selithethiwe icala.
4 Kwavela abaProfethi
Base Nazaretha,
Beza neNkosi yabo
Yembethe amafu.
5 Basuka abaNgcwele
Base Nazaretha,
Bahlangabeza Inkosi yabo
Iza ngamafu.
1.Ngiyabonga kakhulu bangcwele beNkosi ngiyikhethe futhi iNkosi yaseKuphakameni, ngiyabonga ukungihlabelelisa lesi sihlabelelo nokuba ngibuye ngibe ibhimbi mina kodwa nina nilokhu niyibambile njalo nihlabelela ngendlela yasezulwini. Amein.
2.Lo msebenzi engiwunikiwe lapha unzima ufana nomsebenzi esibhekene nawo njengesizwe sonke, sibhekene nomsebenzi onzima kakhulu, kufana nomsebenzi uNkulunkulu abhekene nawo nesimo uNkulunkulu abhekene naso, sinzima kakhulu ngoba emhlabeni akulungile sekonakele kakhulu.
3.Njengoba konakala nje konakalela uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu unabakhe ababekile emhlabeni ukuba bazame ukulungisa isimo lesi abhekene naso.
4.Lelibandlake lakhethwa ezulwini ukuba libe ibandla likaJehova njengoba uJehova wake wakhetha isizwe sonke wathi siyisizwe sakhe esikhethekileyo, nalelibandla liyibandla likaJehova elikhethekileyo, amein.
5.Ningawuthathi kancane umsebenzi ohlalele lelibandla, noma angithi singawuthathi kancane, ngoba mukhulu kakhulu ngaphezulu kakhulu kangangoba sicabanga thina noma sibuka ngamehlo enyama, mukhulu lomsebenzi udlula imisebenzi yonke ekhona.
6.Ngiyacabanga ukuthi nabaphethe amazwe umsebenzi abaqondene nabo noma ebhekene nabo ingefaniswe somsebenzi wokuthi kwehle abasezulwini beze emhlabeni bezothuma abasemhlabeni ukuthi benze umsebenzi wakhe, kakhulu kakhulu lokho.
7.Ngakho maNazaretha njengoba nilapha ningazibukeli phansi kodwa futhi ningazincolisi, nibe ngabahle bakaJehova ngoba uJehova usebenza ngabantu abalungileyo. Amein.
8.Isihloko esikhuluma ngaso namuhla sithi impi yomubi ihlasele, sizodlula nje kwincwadi ka Isaiah 29 sisuka evesini lika 9.
Isaiah 29 verse 9
“Zimangaliseli nimangale, ziphuphuthiseni niphuphutheke, badakiwe kepha kungengawayini, bayatengezela kodwa kungengaphuzo olunamandla ngokuba uJehova uthulule phezu kwenu umoya wobuthongo obunzima, uwavalile amehlo enu.
9.Usibekele amaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni, umbono wabo bonke lokho wawusuba kimi njengamazwi encwadi enamathisiweyo, enikwa owazi incwadi ngokuthi ake ufunde lokhu ebese ethi yena angikwazi ngoba inamathelisiwe. Incwadi bese inikwa ongayazi ngokuthi ake ufunde lokhu ebese ethi yena angiyazi incwadi.
10.Yathi iNkosi ngenxa yokuba laba bantu basondela bangidumise ngemilobo yabo, nangezindebe zabo kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje, ngalokho ngiyakubuye ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisyo, izimangaliso impela, ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusithela.
11.Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabakushoyo ukuthi ubani osibonayo, ngubani osaziyo na”
12.Ngiqale ngokuthi ngithi inkinga esibhekene nayo ixake kakhulu ngoba izwe esiphila kulo liyagula, liyadunguzela, impi kaSathane noma impi yomubi ihlasele ngoba abantu abasalandeli imiyalo kaNkulunkulu.
13.Ubuholi esinabo buzibona bona kungafanele ukuhlanganisa lutho noJehova, bazithola bona kufanele kube ukuthi ubuholi babo kube ubuholi ababucabangayo bona ngoba bangabantu abahlakaniphileyo bona, benza izinto ngokunganaki nokungamesabi uJehova.
14.Uthike lapha uJehova, uJehova bamesaba nje ngokuyalelwa nje ukuthi yena unguJehova kodwa abanalo uvalo lukaJehova ngokumazi nokumesaba nokumaz nokumqonda ukuthi uJehova ungubani.
15.Ngizobala nje izimpi ezimbalwa esibhekene nazo ngoba ziningi kakhulu izimpi ezikhona kodwa impi yokuqala nje engizoqala ngayo impi yezangoma.
16.Kwamangaza kakhulu eminyakeni eyedlule eminingi kwehla abasezulwini uma kufika uNkosazana ethi akuphume inqina, amaNazaretha aphume impi ahlasele impi yezangoma.
17.Sonke samangala ukuthi kwenzakalani sabona ukuthi hhaa nebala lendlela ebesihamba ibingaqondile yokuhamba izangoma. Kodwa manje sesiyabona ukuthi akukhona lokho ukuthi indlela ebesihamba yezangoma ibingqondile.
18.Ngaphezu kwalokho kukhona ukuthi ezulwini bese kubonakele impi yomubi ezayo ngezangoma ngoba akukaze lokhu saba khona sesiyaguga manje, asikaze sibone izangoma ezingaka emhlabeni, ezulwini base bebonile kodwa ukuthi kukhona impi ezayo.
19.Kukhona umoya obusutheliwe emhlabeni omubi, abantu bonke bazowembatha lo moya uma sebewembathile bese bephenduka izangoma, uma sebephenduka izangomake bese behamba beba khona yonke indawo. Bencolisa konke okungcwele kukaNkulunkulu, bekuphatha ngezandla zabo, abanamahloni, abanankinga futhi abasabi lutho.
20.Mina nawe siyazi ukuthi ngaphambi kokuthi uphathe noma yini kufanele uyohlamba izandla, siyakwazi lokho ngoba uyazi ukuti lento oyiphathayo uzophinde uyinikeze omunye umuntu, uyazazi ukuthi izandla zakho azisahlanzekile.
21.Bezijuluka phambi kwakho ubamba nezinye izinto obekungafanele uzibambe noma othi uma uzibambile zikuncolile, uma kuthiwa nje kuhleliwe qoba nayi inyama, uyahamba uyagijima uyacinga ukuthi kambe ungazigezaphi izandla kuze ngiphathe lokhu kudla kwalaba bantu kodwa izangoma azikwazi lokho.
22.Izangoma zifuna ukuba khona phambili la wonke umuntu ephelela khona sibe khona naso, khona yonke into ozoyithinta nawe sibe siyiphathile naso.
23.Ngicabanga ukuthi bekuwumsombuluko noma bekuwuLwesibili ngaya laphana e-New German endaweni yama Spares, uma sekumele ngiyokhokha hawu nasi isangoma lesiya futhi siyathandwa siyathenjwa laphana, bayazike abathenga laphana e-KR.
24.Bese ngima elayinini, bese kuthi abasemvakwami ngibadlulise, angazi ukuthi kwakwenziwa yini ukuthi lo iNdiya elinye elalikhokhisa bese likhokhisa umuntu oyedwa kuphele nje u20 minutes, lilokhu likhokhisa yena. Lo oyisangoma uyashesha yena, next customer please. sengize ngafika phambili.
25.Sengiyaqala ngiyadlulisa, ngithi hhayi dlula mfwethu ngime, adlule lo, kube ngathi khona engimulinde nemali, uke ubone umuntu eseme ethilini esethengile elinde umuntu ozokhokha, elokhu ethi dlula mfwethu, dlula mfwethu, ngaze ngadlulisa abantu cishe baba bane noma baba bahlanu, elokhu eshilo nje next customer please.
26.Ngathi mina nakhu ngilingwa, koze kuphele laba bantu sekufanele ngiqale manje ngishumayele esikhundleni sokuthi ngikhokhele lento ngihambe ngoba ngiyabona ayikho into engingayishumayeza lowa muntu, kufanele manje kusuke impi manje ukuthi hhayi cha mina ngizocela ukulinda ngilinde lona ngikhokhe kuye.
27.Ngenhlanhlake laze lasho iNdiya lathi next customer ngase ngiyayake, ngafike ngakhokha, ngahamba.
28.Uma ngisuka lapho, sengilambile, sengidlula, kunesitolo lapha kaThusi esidayisayo, sengiyafika khona, khona la e-New German, uma ngithi ngithi ngithi la ekudayisa khona ukudla, isona isangoma esiphakayo, kade ngimile elayinini, ngifica isangoma siyaphaka. Ngathi hawu Nkosi kanti kwenzenjani.
29.Yonke indawo ngase ngiyashiya, ngasuka nje elayinini ngathi hhayi lo layini uhamba kancane ngeke ngisakhona ngangihamba njalo ngishiya ngofuna ukudla kwenye indawo.
30.Kukhona lento mina angazi noma ngibona ngedwa yini ngesingisi engingayibiza ngokuthi i-invasion of Halal Outlets. Zonke lezi zitolo ezingo Halal zi-invad(wa) izangoma.
31.Manje amaSulumane ngathi awayazi lento, umsebenzi amaNazaretha kaNkulunkulu mkhulu kakhulu, Ingakho uBaba uMelusi ehlale ethi alikho ibandla emhlabeni elifana naleli.
32.Ngoba nanka amaSulumane phambi kwayo, iwona aqashe izangoma azibeke ekudleni kwethu lokhu esisibaleke yonke indawo, sihambe siyokufuna usuke kude le, uhambe uze uyoshaya phansi lapha emaSulumaneni uyofuna ukudla ngoba uthi ufuna ukudla okuhlanzekile uthi uyafika u-serve isangoma.
33.Ngathi ngiyafika kuloya wimpy loya owu Halal e-Westwood. Nasi isangoma sentombazane ende, angithi manje uma befaka lezizinto zabo bese bezigoqa ngalezizinto zabo bavalile la (Esihlakaleni), ukuthi kungabonakali.
34.Hawu le ntombazane ngaphatheka kabi ngoba yayizongi serve okwesibili futhi isingijwayele kanti angibonanga ekuqaleni ukuthi ingenwe ilomhlola angazi noma yayingakabi iwona noma yashitsha endleleni yini.
35.Ewu ngase ngima ngithi eh eh asishintshe indawo ngihamba nomuntu, asihlaleli laphaya, sasuka sayohlala la eyayinga serve khona, sase sibiza enye intombazane sayibhekisisa yona izandla, sayilungiza ukuthi iphilile yini, uyibuka ngisho ezinyaweni uqalaze ngoba babopha yonke indawo. Imimoya yabo iboshwa yonke indawo.
36.Sase sithi sicela sisi uku serve(wa) uwena, samuzwa ekhuluma nesiXhosa, hhayi sicela uku serve(wa) uwena ngoba siyamubona ukuthi akanayo inkinga esibhekene nayo.
37. La ngenhla la e-Kloof kuvulwe igaraji la ekade lilidala, laba lihle, lavulwa iSulumane laba uHalala, lidayisa ukudla okumnandi kabi, sathenga sadla sase siyajwayela.
38.Sathi siyabuya ngelinye ilanga sathi hhayi bo, lo oseme phambi kwethu okuyena othathe i-order asilethele lona, akushayele emshinini, yini lena manje ayifase lana.
39.Uma ngithi ngiyaqalaza, hhayi isangoma, hhayi sisi nakhu ngizwa ngisutha, ngicela ukubonga ngoba ngeke ngisakwazi ukudla lokhu kudla.
40.Ngiyasuka ngiyahamba, kuleligaraji lase New German, ngingabala, angazi ngingabala ngithini bangcwele, nanti igaraji lase New German lapha lase Engen, angazi nom yi rasta awubusubona ngoba bucishe bufane nje ubuhlalo, kuningi, kunemibala eminingike obakhe.
41.Ngashawa uvalo ngathi kodwa Nkosi kanti ngoba bese sithi sikutholile nje ukuthi sigcine ubungcwele ngokuya ezindaweni ezihlanzekile, impi esibheke nayo maNazaretha ayingcwele.
42.Kufanele manje sike siphume siyoshumayeza amaSulumane, siye ebuholini bawo, siyocela ukuthi bese siphila ngani, sisuseleni lemimoya engcolisa ukudla kwethu, abazi ukuthi bona iyangcolisa lemimoya, izinkinga lezi esibhekene nazo.
43.Bengilalele ivido izolo ku YouTube enye insizwa ikhuluma, le nsizwa abaningi bayayazi, iyo le eyaphushua kakhulu lelibandla kule radio ekuthiwa i-Rise FM, eyakwa Cebekhulu isibongo (Menzi Cebekhulu). Ikhuluma ngezinto eziningi indaba yasejele, i-crime ukuthi abantu bayenza kanjani nani nani.
44.Ngase ngibona esinye sesihloko sayo esithi INKOLO ngase ngithi ake ngilalele, yeyi wakhuluma umuntu, ngaze ngazibuza ukuthi lo muntu kufanele ngabe uguqe la nathi, ngoba usekhulume waqeda washo ukuthi siphelele, anoyibuka leyo video bangcwele, ngonithumelela link yayo. (https://youtu.be/sLQ_cfWk0ws?si=P0PgTx9WQW8pb19J). Wakhuluma waqeda washo ukuthi singcwele.
45.Kodwake uyiqala lanake ukuthi yena nje ewuyena laba bantu okuthiwa izangoma ababonayo, izinyanga wathi ungakubala konke, angibafuni nokuthi ngibabone empilweni yami.
46.Wase esichazake isitori sakhe ukuthi engakaboshwa nje, ngoba ubuya ejele lowa mfana, engakaboshwa nje uthi kwakukhona ugogo wakhe, ugogo wakhe wazala wazala abantwana, uthe abantwana uma sebebadala umkhulu wakhe wase emxosha, emxosha ebuyela kubo wahamba waze wayolanda ngisho inkomo zakhe kubo.
47.Ugogo waze washonela kubo, nomkhulu washonake, akazange amzilele ngisho ukumzilela, ngoba babengasahlali ndawonye wamuxhosha waze walanda ngisho inkomo zakhe.
48.Bathike laba ababonayo hhayi lento le ngeke nize nidlule kuyo, kufanele ukuthi yenziwe, ilungiswe, kufanele ihambe, niye ukobuyisela ugogo, nimubuyisele le la ayegane khona.
49.Uma senimubuyisela uma nifika laphana, niphethe imbuzi njalo yokumbuyisela, uma nifika laphana kufanele nithole imbuzi yokuhlawulela umkhulu ukuthi waxosha unkosikazi wakhe.
50.Hhayi bakwenzake, uthi babengananazi, kwakuvele kuthi uma kukhulume wena cha uwena impela ozosenzela ngoba nakhu lento uyayazi, bakwenzake.
51.Bathi baya komunye ngelinye ilanga wafike wabona khona, wathi nansi inkinga ugogo wenu waxoshwa, namanje usaxoshiwe, kufanele nimubuyisele khona, nihlawulele nomkhulu. Bathi hhayi sakwenza, wathi hhayi kushuthi nanizenzela iphathi ngoba nakhu ngisakubona akukasuki la.
52.Uthike uma ngingaphosisi ugogo bamubuyisela lena 13 times, bemubuyisela kubo la ayekade egane khona bahlawulela nomkhulu wabo 13 times.
53.Uthi wathi beqeda ukwenza umsebenzi ngelinye ilanga uthi kwase kuvela icala kodwa wase eyaboshwa, akalishoke icala ukuthi kwaba yini, kodwa wase eyaboshwa wayodonsa iminyaka lapha ejele.
54.Uma ephuma ejele uphuma kubo sebethuthile sebenomuzi kwenye indawo, abasekho la abakhona, ngenhlahla babethuthe ngayizolo futhi betsheliwe bamulanda bemungenise emzini omusha.
55.Kodwa kufikwa nje sekumele kungeniswe abadala kufanele kolandwa ubaba emanxiweni la asuka khona, kanye nabanye abadala, okokuqala lokho okwesibili kufanele kubikwe umuzi, okwesithathu uyise washona ngo 2013, sekuphele 1 and a half kuyaku 2 years akakaze unina akhunyulwe inzilo, usagqoke inzilo nje, from 2013 sekuwu 2015 manje January.
56.Hhayi babasathe bayakwenza konke, uthi yonke lemisebenzi, okunye ethi uyahamba kuthiwe unethunzi lasejele kufuneka lisuswe, uthi nalo kwadlula cishe 11 times elisusa.
57.Uthi ngangivele ngithi uma uthi nginethunzi bese ngithi ngalisusa bese ethi lo muntu cha alisukanga ngoba mina ngiyalibona ukube lasuka ngabe angiliboni, ebese ethi alenzekanga kahle, ebese ethi wena uyakwazi yini ukukwenza athi uyakwazi, athi kwenze wenake, akwenze kungenzeka.
58.Abonwe omunye, uthi nakho kwacishe kwaba 11 times esusa ijele, ngapha wenza umsebenzi wokususa ijele, ngapha wenza umsebenzi wokukhumula umawakhe naye abathi cishe kwaba izikhathi ezinhlanu elokhu ekuphindaphinda. Ngapha okokulanda abadala kuthiwe abalandekanga, nani nani.
59.Uthi ngaleso sikhathi kwenzeka lonto Ubhizi wenza research elokhu wayiqala esejele, uthi wase ehlangana nabakhulu owaye research kubo, e-research nakwizinyanga ezinkulu, wa-research nakodokotela abakhulu bezenkolo bezomlando.
60.Ngase ngiyabona ukuthi oh usengena e-NCG manje, odokotela bezomlando bala e-NCG, uBaba wakhona, uBaba uMelusi udokotela wezomlando. UMama wakhona uMkhokheli uSomaqiniso udokotela wezomlando, odokotela nampa ababili emva kwami umlando bawukhipha ngamakhala.
61.Sebeze bazala nodokotela abancane abalokhu bekhipha lo mlando khona layikhaya, umuzi wodokotela bomlando, kuyasetshenzwa, kusetshenzekwa izwi likaNkulunkulu lilandwa emandulo.
62.Uthike lo mfana ngase ngithola lokhu ngase ngiyathola ukuthi awu kanti yonke lento ngilokhu ngenziswa yona nje ayi nokuthi iyisiko ngoba wabuza enye inyanga ukuthi lento lena ikuphi ebhayibhelini uthini uNkulunkulu ngalezizinto enilokhu nisenzisa zona zemithi zokulanda abadala, wathi le nyanga lento into yethu thina zinyanga ayihlanganise lutho noNkulunkulu.
63.Uthike yena mina ngiyamuthanda uNkulunkulu ngabona lapho ukuthi ngidukile uma ngila, angihambe ngiyofuna, ngoba bathi laba into yethu thina zinyanga le ayihlanganise lutho noNkulunkulu lento.
64.Uthike ngaphumake waze walutholake ulwazi, seluchazwa uyeke ulwazi, uyaluchazake ukuthi thina singabantwana bakwa Israel, esesebenzisa nolwazi oluningi ekhipha nezincwadi, ukuthi wofunda incwadi ka Dr Koster ethi ‘Come Out of Her My People’ ebala nezincwadi.
65.Lo muntu akaguqile ngani la, ngoba lo muntu kufanele engabe uguqe la, uyingxenye yethu lo muntu, kodwake uNkulunkulu umbeke nalapho ukuthi asebenze, nangu esebenza e-promote lokhu kuhamba esikuhambayo eku promote lapha endleleni.
66.Sinenkingake bangcwele esingayazi sizoyithini ngizodlula ngoba isikhathi sifishane, ngizofuna ukuthinta kancane le yezitabane noma isikhathi singiphoqa ukuthi ngihlale phansi kodwa zona ngibe ngizithintile zangizwa ukuthi cha nginkinga.
67.Ubutabane la ezweni lakithi buhamba phambili, njengoba bengikhuluma ngendaba yobuholi nje, ukuthi ubuholi zimpumputhe, uNkulunkulu kuthiwa uvele wehlisela ubuthongo obukhulu, kuthiwa bahamba beduduze nje bengazi ukuthi benzani bathi baphethe izwe, kodwa bakhanda into engakaze ize ibonwe.
68.Izitabane ngokomlando kutholakale ukuthi i-South Africa yaba yizwe lesihlanu kumhlaba wonke jikelele ukuvumela ukushadana kwabantu bobulili obubodwa, umhlaba wonke njengoba ungaka saba izwe lesihlanu, kodwa futhi saba yizwe lokuqala i-Africa yonke, ukuvumela nje indaba yezitabane siyi South Africa.
69.Namanje i-Africa amubalwa kakhulu amazwe a-relax imithetho, amazwe amaningi kakhulu, i-Nigeria nje kuthiwa uma utholakala uhlangene nomunye wobulili obufana nobakho is punishable by death, kusho ukuthi ngamanye amazwi uyahengwa, uyaphanyekwa ngoba usuwenze isono.
70.Siyamazi umnomzane u Robert Mugabe, Dr Robert Mugabe wake wa-challenge ngisho u-Obama wathi Obama woza siganane nawe ngoba ngiyabona ukuthi uyayithanda lento yokuthi abantu beganane ake siganane mina nawe kuqala sikhombise abantu ukuthi lento iyiyona yona.
71.Ngakho izwe limile lento bayayigqokisa, iyanda, e-Russia uma i-Media noma kutholakala kwi Media noma bonke laba ababhebhethekisa ama-TV nani nani, nama Radio kwatholakala nje kunenkulumo ethu ayigqugquzele ubutabane kushunqa uthuli, e-Rushiya kwabamhlophe.
72.Kodwa thina singabamnyama, singabakaJehova kodwa abaholi bethu bamboziwe nje kwehliselwe ifu lobumnyama phezu kwabo bathi bayaphatha kanti benza imihlola esingakaze siyibone.
73.Yini i-Russia bese ilwa nezinto zo-TV no-Media ingoba alikho ithuluzi elidlula o-TV no Media abeyindaba i-radio bese kuba ama celebrity, ubobuka la e-South Africa ukuthi uma uyi celebrate eliyisitabane u promothwa kanjani ukuthi ube rich ngaso leso sikhathi ngoba kufanele abantwana bethu babukele kuwe ukuthi ukuze ube rich kufanele ube isitabane. Bese uhamba uphenqekake nje uphenqekake nje into engaqondakali, imbi lento bangcwele.
74.U-Social Media enye yezinkinga ezinkulu kabi esibhekene nazo ngoba izwe leliya elingalawulwa muntu, umuntu oku Social Media uziphethe, izinhlamba eziku Socia Media, uke uthi mawubuka uthuke bese uthi hawu le ntombazane ethuka le nhlamba inaye njalo ubaba nonina, uyikhuluma kanjani into enje unabazali, unazo lo muntu izihlobo, ngoba phela izihlobo zizobona lento bese zithi umuntu onjani lo, ubani inkosi yalaba abalaphaya.
75.Lentoke yokupheqeka kwezitabane igcwele kakhulu laphayana, sinenkinga enkulu bangcwele laphaya, ngike ngabona enye debate, lento ibizwa ngani, i-LGBTQ, isithanda uku trend nje, angazi ukuthi yini yona le esize inikezwe igama eli serious i-trend. Ngibona i-debate laphaya amantombazane e-America e-debate nomama bethi omama no nina niyagula emakhanda, bathi laba asiguli, mina nje angiyena umuntu wesifazane, uthe yena mina ngizizwa ngiwumuntu wesilisa, hawu uthi ubatshelile abazali bakho ukuthi ugula kanje ekhanda.
76.Ngoba ukuthi uzizwa uwumuntu wesilisa akusho ukuthi uwumuntu wesilisa, umangabe uzizwa uwumuntu othize nabantu abadla imithi baye bazizwe
bangamabhubesi kanti badle imithi enamabhubesi Phakathi efakwe amabhubhesi kodwa akusho ukuthi lowo muntu uyibhubesi.
77.Manje le ndaba yokuthi mina ngizizwa nginjani kuwukugula kahle kahle okufanele thina kunkulunkulu sithandaze ukuze asisize. Sengizogoqa.
78.Kube khona i-prostitution, e-South Africa kubizwa ngama sex worker, kuthiwa ama worker, ubundindwa lokhu bokudayisa emgwaqeni, ngeke ngisakhuluma ngakho kakhulu ngoba isikhathi siyangiphikisa.
79.Ukudlengulwa kwabesifazane nokubulawa kwabo kanye nabantwana, esinye sesihlava esibhekene naso, abantu baphenduke izilwane ongakaze uze uzibone, kodwa futhi basezweni la ubulwane buvumeleke khona.
80.Ngiyayikhumbula inkonzo kaBaba uMelusi owawukhuluma ngendaba yomthetho wase South Africa ukuthi uzikhanda kanjani izigebengu ukuze uziqede.
81.Manje ubulwaneke nabo busemthethweni la e-South Africa ngoba phela uyaboshwa nje kungathi shu, futhi ungaphuma nasejele uma wenze lobubulwane.
82.Bese siphinda sibhekana nenkingake bangcwele yonkulunkulu nonkulunkulwane, asazi nayo ukuthi sizoyithini kodwa nayo sekuyi topic yangelinye ilanga leyo.
83.Ngicela sifunde isihlabelelo 55 sicishe sifane nesihlabelelo 165, kodwa ngicela sifunde 55 kuphela Njengamanje ukuthi uthini UShembe ngalento owayeyibona iza, noma isifikile ngaleso sikhathi. Amein.
ISIHLABELELO 55.
1 Izimpi zifikile
Izwe lakithi selifile,
Hlabani umkhosi omkhulu.
Chorus: Khulumani kahle makholwa
Izwe lakithi selifile.
2 Umkhosi wencithakalo sewuphumile
Uze kusichitha eNkosini yezulu.
Uphume nelizwi lokonakalisa.
Chorus:
3 Uphama nenkemba ufuna ukweyisa
Lenkonzo ka Thixo ize iphele,
Hlomani mabutho sekuzwakele.
Chorus:
4 Sengiyibonile ingelosi yase zulwini
Sekuzwakele ukulwa ezulwini,
Qinani amandla maqhawe eZulu.
Chorus:
84.Usho njaloke uBabamkhulu uthi khulumani makholwa ningathuli umkhosi wencithakalo usufikile, usho njaloke uBabamkhulu and nanku umkhosi wencithakalo usufikile. Usho njaloke uBabamkhulu and nanku umkhosi wencithakalo sibehekene nawo Njengamanje.
85.Kodwake kufuneka senzenjani thina kulesi sikhathi esibhekene naso, uNkosazana uyafika, uyazi ukuthi uye
uthi uma uthi uyacabanga ukuthi yini enye ecishe ifane nalento esihleli kuyo, ungaze wazi ukuthi uzothi yini.
86.Bese efika uNkosazana ethi nikelani, ninikelele nicele ukuthi izingane zenu zingahlubuki, nicele ukuthi izingane zenu zingagajwa ama university bese zikhohlwa ukuthi zingobani. Athi nikelani nicele ukuthi izingane zenu zingabi izitabane, kodwa into enje sizoyitholaphi bangcwele ngaphandle kwala.
87.Ekumele sikwenze siqinise ngomthandazo, masithandaze bangcwele sicele kuNkulunkulu masinikele, sicele kuJehova ukuthi lento ingasehleli,
kuhleze ngathi uNkulunkulu engasindisa izwe lonke.
88.Asibe ngabalungileyo nabangcwele thinake manje, ngoba phela uNkulunkulu ufuna ukusebenza nathi, ukuze akwazi ukusebenza, uNkulunkulu akasebenzi ngabantu abangekho ngcwele.
89.Ingakho ngisho uzongena la kufanele uhlambuluke, uma ungazanga ukuthi bekumele uhlambuluke emini kuba nembenge la yokuhlambulukela iSabatha. Ukuthi ibangcwele phambi kwaJehova ngoba yena ungcwele. Amein.
90.Kumele sifundise izingane zethu yonke into ukuthi konke lokhu kuyinkinga azingakwenzi lokhu uJehova akakuthandi.
91.Kumele silishumayele ivangeli likaThixo bangcwele amein. Asilishumayele bangcwele ivangeli likaThixo, sizodlula la encwadini kaGenesis 18, ngizofunda yona nje bese ngiyavala. Genesis 18 verse 23-33.
92.Lana kukhuluma u-Abraham u-Abraham uncenga uJehova uthi angalibhubhisi izwe lase Sodom neGomora, uyamuncengake, ngifuna sizweke ukuncenga kuka Abraham kuthini.
93.Genesis 18 verse 23-33.
“23 U-Abrahama wasondela, wathi: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na? Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?”
94.Uyacelake uthi nkosi kodwa awuzukuyiyeka ngampela indawo enabantu abamashumi ayisihlanu, 50 wabantu ngenkathi uzobhubhisa usuzobabhubhisa nalaba abawu 50 abalungileyo.
95.Yingakho ngithi nathi asibe ngabalungileyo bangcwele ukuze sibengcwele, ukuze uJehova uma esefika ezobhubhisa, abahloli bethu bethi Nkosi laba bantwana ungababhubhisi.
96.Siyibonile lento engikhuluma ngayo hhayi ukuthi inganekwane, yebo siyifunda ebhayibhelini, kodwa nathi kufike ingelosi yaguqa yathi abaholi bethu abasinikelise sicele ukuthi lolubhubhane lwe covid lungasithinti thina, uNkulunkulu wabashiya laba abawu 50, sasala thina. Amein.
97.“Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”
98.(26) UJehova wathi: “Uma ngifumana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.”
99.Uma ngithola nje abawu 50 lapha eSodoma, uma ngingathola nje abawu 50, ngiyakuyeka indawo yonke ngingababhubhisi ngenxa yabo. Ewu wabona ukuthi uwinile u-Abraham, wayeseyaqhubeka wathi.
100.“27 Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.”
101.Uthi kuNkulunkulu sengiqalile nokubashumayeza Nkosi ngicela wehlise ulaka lakho, sengiqalile nokukhuluma enkosini mina engiwuthuli nomlotha
102.“28 Mhlawumbe kuyakusweleka abayisihlanu kubo abalungileyo abangamashumi ayisihlanu; ubuyakubhubhisa wonke umuzi ngenxa yalabo abayisihlanu na?”
103.Sengizoyinqamula nje le ndaba noma ngingasayifundanga, ngizoyichaza, Uthike u-Abraham Nkosi manjeke mhlawumbe sekungaba khona abanye abayisihlanu kulaba abawu 50, kushuthi uma ngase kunqamuke abayisihlanu kulaba abawu 50, kusale 45, Nkosi usungabhubhisa bonke laba bantu ngo 45 kulaba abakukhonzayo.
104.UJehova aphendule athi hhayi uma bewu 45 ngobayeka bonke basinde, bese kwehla futhi abuye abone ukuthi nakhu ngathi uyawina athi 40, abone ukuthi uyawina athi 30, uzama ukuvimba uNkulunkulu ukuthi angabhubhisi iGomora neSodoma.
107.Kodwa akutholakalanga nabahlanu, akutholakalanga lutho abalungileyo ababengavikelwa eGomora naseSodoma, kwatholakala uLothi nomndeni wakhe kuphela, uNkulunkulu wathumela ingelosi ezimbili zafike ngayizolo ukuze zivuke ekuseni zihambe nabo, zibakhiphe uma elibhubhisa iGomora neSodoma nomlilo.
106.Kungatholakali noyedwa nje, maNazaretha ayingcwele, nathi kulelizwe silencosana, siwulo 5 uNkulunkulu obengayeka ukubhubhisa izwe lonke ngawo.
108.Asimkhonzeni uJehova bangcwele sibe ngabakhe ngaso sonke isikhathi,
Inkosi ibusise enikuzwile. Amein